Ukubhalisa njengekolishi langasese lemfundo lokuqhubela imfundo phambili nokuqeqesha

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo nokubhalisa njengekolishi langasese lokuqhubela imfundo

Ingabe isikhungo sakho sifuna ukufundisa ngokugcwele emazingeni aku- levels 2 – 4 ohlaka lwemiphumela yezwe Ukufundisa kulamazinga, kufanele ubhalise njengekolishi le FET elizimle ngaphansi  Komnyango wezemfundo nokuqeqesha emazingeni aphakeme ngaphansi kwemigomo nomthetho olawula izikhungo zemfundo ephakeme nokuqeqesha, 2006 (Act  No. 16 of 2006).

Loluhlobo lwamakolishi abizwa ngama FETs kungaba ngakahulumeni kanye nalawo azimele, asungulwa, abekwa noma abhaliswa ngaphansi komthetho owaziwa nge FET Colleges Act, 2006, kanti ke lezi zikhungo ezilandelayo akufananga zibhaliswe njengama DHET:

  • isikole esinezinhlelo zokuqeqesha nokufundisa ngaphansi komthetho wezikole zalapha eNingizimu Afrika:
  • uphiko lombuso olwethula izifundo nokuqeqesha

Izikhungo ezethula izifundo zesikhashana, ezingekho ngaphansi kwezinhlelo ze-NQF noma izigatshana zemikhakha ethile, zona azithinteki ekutheni zibhaliswe ngaphansi kwalomthetho we FET (Act 16 of 2006).

Okufanele ukwenze

  1. Gcwalisa amafomu okufaka isicelo sakho bese uwathumela kwi DHET.
  2. Khokha imali yokufaka isicelo engabuyiselwa kuwe engu R500 kwi DHET ngesheke, ngamapostal order noma kuyimali.

Isikhathi esinqunyiwe

Kungatha isikhathi esingaba izinyanga eziyisithupha ukubhalisa isikhungo sakho.

Kubiza malini

Tariffs for 2023/24

Imininingwane yokuxhumana

Department of Higher Education and Training
Tel: 080 087 2222    
Fax: 012 323 8817    
Physical address: Department of Higher Education and Training, Directorate: Private FET Colleges, 6th Floor, Room 629, 123 Francis Baard Street, Pretoria.    
Postal address: Private Bag X174, Pretoria, 0001.
Website: www.dhet.gov.za

 

Share this page