Isitatimende Somhlangano weKhabhinethi wangomhla ziyi-15 kuLwezi 2017

IKhabhinethi labamba umhlangano walo ngoLwesithathu mhla ziyi-15 kuLwezi 2017 e-Tuynhuys, eKapa.

A.    Izindaba Ezisematheni

1.    Utshalomali
1.1. IKhabhinethi liyaluthokozela utshalomali olungumabhiliyoni amarandi amathathu olufakwe yiNkampani Yezimoto yakwa-Ford esiKhungweni esakha izimoto sase-Silverton, ePitoli esifundazweni saseGauteng. Lolu tshalomali luzoholela ekutheni kudaleke amathuba omsebenzi kulesi Sikhungo nakwamanye amabhizisi esisebenzisana nawo njengoba kulindeleke ukuba ukhule umkhiqizo wohlobo lwemoto yale nkampani olubizwa nge-Ford Ranger.
1.2. Utshalomali olunjengalolu luwubufakazi bomsebenzi esilokhu siqhubekile nokuwenza njengohulumeni ngenhloso yokukhulisa umnotho kanye nokubhekana ngqo nezinselele zokuntuleka kwamathuba omsebenzi.  Ukusetshenziswa kohlelo lukahulumeni oludle amabhiliyoni ayi-7.3 wamarandi lwemihlomulo yokukhuthaza utshalomali olubizwa ngoHlelo Lokukhiqizwa Kwezimoto Nokuthuthukiswa Komkhakha Wezimoto sekufake utshalomali olungamabhiliyoni angama-28.5 wamarandi oluvela kubatshalizimali abazimele.
1.3. Lokhu kubandakanya nesimemezelo esenziwe yinkampani yakwa-Toyota sokwakhiwa kohlobo olusha lwe-Toyota Hilux ne-Fortuner njengengxenye yotshalomali olungamabhiliyoni ayi-6.1 wamarandi. Inkampani yakwa-BMW nayo ihlela ukwakha isikhungo sikanokusho sezingxenye zokwakha imizimba yezimoto esizodla imali engamarandi angamabhiliyoni ayisithupha. Inkampani yezomoto i-Beijing Automobile International Corporation ihlela ukutshala imali engamabhiliyoni ayi-11 wamarandi esikhungweni esakha izimoto eNingizimu Afrika.

2. Isikhathi sokuthunyelwa kwamafomu entela sowezi-2017

2.1. IKhabhinethi liyabonga kakhulu kubo bonke abakhokhi bentela asebewathumelile amafomu abo entela onyaka wentela wezi-2016/17.
2.2. Imali eyingenisonzuzo etholakele ekukhokhweni kwentela iyaqinisekisa ukuthi uhulumeni uba namandla okuhlinzeka ngezidingo nezinsizakalo zomphakathi kubantu baseNingizimu Afrika abantulayo abayizigidi ngezigidi.
2.3. IKhabhinethi liyabakhumbuza abakhokhi bentela ukuthi usuku olungumnqamulajuqu wokuthunyelwa kwamafomu entela nguLwesihlanu mhla zingama-24 kuLwezi 2017 futhi liyabakhuthaza ukuba bathumele amafomu abo entela.

3. INgqungquthela Yokuqala Kazwelonke Yezokuthuthukiswa Kweminotho Yohulumeni Bezindawo (i-LED)

3.1. IKhabhinethi liyayithokozela kakhulu imiphumela yeNgqungquthela ye-LED ebanjwe esikhathini esifushane esedlule. Le ngqungquthela yabanjwa ngaphansi kobuholi bukaNgqongqoshe Wokwengamela Ngokubambisana Nezindaba Zendabuko, uMnu Des van Rooyen kanye noNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane, uNkz Lindiwe Zulu.
3.2. Yahlinzeka ngethuba lokwakhiwa kwe-ajenda entsha yezokuThuthukiswa Kweminotho Yohulumeni Bezindawo eNingizimu Afrika ngokuholwa yizinto ezibekwe eqhulwini oHlelweni Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP). Imiphumela yale ngqungquthela ibandakanya nokwethulwa koMkhandlu wokuqala waseNingizimu Afrika Wezokuthuthukiswa Komnotho (i-EDCSA), okuhloswe ngawo ukuqinisekisa ukuthi umkhakha wezomnotho usebenza ngobungoti nangobunyoninco.  
3.3. Njengomgwamanda wochwepheshe, i-EDCSA izolawula futhi iqaphe ukuziphatha kwabasebenzi abaningi balo mkhakha ababambe iqhaza ezinhlelweni zentuthuko ezihlukahlukene.
3.4. IKhabhinethi likuphawulile futhi nokwethulwa okuyingqophamlando kweViki Lomhlaba Jikelele Lezokusungulwa Nokuqhutshwa Komsebenzi Webhizinisi (i-GEW) elethulwe e-22 on Sloane, okuwuphiko lokuphenjwa nokusungulwa kwamabhizinisi, lapho uNgqongqoshe uZulu wabe esingethe khona ingqalabutho yezamabizinisi emhlabeni jikelele u-Sir Richard Branson. Lolu phiko lungolokuqala ngqa oluvulwe yiNhlangano Yezokusungulwa Nokuqhutshwa Komsebenzi Webhizinisi Emhlabeni Jikelele (i-Global Entrepreneurship Network). Ihlinzeka ngqo ngezinsizakalo zokweseka osomabhizinisi futhi lubahlinzeke nangezinsizakalo ezitholakala nge-inthanethi kwi-Afrika yonkana futhi kusenjalo ihlinzeka nangethuba lokuxhumana nokusebenzisana nabaqeqeshi bezebhizinisi emhlabeni jikelele, kanye nabatshalizimali nezinhlangano ezeseka umsebenzi wokusungulwa nokuqhutshwa kwamabhizinisi.
3.5. Ngenkathi kubanjwe i-GEW, bayizigidi eziyi-10 ababambiqhaza abazibandakanya emicimbini, ezinhlelweni kanye nasemincintiswaneni eyizi-35 000 emazweni angaphezu kwe-165 emhlabeni jikelele.

4. Umbiko Wekhomishana ka-Heher

4.1. IKhabhinethi likuphawulile ukukhishwa, ngoMsumbuluko mhla ziyi-13 kuLwezi 2017, koMbiko Wekhomishana Yophenyo Mayelana Nokuthi Kungalunga Yini Ukuhlinzekwa Mahhala Kwemfundo Ephakeme Nokuqeqeshwa eNingizimu Afrika. IKhabhinethi liyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba bawufakele izibuko lo mbiko kanye nemithelela yawo ezweni, ngenkathi uhulumeni esacubungula izincomo zawo.
4.2. UMongameli uzokwenza isimemezelo mayelana nalo mbiko ngokuhamba kwesikhathi emva kokuba sewucutshungulwe ngokuphelele yiKomidi LoNgqongqoshe Beminyango Ehlukahlukene kanye neKomidi LikaMongameli Lezezimali. Uhulumeni usalokhu ezimisele ukususa izithiyo nemigoqo evimbela ukufinyeleleka kwemfundo ephakeme, futhi uphokophele ekutholeni isixazululo esisimeme sokuxhaswa kwemfundo ephakeme ngezimali.

5. Isomiso

5.1. Umthamo wamanzi akhona njengamanje emadanyini akuleli usalokhu uyinto ekhathazayo impela njengoba umhwamuko owenzekayo emadanyini ungaphezulu kwemvula esiyitholayo ezweni. Njengoba iNingizimu Afrika ingakayitholi imvula eyanele ezokhuphula umthamo wamanzi emadanyini ethu ukuze ufinyelele emazingeni agculisayo lokho kusho ukuthi izwe lethu alikaphumi neze esimweni esibi sokukhahlanyezwa yisomiso. Izangoma zezulu zibikezela ukuthi leli lizwe liyoze liqale ngasekuqaleni kukaMasingana wezi-2018 ukuthola ingxenye enkulu yemvula okumele liyithole.
5.2. IKhabhinethi lithanda ukuqinisekisa umphakathi ukuthi uhulumeni kazwelonke, kanye nohulumeni bezifundazwe nabezindawo basebenza ngokubambisana ukuqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika ayiphelelwa ngamanzi. IKhabhinethi linxusa umuntu wonke ukuba adlale indima yakhe ngokuthi awonge amanzi, awasebenzise ngobuhlakani futhi angawasaphazi.

6. Eziphathelene nelizwe laseZimbabwe

6.1. IKhabhinethi liyayeseka imizamo kaMongameli Jacob Zuma, esebenzisa isikhundla sakhe njengoSihlalo WeNhlangano Yokuthuthukiswa Kwamazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC) yokuxazulula impicabadala yesimo esimanzonzo esiqhubekayo njengamanje kwelaseZimbabwe. UMongameli usethumele iziThunywa Ezikhethekile kwelaseZimbabwe, okunguNgqongqoshe Wezokuvikela Nomakadebona Bezempi, uNkz Nosiviwe Mapisa-Nqakula kanye noNgqongqoshe Wezobunhloli u-Adv Bongani Bongo. Lezi zithunywa kulindeleke ukuba zibambe umhlangano noMongameli Robert Mugabe kanye noMbutho Wezokuvikela waseZimbabwe. Emva kwalokho zizokwethula umbiko wazo phambi kuMongameli wase-Angola u-João Lourenço onguSihlalo Wophiko lwe-SADC Olwengamele Ezopolitiki, Ezokukuvikela, kanye Nezokuvikeleka. IHhovisi likaMongameli lizoqhubeka nokuhlinzeka ngolwazi lwakamuva mayelana nalolu daba.

7. Isibonakude i-Square Kilometre Array (i-SKA)

7.1. IKhabhinethi liyazithokozela izimpumelelo kanye nemihlomulo yezomnotho neyezenhlalo yomphakathi okuzuzwe kutshalomali olugxile ekuthuthukisweni komphakathi esifundeni esakhelene nendawo okwakhiwe kuyona isibonakude se-SKA eNingizimu Afrika. Imiphakathi eyakhelene nendawo okwakhiwe kuyona i-SKA iyaqhubeka nokuhlomula ngokuthola imfundo engcono nemiklamo yokuqeqeshwa, ukutshalwa kwezimali emabhinisini amancane kanye nokukhula kwezinga lokuvulwa kwamathuba omsebenzi.
7.2. UMnyango Wezesayensi Nobuchwepheshe, ngaphansi kobuholi bukaNkz Naledi Pandor, uzosingatha uhlelo lokubamba iqhaza nokubandakanywa komphakathi ngenhloso yokugubha nokubungaza izimpumelelo zohlelo lwe-SKA nemiphakathi yase-Carnarvon namaphethelo, esifundazweni saseNyakatho Kapa kusukela mhla ziyi-16 kuze kube ngumhla ziyi-19 kuLwezi 2017.

B. Izinqumo Zekhabhinethi

8. Imibiko yokusebenza yenqubekelaphambili eyenziwe yiminyango kahulumeni ngekota yesibili yowezi-2017/18

8.1. IKhabhinethi ihlinzekwe ngolwazi mayelana nemibiko yokusebenza yenqubekelaphambili eyenziwe yiminyango kahulumeni ngekota yesibili yowezi-2017/18 (uNtulikazi kuya kuMandulo 2017) eyethulwe ngamaqoqwana eminyango kahulumeni womahlanu. Lokhu kuyingxenye yomsebenzi weKhabhinethi obanzi wokuqapha nokuhlola uHlelo Lokusebenza olususelwe oHlakeni Lokusebenza Lwesikhathi Esimaphakathi (i-MTSF) lowezi-2014 kuya kowezi-2019.
8.2.  UMnyango Wezokuhlela, Ukuqapha kanye Nokuhlola kanye namakomidi amaQoqwana Ongqongqoshe bazobamba izithangami zabezindaba lapho bezohlinzeka khona ngolwazi oluphathelene nenqubekelaphambili eseyenziwe okukhulunywa ngayo kule mibiko.
8.3. Uphiko Lukahulumeni Lwezokuxhumana Nokuhlinzeka Ngolwazi (i-GCIS) luzolawula futhi luhole lezi zithangami zabezindaba futhi uhlelo lokubanjwa kwalezi zithangami luzoshicilelwa ku-www.gov.za ngokuhamba kwesikhathi.

9. Ulwazi lwakamuva mayelana nenqubekelaphambili eseyenziwe ekuthungathweni nasekuhlonzweni kwamakheli abavoti

9.1. IKhabhinethi lethulelwe umbiko mayelana nenqubekelaphambili eseyenziwe ekufezekisweni komyalelo wesiNqumo Senkantolo Yomthethosisekelo wokuhlinzekwa kwamakheli aqondile emqulwini woluhlu lwabavoti. IKhabhinethi likuthokozele ukuthotshelwa ngokuphelele kwemibiko ekhishwa njalo emva kwezinyanga eziyisithupha ethunyelwa eNkantolo Yomthethosisekelo.
9.2. Kuze kube manje iKhomishana Yokhetho Ezimele (i-IEC), ngokusebenzisana nezinye izikhungo zombuso, seyizuze impumelelo ecishe ibe ngama-75% ekuqoqweni kwamakheli abantu abafanele ukuvota. IKhabhinethi lahlinzekwa futhi nangolwazi mayelana nohlelo oluhlongozwayo lokuba i-SAPO ilekelele labo abangenawo amakheli aqondile endawo abahlala kuyona.
9.3. IKhabhinethi liyayithokozela impela inqubekelaphambili kanye nomsebenzi omuhle wokubambisana kwe-SAPO, i-IEC kanye nezinye izikhungo zikahulumeni emklamweni wokuhlonzwa nokunikezwa kwamakheli abavoti aqondile.
9.4. Futhi iKhabhinethi liyabanxusa labo abangakahlinzeki ngemininingwane yakamuva yamakheli abo ukuba benze njalo ngeviki elilandelayo lokubhaliswa kwabavoti elizobanjwa ngoNdasa 2018.

C. Imicimbi Ezayo

10. Isigcawu Sesine SeKhomishana Yobambiswano Phakathi KweNingizimu Afrika neBotswana (i-BNC)

10.1. UMongameli Zuma uzobamba uhambo olusemthethweni oluya eBotswana lapho ezoba ngomunye woSihlalo ababambisene besiGcawu Sesine SeKhomishana Yobambiswano Phakathi KweNingizimu Afrika neBotswana esizobanjelwa edolobheni laseGaborone, eBotswana ngoLwesihlanu, mhla ziyi-17 kuLwezi 2017.
10.2. INingizimu Afrika neBotswana babamba umhlangano njalo ngonyaka ezingeni leziNhloko Zemibuso ngaphansi kohlaka lwe-BNC ukuzobuyekeza ubambiswano phakathi kwalawa mazwe amabili futhi baxoxisane nangezindaba ezithinta lawa mazwe womabili.
10.3. Lawa mazwe amabili anobudlelwane obuhle obususelwa kubudlelwane bezamasiko obukhona phakathi kwezakhamizi zalawa mazwe futhi obuqiniswa nawukuthi lawa mazwe angomakhelwane. Lawa mazwe asebenza ngokubambisana emikhakheni eminingana kubandakanya ezokuthutha, ezohwebo nokutshalwa kwezimali, ezempilo, izindaba zezemvelo, njll.
10.4.  INingizimu Afrika ingelinye lamazwe ahwebelana kakhulu neBotswana futhi lokhu kubonakala ngokucacile njengoba kunezinkampani eziningi zaseNingizimu Afrika ezenza ibhizinisi eBotswana.

11. Uhambo Lokuvakashela kukaMongameli wase-Angolan kuleli

11.1. UMongameli Zuma uzosingatha uMongameli wase-Angola, uMhlonishwa u-João Lourenço, ohambweni lwakhe lokuvakashela kuleli oluyingqophamlando kusukela mhla zingama-23 kuLwezi 2017. Lolu hambo wuhambo lwakhe lokuqala ngqa lokuvakashela eNingizimu Afrika emva kokubekwa kwakhe esihlalweni sokuba nguMongameli wase-Angola.
11.2. Lawa mazwe amabili anobudlelwane obuhle obasungulwa kudala ngezinsuku zomzabalazo wenkululeko lapho izwe lase-Angola lakhoselisa futhi lasekela izishoshovu zomzabalazo zaseNingizimu Afrika ezinkanjini ezihlukahlukene ezweni lase-Angola.
11.3.  Selukhule kakhulu uhwebo nobambiswano phakathi kwalawa mazwe amabili, kangangokuthi iNingizimu Afrika isiyizwe elikleliswe endaweni yokuqala kumazwe ahwebelana ne-Angola kuleli zwekazi. Ziningi izinkampani zakuleli ezenza ibhizinisi e-Angola, emikhakheni ehlukahlukene kubandakanya umkhakha wezokwakha, ezolimo, ezezindlu, ezokuthengiswa kwempahla, ezokudla neziphuzo, ezamahhotela nokuvakasha, ezamabhange kanye nezinsizakalo zokwelapha.

Ohambeni lwakhe kuleli, uMongameli Lourenço uzokwethula nesiFundo ngoLwesihlanu mhla ziyi-24 kuLwezi e-OR Tambo Building ePitoli.

12. Umkhankaso Wezinsuku Eziyi-16 Wokulwisana Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nezingane

12.1. IKhabhinethi ihlanganyela nabo bonke abantu baseNingizimu asebethathe isinqumo sokubhukula balwisane noxhashazwa kwabesifazane nezingane.
12.2. Umkhankaso Wezinsuku Eziyi-16 Wokulwisana Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nezingane uzobanjwa kusukela mhla zingama-25 kuLwezi kuze kube ngumhla ziyi-10 kuZibandlela 2017. Lona ngunyaka we-19 kuqhutshwa lo mkhankaso eNingizimu Afrika futhi uzoqhubeka ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Ngibale Nami: Sisonke Siqhubezela Phambili iNingizimu Afrika Engenalo Udlame”.
12.3. UMongameli Zuma uzokwethula umkhankaso Wezinsuku eziyi-16 Wokulwisana Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nezingane eMpumalanga Kapa ngoMgqibelo mhla ziyi-25 kuLwezi 2017. Umkhankaso uzogxila ekuqalisweni ngokuqhubekayo kweziNkulumo-mpendulwano Zikazwelonke, ezikhuthaza abantu ukuba baxoxisane ngesihlava sodlame olubhekiswe kwabesifazane. Lokhu kuzokwandulelwa wuSuku Lwabesilisa oluzogujwa ngeSonto, mhla ziyi-19 kuLwezi 2017, lapho kunxuswa khona amadoda ukuba adlale indima yawo ekwakheni umphakathi ophephile futhi obumbene.
12.4. UMnyango Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo uzoqhuba umkhankaso wesibili wochungechunge lomsakazo olubizwa ngokuthi: Let’s Talk Justice, okuwumkhankaso oletha izinsizakalo zikahulumeni kubantu ngokuhlinzeka abalaleli ngethuba lokuxhumana nokufakana imilomo nezikhulu zikahulumeni ngezindaba ezisematheni. Ukwethulwa kweNkantolo Yamacala Ezocansi ngenkathi kuqhutshwa lo mkhankaso nakho kuzoqinisekisa ukufinyeleleka kangcono kohlelo lwezobulungiswa.
12.5. IKhabhinethi liyakholelwa ukuthi ngokusebenza ngokubambisana singasiqeda nya isihlava sokuxhashazwa kwabesifazane nezingane. Ngokubambisana sonke singabhukula sithathe izinyathelo ezifanele ukuvimbela ukuxhashazwa nokuhlukunyezwa futhi ngalokho siqinisekise ukuthi abesifazane nezingane baphila emphakathini ophephile.
12.6. Bayanxuswa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba bagqoke amaribhoni amhlophe njengophawu lokuzibophezela nokuthembisa ukuthi bazokwenza imizamo yokuqeda lesi sihlava emphakathini wethu.

13.  Amalungiselelo Aphokophele oSukwini Lwengculazi Lomhlaba Jikelele
13.1. IKhabhinethi linxusa bonke abantu emphakathini ukuba babambe iqhaza emkhankasweni wokugqoka amaRibhoni Abomvu njalo ngoLwesihlanu, ngenjoba siphokophele emgubhweni woSuku Lwengculazi (i-Aids) Lomhlaba Jikelele mhla lu-1 kuZibandlela, ozoqhubeka kuze kuphele inyanga kaZibandlela. Ukugqoka iribhoni ebomvu wuphawu lokuzwelana nokuzibophezela ekulwisaneni neGciwane Lesandulelangculazi (i-HIV) ne-Aidsi.
13.2. USuku Lwengculazi Lomhlaba Jikelele luhlinzeka ngethuba lokuba yonke imiphakathi ibumbane empini yokulwisana ne-HIV, futhi ikhombise ukweseka abantu abaphila ne-HIV futhi ikhumbule nalabo asebedlulile emhlabeni. Umcimbi walo nyaka uzobanjwa ngaphansi kwesiqubulo esithi: Ilungelo Lami Lokwazi Isimo Sami Se-HIV, Ukuvimbela i-HIV Kungumsebenzi Wami”, okuyisiqubulo esixhumene nesomhlaba jikelele esithi: Ilungelo Lokuhlinzekwa Ngezinsizakalo Zezempilo”.
13.3. Lokhu kuqinisa ukuqaliswa koHlelo Lokusebenza lweNingizimu Afrika Lokulwisana ne-HIV, Isifo Sofuba (i-TB) kanye Nezifo Ezithathelwana Ngokocansi lowezi-2017 - 2022 (i-NSP), oluyinsika esemqoka kakhulu kwinqubekelaphambili yeNingizimu Afrika ephokophele ekuqinisekiseni ukuthi bonke abantu bahlinzekwa ngosizo lwezempilo olusezingeni elifanele njengoba lokhu kubekwe ngokucacile ku-NDP, okuwuhlelo lukazwelonke olugqugquzela isizwe esingumqemane, esinamandla futhi esihlinzekwa ngezinsizakalo ngendlela elinganayo.

14. Iviki Likazwelonke Lokugxila Ezimbizweni

14.1. IKhabhinethi linxusa imiphakathi ukuba ibambe iqhaza emicimbini ezayo yeViki Likazwelonke Lokugxila Ezimbizweni lesi-7, okulindeleke ukuba libanjwe kusukela mhla zingama-27 kuLwezi kuze kube ngumhla zi-3 kuZibandlela 2017.
14.2. Ngaphansi kobuholi be-GCIS, lesi sigcawu sigqugquzela ukuxhumana ngenkuthalo phakathi kwamalungu esiGungu Seziphathimandla kanye nemiphakathi. Iviki lalo nyaka lizokwenzeka onyakeni womgubho weminyaka eyikhulu yokuzalwa kuka-Oliver Reginald Tambo, isishoshovu esabe silwela ukulingana phakathi kwabesilisa nabesifazane. Imicimbi nezinhlelo ezizokwenziwa ngaleli viki kuhloswe ngakho ukusekela umkhankaso wesiNsuku eziyi-16 Zokulwisana Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nezingane.
14.3. Imininingwane yemicimbi ezobanjwa ngaleli viki izofakwa ohlwini lwezinto ezizokwenziwa yizwe bese ishicilelwa kwiwebhusayithi kahulumeni (www.gov.za).

D. Imithethosivivinywa

15. IKhabhinethi likugunyazile ukushicilelwa kwesaziso esikhishwe ngokwesigaba 74(5) soMthethosisekelo WeRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika we-1996. Inhloso yalokhu wukuqalisa inqubo yokubonisana kazwelonke kanye neyezifundazwe mayelana nokuqaliswa kokusebenza kwezinguquko ezenziwe emingceleni yezifundazwe eziphathelene noMasipala Wendawo WaseMatatiele eMpumalanga Kapa kanye nezindawo ezithile e-Ba Ga Mothibi esifundazweni saseNyakatho Ntshonalanga.

Ukuklanywa kabusha kwemingcele yezifundazwe kususelwa ezimfunweni zemiphakathi yalezi zindawo okukhulunywa ngazo lapha, eyanxusa ukuba isuswe ifakwe ezifundazweni ezingomakhelwane.

E. Imiyalezo

16. IKhabhinethi ithanda ukuhalalisela izwe lase-France njengezwe eliqokelwe ukusingatha uMqhudelwano Wendebe Yomhlaba Yebhola Lombhoxo wezi-2023 futhi iyabonga kakhulu kwithimba likahulumeni elabe liholwa yiPhini LikaMongameli u-Cyril Ramaphosa, uNgqongqoshe Wezemidlalo u-Thulas Nxesi kanye Nenhlangano Yebhola Lombhoxo yaseNingizimu Afrika (i-SARU), ngomsebenzi omuhle abawenzile ukugqugquzela nokusekela isiphakamiso seNingizimu Afrika sokusingatha lo mqhudelwano.

17. IKhabhinethi ithanda ukuhalalisela uNgqongqoshe Pandor, oklonyeliswe ngeNdondo Kathisha Ovelele. UNgqongqoshe wanikezwa le ndondo nguShansela WeNyuvesi yaseNingizimu Afrika (i-Unisa), uMongameli Waphambilini waseNingizimu Afrika uThabo Mbeki.

INdondo Kathisha Ovelele, engomunye wemikhakha emine, ihlonipha igalelo likathisha ovelele osebenze ngobunyoninco obukhulu ekuqhubekiseleni phambili umsebenzi wokufundisa, ukufunda, ukuthuthukiswa kwamakhono noma nocwaningo emkhakheni wakhe.

18. IKhabhinethi liwushayela ihlombe umsebenzi omuhle owenziwe yi-South African Astronomical Observatory, eyingxenye yombimbi lwabathungathi bonozungezilanga (amapulanethi) be-Wide Angle Search for Planets consortium asebekwazile ukuhlonza amapulanethi amasha amathathu.

19. IKhabhinethi liyabahalalisela labo abebebambe iqhaza kanye nalabo abadle umhlanganiso emcimbini wezi-2017 we-Govan Mbeki Awards, ohlonipha labo abavelele emkhakheni wezokwakha nokuhlinzekwa kwezindlu. Lo mcimbi wezindondo ufike ngesikhathi lapho izwe liqhubeka nokubungaza ukuhlinzekwa kwezindlu nemixhaso engaphezu kuka-4.6 wezigidi kusukela ngowe-1994.

20. IKhabhinethi lidlulisa amazwi okubonga kubasebenzi bezimo eziphuthumayo, abacimimlilo kanye nawo wonke amavolontiya ngesibindi nokuzinikela abakubonisile ngenkathi belwisana nemililo yequbula equbuke esikhathini esifushane esedlule esifundazweni saseNtshonalanga Kapa.  

Imibuzo ingaqondiswa ku:
Nkz Phumla Williams – Ibamba Likamqondisi-Jikelele (GCIS)
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore