Isicelo sokubhalisa njengomfakeli wezimpawu emfuyweni

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo lokubhalisela ukufaka umaka ezilwaneni

Uma ungumnikazi wezinkomo, izimvu, izimbuzi noma izingulube, uphoqelekile ukuba ufake umaka kwimfuyo yakho. Kufanele ubhalisele ukufaka umaka esikhungweni sezolimo, ezezinhlanzi kanye nezamahlathi.

 Umaka ukhombisa ukuthi isilwane esikabani, uma isilwaane silahlekile sase siyatholakala, kubalula ukuthola umnikazi wesilwane. Umaka kufanele ube nezinhlamvu ezingandlulile kwezintathu.
Umaka ongasuki ufakwa ngohlobo oluthile lwensimbi lokufaka umaka.

Uma uthenga izialwane noma uzithole njengesipho, kufanele uzifake umaka kungakapheli amaviki amabili. Nezilwane ozidayisayo kufanele zibe nomaka wakho.
Umaka ufakwa kuhla futhi akekho umuntu ongasebenzisa umaka wakho ngaphandle kwemvumo yakho.

Qaphela: awuvunyelwe ukufaka uphawu ezilwaneni uma ungabhaliselanga ukufaka umaka ezilwaneni.

Okufanele ukwenze

  • Thola ifomu emahhovisi , emahhovisi ezomthetho, noma ku Mbhalisi: Animal Identification in Pretoria.
  • Thenga izitembu ze Revenue eposini uzifake la kuboniswe khona efomini.
  • Posa isiliphi esiwu nqo kanye nefomu lesicelo ku:
    The Registrar of Animal Identification
    Private Bag X 138
    PRETORIA
    0001
    Noma hambisa isicelo ku Delpen Building, on the corner of Annie Botha Avenue and Union Street, Riviera, Pretoria.

Umbhalisi uzobhalisa kuhla lwe Animal Identification System (AIS).

Isikhathi esinqunyiwe

Kungathatha isikhathi esingangamaviki amabili ukuze umaka ubhaliswe.

Kubiza malini

R 200

Amafomu okumele agcwaliswe

Application for registration of an identification mark

Ukufaka isicelo sokubhalisela umaka. Amafomu ayatholakala emahhovisi, emahhovisi ezomthetho, noma ku Mbhalisi.

Imininingwane yokuxhumana

 

Tel: 012 319 7637
Fax: 012 319 7551
Email: animalid@dalrrd.gov.za

Physical address: Delpen Building, Cnr Annie Botha Avenue and Union Street, Riviera, Pretoria
Postal address: Registrar: Animal Identification, Private Bag X138, Pretoria, 0001

Share this page