Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wamhla ziyisi-9 Zibandlela 2015

1.    Ukuqaliswa kokusebenza kwezinhlelo zikahulumeni ezisemqoka
1.1.    IKhabhinethi ikwamukele ngezandla ezimhlophe ukusayindwa kwezivumelwano ezingama-26, ngenkathi uMongameli wase-China u-Xi Jinping ehambele kuleli esikhathini esifushane esedlule, ezibalelwa kwizigidigidi zamarandi ezingama-94. Lezi zivumelwano zibandakanya nesamba semali engamarandi ayizigidigidi eziyi-12 yokusungula isikhungo sokwakha izimoto eNingizimu Afrika, nemali ebolekwe abakwa-Eskom engamaDola aseMelika ayizigidi ezingama-500 yokuthuthukisa ingqalasizinda kanye nesibambiso samaDola aseMelika ayizigidigidi ezimbili nesigamu esinikezwe abakwa-Transnet, esikhishwe yiBhange Lentuthuko lase-China.  

Njengengxenye yeNgqungquthela Yesibili Yobambiswano Phakathi Kwamazwe ase-Afrika ne-China (i-FOCAC), uMongameli Xi Jinping wathembisa ukuthi izwe lakhe lizohlinzeka ngemali engamaDola aseMelika (i-US$) ayizigidigidi ezingama-60 yentuthuko e-Afrika.
Ukwamukelwa kweSimemezelo esisha kanye noHlelo Lokusebenza (lowezi-2016-2018) kwingqungquthela ye-FOCAC kuqinisa ubambiswano oludlondlobalayo phakathi kwe-Afrika ne-China, oluzovula amathuba amasha okuhwebelana nokutshalwa kwezimali ukuze kukhuthazwe ukukhula komnotho.

    Umnotho uthole futhi inkuthazo ngesimemezelo seNkampani yakwa-BMW yaseNingizimu Afrika sokutshalwa kwemali engamarandi ayizigidigidi eziyisithupha ophikweni lwayo oluse-Rosslyn, ePitoli, okuwubufakazi bobambiswano olusemqoka olukhona phakathi kwabamabhizinisi nohulumeni, kanye nendima edlalwa ngabamabhizinisi ekuthuthukisweni komnotho.

1.2.    NgoLwesibili mhla ziyisi-8 kuZibandlela, uMongameli Zuma uzohlonipha ngeziNdondo Zezwe abantu baseNingizimu Afrika kanye nabakwamanye amazwe abavelele abafake isandla esikhulukazi ekuthuthukisweni kwabantu. Umcimbi wokunikezwa kweziNdondo Zezwe uhlinzeka ngethuba lokubheka emuva kanye nokubungaza umsebenzi omuhle futhi uletha ukuziqhenya okukhulu kubantu bakuleli. Lezi zindondo zibungaza insebenzo enhle, ukuzinikela kanye nendima enkulu edlalwe ngabantu abathile ngenhloso yokwenza izwe lethu libe yizwe elingcono kakhulu. Sibathulela isigqoko bonke labo abaklonyeliswe ngeziNdondo Zezwe zowezi-2015.

1.3.    IKhabhinethi iyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi amanzi bawasebenzise ngokuwonga. Lokhu kuzolekelela emizamweni ehlukahlukene esiqalisiwe yokunciphisa ukuntuleka kwamanzi, okubhebhethekiswe nayisivuvu sokushisa ebesikhona kulama viki edlule. Nakuba izimvula ezitholakele esikhathini esifushane esedlule ezingxenyeni ezithile zaleli lizwe ziyidambisile kancane inkinga yokuntuleka kwamanzi, ukushoda kwamanzi kuseyinselelo enkulu futhi kudinga ukuthi sonke siqinisekise ukuthi amanzi siwasebenzisa ngokuwonga.

1.4.    IKhabhinethi izwakalise amazwi okubonga kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika ababambe iqhaza emkhankasweni walo nyaka weziNsuku eziyi-16 Wokulwisana Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nezingane, ophothulwe izolo. Ucwaningo lwakamuva lukhombisa ukuthi siphezulu isibalo sabantu abasuleleka ngegciwane lesandulela ngculazi (i-HIV) kwizwekazi lase-Afrika, ikakhulukazi abesifazane abasebasha kanye namantombazane aneminyaka yobudala ephakathi kweyi-15 kanye nengama-24.

Abantu baseNingizimu Afrika bayakhuthazwa ukuthi baqhubeke nokulwisana nsukuzonke nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, njengengxenye yomkhankaso we-#365 Days Campaign Wokulwisana Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nezingane kanye nomkhankaso we-#CountMeIn, okuyimikhankaso ezoqhubeka kuze kuphele unyaka ozayo.
    Ngokusebenzisa umkhankaso we#365 Days Campaign kanye nowe-#CountMeIn, leli lizwe kudingeka ukuthi liqhubeke nokugqugquzela amalungu omphakathi, ikakhulukazi amadoda, ukuthi asebenzisane nohulumeni ekulwisaneni nalesi sihlava.
Kungumthwalo osemahlombe esizwe sonke, nomuntu ngamunye, ukunqanda ukusabalala kwe-HIV ngokuthi sinakekele izimpilo zethu kanye nezabanye abantu.

1.5.    IKhabhinethi izwakalise ukuyithokozela inqubekelaphambili eyenziwe wuMkhandlu Wocwaningo Lwezesayensi Nezimboni (i-CSIR) ekuthuthukisweni kwenqubo yokuthola ikhambi lokuvimbela i-HIV.

Lokhu sekubeke imboni yezempilo esimweni sokuthi khona maduze nje ikwazi ukuqhamuka nekhambi lokuvimbela isandulela ngculazi elingambi eqolo futhi elizoba nomthelela omuhle kwezomnotho. Njengoba kusenzima kuleli lizwe ukuthola ikhambi lokwelapha ingculazi, abantu baseNingizimu Afrika kumele bazivikele uma beya ocansini futhi balandele umgomo we-ABC (okusho Ukuzithiba, Ukwethembeka kanye Nokusebenzisa Ikhondomu) ngenhloso yokuvimbela ukusuleleka ngegciwane lesandulela ngculazi.

1.6    IKhabinethi ibashayela ihlombe bonke abafundi, izitshudeni, othisha, izikole kanye nezikhungo zemfundo ephakeme ngokuphothula unyaka wemfundo obe yimpumelelo, nakuba kube nezinselelo ezithile ngokuqhubeka konyaka. IKhabhinethi ibafisela okuhle kodwa labo bafundi abavumile ukuthi ukuhlolwa kwabo kuhleliselwe onyakeni ozayo, njengoba bezoqala ukubhala ngasekuqaleni kowezi-2016.   

1.7  UMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi, ngokubambisana noMnyango Wezokuvikela kanye noPhiko Lukazwelonke Lwezokuthuthukiswa Kwentsha (i-NYDA), uzobamba iNgqungquthela Yentsha Kazwelonke yesithupha. Lolu wuhlelo lokuthuthukiswa kobuholi entsheni, okuhloswe ngakho ukuguqula uziphatha nokucabanga kwentsha futhi ihlinzekwe ngolwazi oluphathelene namathuba akhona njengamanje enzelwe intsha. Le ngqungquthela izolekelela futhi ekucijeni nokufundisa abafana ukuze bakhule babe ngamadoda abazisayo abesifazane futhi abahloniphayo.

1.8  Isivumelwano esisayindwe nguNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqesha, uDkt Blade Nzimande namazwe e-BRICS abambisene naleli, i-Brazil, Russia, India kanye ne-China – kuhloswe ngaso ukuthuthukisa  uhlaka lokubambisana kwezemfundo esikhathini esizayo.

Lesi sivumelwano sibandakanya imikhakha yemfundo yonkana, isu lenqubomgomo yezemfundo amakolishi eMfundo Yobuchwepheshe Bamakhono Ezandla Nokuqeqesha (ama-TVET) kanye nomkhakha wezemfundo ephakeme. Amakolishi angama-TVET anawo amandla nekhono lokuvula amathuba ezomnotho kubantu abasha bakuleli, futhi ngokunjalo alekelele empini yokulwisana nenselelo yokuntuleka kwamathuba omsebenzi, ukungalingani kanye nobubha, okuyizinto ezikhahlameza imiphakathi.

Lesi sivumelwano, okuhloswe ngaso ukwenza ngcono izinga lokufundisa kanye nelokuqeqeshwa kothisha, sibophezela futhi namanyuvesi amazwe e-Brics ekusekeleni imiklamo yocwaningo eyenziwa ngokuhlanganyela, sikhuthaze nezinhlelo zokubambisana emazingeni eziqu ze-postgraduate, doctoral kanye postdoctoral futhi siwabophezele nasekushicileleni imiphumela yocwaningo lwezesayensi ngokubambisana.
 
1.9 UMnyango Wezesayensi Nobuchwepheshe usingathe iNgqungquthela Yezesayensi yaseNingizimu Afrika ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Sokhela inhlansi yokuqalisa ukuxoxisana nokufakana imilomo ngezesayensi.” Angaphezu kwama-45 amazwe abambe iqhaza kwizinkulumo-mpikiswano eziphathelene nokuxhumana okukhona phakathi komphakathi nezesayensi, ezobuchwepheshe kanye nokuqanjwa nokusungulwa kwemikhiqizo nezinhlelo ezintsha, ikakhulu ngaphansi kwesimo sentuthuko. Le ngqungquthela ilekelelile futhi nasekuqiniseni ukubambisana kweNingizimu Afrika namanye amazwe omhlaba kwezesayensi, ezobuchwepheshe kanye nokuqanjwa nokusungulwa kwemikhiqizo nezinhlelo ezintsha.

1.10    INingizimu Afrika izomelwa eMkhandlwini Wamazwe Ngamazwe Wezolwandle. Leli yigxathu elikhulukazi eliphokophele ekutholeni kwaleli lizwe kanye nezwekazi lonkana ithuba lokudlondlobala nokukhombisa ikhono lalo emkhakheni wezolwandle.

Le nhlangano iyona ethweswe umsebenzi wokwamukela izinqumo eziphathelene nezindaba zasolwandle emhlabeni jikelele, kusukela kwezoMnotho Wasolwandle, izinhlelo zokuhlenga abadinga usizo oluphuthumayo olwandle kanye nezindaba eziphathelene nokuphepha nokuvikeleka olwandle.

Ukubamba iqhaza kulo mkhandlu kuzosekela izinhlelo zikahulumeni ngokuvula amathuba okukhula nokudlondlobala kwaleli lizwe, ngokusebenzisa iSu Lomnotho Wasolwandle kanye nomkhankaso we-Operation Phakisa, okuhloswe ngakho ukuvula amathuba omsebenzi angaphezu kwesigidi ngowezi-2033.

‎1.11 Ngeviki eledlule uMbutho Wezokuvikela waseNingizimu Afrika (i-SANDF) uqalise inqubo yokulungisa kabusha nokuvuselela iSiteshi  Sasolwandle sesiQhingi i-Salisbury e-Durban njengesizinda semikhumbi yezempi esisebenza ngokuphelele. Ukulungiswa kwalesi sizinda kuzophucula amandla nekhono lokuzivikela kwaleli lizwe futhi kufake isandla nasemnothweni wasolwandle.

1.12 UMnyango Wezempilo, ngokubambisana ne-Soul City kanye ne-Times Media, wethule isiteshi sikamabonakude esizokwethula izinhlelo zezempilo nenhlalakahle yabantu esibizwa nge-Good Life Network esizokhonjiswa ku-DStv, kwisiteshi nombolo 199. Lesi siteshi sihlinzeka ngezinhlelo ezihlukahlukene ezihlabahlosile futhi ezithokozisayo ezivutshelwe kuleli eziphathelene nokudla okunomsoco, ezempilo nokuzivocavoca ukuze uhlale ungumqemane, amalungelo esintu, izindaba zocansi eziqondiswe entsheni, isandulela ngculazi kanye nesifo sofuba (i-TB), namalungelo abathengi kanye nawabesifazane. IKhabhinethi iyabanxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basibukele lesi siteshi sikamabonakude.

2.    Izinqumo zeKhabhinethi eziqavile
2.1    IKhabhinethi ikwamukelile ukushicilelwa kohlaka loMthetho Odingidwayo ophathelene noMshwalense Kazwelonke Wezempilo (i-NHI) weNingizimu Afrika, ukuze umphakathi uphawule ngalo. I-NHI iyingxenye yezinguquko ezinohlonze ezizokwenziwa nguhulumeni emkhakheni wezempilo.  

Le nqubomgomo ihlongoza ukuthi kukhushulwe amandla nekhono likahulumeni lokuhlinzeka ngezinsizakalo zezempilo ezisezingeni eliphezulu kubo bonke abantu abavakashela izikhungo zezempilo ezingaphansi kukahulumeni. Lo mshwalense uzoxhaswa ngezimali yisikhwama esizolawulwa nguhulumeni kazwelonke futhi lesi sikhwama sizobaxhasa nodokotela abazimele abafisayo ukubamba iqhaza. Uma sekuphothuliwe ukuthuthukiswa nokuhlanganiswa kwale nqubomgomo, izoqaliswa kancane kancane esikhathini esiyiminyaka embadlwana futhi izogxila ikakhulukazi ekuqalisweni kokuhlinzekwa kosizo lwezempilo olusezingeni eliphezulu kulezo zindawo ezingalutholi njengamanje.

Namhlanje uNgqongqoshe Wezempilo, uDkt Aaron Motsoaledi, uzohlinzeka abezindaba ngolwazi oluphathelene nokuqaliswa kwe-NHI.

2.2    IKhabhinethi iyamukelile iNqubomgomo Kazwelonke Edidiyelwe Yokuthuthukiswa Kwezingane Zisencane (i-ECD).
Le nqubomgomo yathuthukiswa ngokubonisana nababambiqhaza abahlukahlukene kulo mkhakha. NgoNhlolanja wezi-2015 idlule esigabeni sokubonisana nomphakathi ngenhloso yokuthola izimvo zabantu.  

Le nqubomgomo yeze-ECD edidiyelwe izoqinisekisa ukuthi zonke izingane ezisencane kanye nabanakekeli bazo bathola izinsizakalo ze-ECD ezibanzi futhi ezisezingeni eliphezulu, kusukela ngenkathi zizalwa kuze kuyofinyelela kwiBanga R. Le nqubomgomo izokwelula izinsizakalo ze-ECD ukuze zifinyelele nasezinganeni ezineminyaka yobudala eyisishiyagalombili ezinobunzima bokuthuthuka ngendlela efanelekile. Le nqubomgomo ihlinzeka futhi nangohlaka lokuqapha nokuhlola ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi iqaliswa ngendlela efanelekile kuzo zonke izingane, kungakhathalekile ukuthi ngezaluphi uhlanga, ubulili noma inkolo.

2.3    IKhabhinethi ilwamukelile uhlaka loMthetho Odingidwayo Wezamalungelo Abantu Abakhubazekile kanye neSimo Oluzoqaliswa Ngaphansi Kwaso. Lokho kuhambisana neziNjongo Zentuthuko Esimeme ebandakanya abantu abakhubazekile, ezamukelwa yisiGungu Esibandakanya Wonke Amazwe (i-UNGA) angamalungu eNhlangano Yezizwe (i-UN) ngoMandulo wezi-2015.

Le nqubomgomo izosheshisa uguquko futhi ilungise isimo esingagculisi neze esikhona njengamanje mayelana nokubandakanywa ngokuphelele nokudidiyelwa kanye nokuphathwa ngokulingana kwabantu abakhubazekile.

 2.4     IKhabhinethi ikwamukelile ukushicilelwa kweNqubomgomo Kazwelonke Yezokuthuthwa Kwendle ukuze umphakathi uphawule ngayo. Le nqubomgomo iqhakambisa futhi ibeke eqhulwini inhlalakahle yabantu ngokuthi iqinisekise ukulingana phakathi kwendlela okwabiwa ngayo izimali zokusekela ukuhlinzekwa kwezinsizakalo emazingeni aphezulu kanye nokuhlinzekwa kwezinsizakalo kulawo makhaya angazitholi ngendlela efanelekile, futhi kusenjalo kulungiswe futhi kuvuselelwe kabusha ingqalasizinda ekhona njengamanje yokuthuthwa kwendle.

2.5    IKhabhinethi ikwamukelile ukwethulwa ePhalamende laseNingizimu Afrika Kombiko Wesihlanu Okhishwa Ngezikhathi Ezithile Kuphela (wezi-2009-2014) ophathelene Nokuqaliswa Kwesivumelwano Sokuqedwa kwazo zonke Izinhlobo Zokucwaswa Kwabesifazane. Lo mbiko uhlinzeka ngemininingwane efingqiwe mayelana nemithetho ehlukahlukene nezinqubomgomo kanye nezinhlelo eziqalisiwe ukuze kutholakale ukuthi zinawo yini umthelela obonakalayo, futhi uhlinzeka nangemininingwane yalokho osekufezekiswe yileli lizwe mayelana nokufukulwa nokuthuthukiswa kwabesifazane kanye nokulingana ngokobulili. Lo mbiko uyakwamukela futhi ukuthi kusenezinselelo nezithiyo ezingafuni ukushabalala ezivimbela ukuqedwa kokungalingani nokucwaswa kwabantu abathile kuleli.

2.6    IKhabhinethi ikwamukelile ukushicilelwa koHlaka Lohlelo Lokusebenza Lukazwelonke Lokulwisana Nobuhlanga, Ukucwaswa Kwezinhlanga Ezithile, Ukukhishwa Inyumbazane Kwabantu Bakwamanye Amazwe Abakuleli kanye Nokungabekezelelani Okuhlobene Nalokhu, ukuze umphakathi uphawule ngalo.
Lolu hlelo luyisu lokusebenza lukazwelonke elididiyelwe futhi elihlelekile okuhloswe ngalo ukulwisana nobuhlanga kanye nokwakha iNingizimu Afrika ebuswa ngentando yeningi eqinisekisayo ukuthi kuqedwa ngokuphelele ukucwasana ngokobuhlanga nangokobulili.
Luhlinzeka futhi ngohlaka lokuqinisekisa ukuthi leli lizwe lonkana lithabatha izinyathelo ezihleleke kahle, ezihambelanayo futhi ezizoqhubeka isikhathi eside ngenhloso yokulwisana nokhondolo lobuhlanga kanye nokucwaswana ngokobuhlanga.
Luzolekelela iNingizimu Afrika ukuthi ikwazi ukufezekisa izibopho zayo zikazwelonke, nezesifunda kanye nezamazwe ngamazwe, ikakhulukazi isiMemezelo Sesivumelwano saseThekwini kanye noHlelo Lokusebenza olwamukelwa yiNhlangano Yezizwe kwiNgqungquthela Yamazwe Omhlaba yokulwisana Nobuhlanga eyabanjwa ngowezi-2001.

2.7        IKhabhinethi yethulelwe nolwazi mayelana nenqubekelaphambili eseyenziwe ohlelweni lokufudukela kumsakazo wedijithali. Ikwamukelile ukuqala kwesikhathi lapho isiginali yokusakaza ngedijithali izosebenza kanye kanye nesiginali ye-analogi eNingizimu Afrika kusukela mhla lu-1 kuNhlolanja 2016, kuze kufike usuku lomnqamulajuqu wokuqedwa kwe-analogi ngokuphelele.
Ukufuduswa kwezinsizakalo zokusakaza nge-analogi ziye kwidijithali kuzokhulula amagagasi okusakaza ngomoya adingeka kakhulu, okuzokwenza ukuthi lawo magagasi asetshenziselwe ukuhlinzeka ngezinsizakalo ze-inthanethi esheshayo. Lokhu kuzobeka umnotho waseNingizimu Afrika esimweni sokuncintisana neminotho yakwamanye amazwe ngokuthi kuvuselelwe imboni yezokusakaza, kuqiniswe imboni yezama-elekthronikhi, kuvulwe amathuba omsebenzi futhi kwandiswe isibalo sezinhlelo zomsakazo ezivutshelwe ngaphakathi kuleli kanye nezinhlelo ezizokwanelisa izidingo zabantu abahlukahlukene.

2.8     IKhabhinethi ithulelwe ulwazi ngalokho okutholwe wuMbiko wezi-2014 Wezinkomba Zesayensi, Ubuchwepheshe kanye Nokusungulwa Nokuqanjwa Kwemikhiqizo Nezinhlelo Ezintsha eNingizimu Afrika nezinqubo zakamuva eziphathelene nokusebenza koHlelo Lukazwelonke Lokusungulwa Nokuqanjwa Kwemikhiqizo Nezinhlelo (i-NSI) ezintsha, okhishwa njalo ngonyaka nguMkhandlu Kazwelonke Wezokweluleka mayelana Nokusungulwa Nokuqanjwa Kwemikhiqizo Nezinhlelo Ezintsha.
Lo mbiko usebenzisa izinkomba ezisemqoka kakhulu ngenhloso yokuhlola umsebenzi we-NSI kanye negalelo layo kwizinto ezibalulekile eziseqhulwini kuleli njengoba zibekwe ngokucacile oHlelweni Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP) kanye nezinye izincwajana eziphathelene nezinqubomgomo ezilekelelayo ekuthuthukisweni kwenhlalo-mnotho yabantu bakuleli.
 
2.9    IKhabhinethi ikwamukelile ukuhlelwa kabusha kwezifundankantolo (zezimantshi) eLimpopo naseMpumalanga, kanye nokuqokwa kweNkantolo Kamantshi yaseLephalale njengesizinda sesikhashana soPhiko lwaseLimpopo lweNkantolo Ephakeme, kuze kufike isikhathi lapho kuzokwakhiwa khona isizinda esizimele ngasodwana esizosebenza ngokugcwele soPhiko lweNkantolo Ephakeme kule ndawo.
Ukuhlelwa kabusha kwezifunda-nkantolo zezimantshi kanye negunya lokwengamela leziMpiko zeNkantolo Ephakeme kuyingxenye yezinguquko okuhloswe ngazo ukulungisa ukhondolo lwesikhathi esedlule lokuklanywa kwezifunda-nkantolo ngendlela engenabo ubulungiswa. Futhi kuyingxenye yezinto eziphoqelekile zokuqinisekisa ukulethwa koguquko olubanzi ngenhloso yokwenza ngcono ukutholakala kobulungiswa, okuyinto ehambelana noMthethosisekelo WeRiphabhulikhi  yaseNingizimu Afrika we-1996.

2.10     IKhabhinethi iwamukelile umbiko ophathelene nenqubekelaphambili eseyenziwe ekuqalisweni kweziqondiso zeKhabhinethi esifundazweni saseLimpopo ngaphansi kweSigaba 100 (1) (a) soMthethosisekelo.
IKhabhinethi ikwamukelile ukuhoxiswa kweziqondiso zeSigaba 100 (1) (a) ngaphambi komhla zingama-31 kuNdasa 2016 kule minyango yesifundazwe elandelayo: Owezempilo; Owezokuthutha; Owezemisebenzi Yomphakathi; Owezemigwaqo Nengqalasizinda kanye neHhovisi likaMgcinimafa.
IKhabhinethi ikwamukelile futhi ukuhoxiswa, ngaphansi kwemibandela ethile, kweziqondiso zeSigaba 100 (1) (a) eMnyangweni Wezemfundo ngenhloso yokulungiselela ukuthi iHhovisi likaMgcinimafa Esifundazweni likwazi ukuqalisa ngokuphelele iSigaba 18 soMthetho Wezokuphathwa Kwezimali Zikahulumeni, we-1999 (uMthetho Nombolo 1 we-1999) eMnyangweni Wezemfundo eLimpopo, ngokusekelwa nguhulumeni kazwelonke.
IKhabhinethi izamukelile lezi ziqondiso ezilandelayo ezibhekiswe kuNdunankulu nakuNgqongqoshe Wesifundazwe Wezezimali kanye Nowezemfundo:
a)    Ukulekelelwa kweminyango yesifundazwe ukuthi ikwazi ukwenza umsebenzi ogculisayo ngokuthi kuqashwe abasebenzi abanekhono futhi abakhuthele;
b)    Ukuphothulwa kwenqubo yokugcwaliswa kwezikhala zomsebenzi ezikhona ezingeni labaphathi; kanye
c)    Nokubhekana ngqo nenkinga yokuhluleka kwabaphathi ukwenza umsebenzi wabo ngendlela efanelekile kanye nokulwisana nesihlava senkohlakalo.

2.11     IKhabhinethi ivumile ukuthi iNingizimu Afrika isingathe iNgqungquthela esemazingeni aphezulu yeziNgxoxo Zokufakana Imilomo Ngodaba Lokulwisana Nezidakamizwa ezobanjwa kusukela mhla ziyi-11 kuze kube mhla ziyi-12 kuNdasa 2016, ngokusekelwa yiNhlangano Yamazwe ase-Afrika.
Lesi isigcawu sokulandelela emva kweZingxoxo Zokufakana Imilomo ezabe ziphakathi kwezwe lase-Russia kanye namazwe ase-Afrika, okuhloswe ngaso ukwethula umbono owodwa futhi ofanayo, okhombisa ubumbano nokuvumelana mayelana nokulwisana nenkinga yezidakamizwa emhlabeni. Lokhu kuzokwethulwa kwiSigcawu Esikhethekile se-UNGA esizobajwa ngoMbasa 2016.
Impi yokulwisana nezidakamizwa ezingekho emthethweni iyahambelana nalokho okushiwo yi-NDP futhi lezi ziNgxoxo zizohlinzeka ngethuba lokuphucula uHlelo Lukazwelonke Lokulwisana Nezidakamizwa (lowezi-2013-2017) ukuze lube ngolungcono kakhulu kunakuqala.

2.12     IKhabhinethi ivumile ukuthi uMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu usingathe ingqungquthela, okuzobanjiswana kuyona noHlelo Lwenhlangano Yezizwe Lwezokuhlaliswa Kwabantu, ngaphansi kwesihloko esithi “Ukuhola Ukulethwa Koguquko Edolobheni: Oluzophendula Imijondolo ibe Yizindawo Zokuhlalisa Abantu Ezibandakanya Umuntu Wonke, Eziphephile, Ezinohlonze futhi Ezisimeme” ezoba ngoNdasa 2016.
Le ngqungquthela izosekela i-ajenda yamazwe omhlaba yezentuthuko futhi isekele ne-ajenda yakuleli ngokuqinisa ukwesekwa kweNjongo ye-11 Yezinjongo Zentuthuko Esimeme: Yokwenza Amadolobha nezindawo zokuhlaliswa kwabantu zibe ngezibandakanya umuntu wonke, eziphephile, ezinohlonze futhi ezisimeme.
Le ngqungquthela iyingxenye yezingxoxo zokuqaliswa kwe-Ajenda Yenhlangano Yezizwe Yokuletha Intuthuko ezolandelwa emva konyaka wezi-2015 kanye “ne-Ajenda Entsha Yezindawo Ezisemadolobheni” ezokwamukelwa  futhi ilandelwe yiNhlangano Yezizwe ngowezi-2016.

2.13       IKhabhinethi ivumile ukuthi uMkhandlu Wocwaningo Lwezolimo usingathe iNgqungquthela yesithathu Yamazwe Omhlaba Ephathelene Nocwaningo Lwezolimo Okuhloswe Ngalo Ukuletha Intuthuko ezobanjwa ngoMbasa 2016. Le ngqungquthela izohlonza ucwaningo lwamazwe ngamazwe kanye nezinto eziseqhulwini eziphathelene nokuqanjwa nokusungulwa kwemikhiqizo nezinhlelo ezintsha ngenhloso yokufezekisa izinjongo zentuthuko yesikhathi esizayo, ikakhulukazi ukuze kuhlomule abalimi abangamalunga omndeni owodwa abalima, balawule futhi basebenze epulazini okungelabo, futhi ukuze kuhlomule nemiphakathi ehlwempu.

3.    Imithethosivivinywa
3.1.    IKhabhinethi ikwamukelile ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wezokuhlelwa Kokuhlaliswa Kwabantu Ezindaweni Ezakhelene Nolwandle wezi-2015 ukuze umphakathi uphawule ngawo. Lo mthethosivivinywa uhlinzeka ngohlaka lomthetho oluzoveza ukuthi ulwandle lungaba negalelo elingakanani kwezomnotho, ngokuthi kugqugquzelwe ukubambisana ekuhlelweni kokuhlaliswa kwabantu kwizindawo ezakhelene nolwandle. Lo Mthethosivivinywa uzolekelela izinhlaka ezikhona njengamanje ze-Operation Phakisa. Ngalokhu kuhloswe ukugquguzela ubambiswano kanye nokulawulwa kwezasolwandle ngendlela ephusile.  

4.     Imicimbi ezayo
4.1.    UMongameli Zuma uzohola umgubho woSuku Lokubuyisana ozobanjwa kuleli mhla ziyi-16 kuZibandlela e-Port Elizabeth, esifundazweni saseMpumalanga Kapa ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Sivala igebe: Sakha isizwe saseNingizimu Afrika esiyimbumba, njengoba siphokophele ekwakheni isizwe esithuthukayo”.

4.2.        UNgqongqoshe Wezengqalasizinda Yezokuxhumana Nezinsizakalo Zeposi, uDkt Siyabonga Cwele, uzohola ithimba elizokwethamela iNgqungquthela Yamazwe Omhlaba Yomphakathi Wezolwazi (i-WSIS), ezobanjwa yi-UNGA kusukela mhla ziyi-15 kuya kumhla ziyi-16 kuZibandlela 2015, lapho kuzokwethulwa khona umbono nokucabanga kweNingizimu Afrika, ngenhloso yokufaka isandla ezingxoxweni ze-WSIS+10, okuyizingxoxo ezingeyona ingxenye yezethulo ezisemthethweni.

5.    Isimo seKhabhinethi ezindabeni eziqavile ezisematheni
5.1.    INingizimu Afrika isingathe ngempumelelo iNgqungquthela Yesikhombisa Yamadolobha ase-Afrika ebihanjelwe yizithunywa ebezimele amadolobha nohulumeni basekhaya base-Afrika, ebibanjelwe eGoli kusukela mhla zingama-29 kuLwezi kuya kumhla zi-3 kuZibandlela 2015. Le ngqungquthela ebihanjelwe yizimeya eziyi-15 000 kanye namakhansela ayizi-500 000 futhi ebibanjwe ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Ukusungula nokuqalisa izinhlelo zokwenza ingomuso le-Afrika kube ngeliqhakazile, ngokubambisana nabantu: igalelo loMasipala base-Afrika kwi-Ajenda yowezi-2063 yeNhlangano Yamazwe ase-Afrika”, ingenye yezindlela ezinohlonze futhi eziphathekayo zokwakha ubumbano kwelase-Afrika.

Le ngqungquthela yabe igxile ekuqiniseni ohulumeni basekhaya kulo lonke izwekazi lase-Afrika, ikakhulukazi emkhakheni wezokuphathwa kwezimali kanye nokusungulwa kwemithombo ethembekile yokungenisa imali ukuze kufezekiswe i-Ajenda yowezi-2063 – yokuqinisekisa ukuthi izwekazi lase-Afrika liba yilelo esilifunayo.

Le ngqungquthela isekela izinjongo ze-NDP lapho amadolobha kanye nohulumeni basekhaya bedlala indima ebalulekile kwintuthuko yethu yonkana.

5.2.    IKhabhinethi isenalo ithemba lokuthi ezingxoxweni eziqhubekayo kwiNgqungquthela Yamazwe Abambe Iqhaza (i-COP21) yesigcawu sama-21 soHlaka Lwesivumelwano Senhlangano Yezizwe Esiphathelene Nokuguquguquka Kwesimo Sezulu (i-UNFCCC), kuzofinyelelwa esivumelwaneni esingachemile futhi esizoba yisibopho kuwo wonke amazwe abambe iqhaza.
Ukuguquguquka Kwesimo Sezulu yinkinga yomhlaba wonke edinga isixazululo somhlaba wonke, futhi lena yinkinga engaxazululwa kuphela ngokuthi wonke amazwe omhlaba abambisane, ngaphansi kwesivumelwano esibanzi se-UNFCCC okumele sihlonishwe futhi silandelwe yiwona wonke amazwe ayingxenye yaso, futhi kumele wonke amazwe adlale indima ebonakalayo.
Thina eNingizimu Afrika, singasho kugcwale umlomo ukuthi sisungule izinqubomgomo  ezisezingeni eliphezulu, ezenzelwe ukubhekana nesimo esiphila ngaphansi kwaso njengamanje kanye nanoma isiphi esinye isimo esiqubukayo, ezikhombisa inkuthalo nokusukumela phezulu, futhi sisungule nezinhlelo zokubhekana nesimo sezulu esiguquguqukayo ngaso sonke isikhathi. Lezi zinqubomgomo ziholwa ngumgomo obanzi wokuletha intuthuko esimeme, oyinsika yeNhloso-Mbono yowezi-2063 oqukethwe yi-NDP.

5.3     Njengoba lona kungumhlangano weKhabinethi wokugcina wezi-2015, iKhabhinethi ithanda ukudlulisa izilokotho ezinhle kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika ngalesi sikhathi samaholide kaKhisimusi. Ngaphansi komoya wesikhathi samaholide kaKhisimusi futhi ngokulandela umoya woBuntu, iKhabhinethi inxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi balekelele abantu abahlwempu nabantulayo kanye nemindeni edla imbuya ngothi emiphakathini abahlala kuyona. Thina siyisizwe esinakekelanayo, esihloniphanayo futhi esibalekelelayo abantu abantulayo. Lo Nyaka Omusha ozayo uhlinzeka thina sonke ngethuba lokuzibophezela kabusha ekusebenzeleni ikusasa elingcono futhi eliqhakazile elizohlomulisa umuntu wonke.

6.    Amazwi enduduzo
6.1.    IKhabhinethi ithanda ukudlulisa amazwi enduduzo kanye nokuzwelana kwayo nomndeni nabangani ba-Mohamed Ismail (“Issy”) Dinat, odlule emhlabeni ngoLwesibili mhla ziyisi-8 kuZibandlela. Ukukhathalela kwakhe abanye abantu kanye negalelo lakhe elikhulukazi emzabalazweni wenkululeko kwasilekelela kakhulu ekutheni sithole inkululeko.

7.    Abaqashiwe
Ukuqashwa kwabo bonke abalandelayo kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.

7.1.    Ikhomishana Yocwaningo Lwezamanzi:
a)    Dkt Nozibele Mjoli (uSihlalo);
b)    Slz Sibusiso Vil-Nkomo (iPhini likaSihlalo);
c)    Slz Aldo Stroebel;
d)    Nksz Nompumelelo Msezane;
e)    Dkt Mosidi Makgae;
f)    Nksz Masaccha Khulekelwe Mbonambi;
g)    Mnu Mxolisi Adolphius Cassius Ndhlovu;
h)    Dkt Ntombifuthi Patience Nala; kanye
i)    Nalowo omele uMnyango Wezesayensi Nobuchwepheshe.

7.2.    Ibhodi Yezamanzi yaseMatola:
a)    Nksz NN Mnqeta (uSihlalo);
b)    Mnu A Hadebe (iPhini likaSihlalo);
c)    Mnu EV Jooste;
d)    Mnu AP Le Roux;
e)    Mnu BE Hollingworth;
f)    Mnu C Mbande;
g)    Nksz TF Maenetja;
h)    Nksz M Nzimande; kanye no
i)    Slz L Louw.

7.3.    Ibhodi Yokuxazululwa Kwemibango Kwizikimu Zokuhlaliswa Komphakathi:
a)    Mnu Vukile Charles Mehana, (oqokwe kabusha futhi onguSihlalo);
b)    Nksz Beauty Nomhle Dambuza;
c)    Mnu Bhekumusa Gorden Dlamini;
d)    Mnu Taureen Dylan Holmes;
e)    Mnu Rajesh Jock;
f)    Mnu Oupa Moshongoane Moshebi; kanye no
g)    Nksz Nomazotsho Yvonne Memani (oqokwe kabusha).

7.4.    Ibhodi Yophiko Lwezentuthuko Lukazwelonke:
a)    Nksz Judy Hermans (uSihlalo);
b)    Mnu Zolile Thando Ngcakani (oqokwe kabusha futhi oyiPhini likaSihlalo);
c)    Nksz Suraya Bibi Khan (oqokwe kabusha);
d)    Mnu Abram Stefanus Hanekom;
e)    Nksz Sebenzile Matsebula;
f)    Nksz Mashila Matlala;
g)    Mnu Moses Mabokela Chikane (omele uhulumeni);
h)    Nksz Bernice Makgoro Mannya (omele uhulumeni);
i)    Nksz Thabitha Shange (omele uhulumeni);
j)    Nksz Farzana Suliman Varachia (omele uhulumeni).

7.5.    Ibhodi Yophiko Losizo Lwezomthetho lwaseNingizimu Afrika:
a)    Slz Yousuf Abdoola Vawda;
b)    Mnu Nkosana Mabhuti Francois Mvundlela;
c)    Nksz Thulisile Mhlungu;
d)    Nksz Nonhlanhla Mgadza;
e)    Nksz Marcella Naidoo;
f)    Mnu Matome Leseilane; kanye no
g)    Nksz Adila Chowan;
h)    Nksz Aneline Rhoda (ilungu elizobamba esikhundleni selungu elisaxinwe ngeminye imisebenzi); kanye no
i)    Mnu Langelihle Ezrome Mtshali (ilungu elizobamba esikhundleni selungu elisaxinwe ngeminye imisebenzi).

7.6.    Ukwelulwa kwenkontileka yomsebenzi kaMnu Thabane Wiseman Zulu njengoMqondisi-Jikelele (u-DG) woMnyango Wezamandla.
7.7.    Dkt Mmaphaka Ephraim Tau oqashwe njengePhini likaMqondisi-Jikelele (u-DDG): oPhikweni Lwezokuphathwa Kwezamahlathi Nengcebo Yemvelo eMnyangweni Wezolimo, Ezamahlathi Nezokudoba.
7.8.    Nksz Kelebogile Sybil Sethibelo oqashwe njengo-DDG: oPhikweni Lwezokuphatha Nokulawula eMnyangweni Wezobuciko Namasiko.
7.9.    Mnu Omega Shelembe oqashwe njengo-DDG: oPhikweni Lokuqapha Umsebenzi Wamabhizinisi kanye Nokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Olwazi Lwezobuchwepheshe Kwezokuxhumana eMnyangweni Wezokuxhumana Ngezingcingo kanye Nezamaposi (i-DTPS).
7.10.    Mnu Edward Xolisa Makaya oqashwe njengo-DDG: Ophikweni Olwengamele ezase-Afrika eMnyangweni Wezobudlelwano Namazwe Omhlaba Nokubambisana.
7.11.    Nksz Thulisile Glory Manzini oqashwe njengo-DDG: oPhikweni Lwezokuphatha e-DTPS.

Uma sesiphothula, iKhabhinethi ithanda ukudlulisa amazwi okubonga kubantu baseNingizimu Afrika abawathumelile amafomu abo entela, okuyinto eyenze ukuthi inani lamafomu entela athunyeliwe lifinyelele kwizigidi ezingu-5.94.

Leli nani lingaphezulu ngamaphesenti ayi-11.52 uma liqhathaniswa nenani lowezi-2014, futhi isibalo sabantu abathumele amafomu abo entela ngesikhathi esibekiwe libe ngaphezulu kwamaphesenti angama-90, osekwenzeke iminyaka emithathu ilandelana.

Leli nani eliphezulu kangaka lokuthunyelwa kwamafomu entela kwenza uhulumeni akwazi ukuhlinzeka ngezidingongqangi ezizokwenza ngcono izinga lempilo yazo zonke izakhamuzi zakuleli.

Ngalesi sikhathi samaholide kaKhisimusi, uhulumeni useqalise imikhankaso ehlukahlukene edinga ukuthi bonke abantu baseNingizimu Afrika kanye nabavakashi badlale indima yabo ekuqinisekiseni ukuthi isikhathi samaholide kaKhisimusi sithokozelwa ngaphansi kwesimo esiphephile futhi esivikelekile.

IKhabhinethi iyabanxusa bonke abantu ukuthi basebenzisane noMbutho Wamaphoyisa ase-Ningizimu Afrika futhi kumele sibike emaphoyiseni nanoma isiphi isenzo sobugebengu esenzeka emakhaya ethu nasemphakathini.
 
Ngenhloso yokubhekelela ukukhula kwesibalo sezihambi ezizodlula emingceleni yakuleli, yonke iminyango kahulumeni izokwelula amahora okusebenza kuzo zonke izintuba zokungena nokuphuma kuleli kusukela mhla ziyi-10 kuZibandlela 2015 kuze kube ngumhla ziyi-14 kuMasingana 2016. Lokhu kubandakanya uMnyango Wezempilo, Nowezolimo, Nowezamaphoyisa, Nowezasekhaya kanye Nophiko Lwezokuqoqwa Kwentela lwaseNingizimu Afrika. Imininingwame ephelele mayelana nalokhu iyatholakala ku-www.home-affairs.gov.za.

Bonke abasebenzisi bomgwaqo bayanxuswa ukuthi bahloniphe imithetho yomgwaqo, kubandakanya nokuthobela umkhawulo wejubane; nokuqinisekisa ukuthi izimoto zabo zisesimweni esikulungele ukuba semgwaqeni; bangashayeli bedakiwe futhi bafase amabhande uma behamba ngemoto. Abantu abahamba ngezinyawo bayanxuswa ukuthi baqinisekise ukuthi ngenkathi besebenzisa umgwaqo ababeki izimpilo zabo engozini kanye nezalabo abahamba ngezimoto. Amaphoyisa omgwaqo azobe ephume ngezinkani ngenhloso yokubhekana ngqo nezaphulamthetho.

Imibuzo ingaqondiswa ku:
Nksz Nebo Legoabe (Ibambela Lomkhulumeli weKhabhinethi)
Umakhalekhukhwini: 082 453 2874
11 Zibandlela 2015
Sikhishwe: wuPhiko Lwezokuxhumana Nokuhlinzeka Ngolwazi (i-GCIS)
www.gcis.gov.za; www.gov.za

 

Share this page

Similar categories to explore