Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wangomhla ziyisi-6 kuNhlangulana 2018

IKhabhinethi labamba umhlangano walo ngoLwesithathu mhla ziyisi-6 kuNhlangulana 2018 eziNdlini Zombuso, ePitoli.

A. Izindaba Ezisematheni

1. Umnotho 

IKhabhinethi likuphawulile ukwehla ngama-2,2% kweSamba soMkhiqizo Wezwe (i-GDP) ngekota yokuqala yowezi-2018. UPhiko Lwezezibalo lwaseNingizimu Afrika (i-StatsSA) luzikhiphe kuleli viki izilinganisomanani. Imboni yezolimo, eyezimayini kanye neyezokukhiqiza zibe nesandla esikhulu ekuncipheni komkhiqizo wezwe ngale kota yokuqala yonyaka. IKhabhinethi seliyalele oNgqongqoshe Beqoqwana Lezomnotho ukuthi babambe umhlangano ngokushesha ukuze baxoxisane ngokuthi yiziphi izinyathelo ezizothathwa mayelana nalezi zilinganisomanani ezehlile.  

Imiphumela ye-GDP ibonisa ngokucacile isidingo sokuthi yonke imikhakha yezwe isebenzisane ngenhloso yokweseka umnotho wezwe laseNingizimu Afrika. Abamabhizinisi kanye nabasebenzi kumele baqhubeke nokusebenzisana nohulumeni ukweseka imizamo kahulumeni enjengoHlelo Olunamaphuzu Ayisishiyagalolunye ngenhloso yokukhuthaza ukukhula komnotho futhi kuvulwe namathuba omsebenzi adingeka kakhulu kuleli. Enye yezinsika zalolu hlelo ezisemqoka wuHlelo Lokusebenza Lwenqubomgomo Yezimboni (i-IPAP), olugxile ekukhuliseni ukukhiqizwa kwempahla, ukuvulwa kwamathuba omsebenzi kanye nokuthunyelwa kwempahla yakuleli emazweni angaphandle. IKhabhinethi liqinisekile ukuthi i-IPAP izolekelela ekukhulisweni komkhakha wezimboni wakuleli kanye nomnotho.

Makhathaleni kulo nyaka, uhulumeni uzosingatha iNgqungquthela Yotshalomali Yamazwe Ngamazwe okuhloshwe ngayo ukukhangisa iNingizimu Afrika njengezwe elikulungele kakhulu ukutshalwa kwezimali. Injongongqangi yale ngqungquthela wukuqalisa umshikashika wokuheha utshalomali olusha oluyimali eyithriliyoni eyi-1.2 yamarandi kule minyaka emihlanu ezayo, okuwutshalomali oluzoba negalelo elikhulu ekukhuliseni umnotho wezwe nokuvula amathuba omsebenzi kuleli.

2. Utshalomali 

IKhabhinethi liyakuthakasela ukwethulwa kwefemu entsha esezingeni lomhlaba, i-Yekani Manufacturing, eyakha imikhiqizo yobuchwepheshe bolwazi nokuxhumana, edolobheni lase-East London eMpumalanga Kapa, okwenzeke mhla ziyisi-5 kuNhlangulana 2018, okuyinkampani engeyabantu abantu abamnyama ngokuphelele. Le femu okutshalwe kuyona isigidigidi esisodwa samarandi izodala amathuba omsebenzi amasha futhi asezingeni elikahle ayi-1 000, ngaphezu kwabasebenzi abakhona njengamanje abangama-450, ikakhulukazi okuyintsha nabantu besifazane.
 
Le femu ihlomule ohlelweni lweZibonelelo Zokukhuthaza Ingqalasizinda Yezizinda Zomnotho Ezikhethekile futhi kusenjalo ihlomulile nasoHlelweni Losozimboni Abamnyama (i-BIS). Kule minyaka-mali emibili edlule uhlelo lwe-BIS luholele ekutheni uMnyango Wezohwebo Nezimboni (i-dti) ugunyaze izibonelelo zokukhuthaza osozimboni abamnyama abayi-103. Futhi kunezinkampani ezingama-48 ezihlinzekwe ngosizo lokufinyelela ezimakethe, kanti eziyisishiyagalombili kulezi zinkampani ziseMpumalanga Kapa.

3. Umholo Ophansi Kazwelonke (i-NMW)

IKhabhinethi liyakwamukela ukuphasiswa koMthethosivivinywa we-NMW yisiGungu Sikazwelonke (i-NA), ePhalamende. Lithanda ukudlulisa amazwi okubonga kubo bonke ababambiqhaza abayingxenye yoMkhandlu Kazwelonke Wezokuthuthukiswa Komnotho Nezabasebenzi (i-Nedlac) ngendima abayidlalile ekutheni kufinyelelwe kulesi sivumelwano. Lokhu kuqalisa inqubo ephokophele ekuncishisweni kwegebe lemiholo, ikakhulu kulabo abahola imali encane. Balinganiselwa ezigidini eziyi-6,4 abasebenzi baseNingizimu Afrika abazohlomula uma usucikiciwe waba ngumthetho lo Mthethosivivinywa. Kepha-ke iKhabhinethi liyavuma ukuthi nembala usemningi umsebenzi okumele wenziwe ukuvala igebe lemiholo elisalokhu liqhubeke njalo kuleli. 

Manje-ke lo Mthethosivivinywa usuzodluliselwa eMkhandlwini Kazwelonke Wezifundazwe (i-NCOP) ukuze kuvunyelwane, ngaphambi kokuba uMongameli awucikice ube ngumthetho.

4. Izidingo-ngqangi

IKhabhinethi liyayithokozela impela imiphumela yeNhlolovo Yomasipala Engaphathelene Nezezimali yowezi-2017 ekhishwe yi-StatsSA. Imiphumela iyabonisa ukuthi sikhulile ngowezi-2017 isibalo sabantu abathole izidingo-ngqangi ezinjengogesi, amanzi nokuthuthwa kwendle, uma kuqhathaniswa nowezi-2016. Uhulumeni usalokhu ezibophezele ekuhlinzekeni zonke izakhamuzi zakuleli ngezidingo-ngqangi zansuku zonke, ikakhulukazi abantu abadla imbuya ngothi. Umklamo wakamuva ophathelene nokuhlinzekwa kwamanzi wuMklamo Wamanzi waseMhlathuze odle izigidi ezingama-96 zamarandi ose-Richards Bay esifundazweni saKwazulu-Natali, ozohlinzeka ngamanzi aphuma kumpompi emakhaya angaphezu kwezi-6 000.

5. Izingxoxo zemiholo yabasebenzi bakahulumeni

IKhabhinethi lethulelwe umbiko wakamuva nguNgqongqoshe Wezemisebenzi Kahulumeni Nokuphathwa Kwayo mayelana nezingxoxo zamaholo abasebenzi bakahulumeni. IKhabhinethi liyakuthokozela ukuzibophezela kwabo bonke ababambiqhaza ekutholeni isixazululo ngokuxoxisana ngokuthula nangobungani esizovuna futhi sihlomulise bonke ababambiqhaza bazo zonke izinhlangothi. IKhabhinethi liyaphinda futhi liyakugcizelela ukuzibophezela kukahulumeni ekubonisaneni nabasebenzi ngokuphelele ukuze kufinyelelwe esivumelwaneni esizohambelana nezimfuno nezidingo zabo bonke abathintekayo.

6. Izibonelelo-mali zikahulumeni 

IKhabhinethi liyaphinda futhi liyabaqinisekisa abahlomuli bezibonelelo-mali zikahulumeni ukuthi uhulumeni usazoqhubeka nokubahlinzeka ngalezi zibonelelo ezibaluleke kangaka, njengoba eyalelwa wuMthethosisekelo WeRiphabulikhi yaseNingizimu Afrika we-1996 ukuthi akwenze lokho. Kusazoqhubeka ukukhishwa kwezibonelelo-mali zikahulumeni kanti futhi inqubo yokuthathwa kwamakhadi amasha azongena esikhundleni samakhadi amadala eNhlangano Yezimpesheni Nezibonelelo Zikahulumeni eNingizimu Afrika (i-SASSA) izoqhubeka kuze kube sekupheleni kukaMandulo 2018. 

Ubambiswano phakathi kwe-SASSA nePosi laseNingizimu Afrika selubonisa izithelo ezinhle njengoba sesikhulile impela isibalo sabahlomuli bezibonelelo-mali zikahulumeni abalokhu betheleke njalo kusukela ngoNhlaba 2018 ukuzoshintsha amakhadi abo amadala.

IKhabhinethi linxusa imiphakathi ukuthi iyishaye indiva imiyalezo yomqhafazo (ama-SMS) yakamuva eyalela abahlomuli bezibonelelo-mali zikahulumeni ukuthi babhalisele izibonelelo zabo kabusha ukuze bangahlangabezani nengwadla yokungayitholi imali yabo. Ngaleyo miyalezo ekhohlisayo futhi edukisayo kuhloswe ukudala ukudideka kubantu abahlwempu futhi kanjalo kuphazamise nohulumeni emsebenzini wakhe wokuqinisekisa ukuthi abahlomuli bezibonelelo-mali zikahulumeni bakhokhelwa izimali zabo ngaphandle kwezihibe. 

7. Isifundazwe saseNyakatho Ntshonalanga

IKhabhinethi lithole umbiko wesithathu mayelana nenqubekelaphambili eseyenzekile esifundazweni saseNyakatho Ntshonalanga, ovela kwiThimba LoNgqongqoshe Beminyango Ehlukahlukene (i-IMTT) Elijutshwe Ukuxazulula Izinkinga Ezibhekene nalesiya sifundazwe. IKhabhinethi ligculisekile ngenqubekelaphambili eseyenziwe ekuqalisweni kokusebenza kweSigaba 100(1) (a) kanye no-(b) eminyangweni kahulumeni wesifundazwe saseNyakatho Ntshonalanga. Kuphinde kwagunyazwa nokuthi kusukela manje kuya phambili i-IMTT isizobikela iKhabhinethi kanye ngenyanga ukuze kunikwe amathimba athunyelwe esifundazweni saseNyakatho Ntshonalanga ithuba lokuqhubeka kahle nomsebenzi ajutshwe wona.

IKhabhinethi lilugunyazile uhambo lokuvakashela eNyakatho Ntshonalanga mhla ziyisi-7 kuNhlangulana 2018 ngenhloso yokuyokwethula umbiko kwisiGungu Seziphathimandla Zesifundazwe, isiShayamthetho Sesifundazwe kanye nabacwaningi mabhuku bangaphandle ababhekene nesifundazwe saseNyakatho Ntshonalanga.

8. Imibhikisho 

IKhabhinethi liyayigxeka imibhikisho yakamuva ehambisana nodlame eyenzeke ezindaweni ezihlukahlukene ezweni lonkana, futhi idumele ikakhulukazi ngezenzo zodlame nokwesatshiswa okuqondiswe kwiziguli nodokotela esibhedlela i-Charlotte Maxeke Johannesburg Academic Hospital. Ababhikishi abasebenzisa amalungelo abo okubhikisha kumele bakwenze lokho ngaphandle kokunyathela amalungelo abanye abantu, ikakhulukazi abantu abadinga usizo nokubhekelelwa ngoba bengenawo amandla okuzibhekelela ngokwabo. Asikho neze isikhalazo noma ukungagculiseki okungathathwa njengesizathu esanele futhi esamukelekayo sezenzo ezihambisana nodlame nokwesabisa, njengalezi esizibone ngeviki eledlule.

9. Ezokuphepha nokuvikeleka

IKhabhinethi liyalwamukela futhi liyalusekela ‘uhlelo lokungenelela ngenhloso yokuletha uzinzo’ oluqhutshwa nguMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS), lapho amaphoyisa azobambisana khona nabantu baseNingizimu Afrika emizamweni yokuqinisekisa ukuphepha kwemiphakathi yakuleli. Ukuqiniswa kakhulu kohlelo lokubonakala emphakathini kwamaphoyisa ahambahamba ngezinyawo kanye nalawo ahamba ngezimoto egqoke umfaniswano wamaphoyisa – ngokusekelwa wuphiko lwe-SAPS oluhamba ngezindiza ezinophephela emhlane, nemikhankaso elokhu iqhubeke njalo yokusesha, nezivimbamgwaqo kanye nokuphikelela ekuthungatheni abasolwa abafunwa ngamaphoyisa – kuzolekelela kakhulu ekuqinisekiseni ukuthi abantu bakuleli abazizwa nje bephephile kepha baphephile impela. 

Imiphakathi iyakhuthazwa ukuthi ihlinzeke ngolwazi oluphathelene nokuphepha kwayo esiteshini samaphoyisa esiseduzane noma ishayele inombolo yamahhala ye-Crime Stop ku: 086 00 10111. IKhabhinethi liyawanxusa amalungu omphakathi ukuthi angayisebenzisi budedengu futhi angayixhaphazi le nombolo yamahhala. Ukuxhashazwa kwenombolo ye-Crime Stop kungaba nomthelela omubi ngoba kungavimbela ukufinyelela emaphoyiseni kwabantu abazithola behlangabezana nezimo ezibucayi ngokwempela, abadinga usizo lwamaphoyisa ngokushesha, okuyinto ebingasindisa impilo yomuntu. 

10. Inyanga Yentsha 

IKhabhinethi liyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bazibandakanye ezinhlelweni nemiklamo yokufukulwa nokuhlonyiswa kwentsha ngenyanga kaNhlangulana. Kulo nyaka kugujwa iminyaka eyikhulu kwazalwa u-Tata Nelson Rolihlahla Mandela kanye noMama u-Albertina Nontsikelelo Sisulu futhi iNyanga Yentsha yowezi-2018 izogujwa ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Yiba yingxenye yokhondolo lwezingqalabutho: Njengoba siphokophele ekuqinisekiseni ukuba khona kwentsha ehlonyiswe ngamakhono ezenhlalo-mnotho afanele”.

Ngokugqugquzelwa wukhondolo lwalezi zingqalabutho oluyingqayizivele, kumele abantu abasha bahlonyiswe ngamakhono afanele ukuze badlale indima yabo ngenkuthalo ekuthuthukisweni kwemiphakathi yabo, ngenhloso yokuthi kusetshenzwe ngokubambisana ekuthuthukiseni iNingizimu Afrika. Uhulumeni usebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi intsha iyafinyelela ezinhlelweni eziningi zokusekela nokufundisa intsha ezizokwenza ngcono ukubamba kwayo iqhaza emnothweni wezwe. 

11. Ukuhlolwa kwesikhathi esimaphakathi kanye nokuhlolwa okwandulela ukuhlolwa kokuphela konyaka

IKhabhinethi liyabanxusa abazali nabalondolozi bezingane ukuthi basekele, ngokusemandleni abo, abafundi abazobe bebhala ukuhlolwa kwesikhathi esimaphakathi kanye nokuhlolwa okwandulela ukuhlolwa kokuphela konyaka okuzoqhubeka ezweni lonkana. 

IKhabhinethi liyithakasela kakhulu indima esemqoka edlalwa ngothisha ekulolongeni nasekucijeni abaholi bethu bangomuso futhi kusenjalo kwakhiwe nesimo esikahle futhi esiphephile ezizofundela ngaphansi kwaso izingane zethu. Liyabakhuthaza futhi bonke abafundi ukuthi baqhubeke nokuhlala ezincwadini zabo ngenkathi bezilungiselela, bazame ukwenza konke okusemandleni abo ukuze baphumelele ngamalengiso.

IKhabhinethi liyakwamukela futhi nokuvulwa kwezikole ebezivaliwe ezingxenyeni ezithile zesifundazwe saseNyakatho Ntshonalanga, kubandakanya indawo yase-Koster kanye ne-Rustenburg. Lokhu kuza emva kwemibhikisho nokuphazamiseka kohlelo lokufunda nokufundisa obesekuqhubeke amaviki amaningana kulezi zindawo. IKhabhinethi linxusa abazali, abafundi kanye nothisha ukuthi babambisane ukubuyisa nokuvala isikhathi esilahlekile futhi bazibophezele ezinhlelweni zokukhathula umsebenzi osalele emuva.

12. Isomiso nemililo yequbula

IKhabhinethi liyabakhumbuza abantu baseNingizimu Afrika ukuthi leli lizwe lisalokhu libhekene nesomiso. INingizimu Afrika ingelinye lamazwe angama-30 omile kakhulu emhlabeni futhi ukutholakala kwezimvula ezingaphansi kwezinga elijwayelekile kusenze saba sibi kakhulu isimo. Bonke abantu bakuleli kumele baqhubeke nokubambisana nohulumeni ekongeni amanzi ukuze kuqinisekiswe ukuthi wonke umuntu wakuleli uthola amanzi anele. 

Njengoba sesingena ebusika nje, iKhabhinethi linxusa imiphakathi yakuleli ukuthi icophelele kakhulu ukuze igweme imililo ebhubhisa imijondolo kanye nemililo yequbula. Uhulumeni uyaqhubeka nokusebenzisana nemiphakathi ukugqugquzela nokuqinisekisa ukuthi abantu balandela izinyathelo ezibekiwe zokuphepha uma besebenzisa izibaseli zokushisisa amakhaya abo ezihlukahlukene ukuze bahlale befudumele.  

13. Ezesayensi Nobuchwepheshe

IKhabhinethi lisiphawulile isigameko esiphathelene nomkhakha wezinkanyezi esenzeke ngempelasonto edlule lapho izazi zezinkanyezi ezenza ucwaningo lokuthungatha izinkanyezi ezintsha emkhathini, olubizwa nge-Catalina Sky Survey e-Arizona, kwelase-USA, zibone unozungezilanga oyidwala omncane (i-asteriod) obungakaze ubonakale ngaphambilini (obizwa nge-2018 LA) eduze komzila weNyanga, owele phansi emhlabeni emva kwamahora ambadlwana nje bewubonile.

Ukuqhuma okukhulu okubangelwe wukuwela phansi kwalo nozungezilanga, okuthumele amagagasi omsindo ondondayo (obizwa nge-infrasound) athubeleze emkhathini, kuzwiwe futhi kwabonwa nawumshini oqaphe umsindo ondondayo owenzeka emkhathini eNingizimu Afrika, oyingxenye yoHlelo Lwamazwe Ngamazwe Olubanzi Lokuqinisekisa Ukuthotshelwa Kwesivumelwano Sokuvimbela Ukulingwa Nokuhlolwa Kokusebenza Kwezikhali Zenuzi. 

Lokhu kubonisa ngokusobala ukukhula kwamandla ezingcwaningo zesibhakabhaka zesimanjemanje, okuqapha nokubona onozungezilanga okungenzeka bawele phansi emhlabeni futhi kubonisa amandla nekhono leNingizimu Afrika elihlonishwa emhlabeni wonke jikelele kulo mkhakha.  

B. Izinqumo zeKhabhinethi

14. IKhabhinethi likugunyazile ukuthunyelwa ePhalamende kombiko wezi-2016/17 ophathelene nokusebenza koHlelo Lwesaphulelo Sentela Socwaningo Nentuthuko (i-R&D). Lolu hlelo lwesaphulelo selwenze ukuthi izinkampani zikwazi ukusebenzisa izindlela zokusebenza ezihlukahluneke kuzinhlelo zazo ze-R&D, ukuqamba nokwakha imikhiqizo emisha. Lolu hlelo, olwethulwa ngoLwezi wezi-2006, seluyasetshenziswa nguMnyango Wezesayensi Nobuchwepheshe ngokubambisana noPhiko Lokuqoqa Intela lwaseNingizimu Afrika (i-SARS) kanye noMnyango Wezezimali Kuzwelonke. 

Kususekela ngoNdasa wezi-2016 kuya kuNhlolanja wezi-2017, ziyi-153 izicelo zokuthola isaphulelo sentela se-R&D ezafika zivela ezinkampanini eziyi-117, futhi ezingama-58 kulezi zicelo bezivela kwizinkampani ebeziqala ngqa ukufaka isicelo sesaphulelo sentela. Lezi zicelo beziqondene nemiklamo ye-R&D engama-571 elinganiselwa kumabhiliyoni angu-3,6 wamarandi. IKhabhinethi liyakuthokozela impela ukukhula kwesibalo sezinkampani ezitshala izimali ku-R&D futhi liwanxusa amabhizinisi ukuthi aqhubeke nokutshala imali eningi ku-R&D, okuwumkhakha osalokhu uqhubeke njalo nokuba yinsika esemqoka yemizamo yethu yokukhulisa umnotho.  

15. IKhabhinethi likugunyazile ukushicilelwa kocwaningo lowezi-2016/2017 oluphathelene noxhaso-mali lukahulumeni oluqondene neMisebenzi Yezesayensi Nobuchwepheshe. Minyaka yonke, lolu cwaningo luqapha futhi luhlaziye ukusebenza komkhakha wezesayensi nobuchwepheshe, kanye negalelo lawo ekukhuliseni nasekuthuthukiseni iNingizimu Afrika. IKhabhinethi liyiphawulile inkinga yokushoda kwesabelomali esiholele ekutheni sinciphe isivinini sokukhula kwemali esetshenziselwa imiklamo ye-R&D kuyo yonke iminyango kahulumeni.  

16. IKhabhinethi lilugunyazile uHlaka Lwenqubomgomo ebuyekeziwe Yokugunyazwa Kwezinsizakalo Zokuhlumelelisa Izimilo Zezaphulamthetho Ngaphandle Kokuzigquma Ejele eNingizimu Afrika. Lolu hlaka lwenqubomgomo lwaqaliswa ngowezi-2010 ngokulandela uMthetho Wezobulungiswa Wezingane, wezi-2008 (uMthetho 75 wezi-2008). Inqubo yokubuyekeza lolu hlaka lwenqubomgomo ihlose ukuqinisekisa ukuthi abahlinzeki bezinsizakalo zokuhlumelelisa izimilo zezaphulamthetho ngaphandle kokuzigquma ejele kanye nezinhlelo eziphathelene nalokhu kuyahambisana ngaso sonke isikhathi nemigomo yokusebenza eyisisekelo. Izahluko eziyisithupha kulolu hlaka zichitshiyeliwe ngenhloso yokwenza ngcono ikhwalithi nezinga lezinsizakalo ezihlinzekwa izingane eziphule umthetho.

17. IKhabhinethi liligunyazile iSu Lokubonisana Kwamazwe Esifunda mayelana Nokuvimbela Ukungena Nokusabalala Kwamagciwane Namakhemikhali Anobungozi Ekudleni, kanye nokuqaliswa kwalo. Ukukhuliswa kwezitshalo nezilwane ngomshini wobuchwepheshe besimanjemanje kuthathwa njengento esemqoka kakhulu engafaka isandla ekukhuliseni umnotho futhi kuyithuluzi elikhulukazi lokuxosha indlala nobubha, ikakhulukazi emazweni asathuthuka. 

Leli lisu lizokwenza kube kula ukuhwebelana kwamazwe ase-Afrika futhi lenze nokuthi amazwe esifunda akwazi ukuncintisana namanye amazwe ezimakethe zomhlaba. Lizokwenza ngcono ukubambisana nokusebenzisana kweNingizimu Afrika namanye amazwe ezekwekazi lase-Afrika. 

C. IMithethosivivinywa

18. IKhabhinethi likugunyazile ukuthi uMthethosivivinywa Womshwalense Wezempilo Kazwelonke (i-NHI) wezi-2018 ushicilelwe kuSomqulu Kahulumeni ukuze umphakathi uphawule ngawo. Lo Mthethosivivinywa uhlose ukusungula isiKhwama se-NHI saseNingizimu Afrika, njengesikhungo sikahulumeni, ngenhloso yokuhlinzekela ukufinyelela ngendlela esimeme kwabantu bonke ezinsizakalweni zezempilo ezingambi eqolo futhi eziseqophelweni eliphezulu. Ubeka ngokucacile futhi imisebenzi namagunya alesi siKhwama.

UMthethosivivinywa uhlinzeka ngohlaka lomthetho oluzovumela ukuthi isiKhwama sikwazi ukuthenga ngenkuthalo izinsizakalo zezempilo egameni labesebenzisi bazo futhi wakha indlela ekahle yokuqinisekisa ukusetshenziswa kahle futhi ngokulinganayo kwezimali nezinsiza zesiKhwama ngenhloso yokwanelisa izidingo zezempilo zabasebenzisi bezinsizakalo zezempilo. UNgqongqoshe Wezempilo uzobamba isithangama sabezindaba ngeviki elizayo lapho ezochaza khona kabanzi ngalo Mthethosivivinywa.

19. IKhabhinethi likugunyazile ukwethulwa ePhalamande koMthethosivivinywa wezi-2017 Wokuchibiyela Imithetho Yezesayensi Nobuchwepheshe. Lo Mthethosivivinywa uhlose ukuhambelanisa izimiselo ezilawula imisebenzi nokuphathwa kwezikhungo zikahulumeni ezingaphansi kwesandla sikaNgqongqoshe Wezesayensi Nobuchwepheshe. Lokhu kuzoqinisekisa ukuhambelana kahle kwazo zonke izidingo okumele kuhlangatshezwane nazo kanye nezinqubo okumele zilandelwe. 

D. Imicimbi Ezayo

20. INgqungquthela Yeqembu Lamazwe Ayisikhombisa Ayizikhondlakhondla (i-G7)

IKhabhinethi lisamukela ngezandla ezimhlophe isimemo sokuhambela iNgqungquthela ezayo yamazwe e-G7 ezobanjelwa kwelase-Canada. INingizimu Afrika yabamba iqhaza engqungqutheleni eyabanjwa eminyakeni eyisikhombisa edlule futhi lesi simemo siyinkomba yokuthi sekuvuselelekile ukwethenjwa komnotho weNingizimu Afrika. 
Uhulumeni wethu uhlose ukusebenzisa leli thuba ukumema abatshalimali ukuthi batshale izimali zabo emnothweni wakuleli. Utshalomali luyadingeka impela ukuze ukhule umnotho wezwe futhi kuvulwe namathuba omsebenzi ngokwezinga elizokunciphisa kakhulu ukuntuleka kwamathuba omsebenzi okukhona njengamanje kuleli.

21. Umgubho weNingizimu Afrika ne-India wesigameko esenzeka eminyakeni eyi-125 edlule 

Njengengxenye yemigubho yeminyaka eyikhulu kwazalwa u-Nelson Mandela kanye no-Albertina Sisulu, iKhabhinethi liyawamukela futhi nomgubho ozokwenzeka mhla ziyisi-7 kuNhlangulana 2018 oyisikhumbuzo sesigameko esenzeka eminyakeni eyi-125 edlule sokukhishwa kuka-Mahatma Gandhi esitimeleni esiteshini saseMgungundlovu, i-Pietermaritzburg Station. Lesi sigameko sagqugquzela ifilosofi ka-Mahatma Gandhi ye-Satyagraha (ukubhikisha ngokuthula), eyaba nefuzela nomthelela kubaholi bethu bezepolitiki futhi eyafaka isandla emzabalazweni wethu wenkululeko. 

22. UHambo Olusemthethweni lokuvakashela kuleli lukaMongameli wase-Saharawi Arab Democratic Republic

UMongameli Cyril Ramaphosa wamukele uzakwabo uMongameli wase-Saharawi Arab Democratic Republic, u-Brahim Ghali, mhla zizi-4 kuNhlangulana 2018 oHambweni lwakhe Olusemthethweni lokuvakashela kuleli.

IKhabhinethi lithanda ukuzwakalisa ukuzwelana kwalo kanye nokuba moya munye nabantu bezwe lase-Saharawi emzabalazweni wabo wokuthola uzimele geqe nozibuse futhi linxusa amazwe omhlaba ukuthi abahlinzeke ngosizo nokwesekwa abakudingayo abantu base-Saharawi.

E. Imiyalezo

23. Amazwi enduduzo

23.1. NjengoMongameli Ramaphosa, iKhabhinethi nalo lidlulisa amazwi enduduzo emndenini nabangani babafana abahlanu abashone emlilweni obhubhise imijondolo yaseMasiya e-Philippi, eKapa.
Umlilo ushiye dengwane futhi nabantu abangama-30 abahlala kule ndawo yemijondolo. Uhulumeni usebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi bonke abantu baseNingizimu Afrika bathola izindlu, bavikelekile futhi baphila ngokunethezeka.

24. Amazwi okuhalalisela

24.1. IKhabhinethi lithanda ukufisela ingqalabutho ye-African National Congress uBaba Andrew Mokete Mlangeni usuku lokuzalwa olumnandi futhi olunenjabulo, nakuba seludlulile. UBaba uMlangeni ubehlanganisa iminyaka yobudala engama-93 ngoLwesithathu mhla ziyisi-6 kuNhlangulana 2018. Ungomunye wezishoshovu zokuqala ezathunyelwa emazweni angaphandle kweNingizimu Afrika ukuyoqeqeshelwa ezempi nobusosha futhi emva kokuboshwa kwakhe ngenkathi esanda kubuya emazweni angaphandle walahlwa yicala, wagwetshwa udilika-jele esiqhingini i-Robben Island.

24.2.  IKhabhinethi lithanda ukuhalalisela umshwibi webhola lekhilikithi (i-bowler) osheshayo wama-Proteas u-Kagiso “KG” Rabada, obe ngundabuzekwayo eMcimbini Wezindondo Wenhlangano Yezekhilikithi yaseNingizimu Afrika obanjwe esikhathini esifushane esedlule e-Sandton, eGauteng.  Uhlonishwe ngezindondo eziyisithupha, kubandakanya indondo yomdlali wekhilikithi ovelele wonyaka, i-Cricketer of the Year Award, kanye nendondo yomdlali wonyaka oqokwe ngozakwabo njengomdlali ophuma phambili, i-Player’s Player Award. Lona kube ngunyaka omuhle kakhulu kuleli bhungu lakwa-Rabada, njengoba phakathi kwezinye izinto azizuzile, ekhuphukile waze wafinyelela endaweni yokuqala ohlwini lokukleliswa kwabadlali bekhilikithi abaphuma phambili emidlalweni yokuzwana amandla kwamaqembu ekhilikithi amazwe omhlaba. Njengamanje nguyena umdlali osethathe amawikhethi amaningi kunabo bonke abanye abadlali ngowezi-2018 futhi ukleliswe endaweni yesikhombisa ohlwini lwabadlali abaphuma phambili emiDlalweni yeKhilikithi yaMazwe ngaMazwe yoSuku oluLodwa (ama-ODI). 

24.3. IKhabhinethi liyakuthakasela ukuqokwa kukaSiya Kolisi njengokaputeni wokuqala ompisholo weqembu lama-Bokoboko, i-Springbok, ochungechungeni lwemidlalo emithathu yokuzwana amandla neqembu lebhola lombhoxo lase-England. Siqinisekile ukuthi uzokwenza iNingizimu Afrika iziqhenye ngaye njengokaputeni wethu, futhi uzofaka ugqozi nofuqufuqu nakwabanye ngezenzo zakhe kanye nobuholi bakhe ngaphakathi kanye nangaphandle kwenkundla yebhola lombhoxo. 

24.4. IKhabhinethi liyakuthakasela ukuqokwa kukaNgqongqoshe Wezezimali, uNhlanhla Nene njengoSihlalo Webhodi Labaphathi Bebhange Lentuthuko Elisha (i-NDB). I-NDB yibhange lentuthuko lamazwe ahlukahlukene elasungulwa ngowezi-2014 yinhlangano yamazwe i-Brazil, Russia, India, China kanye neNingizimu Afrika (i-BRICS). Leli bhange lethweswe umsebenzi wokuthola nokuhlanganisa izimali zokwakha imiklamo yengqalasizinda kanye nokuletha intuthuko esimeme emazweni e-BRICS nakwamanye amazwe aneminotho esafufusa kanye nalawo asathuthuka, futhi ngalokho kusekelwe nemizamo yezikhungo zezimali zamazwe ahlukahlukene kanye nezikhungo zezifunda ukuze kukhuliswe umnotho womhlaba futhi kulethwe nentuthuko. 

F.  Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abasebenzi kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.

25. UMnu Ebrahim Mohamed oqokwe kabusha njengoKhomishana weKhomishini Kazwelonke Yezabathengi.

26. IBhodi le-South African National Accreditation System:
a.    Nkz Fezile Flip Wetes;
b.    Mnu Lulama Lloyd Mayedwa;
c.    Mnu Tom Tshitangano;
d.    Mnu Samuel Mlangeni;
e.    Nkz Lerato Herriette Mothae;
f.    Dkt Matshwenyego Sarah Mohlala;
g.    Nkz Patricia Lindi Tlou; kanye 
h.    noNkz Anna-Marie Lotter (oqokwe kabusha njengommeleli we-dti).

27.    Isikhungo Sikazwelonke Sesayensi Yokukala Izinto Nokwenza Izilinganiso (Metrology) saseNingizimu Afrika (i-NMISA):
a.    Mnu Ndwakhulu Samuel Mukhufhi (oqashwe kabusha njengoMphathi Omkhulu).

28.    Amalungu eBhodi le-NMISA angeyona ingxenye yesigungu seziphathimandla:
b.    Mnu Molelekoa Petrus Mohlomi;
c.    Mnu Odirile Welcome Dingoko;
d.    Nkz Bavelile Gloria Hlongwa;
e.    Nkz Nobom Gcinashe Mfabana;
f.    Nkz Lindie Lankalebalelo;
g.    Nkz Jabu Vuyiswa Mogadime (oqokwe kabusha); kanye 
h.    noDkt Tshengedzeni Demana (ummeleli we-dti).
29.   UMnu Rakesh Garach oqokwe kabusha njengoSihlalo weBhodi Labaphathiswa be-National Empowerment Fund ongeyona ingxenye yesigungu seziphathimandla. 
30.   IBhodi le-South African Special Risk Insurance Association:
a.    Mnu Norman Tinyiko Baloyi (oqokwe njengoMqondisi ongeyona ingxenye yesigungu seziphathimandla kanye NoSihlalo);
b.    Nkz Priscilla Onkgodisitse Mokonyane (oqokwe njengoMqondisi ongeyona ingxenye yesigungu seziphathimandla kanye nePhini likaSihlalo);
c.    Nkz Bajabulile Luthuli (oqokwe njengoMqondisi oyingxenye yesigungu seziphathimandla); kanye 
d.    noMnu Christiaan Johannes van Dyk (oqokwe njengoMqondisi ongeyona ingxenye yesigungu seziphathimandla).

Imibuzo: Nkz Phumla Williams – Ibamba Lomkhulumeli WeKhabhinethi
Iselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore