Isibonelelomali sokuba usingamzali

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Mayelana nesibonelelomali sokuba usingamzali

Thola isibonelelomali sokunakekela ingane ongusingamzali wayo. Ingane ongusingamzali kuyo yingane ebekwe ngaphansi kokunakekelwa nguwe yinkantolo ngenxa yokuthi:

  • iyintandane
  • ilahliwe 
  • isengcupheni 
  • iyahlukunyezwa 
  • ayinakiwe.

Wazi kanjani ukuthi uyafaneleka?

Ukuze ufaneleke:

  • kufanele ube yisakhamuzi saseNingizimu Afrika, ube ngumhlali wakuleli unomphela noma umbaleki ovela kwelinye ilizwe
  • wena nengane kufanele nibe ngabahlala eNingizimu Afrika
  • ingane ongusingamzali wayo kufanele kube inikezelwe kuwena ngokusemthethweni futhi kumele iqhubeke nokuba ngaphansi kokunakekelwa nguwe
  • ingane kufanele ibe ngaphansi kweminyaka eyi-18 ubudala

Uzothola malini?

Uzothola imali engama- R1 180 ngenyanga ngengane ngayinye.

Uzokhokhelwa kanjani?

Uphiko LwaseNingizimu Afrika LweziMpesheni Nezibonelelo Zikahulumeni (i-SASSA) luzokukhokhela isibonelelomali ngenye yezindlela ezilandelayo:

  • ukheshi endaweni ethile okutholwa kuyona izibonelelomali ngosuku oluthile
  • imali izofakwa ku-akhawunti yakho yasebhange noma ku-akhawunti yebhange lePosi (ibhange lingakukhokhisa ngale nsizakalo eliyihlinzekayo) 
  • isikhungo esisebenza njengomlawuli wesibonelelomali (isib. izinhlangano zenhlalakahle).

Qaphela: Uma ungakwazi ukuzilandela imali wena mathupha, ungaqoka ummeleli ehhovisi lakwa-SASSA, noma unikeze othile amandla angokomthetho okulanda imali yesibonelelo esikhundleni sakho.

Ingabukezwa nini imali yakho yesibonelelo?

Imali yesibonelelo iyobukezwa uma kuphela isikhathi sokusebenza komyalelo wenkantolo. Njengamanje lokhu kwenzeka njalo eminyakeni emibili. Uyokwaziswa esikhathini sezinyanga ezintathu ngaphambi kokuba kudingeke ukuthi kubukezwe imali yesibonelelo.

Uma uthola imali ngebhange, isikhungo noma ummeleli, kudingeka ugcwalise isitifiketi sokuthi usaphila (amaphepha afakazela ukuthi usawadla anhlamvana) ehhovisi lakwa-SASSA njalo ngonyaka.   

Ingamiswa nini imali yakho yesibonelelo?

Imali yakho yesibonelelo imiswa uma kwenzeka lokhu okulandelayo:

  • ushintsho ezimweni zakho
  • umphumela wokubukezwa kwesimo
  • uma uhluleka ukusebenzisana nabaphethe lapho kubukezwa imali yakho yesibonelelo
  • uma wenza isenzo senkohlakalo noma ukhuluma okungesilo iqiniso ngawe
  • uma kwaba nephutha ngenkathi kugunyazwa imali yakho yesibonelelo ekuqaleni.

Iyophela nini imali yakho yesibonelelo?

Imali yakho yesibonelelo iyophela:

  • uma kwenzeka kudlula emhlabeni ingane noma umzali wokugcina ongusingamzali wengane
  • uma kwenzeka ingane ifakwa esikhungweni sikahulumeni
  • uma imali yesibonelelo ingalandwanga kuze kuphele izinyanga ezintathu zilandelana
  • uma ungekho kuleli lizwe
  • uma ingane ingasekho ngaphansi kokunakekelwa nguwe njengosingamzali wayo
  • uma ungaseyena umbaleki wakwelinye ilizwe.

Okufanele ukwenze

  1. Vakashela ehhovisi loPhiko LwaseNingizimu Afrika Lwezimpesheni Nezibonelelo Zikahulumeni (i-SASSA) eliseduze nalapho ohlala khona, uphathe lokhu okulandelayo:
    • Umazisi wakho onamagabelo onezinombolo eziyi-13 (i-ID) nesitifiketi sokuzalwa sengane.
    • Uma ungumbaleki ovela kwelinye izwe, uphatha imvume yakho yokuba kuleli kanye nomazisi wakho njengombaleki wakwelinye izwe.
    • Uma ungenawo umazisi noma isitifiketi sokuzalwa sengane:
      • Gcwalisa i-afidavithi ngefomu lakwa-SASSA elisemthethweni phambi kukaKhomishana ongesona isisebenzi sakwa-SASSA.
      • Fika nesitatimende esifungelwe nesisayiniwe esivela kumuntu ohloniphekile (njengekhansela, umholi wendabuko, usonhlalakahle, umfundisi wezenkolo noma uthishanhloko wesikole) okwaziyo wena nengane. 
      • Isisebenzi sakwa-SASSA sizothatha iminyatheliso yezandla zakho. Uzobe usuthunyelwa eMnyangweni Wezasekhaya ukuba uyofaka isicelo sikamazisi ngenkathi isicelo sakho sisacutshungulwa. Uma ungawutholi umazisi, imali yakho yesibonelelo iyomiswa.
      • Hambisa ubufakazi bokuthi usifakile isicelo sikamazisi kanye/noma isitifiketi sokuzalwa eMnyangweni Wezasekhaya.
      • Hambisa umazisi wesikhashana owukhishelwe nguMnyango Wezasekhaya (uma kufanelekile).
      • Hambisa isitifiketi sombhabhadiso uma sikhona.
      • Hambisa ikhadi lengane lasemtholampilo lomgomo uma likhona
      • Uma ingane ifunda esikoleni, isitifiketi sengane sasesikoleni.
    • Isi(zi)tifiketi sengane / zezingane, noma omazisi bezwe odabuka kulona
    • Umyalelo wenkantolo obeke ingane ezandleni zakho
    • Ubufakazi besimo sakho somshado.
  2. Gcwalisa ifomu lokufaka isicelo phambi kwesisebenzi sakwa-SASSA (qaphela ukuthi uwena kuphela njengomfakisicelo noma isisebenzi sakwa-SASSA ozokwazi ukugcwalisa leli fomu lokufaka isicelo).
  3. Uzonikezwa irisidi. Ligcine njengobufakazi bokuthi usifakile isicelo.

Kuzokwenzekani uma isicelo sakho singavunywanga?

Uma isicelo sakho singavunywanga, u-SASSA uzokubhalela akwazise ukuthi kungani isicelo sakho singaphumelelanga.

Uma ungavumelani naleso sinqumo, ungasidlulisela kuNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi ehhovisi likazwelonke. Kufanele ufake isicelo sokudlulisa isinqumo ezinsukwini ezingama-90 wazisiwe ngokungaphumeleli kwesicelo sakho.

Kuthatha isikhathi esingakanani

  • Kungathatha izinyanga ezifinyelela kwezintathu ukucutshungulwa kwesicelo sakho.
  • Uma isicelo sakho samukeliwe, uzokhokhelwa kusukela ngosuku inkantolo eyaletha ngalo kuwena ingane ukuba uyinakekele.

Kubiza malini

Lolu sizo lutholakala mahhala.

Amafomu agcwaliswayo

Ifomu lokufaka isicelo alitholakali nge-inthanethi, kodwa ungalithola ehhovisi lakwa-SASSA eliseduze nawe.

Ubani ongaxhumana naye

Uphiko LwaseNingizimu Afrika Lwezimpesheni Nezibonelelo Zikahulumeni (i-SASSA)

SASSA Toll free: 0800 60 10 11
Email:  GrantEnquiries@sassa.gov.za

Share this page