Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wangomhla zizi-4 Mandulo 2013

05 Sep 2013

1. Isimo seKhabhinethi ezindabeni ezisemqoka esimweni samanje

1.1. IKhabhinethi iyakwamukela ukwethulwa koMqulu Wemisebenzi KaHulumeni futhi izishayela ihlombe izinyunyana zabasebenzi bakahulumeni, kanye noMbuso njengomqashi, ngezibophezelo abazenze kulo Mqulu.

UMqulu wethula amazinga okusebenza emkhakheni wemisebenzi kahulumeni, futhi izinyunyana zabasebenzi bakahulumeni zazibophezela ukuthi zizowasekela la mazinga okusebenza.

1.2. IKhabhinethi iyaphawula ukuthi njengamanje noma esikhathini esedlule imikhakha eminingi beyimatasatasa ezingxoxweni zamaholo. IKhabhinethi izamukela ngezandla ezimhlophe izivumelwano osekufinyelelwe kuzona emikhakheni ethile futhi iyaphawula ukuthi kweminye imikhakha zisaqhubeka izingxoxo. IKhabhinethi iyazi ukuthi ezweni elinombuso wentando yeningi, abasebenzi banelungelo lokuteleka. IKhabhinethi iyagcizelela ukuthi lelo lungelo kumele lifezekiswe ngaphandle kodlame futhi kumele kuthotshelwe umthetho ngokuphelele.

Abaholi bezinyunyana, nabaqashi kanye nophiko lombuso lwezokuvikeleka banesibopho sokuqinisekisa ukuthi umthetho uyathotshelwa, nokuthi ziyagwemeka izenzo ezikhombisa uchuku futhi isiteleka senzeka ngendlela ephephile.

IKhabhinethi inxenxa wonke amaqembu ukuthi enze konke okusemandleni awo ukuphothula izingxoxo zamaholo ngokushesha ukuze kugwemeke imibango ezodonsa isikhathi eside. Izivumelwano zamaholo ezenziwa ngokushesha zizonciphisa izindleko emnothweni wakuleli futhi lokho kugqugquzela ukufezekiswa kwezinjongo zokuvulwa kwamathuba emisebenzi kanye nokukhula komnotho kuleli lizwe.

1.3. IKhabhinethi yakwamukela ukubanjwa kwe-Lekgotla Yaminyaka Yonke Yezezimayini ebibanjwe ngesonto eledlule. I-Lekgotla yahlinzeka ababambiqhaza ababalulekile embonini yezimayini ngelinye ithuba lokuhlanganisa amakhanda ngenhloso yokuthola ikhambi elizoziqeda ngokuphelele izinselelo esezikhahlameze lo mkhakha. Ngaphansi kobuholi bePhini likaMongameli uKgalema Motlanthe uhulumeni uyaqhubeka futhi nokweseka uhlaka lwesivumelwano kanye nokuqaliswa kwalo ukuze kube nesimo esisimeme futhi esizinzile emkhakheni wezimayini.

1.4. Njengoba  kubhekwe emgubhweni weMinyaka engama-20 Yenkululeko ngomhla zingama-27 Mbasa 2014, iKhabhinethi ihlaba ikhwelo eliqondiswe kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bakhumbule umlando wethu futhi bagubhe amasiko ethu ahlukahlukene ngeNyanga Yamagugu. Imigubho yalo nyaka izokwenziwa ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Ukubuyisa, Ukuvuselela Nokugubha Amagugu Ethu Aphilayo”.

Imigubho yoSuku Lwamagugu izobanjelwa eNkundleni Yezemidlalo iSisa Dukashe  eMdantsane, ngaphansi kukaMasipala Omkhulu wase-Buffalo City, eMpumalanga Kapa mhla zingama-24 Mandulo 2013.

Njengengxenye yomkhankaso weMinyaka engama-20 Yenkululeko, ingqungquthela kazwelonke yobambiswano kwezokuxhumana izokwethula ‘uLwesihlanu Lwenkululeko’ mhla zingama-20 Mandulo 2013, oluzohlinzeka abantu baseNingizimu Afrika ngethuba lokuthokozela inkululeko yethu esayilwela kanzima ukuqinisekisa ukuthi izizukulwane ezizayo ziyahlomula kwintando yethu yeningi ethuthukisayo.

NgoMandulo, ukuze kwesekwe imizamo yethu yezokuvakasha ngaphakathi kuleli lizwe, iKhabhinethi ikhuthaza abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bavakashele izizinda zamagugu, bazikhumbuze ngohambo lwabo olubheke kwinkululeko. Futhi, kwesekwe namagugu ethu ezemvelo ngokuthi kuvakashelwe iziqiwu zikazwelonke okuzongenwa kuzona mahhala kusukela mhla ziyisi-9 kuya mhla ziyi-13 Mandulo 2013 njengengxenye yeViki lesiShiyagalombili laminyaka yonke loPhiko Lweziqiwu Zikazwelonke lwaseNingizimu Afrika.

1.5. IKhabhinethi ikhuthaza bonke abazali kanye nabalondolozi bezingane ukuthi basekele izingane zabo ngenkathi zilungiselela Ukuhlolwa koNyaka kweSizwe Sonke  (i-ANA) esifundweni sokwazi ukufunda nokubhala kanye nesokubala okuzokwenziwa khona maduze nje phakathi kwamhla ziyi-10 namhla ziyi-13 Mandulo 2013.

Abazali kanye nabalondolozi bezingane kumele baqinisekise ukuthi bayayicubungula imiphumela ye-ANA yowezi-2013 njengoba isebenza njengethuluzi elibalulekile lokuhlonza ukukhalipha nobuthakathaka babafundi.
Ukuze balungiselele ukuhlolwa kwe-ANA okuzayo, abazali, abalondolozi bezingane kanye nabafundi bayanxenxwa ukuthi basebenzise amathuluzi ahlinzekwe nguMnyango Wezemfundo Eyisisekelo. Lokhu kutholakala kwisizindalwazi soMnyango esithi: www.education.gov.za.

1.6. IKhabinethi ithanda ukudlulisa amazwi enkuthazo emasosheni oMbutho Kazwelonke Wezokuvikela waseNingizimu Afrika atshalwe empumalanga nezwe le-Democratic Republic of Congo esikhathini esisukela mhla ziyi-13 Nhlangulana 2013 kuze kube umhla zingama-31 Ndasa 2014. Abantu baseNingizimu Afrika bayanxuswa ukuthi basekele futhi bahloniphe la masosha abaluleke kakhulu ekufezekiseni ukuzibophezela kweNingizimu Afrika ekuletheni ukuthula, nozinzo kanye nokuqiniswa kwentando yeningi kwizwekazi lase-Afrika.

1.7. IKhabhinethi ihalalisela labo abaqokwe ngumongameli, okunguMnu. Mxolisi Sandile Oliver Nxasana oqokelwe esikhundleni sokuba nguMqondisi Kazwelonke Wophiko Lwezokushushisa kanye no-Vasantrai Soni oqokelwe esikhundleni sokuba yiNhloko Yophiko Olukhethekile Oluphenya Izenzo Zobugebengu.

1.8. IKhabinethi idlulisa izilokotho ezinhle eziqondiswe emphakathi wamaJuda waseNingizimu Afrika ngenkathi egubha i-Rosh Hashanah ngomhla zizi-5-6 Mandulo 2013). I-Rosh Hashanah ibaluleke kakhulu eMphakathini wamaJuda njengoba iwuphawu lokuqala kohlelo lokuzihlola komuntu ngaphakathi kanye nokubheka emuva, oluholela kwi-Yom Kippur, uSuku Lwenhlawulo.

1.9. IKhabhinethi ithanda ukudlulisa amazwi enduduzo abhekiswe kuNgqongqoshe uMthethwa kanye nomndeni wakhe ngokudlula emhlabeni kukamama wakhe uNkz. Nurse Gumbi mhla zi-3 Mandulo 2013.

2. Izingxoxo nezinqumo zeKhabhinethi eziqavile

2.1.  IKhabhinethi yathola umbiko wemiphumela weThuluzi Lokuhlolwa Kokusebenza Kwabaphathi (i-MPAT) beminyango kahulumeni kazwelonke neyezifundazwe ngonyaka wezimali wezi-2012/13. Lo mbiko ungelinye lamathuluzi ahlose ukwenza ngcono izinga lomsebenzi ohlinzekwa yiminyango kahulumeni. Uhlola imikhakha yokuphatha emine ebanzi, okusho umkhakha wokuphathwa kohlelo lokuthenga impahla nemisebenzi; ukuphathwa kwabasebenzi; ukuhlela ngendlela efanelekile kanye nomkhakha wokwenza ngcono ukuhlinzekwa kwezidingongqangi. Ukuhlolwa kwenziwa emazingeni amathathu, ukuzihlola kweminyango; kulandelwe wuhlelo locwaningo-mabhuku lwangaphakathi bese ekugcineni kwenziwe ukuhlolwa okwenziwa yithimba labahloli abazimele.
UMnyango Wezokuqapha Nezokuhlolwa Komsebenzi uzochaza kabanzi ngalo mbiko ngenkathi kwethulwa i-MPAT ngesonto elizayo eKapa.

2.2. IKhabhinethi yathola futhi yamukela imibiko yekota yokuqala yowezi-2013/14 ephathelene nokuqaliswa kweZivumelwano Zokusebenza mayelana neMiphumela Ebekwe Eqhulwini. Kuzochazwa kabanzi ngale mibiko ochungechungeni lwezithangamu zabezindaba ezihleliwe eziphathelene nomphumela ngamunye kwiMiphumela eyi-12.

2.3. IKhabhinethi yawuphawula umbiko ovela ‘kuMklamo Wokususwa Kolwazi Olubi Oluphathelene Nokuthenga Ngesikweleti’ futhi yamukela nezincomo zeKomidi Elikhethekile lezoHwebo Nobudlelwano Bamazwe Ngamazwe.

Lokhu kuhlose ukulungisa udaba lokuthi labo bantu baseNingizimu Afrika abasesimweni sokukhokha isikweleti abahlinzekwe ngaso, bakwazi ukuthenga ngesikweleti. Laba ngabathengi okungenzeka ukuthi sebezikhokhe ngokugcwele izikweleti zabo futhi abasesimweni sokukhokha isikweleti abahlinzekwe ngaso kodwa njengamanje abangakwazi ukuthenga ngesikweleti ngenxa yolwazi olubi oluphathelene nokuthenga ngesikweleti olugcinwe emarekhodini abo.

Lokhu kuphathelene ikakhulu nokuqinisekisa ukuthi uMthetho Kazwelonke Wezikweleti (uMthetho 34 wezi-2005) usebenza ngendlela okuhloswe ukuthi usebenze ngayo mayelana nokuqinisekisa ukuthi abathengi abasesimweni sokukhokha isikweleti abahlinzekwe ngaso bayakwazi ukuthenga ngesikweleti. Ukungatholakali kwesikweleti noma ukunikezwa isikweleti esimba eqolo kuphazamisa ukukhula komnotho. Ukufinyelela emakethe yezikweleti esimeme kusemqoka kakhulu kwizinjongo zentuthuko.

2.4. IKhabinethi yawamukela uMthetho Odingidwayo Wokugcinwa Esitokisini Kweziboshwa Okuhlehliswe Amacala Azo Enkantolo, kanye nokwethulwa kwalo Mthetho ePhalamende.

Uhlaka lwalo Mthetho Odingidwayo luhlose ukwenza ngcono ukuphathwa kohlelo lokugcinwa  emajele aseNingizimu Afrika kweziboshwa ezilindele ukuqulwa kwamacala azo. Lo Mthetho Odingidwayo uzohlinzeka ngemigomo ezoqhuba ukuphathwa kohlelo lokugcinwa kweziboshwa esitokisini ngenkathi amacala azo ehlehlisiwe enkantolo. Umbiko uzokhishwa ngokwenqubo elandelwa yiPhalamende.

2.5.  IKhabhinethi yavuma ukuthi iSivumelwano Esiphathelene Neziqhumane Ezikhafula Amabhomu Amaningi Amancane sithunyelwe ePhalamende ukuze samukelwe. IKhabhinethi iyakweseka ukucekelwa phansi kweziqhumane ezigciniwe ezikhafula amabhomu amaningi amancane, ukuze kuhlonishwe iSivumelwano.

NgoLwezi 2006 ingqungquthela yeNhlangano Yezizwe Ezihlangene yahluleka ukufinyelela esivumelwaneni sokuthi kumele lulungiswe kanjani udaba lomthelela omubi walezi zikhali kubantu. Lokhu kwaholela ekutheni iqembu lamazwe angama-46, kubandakanya neNingizimu Afrika, liqalise uhlelo ngaphandle kweNhlangano Yezizwe Ezihlangene, olubizwa nge-Oslo Process, lokuvimbela nokwenqabela iziqhumane ezikhafula amabhomu amaningi amancane.

INingizimu Afrika kanye namanye Amazwe angama-93 yasisayinda iSivumelwano ngoZibandlela 2008. Isivumelwano lesi saqala ukusebenza ngomhla lulu-1 Ncwaba 2010. Isivumelwano sivimbela futhi senqabele ukusetshenziswa, nokukhiqizwa, nokugcinwa, nokudluliswa kohlobo oluthile lweziqhumane ezikhafula amabhomu amaningi amancane. Ukwamukelwa kwalesi Sivumelwano kuhambelana nokuzibophezela kweNingizimu Afrika ukuhlonipha amalungelo abantu kanye nomthetho ophathelene nokungahlukunyezwa kwabantu ngenkathi kuqhubeka impi.

2.6. IKhabhinethi yakwamukela ukwethulwa kombiko wokuCwaningwa Komhlaba Wombuso  Obhalisiwe kanye nokuhlaziywa koMhlaba Wabantu Nowabezamabhizinisi eNingizimu Afrika, owethulwa ePhalamende nguMklami Omkhulu Womhlaba.

Ulwazi oluphathelene nomhlaba lusemqoka kakhulu ekuphumeleleni kwakho konke ukuthuthukiswa komhlaba okwenzekayo kuleli lizwe. Injongo yokucwaningwa komhlaba wombuso obhalisiwe ukuzama ukuthola ukuthi ungakanani umhlaba ongaphansi kombuso, nokuthi usetshenziselwa ini futhi ngobani abahlala kuwona noma abawusebenzisayo.

Lokhu kuzosetshenziselwa ukuqinisekisa ukuthi ulwazi oluqukethwe kwirejista yomhlaba luyiqiniso, futhi lokho kuzoba yisisekelo sokuhlela okungcono mayelana nezomhlaba kanye nokuphathwa kwawo, kubandakanya neminye imisebenzi ehlobene nokuphathwa kwephotifoliyo yomhlaba kanye nokuhlinzekwa kwezidingongqangi okwenziwe ngcono.

2.7. IKhabhinethi yawamukela amadizayini oPhiko Olugaya futhi Lukhiqize Imali yaseNingizimu Afrika onyaka wezi-2013 ohlamvu olungama-R2 (i-1/4 oz) oluyingxenye yochungechunge lwemali yesikhumbuzo ewuhlweza equkethe amakharethi egolide angama-24 kanye nohlamvu lowezi-2013 oluyi-R1 (i-1/10 oz) oluyingxenye yochungechunge lwemali yesikhumbuzo ewuhlweza equkethe amakharethi egolide angama-24.

Kwidizayini yohlamvu lwegolide lowezi-2013 olungama-R2 kuzobonakala ulimi lwaBathwa kanti futhi idizayini yohlamvu lwegolide lowezi-2013 oluyi-R1 kuzobonakala umthuthi wempova okleliswe endaweni yesithathu – iLulwane Lezithelo. Amadizayini ohlamvu lwemali kanye nokuMenyezelwa kwayo ngokuSemthethweni kuzoshicilelwa kuSomqulu Kahulumeni. Emva kwalokho le mali izokhiqizwa bese idayiswa ngendlela ejwayelekile.

2.8. IKhabhinethi yakwamukela ukwethulwa kwemibiko emithathu kwiKomidi leNhlangano Yezizwe Ngezizwe yamaLungelo Engane kanye neKomidi loNgoti loBumbano lwamaZwe ase-Afrika ephathelene nenqubekela phambili eseyenziwe ukuvikela amalungelo nenhlalakahle yezingane. Imibiko ihlinzeka ngethuba elisobala futhi elibalulekile lokuthi iNingizimu Afrika ikwazi ukuhlola inqubekela phambili esiyenziwe kule mikhakha;

a)  Umbiko Wamazwe Wesivumelwano Esingaphoqelekile esiphathelene nokuThengiswa Kwezingane, Ukusetshenziswa Kwezingane Ezenzweni Zokuthengisa Ngomzimba kanye Nezithombe Zocansi Ezikhombisa Izingane
b)  Umbiko ohlanganisiwe wesibili nowesithathu kanye nowesine weSivumelwano seNhlangano Yezizwe Ngezizwe ophathelene namaLungelo Engane
c)  UMqulu wase-Afrika ophathelene namaLungelo kanye Nenhlalakahle Yengane: Umbiko Wamazwe Wokuqala owethulwa kwiKomidi loNgoti loBumbano lwamaZwe ase-Afrika lwamaLungelo Nenhlalakahle Yengane.
IKhabhinethi ibonga iyanconcoza ezinhlanganweni eziningi zomphakathi kanye nozakwabo emazweni omhlaba ababambisane nohulumeni ekufezekisweni kwezibophezelo eziqondiswe ezinganeni eziqukethwe kuMthethosisekelo wethu.

3. IMithethosivivinywa

3.1. IKhabhinethi yakwamukela ukwethulwa ePhalamende kweSichibiyelo Somthethosivivinywa Wokubuyiselwa Kwamalungelo Ezomhlaba.

UMthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wokubuyiselwa Komhlaba Kubanikazi Bawo ukuze kwelulwe isikhathi sokufakwa kwezicelo zokubuyiselwa umhlaba sifinyelele kumhla zingama-31 Zibandlela 2018; nokuthathwa njengento engekho emthethweni kokufakwa kwezicelo zokubuyiselwa umhlaba ezihambisana nenkohliso; nokwenziwa lula kwenqubo yokuqashwa kwamaJaji eNkantolo Yezicelo Zokubuyiselwa Umhlaba; kanye nokuchitshiyelwa kwezimiso ezithile ezihlose ukugqugquzela ukuqaliswa ngempumelelo kokusebenza koMthetho.

Ukuvulwa kabusha kokufakwa kwezicelo zokubuyiselwa umhlaba kuholwa umbono woHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP) kanye noHlelo Olubanzi Lokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya kanye namanye amasu okukhulisa umnotho okuhloswe ngawo ukuthi kugqugquzelwe ukubuyisana kuzwelonke nobumbano lomphakathi.

3.2. IKhabhinethi yakwemukela ukwethulwa ePhalamende kweSichibiyelo Somthethosivivinywa weMithetho Yezesayensi Nezobuchwepheshe, 2013.
Isichibiyelo Somthetho siphathelene neMithetho enhlobonhlobo elawula ukusebenza kwezinhlangano (imikhandlu yezesayensi) ezasungulwa ngokwemigomo yoMthetho okukhulunywa ngawo. UMthethosivivinywa uhlose ukuthi wenze le nqubo ihambelane kahle nokuphakanyiswa kwamagama kanye nokuqokwa kwamalungu kanye nokugcwaliswa kwezikhala ezikhona kumaBhodi noma imiKhandlu yalezo zinhlangano.

UMthethosivivinywa uhlose ukuqinisekisa ukuhamba kahle kwemisebenzi kanye nokuphathwa kwezinhlangano zomphakathi ezingaphansi kukaNgqongqoshe Wezesayensi Nobuchwepheshe.

Ukuze kuqiniswe umsebenzi wePhalamende wokuqapha ukusebenza kweminyango kahulumeni, uMthethosivivinywa uhlose ukukhulula iPhalamende kweminye imisebenzi yalo ephathelene nokuqokwa kwamalungu kanye nokugcwaliswa kwezikhala ezikhona kulawo maBhodi noma imiKhandlu. Lokhu kuhambelana nomgomo womthethosisekelo wokuhlukaniswa kwamandla okuphatha.

3.3. IKhabhinethi yakwamukela ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wezindaba Zendabuko kuSomqulu Kahulumeni ukuze umphakathi uphawule ngawo.
UMthethosivivinywa wenza izimiso ezisemthethweni zokwamukelwa komphakathi  wama-Khoi-San futhi ulungisa nemikhawulo ekhona emthethweni njengamanje mayelana nobuholi bendabuko kanye nokubusa.

Kusukela ngowe-1994, uhulumeni ubugxile kakhulu kwizinselele eziphathelene nama-Khoi-San futhi ikakhulu ekwamukelweni ngokusemthethweni kwemiphakathi yama-Khoi-San kanye nabaholi bayo. UMthethosivivinywa uzoba negalelo ekufezekisweni kwalokho okubekwe eqhulwini yi-NDP mayelana nokukhuliswa kokubambana nokubumbana komphakathi futhi kusenjalo kulungiswe nokungalingani kwesikhathi esedlule.

3.4. IKhabhinethi yavuma ukuthi lwethulwe ePhalamende Uhlaka Lokubuyekezwa Kwenqubomgomo Yomthetho Kazwelonke Wezikweleti kanye Nesichibiyelo Somthethosivivinywa Kazwelonke Wezikweleti.

UMthetho Kazwelonke Wezikweleti, 2005 (uMthetho 34 wezi-2005) waqala ukusebenza mhla lu-1 Nhlangulana 2007 ngokwethula imitheshwana emisha yokulawula izikweleti ohlelweni lwezomthetho lwaseNingizimu Afrika.

UMthethosivivinywa uhlose ukuqinisa ikhono lokusebenza loMlawuli Kazwelonke Wezikweleti ukuze kubhekwane nezinselelo ezithile, ikakhulu eziphathelene nezinqubo zasenkantolo kanye nokuqinisa ukuthotshelwa komthetho kanye nokuqaliswa kokusebenza kwezimiso zoMthetho Kazwelonke Wezikweleti 34 wezi-2005.

UMnyango Wezohwebo Nezezimboni (i-dti) uthathe isinqumo sokuthi uhlaka lwenqubomgomo ephathelene nokuHlinzekwa Kwabathengi Ngezikweleti, okusekelwe phezu kwayo uMthetho Kazwelonke Wezikweleti 34 wezi-2005, lwamukelekile, lunohlonze futhi lufanelekile. Lokhu kulandela ukubuyekezwa okuphelele okwenziwa yi-dti ngowezi-2012.

3.5. IKhabhinethi yakwamukela ukwethulwa kweSichibiyelo Somthethosivivinywa Wokuthathwa Kwesinqumo Esiphathelene Nomholo Wamalungu Ezikhungo Ezisungulwe Ngokomthethosisekelo, 2013.

UMthethosivivinywa uhlose ukuletha isimo esifanayo mayelana nokuthathwa kwesinqumo esiphathelene namaholo, nezibonelelo kanye neminye imigomo nemibandela yokuqashwa kwamalungu eziKhungo ZikaHulumeni Ezeseka Ukubusa Ngentando Yabantu, futhi ngalokho kuqinisekiswe ukuhamba kahle kwemisebenzi nokuphathwa kwalezi zikhungo ezibalulekile.

4. Abaqashiwe

4.1. IKhabhinethi yakwamukela ukuqashwa kukaMnu. Mokutule Joseph Kgobokoe esikhundleni sokuba Iphini likaMqondisi-Jikelele: Ophikweni Lokuqinisekiswa Kokutholakala Kokudla Okwanele kanye Nezinguquko Kwezolimo eMnyangweni Wezolimo, Ezamahlathi Nezokudoba.

4.2. IKhabhinethi yakwamukela ukuqashwa kukaNksz. Zandile Yvonne Mathe esikhundleni sokuba Iphini likaMqondisi-Jikelele: Ophikweni Lwezengqalasizinda Kazwelonke Yamanzi eMnyangweni Wezamanzi.

4.3. IKhabhinethi yakwamukela ukuqashwa kwalaba abalandelayo njengamalungu ebhodi yoPhiko Lokuthuthukiswa Kwamabhange Emifelandawonye:

a) Sethe Patricia Makhesha (uSihlalo)
b) Peter Koch (ophinde waqokwa kabusha njengePhini likaSihlalo)
c) Venete Jarlene Klein
d) Lufuno Nevondwe
e) Thabo Vaughan Shenxane
f) Samuel Senalor Akrong
g) David Ginsburg
h) Renganayagee Kisten.

4.4. IKhabhinethi yakwamukela ukuqashwa kwala malungu alandelayo oMkhandlu Wocwaningo Lwezolimo ngokwesigaba 9(1) soMthetho Wezocwaningo Lwezolimo, 1990 uMthetho Nombolo. 86 we-1990 isikhathi esingekho ngaphezu kweminyaka emithathu.

a) Mnu. Jonathan Winston Alexander Godden (oqashwe kabusha)
b) Slz. Michael Jeffrey Kahn (oqashwe kabusha)
c) Slz. Sibusiso Vil-Nkomo (oqashwe kabusha)
d) Dkt. Joyce Chitja (oqashwe kabusha)
e) Nksz. Wilna Jansen Van Rijssen (oqashwe kabusha)
f) Nksz. Dudu Msomi (oqashwe kabusha)
g) Mnu. Mzolisi Dyasi (oqashwe kabusha)
h) Slz. Frans J.C Swanepoel (oqashwe kabusha)
i) Mnu. Gerard John Martin
j) Nksz. Dora Ndaba
k) Mnu. Ismail Cassim Motala
l) Nksz. Muhle Joyce Mashiteng
m) Nksz. Rowen Graham Nicholis
n) Mnu. Clive Douglas Kneale
o) Slz. Louw C. Hoffman
p) Mnu. Allen Henry Bishop.

4.5. IKhabhinethi yavumelana nokuqashwa kwalaba abalandelayo eMkhandlwini Weziphathimandla Ezilawula Imboni Yonogada Abazimele, isikhathi esingekho ngaphezu kweminyaka emithathu:

a) Mnu. Daniel Claude Mojalefa Rathebe (Iphini likaSihlalo)
b) Brigadier Cynthia Lindiwe Philison (ikhansela)
c) Mnu. Benjamin Somangamane Ntuli (ikhansela)
d) Nksz. Nontokozo Mthembu (ikhansela).
4.6. IKhabhinethi yakwamukela ukwelulwa kwenkontileka yokuqashwa kukaDkt. Vuyelwa Nhlapo njengeSikhulu Esiyinhloko yoPhiko Lukazwelonke Lwezentuthuko, isikhathi esiyiminyaka emibili kusukela mhla lu-1 Mandulo 2013 kuze kufinyelele kumhla zingama-31 Ncwaba 2015.

4.7. IKhabhinethi yakwamukela ukuqashwa kukaMnu. Mokadi Max Mathye njengeSikhulu Esiyinhloko yoPhiko Lweziphathimandla Zezemfundo Nokuqeqeshwa Emkhakheni Wezokudla kanye Neziphuzo.

4.8. IKhabhinethi yakwamukela ukuqashwa kabusha kwalawo malungu aqinisekisa ukuthi azimisele ukuqhubeka nokusebenza njengamalungu Omkhandlu Wezokuthuthukiswa Kwabasebenzi waseNingizimu Afrika kusukela ngoMandulo 2013 kuze kube nguNcwaba 2018.

Usihlalo walo mkhandlu wezoluleko omkhakha-mningi yiPhini likaMongameli u-Kgalema Motlanthe futhi lo mkhandlu unoNgqongqoshe abayi-13 abahleli ngokugcwele emkhandlwini futhi abamele uhulumeni. Kulo mkhandlu kukhona futhi nabamele abamabhizinisi ahlelekile kanye nabasebenzi, nezifundiswa, nezinhlaka ezinhlobonhlobo ezimele umphakathi wonkana kanye namanye amalungu anxenxiwe ukuthi abambe iqhaza kulo mkhandlu. (Amagama alaba bantu abaqokiwe afakwe kwiSiqeshana Esiyisijobelelo 1)

IKhabhinethi yamukela futhi nokuqashwa kwalaba abalandelayo:
a) Mnu. Mongwena John Maluleke (omele izinyunyana zabasebenzi)
b) Mnu. Thero Micarios Lesego Setiloane (omele osomabhizinisi abahlelekile)
c) Mnu. Seeraj Mohamed (omele izifundiswa)
d) Dkt. Octavia Khabelani Mkhabela (ilungu elimenyiwe)
e) Dkt. Raymond Patel (ilungu elimenyiwe)
f) Dkt. Duduzile Rosemary Mkhize (ilungu elimenyiwe)
g) Nksz. Happy Mavis Sibande (ilungu elimenyiwe).

Share this page

Similar categories to explore