Izincwadi zokushayela

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo nokufaka isicelo sezincwadi zokushayela

Udinga izincwadi zokushayela ukuze ushayele ngokusemthethweni emigwaqweni yaseNingizimu Afrika. Ngaphambi kokuba ufake isicelo sezincwadi zokushayela, kumelwe ube nezincwadi zokufunda ukushayela.

Kukhishwa amalayisense ahlukene ezigaba ezihlukahlukene zezimoto:

  • Ikhodi A1: Lena eyesithuthuthu esinenqola eceleni noma esingenayo futhi esinenjini engengaphezu kuyika-125 cc. Okungenani kumele ube neminyaka engengaphansi kwe-17 ubudala ngosuku lokuhlolwa.
  • Ikhodi A: Lena eyesithuthuthu esinenqola eceleni noma esingenayo futhi esinenjini engaphezu kwe-125 cc. Kumele ube neminyaka eyi-18 noma ngaphezulu ubudala ukuze ufake isicelo.
  • Ikhodi B: Lena eyemoto, seyihlangene nekhumbitekisi, ibhasi nemoto yezimpahla, enesisindo esingengaphezu kwezi-3 500 kg lapho ilayishile. Kumele ube neminyaka eyi-18 noma ngaphezulu ubudala ukuze ufake isicelo.
  • Ikhodi C1: Lena eyemoto, ibhasi, ikhumbitekisi noma imoto yezimpahla enesisindo esiphakathi kwezi-3 500 kg nezi-16 000 kg lapho ilayishile. Kumele ube neminyaka eyi-18 noma ngaphezulu ubudala ukuze ufake isicelo.
  • Ikhodi C: Lena eyemoto, ibhasi noma imoto yezimpahla enesisindo esingaphezu kwezi-16 000 kg lapho ilayishile.
  • Ikhodi EB: Lena eyalezi:
    • imoto encane edonsa inqola enesisindo esingengaphezu kwezi-3 500 kg lapho ilayishile sekuhlangene nenqola. Kumele ube neminyaka eyi-18 noma ngaphezulu ubudala ukuze ufake isicelo.
    • inhlanganisela yemoto enesisindo setilogo esingaphezu kwezi-3 500 kg lapho ingalayishile kanye nekhumbitekisi, ibhasi noma imoto yezimpahla enesisindo esingaphezu kwezi-3 500 kg lapho ilayishile. Kumele ube neminyaka eyi-18 noma ngaphezulu ubudala ukuze ufake isicelo.
  • Ikhodi EC1: Lena eyalezi:
    • imoto enkulu edonsa inqola noma izinqola enesisindo esiphakathi kwezi-3 500 kg nezi-16 000 kg lapho ilayishile sekuhlangene nezinqola. Kumele ube neminyaka eyi-18 noma ngaphezulu ubudala ukuze ufake isicelo.
    • inhlanganisela yemoto enesisindo setilogo esiphakathi kwezi-3 500 kg nezi-16 500 kg lapho ingalayishile kanye nekhumbitekisi, ibhasi eliphakathi nendawo, ibhasi noma imoto yezimpahla enesisindo esiphakathi kwezi-3 500 kg nezi-16 000 kg lapho ilayishile. Kumele ube neminyaka eyi-18 noma ngaphezulu ubudala ukuze ufake isicelo.
    • Ikhodi EC: Lena eyemoto enkulu edonsa inqola noma izinqola enesisindo esingaphezu kwezi-16 000 kg lapho ilayishile noma  sekuhlangene nenqola noma ibhasi noma imoto yezimpahla enesisindo esingaphezu kwezi-16 000 kg lapho ilayishile. Kumele ube neminyaka eyi-18 noma ngaphezulu ubudala ukuze ufake isicelo.

Okufanele ukwenze

  1. Qonda esikhungweni sokuhlolelwa ukushayela esiseduzane nawe (e-DLTC) ukuze ubekise usuku lokuhlolwa. Kuyofanele uthathe lokhu okulandelayo uhambe nakho:
    • ilayisensi yakho yokufundela ukushayela.
    • umazisi wakho (i-ID).
    • izithombe ezine ezifanayo ezingenambala. Kuyofanele ukuthi uqinisekise ne-DLTC ukuthi zingaki izithombe abazidingayo ngaphambi kokuba uthathe izithombe.
    • ubufakazi bekheli leposi kanye nelendawo isib. i-akhawunti yezitolo ezithile. Uma leyo akhawunti ingabhalisiwe ngawe, umnikazi waleyo akhawunti kufanele ukuthi akwenzele incwadi efungelwe esho ukuthi uhlala kulelo kheli othi uhlala kulo kanti i-akhawunti yokukhokhelwa kwezindleko zaleyo ndawo kufanele ukuthi nayo ibe khona ihambisane nale ncwadi efungelwe. 
    • uma uhlala endaweni eyimijondolo, kufanele ukuthi uze nencwadi enesigxivizo esisemthethweni esinosuku evela kwikhansela lewadi ohlala kuyo neyobe iqinisekisa ikheli lakho leposi nelendawo
    • imali yokubhukha. 
  2. Gcwalisa ifomu Lesicelo selayisensi yokushayela (i-DL1) e-DLTC.
  3. Gcina iresidi njengobufakazi bokukhokha futhi njengokuqinisekisa kosuku kanye nesikhathi sokuhlolelwa ukushayela.
  4. Ngosuku lokuhlolwa, kuyofanele ukuthi ube se-DLTC ngesikhathi sokuhlola esishiwo. Iresidi yakho kanye nelayisensi yakho yokufundela ukushayela kuyobe sekuhlolwa ukukuqinisekisa ukuthi kuyikho ngaphambi kokuba uqhubeke uyohlolwa.
  5. Uyohlolwa umhloli wabashayeli okuqeqeshelwe ukwenza lokho.
  6. Uma uphumelela kulokho kuhlolwa, kuyobe sekuthathwa amanyathelo eminwe yakho bese uyohlolwa amehlo e-DLTC. Noma kwesinye isikhathi, kungenzeka ukuthi ukuhlolwa kwamehlo akho kwenziwe udokotela ohlola amehlo oqeqeshiwe bese uthumela lelo fomu e-DLTC. 
  7. Uma uphumelela ekuhlolweni kwakho kokushayela, kuyofanele ukuthi ukhokhe imali yokukhipha ilayisensi ukuze uthole ilayisensi yokushayela yesikhashana, noyoyisebenzisa ngesikhathi usalinde ilayisensi yakho yokushayela eyikhadi esa-odiwe.
  8. Uyokwaziswa uma ikhadi lakho eliyilayisensi yokushayela selilungele ukuthi lingalandwa. Kuyofanele ukuthi ulande ilayisensi yakho yokushayela e-DLTC lapho wafaka khona isicelo sakho.

Isikhathi esinqunyiwe

  • Izincwadi zakho zokushayela kumele zibe sezilungile phakathi kwamaviki amane kuya kwayisithupha.
  • Izincwadi zokushayela zesikhashana uzithola ngalo lolo suku.

Kubiza malini

Thinta ihhovisi lezincwadi  zokushayela  langakini ukuze uthole ukuthi kubiza malini.

Amafomu okumele agcwaliswe

Ifomu leSicelo sezincwadi zokushayela (i-DL1) elitholakala kunoma yisiphi isikhungo sokuhlolelwa izincwadi zokushayela.

Imininingwane yokuxhumana

 

Contact your local department of transport

Share this page