Isitatimende Somhlangano weKhabhinethi Obubanjwe nge-inthanethi ngoLwesithathu, mhla wesi-4 Lwezi 2020

A. Ezisematheni

1. Umnotho

1.1. Isitatimende Senqubomgomo Yesabelomali Sesikhathi Esiphakathi sangowezi-2020 esethulwe nguNgqongqoshe Wezezimali uTito Mboweni ngoLwesithathu, mhla zingama-28 Mfumfu 2020, sibeka umkhawulo ekusetshenzisweni kwemali nguhulumeni. Siphinde seseke ukukhula komnotho ukuze kukhuthazwe ukwakhiwa kwemisebenzi edingekayo. Ukwabiwa kwezimali kusekela umkhankaso wethu wokuvuselela umnotho ochitheke ngenxa yobhubhane lweSifo segciwane le-Corona (i-COVID-19) kanye nokuheha ukutshalwa kwezimali.

1.2. IKhabhinethi iyawamukela umkhankaso i-Operation Vulindlela, ezosekela ukuqala kokusebenza koHlelo Lokwakha Kabusha Nokuvuselela Umnotho ngokusheshisa izinguquko zezakhiwo eziseqhulwini.

1.3. IKhabhinethi iqinisekile ngokuzinikela kwayo ukuthi iphinde ikhulise umnotho ngakho-ke izinyathelo zethu ezinzima zamanje zizosheshisa imizamo yethu yokwakha umnotho osimeme kakhudlwana.

2. I-COVID-19

2.1. IKhabhinethi ikhathazekile ukuthi abanye abantu baziphatha ngokunganaki nangobudedengu engathi i-COVID-19 ayisekho. IKhabhinethi icela bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baqhubeke nokulandela imithetho yezempilo yokuqhelelana nabanye abantu, ukugqoka izifonyo uma bephakathi kwabantu kanye nokuhlanza izandla ngamanzi nensipho noma ngesibulali-magciwane esine-alcohol, nokugwema imibuthano enabantu abaningi.

2.2. Lokhu kuziphatha kokucabangela abanye abantu kuselokhu kuyisona sikhali sethu esikhulu sokuzivikela thina kanye nabanye egciwaneni. Izenzo zethu ezinesibopho zizoqinisekisa ukuthi siyawanciphisa amazinga okusuleleka ngegciwane ngesikhathi siqhubeka nokuphinde sakhe umnotho wethu.

2.3. IKhabhinethi iyaqhubeka nokusigqugquzela sonke ukuthi sifake i-app yamahhala kamakhalekhukhwini i-COVID-19 Alert SA etholakala ku-Apple App Store noma ku-Google Play Store. I-app - esebenza mahhala komakhalekhukhwini futhi engafakwa ngaphandle kokukhokhela idatha - izokwenza ngcono ukulandela umkhondo ngokwazisa labo abayisebenzisayo uma beke basondelana nabanye abayisebenzisayo abake bahlonzwa njengabane-COVID-19 ezinsukwini eziyi-14 ezedlule. I-app ayiyiqoqi imininingwane yomuntu noma imininingwane yendawo lapho oyisebenzisayo ekhona.

2.4. IKhabhinethi izocubungula imiphumela yoMkhandlu KaZwelonke Oweluleka Ngegciwane le-Corona ozobanjwa ngeviki elizayo. UMongameli u-Cyril Ramaphosa emva kwalokho uzobe esazisa isizwe ngenqubekelaphambili yeqhingasu elingenabungozi leNingizimu Afrika lokulawula ukubhebhetheka kwe-COVID-19.

3. Ukuthuthukiswa kwengqalasizinda

3.1. Isigcawu Sokulungiselela Umsebenzi Wengqalasizinda eNingizimu Afrika nezeziMakethe ebesithanyelwe e-Midrand, e-Gauteng kusuka mhla wesi-3 kuya mhla wesi-4 kuLwezi 2020 siqhubela phambili ukusebenza kohlelo lwengqalasizinda. 

3.2. Umcimbi ubonise imisebenzi yengqalasizinda emikhulu kakhulu engama-27 engabiza isamba esihlanganisiwe esiyizigidigidi ezingama-R210 kubatshalizimali baseNingizimu Afrika nabamazwe aphesheya, kubandakanya nezithunywa zezikhungo zokuthuthukiswa kwezimali kanye namabhange ezentuthuko ahlukahlukene.

3.3. Isigcawu sokulungiselela umsebenzi siqinisekisa ukuthi imisebenzi idlula ngaphansi kokuhlolwa ukuthi ingenzeka yini kanye nokuthola ukwesekwa ngezeluleko ezizokwenza ukuthi ihlale ilungele utshalomali.

3.4. Phakathi kwemisebenzi eyethulwe kubatshalizimali kukhona isikhumulo esizolawula ukungena nokuphuma kuleli lizwe kwegesi yemvelo ewuketshezi eMpumalanga Kapa i-Ngqura-Coega; uHlelo Lwezindlu Zomphakathi lweZiphathimandla Ezilawula Izindlu Zomphakathi; ipayipi lophethiloli wendiza esikhumulweni sezindiza i-Cape Town International Airport; isikhungo sengqalasizinda esisemkhathini esizosungulwa i-Ejensi Yezasemkhathini eNingizimu Afrika, kanye nepaki yesayensi nobuchwepheshe e-Limpopo.

3.5. Le misebenzi ingakwazi ukuqasha abantu abaningi baseNingizimu Afrika futhi ingaba yingxenye ebalulekile yomfutho wokusungula imisebenzi yoHlelo LwaseNingizimu Afrika Lokwakha Kabusha Nokuvuselela Umnotho Kazwelonke olwethulwa nguMongameli u-Ramaphosa muva nje.

3.6. IKhabhinethi iyalibonga igalelo elifakwe umkhakha ozimele, lokunikela ngolwazi lwabo ngezindleko zabo.

3.7. IKhabhinethi iyakwamukela ukwesekwa ngumkhakha ozimele onochwepheshe abangama-25 abazosiza abeNgqalasizinda eNingizimu Afrika ukuthi imisebenzi ehleliwe ithele izithelo.

3.8. Ngaphezu kwalokho, iKhabhinethi iyasamukela isimemezelo sikaNgqongqoshe Wezemisebenzi Yomphakathi Nengqalasizinda u-Patricia de Lille sokuthi ubuholi obugxile kwingqalasizinda nobulwisana nenkohlakalo buzoqinisekisa ukulawulwa ngomthetho kwemisebenzi yengqalasizinda.

3.9. Ihhovisi Lengqalasizinda Nokutshalwa Kwezimali eHhovisi LikaMongameli ezinsukwini ezizayo lizonikeza imininingwane yeminikelo eyenziwe ngabatshalizimali esigcawini saleli viki.

1. Ingqungquthela Yotshalomali yaseNingizimu Afrika (i-SAIC)

1.1. INingizimu Afrika izosingatha i-SAIC yesithathu mhla we-17 kanye nomhla we-18 kuLwezi 2020, ngokugxila kutshalomali emva kwe-COVID-19, ukuqinisa nokwakha.

1.2. Ingqungquthela yakulo nyaka igxile ekuphumeleliseni ukuzinikela okukhona ukuze kufezekiswe ukusungulwa kwemisebenzi kanye nokuthuthukiswa komnotho. Ukwengeza, uhulumeni uzobeka izinyathelo ezithathiwe ukukhuthaza isimo esivumayo sotshalomali, ngokugxila ekwakhiweni kabusha nokuvuselela umnotho.

1.3. Ingqungquthela yakhela phezu kwempumelelo yezingqungquthela ezedlule ezimbili ezazibanjwe ngowezi-2018 nangowezi-2019, ezenza izigidigidi ezingama-R664, okwaba yisisekelo sotshalomali kanye nokukhuliswa komnotho okusheshayo.

2. Ezamandla

2.1. IKhabhinethi iyakwamukela ukufakwa kwesondo elisebenza ngomoya eliphehla amandla ogesi elingama-140 megawatts (MW) eNxuba Wind Farm, eMpumalanga Kapa, okuyingxenye yomzuliswano wesine wezwe woHlelo Lokuthenga Umkhiqizi Ozimele Wamandla Ogesi Ovuselelekayo. Uma esefakwe wonke la masondo asebenza ngomoya, azophehla amandla angamahora angama-460 gigawatt ngonyaka futhi azokwenza ngcono ukuguquguquka kwesimo sezulu ngokubonakalayo.

2.2. Ukusebenza ngokugcwele kweSiteshi sakwa-Eskom esingu-Unit 2 eKusile Power Station eMpumalanga kuletha amandla angama-800 MW.  IKusile isiteshi sikagesi sokuqala e-Afrika ukufaka ubuchwepheshe be-flue-gas desulphurisation - ubuchwepheshe obusezingeni eliphezulu obusetshenziswa ukususa ama-oxides e-sulphur, afana ne-sulphur dioxide, kusuka kuma-exhaust flue gases akuziphehlimandla zogesi ezishisa ilahle noma uwoyela - okuhambelana nemigomo ekhona yomhlaba yomoya ohlanzekile.

2.3. IKhabhinethi iphinde yamukela isimemezelo se-Total SA sokuthi isithole inani elibonakalayo legesi ogwini oluseningizimu ne-Mossel Bay eNtshonalanga Kapa. Lokhu kuzosiza emizamweni yezwe yokukhulisa ukuphehlwa kwamandla okuzovumela ukuthi umnotho ukhule futhi kuhehe nabatshalizimali abaningi.

3. I-Lekgotla Kazwelonke Yamatekisi

3.1. Isimemezelo esamukelwa ku-Lekgotla Kazwelonke Yamatekisi ngeviki eledlule sibalulekile ekwakheni umkhakha wezokuthuthwa komphakathi osebenza kahle nophephile. Imiphumela isondeza izwe ekuhlelekeni nasekuthuthukiseni imboni yamatekisi futhi izoyibeka emgudwini osimeme wokukhula.

3.2. IKhabinethi iyakwamukela ukuzinikela ngokuzimisela komkhakha wemboni yamatekisi, okuqinisekisa ukulandela imithetho yabasebenzi yezwe kanye nokuqinisa indlela yokulawula imboni. 

4. Inyanga Yokuqwashisa Ngamalungelo Abantu Abaphila Nokukhubazeka

4.1. Uhulumeni usebenza nemikhakha eyahlukene yomphakathi ukuqinisekisa ukuthuthukiswa kwabantu abaphila nokukhubazeka. Inyanga Yokuqwashisa Ngamalungelo Abantu Abaphila Nokukhubazeka, eyaqala mhla zi-3 kuLwezi futhi ezophela mhla zi-3 kuZibandlela 2020, ibekwe ngaphansi kwesiqubulo esithi: "Sisonke sakha Imiphakathi Ebandakanya Abantu Abaphila Nokukhubazeka." 

4.2. Lesi sikhathi sinika ithuba lokuqwashisa ngamalungelo abantu abaphila nokukhubazeka. Le nyanga yokuqwashisa igxile ekuceleni yomibili imikhakha kahulumeni nezimele ukuthi bakhuphule ukuqashwa, ukugcinwa kanye nokubonelela abantu abaphila nokukhubazeka emsebenzini.

5. Ukunqanda Ubugebengu

5.1. IKhabhinethi liyakugxeka ukubulawa okunesihluku nokungenazwelo kwamaphoyisa abenikele ngezimpilo zawo ukusebenza nokuvikela. Ukubulawa nokuhlaselwa kwamaphoyisa kungukuhlaselwa ngqo komthetho woMthethosisekelo waseRiphabhliki yaseNingizimu Afrika wangowe-1996.

5.2. IKhabhinethi idlulisa amazwi enduduzo emindenini nakubangani awo wonke amaphoyisa ashone esemsebenzini njengoSayitsheni uMzoxolo Gxotani wethimba lase-East London elisebenza Ngamacala Abucayi i-Tactical Response Team eMpumalanga Kapa, uMphathi Wamaphoyisa esiteshini sase-Groblersdal uKholoneli u-Jeffrey Seroka e-Limpopo, nePhoyisa loBugebengu Obuwubuhlakani u-Ofentse Mokgadinyane kanye noMseshi onguSayitsheni u-Billy Mahooe eFreyistata; kanye noSayitsheni uSibongile Teka nePhoyisa uKganyisa Sitofile eNtshonalanga Kapa.

5.3. IKhabhinethi iqhubeke nokugxeka ukudutshulwa nokubulawa kwabantu abayisishiyagalombili abaneminyaka yobudala ephakathi kwengama-30 nama-40 ngoshayasibhamu abangaziwa eGugulethu eNtshonalanga Kapa ngoMsombuluko, mhla zi-2 Lwezi 2020.

5.4. IKhabhinethi iqinisekisa isizwe ukuthi amaphoyisa esebenzisana nomphakathi azoqinisekisa ukuthi labo ababandakanyeka kulezi zenzo zobugebengu bayaboshwa futhi babhekane nomthetho.

6. Izindondo Zabezindaba Kwezokuthuthukiswa Komphakathi eNingizimu Afrika (i-SADC)

6.1. IKhabhinethi icela bonke abezindaba eNingizimu Afrika ukuthi bangenele umncintiswano we-SADC wokuklomeliswa ngezindondo kwabezindaba wangowezi-2021. Izintatheli ezingamalungu e-SADC ziyamenywa ukuba zingenele noma zilethe amagama alabo ababaqokela ukuthola izindondo.

6.2. Imiklomelo yabezindaba ye-SADC igqugquzela izinhloso ze-SADC zokuzuza ukuthuthukiswa komnotho, ukuthula nokuvikeleka, nokukhula, ukuqeda ububha, kanjalo nokuphucula indlela nobungcono bempilo yabantu baseNingizimu Afrika.

6.3. Imiklomelo yabezindaba ye-SADC iyisikhali esinamandla esizosiholela ku-Afrika entsha, le enamandla anganamkhawulo kanye nethemba elivuselelekile lekusasa elingcono.

7. Izivivinyo Zesitifiketi Sikamatikuletsheni Sikazwelonke (i-NSC) zangowezi-2020

7.1. IKhabhinethi ihlanganyele noMongameli u-Ramaphosa ekufiseleni ikilasi likamatikuletsheni langowezi-2020 inhlanhla ngezivivinyo zalo ze-NSC eziqale namuhla, mhla zi-5 kuLwezi nezizophela mhla ziyi-15 kuZibandlela 2020. Sinxusa bonke abazali, abanakekeli kanye nomphakathi wonke ukuthi usekele futhi ugqugquzele bonke abafundi ababhalayo njengoba bephothula iminyaka yabo eyi-12 yokufunda.

7.2. Ubhubhane lwe-COVID-19 luthikameze ukufunda nokulungiselela izivivinyo zebanga le-12.  Noma kunjalo, uMnyango Wemfundo Eyisisekelo kanye nezikole bethula uhlelo lokufunda lokhu okubaphuthile ukuze balungiselele abafundi. IKhabhinethi inethemba lokuthi laba bafundi banawo amandla okuthola imiphumela emihle kakhulu.

B. Izinqumo zeKhabhinethi

1. Uhlelo Lomsebenzi lukaHulumeni (i-PoA)

1.1. IKhabhinethi iwuvumile umbiko wokuqala owenziwa kabili ngonyaka we-PoA wesikhathi sangoMasingana kuya kuNhlangulana kowezi-2020. Umsebenzi  owenzeke ngalesi sikhathi wesekela uHlaka lweQhingasu Lwesikhathi Esiphakathi lwangowezi-2019 kuya kowezi-2024.

1.2. Isikhathi esibuyekeziwe sihambisane nokuphazamiseka okudalwe ubhubhane lomhlaba i-COVID-19, olwenze ukuthi imisebenzi nezinsiza zikahulumeni ziphambukele ekuvikeleni izimpilo kanye nendlela yokuziphilisa yabantu. 

1.3. IKhabhinethi nokho ijabulile ngenqubekelaphambili esiyenziwe ekuqaliseni imisebenzi elindelekile ebalulekile.  Yize eminye yemisebenzi yaphazamiseka, iKhabhinethi iyagculiseka ngezinhlelo zamaklasta ezicatshangiwe zokubuyisa okusilahlekele. Imininingwane yale mibiko izochazwa ngesikhathi sesithangami seklasta sabezindaba esihleliwe.

C. Umcimbi ozayo

1. INingizimu Afrika ithathe isikhundla Sobuvumelwano Sobuhlobo Nokubambisana (i-TAC) naMazwe aseNingizimu Mpumalanga ne-Asia (i-ASEAN)

1.1. UNgqongqoshe Wezobudlelwano Bamazwe Nokubambisana, uDkt uNaledi Pandor, uzomela uHulumeni waseNingizimu Afrika emcimbini wokubekwa kweNingizimu Afrika ku-TAC ne-ASEAN.

1.2. Umcimbi wokusayina ozobanjwa nge-inthanethi uzoba ngoLwesibili, mhla zili-10 Lwezi 2020.  UNgqongqoshe u-Pandor uzoba yingxenye yomcimbi eseKapa, lapho ezophelezelwa uMphathi Wemishini yeKomidi lasePitoli le-ASEAN.

1.3. INingizimu Afrika inobudlelwano bokuxhumana nobomnotho namalungu e-ASEAN. Ukubekwa kwezwe ku-TAC kuzobeka emthethweni ubudlelwano balo ne-ASEAN njengamadlelandawonye.

1.4. Ukubekwa esikhundleni kweNingizimu Afrika ku-TAC kuphinde kwalithuba lokuthuthukisa ukubambisana kwezepolitiki nakwezomnotho nale nhlangano yamazwe ebalulekile futhi ekhulayo.

D. Imiyalezo

1. Ukuhalalisa

1.1. IKhabhinethi ihlanganyela noMongameli u-Ramaphosa ekuhalaliseleni uDkt John Pombe Magufuli ekukhethweni kwakhe njengoMongameli okhethiwe wase-United Republic of Tanzania. Sikubheke ngamehlo abovu ukusebenzisana noDkt Magufuli ukuqinisa ubudlelwano obunxambili obuqinile, kanjalo nasezindabeni ezisithinta sonke esifundeni Sokuthuthukiswa Komphakathi eNingizimu Afrika, kanjalo nakuzwekazi i-Afrika nasemhlabeni.

1.2. IKhabhinethi ihalalisela uNks Shudufhadzo Musida ngokwethweswa umqhele kaZime waseNingizimu Afrika wangowezi-2020 futhi imufisela okuhle esikhundleni sakhe njengomele iNingizimu Afrika.  Ungomunye wabantu baseNingizimu Afrika abaphakamisela iNingizimu Afrika phezulu ukuze bayibeke ezingeni lomhlaba.

1.3. IKhabhinethi ihalalisela iBanyana Banyana, eqale imidlalo yokuvikela isicoco seNdebe ye-COSAFA ngokuwina ngamanqaku ama- 2-0 behlula izwe lase-Angola e-Port Elizabeth, eMpumalanga Kapa ngoLwesibili, mhla zi-3 Lwezi 2020.

2. Amazwi Enduduzo

IKhabhinethi idlulisa amazwi enduduzo emindenini nakubangani balaba:

2.1. UMnu Enuga Sreenivasulu Reddy, owedlule emhlabeni eneminyaka yobudala engama-96.  Wazalelwa emndenini ozibandakanye kwezepolitiki e-South India.  Wahola umkhankaso Wezizwe Ezibumbene owawulwa nombuso wobandlululo futhi wasekela ukulwelwa kwenkululeko yeNingizimu Afrika iminyaka engaphezu kwesigamu sekhulu leminyaka, waphinde waba negalelo ekulwiseni unswinyo lwamazwe omhlaba olubhekiswe kuleli lizwe.

Imibuzo: Nks Phumla Williams – uMkhulumeli weKhabhinethi

Iselula: 083 501 0139

 

Share this page

Similar categories to explore