ISitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wangomhla ziyi-14 Mandulo 2016

1. Ukuqaliswa kokusebenza kwezinhlelo zikahulumeni ezisemqoka

1.1. IKhabhinethi ikhuthazekile ngenxa yokukhula Kwesamba Somkhiqizo Wezwe (i-GDP) nge-3.3% ekoteni yesibili yowezi-2016; ekhishwe ngabeSikhungo Sezezibalo eNingizimu Afrika (i--StatsSA). Ukukhuphuka kuka-8.1% embonini yezokukhiqiza kanye no-11.8% embonini yezezimayini kanye nokuqhunyiswa kwamatshe kukhombisa ukuqinisela komnotho kulesi simo esinzima sezomnotho. I-GDP ikhule ngezigidigidi ezingama-25 zamarandi ngaphezulu kwekota yokuqala yowezi-2016 yafikelela ezigidigidini ezilinganiselwa kwi-1 068 zamarandi.

Sigcizelela ikhwela elihlatshwe nguhulumeni, ngabamabhizinisi kanye nezinhlangano zomphakathi lokuqinisa Isivumelwano Sokusebenzisana ekuqalisweni kokusebenza koHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP), ngokusebenzisa uHlelo Olunamaphuzu Ayisishiyagalolunye ukuze kuqhutshekwe nokuphikisana nezimo zamanje zezomnotho futhi kugqugquzelwe ukukhula okuzokweseka umnotho futhi kusize ukusindisa imisebenzi.

Lokhu kuyinkomba ecacile yokuthi uma bonke abalingani ababambisene – uhulumeni, abamabhizinisi kanye nabasebenzi – besebenzisana ndawonye singazuza ukukhula komnotho futhi sigcine sisungule imisebenzi ebhekwe ngamehlo abovu ngabantu abaningi.

1.2. IKhabhinethi isamukele isimemezelo sokuxhunywa kwamayunithi anamamegawathi (i-MW) angama-800 kwisiphehlimandla kumklamo Wesiteshi Sokuphehla Ugesi iMedupi esiseLimpopo. Iyunithi 5 yesiteshi sikagesi, engenye yamayunithi ayisithupha akhiwayo njengengxenye yomklamo wama-MW ayizi-4 800, izoqala ukuphakela  ngogesi ngoNdasa 2018.

Lena yiyunithi yesibili emayunithini ayisithupha esiteshi sikagesi ukufakwa kwisiphehlimandla. Iyunithi yokuqala, noma Iyunithi 6, iqalile ukuphakela ngogesi kwisiphehlimandla ngoNdasa 2015 futhi isingenile emsebenzini wezokuhwebelana. Umklamo weMedupi usuwonke ngokuphelele wamayunithi ayisithupha kulindeleke ukuba uphothulwe ngowezi-2020.

Lokhu kunegalelo ekuzinzisweni kwesiphehlimandla esiqinisa ukuphakelwa kukagesi okuthembekile eNingizimu Afrika.

IKhabhinethi ihalalisele u-Eskom ngegxathu olifinyelele lokuhlanganiswa kwamayunithi, okuyingxenye yokusheshiswa okubanzi kohlelo lokwakha, olugqugquzelwa ngabaholi abasha. Lokhu kunegalelo ekuqineni kokwenziwa kwemisebenzi nakwezezimali zakwa-Eskom.

1.3. IKhabhinethi igcizelela isibophezelo sayo Ohlelelweni Lokuthengwa Kukagesi Kubakhiqizi Abazimele, oluzothuthukisa futhi lukhiqize isabelo esikhulu samandla kagesi amasha njengengxenye esemqoka eqinisa ukusebenza kwezomnotho kanye nokukhula kwawo.

Lokhu kuzokuba negalelo ekuguqulweni kwakho kokubili ukuphakelwa kukagesi kanye nohlobo lukagesi okhiqizwayo. Ngaphezu kokwethula amakhono amasha kanye nokuzuza utshalomali olusha embonini, luzophinda luqhathanise indlela yokusebenza kanye namanani.

Lokhu kweseka i-NDP, ehlonza isidingo sokuthi iNingizimu Afrika itshale izimali kwingqalasizinda yezomnotho eyakhelwe ukweseka izinjongo zezomnotho nezenhlalakahle zesikhathi esiphakathi nendawo kanye nesikhathi eside zaleli lizwe.

1.4. IKhabhinethi iphinde yakuqaphela ukusayindwa Kwesivumelwano Sokusebenzisana (i-MoU) phakathi kwe-Passenger Rail Agency of South Africa kanye ne-China Communications Construction Company Limited ukuze kuhlolwe izinhlelo eziqanjwe kabusha ezinhlobonhlobo zokuthuthukiswa kwengqalasizinda, kubandakanya ne-Moloto Rail Development Corridor exhumanisa iGauteng neMpumalanga.

I-MoU isayindwe Kwisithangami Sesibili Sotshalomali lwase-Afrika ebesihanjelwe nguMongameli uJacob Zuma eGuangzhou, eSifundazweni saseGuangdong, eChina.

Lo mklamo usebenza njengesigqugquzeli sezinhlelo eziqanjwe kabusha zokuthuthukiswa komnotho ezingaphakathi kanye nezizungeze lo mngcele ukuze kuxazululwe izingqinamba zokuphepha, ukwethembeka, ukukhokheleka kanye nokuhlanganiswa ngokuphelele kanye nezinye izinsizakalo zezokuthuthwa komphakathi. Uzophinda wenze ngcono ikhwalithi yempilo yabantu basendaweni ngokunqamula amabanga amade okuhamba ngezinto zokuthutha.

1.5. IKhabhinethi ichazeliwe maqondana nemibiko yenqubekelaphambili yekota yokuqala, yesikhathi esiphakathi kukaMbasa kuya kuNhlangulana 2016, maqondana nokuqaliswa ukusebenza Kwemiphumela. Uhulumeni wenze inqubekelaphambili ebonakalayo nenomthelela ezimpilweni zabantu ngenkathi ebhekana futhi nezinkinga ezithinta ukuhanjiswa kwezidingongqangi kubantu.

Ukuqaliswa ukusebenza Komphumela Wohlelo Lokusebenza kuqalisa ukusebenza kwezinjongo ze-NDP, okuwuhlelo lweNingizimu Afrika oluzosithatha lusibeke eduzane nokufezekisa Umbono wezi-2030. Lokhu kuhumushekela ezinjongweni ezivezwe Ohlakeni Lokusebenza Kwesigaba Esimaphakathi, okuwuhlelo lweminyaka yokuqala emihlanu kahulumeni yokuqalisa ukusebenza kwe-NDP yowezi-2030, lwesikhathi esisukela kowezi-2014 kuya kowezi-2019.

Kube khona izintuthuko esimweni sezempilo esikhonjiswe ezinkombeni ezisemqoka zezempilo yabantu ezinjengesilinganiso seminyaka ephilwa ngabantu esikhulile, ukuncipha kokushona kwezingane ezineminyaka yobudala engaphansi kwemihlanu kanye nokuncipha kokushona komama abazithwele. Kube nokuhlinzekwa okwenziwe ngcono kwezidingo eziyisisekelo, kuhlanganisa nokuxhunywa kukagesi othathwa kwisiphehlimandla sikazwelonke kanye nalowo ungathathwa kwisiphehlimandla sikazwelonke, amanzi aphuzekayo ezindaweni zokuhlala, ukuthuthwa kwendle kanye nokuphathwa kukadoti. Nakuba kunjalo kusenokusalela emuva kwezinye izindawo. Kusukela ngowe-1994 sekube nokuhlinzekwa okuqinile nokwenziwe ngcono kosizo lwezenhlalakahle kubahlomuli abangaphezu kwezigidi eziyi-16, kanye nobufakazi bokuthi lokhu kunomthelela omkhulu ezimpilweni zabantu abahlwempu.

I-GCIS ixhumana neminyango ukuze ikwazi ukwenza izithangami Zamaqoqwana Kahulumende Nabemithombo Yezindaba ukuze aqaqulule izinto ezigqamile emibikweni yamakota.

1.6. IKhabhinethi iyayamukela Imbizo esingathwe nguNgqongqoshe eHhovisi likaMongameli Wokuhlela, Ukuqapha kanye Nokuhlola kanye noSihlalo weKhomishana Yokuhlela Kazwelonke, uJeff Radebe, maqondana nezinyathelo zokungenelela zokusheshisa ukukhokhelwa kwabaphakeli bempahla (noma abahlinzeki bezinsizakalo) nguhulumeni ngesikhathi esibekiwe sezinsuku ezingama-30.

Kusukela ekusungulweni koPhiko Olukhethekile eMnyangweni Wokuhlela, Ukuqapha kanye Nokuhlola (i-DPME) ukuze lubhekane nenkinga yokungakhokhelwa kwabaphakeli bempahla ngesikhathi esifanelekile sezinsuku ezingama-30, isibalo sama-invoyisi asemthethweni asekhokheliwe kusukela kuNhlangulana 2016 bekuyizi-17 668 ngenani lezigidi ezingama-340 zamarandi.

I-DPME kanye noMnyango Wezezimali Kuzwelonke baphinde bafaka izinsizakusebenza eziningi emzamweni wokubhekana nezingqinamba zokukhokhelwa kwabaphakeli bempahla. Maqondana nalokhu, isikhungo semibuzo nosizo sesisunguliwe emahhovisi oMnyango Wezezimali Kuzwelonke ukuze sibhekane nemibuzo yabaphakeli bempahla.
Ngaphezu kwalokho, uphiko olukhethekile lwe-DPME kanye nalabo elibambisene nabo bakhipha uhlelo lokweseka oluhloselwe iminyango ehlonziwe edonsa kanzima ukuze iqonde futhi ibhekane nezingqinamba eziholela ekungakhokhelweni noma ukukhokhelwa sekudlule isikhathi kwabaphakeli bempahla.

Ngezikhathi zalokhu kuhambela, uchungechunge oluphelele lokukhokhelwa kwama-invoyisi luyahlolwa, kuhlonzwe izithiyo bese iminyango isizwa ngokuqaliswa ukusebenza kwezinyathelo ezenziwe ngcono.

2. Izinqumo zeKhabhinethi eziqavile

2.1. INingizimu Afrika izosingatha Umhlangano We-17 Wengqungquthela Yamazwe Angamalungu (i-COP17) eSivumelwano Sokuhwebelana Kwamazwe Omhlaba Ngezihlahla Nezilwane Zasendle Ezisengozini Yokushabala (i-CITES) eSandton Convention Centre kusukela mhla zingama-24 kuMandulo kuya mhla zi-5 kuMfumfu 2016. Njengokuba i-CITES inamazwe angamalungu  ayizi-181, i-CITES isalokhu ingenye yamathuluzi anamandla amakhulu emhlabeni okulondolozwa kwezemvelo ngokulawulwa kokuhwebelana ngezihlahla kanye nezilwane zasendle. Amazwe angamalungu e-CITES kanye nezingqapheli balindeleke ukuba bangene ezingxoxweni ezishisisa ibunzi bese bephuma nezisombululo eziqhubela phambili umsebenzi osuqaliwe ukwenziwa maqondana nokuhwebelana ngezihlahla kanye nezilwane.

INingizimu Afrika ihamba phambili emhlabeni jikelele emkhakheni wokulondolozwa kwezilwane nezihlahla zasendle ngokubamba kwayo iqhaza elibonakalayo ezivumelwaneni zezemvelo ezisayindwe ngamazwe amaningi ezinjenge-CITES, Umbuthano oqondene Nezitshalo Ezifudukayo kanye noMbuthano oqondene Nokuxubana Kwempilo Yezendalo. Uhlelo oluyingqayizivele lezwe lethu lezindawo ezivikelekile luqukethe cishe u-5,5% wendawo engaphezulu yezwe lethu, Amaziko Amagugu Omhlaba ayisithupha kanye neziqiwi zezemvelo ezine.

2.2. UNgqongqoshe Wezengqalasizinda Yezokuxhumana Nezinsizakalo Zeposi, uDkt Siyabonga Cwele, uzohola ithimba laseNingizimu Afrika elizohambela Ingqungquthela yama-26 Yamaposi Omhlaba Yenyunyana Yamaposi Abumbene (i-UPU) ezobanjelwa e-Istanbul, eTurkey kusukela mhla zingama-20 kuMandulo kuya mhla ziyi-7 Mfumfu 2016. I-UPU iyisikhungo esikhethekile Sezizwe Ezihlangene (i-UN) esigxile ekwenzeni umkhakha wezamaposi ngendlela yesimanjemanje kanye noxuba imikhiqizo yamaposi ukuze kuqiniswe umkhakha wamaposi abumbene ohlangabezana nezidingo zekhuluminyaka lama-21.

Le ngqungquthela isemqoka eNingizimu Afrika, njengoba Iposi laseNingizimu Afrika lidlala indima esemqoka ekuhanjisweni kwezinsizakalo zikahulumeni futhi lihanjelaniswe ne-NDP, ngokusetshenziswa njengekheli lesizwe kanye nokukhishwa kwezezimali kanye nezinsizakalo zikahulumeni ziye ezindaweni ezisemakhaya kanye nasemiphakathini engatholi izinsizakalo ezanele.

2.3. IKhabhinethi ithiwe fahla fahla maqondana nenqubekelaphambili ephathelene namalungiselelo Emidlalo ye-Commonwealth yowezi-2022 ezobanjelwa eDolobheni lase-Durban.

Ukutshalwa kwezimali kwingqalasizinda Yemidlalo kulindeleke ukuba kube negalelo emihlomulweni yesikhathi eside yedolobha elizoba ngosokhaya bale midlalo, elizophinda futhi lisebenzise ingqalasizinda eyifa elashiywa Imidlalo Yendebe Yomhlaba ye-FIFA yowezi-2010. Lokhu kuvuleleka okwengeziwe ezimakethe zomhlaba kuzohlinzeka futhi ngamathuba okuheha kanye nokuthuthukisa ezokuvakasha kanye notshalomali oluqondile lamazwe angaphandle. Imidlalo yowezi-2022 ye-Commonwealth kulindeleke ukuba ifake imali efinyelela ezigidigidini ezingama-20 zamarandi ewumvuzo kwezomnotho, nezohumushekela ezigidigidini ezengeziwe eziyi-11 zamarandi zokukhula kwe-GDP.

Lokhu kuphinde kwenze izwe libukeke njengendawo yokuhanjelwa ngabezokuvakasha bezemidlalo futhi kuhlinzeka ngamathuba amahle kwiThimba laseNingizimu Afrika.

2.4. IKhabhinethi ikuqaphelile ukubizwa ngempoqo kukaNobhala weKhabhinethi nguMvikeli Womphakathi. Lokhu kubizwa ngempoqo kucela uNobhala weKhabhinethi ukuba ahlinzeke ngohlu lwezipho zamalungu eKhabhinethi kanye namaminithi eKhabhinethi, esikhathini esiphakathi kukaLwezi 2015 kuya kuMbasa 2016, aqopha ukuqokwa koNgqongqoshe abangamabamba ngenkathi oNgqongqoshe abasezikhundleni besemazweni angaphandle.

IKhabhinethi ivumile ukuhlinzeka uMvikeli Womphakathi ngohlu lwezipho zamalungu eKhabhinethi. Nakuba kunjalo, njengoba uMongameli waseNingizimu Afrika eqoka oNgqongqoshe kanye namaPhini oNgqongqoshe ngaphansi kwezigaba zama-91 nama-98 zoMthethosisekelo, izindaba ezinjengalezo azikaze zivele ngaphambi kweKhabhinethi ngakho-ke azikaze zifakwe emaminithini njengezinqumo ezithathwe yiKhabhinethi.

3. IMithethosivivinywa

3.1. Ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa Kotshwala Kazwelonke wezi-2016 kwagunyazwa ukuze kube nokuxoxisana nomphakathi okubanzi. Lona uchibiyela uMthetho Wotshwala Kazwelonke, 2003 (uMthetho 59 wezi-2003). Lokhu kugunyazwe kanyekanye neNqubomgomo Kazwelonke Yotshwala yokugcina, ebhekana nezingqinamba eziphazamisa ukusebenza ngempumelelo koMthetho futhi egqugquzela ukuhlanganiswa koMthethosivivinywa.

UMthethosivivinywa ubhekana nomthelela wotshwala kwezenhlalo kanye nezomnotho, ukushaya ngonyawo lonwabu koguquko, ukuvanyiswa kwezingxenye ezisemqoka zokulawula kanye nokusebenzisana okwenziwe ngcono kwezokulawula, ukuqeda ukukhiqizwa kanye nokuhweba ngotshwala okungekho emthethweni nokungavumelekile kanjalo nezingqinamba ezimaqondana namandla okulawula angaphakathi Kwesiphathimandla Sikazwelonke Sotshwala.

Leli nyathelo lokungenelela luphinde lugxile ekunciphiseni ukulimala kwezenhlalo nezomnotho kanye nezinye izindleko zokusetshenziswa kabi kotshwala, ukuguqula kabusha imboni yezotshwala kanye nokuthuthukisa ukubambisana phakathi kwazo zonke izinhlaka zikahulumeni.

Uhanjelaniswe nezinto eziseqhulwini ze-NDP zokuqinisekisa ukuphatha ngempumelelo, ukuvikelwa komphakathi kanye nokusungulwa kwamathuba omsebenzi. Phakathi kwezinye izinto ozozenza, uzovimbela ukuhweba okungekho emthethweni, uthuthukise ezemfundo kanye nezinhlelo zokuqwashisa, futhi usize ezinhlelweni ezithuthukile maqondana nokuhlumelelisa izimilo zalabo asebeyimilutha yotshwala.

3.2. IKhabhinethi iphinde yagunyaza uhlaka loMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa Kokugembula Kazwelonke wezi-2016 ukuze kutholwe imibono yomphakathi ebanzi. UMthethosivivinywa ubhekana nezingqinamba eziphazamisa ukusebenza ngempumelelo koMthetho Wokugembula Kazwelonke, wezi-2004 (uMthetho 7 wezi-2004).

UMthethosivivinywa uhlose ukuqinisekisa ukuthi ukuphatha ngokubambisana kanye nemisebenzi yokuqapha ukusebenza yenziwa ngcono kanye nokuthi kunesiqiniseko sezokulawula futhi nemithelela emibi yokugembula iyancishiswa ngendlela emangazayo. Uzogxila ekuthuthukiseni imisebenzi esivele ikhona kakade yokugembula futhi ayikho imisebenzi emisha yokugembula ezokwethulwa. UMthethosivivinywa uzoqinisekisa ukuthi amaqembu abantu abasengozini yokuba yizisulu abanjengezingane kanye nabagembuli abanenkinga bayavikelwa futhi bayakwazi ukuthola usizo ezinhlanganweni ezinjengoMlawuli Kazwelonke Wokugembula.

Uhanjelaniswe ngobuqhinga nezinto eziseqhulwini ezigqanyiswe kwi-NDP ngenhloso yokuqinisekisa ukuphatha ngempumelelo, ukuvikelwa komphakathi, ukusungulwa kwamathuba omsebenzi, ukungcebeleka kanye nokuzijabulisa.

4. Imicimbi ezayo

4.1. UNgqongqoshe Wezobudlelwano Bamazwe Nokubambisana, uNks Maite Nkoana-Mashabane, uzohola ithimba elizohambela Inkomfa ye-17 Ye-Non-Aligned Movement (i-NAM) ngaphansi kwendikimba ethi “Ukuthula, Ukuzimela kanye Nokubumbana ukuze Kuthuthukwe” ezobanjelwa eVenezuela kusukela mhla ziyi-17 kuya mhla ziyi-18 kuMandulo 2016.

I-NAM iyinhlangano enkulukazi ngaphandle kwe-UN futhi ivumela izizwe ezisathuthuka ukuba zibe nefuzela ezindabeni zomhlaba futhi iqinisekisa ukuthi izimfuno zazo ziyabhekelelwa.

4.2. UMongameli Zuma uzohola ithimba elizohambela Umhlangano Omkhulu wama-71 we-UN (i-UNGA) ozobanjelwa Komkhulu le-UN eNew York kusukela mhla ziyi-18 kuya mhla zingama-22 Mandulo 2016.

Mhla lu-1 Masingana 2016, Izinjongo Zokuthuthuka Okuqinile eziyi-17 (ama-SDG) ze-Ajenda yowezi-2030 Yokuthuthuka Okuqinile, ezamukelwa ngabaholi bomhlaba ngoMandulo 2015 zaqala ngokusemthethweni ukusebenza. Eminyakeni eyi-15 ezayo, amazwe azokwenza imizamo yokuqeda zonke izinhlobo zobuphofu, ukulwisana nokungalingani kanye nokubhekana nokuguquguquka kwesimo sezulu, ngenkathi eqinisekisa ukuthi akekho noyedwa osalela emuva.

4.3. IPhini likaMongameli uCyril Ramaphosa uzohola umgubho kazwelonke woSuku Lwamagugu mhla zingama-24 kuMandulo 2016 eGaleshewe Stadium, eKimberley, eNyakatho Kapa. Lolu suku luzogujwa ngaphansi kwendikimba ethi: “Ukugubha Amagugu Angabantu Ngokwamukela Isigubo sethu sobu-Afrika”.

4.4. Ingqungquthela Yamazwe Ngamazwe maqondana Nokuthuthuka Okuqinile izobanjelwa eNew York kusukela mhla zingama-21 kuya mhla zingama-22 Mandulo 2016 ngaphansi kwendikimba ethi: “Siqhubekela Phambili: Ama-SDG Enzeka Ngempela.”

Inhloso yengqungquthela ukuhlonza kanye nokwabelana ngezisombululo eziphathekayo nezigxile ebufakazini ezizokweseka ama-SDG. Ingqungquthela ihlanganisela ndawonye ababambiqhaza abavela kuhulumeni, emkhakheni wezifundiswa, i-UN, ezikhungweni zamazwe omhlaba, ezinhlanganweni ezingekho ngaphansi kukahulumeni kanye nasezinhlanganweni ezisemazingeni aphansi.

4.5. IKhabhinethi iyawamukela umcimbi wokugubha iminyaka emihlanu Yobambiswano Oluvulekile Lukahulumeni (i-OGP) ngenkathi kuqhubeka i-UNGA, eNew York mhla zingama-20 kuMandulo 2016.

Lo mcimbi uzobonisa ukudluliswa okusemthethweni kwesikhundla sikaSihlalo Oholayo we-OGP yiNingizimu Afrika. Uzohanjelwa Yizinhloko Zamazwe kanye Nohulumeni, abaholi bezinhlangano zomphakathi kanye nabanye ababambiqhaza abebewusizo olukhulu empumelelweni ye-OGP. INingizimu Afrika yathatha lesi khundla sikaSihlalo Oholayo we-OGP eNkomfeni yaseMexico ngoMfumfu 2015.

Selokhu Izinhloko Zamazwe kanye Nohulumeni eziyisishiyagalombili  zabambisana nezinhlangano zomphakathi eziyisishiyagalolunye ukwethula i-OGP ngenkathi kuqhubeka i-UNGA ngowezi-2011, lolu bambiswano olunomdlandla selukhule lafinyelela kohulumeni abangama-70 kanye nezinhlangano zomphakathi eziyizinkulungwane emhlabeni wonke jikelele, olunezibophezelo eziqonde ngqo eziyizi-3 000 ukwenyusa ukusebenzela obala kanye nokukwazi ukuziphendulela kohulumeni kanye nokwenza ngcono ukubamba iqhaza komphakathi.

4.6. UNgqongqoshe Wezengqalasizinda Yezokuxhumana  Nezinsizakalo Zeposi, uDkt Siyabonga Cwele, uzohola ithimba laseNingizimu Afrika elizohambela umhlangano weKhomishana Ye-Intanethi Esheshayo ye-UN ezobanjelwa eNew York mhla ziyi-18 Mandulo 2016.

Ikhomishana yethweswe umsebenzi wokubheka amaqhinga okuxhumanisa abantu abayizigidigidi ezine abangaxhumekile njengamanje ebuxhakaxhakeni bezokuxhumana noma kwi-inthanethi esheshayo, ngendlela engambi eqolo. Umhlangano walo nyaka uzolinganisa futhi ubuyekeze amaqhinga amanje bese unquma ngalokho okumele kwenziwe esikhathini esizayo ukuze kuthuthukiswe ukusetshenziswa kobuxhakaxhaka bezokuxhumana ukuze kube nokuthuthuka okuqinile.

4.7. Inyanga Yezokuthutha ngoMfumfu 2016 izosingathwa ngaphansi kwendikimba ethi: “Sisonke Siqhubekisela iNingizimu Afrika Phambili.” Lolu hlelo oluzodonsa inyanga yonke luzobukisa ngemiklamo yengqalasizinda yezokuthutha, lukhuthaze ukusetshenziswa kwezinto zokuthutha umphakathi futhi luthuthukise izinhlelo eziqanjwe kabusha zezwe lakithi zokuphepha emgwaqweni.

Uhulumeni utshala izimali emkhakheni wezokuthutha oyingxenye yoHlelo lezwe Olunamaphuzu Ayisishiyagalolunye ukuze kugqugquzelwe intuthuko futhi kusungulwe amathuba emisebenzi. Utshalozimali lwezinto zokuthutha umphakathi luyingxenye yokwakha kanye nokusebenzisa inethiwekhi edidiyelwe yezinto zokuthutha umphakathi ezweni lonkana.

Utshalomali lezwe ezintweni zokuthutha luzosiza ukukhulisa umnotho kanye nokubhekana nezingqinamba zokusweleka komsebenzi, ubuphofu kanye nokungalingani.

Utshalozimali lwethu kwezokuthutha lubeka izwe lethu njengendawo eheha abatshalizimali.

5. Isimo seKhabhinethi ezindabeni ezisematheni

5.1. IKhabinethi iyayamukela imiphumela evela eNkomfeni Yabaholi be-G20, ebihanjelwe nguMongameli uJacob Zuma, lapho izimfuno zeNingizimu Afrika zithuthukiswe khona.
Inkomfa ebibanjwe ngaphansi kwendikimba ethi: “Siqonde Umnotho Womhlaba Oqanjwe Kabusha, Ovuselelwe Kabusha, Oxhumaxhumene futhi Ofaka Konke” idingide lezi zindawo ezilandelayo eziseqhulwini: i) Ukuchaba Indlela Entsha Yokukhula Komnotho, ii) Umnotho Womhlaba Wonke kanye Nokuphathwa Kwezezimali Okusebenza Ngempumelelo Nangendlela Egculisa Kakhulu, iii) Ukuhwebelana Kwamazwe Ngamazwe Okunomfutho kanye Nokutshalwa Kwezimali, iv) Intuthulo Efaka Konke futhi Exhumaxhumene, kanye v) Nezinye izinkinga ezithinta Umhlaba ezinjenge-Anti-Microbial Resistance (i-AMR).

Ekuqiniseni ukuqamba kabusha njengomkhakha osemqoka wokukhulisa komnotho samazwe ngawodwana kanye nomnotho womhlaba wonke, i-G20 yamukele Uhlelo maqondana Nokukhula Okuqanjwe Kabusha njenge-ajenda entsha equkethe izinqubomigomo kanye nezinyathelo ezizungeze izindawo zokuqamba kabusha, uguquko olusha lokwenza osozimboni kanye nomnotho osebenza ngobuxhakaxhaka be-intanethi.

Ngaphezu kwalokho, Uhlelo Lokusebenza Loguquko Olusha Lokwenza Osozimboni lwe-G20 lubamba ithuba elinikezwa nguguquko olusha lokwenza osozimboni kule mboni, ikakhulukazi imboni yezokukhiqiza kanye nemisebenzi ehlobene nakho. Lokhu kubandakanya ukwesekwa kokwenziwa kosozimboni emazweni asathuthuka, ikakhulukazi lawo ase-Afrika kanye Namazwe Asathuthukiswe Kancane (ama-LDC). Kanjalo futhi, ukwethulwa Kohlelo Oluqanjwe Kabusha lwe-G20 maqondana Nokweseka Kokwenziwa Kosozimboni e-Afrika nakuma-LDC kuqinisa ukukhula komnotho okufaka konke kanye namandla okuthuthuka ngokusebenzisa izinhlobo zenqubomgomo yokuzithandela.

Ekubeni negalelo ekwakhiweni kohlelo lwezezimali oluvulekile nolunenkani ukweseka ukukhula okuqinile kanye nentuthuko, isiphakamiso seNingizimu Afrika sokuthi ukuchithwa kwezimali okungekho emthethweni okuvela emananini okungewona okuhwebelana kumele kucwaningwe Inhlangano Yezokuhwebelana Yomhlaba, samukelwa. Ukubhekana nale ngqinamba kuqukethe amandla okuqaqulula izimali ezingasetshenziswa ngohulumeni base-Afrika ukuqalisa ukusebenza Kwezinjongo Zokuthuthuka Okuqinile kanye nezinhlelo zazo zentuthuko.

5.2. IKhabhinethi iyagcizelela ukuthi kuwumsebenzi wabo bonke abantu baseNingizimu Afrika ukwenza umzamo obonakalayo ukonga amanzi nokuwasebenzisa ngobuhlakani, lokhu kubandakanya ukulungisa ompompi abavuzayo kanye nokunakekela ingqalasizinda kahulumeni ngaphakathi emiphakathini.

Ukwehla kwamazinga amanzi emadamini kazwelonke sekwenze kwaba nesidingo sokufaka imikhawulo yamanzi ezifundazweni ezimbalwa kanti kamuva nje, kube Isifundazwe saseGauteng.

Kudingeka ukuba sisebenze ndawonye ukweseka imiphakathi yethu engaphansi kwengcindezi ngokubika ukulinyazwa kanye nokuntshontshwa kwengqalasizinda kwiziphathimandla ezifanelekile. Uhulumeni uyazi ngobunzima abantu bakithi ababhekane nabo ezindaweni eziningi ezithintekayo kanti futhi Ithimba Labongqongqoshe Abahlukene Elibhekene Nesomiso selidalule ukuqiniswa kwezinyathelo zokungenelela zokudambisa isimo ezindaweni ezingaphansi kwengcindezi.

Izinyathelo zokungenelela zesikhathi esifushane nesikhathi eside ziyaqaliswa ukusebenza ngenkathi ukuqapha kanye nokulinganiswa kwayo yonke imizamo kuqhubeka.

Umnyango Wokwengamela Ngokubambisana kanye Nezindaba Zendabuko, ngokusebenzisa Isikhungo Sikazwelonke Sezinhlekelele, uyaqhubeka nokudidiyela isimo esibhekene nezwe sesomiso kanye nokushoda kwamanzi ngokubambisana nayo yonke imikhakha kanye nomkhakha ozimele.

5.3. IKhabhinethi ihlanganyela nesizwe ekuncomeni ukusebenza kweThimba laseNingizimu Afrika Emidlalweni YamaParalimpikhi eseRio yowezi-2016 eBrazil kusukela mhla ziyi-7 kuya mhla ziyi-18 kuMandulo. Laba basubathi benza isizwe siziqhenye futhi bayaqhubeka nokwakhela phezu kwesithunzi sezwe lethu esihle sokusebenza ngendlela encomekayo kumaParalimpikhi. IKhabhinethi ihalalisela leli thimba ngokunqoba izindondo eziyisishiyagalolunye okwamanje: ezintathu zegolide, ezintathu zesiliva kanye nezintathu zethusi. IKhabhinethi ihalalisela laba basubathi abalandelayo ngokunqoba izindondo zegolide: umbhukudi uKevin Paul, uHilton Langenhoven kwezokugxuma ibanga elide kanye noCharl du Toit kwezokugijima ebangeni lamamitha ayi-100.

5.4. IKhabhinethi ikwamukele ukukhishwa kwezibalo zobugebengu zowezi-2015/16 nguMbutho Wamaphoyisa waseNingizimu Afrika (i-SAPS) ezikhombisa ukhondolo oluphelele lokuthi ubugebengu kuleli lizwe behlile.

Ngenkathi inqubekelaphambili eyenziwe ngu-SAPS ekwehliseni amazinga ezinhlobo ezithile zobugebengu incomeka, kusalokhu kunokukhathazeka maqondana nokwenyuka kobugebengu obunodlame, ikakhulukazi ukubulala.

Ukulwisana nobugebengu kuwumsebenzi wawo wonke umuntu. Sonke kudingeka sisebenzisane no-SAPS ukufezekisa injongo yethu sonke yemiphakathi ephephile, amadolobha aphephile kanye nezwe eliphephile. Lokhu kuzokhuphula ukubambisana phakathi kwezinhlaka ezihlukene zabengalo yomthetho ukwehlisa amazinga obugebengu.

5.5. IKhabhinethi ikhumbuza abakhokhi bentela abahambisa amaphepha abo entela ngesandla noma ngeposi ukuthi umnqamlajuqu womhla zingama-23 kuMandulo 2016 wokugcwalisa amaphepha abo entela esikhathi sokuqoqwa kwentela sowezi-2016 uyasondela ngokushesha.

IKhabhinethi ifisa ukubonga abakhokhi bentela asebewagcwalisile kakade amaphepha abo entela. Imali eqoqwe ngabakwa-SARS isiza uhulumeni ekuhlinzekeni ngezinsizakalo ezigidini zabantu baseNingizimu Afrika abazidinga kakhulu.

5.6. IKhabhinethi iyayibona imizabalazo abantu abasha ababhekana nayo ngenkathi bezama ukuzifundisa. Uhulumeni usalokhu ezibophezele ukuqinisekisa imfundo eseqophelweni eliphezulu nekhokhelekayo yawo wonke umuntu. Uxhaso lwezezimali olutholakala ngeSikhwama Sikazwelonke Sokusiza Abafundi Ngezimali lumi ezigidigidini eziyi-14 582 zamarandi sikhuluma nje, futhi luyasiza ukuqinisekisa ukuthi abafundi abahluphekayo abasebenza kanzima bayakwazi ukuthola imfundo ephakeme kuwo wonke amanyuvesi kahulumeni angama-26 kanye namakolishi kahulumeni angama-50 Okufundela Umsebenzi Wezandla kanye Nokuqeqeshwa (i-TVET).

Ngokocwaningo leNhlangano Yezezibalo eNingizimu Afrika (i-Stats SA lowezi-2015 Lwamakhaya Jikelele: ‘Imiphumela yokufumana ezemfundo iyaqhubeka nokuba ngcono nalapho kunokufinyelela okwenziwe ngcono kwezikhungo zezemfundo kanye nezinsizakalo. Phakathi kwabantu abaneminyaka engama-20 ubudala nangaphezulu, amaphesenti abantu abaphothule iBanga le-12 njengezinga labo eliphezulu lezemfundo akhuphukile esuka ku-21,9% ngowezi-2002 aya ku-28,0% ngowezi-2015. Amaphesenti alaba bantu abaneziqu zemfundo ephakeme aphinda athuthuka esuka ku-9,3% aya ku-14,1%’. IKhabhinethi isalokhu izibophezele ekufezekisweni kwemfundo yamahhala ehamba ngezigaba kubantu abahlwempu, ezokwenziwa ngokusemandleni esikhwama sikahulumeni sezimali.

Umbono wethu wesikhathi eside wemfundo ephakeme uzosekelwa yiKhomishana Yophenyo mayelana Noxhaso Lwezemfundo Ephakeme kanye Nokuqeqeshwa, ehleli njengamanje futhi okulindeleke ukuba iphothule umsebenzi wayo mhla zingama-30 Nhlangulana 2017. Sinxusa bonke ababambiqhaza ukuba banikeze iKhomishana Yophenyo mayelana Noxhaso Lwezemfundo Ephakeme kanye Nokuqeqeshwa ithuba lokuthi iphothule umsebenzi wayo. Ngokusebenzisana ndawonye singathola izisombululo eziphathekayo neziqinile eziqhubekela phambili.

5.7. IKhabhinethi ikhathazekile ngokuqubuka kwemibhikisho enodlame kwezinye izikhungo zemfundo ephakeme. Ukulinyazwa kwempahla kuwubugebengu obucekela phansi izinkinga zangempela ezenzekayo.

Ukucekelwa phansi kwezinsizakusebenza, kubandakanya nomtapo wolwazi, njengoba kubonakele eNyuvesi yaKwaZulu-Natali, izincwadi kanye nengqalasizinda akwamukelekile futhi kucekela phansi inqolobane yolwazi oseluqoqwe isikhathi eside. Lezi yizenzo zobugebengu okumele abengalo yomthetho basabele kuzona ngesandla esiqinile.

Lezi zenzo zifaka ingcindezi phezu kwezinsizakusebenza ezivele sezizincane kakade ukuhlinzeka ngemfundo kubantu abahlwempu. IKhabhinethi inxusa abaholi babafundi ukuba buhlanganyele ekhweleni elihlatshwayo lokuvikelwa kwengqalasizinda esemqoka yamanyuvesi kanye nezinsizakusebenza eziyingxenye yamagugu kazwelonke abo bonke abantu baseNingizimu Afrika.

Uhulumeni uzizwile izinkinga eziphakanyiswe ngabafundi, ezithola ukunakwa yithina okugcwele. Sisebenzisana ndawonye nazo zonke izinhlangothi ezithintekayo ukuthola isisombululo esizohlala isikhathi eside.

5.8. IKhabhinethi iyadabuka ngokulahleka kabuhlungu kwezimpilo zabavukuzi abangekho emthethweni abashone emayini engasasebenzi yaseLanglaagte. Lokhu kushona kugqamisa izingozi zokuvukuza okungekho emthethweni njengoba le misebenzi engavumelekile ibeka izimpilo zomphakathi engcupheni.

Umnyango Wezimbiwa Phansi usebenzisana nezikhungo zabengalo yomthetho ukuqinisekisa ukuthi ababhebhezeli balokhu bayaboshwa ikakhulukazi obhongoza bakhona abakhulu abaqhubekayo nokuhweba ngokungekho emthethweni ngezimbiwa phansi.

IKhabhinethi inxusa bonke ababambiqhaza ukuba basebenzisane ndawonye ukuqeda ukuvukuza okungekho emthethweni lapha ezweni. Umnyango usebenzisana ndawonye nezinkampani zezimayini futhi usuvale izimayini ezingaphezu kwama-200 ezihlobene nokuvukuza okungekho emthethweni ezimayini ezingasasebenzi.

5.9. IKhabhinethi ihalalisela Umnyango Wezemfundo Eyisisekelo ngokunqoba indondo Yokufunda Nokubhala Yamazwe Ngamazwe yeNhlangano ye-UN Yezemfudo, Ezesayensi kanye Nezobuciko (i-UNESCO) ngoMkhankaso wayo wokufundisa umphakathi owaziwa ngokuthi yi-Kha Ri Gude Mass Literacy Campaign. Imiklomelo Yokufunda Nokubhala Yamazwe Ngamazwe ye-UNESCO iklomelisa ubungqaphambili kanye nokuqamba kabusha emkhakheni wokufunda nokubhala.

Umkhankaso wokufundisa umphakathi obizwa ngokuthi yi-Kha Ri Gude Mass Literacy Campaign wethulwa ukuze kuncishiswe isilinganiso sikazwelonke sabantu abangakwazi ukufunda nokubhala eNingizimu Afrika, futhi uhlomulise abantu abayizigidi ezingu-4.7 kuzo zombili izindawo ezisemakhaya nezisemadolobheni. Lo mkhankaso unikezelwa ngezilimi eziyi-11 ezisemthethweni, kubandakanya ne-braille.

5.10. IKhabhinethi ihalalisela umculi ocula i-soprano waseNingizimu Afrika uPretty Yende ukudlondlobala kwakhe aziwe ngumhlaba wonke esuka emazingeni aphansi engaziwa muntu ePiet Retief kufaka ugqozi kuthina sonke. Phakathi kwezinye izindawo azocula kuzona, kubhekeke ukuba ahole idili lomculo we-Italian opera Lucia di Lammermoor ozobe use-Opéra Bastille eParis ngenyanga ezayo kanti ngoZibandlela uzobe edlala indima ehamba phambili emdlaweni othi Roméo et Juliette ozobe useMetropolitan Opera House eNew York.

5.11. IKhabhinethi ihalalisela uNks Esther Mahlangu, iciko elaziwa umhlaba wonke lesiNdebele kanye nomamukeli wendondo i-Order of Ikhamanga Kazwelonke yaseNingizimu Afrika. UMama uMahlangu kanye nabakwa-BMW baqopha iminyaka engama-25 yobambiswano lwabo oluyingqayizivele emcimbini we-Frieze Art Fair ozobe useLondon phakathi komhla zi-5 kanye nomhla ziyi-9 Mfumfu 2016.

5.12. IKhabhinethi ihlanganyela kanye nabantu baseNingizimu Afrika ekugubheni impilo kaMama Winnie Madikizela-Mandela ngosuku lwakhe lokuzalwa lwama-80. Njengoba edume kakhulu ngokuthi “nguMama Womzabalazo”, uMama Winnie uyingqalabutho yomzabalazo futhi ungumgqugquzeli wamandla okuyibamba ishisa kwabantu besifazane emhlabeni wonke jikelele.

IKhabhinethi ithumela amazwi ayo enduduzo kulaba:

5.13. Umndeni kanye nabangani bomculi we-opera owaziwa umhlaba wonke kodwa owazalelwa lapha eNingizimu Afrika, uMnu Johan Botha. UMnu Botha uzokhunjulwa ngezwi lakhe elimtoti nelinamandla ebelizwakala emathiyetha anhlobonhlobo e-opera nasemahholo emhlabeni wonke kubandakanya ne-Vienna State Opera eyamenza i-Kammersänger, okuyiziqu ezithweswa abaculi abahlukahlukene bomculo we-opera nowe-classical e-Austria naseGermany.

5.14. Imindeni, abangani kanye nozakwabo bomshayeli wesitimela sakwaTransnet kanye nomsizi wesitimela abashone ngenkathi isitimela esithwala izimpahla sakwaTransnet sigumbuqela esiteshini sesitimela saseDelvillewood kulandela ukushibilika okudalwe yimvula eHillcrest entshonalanga ye-Durban.

5.15. Abantu baseTanzania kulandela ukuzamazama komhlaba okulinganiselwa ku-5.7 ukujula okudlule nenqwaba yemiphefumulo. Imicabango kanye nemithandazo yethu inemindeni yalabo abashonile kanye nabalimele.

6. Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abalandelayo kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikeziwe izimvume ezifanelekile.
6.1. Umnyango Wezemidlalo Nokungcebeleka: uqashe uMnu Alec Moemi njengoMqondisi Jikelele ngenkontileka yeminyaka emihlanu ihlandla lesibili.

Imibuzo: Donald Liphoko
Umakhalekhikhini: 082 901 0766
 

Share this page

Similar categories to explore