Isicelo sokudlulisa yophawu lokumaka imfuyo

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo lokubhalisela ukudlulisela uphawu lokubekisa isilwane

Uphawu lokubekisa isilwane lungadluliselwa kumnikazi oyedwa kuya komunye umnikazi wemfuyo. Ukuze kwenzeke lokhu, Umnikazi omusha kufanele abhalisele ukudluliselwa kophawu lokubekisa izilwane emnyangweni wezemvelo, amahlathi kanye nezezinhlanzi.

Uma umnikazi wophawu esendlulile emhlabeni, Uphawu lokubekisa lungadluliselwa uma omele ezomthetho ekunikeza imvumo yophawu noma uma omele ezomthetho engekho, umnikazi omusha kufanele alethe isitifiketi esikhombisa ukuthi umnikazi wasekuqaleni usedlulile emhlabeni kanye” nencwadi emnikeza igunya” etholaka enkantolo ephezulu echazayo ukuthi ungumnikazi wezezilwane ngokusemthethweni.

Okufanele ukwenze

  1. Thola ifomu lokufaka isicelo ehhovisi elibhekele lokhu, ehhovisi lezemithetho, emagubhini anezimpahla ezitshontshiwe e Ningizimu Afrika noma kumbhalisi: Ukwahlukaniswa kwezilwane e Pitoli.
  2. Inxenye yesibili yefomu kufanele igcwaliswe uwena noma (Uma umnikazi osendlulile emhlabeni) umsizi wezemithetho kahulumeni noma ikhophi yesitifiketi sokundlula emhlabeni kanye “nencwadi esemthethweni” kumele ibekhona uma engekho umsizi wezemithetho.
  3. Khokha inani eliyikhulu namashumi amabili kumnyango wezemvelo, amahlathi kanye nezezinhlanzi kwa: Standard Bank: Arcadia inombolo yegatsha: 051001 inombolo yasebhangi: 011252871.
  4. Posa isiliphu esingakopishiwe kanye nefomu lokubhalisa ku: Umbhalisi wophawu lokwahlukanisa izilwane  Private Bag X 138 e Pitoli 0001 noma uhambise ifomu ebhilidini Delpen, ekhoneni lika Annie Botha Avenue kanye Union Street, Riviera, e Pitoli.

Isikhathi esinqunyiwe

Kungathatha isikhathi esilinganiselwa kumaviki amabili umsebenzi wokudlulisela uphothulwe.

Kubiza malini

R 200

Imininingwane yokuxhumana

 

Tel: 012 319 7637
Fax: 012 319 7551
E-mail: animalid@dalrrd.gov.za

Physical address: Delpen Building, Cnr Annie Botha Avenue and Union Street, Riviera Pretoria
Postal address: Registrar: Animal Identification, Private Bag X138, Pretoria 0001

Share this page