Isitatimende soMhlangano weKhabhinethi obanjwe ngohlelo lwe-inthanethi ngoLwesithathu, ziyi-18 kuNcwaba 2021

A. Izindaba ezisematheni

1. Isibonelelo Sokusiza Umphakathi Oxakekile (i-SRD) Ngenxa yeSifo segciwane Ie-Corona (i-COVID-19)
1.1. IKhabhinethi liyabazi ubunzima obudalwe ubhubhane lwe-COVID-19 kanye nodlame lomphakathi lwakamuva ezingxenyeni ezithile KwaZulu-Natali nase-Gauteng. Ngenxa yalokhu, likhumbuze izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ngokuthi izicelo zesibonelelo sezwe i-COVID-19 SRD sokweseka abantu abangenayo imalingeniso sivulwe ngoLwesihlanu, ziyi-6 kuNcwaba 2021. 
1.2. Inhlangano Yezimpesheni Nezibonelelo Zikahulumeni eNingizimu Afrika (i-SASSA) ivule izindlela ezintsha zokuthumela izicelo okungaba yi-govchat.app ne-Facebook Messenger, phezu kwewebhusayithi: https://srd.sassa.gov.za noma nge-WhatsApp ku-082 046 8553.
1.3. Kumele abantu abaphakathi kweminyaka eyi-18 nama-60 abangenayo nhlobo imali abaziphilisa ngayo bafake izicelo. Isibonelelo sika-R350 ngenyanga siyindlela ebalulekile imindeni engaphephela kuyo kunokuba ibulawe yisihlava sobubha nokungasebenzi.

2. Ezamandla 
2.1. IKhabhinethi lamukele ukubhalwa kugazethi kwemithethonqubo eyandisa umkhawulo wokukhiqizwa kukagesi usuka ku-megawatt (i-MW) eyodwa kuya kuma-100 MW. NgoNhlangulana 2021, uMongameli u-Cyril Ramaphosa wamemezela ukuchitshiyelwa koHlelo 2 loMthetho Wokulawulwa Kwezamandla, 2006 (uMthetho 4 wezi-2006) ukuze kwandiswe umkhawulo welayisense yoMlawuli Wezamandla Kuzwelonke waseNingizimu Afrika wemisebenzi ebandakanya ukukhiqiza ugesi ukuze kube nokukhiqizwa kukagesi ngokuzimele.
2.2. Izinkampani ezisemkhakheni wezamandla sezizokwazi ukukhiqiza ugesi ngokwazo ngaphandle kokudinga ilayisense. Amandla okukhiqiza kabusha azokwandisa ukutholakala kukagesi ngokunciphisa ukwethembela kusiphehlimandla nokuvula amathuba otshalomali emikhakheni ezimele. 

3. Uhlelo Lokusekela Ukuvuselelwa Komnotho
3.1. IKhabhinethi linxuse wonke amabhizinisi afanelekile alinyazwe yizibhelu zomphakathi zakamuva zaKwaZulu-Natali nase-Gauteng ukuba afake izicelo zokuthola imalimboleko yokusekela amabhizinisi engenanzalo, ngaphansi koHlelo Lokusekela Ukuvuselelwa Komnotho ngezigidigidi zamarandi eziyi-3.75 ezivela kuhulumeni.  
3.2. UMnyango Wezohwebo, Izimboni Nezokuncintisana (i-DTIC) kanye nezikhungo zokuthuthukiswa ngokwezimali zawo – iNhlangano Yekuthuthukiswa Kwezimboni kanye neSikhwama Sikazwelonke Sokufukula umnotho, ihlanganise uhlelo lwesikhwama lokusekela izindlela zezingenelelo zokuvuselela amabhizinisi ehlukene. Lokhu kubandakanya ukwakhiwa kabusha kwengqalasizinda, impahla, ukulungiswa kwezakhiwo, impahla ethengiswayo kanye nemali yokuqhubezela phambili umsebenzi webhizinisi. Uxhaso luzosiza ukuqeda izinselele zenhlalomnotho amabhizinisi abhekene nazo ngenxa yezibhelu. 
3.3. IKhabhinethi liphinde lamukela futhi lesekela isimemezelo sika-JP Morgan sokuhlinzeka ngosizo lwezimali nolungasizo lwezimali olufinyelela kuzigidi zamarandi ezingama-340 ngaphansi kohlelo i-Abadali Equity Equivalent Investment Programme (i-EEIP).  Lolu hlelo lubandakanya i-Abadali Fund - i-Black Business Growth kanye ne-Abadali Grant (eyizigidi zamarandi ezingama-40)   
3.4. Lezi zinhlelo zizosekela ukukhula komnotho okubandakanyayo nokwakhiwa kwamathuba omsebenzi ngaphansi kwamabhizinisi amancane namaphakathi nendawo, ikakhulukazi emikhakheni yezokukhiqiza kanye nomnotho onakekela imvelo. 

4. Ukushintsha kwegama
4.1. IKhabhinethi lamukele ukuqanjwa kabusha kwe-Brandfort e-Free State yaba yi-Winnie Mandela, ukuhlonipha iqhawe lomzabalazo nenkululeko eladingiswa kulela dolobha ngesikhathi sobandlululo.

5. Ukukhumbula izigameko zase-Marikana 
5.1. IKhabhinethi lihlanganyele nezwe ekukhumbuleni izibhicongo ezenzeka e-Marikana eNyakatho Ntshonalanga ngoNcwaba 2012, futhi lazisa ubuhlungu babasebenzi nemindeni yabo kanye nezwe lilonkana. Njengezwe sizoma ekutheni lesi sigemegeme singaphinde senzeke futhi.
5.2. Amaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS) asebe nenqubekela-phambili enkulu ekuqaliseni izincomo zeKhomishana Yophenyo ka-Farlam. Ezinye zazo zizoqaliswa ngokugcwele uma iPhalamende selichibiyele eminye yemithethonqubo ye-SAPS. 
5.3. Umsebenzi wokuthuthukisa impilo yabavukuzi usaqhubeka. Ukwakhiwa kwezindlu zokuhlalisa abantu nokuvuselelwa kwengqalasizinda endaweni kuyaqhubeka, ngokubambisana nomkhakha ozimele. 
5.4. IKhabhinethi lijabule kakhulu ngokuthi sekube nengqubekela-phambili enkulu maqondana nokunxephezela izisulu zalezi zigemegeme nezihlobo zazo. IHhovisi Lommeli Kahulumeni Jikelele selisebenze inqwaba yezicelo-zinxephezelo, futhi ligcine ukukhokha kuNhlangulana 2021. Izicelo-zinxephezelo ezisilele zilindele ukuthunyelwa kwayo yonke imibhalo efanele.  
5.5. IKhabhinethi linxuse abameli bezisulu ukuba basebenze ngokushesha ukuze kuphothulwe izicelo-zinxephezelo ezisele. IHhovisi LoMmeli Wombuso yilo eliyisikhungo esikhulu esisebenza lezi zicelo-zinxephezelo.  

6. Ingqungquthela yeNhlangano Yokuthuthukisa Amazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC)  
6.1. UMongameli uRamaphosa uhole ithimba laseNingizimu Afrika elihambele iNgqungquthela Ejwayelekile yama-41 yoMongameli Bamazwe kanye noHulumeni ebibanjwe ziyi-17 no-18 kuNcwaba 2021 eLilongwe, eMalawi ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Ukuqinisa Amathuba Okukhiqiza Ngesikhathi Sobhubhane Lwe-COVID-19 ukuze kube Noguquko Olubandakanyayo, Olugcinekayo Kwezomnotho Nezimboni”.
6.2. Le ngqungquthela ibuke inqubekela-phambili eseyibe khona ekukhuthazeni nasekuqiniseni ukudidiyela kwesifunda okuhambisana noHlelo lowezi-2020-2030 Olubonisa Amasu Entuthuko ye-SADC.
6.3. IKhabhinethi liqinisekise ukuzinikela kweNingizimu Afrika ekudidiyeleni kwesifunda nezimboni, ikakhulukazi ekusizeni ukuvuselelwa kwe-SADC kubhubhane lwe-COVID-19. Ngokusebenzisana, isifunda esiseningizimu ne-Afrika sizophuma sesinamandla kakhulu njengoba sinxenxa imikhakha yezimboni yethu ukuba yakhe iminotho yethu kabusha.

B. Izinqumo zekhabhinethi

1. UMkhandlu Kazwelonke Obhekene negciwane Ie-Corona (i-NCCC)
1.1. IKhabhinethi lithole umbiko ovela ku-NCCC oveza ukuthi sekugonywe abantu abangaphezu kwezigidi eziyisishiyagalolunye eNingizimu Afrika kuze kube namhlanje, kube kunabantu abangaphezu kwezigidi eziyisikhombisa abangakaqedi ukugoma kanye nabangaphezu kwezigidi ezine asebeqedile ukugoma. 
1.2. IKhabhinethi lamukele uhlelo lokukhishwa kwemigomo oluzonyusa ukukhishwa kwemigomo, ikakhulukazi ezifundazweni eziveze ukuncipha kokusetshenziswa kwemigomo. Njengengxenye yokwandisa uhlelo lokugoma, iKhabhinethi ligunyaze ukugonywa kwabantu abaphakathi kweminyaka eyi-18 kuya kuma-35 kusukela mhla zingama-20 kuNcwaba 2021.
1.3. Ubufakazi bezesayensi buqinisekisa ukuthi abantu abagonyiwe basethubeni elingcono lokusinda kwi-COVID-19 kunalabo abangagomanga. Ngakho-ke, kumele sihlukane nokukhuluma izinto ezingenasisekelo nezilahlekisa ngomgomo bese sikhethe ukuphila ngokugoma. 
1.4. IKhabhinethi liqhubeke lagunyaza ukugcina izwe ngaphansi kweSigaba Sesithathu Sokuqapha Sokumiswa Kwemisebenzi Ethile Kuzwelonke, njengoba lelulekwe yiKomidi Lokweluleka Ongqongqoshe. IKhabhinethi likhuthaze bonke abantu abangagomanga eNingizimu Afrika ukuba bagome ngoba imigomo isivikela ekugulisweni i-COVID-19 okubucayi futhi isindisa abantu. 
1.5. Ukugoma kulula; vele uye esikhungweni sokugoma esiseduze nawe nomazisi wakho ubhalise bese ugome. Ungathola indawo esondelene nawe kwesinye sezikhungo eziyizi-3 000 ezikhona ezweni: www.sacoronavirus.co.za/active-vaccination-sites.

C. Imicimbi ezayo

1. Umbukiso Wemikhiqizo Womhlaba wezi-2020
1.1. INingizimu Afrika izobamba iqhaza kuMbukiso Wemikhiqizo Womhlaba wezi-2020 ozayo. IKhabhinethi lagunyaza lokhu kubamba iqhaza kuZibandlela 2019. Lo mcimbi wabe sewuhlehliswa ngenxa ye-COVID-19. Uzobanjwa ngohlelo lwaku-inthanethi kanye nokuba sezikhungweni kwabanye e-Dubai, e-United Arab Emirates kusukela mhla lu-1 kuMfumfu kuze kube mhla zingama-31 kuNdasa 2022. 
1.2. Lo mcimbi wamazwe ngamazwe, obanjwa njalo eminyakeni emihlanu emazweni ahlukene, uhlinzeka ngenkundla yokuvezela izimakethe ezinkulu nesizifisayo imikhiqizo nemisebenzi yaseNingizimu Afrika phambi kwabantu bakumazwe ngamazwe. Ngeviki elizayo i-DTIC izoba nomhlangano nabemithombo yezindaba ichaze ngokuzibandakanya kweNingizimu Afrika kuMbukiso Wemikhiqizo Womhlaba wezi-2020.

D. Imiyalezo

1. Amazwi Okuhalalisa
IKhabhinethi lidlulise amazwi okuhalalisa futhi lafisela abalandelayo okuhle: 

  • izicishamlilo eziyi-109 nezikhulu eziphethe ezithunywe ngokoHlelo Lwezokusebenza Ngomlilo loMnyango Wezamahlathi, Ezokudoba Nezemvelo ukusiza ekulweni nezinhlelo zokucisha umlilo esifundazweni sase-Monitoba e-Canada.
  • uNksz. Tatjana Schoenmaker, ngokunqoba athole amamedali eyisiliva neyegolide emqhudelwaneni wokubhukuda noNksz. Bianca Buitendag, ngokunqoba athole imedali eyisiliva emqhudelwaneni wokutshuza emanzini, emidlalweni yama-Olimpiki yakamuva ebeyise-Tokyo, e-Japan. Bandizisele ifulegi laseNingizimu Afrika phezulu.
  • uMnu. Brad Binder, odlala umjaho wezithuthuthu, ngokundizisela ifulegi laseNingizimu Afrika phezulu ngokunqoba ku-MotoGP Austrian Grand Prix yowezi-2021.

2. Amazwi enduduzo 

IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo emndenini nakubangani balaba abalandelayo: 

  • uMnu. Dan Sechaba Montsitsi (67), ongomunye wabaholi abaseMzabalazweni Owaqubuka eSoweto mhla ziyi-16 kuNhlangulana 1976, owalwela inkululeko nentando yeningi labantu ngokuzikhandla, futhi wasebenza njengeLungu lePhalamende.
  • uDkt. Johan van Zyl (63), iSikhulu Esiphezulu ebesinguSihlalo we-Toyota South Africa Motors, okhunjulwe ngobuholi bakhe nempumelelo yenkampani kanye ne-Toyota Motor Europe.
     

Share this page

Similar categories to explore