Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wamhla zingama-22 Nhlangulana 2016

1. Ukuqaliswa kwezinhlelo zikahulumeni eziqavile

1.1. IKhabhinethi icubungule futhi yabonisana ngemibiko yekota yesine yonyaka mayelana nenqubekelaphambili eseyenziwe ekuqalisweni koHlelo Lokusebenza lukahulumeni (i-PoA) kanye nemiphumela yalo. Uhulumeni wenza inqubekelaphambili ebonakalayo ekuxazululeni izinselelo ezikhona futhi uyangenelela ngenhloso yokuvala amagebe akhona ekuqalisweni kwe-PoA.

Uhulumeni unesiqiniseko sokuthi ikhona ngempela inqubekelaphambili eyenziwayo ekuqalisweni kokusebenza koHlaka Olusemqoka Lwesikhathi Esimaphakathi, noHlelo Olunamaphuzu Ayisishiyagalolunye, okuzoholela ekutheni ekugcineni kufezekiswe iNhloso-mbono yowezi-2030 yoHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP).

Uphiko Lohlelo Lukahulumeni Lwezokuxhumana Nokudluliswa Kolwazi (i-GCIS) lumatasatasa luhlanganisa izithangamu zabezindaba lapho kuzohlinzekwa khona ngolwazi oluphathelene nenqubekelaphambili eseyenziwe kwi-PoA ukuze isizwe sibe nolwazi olwanele mayelana nalokho okwenziwayo.

1.2. IKhabhinethi iyayamukela imiphumela yeThimba Lokusebenza LikaMongameli Elibhekene Nezabasebenzi, ebelibambe umhlangano mhla zingama-21 kuNhlangulana 2016 ngenhloso yokubhunga ngezomnotho kanye nezinye izindaba eziphathelene nenhlalo-mnotho yabantu.

Lo mhlangano uvumelane ngokuthi kunesidingo sokugcizelela kabusha ukuzibophezelela kwaleli thimba ekusebenzeni ngokubambisana ukuze kuxazululwe izinselelo ezibhekene neNingizimu Afrika, njengoba nasesikhathini esedlule sikwazile ukwenza kanjalo. Kumele sakhele phezu kobambiswano nobumbano olunamandla esalwenza ngowezi-2008 lapho amaqembu ahlukahlukene emikhakha yomphakathi yonkana enza isivumelwano sokusebenza ngokubambisana, futhi okuyisivumelwano esakwazi ukuvikela ngempumelelo abasebenzi enkingeni yokufadalala komnotho emhlabeni jikelele.

Lo mhlangano uthathe isinqubo sokuthi kumele kubekwe eqhulwini ukuvikelwa kwemisebenzi, futhi kuvulwe amanye amathuba omsebenzi asezingeni elifanelekile – ikakhulukazi aqondiswe entsheni – futhi kwenziwe ngcono nezimo zokusebenza zabo bonke abasebenzi ukuze kwakhiwe impilo engcono kubantu bonke.

INgqungquthela Yezemisebenzi ezobanjwa nguhulumeni nabasebenzi izonikeza abantu baseNingizimu Afrika ithuba lokuxoxisana ngokuthi singawavula kanjani amathuba omsebenzi futhi singawukhulisa kanjani umnotho wethu kulesi simo somnotho esinzima kangaka esibhekene naso njengamanje.

1.3. IKhabhinethi ithanda ukudlulisa amazwi okubonga kakhulu kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika abazibandakanye eMicimbini Yokugubha Iminyaka Engama-40 Yemibhikisho yaseSoweto, okuwuphawu lwemizabalazo yobuqhawe yabantu abasha abayisizukulwane sowe-1976. USuku Lwentsha Lukazwelonke lugujwe ngaphansi kwesiqubulo esithi “Intsha Iqhubekisela iNingizimu Afrika Phambili”.

Umgubho kazwelonke, obuholwa nguMongameli Jacob Zuma e-Orlando Stadium mhla ziyi-16 kuNhlangulana, ungomunye wemicimbi ebanjwe ezweni lonkana ngenhloso yokuhlonipha ukhondolo negalelo lesizukulwane sowe-1976.

Uhulumeni uthanda ukuqinisekisa abantu abasha ezweni lethu ukuthi umzabalazo wokuqinisekisa ukuthi bonke abantu abasha bayayithola imfundo usalokhu ubekwe eqhulwini nguhulumeni. Uhulumeni ngeke neze aphumule ngaphambi kokufezekisa le njongo, njengoba ibekwe ngokucacile eMqulwini Wenkululeko futhi iqinisekisiwe naseMqulwini Wamalungelo ngaphansi koMthethosisekelo wethu, futhi kulo nyaka uMthethosisekelo wethu uzoqopha iminyaka engama-20 kusukela ngosuku owamukelwa ngawo ngokusemthethweni.

Lolu hlelo oluqhubekayo oluzodonsa inyanga yonke lufaka phakathi nezinhlelo ezahlukahlukene zikahulumeni, nezabamabhizinisi kanye nezinhlangano zomphakathi wonkana okuhloswe ngazo ukuqhakambisa izindaba eziphathelene nentsha, ngokuthi kwenziwe imisebenzana nemicinjana ehlukahlukene ephathelene nalokhu.

1.4. INingizimu Afrika isingathe ngempumelelo iNgqungquthela Yama-60 Yamazwe Ngamazwe Yenhlangano Yezimpahla Zabathengi (i-CGF) Ebanjwa Njalo Ngonyaka, lapho iPhini LikaMongameli, u-Cyril Ramaphosa, ethula khona inkulumo. Lokhu kuqinisa ukuthuthuka kwaleli zwekazi njengemakethe yabathengi ehlinzeka ngamathuba amasha.

ENingizimu Afrika, imboni yezimpahla zabathengi, isalokhu iyisikhondlakhondla esikhuthaza ukukhula komnotho. Sisalokhu sizinzile njalo isimo saleli lizwe kwezebhizinisi futhi sikhombisa umfutho, kanti futhi sikulungele kakhulu ukukhuliswa kohwebo notshalomali. Utshalomali oluvela ngaphakathi kuleli kanye nasemazweni angaphandle luvikelekile ngaphansi kwemithetho ebekelwe lokhu.

Izinkampani ezahlukahlukene zaseNingizimu Afrika kanye nezinkampani eziyizikhondlakhondla ezizinze emazweni ngamazwe, ezingamalungu e-CGF, ziyahweba, zitshale nezimali eNingizimu Afrika, futhi ngalokho ziyalekelela ekukhuliseni umnotho wethu nokuvula amathuba omsebenzi.

1.5. Samukelwe ngezandla ezimhlophe isivumelwano sokuhwebelana esisha esisayindwe nguNgqongqoshe Wezohwebo Nezimboni u-Rob Davies neNhlangano Yamazwe aseYurophu (i-EU). Lokhu kuzoholela ekutheni likhuphuke inani lemikhiqizo yezolimo yaseNingizmu Afrika ethunyelwa kwelaseYurophu. INingizimu Afrika, ngokuhlanganyela neBotswana, Lesotho, Mozambique, Namibia kanye ne-Swaziland basayinde iSivumelwano Sokubambisana Kwezomnotho (i-EPA) esenziwe ne-EU emva kokubamba izingxoxo zokubonisana.

I-EPA ihlinzeka ngamathuba angcono kakhulu okufinyelela kwemikhiqizo yaseNingizimu Afrika ezimakethe, kubandakanya nesabelo esingcono esinikezwe iwayini lakuleli kanye nezimakethe ezintsha zomkhiqizo kashukela kanye ne-ethanol.

Ngaphansi kwesivumelwano esisha, kulindeleke ukuba liphindaphindeke kabili inani lemikhiqizo yewayini laseNingizimu Afrika ethunyelwa kwelaseYurophu ngaphandle kokukhokha intela yokuthunyelwa kwezimpahla emazweni angaphandle. Seyenziwe lula neMithetho Yemvelaphi yezingubo zokugqoka futhi lokhu kuzokhuthaza ukuthunyelwa kwezingubo zokugqoka ezikhiqizwe eNingizimu Afrika emazweni angaphansi kwe-EU.

I-EPA ithatha indawo yesahluko sokuhwebelana ebesiyingxenye yeSivumelwano Sokuthuthukiswa Kohwebo Nokubambisana, esasayindwa ngowezi-2000, phakathi kwe-EU neNingizimu Afrika.
Lesi sivumelwano sivikela futhi naleyo mikhiqizo etholakala kuphela ezweni laseNingizimu Afrika, okubandakanya ikakhulukazi amagama emikhiqizo yewayini laseNingizimu Afrika, netiye i-Rooibos, ne-Honeybush kanye ne-Karoo Lamb.

1.6. Lwamukelwe ngezandla ezimhlophe utshalomali lwesikhungo sokuqamba nokusungula imikhiqizo nezindlela zokusebenza ezintsha esidle imali engamarandi ayizigidi ezingama-500 esiseGoli, okuwutshalomali olufakwe yinkampani yakwa-General Electric (i-GE), inkampani yase-United States eyisikhondlakhondla esizinze emazweni ngamazwe, futhi lokhu kuyabonisa ukuthi iNingizimu Afrika kanye nezwekazi lethu yizindawo okungatshalwa kuzona imali ngempumelelo enkulu.

Lesi yisikhungo se-10 sale nkampani emhlabeni jikelele futhi ngesokuqala ngqa kwizwekazi lase-Afrika. Futhi lesi sakhiwo siyikomkhulu elisha le-GE Healthcare, elibonisa futhi likhangise ngemikhiqizo yosizo lwezempilo ehlukahlukene. Lokhu kukhombisa ukuzibophezela kwe-GE kwesikhathi eside kuleli zwekazi kanye nasekutholeni izixazululo zesimanjemanje ezinkingeni zengqalasizinda kanye nezempilo ezibhekene nezwekazi lase-Afrika.

Lesi sikhungo sihlose ukufezekisa amaphupho abantu abangaphezu kwe-100 abaqhamuka emiphakathini eyabe incishwe amathuba phambilini, abafisa ukuba ngonjiniyela. Futhi lapha kunendawo ebekelwe imiklamo yokubambisana kanye nokuhlola nokuvivinya izixazululo ngokubambisana phakathi kwenkampani yakwa-Transnet ne-GE emiklamweni ehlukahlukene yokwakhiwa kwemikhiqizo yezitimela ngaphakathi kuleli.

Lesi sikhungo sihlose futhi nokusekela ukuthuthukiswa kwamabhizinisi amancane anekhono lokuhlinzeka izimakethe zakuleli ngemikhiqizo futhi okungenzeka mhlawumbe esikhathini esizayo ahlinzeke nezinkampani ze-GE emhlabeni jikelele. IKhabhinethi inxusa zonke ezinye izinkampani ezinkulu zamazwe ngamazwe ukuba zilandele esibonelweni se-GE.

1.7. IKhabhinethi iyakwamukela ukuphothulwa kwesigaba sokuqala seSizinda Sezimboni saseBotshabelo, eFreyistata, esivuselelwe kabusha futhi esethulwe nguNgqongqoshe Davies.

Isigaba sokuqala sokuvuselelwa kabusha kwalesi sikhungo sibandakanya ukulungiswa nokukhuliswa kwengqalasizinda yezokuvikela, uthango, izibani zasemgwaqeni kanye nezidingo zikagesi ezisemqoka, okuwumsebenzi odle imali eyizigidi ezingama-24 zamarandi.

Lokhu kuyingxenye yemali eyizigidi eziyi-189 zamarandi etshalwe kwizizinda ezibekwe eqhulwini eziyisithupha ezixhumene noHlelo Lokusebenza Lwengqalasizinda Yezimboni (i-IPAP). ISizinda Sezimboni saseBotshabelo sizovula amathuba omsebenzi kubantu baseBotshabelo namaphethelo, sigqugquzele ukuthuthukiswa kwezimboni nokukhuliswa kwamabhizinisi amancane kanye nemifelandawonye, sihehe utshalomali futhi sikhuthaze umkhakha wezokukhiqiza.

1.8. IKhabhinethi iyakwamukela ukwethulwa kweSikhungo saseKroonstad Sokuhlanza Nokukhuculula Amanzi Angcolile okwenziwe nguNgqongqoshe Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle uNkz Nomvula Mokonyane, ngenhloso yokubhekana nezindingo zamanzi zikaMasipala Wendawo i-Moqhaka, Le ndawo ikhahlamezeke kakhulu ngenxa yesomiso esiqhubekayo njengamanje, osekwenze ukuba umthamo wamanzi emadanyini wehle ngendlela esabekayo. Lo masipala usunikezwe amaloli athwala amanzi futhi kunemizamo eyenziwayo yesikhathi esifushane neyesikhathi eside, yokumba nokulungisa kabusha amapitsi eKroonstad ukuze kunezezelwe umthamo wamanzi aphakelwayo.

1.9. UMongameli Zuma wethamela iNgqungquthela yesi-6 Ejwayelekile Yomhlangano Wamazwe Ngamazwe Ophathelene Nesifunda se-Great Lakes (i-ICGLR) ebanjwe ngaphansi kwesihloko esithi: “Ukusheshiswa kokuqaliswa kweSivumelwano kanye Nezinqubo zaso zokuqinisekisa isiFunda se-Great Lakes esibuswa ngentando yeningi labantu futhi esinozinzo”.

Phakathi kokunye, le ngqungquthela ibhunge, ngesimo sezepolitiki nokuvikeleka esiFundeni se-Great Lakes kufaka phakathi i-South Sudan, Burundi, Democratic Republic of Congo kanye ne-Central African Republic, futhi umbiko ophelele weNgqungquthela ye-ICGLR uzokwethulwa kwiNgqungquthela elandelayo yeNhlangano Yamazwe ase-Afrika (i-AU). UMongameli Zuma uthe manje sekunenhlansi yethemba ekhulayo yokuthi isizoxazululeka impicabadala yodweshu nezinxushunxushu, nokungabi khona kozinzo obekungalawuleki esikhathini esedlule.

1.10. Isikhwama Sikazwelonke Sokuxhasa Abafundi Ngezimali Zokufunda (i-NSFAS) sesixhase abafundi abevile ezigidini ezingu-1.7 kusukela sasungulwa. Lesi sikhwama sihlinzeka ngosizo lwezimali kubafundi abaphuma emindenini edla imbuya ngothi kanye naleyo eyondliwa ngabantu abahola imali encane. Ukuze kuqinisekiswe ukuthi lokhu kwenziwa ngendlela esimeme, i-NSFAS iqoqa inkokhelo kulabo bafundi ababolekwe imali.

Ukukhokhwa kwemali ebolekiwe kuyaqinisekisa ukuthi isikhwama sinayo imali emgodlagodleni waso yokuxhasa izizukulwane zabafundi bangomuso. Lokhu kukhuthaza ukufinyelela nokuphumelela kwabafundi emazingeni emfundo ephakeme nokuqeqeshwa, ngenhloso yokufezekisa izinjongo zikazwelonke kanye nezokuthuthukiswa kwabantu eNingizimu Afrika.

IKhabhinethi iyabakhuthaza bonke labo ababexhaswe yi-NSFAS ngezimali, asebewutholile umsebenzi, ukuba baxhumane namahhovisi e-NSFAS futhi baqale ukukhokha imali yokufunda abayibolekwe yisikhwama se-NSFAS. Kungumsebenzi wakho ukuba nawe udlale eyakho indima ekulekeleleni abanye abafundi abadinga usizo lwezimali zokufunda, njengamanje.

2. Izinqumo zeKhabhinethi Eziqavile

2.1. IKhabhinethi ibikeliwe ngohlelo oluhlukile lwe-intanethi lokwenza ngcono ukulawulwa kolwazi, olubizwa nge-Digital Object Architecture (i-DOA). IKhabhinethi ivumile ukuba kutshalwe imali ethe xaxa ekuthuthukisweni nokusetshenziswa kohlelo lwe-DOA, futhi ivumile ukuba iNingizimu Afrika ibe nguMlawuli wenethiwekhi ye-DOA emhlabeni jikelele.

Lobu buchwepheshe buzofaka isandla ekufezekisweni kwezinjongo ze-NDP, ngokwenza ngcono ikhono lombuso lokuthola izixazululo zesimanjemanje kwizinselelo ezinzima ezikhona. Futhi lokhu kuzokwenza ngcono nokuhlinzekwa kwezidingongqangi ngokusebenzisa izinhlelo ezinjengohlelo-xhumano lokuphathwa nokulawulwa kwemisebenzi kahulumeni nge-intanethi kanye nohlelo lokuqinisekisa ukuphepha nokuvikeleka kohleloxhumano lwe-inthanethi (i-cybersecurity).

Izokhula imihlomulo yokusebenzisa i-DOA ekulawulweni kolwazi futhi lokhu kuzokwakha amakhono angaphakathi kuleli kwezobuchwepheshe be-Ithanethi futhi kuthuthukise izixazululo ezifanelekile zohlelokusebenza lwekhompyutha ezisekelwe phezu koHlelokusebenza Lwekhompyutha Oluvulelekile.

Lokhu kuzofaka isandla ekuthuthukisweni kwemboni yakuleli yohlelokusebenza lwekhompyutha futhi kwenze ngcono nezinhlelo zokulawulwa nokuphathwa kolwazi, futhi kukhulise nenzuzo yokuthunyelwa kwale mikhiqizo emazweni angaphandle.

Futhi omunye wemihlomulo ye-DOA ngukuthi iyahambelana futhi iyasebenzelana nezinhlaka zobuchwepheshe be-intanethi eziningi ezikhona njengamanje ku-Ithanethi. Ngalokho-ke uhulumeni uzokwazi ukunciphisa izindleko eziyinsakavukela ezikhokhwa ngokuqhubekayo kubanikazi bamalungelo ezinhlelokusebenza zekhompyutha.

2.2. Kulandela isicelo seKhomishana ye-AU, iKhabhinethi ivumile ukuba iNingizimu Afrika isingathe iSigcawu Sokuphathwa Kwe-inthanethi (i-IGF) ngoMfumfu 2016. Ukuphathwa Kwe-inthanethi kubandakanya izindaba eziningana futhi ezahlukahlukene eziphathelene nenhlalo yabantu kanye nezepolitiki.

Lokhu kufaka phakathi ukubamba iqhaza emnothweni we-intanethi, amalungelo abaqambi nabasunguli, ukuphepha nokuvikeleka kohleloxhumano lwe-intanethi, nobumfihlo kanye nokufinyelela kwizinsiza-kusebenza zobuchwepheshe ezisemqoka, njengamagama amawebsayithi kanye namakheli ePhrothokholi Ye-inthanethi enza sikwazi ukuthola nokusebenzisa izinsizakalo ze-inthanethi.

Ukusingathwa kwe-IGF yase-Afrika kuzohlinzeka ngethuba lokuba i-Afrika ithuthukise amasu okubamba iqhaza emnothweni we-inthanethi emhlabeni jikelele, okuyinto esemqoka kakhulu ekuthuthukisweni kweminotho yase-Afrika. Njengamanje umnotho we-Intanethi ulinganiselwa ezigidigidini ezingama-59 zamarandi eNingizimu Afrika.

Lesi sigcawu sihlinzeka futhi nangethuba lokuba ohulumeni bamazwe ase-Afrika babeke i-ajenda yokuvumelana nokwamukela izinqubo nemigomo efanayo ezolandelwa mayelana nokuPhathwa Kwe-intanethi. Lokhu kulandela emiphumeleni yeNgqungquthela Yamazwe Ngamazwe YesiGungu Esijwayelekile Senhlangano Yezizwe Mayelana Nokubuyekezwa Okusezingeni Eliphezulu Komphakathi Wolwazi, eyabanjwa ngoZibandlela 2015.

Futhi lokhu kugcizelela phezu kweSimemezelo sase-Tunis, sokuthi ukuPhathwa Kwe-intanethi kuyinsiza-kusebenza yomhlaba jikelele okumele iphathwe ngokubambisana phakathi kwamazwe ahlukahlukene, ngendlela esobala futhi ngokulandela inqubo yentando yeningi labantu, futhi babandakanywe ngokuphelele bonke abathintekayo.

Ohulumeni base-Afrika bazothola futhi nethuba lokufakana imilomo ngezingxenye ezisemqoka eziphathelene nazo zonke izinqubo nemisebenzi ye-Intanethi ngenhloso yokugqugquzela ukwabiwa nokusetshenziswa kwe-Intanethi ngendlela elinganayo futhi engachemile.

3. Imicimbi ezayo

3.1. Namuhla mhla zingama-23 Nhlangulana 2016 uMongameli Zuma uzovakashela umklamo wokwakhiwa kwezindlu zemixhaso i-Vulindlela Rural Enhanced People’s Housing Process (i-EPHP) kuMasipala Wendawo yaseMsunduzi KwaZulu-Natali, ngenhloso yokubungaza ukuhlinzekwa kwezindlu nemixhaso kahulumeni engaphezu kwezigidi ezine kusukela ekufikeni kombuso wethu wentando yeningi labantu ngowe-1994.

Esifundazweni saKwaZulu-Natali, uhulumeni usehlinzeke ngezindlu nemixhaso engaphezu kwezi-700 000 kubandakanya nezindlu eziyizi-12 000 emklamweni wokwakhiwa kwezindlu i-Vulindlela Rural Housing Project ezakhiwe ngaphansi kohlelo lwe-EPHP.

I-EPHP wuhlelo lapho labo abakhelwa izindlu bebandakanywa ngokuphelele ekuthathweni kwezinqumo mayelana nenqubo yokwakhiwa kwezindlu zabo kanye nohlobo lwezindlu ezizokwakhiwa, futhi badlala indima ekwakhiweni kwezindlu zabo.

3.2. UMongameli Zuma uzoba noHambo Olusemthethweni Oluya kwelase-France phakathi komhla ziyi-10 nomhla ziyi-12 kuNtulikazi 2016, njengengxenye yomzamo wokuqinisa ubudlelwano phakathi kwalawa mazwe amabili.

Kulolu hambo uMongameli uzokwethamela noMgubho Weminyaka Eyikhulu Wempi yase-Delville Wood eyabambana ngezihluthu ngenkathi kuqhubeka iMpi Yokuqala Yomhlaba, okuwumgubho ozobanjwa mhla ziyi-12 kuNtulikazi 2016, wempi okwaphangalala kuyona amasosha aseNingizimu Afrika amaningi.

Nakuba isiKhumbuzo sase-Delville Wood senzelwe ukuhlonipha amasosha aseNingizimu Afrika, imithetho kahulumeni wobandlululo yangaleso sikhathi yabashiya ngaphandle abantu abampisholo baseNingizimu Afrika abashona ngenkathi kuqhubeka le mpi, kanti ozakwabo abamhlophe bona bangcwatshwa esikhungweni sesiKhumbuzo sase-Delville Wood.

Lukhulu uguquko olwenziwayo kulesi sikhumbuzo njengamanje ngenhloso yokukhombisa nokuveza iqhaza elabanjwa ngabantu abampisholo baseNingizimu Afrika eMpini Yomhlaba Yokuqala kanye Neyesibili kanye nokubanikeza ukuhlonishwa okubafanele. Mayelana nalokhu-ke uMongameli uzohlonipha futhi namasosha amnyama angcwatshwa emathuneni ase-Arques-la-Bataille.

3.3. UMongameli Zuma uzohola ithimba lezithunywa zaseNingizimu Afrika elizokwethamela iNgqungquthela Ejwayelekile Yesigungu se-AU yama-27, ezobanjwa kusukela mhla ziyi-13 kuze kube ngumhla ziyi-17 kuNtulikazi 2016 eKigali, kwelaseRwanda. Le ngqungquthela izobanjwa ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Unyaka wezi-2016, Ngunyaka Wamalungelo Esintu Kwizwekazi lase-Afrika, okuzogxilwa ngawo ikakhulukazi eMalungelweni Abesifazane.” Unyaka wezi-2016 ngunyaka wezingqophamlando ezibaluleke kakhulu kwi-ajenda yabesifazane kuleli zwekazi nasemhlabeni jikelele ephathelene nokulingana ngokobulili kanye nokuthuthukiswa nokufukulwa kwabesifazane.

Kuleli zwekazi, lo nyaka uqopha iminyaka engama-30 kwaqaliswa ukusebenza koMqulu wase-Afrika Wamalungelo Esintu kanye Namalungelo Abantu ngowe-1986 kanye nesigaba sesibili seShumi-nyaka Labesifazane Base-Afrika lowezi-2010-2020.

Emhlabeni wonke jikelele, unyaka wezi-2016 uqopha iminyaka engama-36 kwamukelwa ngokusemthethweni iSivumelwano se-UN Sokuqedwa Kwazo Zonke Izinhlobo Zokucwaswa Kwabesifazane futhi uyisikhumbuzo sama-21 sesiMemezelo sase-Beijing sowe-1995 kanye Nesigcawu Sokusebenza Nokuthathwa Kwezinyathelo, okuyinqubomgomo esemqoka kakhulu ephathelene nokulingana ngokobulili. Izinhloko Zemibuso Nezohulumeni zizocubungula umbiko woMkhandlu we-AU Woxolo Nokuvikeleka ophathelene nesimo sokuthula noxolo e-Afrika. Ngaphezu kwalokho, le ngqungquthela izocubungula futhi yamukele isabelomali esihlongozwayo se-AU sowezi-2017.

3.4. Futhi uMongameli Zuma uzohola ithimba likahulumeni waseNingizimu Afrika elizokwethamela iNgqungquthela Engavamile Yamazwe Ayisithupha (i-Double Troika) Angamalungu Enhlangano Yokuthuthukisa Amazwe aseNingizimu ye-Afrika (i-SADC), ezobanjelwa eGaborone, kwelaseBotswana mhla zingama-28 kuNhlangulana 2016. Le ngqungquthela kulindeleke ukuba icubungule isimo sezepolitiki nokuvikeleka esifundeni se-SADC, futhi izogxila ikakhulukazi kwisimo esiqhubekayo eLesotho.

3.5. Leli lizwe selikulungele ukusingatha iNgqungquthela Yezengculazi Yamazwe Ngamazwe yama-21 kusukela mhla ziyi-18 kuze kube ngumhla zingama-22 kuNtulikazi 2016, ezobanjelwa e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre e-Durban. Ukuqala kwale ngqungquthela kuzoqondana noSuku Lwamazwe Ngamazwe Luka-Nelson Mandela mhla ziyi-18 kuNtulikazi.

Abantu baseNingizimu Afrika bayakhuthazwa ukuba baxoxe ngendaba yethu futhi babonise ngempumelelo esiyenzile ekuguquleni isimo eNingizimu Afrika uma kuqhathaniswa nesimo esabe sikhona esikhathini esedlule ngenkathi kubanjwe iNgqunguthela Yezengculazi Yamazwe Ngamazwe e-Durban ngowezi-2000.

INingizimu Afrika itshale imali eningi ohlelweni lwayo lokulwisana nengculazi kule minyaka eyisithupha edlule, osekuholele ohlelweni lokwelashwa kwesandulelangculazi (i-HIV) olukhulu kunazo zonke emhlabeni jikelele, okuwuhlelo oselusindise izimpilo zabantu abayizigidi ngezigidi futhi lwakhulisa neminyaka ephilwa ngabantu bakuleli besadla anhlavana.

Ezinye izimpumelelo zibandakanya noMkhankaso Wokwelulekwa Ngokwengqondo kanye Nokuhlolelwa Isandulelangculazi (i-HCT) osuholele ekutheni abantu baseNingizimu Afrika abayizigidi eziyi-18 bahlolelwe isandulelangculazi nengculazi esikhathini esiyizinyanga eziyi-18, kanti futhi kunabantu baseNingizimu Afrika abahlolelwa ingculazi minyaka yonke.

Ukufa kwabantu ngenxa yengculazi kwehlile kusuka kubantu abayizi-320 000 ngowezi-2010 kwafinyelela kubantu abayizi-140 000 ngowezi-2014, futhi ukudluliseleka kwegciwane lesandulelangculazi lisuka kumama liya kumntwana kwehlile kusuka kubantwana abayizi-70 000 ngowezi-2004 kwafinyelela ngaphansana kwesi-7 000 ngowezi-2015.

Isifo sofuba sixhumene kakhulu nengculazi nakuba ukufa kwabantu ngenxa yesifo sofuba kwehlile kusuka kubantu abayizi-70 000 ngowezi-2009 kwafinyelela ngaphansana kwabantu abayizi-40 000 ngowezi-2014. Isifo sofuba sisengumashayabhuqe omkhulu kunazo zonke izifo ezithathelwanayo ezweni lethu kanye nasemhlabeni jikelele. Uhulumeni ukwazile ukuhlola ngempumelelo izinkulungwane ngezinkulungwane zabantu abasemikhakheni esengcupheni enkulu, njengomkhakha wokuhlunyeleliswa kwezimilo (amajele), nowezimayini kanye nemiphakathi eyakhelene nezimayini.

Uhlelo lokuvimbela ingculazi lugxile ikakhulukazi emantombazaneni nabesifazane abasebasha abaneminyaka yobudala eyi-15 kuya kwengama-24 futhi luhlose ukunciphisa ukutheleleka ngegciwane; lunciphise ukukhulelwa kwamantombazane esemancane; lunciphise udlame lwezocansi kanye nodlame oluqondiswe kwabesifazane; lugcine amantombazane esesikoleni aze afinyelele kumatikuletsheni; futhi lukhuphule ukutholakala kwamathuba ezomnotho aqondiswe kwabesifazane abasebasha ngenhloso yokuzama ukubavikela emadodeni amadala, akhohlakele, axhaphaza amantombazane.

3.6. Njengamanje uhulumeni ugubha iViki Lezemisebenzi Kahulumeni kusukela mhla zingama-22 kuze kube ngumhla zingama-26 Nhlangulana 2016, okuyingxenye yohlelo lukahulumeni lwe-Batho Pele (Abantu Phambili). Ukugqugquzelwa kokuziphatha ngendlela efanelekile, umfutho ophezulu nogqozi kanye nokuziqhenya kwabasebenzi bakahulumeni ngomsebenzi wabo kukhuthaza isikompilo lokuhlinzeka ngezinsizakalo eziseqophelweni eliphezulu.

Uhulumeni ukuphawulile futhi ukuthi namuhla, njengoba zingama-23 Nhlangulana 2016 wuSuku Lwe-Afrika Lwezemisebenzi Kahulumeni, olukhuthaza zonke izinhlaka zikahulumeni ukuba zisebenze ngokubambisana futhi zizisebenzise ngobunyoninco lezo zinsiza-kusebenza zikahulumeni eziyingcosana ezabelwe zona ukuze kutholakale imiphumela emihle futhi engcono kakhulu kunakuqala.

IKhabhinethi iyabakhuthaza abasebenzi bakahulumeni ukuba bahambe phambili ekuhlinzekweni kwezidingongqangi kuleli lizwe futhi basebenzise leli viki ukucinga nokuzama izindlela ezintsha zokuhlinzeka izinsizakalo kubantu baseNingizimu Afrika.

3.7. IKhabhinethi iyasamukela isinqumo seBhodi Yokuklanywa Kwemingcele Yomasipala sokusingatha ingqungquthela yoKlanywa Kwemingcele kanye Noguquko Lokuhlelwa Kwezindawo Zokuhlalisa Abantu mhla zingama-23 kanye namhla zingama-24 Nhlangulana 2016.

Le ngqungquthela izobandakanya nezithunywa ezivela eminyangweni kahulumeni nakomasipala kanye nalezo ezivela kwamanye amazwe.

Ingqungquthela ihlinzeka ngethuba lokubamba izingxoxo ezinohlonze mayelana nokuklanywa kwemingcele, ikakhulukazi odabeni lokuguqulwa kwemingcele kanye nokubandakanywa komphakathi. Izwi lemiphakathi lisemqoka kakhulu kule nqubo, futhi izokwamukelwa ngezandla ezimhlophe yonke imizamo yokuqinisekisa ukubamba iqhaza komphakathi okunohlonze futhi okubandakanya umuntu wonke. 

3.8. Kusukela ngoLwesihlanu, mhla lu-1 kuNtulikazi 2016, abakhokhi bentela sebengaqala ukugcwalisa nokuthumela ngokusemthethweni amafomu abo entela onyaka wezi-2016. Isikhathi Sokuthunyelwa Kwamafomu Entela sesikhulile saba wuphawu lobambiswano olusemqoka phakathi kukahulumeni nabakhokhi bentela abafaka isandla esibonakalayo impela emgodlagodleni wezimali waleli lizwe.

Lokhu kuwuphawu olulodwa olukhulukazi lwaminyaka yonke lokuxhumana nokubambisana phakathi koPhiko Lwezentela LwaseNingizimu Afrika (u-SARS) kanye nabakhokhi bentela, lapho abakhokhi bentela abangaphezu kwezigidi ezine bethumela amafomu abo entela.

IKhabhinethi iyabakhuthaza bonke abakhokhi bentela ukuba bathumele amafomu abo entela agcwaliswa minyaka yonke kusukela mhla lu-1 kuNtulikazi 2016. Ngenxa yabakhokhi bentela abawathumela ngokwethembeka amafomu abo entela, iNingizimu Afrika ikwazile ukuqoqa isamba sentela esiyingqophamlando, esingamarandi ayizigidigidi eziyinkulungwane (itriliyoni) ngonyaka-mali wezi-2014/15.

4. Isimo seKhabhinethi ezindabeni eziqavile ezisematheni

4.1. IKhabhinethi izigxeka kakhulu izigameko zakamuva zodlame olubheduke eDolobheni LaseTshwane namaphethelo, futhi inxusa izakhamuzi ukuba ziyeke ukuphula umthetho futhi ziyeke nemibhikisho ehambisana nodlame.

Asikho neze isikhalo esingasetshenziswa njengesizathu esiphusile sokuzibandakanya ezenzweni ezinodlame kanye nokucekelwa phansi kwempahla, kungakhathalekile ukuthi leso sikhalo sikhulu kangakani. Labo abazotholwa benecala lokwenza izenzo zobugebengu ezinjalo bazobhekana nengalo yomthetho ngokuphelele.

INingizimu Afrika yizwe elibuswa ngentando yeningi labantu elawulwa ngokomthethosisekelo, lapho isakhamuzi ngasinye sinethuba lokubamba iqhaza kwizinqubo zentando yeningi labantu. Izenzo zobugebengu ziphazamisa amalungelo abanye abantu futhi ziyabavimbela ukuba bahambe ngokukhululeka. IKhabhinethi inxusa imiphakathi ukuba isebenzisane nezikhungo zokuqinisekisa ukuthotshelwa komthetho ukuze kubanjwe futhi kuboshwe labo abangawahloniphi amalungelo abanye abantu abawanikwe ngokomthethosisekelo.

4.2. Isinqumo seNkantolo Yomthethosisekelo ecaleni lapho uMhlophe ebemangalele khona iKhomishana Yokhetho Ezimele (i-IEC) siphendla indlela ebheke ekubanjweni kokhetho lohulumeni basekhaya mhla zi-3 Ncwaba 2016 ngokuthi kusetshenziswe umqulu wohlu lwabavoti oqinisekiswe yi-IEC kulandela ukumenyezelwa nokushicilelwa ngokusemthethweni kosuku lokhetho.

IKhabhinethi iyabanxusa bonke abavoti ababhalisiwe ukuba bawasebenzise amalungelo abo abawalwela kanzima, futhi bazikhethele abantu abazobamela kohulumeni bezindawo. Uhulumeni uzobambisana ne-IEC kanye nabo bonke ababambiqhaza abathintekayo ukuqinisekisa ukuthi isinqumo seNkantolo Yomthethosisekelo siqaliswa ngokuphelele.

4.3. IKhabhinethi isamukelile isimemezelo sabakwa-Eskom sokuthi amayunithi abo amane esiphehlimandla esisha esiphehla ugesi ngamanzi i-Ingula hydroelectric power plant asexhunyiwe kwisikhungo sikazwelonke sikagesi, futhi lokhu kwenzeke ngaphambi kwesikhathi ebesinquyiwe.

Lo mklamo odle imali engamarandi ayizigidigidi ezingama-25 uzokwenza ngcono isimo sangomuso sokutholakala kukagesi ngaso sonke isikhathi kuleli lizwe njengoba uzokwengeza ugesi ongamaMegawathi ayi-1 332 ngezikhathi zosuku lapho ugesi usetshenziswa khona kakhulu. Kulindeleke ukuba lesi sikhungo sibe sesisebenza ngokuphelele ngowezi-2017.

4.4. IKhabhinethi ibamukele nezandla ezimhlophe abacimi-mlilo bakuleli abebethunyelwe kwelase-Canada ukuyolekelela emizamweni yokubhula imililo yequbula. Ithimba laseNingizimu Afrika labacimi-mlilo lakhululwa emsebenzini wokubhula umlilo emva kokuba kube nezimvula ezinkulu.

Uhlelo lweSisebenza Ngomlilo wuhlelo okuhloswe ngalo ukuvula amathuba omsebenzi oluxhaswe ngezimali nguhulumeni, olugxile ekusebenziseni indlela Edidiyelwe Yokulawula Imililo eNingizimu Afrika. Bangaphezu kwezi-5 000 abesilisa nabesifazane abasebasha abaqeqeshwe ngokuphelele njengabacimi bemililo yequbula futhi abakanise kwizizinda ezingaphezu kwama-200 eNingizimu Afrika yonkana.

Abacimi-mlilo bathathwe emiphakathini ehlwempu futhi bafundisiwe, bahlinzekwa nangolwazi oluphathelene nomlilo, kanye namakhono okugwema nokubhula umlilo. Ezinye izinhlelo zikahulumeni ezifana nalolu zifaka phakathi uhlelo iSisebenzela Amanzi kanye neSisebenzela Ugesi lapho uhulumeni etshale khona imali emisebenzini edinga abasebenzi abaningi, ezoholela ekuvulweni kwamathuba omsebenzi futhi kuvikelwe nengcebo yemvelo.

Kulandela ukubuya kwabo e-Canada, uMnyango Wezemvelo wenza uphenyo mayelana nesiteleka samaholo esiqalwe ngabacimi-mlilo ukuze kutholakale umphumela ongachemile ozogculisa bonke ababambiqhaza.
4.5. IKhabhinethi idlulisa amazwi enduduzo kulaba abalandelayo:

  • Umndeni kanye nabangani bakasaziwayo kwezomsakazo nomabonakude u-Hope Zinde owabe esebenzela Inhlangano Yezokusakaza YaseNingizimu Afrika (i-SABC) njengentatheli eminyakeni yama-90 futhi phambilini obeyilungu lebhodi ye-SABC.
  • Uhulumeni kanye nabantu base-United States of America kulandela isigameko sokudutshulwa kwabantu e-Orlando, e-Florida, lapho kuphangalale khona abantu abalinganiselwa kuma-50 futhi kwalimala abaningi.

4.6. Isijeziso esinikezwe umthengisi wezindlu osethathe umhlalaphansi, u-Penny Sparrow, yiNkantolo Yezokulingana YaseMzinto, KwaZulu-Natali, olahlwe yicala lenkulumo enenzondo, siyisikhumbuzo sokuthi izenzo ezinjalo ngeke zibekezelelwe nakancane futhi izinkantolo zethu ziyohlala njalo zibambelele ekuqinisekiseni ukuthi ayahlonishwa amalungelo azo zonke izisulu zobuhlanga, ikakhulukazi labo abangakwazi ukuzikhulumela ngokwabo futhi abangakwazi ukuzivikela.

IKhabhinethi ikhathazekile ngokuthi nakuba sekuphele iminyaka engama-22 siphila ngaphansi kombuso wentando yeningi labantu, iKhomishana Yamalungelo Esintu YaseNingizimu Afrika ibika ukuthi ziyanda izigameko ezibikwayo zobuhlanga obenzeka phambi kwamehlo omphakathi kanye nezinkulumo ezigcwele inzondo.

IKhabhinethi iyabanxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuba bakhumbule ukuthi kusenza siqine ukwamukela kwethu ukuthi singabantu abahlukahlukene okumele baphilisane kahle. Kumele sizabalazele ukwakha umphakathi ongacwasi ngokobuhlanga.

5. Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abasebenzi kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.

5.1. Ophikweni Lwezithuthi Zomgwaqo Ezithwala Impahla Nabantu Phakathi Kwaleli Namazwe Angomakhelwane:
a. UMnu Sipho Khumalo oqashwe kabusha njengoMphathi Omkhulu, isikhathi esiyiminyaka emihlanu.
5.2. Amalungu oMkhandlu Kazwelonke Wezokuhlunyeleliswa Kwezimilo:
a. Umahluleli Mokgadi Mailula (uSihlalo);
b. Umahluleli Zamani M Nhlangulela (Iphini LikaSihlalo);
c. Umahluleli Esther JS Steyn (Iphini LikaSihlalo);
d. Mnu Adriaan Bekker;
e. Adv Sibongile Mzinyathi;
f. Nkz Shishi Sello;
g. Dkt Kgamadi J Kometsi;
h. Lt-General Julius T Molefe;
i. Nkz Angela Magangoe;
j. Mnu Mziwoxolo M Mfeketo;
k. Nkz Nondumiso Gwayi;
l. Mnu Ivan de Klerk;
m. Nkz Teboho S Monyamane;
n. Nkz Lusanda U Z Rataemane;
o. Adv. Khavhareni A Mahumani;
p. Mfu Jonathan Clayton;
q. Nkz Amanda L Vilakazi;
r. Dkt Vanitha R Chetty; kanye no
s. Mnu Maluleka Nkopo.

Imibuzo ingaqondiswa ku: Harold Maloka
Umakhalekhikhini: 082 847 9799

Share this page

Similar categories to explore