Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wangomhla zingama-22 kuNcwaba 2018

IKhabhinethi labamba umhlangano walo ngoLwesithathu mhla zingama-22 kuNcwaba 2018 e-Tuynhuys eKapa.

A. Izindaba Ezisematheni

1. Umnotho

1.1. Izigigaba eziphathelene nomnotho ezenzeke kamuva nje kwelase-Turkey seziholele ekutheni ehle kakhulu amandla ezimali zamazwe asafufusa, kubandakanya neRandi laseNingizimu Afrika.

1.2. Sikhuphukile impela isivinini sokuhoxiswa kotshalomali kulawa mazwe futhi ikhuphukile nenzuzo yamabhondi, osekuholele ekutheni sehle isivinini sokukhula komnotho nokuvulwa kwamathuba omsebenzi. Izikweletu ezinkulu zase-Turkey ezenziwe ikakhulukazi ngemali yamazwe angaphandle kanye nokuncipha kwemali yamazwe angaphandle egcinwe yibhangengodla lase-Turkey kufake lelo zwe obishini olukhulu lokuhoxiswa kwezamba ezinkulu zotshalomali oluvela emazweni angaphandle, osekudale umonakalo omkhulu kwelase-Turkey, futhi lokho kwenzeke ngesikhathi lapho izinqubomgomo zezimali zamazwe asethuthukile beseziqalile ukubuyela esimweni esijwayelekile.

1.3. IKhabhinethi likuphawulile ukuthi iNingizimu Afrika inezinsika zomnotho ezinohlonze ezihlukahlukene, kubandakanya nebhangengodla elizimele, nenqubo yokuqinisekisa ukuthi amandla emali ahlala esezingeni elamukelekile, okuholela ekutheni ukwehla kwamandla emali kuhlale kungaphansi komkhawulo obekiwe, namazinga aphansi esikweletu esenziwe ngemali yamazwe angaphandle kanye nohlelo olucacile lokunciphisa izinga lokushoda kwemali engenayo emgodlagodleni kahulumeni uma kuqhathaniswa nemali ephumayo. IKhabhinethi lizibophezele ekutheni lizozigcina lezi zinsika zomnotho ezinohlonze.

1.4. Futhi kusenjalo, uhulumeni uzoqhubeka nokuqalisa izinguquko ezizokhulisa umnotho futhi ezizokwenza ukuthi kukhule ukwethenjwa kwezinqumo eziphathelene nezinqubomgomo zezwe. Uhulumeni uzoqhubeka nokusebenzisana namabhizinisi, abasebenzi kanye nezinhlangano zomphakathi wonkana ngenhloso yokubuyisa ukwethenjwa komnotho wezwe futhi kususwe nezithiyo ezikhona ngaphakathi kuhulumeni ezivimbela ukukhula komnotho. Uma sisebenza ngokubambisana sizokwazi ukuguqula izinhlelo zethu zibe yizinyathelo eziphathekayo zokuqhubekisela phambili umnotho waseNingizimu Afrika.

2. Intela yentengo (i-VAT)

2.1. IKhabhinethi liyawamukela umbiko weThimba Longoti Eliqokwe nguNgqongqoshe elibuyekeze uhlu lwezimpahla okumele zingafakwa i-VAT, futhi leli thimba selincome ukuthi kulolu hlu kufakwe nesinkwa esimhlophe, ufulawa wesinkwa, ufulawa wamakhekhe, imikhiqizo esetshenziswa ngabesifazane uma besesikhathini kanye nomfaniswano wesikole.

IKhabhinethi liyabakhuthaza abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bazwakalise imibono yabo mayelana nalo mbiko, futhi bavumelekile ukuthumela imibono yawo kuze kube ngumhla zingama-31 kuNcwaba 2018. Emva kwalokho-ke, uNgqongqoshe Wezezimali, uMnu Nhlanhla Nene, uzothatha isinqumo esiphusile mayelana nokuthi yiziphi iziphakamiso ezizosetshenziswa. Iziphakamiso ezibhalwe phansi zingathunyelwa kuleli kheli: vatsubmissions@treasury.gov.za.

3. INyanga Yabesifazane

3.1. IKhabhinethi linxusa zonke izakhamuzi zakuleli ukuthi ziqhubeke nomkhankaso wokuqinisekisa ukuphepha nokufukulwa kwabesifazane ezweni lethu. Siyishayela ihlombe yonke imikhakha yomphakathi ngokusungula nokugqugquzela izinhlelo okuhloswe ngazo ukulwisana nodlame olubhekiswe kwabesifazane (i-GBV).

3.2. Njengoba seyizophela nje inyanga yabesifazane, iKhabhinethi liyaqhubeka nokuhlonipha abesifazane bakuleli, ngomoya ofanayo esihlonipha ngawo abesifazane bowe-1956 abangenela imashi beqonde e-Union Buildings ePitoli bebonisa ukungawugqizi qakala umbuso wengcindezelo onesihluku, owabe uhlose ukusebenzisa imithetho yamapasi ecwasayo ukudicilela phansi isithunzi sabo.

3.3. Kusukela ekuqaleni kombuso wethu owakhelwe phezu kwentando yeningi labantu ngowe-1994, sekwenziwe amagxathu amakhulukazi impela ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi abesifazane bathokozela amalungelo afana ncamashi nalawo athokozelwa ngabantu besilisa bakuleli, kwezemfundo, ukuqashwa, ubunikazi bomhlaba, amafa kanye nobulungiswa. Ngenhloso yokugqugquzela umnotho obandakanyayo, sisebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi abesifazane babamba iqhaza ngokuphelele emnothweni futhi siqinisekise nokuthi siqhuba umnotho obandakanyayo.

3.4. Njengengxenye yokugubha iNyanga Yabesifazane, uMnyango Wezolimo, Ezamahlathi kanye Nezokudoba – ngokubambisana noMnyango Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya Nezinguquko Kwezomhlaba, kanye nenkampani yakwa-Total South Africa – uzobamba umcimbi wawo obanjwa minyaka yonke wezindondo, i-19th Annual Female Entrepreneur Awards, ngoLwesine, mhla zingama-23 kuNcwaba 2018 eMonti eMpumalanga Kapa.

3.5. Uhulumeni, ebambisene nezinye izikhungo asebenzisana nazo, uzobamba iNgqungquthela Kazwelonke Yezobulili okuhloswe ngayo ukuthi kufinyelelwe esivumelwaneni futhi kukhulunywe ngazwi linye mayelana nokuthi kuzolwiswana kanjani nesihlava se-GBV.

3.6. UNgqongqoshe Wezamaphoyisa, uMnu Bheki Cele, usewabophezele kabusha amalungu oMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS) ekutheni azowabeka eqhulwini amacala abandakanya ukuxhashazwa kwabesifazane nezingane. Uma owesifazane noma ingane ibika isenzo sobugebengu noma sokuxhashazwa, kumele lokho kulandelelwe ngokushesha okukhulu futhi kuqhutshekwe nalelo cala lize liyofinyelela esiphelweni.

4. Ukudliwa komhlaba 

IKhabhinethi lidlulisa amazwi okubonga kubo bonke abantu ababamba iqhaza ezigcawini zokulalelwa kwezimvo zomphakathi ebeziqhutshwa yiphalamende eziphathelene nokuthi sikhona yini isidingo sokubuyekezwa kweSigaba 25 soMthethosisekelo WeRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika we-1996 ukuze kuvumeleke ukudliwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo. IKomidi lePhalamende Lokubuyekezwa KoMthethosisekelo seliziphothulile izigcawu zokulalelwa komphakathi ebezibanjwe kuzo zonke izifundazwe. Iziphakamiso nezethulo ezenziwe kulezi zigcawu zokulalelwa komphakathi, kanjalo neziphakamiso nemibono ebhalwe phansi, manje sekuzocutshungulwa yiPhalamende.

Zibalulekile impela izingxoxo mayelana nodaba lobunikazi bomhlaba futhi ukusebenzisana kungaqinisekisa ukuthi izinguquko kwezomhlaba zingalekelela futhi nasekukhuliseni umnotho wethu, ikakhulukazi emkhakheni wezolimo futhi ngalokho kulungiswe nokungalingani okukhona ezweni lethu maqondana nobunikazi bomhlaba.

UMongameli Cyril Ramaphosa useqoke iKomidi loNgqongqoshe Beminyango Ehlukahlukene, futhi usihlalo walo yiPhini LikaMongameli, u-David Mabuza, okuyikomidi elijutshwe ukuthi lihlanganise futhi liqalise izinyathelo zokusheshisa ukwabiwa kabusha komhlaba, ukwelulwa kwamalungelo eziqashi zomhlaba, ukuhlinzeka ngosizo lwezolimo, kanye nokulungisa ukungalingani okukhona mayelana nokuhlaliswa kwabantu, ngaphansi kohlelo olubanzi lokwabiwa komhlaba kanye nentuthuko yezolimo.

Uhlelo Lokwakhiwa Kwengqalasizinda Yokuthuthwa Kwendle Esezingeni Elifanelekile Ezikoleni

5. Uhlelo Lokwakhiwa Kwengqalasizinda Yokuthuthwa Kwendle Esezingeni Elifanelekile Ezikoleni  (i-SAFE)

5.1. IKhabhinethi liyakwamukela ukwethula kukaMongameli Ramaphosa uhlelo lwe-SAFE, njengengxenye yemizamo kahulumeni yokuxazulula izinselele zokuthuthwa kwendle ezibhekene nezinye zezikole zakuleli ezihlwempu kakhulu.

5.2. Uhlelo lwe-SAFE luholwa nguMnyango Wezemfundo Eyisisekelo, ngokubambisana nesikhungo sobambiswano kwezemfundo i-National Education Collaboration Trust kanye ne-Nelson Mandela Foundation.

5.3. IKhabhinethi linxusa yonke imikhakha yomphakathi, kubandakanya namabhizinisi amakhulu kanye nezinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni, ukuthi ilusekele lolu hlelo okuhloswe ngalo ukunciphisa ukusalela emuva komsebenzi wokufakwa kwengqalasizinda ezikoleni ezihlwempu.

6. Uhlelo Lukazwelonke Lokuxhaswa Kwabafundi Ngezimali Zokufunda (i-NSFAS)

IKhabhinethi lithulelwe umbiko nguNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqesha, uNkz Naledi Pandor, mayelana nezinselele ezibhekene ne-NSFAS. Ngenhloso yokuletha uzinzo kanye nokuxazulula ngokuphelele izinkinga ezibhekene ne-NSFAS nokwabiwa kwezimali kubafundi abafanelekile, iKhabhinethi liyakusekela ukuqokwa koMlawuli, uDkt Randall Carolissen.

Ukuqokwa kukaDkt Carolissen sekulihlakaze ngokuphelele iBhodi le-NSFAS elikhona njengamanje. Umlawuli kanye nabaphathi be-NSFAS bazokwenza konke okusemandleni abo ukuxazulula inkinga yokusalela emuva kohlelo lokwabiwa kwezimali kanye nezinye izinselele ezibhekene nalesi sikhungo ukuze kuqinisekiswe ukuthi luphathwa ngobunyoninco uhlelo lokuxhaswa kwabafundi ngezimali zokufunda lowezi-2019, futhi kuxazululwe nazo zonke izindaba ezisilele emuva, ezingakalungiswa, eziphathelene nowezi-2017 kanye nowezi-2018.

7. Ukudilizwa kwabasebenzi emsebenzini

IKhabhinethi likhathazekile ngesimemezelo sakamuva mayelana namahlebezi okudilizwa kwabasebenzi nokulahleka kwemisebenzi ezimbonini ezithile, kubandakanya imboni yezimayini kanye neyabacosheli bezindaba. Sithanda ukugcizelela esicelweni sethu esiqondiswe kwabamabhizinisi sokuthi ukudilizwa kwabasebenzi kumele kube yinto yokugcina, ezokwenziwa kuphela uma sekuzanywe wonke amakhambi akhona, futhi sekuzanywe zonke ezinye izindlela zesimanje manje ezikhona ukusindisa nokugcina amathuba omsebenzi. 

Uhulumeni uyaqhubeka nokubambisana namabhizinisi kanye nabasebenzi futhi usalokhu eqinisekile ukuthi uma sisebenza ngokubambisana singawukhulisa umnotho wezwe futhi sakhe namathuba omsebenzi amasha.

8. Ezokusakaza

IKhabhinethi liyazithokozela impela izindaba ezithi iNhlangano Yezokusakaza yaseNingizimu Afrika (i-SABC), izosakaza imidlalo ye-English Premiership League. Nakuba lokhu kuyithuba elihle lokuba i-SABC ingenise imali, uhulumeni uyethemba ukuthi ukusakazwa kwale midlalo ngeke kuholele ekutheni le nhlangano iyeke ukusakaza imidlalo yakuleli futhi ngeke lokhu kusenze sibe sibi kakhulu kunakuqala isimo sezimali sale nhlangano engumsakazeli womphakathi, njengoba njengamanje ibhekene nesimo esingesihle neze sokushodelwa yizimali ezingenayo.

IKhabhinethi lisiphawulile iSimemo Sokufakwa Kwezicelo zamalayisensi eziteshi zikamabonakude ezikhokhelwayo esikhishwe siSikhungo Esizimele Esibhekelele Ezokuxhumana eNingizimu Afrika (i-Icasa).

Nakuba umkhakha wokukhishwa kwamalayisensi okusakaza kuwumkhakha oqondene ne-Icasa kuphela, ngokuhambisana neSigaba 192 soMthethosisekelo, inqubo yokukhishwa kwamalayisensi akumele neze yenziwe ngendlela ezophazamisa umkhakha womsakazo ongakhokhelwa njengoba njengamanje sisesikhathini soguquko oluqhubekayo lofudukela ekusakazeni ngedijithali sisuka ekusakazeni nge-analogi futhi lokhu akumele kukhuthaze ukuziphatha ngendlela engenakho ukuncitisana okusobala. Kumele lokhu kuqinisekise ukuthi izinkampani ezintsha ezihlinzekwe ngamalayisensi ziyakwazi ukuncintisana ngobuqotho nobulungiswa futhi ngendlela esobala.

B. IziNqumo ZeKhabhinethi

1. IKhabhinethi livumile ukuthi iSivumelwano esisungula iSifunda Sokuhwebelana Mahhala kwelase-Afrika (i-AfCFTA) sithunyelwe ePhalamende ukuze sigunyazwe ngokusemthethweni. Lesi sivumelwano sizoholela ekutheni leli lizwe likwazi ukungena ezimakethe ezintsha futhi ezinohlonze kwizwekazi lase-Afrika lonkana, ikakhulu izimakethe ezitsha zaseNtshonalanga Afrika naseNyakatho Afrika. Lokhu kuzohlinzeka futhi ngamathuba okuthunyelwa kwemikhiqizo yaseNingizimu Afrika kwamanye amazwe kuleli zwekazi. Futhi lokhu kuhambisana nendlela edidiyelwe yokuthuthukisa izwekazi. Lesi sivumelwano sizogqugquzela ukuthuthukiswa kwezimboni, utshalomali nokuvulwa kwamathuba omsebenzi kuleli zwekazi.

2. Ucwaningo oluphathelene nokuhlinzekwa kwamalayisensi omthamo wamagagasi okusakaza ngomoya

IKhabhinethi liwamukelile umphumela wocwaningo olugunyaziwe olwenziwe wuMkhandlu Wocwaningo Lwezesayensi Nolwezimboni (i-CSIR), obeluhlose ukuthola ulwazi mayelana nomthamo wamagagasi okusakaza ngomoya okumele unikwezwe iziteshi zomsakazo ezivulelekile kanye nokuhlinzekwa kwamalayisensi embonini. Ucwaningo luqinisekisile ukuthi amalayisensi omthamo wamagagasi okusakaza ngomoya angahlinzekwa izinkampani Zobuxhaka-xhaka Bezokuxhumana Obuhamba Ngamagagasi Omoya Obuvulele Kumuntu Wonke (i-WOAN) kanye nemboni yezokusakaza.

Phakathi kokunye, lokhu kuzofezekisa izibopho ezibekwe ngokwenqubomgomo kazwelonke, mayelana nezindleko zokuxhumana; kususe izithiyo ezivimbela izinkampani ezincane nezimaphakathi, futhi kusimamise nemiklamo ekhona njengamanje okutshalwe kuyona izimali. UNgqongqoshe Wezengqalasizinda Yezokuxhumana Nezinsizakalo Zeposi, uDkt Siyabonga Cwele, uzobamba isithangamu sabezindaba esiphelele lapho ezochaza khona kabanzi mayelana nalo mbiko.

3. Inqubekelaphambili eseyenziwe esifundazweni saseNyakatho Ntshonalanga

IKhabhinethi lithole umbiko wesine wenqubekelaphambili eseyenziwe mayelana nokungenelela kukahulumeni omkhulu esifundazweni saseNyakatho Ntshonalanga ngaphansi kweSigaba 100(1). IKhabhinethi ligculisekile ngalokho osekwenziwe kuleli zinga lokuqaliswa kwezinhlelo zokungenelela ezithile, futhi sekufinyelelwe emaqophelweni athile asemqoka kakhulu mayelana nokusebenza ngokuphelele kwalo mklamo esifundazweni. 

Sekusayinwe iSivumelwano Sokubambisana (i-MoU) phakathi kukahulumeni kazwelonke nowesifundazwe ngaphansi kwesandla seThimba LoNgqongqoshe Beminyango Ehlukahlukene Elijutshwe Ukulungisa Isimo (i-IMTT) esifundazweni saseNyakatho Ntshonalanga; 

Sekuqokwe abalawuli abahlanu abazolawula iminyango efakwe ngaphansi kweSigaba 100(1)b, futhi sebebekwe ngokusemthethweni njengezikhulu eziphendulayo;

Sezisayiniwe izinqubo ezisemthethweni neziqondiso ezizolandelwa ngoNgqongqoshe bakazwelonke kanye noNgqongqoshe beSifundazwe abathintekile, ngokuhambisana neSigaba 100(1)(b); futhi

Sekuqokwe nomlawuli oyinhloko ozophatha uhlelo lokungenelela esifundazweni saseNyakatho Ntshonalanga.

IKhabhinethi liphinde lazwakalisa amazwi okubonga ngokungenelela okusheshayo koMbutho Kazwelonke Wezokuvikela WaseNingizimu Afrika (i-SANDF) kanye noPhiko Olweseka Ingqalasizinda Kamasipala (i-MISA) ngenkathi kunenkinga enkulu yokuchitheka kwendle kuMasipala Wendawo wase-Ditsobotla eNyakatho Ntshonalanga. Seyikhucululiwe indle ebichithekile, okuyinto ebisibeke impilo yomphakathi engozini enkulu. 

IKhabhinethi liwuncomile impela umsebenzi omuhle osuwenziwe ngabaLawuli kuze kube manje ngaphansi kobuholi be-IMTT, nosihlalo wayo uNgqongqoshe uNkosazana Dlamini-Zuma.

4. UHlelo Lwemithombo Edidiyelwe (i-IRP)

IKhabhinethi likugunyazile ukushicilelwa kwe-IRP equkethe imininingwane yakamuva ukuze umphakathi uphawule ngayo.

UHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP) luhlonza isidingo sokuthi iNingizimu Afrika itshale imali kwizinhlobo ezahlukahlukene zengqalasizinda yezomnotho eyenzelwe ukusekela izinjongo zezwe nezenhlalo yomphakathi zesikhathi esimaphakathi kanye nezesikhathi eside. Ingqalasizinda yamandla kagesi iyingxenye esemqoka kakhulu esekela imisebenzi yezomnotho kanye nokukhula komnotho ezweni lonkana; kufanele iqine futhi isabalale ngokwanele ukuze ikwazi ukuhlangabezana nezidingo zezimboni, zohwebo kanye nezamakhaya abantu.         

Ukuphothulwa kwe-IRP kuzohlinzeka ngesiqinisekiso esidingekayo kubabambiqhaza bemboni kanye nabathengi mayelana nokutholakala kwamandla kagesi anele esikhathini esimaphakathi kanye nasesikhathini eside esizayo.

UNgqongqoshe Wezamandla, uMnu Jeff Radebe, kanye nomnyango bazobamba izingxoxo zokubonisana neKomidi lesiGungu esiPhakeme (i-EXCO) loMkhandlu Kazwelonke Wezokuthuthukiswa Komnotho Nezabasebenzi (i-Nedlac) ngoLwesihlanu mhla zingama-24 kuNcwaba lapho kuzobhungwa khona ngalolu hlaka lombiko, ozoshicilelwa futhi nakuSomqulu Kahulumeni nakuwebhusayithi yoMnyango Wezamandla (www.energy.gov.za) ngaphambi kokuba kufike uMsombuluko mhla zingama-27 kuNcwaba 2018.

5. IKhabhinethi liyigunyazile iNqubomgomo Kahulumeni Yezokuxhumana, ezosebenza kuhulumeni wonkana. Le nqubomgomo ibeka imigomo namazinga okumele alandelwe ngabaxhumanisi bakahulumeni. Futhi iphoqelela yonke iminyango kahulumeni ukuthi ihlinzeke ngesabelomali sezokuxhumana futhi ivule nezikhala zomsebenzi ezixhaswe ngezimali ngokuphelele okuzoqashwa kuzona abaxhumanisi bakahulumeni. Le nqubomgomo izolekelela iMigomo Yokuziphatha Kwabasebenzi Bakahulumeni ekhona njengamanje.

6. IKhabhinethi liligunyazile iSu Lokugcina Lokubhekana Nenkinga Yokungcoliseka Komoya Emiphakathini YaseNingizima Afrika Ethola Umholo Ophansi futhi Ephila Esiminyaminyeni ukuze liqaliswe ukusebenza. Leli su lihlinzeka ngendlela ehambelanayo futhi edidiyelwe yokunciphisa ukungcoliseka komoya okubangelwa yiziphehlamandla ezimbiwa phansi ezisetshenziswa yimiphakathi ethola imiholo ephansi futhi ehlala esiminyaminyeni sabantu.

Ukujikeleza komoya okwenzekayo njengemanje kule miphakathi kungaphezulu kwaMazinga Kazwelonke Ekhwalithi Yomoya Esiwuphefumulayo Osemkhathini abekwe ngokucacile eMthethweni Wezokuphathwa Kwemvelo: Umthetho Wekhwalithi Yomoya, wezi-2004 (uMthetho nombolo 39 wezi-2004). Leli su lihlinzekela izinhlelo zokungenelela ngenhloso yokunciphisa ukungcoliseka komoya futhi lincoma ukuthi kube nezinhlelo zokuqwashisa abantu ezizogcizelela ubungozi nomthelela empilweni yabantu obangelwa wukungcoliseka komoya okuqhubekayo. Lihlinzekela futhi nokusetshenziswa kwezinhlobo ezihlukahlukene zamandla kagesi.

7. IKhabhinethi liligunyazile iSu Lezokuthutha Ezibhekelela futhi Zinakekele Imvelo, elizolekelela ekunciphiseni ukukhiqizwa kwemimoya ebamba futhi ikhiphe ukushisa (ama-GHG) kwimvelo. Njengamanje, umkhakha wezokuthutha ukhiqiza ama-10, 8% omthamo ophelele wama-GHG akhiqizwayo, kanti ezokuthutha ngomgwaqo zona zikhipha ama-91.2% kulawa ma-GHG akhiqizwayo. 

Leli su lethula izinhlelo zokungenelela eziningana ezizokhipha umthamo ophansi wemimoya ekhiqizwayo. Lincoma ukuthi kusetshenziswe izindlela zokuthutha ezihlukile ezikhiqiza umthamo ophansi wama-GHG angena kwimvelo. Leli su ladlula ngowezi-2017 esigabeni sokubonisana nomphakathi.

8. IKhabhinethi livumile ukuthi uthunyelwe ePhalamende umqulu osungula iNhlangano Yezokuphepha Emkhakheni Wezokuhamba Ngezindiza (i-SASO) ngaphansi Kwenhlangano Yokuthuthukiswa Kwamazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC) ukuze ugunyazwe. Lo mqulu uhlinzeka ngohlaka lwezomthetho oluhlelekile lokusungula i-SASO ngenhloso yokulekelela amazwe angamalungu e-SADC emsebenzini wawo wokuqapha ezokuphepha emkhakheni wezokuhamba ngezindiza. Lo mqulu uzowalekelela futhi amazwe angamalungu e-SADC nasekuthuthukiseni ingqalasizinda yokuhamba ngezindiza esebenza kahle.

9. IKhabhinethi lilugunyazile uHlaka LoMthetho Odingidwayo Wezobuciko, Amasiko kanye Namagugu lwezi-2018. Lolu Hlaka LoMthetho Odongidwayo luhoxisa izingxenye ezithile zoHlaka LoMthetho Odingidwayo Wezobuciko, Amasiko kanye Namagugu we-1996. Lolu hlaka luphothula ukubuyekezwa koHlaka LoMthetho Odingidwayo we-1996, olwazamukela ngezandla ezimhlophe izinzuzo ezitholakale kuyo yonke imikhakha yezobuciko, amasiko kanye namagugu futhi lwahlaziya naleyo mikhakha ebisalokhu iyinselele ekuqhubekiseleni phambili ukwakhiwa kwesizwe nokuletha ubumbano lomphakathi ezweni lethu elibuswa ngentando yeningi labantu. 

Lolu Hlaka LoMthetho Odingidwayo luhlose ukusungula umkhakha wezobuciko, amasiko kanye namagugu waseNingizimu Afrika onohlonze nomdlandla futhi obonisa uguquko ozofaka isandla ekwakhiweni kwesizwe, ekuletheni ubumbano emphakathini kanye nokuqinisekisa inhlalo-mnotho ebandakanya abantu bonke.

10. IKhabhinethi lilugunyazile uHlaka Lwenqubomgomo Kazwelonke Yamagugu Atholakala Ngaphansi Kwamanzi, oluhambelanisa iSivumelwano Sophiko LweNhlangano Yezizwe Lwezemfundo, Ezesayensi kanye Nezamasiko (i-Unesco), noMthetho Kazwelonke Wemithombo Yamagugu, we-1999 (uMthetho uNombolo 25 we-1999) kanye neminye imithetho kazwelonke ehlobene nalokhu.

Le nqubomgomo isekelwe phezu komgomo othi amagugu ayifa labo bonke abantu baseNingizimu Afrika. Ihlonza ababambiqhaza abahlukahlukene kanye nezinyathelo zokugqugquzela amagugu atholakala ngaphansi kwamanzi, nokuqwashisa abantu ngokubaluleka kwamagugu atholakala ngaphansi kwamanzi futhi bahlinzekwe ngolwazi olunzulu mayelana nalokhu kanye nezindlela zokukusebenzisa ngendlela efanele.

11. IKhabhinethi lilugunyazile uHlelo Lowezi-2018 kanye nowezi-2019 Lwezitembu Zokuposa Ezikhishwa minyaka yonke yiPosi laseNingizimu Afrika. Lezi zitembu zibonisa amasiko ahlukahlukene aseNingizimu Afrika, ubuzwe, umlando, amagugu anohlonze, amaqhawe namaqhawekazi, imvelo kanye nentuthuko yenhlalo-mnotho. Futhi lezi zitembu zisebenza njengamanxusa amancane eNingizimu Afrika ngenkathi zithubeleza emhlabeni wonke jikelele emaposini ahlukahlakene.

12. IKhabhinethi liwagunyazile amadizayini ochungechunge lwezinhlamvu zemali lwabaqoqi bezimali zesikhumbuzo azokhishwa ngowezi-2019 yinkampani eyenza izinhlamvu zemali yakuleli, i-South African Mint.

C. IMithethosivivinywa

1. IKhabhinethi likugunyazile ukuthunyelwa ePhalamende kweSichibiyelo Somthethosivivinywa Wemithetho Yokhetho wezi-2018. Lo Mthethosivivinywa uchibiyela imithetho emithathu, okunguMthetho Wekhomishana Yokhetho, we-1996 (uMthetho uNombolo 51 we-1996); uMthetho Wokhetho, we-1998 (uMthetho uNombolo 73 we-1998) kanye noMthetho Wokhetho Lohulumeni Basekhaya, wezi-2000 (uMthetho uNombolo 27 wezi-2000).

Lo Mthethosivivinywa wenza izichibiyelo ezihlukahlukene okuhloswe ngazo ukuguqula izinqubo zokhetho ezithile zeKhomishana Yokhetho Ezimele (i-IEC). Ezinye zezinguquko ezihlongozwayo zihlinzekela ukuthi i-IEC isebenzise yonke imithombo ekhona ukuthola ulwazi oludingekayo lokuhlanganisa nokugcina uhlu lwabavoti lukazwelonke. Uhlinzekela futhi nokunqatshelwa kokusetshenziswa kwegama, isifinyezo, amadizayini ophawu kanye nempahla ye-IEC noma impahla esetshenziswa yi-IEC.

2. IKhabhinethi likugunyazile ukwethulwa ePhalamende kweSichibiyelo Somthethosivivinywa Wezokuxhumana Ngohlelo-xhumano Lwekhompyutha. Lo Mthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wezokuxhumana Ngohlelo-xhumano Lwekhompyutha, wezi-2005 (uMthetho uNombolo 36 wezi-2005) ukuze kuqaliswe ukusebenza koHlaka LoMthetho Odingidwayo Wenqubomgomo Edidiyelwe yeze-ICT, okuhloswe ngalo ukuguqula iNingizimu Afrika ibe yizwe elibandakanyayo nelisebenzisa ulwazi olusha lwesimanjemanje olugxile kuhlelo-xhumano lwekhompyutha. Uhlinzekela futhi nokulethwa koguquko kulo mkhakha ngokuthi kuphoqelelwe ukuthotshelwa nokulandelwa kwenqubo ebanzi yokufukulwa nokuthuthukiswa kwabantu abamnyama kwezomnotho (i-BBBEE).

Phakathi kokunye, uhlinzekela ukwehliswa kwezindleko zokuxhumana, futhi unciphisa nokuphindaphindeka kwengqalasizinda efanayo, kanti futhi ukhuthaza nokuncintisana ekuhlinzekweni kwezinsizakalo ze-WOAN.

izivumelwano ni

3. IKhabhinethi likugunyazile ukushicilelwa kweSichibiyelo SoMthethosivivinywa Wezindaba Zezimali wezi-2018 ukuze umphakathi uphawule ngawo. Lezi zichibiyelo zitholakala emithethweni emihlanu:

UMthetho Wokucwila Ezikweletini we-1963, ukuze kuqiniswe ukulawulwa  kwezivumelwano zangasese ezingadluli esikhungweni sohwebozimali esisemthethweni, ngokuhambisana nezibophezelo ze-G20;

UMthetho Wezimpesheni Zamasosha we-1976, ukuze kuqedwe ukuhlinzekwa kwezimpesheni ngendlela ecwasanayo futhi kuqinisekiswe ukungachemi ngokwezobulili ukuze kwamukelwe ngokusemthethweni izinhlobo ezihlukahlukene zobudlelwano;

UMthetho Wezamabhange we-1990, ukuze kuvunyelwe izinkampani zikahulumeni ezifanelekile ukuthi zifake izicelo zamalayisensi okusungula amabhange, uma isiGungu Seziphathimandla noma iKhabhinethi lizinikeza imvume yalokho;

UMthetho Wezempesheni Yabasebenzi Bakahulumeni we-1996, ngenhloso yokuguqula umgomo wokunikezwa komlingani welungu lesikhwama sempesheni ingxenye yempesheni yakhe ngokushesha uma abashadikazi behlukanisa umshado, ngalokho-ke kuqinisekiswe ukuthi imali ekhokhelwa umuntu obeshade nelungu lesikhwama sempesheni ayiphenduki ibe yisikweletu;

UMthetho Wezomsebenzi Wabacwaningi Bamabhuku wezi-2005, ukuze kuxazululwe izinselele kanye nemikhawulo elihlangabezana nayo iBhodi Elizimele Lokulawula Umsebenzi Wabacwaningi Bamabhuku ngenkathi lenza umsebenzi walo wokulawula nokuqapha indlela okusetshenzwa ngayo.

4. IKhabhinethi likugunyazile ukuthunyelwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokuziphatha Kwamasosha wezi-2018. Lo Mthethosivivinywa wenzelwe ukubhekana nezindaba eziphathelene nohlelo lokuphathwa kwamacala ezempi, ukusungulwa nokuqokwa kombutho wamaphoyisa ezempi, kanye nezigcawu zokuqondiswa kwezigwegwe.

Lo Mthethosivivinywa uzoqeda ukusebenza komthetho okhona njengamanje okunguMthetho Wezinyathelo Zokwenezezela Zokuziphatha Kwamasosha, we-1999 (uMthetho uNombolo 16 we-1999). Lo Mthethosivivinywa uhambelanisa inqubo yoMbutho Wezokuvikela waseNingizimu Afrika (i-SANDF) yokuziPhatha Kwamasosha nenqubo ye-UN, ikakhulukazi ukuziphatha kwamasosha ayingxenye yemikhankaso yokugcina ukuthula. 

IKhabhinethi likugunyazile ukushicilelwa kweSichibiyelo SoMthethosivivinywa Wezinkampani wezi-2018 kusoMqulu Kahulumeni ukuze umphakathi uphawule ngawo. Lo Mthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wezinkampani wezi-2008 (uMthetho uNombolo 71 wezi-2008). Unciphisa umthwalo wokulawula nokuphatha osemahlombe abanikazi bamabhizinisi futhi ukhuphula amathuba okuthi iNingizimu Afrika ikwazi ukuheha abatshalimali okungenzeka babe nesifiso sokutshala izimali zabo kuleli.

D. Imicimbi Ezayo

1. INyanga Yezokuvakasha, ngoMandulo, yethulwa mhla ziyi-16 kuNcwaba 2018 e-Tsitsikamma eMpumalanga Kapa, ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Ezokuvakasha kanye noguquko lwedijithali”, okuyisiqubulo esifana nesoSuku Lwezokuvakasha Emhlabeni soPhiko lweNhlangano Yezizwe Lwezokuvakasha Emhlabeni oluzogunjwa mhla zingama-27 kuMandulo 2018.

Ngokombiko woMkhandlu Wezokuhamba Nezovakasha Emhlabeni owakhiswa ngoLwezi 2016, umkhakha wezokuvakasha uqashe abantu abayisigidi esingu-1.55 abasebenza ngaphansi kwalo mkhakha ngqo nakweminye imikhakha ehlobene nawo eNingizimu Afrika, futhi ufaka imali eyizigidigidi eziyi-118 zamarandi kwisamba somkhiqizo wasekhaya (i-GDP).

IKhabhinethi liyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baweseke lo mkhakha womnotho osemqoka kangaka. Kubalulekile futhi ukuthi sisebenzele ukuba nomkhakha wezokuvakasha obandakanyayo ovula amathuba okusungula amabhizinisi, amathuba ezomnotho kanye namathuba omsebenzi emiphakathini yethu.

2. IKhabhinethi lilugunyazile uHlelo Lwenyanga Yezinsizakalo Zikahulumeni lowezi-2018 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Thuma Mina: Sihambisa Izinsizakalo Zikahulumeni Kubantu: Batho Pele: “Siyingxenye Yomphakathi, Siyanakekela futhi Siyakusebenzela”. Uhlelo lwemicimbi oluzoqhubeka inyanga yonke luyatholakala kuwebhusayithi kahulumeni (www.gov.za).

3. Usuku Lukazwelonke Lwesikhumbuzo Samalungu Ombutho we-SAPS oluzobanjwa mhla zi-2 kuMandulo 2018, ngemicimbi yesikhumbuzo ezoqala kusukela mhla zingama-31 kuNcwaba. Lesi yisikhumbuzo samaphoyisa namavolontiya afela emsebenzini, ngenkathi evikela isizwe. 

IKhabhinethi liyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bahloniphe futhi babungaze izimpilo zalawa maqhawe namaqhwekazi afela emsebenzini. Amafulegi esizwe azawundiziselwa phansi futhi iKhabhinethi linxusa yonke imiphakathi ezweni lonkana ukuthi ibambe umzuzu wokuthula kuyo yonke imikhosi yezenkolo kusukela mhla zingama-31 kuNcwaba kuya kumhla zi-2 kuMandulo 2018, njengophawu lokweseka i-SAPS.

4. INingizimu Afrika izosingatha iNgqungquthela Yamazwe Ngamazwe Yezesayensi, Ezobuchwepheshe, Ezobunjiniyela kanye Nezokuphatha, ehlelwe yinhlangano yezocwaningo emhlabeni, i-Research World, ezobanjwa kusukela mhla zingama-24 kuya kumhla zingama-25 kuNcwaba 2018 eKapa. Le ngqungquthela, ezohlinzeka ngamathuba okuthi ababambiqhaza babelane ngemiqondo kanye nolwazi mayelana nezimo abadlule kuzona, nabanye abantu abavela emazweni ahlukahlukene emhlabeni wonke jikelele, iqinisa indawo yeNingizimu Afrika njengezwe eliphuma phambili kwezokusingathwa kwemicimbi yamazwe ngamazwe.

5. IKhabhinethi liyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babambe iqhaza emicimbini yokugubha iNyanga Yamagugu ngoMandulo. INyanga Yamagugu igujwa minyaka yonke ngenhloso yokukhuthaza umphakathi ukuthi ubungaze ukubumbana kwawo nakuba wakhiwe ngabantu abahlukahlukene futhi uqhubeke nokwakha izwe lapho abantu bebonisa ukunakekelana nokuhloniphana.

E. Imiyalezo

1. Ukuphakanyiswa kwamagama abantu abavelele abakulungele ukuhlonishwa ngeziNdondo Zezwe (ama-National Orders)

IKhabhinethi lithanda ukugcizelela isimemo sikaMongameli Ramaphosa esiqondiswe kumalungu omphakathi sokuthi aphakamise amagama ezakhamuzi kanye nabantu bakwamanye amazwe abavelele, abakholelwa ekutheni kumele bathole ukuhlonishwa okuphakeme kakhulu okunganikezwa yileli lizwe kubantu balo noma kubantu bakwamanye amazwe abayibekile impela induku ebandla, okuwukuhlonishwa ngeziNdondo Zezwe. Usuku olungumnqamulajuqu wokuthunyelwa kwamagama aphakanyisiwe ngumhla ziyisi-7 kuMandulo 2018.

2. Umkhosi we-Eid

IKhabhinethi lidlulise izilokotho ezinhle emphakathini wamaSulumane waseNingizimu Afrika nasemhlabeni wonke jikelele njengoba abekade egubha umkhosi wenkolo yamaSulumane obizwa nge-Eid-ul-Adha izolo, ngoLwesithathu mhla zingama-22 kuNcwaba 2018. Bangaphezu kwezi-2 500 abantu abangamaSulumane abafulathele izwe laseNingizimu Afrika elibangise kwelase-Saudi Arabia lapho ebeyohlanganyela khona nabanye abantu abangamaSulumane abalinganiselwa ezigidini ezimbili abaphuma emhlabeni wonke jikelele njengengxenye yohambo olungcwele i-Hajj.

3. Amazwi enduduzo

3.1. NjengoMongameli Ramaphosa, iKhabhinethi nalo lithanda ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini nabangani bakaMama uZondeni Sobukwe, obedume ngelika- “Mama we-Azania”. UMongameli Ramaphosa usememezele ukuthi umngcwabo wakhe uzoba nguMngcwabo Wombuso Okhethekile Osesigabeni sesi-2. Ubeyiqhawekazi elalwisana nengcindezelo futhi eyisishoshovu esalwela inkululeko yabo bonke abantu baseNingizimu Afrika, futhi esaqhubeka nobushoshovu baso, ngisho izwe selingene ngaphansi kombuso wentando yeningi labantu. Mhla ziyingama-28 kuMbasa 2018 – futhi njengengxenye yemigubho yoSuku Lwenkululeko – uMongameli Ramaphosa wahlonipha uMama uSobukwe ngendondo yezwe i-National Order of Luthuli in Silver. Futhi ubengunkosikazi walowo owabe enguMongameli we-Pan Africanist Congress futhi engumsunguli wayo, u-Robert Mangaliso Sobukwe. Unyaka we-2018 uqopha futhi ukuhlangana kweminyaka engama-40 kwashona uMnu Sobukwe. UMama uSobukwe uzobekwa ekhaya lakhe lokugcina ngoMgqibelo, mhla zingama-25 kuNcwaba 2018, emathuneni ase-Kroonvale e-Graaff-Reinet eMpumalanga Kapa.

3.2. NjengoMongameli Ramaphosa, iKhabhinethi lidlulisa futhi amazwi enduduzo ngokudlula emhlabeni kukaMhlonishwa u-Kofi Atta Annan, uNobhala-Jikelele weNhlangano Yezizwe (i-UNSG) waphambilini. UMnu Annan waba ngumuntu ompisholo wase-Afrika wokuqala ngqa owaba yi-UNSG futhi wasebenzisa isikhundla sakhe ukuqhubekisela phambili uhlelo lwezimfuno ze-Afrika. Ukudlula kwakhe emhlabeni kusho ukulahlekelwa okukhulukazi impela komhlaba wonkana.

3.3. Futhi iKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo ngokudlula emhlabeni kwesihlabani somculi obedume emhlabeni wonke jikelele, futhi owabe eyisishoshovu samalungelo abantu kwelase-United States, u-Aretha Franklin.

3.4. Njengamazwe omhlaba, iKhabhinethi nalo lithumela amazwi enduduzo kuhulumeni nabantu base-Italy, kanye nasemindenini yezisulu, kulandela ukubhidlika kwebhuloho emgwaqeni onguthelawayeka eMorandi edolobheni lase-Genoa elisenyakatho-ntshonalanga nezwe lase-Italy. Futhi iKhabhinethi libafisela ukwelulama okusheshayo labo abalimale kule nhlekelele.

3.5. IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo emndenini nabangani bakasomnotho wezepolitiki obedume emhlabeni wonke jikelele futhi obeyisifundiswa sase-Afrika u-Samir Amin, odlule emhlabeni mhla ziyi-12 kuNcwaba eseneminyaka yobudala engama-86. Empilweni yakhe yonke ubelokhu eyisishoshovu esingapheli amandla esasikhuthalele inkululeko yamazwe ayecindezelwe kwelase-Afrika, Asia nase-Latin America, abizwa nge-Third World, futhi imiqondo yakhe yaguqula indlela esiyiqonda ngayo inqubo yogombela kwesabo (inqubo yobukhaphithali) kanye neyokuqonelwa ngabezizwe.

3.6. IKhabhinethi lidlulisa futhi amazwi enduduzo kuhulumeni nabantu base-India ngokulahleka kwezimpilo zabantu ezikhukhuleni zakamuva nokudilika kwenhlabathi okwenzeke esifundazweni sase-Kerala.

3.7. Futhi iKhabhinethi lithumele amazwi enduduzo kuhulumeni nabantu base-Sudan kulandela ukuminza kwezingane zesikole ezingama-24 emfuleni omkhulu i-Nile River.

F. Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abasebenzi kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.

1. Nkz Deshni Subbiah, oqokwe njengoMqondisi weBhodi le-Export Credit Insurance Corporation of South Africa SOC Limited.

2. Nkz Thezi Rosemary Mabuza, oqokwe kabusha njengePhini likaKhomishana weKhomishani Kazwelonke Yabathengi.

3. Abaqondisi abangeyona ingxenye yesigungu esithatha izinqumo mayelana nokuphathwa kwenhlangano nsuku zonke beBhodi LabaQondisi beBhange Lentuthuko Yezomhlaba Nezolimo:

  • Adv Sandra Coetzee (oqokwe kabusha); kanye
  • noNkz Mathane Eveline Makgatho (oqokwe kabusha).

4. Abaqondisi abangeyona ingxenye yesigungu seziphathimandla beBhodi Lenkampani Yezikhumulo Zezindiza zaseNingizimu Afrika (i-ACSA):

  • Dkt Nolulamo Nobambiswano Gwangwa (uSihlalo);
  • Nkz Phydelis Ntombifuthi Mvelase;
  • Mnu Yershen Pillay;
  • Mnu Bonang Francis Mohale;
  • Mnu Pascalis Mathealira Mokupo;
  • Nkz Nosizwe Nokwe-Macamo; kanye
  • noMnu Nqobizitha Irvin Phenyane.

5. Abaqondisi abangeyona ingxenye yesigungu seziphathimandlabeBhodi Yophiko Lukazwelonke Lwezemigwaqo LwaseNingizimu Afrika (i-Sanral):

  • Mnu Themba Barrange Mhambi (uSihlalo);
  • Mnu Alderman Robert Haswell;
  • Nkz Nkareng Mpobane;
  • Mnu Thamsanqa Piet Matosa; kanye
  • noNkz Dladla.

6. UMkhandlu Kazwelonke Wezokweluleka mayelana Nokuqanjwa Nokusungulwa Kwezinhlelo Nemikhiqizo Emisha:

  • Nkz Claire Busetti (oqokwe kabusha);
  • Mnu Paul Steenkamp (oqokwe kabusha);
  • Nkz Thulile Mthethwa;
  • Mnu Isaiah Clive Engelbrecht;
  • Rejoyce Gavhi-Molefe;
  • Slz Derrick Ian Swartz (uSihlalo);
  • Dkt Tiisetso Elizabeth Lephoto;
  • Mnu Ilse Karg (oqokwe kabusha futhi ongummeleli woMnyango Wezohwebo Nezimboni (i-dti));
  • Dkt Molapo Qhobela (oqokwe kabusha);
  • Slz Crain Arthur Soudien (oqokwe kabusha);
  • Dkt Thulani Humphrey Dlamini (oqokwe kabusha);
  • Mnu Dhesigen Pydiah Naidoo (oqokwe kabusha);
  • Dkt Shadrack Moephuli (oqokwe kabusha);
  • Slz Roseanne Denise Diab (oqokwe kabusha);
  • Dkt Boitumelo Phakathi; kanye
  • noNkz Mamello Matikinca.

7. Uphiko Lukazwelonke Lwezomkhathi LwaseNingizimu Afrika:

  • Nkz Xoliswa Kakana (uSihlalo);
  • Slz Azwinndini Muronga;
  • Mnu Johan Prinsloo (oqokwe kabusha);
  • Mnu Willie van Biljon (oqokwe kabusha);
  • Mnu Eugene Jansen (oqokwe kabusha);
  • Mnu Ashley Naidoo (oqokwe kabusha futhi ongummeleli woMnyango Wezemvelo);
  • Mnu Lindelwa Simphiwe Hamilton (oqokwe kabusha futhi ongummeleli woMnyango Wezokuvikela);
  • Nkz Nomfuneko Majaja (ummeleli we-dti);
  • Nkz Mariam Paul (ummeleli woMnyango Wezengqalasizinda Yezokuxhumana Nezinsizakalo Zeposi);
  • Nkz Leago Stella Takalani;
  • Nkz Lumka Msibi;
  • Adv Icho Kealotswe Matlou;
  • Nkz Matsie Matooane (oqokwe kabusha);
  • Nkz Innocentia Mmule Pule (oqokwe kabusha); kanye
  • noNkz Mbaliyethu Mfeka (oqokwe kabusha).

8. INhlangano Kazwelonke Yezocwaningo (i-NRF):

  • Slz Tinyiko Maluleke (oqokwe kabusha);
  • Slz Nadine Felicity Petersen;
  • Dkt Sarah Mosoetsa (oqokwe kabusha);
  • Dkt Nompumelelo Obokoh (uSihlalo);
  • Slz Haroon Bhorat;
  • Slz Zebion Vilakazi;
  • Slz Sinah Saurabh;
  • Slz Nomalanga Mkhize;
  • Slz Glenda Elisabeth Gray;
  • Dkt Bongani Ngqulunga;
  • Nkz Mpho Letlape (oqokwe kabusha);
  • Mnu Mashangu Ronny Lubisi (oqokwe kabusha); kanye
  • noNkz Claire Busetti (oqokwe kabusha).

Imibuzo:
Nkz Phumla Williams – Ibamba Lomkhulumeli WeKhabhinethi
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore