Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wangomhla ziyi-13 kuMandulo 2017

IKhabhinethi yabamba umhlangano wayo ngoLwesithathu mhla ziyi-13 kuMandulo 2017 e-Tuynhuys, eKapa.

1. Izindaba Ezisematheni
1.1. Ezomnotho

1.1.1. IKhabhinethi izwakalise ukuthokoza kwayo ngokukhula kweSamba Somkhiqizo Wezwe (i-GDP) ngama-2.5% ekoteni yesibili yowezi-2017, osekwenze ukuba leli lizwe liphume kwinzikamnotho ebeselingene kuyona. Izibalo ezibonisa lokhu zikhishwe wuphiko Lwezezibalo eNingizimu Afrika (i-Stats SA) ngeviki eledlule, futhi lokhu kusho ukuthi umnotho ukhule ngama-1.1% uma kuqhathaniswa nesikhathi sifanayo ngonyaka odlule.

1.1.2. Nakuba iKhabhinethi ingathandi ukuphanga umdaka lingakani, iyakholelwa ukuthi izwe seliqalile ukubona izinkomba zokuqala zokusimama komnotho okwakhelwe phezu kwesisekelo esiqinile soHlelo Olunamaphuzu Ayisishiyagalolunye, okuhloswe ngalo ukukhulisa umnotho waseNingizimu Afrika futhi kudalwe namathuba omsebenzi adingeka kakhulu kuleli.

Lokhu sekuholele ekwethulweni kwezizinda zomnotho ezine kanye nokukhula kwemikhiqizo yezolimo engakalungiswa ethunyelwa emazweni angaphandle, ngama-14.6% ngonyaka kusukela ngowezi-2012.

1.1.3. Uhlelo Losozimboni Abamnyama selusekele imiklamo engama-62, ehehe utshalomali oluvela emkhakheni ozimele olungamarandi angamabhiliyoni angama-26 futhi kuze kube manje seludale namathuba omsebenzi ayizi-19 859. Ngenhloso yokweseka ukulungiswa kwemikhiqizo kuleli, kuhlonzwe imikhiqizo nemikhakha engama-21 ezokhiqizwa futhi ilungiswe ngaphakathi kuleli.

Kuze kube manje, umkhakhanso we-Operation Phakisa usuvule amathuba otshalomali olulinganiselwa kumabhiliyoni angama-24.6 amarandi emkhakheni wezomnotho wasolwandle, futhi kulesi sisamba uhulumeni ufake utshalomali olungamarandi angamabhiliyoni ayi-15.

Nakuba utshalomali lugxile ikakhulukazi emkhakheni wezokuthuthukiswa kwengqalasizinda yezikhumulo zemikhumbi, nowemikhiqizo yasolwandle, ikakhulukazi ukwakhiwa kwezikebhe, nowokufuywa nokulinywa kwezilwane nezitshalo zasolwandle kanye nezingcwaningo zesayensi emkhakheni wemikhiqizo kawoyela negesi yemvelo, iminyango kahulumeni isifake isandla esibonakalayo impela emizamweni yokuqinisekisa ukukhula kwalo mkhakha. Sekudaleke amathuba omsebenzi ayizi-6 517 emikhakheni ehlukahlukene. 

1.1.4. IKhabhinethi ithanda ukugcizelela phezu kwekhwela eliqondiswe kuyo yonke imikhakha yomphakathi, ikakhulukazi uhulumeni, amabhizinisi kanye nezinhlangano zomphakathi wonkana, lokuba kwakhelwe emfuthweni omuhle wokukhula komnotho otholakale ngekota yesibili yonyaka ukuze kuqhutshekelwe phambili namazinga aphakeme entuthuko nokukhula komnotho, futhi ngalokho kuvinjelwe nokulahleka kwamathuba omsebenzi.

1.1.5. UNgqongqoshe Wezezimali, uMnu Malusi Gigaba, uyaqhubeka nokufakana imilomo nemikhakha ehlukahlukene mayelana nohlelo lokusebenza lokuqinisekisa ukukhula komnotho okubandakanya bonke abantu, futhi kulindeleke ukuba lokhu kukhuthaze ukwethenjwa kwaleli lizwe ngabatshalizimali. UNgqongqoshe uzohlinzeka ngemininingwane ethe xaxa ngalokhu ngenkathi ethula iSitatimende Senqubomgomo Yesabelomali Sesikhathi Esimaphakathi ePhalamende mhla ziyi-18 kuMfumfu 2017.

1.2. Isikhungo esihlinzeka ngezinsizakalo i-InvestSA One Stop Shop – saseNtshonalanga Kapa

1.2.1. IKhabhinethi ikushayela ihlombe ukwethulwa kwesikhungo esihlinzeka ngezinsizakalo ezihlukahlukene ngaphansi kophahla olulodwa, i-InvestSA One Stop Shop, okungesokuqala ngqa ukwethulwa esifundazweni.

UMongameli Jacob Zuma wasethula ngokusemthethweni lesi sikhungo esifundazweni saseNtshonalanga Kapa futhi wagcizelela ukuthi uhulumeni usazibophezele ngempela ukwenza ngcono isimo sokutshalwa kwezimali eNingizimu Afrika, njengoba iyizwe elihlinzeka ngamathuba amahle kakhulu kulabo abanesifiso sokutshala izimali zabo kuleli.

1.2.2. Lesi sikhungo sizokwenza kube lula ukwenza ibhizinisi kuleli futhi sinciphise nezindleko zalokhu ngokuhlinzeka ngosizo nomhlahlandlela onohlonze kubatshalizimali kanye nokunciphisa izihibe ezibangelwa wukungalawulwa kahle kwenqubo yokwenza ibhizinisi kuleli futhi kususwe nezithiyo ezivimbela noma ezibambezela ukwenziwa kwebhizinisi ngokushesha.

1.2.3. I-InvestSA One Stop Shop Kahulumeni yethulwa ngoNdasa kulo nyaka futhi ngokusebenzisa uMnyango Wezohwebo Nezezimboni (i-dti), kuzosungulwa izikhungo ezinjengalesi kuzo zonke izifundazwe zakuleli eziyisishiyagalolunye – njengoba esokuqala sesisunguliwe eNtshonalanga Kapa kuzolandela iKwaZulu-Natali ne-Gauteng.

1.3. Umgubho weminyaka emihlanu kwasungulwa uHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP)

1.3.1. IKhabhinethi nayo njengabantu baseNingizimu Afrika igubha ukuhlangana kweminyaka emihlanu kwasungulwa i-NDP, eyamukelwa ngokusemthethweni yiPhalamende mhla ziyi-12 kuMandulo 2012 njengohlelo olungumhlahlandlela onohlonze wokuthuthukiswa kwenhlalo-mnotho kuleli, okuhloswe ngalo ukubhekana ngqo nezinselelo ezintathu ezinkulu: ububha, ukuntuleka kwamathuba omsebenzi kanye nokungalingani okukhona kuleli, ngaphambi kokuba kufike unyaka wezi-2030.

1.3.2. Njengomhlahlandlela ophokophele ekuchumeni kwezwe, i-NDP ingeyabo bonke abantu baseNingizimu Afrika futhi imele amathemba nezifiso zayo yonke imikhakha yemiphakathi yakuleli, zokuphila eNingizimu Afrika engcono kakhulu kunakuqala.

1.3.3. IKhabhinethi iyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba bayeseke ngokuphelele iNhloso-mbono yowezi-2030 eshiwo ku-NDP.

1.4. INgqungquthela ye-BRICS

1.4.1. IKhabhinethi iyiphawulile iNgqungquthela yesi-9 ye-Brazil, Russia, India, China kanye neNingizimu Afrika (i-BRICS) ebanjwe ngempumelelo enkulu e-Xiamen kwelase-China kusukela mhla zi-3 kuya kumhla zi-5 kuMandulo 2017 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “I-BRICS: Ubambiswano Oluqinile Oluzoletha Ikusasa Eliqhakazile”.

1.4.2. Le ngqungquthela ithathe igxathu elinohlonze eliphokophele ekwakhiweni kobumbano nokusebenzisana okuqinile phakathi kwamazwe asafufusa nasathuthuka ukuze kuqaliswe i-Ajenda yowezi-2030 yokuletha iNtuthuko Esimeme.

1.4.3. Ubambiswano lweNingizimu Afrika ku-BRICS lusekelwe phezu kokuqhutshekiselwa phambili kwezimfuno nezidingo zaleli lizwe, ukugqugquzela ubumbano lwesifunda kanye nokukhuthaza uhlelo lokuphatha nokulawula emhlabeni jikelele olubandakanya bonke abathintekayo.

1.4.4. Ngonyaka odlule, umthamo ophelele wohwebo phakathi kweNingizimu Afrika namanye amazwe e-BRICS wafinyelela kwisamba esingamadola aseMelika angamabhiliyoni angama-29. Izwe le-BRICS okuthunyelwa kulona kakhulu imikhiqizo yaseNingizimu Afrika kusalokhu kuyi-China, kulandele i-India, Brazil kanye ne-Russia. Kubonakala isimo esifanayo futhi uma kuza odabeni lwemikhiqizo evela emazweni angaphandle engena kuleli, njengoba i-China isalokhu ingumthombo omkhulukazi wempahla yakwamanye amazwe engena eNingizimu Afrika. Nakuba iNingizimu Afrika iyizwe elicebe kakhulu ngezimbiwa, kusemqoka ukuba kusungulwe izinhlelo zokuqinisekisa ukulungiswa kwemikhiqizo yezimbiwa ngaphakathi kuleli lizwe ngenhloso yokusekela inqubomgomo yethu yokusungulwa kwezimboni kuleli.

1.4.5. Ukwamukelwa kwesiMemezelo se-BRICS Esisemthethweni sase-Xiamen kanye noHlelo Lokusebenza kwagcizelela isisekelo esiqinile esenziwe yi-BRICS ekusungulweni kwezindlela eziphusile zokuletha ubambiswano olunohlonze futhi olubonakalayo.

1.4.6. IKhabhinethi iyakuthokozela ukuhlonishwa kweNingizimu Afrika njengoba izothatha izintambo njengoSihlalo omusha we-BRICS futhi lokhu kuzoqinisa izinhloso zayo zokwakhela phezu kohlelo lwe-BRICS lokuqinisekisa ukuthuthuka nokuchuma kwamazwe abambisene ku-BRICS, njengoba ilungiselela ukusingatha iNgqungquthela ye-10 ye-BRICS ngowezi-2018.

1.5. INingizimu Afrika ne-Russia basayina isivumelwano

1.5.1. IKhabhinethi isamukela ngezandla ezimhlophe isivumelwano esisayinwe yiNingizimu Afrika ne-Russia ngenkathi kubanjwe iNgqungquthela ye-BRICS yesi-9, esizoletha utshalomali olungamadola aseMelika ayizigidi ezingama-400 oluzofakwa ekuthuthukisweni komkhakha kawoyela negesi yemvelo waseNingizimu Afrika.

1.5.2. Inkampani kawoyela yaseNingizimu Afrika, i-PetroSA, kanye nenkampani yezwe lase-Russia ecinga futhi ithungathe izimbiwa emathunjini omhlaba, ebizwa ngokuthi yi-Rosgeo, sezenze isivumelwano sokuthungathwa kwezimbiwa kwisiqeshana somhlaba ongunombolo 9 no-11a oGwini  Oluseningizimu lwezwe laseNingizimu Afrika.

1.5.3. Ukuthungathwa nokucingwa kwezimbiwa zikawoyela negesi yemvelo eNingizimu Afrika kuyinto esemqoka kakhulu ekuqinisekisweni kokutholakala kwamandla ezibaseli anele kuleli.

1.5.4. Inkampani yase-Russia, i-Rosgeo, izokwenza umsebenzi wokuthungatha izimbiwa emathunjini omhlaba, iphinde futhi yenze nomsebenzi wokubhola nokumba imigodi ejulile okuzocingwa kuyona izimbiwa. Lo mklamo ungaholela ekutheni kumpontshwe futhi kukhishwe igesi yemvelo engamakhubhikhi-mitha ayizigidi ezine nsuku zonke futhi emva kwalokho ithunyelwe kwisikhungo esihluza imikhiqizo kawoyela negesi yemvelo se-PetroSA   esise-Mossel Bay, oGwini Oluseningizimu, lapho kuGuqulwa khona Igesi Yemvelo ibe Yisibaseli Esiwuketshezi. 

1.6. Amazwe angaphandle okuthunyelwa kuwona impahla ekhiqizwe eNingizimu Afrika

1.6.1. IKhabhinethi ihalalisela i-dti ngokuhola iqembu lezinkampani zaseNingizimu Afrika ezingama-20 eziyingxenye yombukiso wezi-2017 wase-Moscow Wamazwe Ngamazwe Wokudla, oqhubekayo njengamanje kuze kube ngumhla ziyi-15 kuMandulo 2017.

1.6.2. Njengoba ukubamba iqhaza kwalezi zinkampani zakuleli ezivela emkhakheni wokulungiswa kwemikhiqizo yezolimo kugqugquzela futhi kukhangise imboni yaseNingizimu Afrika yokulungiswa kwemikhiqizo yezolimo, kuphinda kuqininise futhi kuqinisekise ukuba khona kwezinkampani zaseNingizimu Afrika ezihweba futhi zenza ibhizinisi kwelase-Russia.

1.6.3. Ukubamba kwazo iqhaza kwenzeke ngosizo oluvela oHlelweni Lokugqugquzela Ukukhangiswa Nokuthunyelwa Kwezimpahla Zakuleli Emazweni Angaphandle kanye Nosizo Oluqondiswe Kubatshalizimali lwe-dti, okuwuhlelo olufaka isandla esikhulu ekufuneni amazwe angaphandle okuzothunyelwa kuwona impahla nezinsizakalo zakuleli futhi kusenjalo kuhehwe notshalomali olusha olungena ngqo kuleli.

1.6.4. Uhwebo phakathi kweNingizimu Afrika ne-Russia lukhuphuke kakhulu lusuka kumarandi angabhiliyoni amahlanu ngowezi-2012 lwafinyelela cishe kumarandi angamabhiliyoni ayisishiyagalombili ngowezi-2016. Imikhiqizo yaseNingizimu Afrika ethunyelwa kakhulu emazweni angaphandle ibandakanya izithelo namantongomane, ugologo novinika, iwayini kanye nemishini esebenza ngogesi.

1.7. Ukusetshenziswa kwezingane

1.7.1 IKhabhinethi ikhathazekile ngezigameko zakamuva zokusetshenziswa kwezingane, lapho kutholakale izingane zisebenza emapulazini esifundazweni saseNyakatho Ntshonalanga kanye naseFreyistata. IKhabhinethi iyakugxeka lokhu kuxhashazwa nokusetshenziswa kwezingane ezintulayo, okuyinto engamukelekile neze.

1.7.2 IKhabhinethi iyawancoma impela lawo malungu omphakathi abikele uMnyango Wezabasebenzi, futhi ngokuhlanganyela noMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi, lo mnyango uthathe izinyathelo ngokushesha zokubhekana ngqo nalesi senzo esibi kangaka sokuxhashazwa kwezingane.

1.7.3 IKhabhinethi iyakuthokozela ukuthi lezi zingane ezithintekile sezithathiwe zathunyelwa endaweni ephephile, futhi iyakuthokozela nokuthi uMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi uzoqinisa imikhankaso yawo yokuqapha nokuhlola izizinda okusetshenzelwa kuzona futhi uzosebenzisana nezikhungo zokuqinisekisa ukuthotshelwa komthetho ukuze baboshwe futhi bajeziswe ngendlela efanelekile abenzi bobubi.

1.7.4 Izingane zethu ziyingomuso lezwe. IKhabhinethi iyazigxeka zonke izinhlobo zokusetshenziswa kwezingane futhi iyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba bahlale beqaphile ngaso sonke isikhathi futhi babikele iziphathimandla ngalabo abephula imigomo nezimiso zoMthethosisekelo wezwe lethu.

1.7.5 UMthetho Wezikole ZaseNingizimu Afrika we-1996 (uMthetho wama-84 we-1996) ngokuhlanganyela noMthetho Wezingane, wezi-2005 (uMthetho wama-38 wezi-2005) ubeka umyalelo ocacile wokuthi zonke izingane ezineminyaka yobudala ephakathi kweyisikhombisa neyi-15 ziphoqelekile ukuba zibe sesikoleni. Ngokuyalela komthetho, abazali nabalondolozi bezingane kumele baqinisekise ukuthi izingane ezineminyaka eshiwo ngenhla zibhalisiwe futhi ziyaya esikoleni nsuku zonke futhi uma bengakwenzi lokhu kungenzeka babhekane nomthelela ongemuhle wokwephula umthetho.

1.8. Isomiso

1.8.1. IKhabhinethi iyabonga kakhulu kulabo bantu baseNingizimu Afrika abasabelile ekhweleni lokongiwa kwamanzi.

1.8.2. INingizimu Afrika iyizwe elingenawo kahle amanzi futhi izimo zesomiso ezilokhu ziqhubeke njalo ezindaweni ezithile zezwe ziyisikhumbuzo kubo bonke abantu bakuleli sokuba balisebenzise ngobuhlakani iconsi ngalinye lamanzi futhi bawasebenzise ngokuwonga.

1.8.3. Nakuba imizamo yokonga amanzi ilekelela ekunciphiseni ingcindezi ekhona phezu kwemithombo yamanzi, isilinganiso esiphansi kunesejwayelekile sezimvula ezibikwe esifundazweni saseNtsholalanga Kapa naKwaZulu-Natali siwubufakazi bokuthi kusekuningi okumele kwenziwe ngenhloso yokonga amanzi.

1.8.4. Ithimba LoNgqongqoshe Beminyango Ehlukahlukene Abajutshwe Umsebenzi Wokubhekana Nesomiso, liholwa nguMnyango Wokwengamela Ngokubambisana Nezindaba Zendabuko, liyaqhubeka nokuqapha izimo zesomiso kanye nokuhlinzeka ngosizo oludingekayo ngokusebenzisa iminyango efanelekile ukuze kuncishiswe umthelela omubi obangelwa  yilesi simo sesomiso.

1.8.5. Uhulumeni usehlinzeke ngemali engamarandi ayizigidi ezingama-74 okuhloswe ngayo ukulekelela ezimweni ezinzima ezibangelwa yisomiso esilokhu siqhubeke njalo eNtshonalanga Kapa.

1.8.6. UMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle nawo sewenze inqubekela phambili emalungiselelweni okuqaliswa koHlelo Lokukhuphula Umthamo Wamanzi Ngokudonsa Amanzi Omfula i-Berg River Ayofakwa Edamini i-Voelvlei. Irekhodi lesinqumo sokuHlolwa Komthelela Walokhu Kwimvelo kulindeleke ukuba lihlinzekwe ngaphambi kokuphela kwenyanga kaMandulo. UNgqongqoshe Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle, uNkz Nomvula Mokonyane, useyalele uphiko i-Trans-Caledon Tunnel Authority ukuba lwenze imizamo yokuthola izimali bese luqalisa lo mklamo. Lolu phiko seluqalile ukubonisana nabasebenzisi bamanzi abakhulu futhi khona maduze nje luzoxhumana noNgqongqoshe ukuze kuvunyelwane noNgqongqoshe Wezezimali mayelana nemikhawulo yokuboleka izimali ezizosetshenziswa kulo mklamo.

1.8.7. IKhabinethi iyagcizelela ekhweleni eliqondiswe kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika lokuba baqinisekise ukuthi ukongiwa kwamanzi kuba yingxenye yempilo yabo yansuku zonke.

1.9. Eziphathelene nelase-Lesotho
1.9.1. IKhabhinethi nayo njengoMongameli Zuma iyakugxeka ukubulawa okungenangqondo koMkhuzi Wombutho Wamasosha ase-Lesotho, uJenene Khoantle Motšomotšo.

1.9.2. Siyinto engamukelekile nakancane lesi sigameko sakamuva sodlame. Futhi sekusemahlombe abantu nabaholi base-Lesotho ukuqinisekisa ukuthi lubuyiswa ngokushesha okukhulu uzinzo kanye nesimo esijwayelekile kuleliya lizwe. 

1.9.3. Sisalokhu sinethemba lokuthi iThimba LoNgqongqoshe Abajutshwe Ukuba Bayobheka Isimo futhi Bathole Namaqiniso leNhlangano Yokuthuthukiswa Kwamazwe aseNingizimu ye-Afrika (i-SADC) lizokwazi ukulekelela i-Lesotho ukuba ihlonze izinhlelo nezindlela zokungenelela ezifanelekile. I-SADC ayikaguquki neze kwinjongo yayo yokuqinisa, ukuvikela kanye nokugcina intando yeningi labantu, ukuthula, ukuvikeleka kanye nozinzo esifundeni ngokusebenzisana nabaholi base-Lesotho.

1.10. Eziphathelene nelase-Libya
1.10.1. IKhabhinethi iyayamukela imiphumela yeKomidi Elisezingeni Eliphakeme Eliqondene ne-Libya leNhlangano Yamazwe ase-Afrika (i-AU) eyakhishwa emva koMhlangano Wabaholi Bemibuso Nohulumeni obubanjelwe e-Brazzaville, kwelase-Congo.

1.10.2. UMongameli Zuma wabamba iqhaza eKomidini Elisezingeni Eliphakeme, elaxoxisana futhi labuyekeza imizamo yokuthola isixazululo
esizoqhubeka unomphela kwingxabano nombango oqhubekayo kwelase-Libya.

1.10.3. Njengelungu leKomidi Elisezingeni Eliphakeme Eliqondene ne-Libya, iNingizimu Afrika iyayeseka yonke imizamo ye-AU okuhloswe ngayo  ukuthola isixazululo ngokuthula enkingeni yase-Libya.

1.10.4. IKhabhinethi iyagcizelela esitatimendeni sikaMongameli Zuma sokuthi

iNingizimu Afrika izimisele emizamweni yokuVuselela Kabusha Nokuthuthukisa Izwe lase-Libya Emva Kwenxushunxushu Elibhekene Nayo futhi izimisele nokwabelana ne-Libya ngezifundo ezafundwa yileli lizwe eziphathelene nokubuyisana, ukwakhiwa komthethosisekelo kanye nokuguqulwa koMbuso ngokusebenzisa intando yeningi labantu.

1.10.5. IKhabhinethi iyakugcizelela futhi nokubaluleka kokubonisana kwamazwe omhlaba nokulekelela kwawo i-Libya ngendlela ehambelanayo.

1.11. INgqungquthela Yamazwe Abambe Iqhaza (i-CoP13)

1.11.1. IKhabhinethi iyakwamukela ukuthi iNingizimu Afrika, njengelizwe elisayine iSivumelwano SeNhlangano Yezizwe (i-UN) Sokulwisana Nokuguquka Kwezindawo Zibe Wugwadule, ibambe iqhaza kwiSigcawu se-13 se-COP13 esiqhubekayo njengamanje e-Ordos, kwelase-China kusukela mhla ziyisi-6 kuze kube ngumhla ziyi-16 kuMandulo 2017.

1.11.2. Kulindeleke ukuba le ngqungquthela iphothule futhi yamukele uhlaka olukhethekile olusha lowezi 2018-2030 ngaphansi kwesiqubulo esithi “Sisebenzela Umhlaba Osesimweni Esihle Ukuze Kuhlomule Izizukulwane Ezikhona Njengamanje kanye Nezangomuso”. INingizimu Afrika izosebenzela ukuqinisekisa ukuthi izinqubomgomo ziyaguqulwa zibe yizinyathelo eziphathekayo futhi ezibonakalayo.

1.11.3. INingizimu Afrika izosebenzisana nawo wonke amazwe ase-Afrika, iphakamise futhi igcizelele imibono yayo kanye neyelizwekazi. Ingxenye yale ngqungquthela Esesigabeni Esiphakeme izocubungula futhi ihlinzeke ngomhlahlandlela wokuxazulula izinselelo eziphathelene nezinkinga eziqubukayo zokuguquka komhlaba ube wugwadule, ukucekeleka phansi komhlaba kanye nesomiso.

1.11.4. IKhabhinethi iyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba bavikele futhi banakekele imvelo ukuze yongelwe izizukulwane zangomuso.

1.12. Abanikazi nabaqhubi bomsebenzi wokuthutha umphakathi

1.12.1. IKhabhinethi iyazigxeka izenzo zodlame, ukushiswa kwamatekisi kanye nezigameko zokwesabisa phakathi kwaBanikazi Bamatekisi Azimele Asebenzisa Umshini Wemitha Obala Ibanga Elihanjiwe (ama-Meter Taxi Operators) kanye Nabanikazi Bamatekisi Abizwa Ngokusebenzisa Uhlelokusebenza Lukamakhalekhukhwini (i-E- Hailing) ezenzeke e-Sandton, eGoli.

1.12.2. IKhabinethi inxusa izikhungo zokuqinisekisa ukuthotshelwa komthetho ukuba zibhekane ngqo nabaphehli bodlame nokwesabisa, kepha-ke kumele lokhu zikwenze ngaphakathi kwemigomo yokusebenza koMthethosisekelo.

1.12.3. Lezi zigameko ziphazamisa imizamo eqinile eseyenziwe yileli lizwe ukwakha isimo lapho abantu behweba ngokukhululeka futhi ngaphansi kokuncintisana okuhle, ngaphandle kokwesatshiswa nokwenzelela.

1.13. Amakhansela
1.13.1.1. IKhabhinethi iyakugxeka ukuhlaselwa nokubulawa kwamakhansela kwezinye zezifundazwe zakuleli futhi idlulisa ukudabuka kwayo kanye namazwi enduduzo emindenini nakubangani balawo makhansela abulewe. Lokhu kuphambene kakhulu nenkambiso namagugu-mgomo oMthethosisekelo, futhi kudicilela phansi isithunzi sombuso wentando yeningi labantu othuthukisayo, nelungelo labantu lokukhetha abameleli babo njengomphakathi.

1.13.2. Kusukela ekuqaleni konyaka, sekubulawe amakhansela amaningana esifundazweni saKwaZulu-Natali futhi kamuva nje kubikwe ukuthi naseMpumalanga Kapa kukhona amakhansela asebulewe.

1.13.3. Lolu dlame seluthathe izimpilo zabantu abasha abebeyizishoshovu ezilwela umphakathi, kubandakanya noNobhala-Jikelele waphambilini woPhiko Lwentsha LukaKhongolose (i-ANCYL), uSindiso Magaqa, obengumuntu omusha onesibindi kakhulu, futhi obesazodlala indima enkulu ekwakheni iNingizimu Afrika echumile futhi ephumelelayo.

1.13.4. Siyawanxusa amaqembu ezepolitiki ukuba agqugquzele ukuthi kube khona ukubekezelelana phakathi kwamalungu awo futhi sinxusa nemiphakathi ukuba iwusekele uMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS) ophenyweni lwawo.

1.14. Inyanga Yamagugu
1.14.1. IKhabhinethi iyabakhuthaza bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba baqhubeke nokugubha iNyanga Yamagugu ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Unyaka ka-Oliver Reginald Tambo:  Sigubha Amagugu Enkululeko Yethu”.

1.14.2. Imigubho yale nyanga yenzeka ngesikhathi esifanayo nomgubho wokuhlangana kweminyaka eyikhulu kwazalwa u-OR Tambo, isishoshovu esabe silithanda kakhulu izwekazi lase-Afrika, esabonisa ukuzimisela nokuzinikela okukhulu ekusebenzeleni abantu baseNingizimu Afrika, izwekazi lase-Afrika kanye nomhlaba wonkana. Siqophe futhi neminyaka engama-40 kwashona u-Steve Bantu Biko, owabulawa ngesihluku esikhulu ngumbuso wobandlululo.

1.14.3. UNgqongqoshe Wezobuciko Namasiko, uMnu Nathi Mthethwa, uselukhiphile uhlelo oluzolandelwa emigubhweni yale nyanga.

2. Izinqumo zeKhabhinethi
2.1. IKhabhinethi ihlinzekwe ngolwazi oluphathelene nemibiko yenqubekela phambili yokusebenza ngekota yokuqala yowezi-2017/18 mayelana nokufezekiswa kwemiphumela ebekwe eqhulwini esikhathini esiphakathi kukaMbasa noNhlangulana 2017.

2.2. Uhulumeni uyaqhubeka nokwenza inqubekela phambili enhle kakhulu ekufezekisweni kwemiphumela eyi-14 ebekwe eqhulwini, esuselwa oHlakeni Lokusebenza Lwesikhathi Esimaphakathi (i-MTSF) sowezi 2014-2019, okwenza ukuba uhulumeni asondele kakhudlwana ekufezekisweni kweNhloso-mbono yowezi-2030 eshiwo ku-NDP.

2.3. IKhabhinethi ithulelwe futhi umbiko ngaleyo mikhakha ehlangabezane nokubambezeleka futhi ihlinzekwe nangolwazi oluphathelene nezinyathelo ezidingekayo ukusheshisa ukufezekiswa kwemiphumela.

Ngeviki elisukela mhla ziyisi-6 kuze kube ngumhla ziyi-15 kuMfumfu 2017, kuzobanjwa izithangamu zabezindaba eziqhutshwa ngaMaqoqwana Ongqongqoshe Beminyango Ehlukahlukene. Uhlelo lokubanjwa kwale zithangamu luzofakwa imininingwane emisha ngokuqhubekayo bese luboniswa ku-www.gov.za.

2.4. IKhabhinethi isigunyazile isiphakamiso sokuba iNingizimu Afrika isingathe uMbukiso Wokuxhumana Ngezingcingo Emhlabeni Wenhlangano Yamazwe Ngamazwe Yezokuxhumana Ngezingcingo (i-ITU) ngoMandulo 2018. Lona ngumbukiso obanjwa minyaka yonke futhi uyisithangamu sokuba abaholi bohulumeni nabezimboni bafakane imilomo ngezinselelo, ubambiswano kanye nezixazululo, futhi bahlonze namathuba okutshalwa kwezimali kanye nezindlela eziphuma phambili zokuthuthukiswa kwenhlalo-mnotho ngokusebenzisa ubuChwepheshe Bolwazi Nokuxhumana (ama-ICT).

Kuzobe kungokokuqala ngqa ukuba lo mcimbi ubanjelwe kwizwekazi lase-Afrika. Ngenkathi kubanjwe lo mcimbi, imboni yeze-ICT yaseNingizimu Afrika izohlinzekwa ngethuba lokubonisa imikhiqizo yayo ehlukahlukene. Umkhakha wezokuvakasha waleli lizwe nawo uzohlomula kakhulu ngesikhathi kubanjwe lo mcimbi.

3. Imicimbi ezayo
3.1. UMongameli Zuma uzohola izithunywa zeNingizimu Afrika ezizokwethamela iSigcawu Esijwayelekile sama-72 Sesigungu Sikawonkewonke seNhlangano Yezizwe (i-UN) esizobanjwa ngaphansi kwesiqubulo esithi “Sigxila Kubantu: Silwela Ukuthula Nempilo Ekahle Kubo Bonke Abantu Emhlabeni Osimeme”, edolobheni lase-New York, e-United States of America. Ngenkathi ibambe iqhaza kulesi Sigcawu sama-72, iNingizimu Afrika izoqhubeka nokusebenzela ukulethwa kwezinguquko kwi-UN.

3.2. UMongameli Jacob Zuma njengosihlalo we-SADC, uzobiza iNgqungquthela Ekhethekile ye-Double Troika yeziNhloko Zemibuso Nohulumeni ezobanjwa mhla ziyi-15 kuMandulo 2017 ePitoli. Le Ngqungquthela Ekhethekile ye-Double Troika iwumphumela wezigameko zakamuva eziphathelene nesimo sezepolitiki nokuvikeleka ezenzeke kwelase-Lesotho.

3.3 Ithimba laseNingizimu Afrika lezithunywa ezisesigabeni esiphakeme lizokwenza isethulo salo sokuqala sokusingatha uMqhudelwano Wamazwe Ngamazwe Webhola Lombhoxo wezi-2023 edolobheni lase-London mhla zingama-25 kuMandulo 2017. INingizimu Afrika inomlando omuhle futhi owaziwa emhlabeni jikelele wokusingatha imicimbi enjengalona. IKhabhinethi ithanda ukugcizelela ukuthi isisekela ngokuphelele lesi Siphakamiso Sokusingatha Indebe Yomhlaba Yebhola Lombhoxo futhi iyabanxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuba nabo basisekele lesi Siphakamiso ngoba sizodlala indima enkulu ekuqiniseni ubumbano lomphakathi kanye nokwakha isizwe futhi lokhu kuzolekelela kakhulu ekuthuthukisweni kwezemidlalo kuleli.

4. Imiyalezo
4.1. IKhabhinethi ifisela izakhamuzi zase-Germany impumelelo njengoba zilungiselela ukubamba iqhaza okhethweni lwezwe oluzobanjwa mhla zingama-24 kuMandulo 2017 lapho zizoqoka khona amalungu ephalamende lakhona, i-Bundestag yehlandla le-19, yona-ke ezobe isikhetha uMongameli ozokwakha uhulumeni omusha. Izwe lase-Germany yizwe eliqavile elitshala izimali eNingizimu Afrika, futhi elikuthokozelayo ukuqhubeka nobudlelwano, ukusebenzisana kanye nobambiswano oluhle phakathi kwayo neNingizimu Afrika.

4.2. IKhabhinethi ithanda ukuzwakalisa amazwi okuzwelana kwayo nabantu besifunda sase-Caribbean kanjalo nasezingxenyeni ezithile zase-Cuba kanye nase-United States kulandela umonakalo omkhulu odalwe yisiphepho esinamandla i-Hurricane Irma. IKhabhinethi idlulisa amazwi enduduzo kwizihlobo zalabo abalahlekelwe yizimpilo zabo kanye nempahla yabo kule nhlekelele.

4.3. IKhabhinethi nayo, njengesizwe, ihalalisela u-Kevin Anderson ngokufinyelela kowamanqamu emqhudelwaneni webhola lomphebezo i-US Open. Ungumdlali wokuqala ukufinyelela esigabeni sowamanqamu emqhudelwaneni omkhulu webhola lomphebezo kusukela ngowe-1994. Asithandabuzi nakancane ukuthi uzoqhubeka nokwakhela phezu kwale mpumelelo emangalisayo ayizuzile futhi ngalokho afake ugqozi nofuqufuqu kubantu abasha baseNingizimu Afrika abanamakhono kwezemidlalo.

4.4. IKhabhinethi ithanda ukuhalalisela u-Trevor Noah ngokunqoba kwakhe iNdondo ye-Emmy emkhakheni wochungechunge oludle umhlanganiso emidlalweni emifushane ehlukahlukene, ngomdlalo wakhe okhethekile we-YouTube, osihloko sithi, The Daily Show: Between the Scenes.

Imibuzo:
Nkz Phumla Williams – iBamba LoMqondisi-Jikelele (GCIS)
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore