Isitatimende soMhlangano weKhabhinethi wangoLwesithathu, zingama-26 kuNhlaba 2021

A.    Izindaba Ezisematheni
1.    Ukusatshalaliswa Komgomo Wesifo Segciwane i-Corona (i-COVID-19)


1.1.    IKhabhinethi lithokozile ngokuthi Isigaba sesibili sohlelo lokusatshalaliswa komgomo eNingizimu Afrika luqale kahle futhi izinkulungwane zabantu abafanelekile sezigonyiwe.  
1.2.    Zonke izikhungo zokugoma ezweni sezikulungele ukusiza labo asebezitholile izikhala zokugoma. IKhabhinethi likhumbuza bonke abantu abaya ezikhungweni zokugoma ukuba balandele imithetho yezempilo emisiwe yokugqoka isifonyo, ukusebenzisa isibulali-magciwane nokuqhelelana nabantu ukuze bazivikele bona kanye nabanye abantu. Lezi zikhungo zingatholakala ku-: https://sacoronavirus.co.za/2021/05/12/active-vaccination-sites/.  
1.3.    Njengoba sisondela ekufinyeleleni esibalweni sabantu okumele bahlinzekelwe ngokwezempilo bebonke, iKhabhinethi likhuthazekile ngokuthi abantu abangaphezu kwezigidi ezimbili sebebhalisile ngokoHlelo Lwezobuchwepheshe Lokubhalisela Ukugomela i-COVID-19 (i-EVDS)  ku-https://vaccine.enroll.health.gov.za.  
1.4.    Ukuqinisekisa ukuthi akekho umuntu osala ngaphandle, kunezindlela eziningi ezingasetshenziswa ngabantu ukuze babhalise. IKhabhinethi linxusa bonke abantu abaneminyaka engama-60 nangaphezulu ukuthi babhalise ku-EVDS. Amalungu emindeni nabangani babantu abaneminyaka engama-60 nangaphezulu banxuswa ukuba bakhuthaze futhi babasize ukubhalisa. 
1.5.    Abantu bangasebenzisa i-WhatsApp ukubhalisa ngokuthumela igama elithi 'Register' ku-0600 123 456 noma ushaye u-*134*832*Inombolo Kamazisi bese ugcina ngo#. Lezi zinhlelo zisetshenziswa mahhala kuwo wonke amanethiwekhi omakhalekhukhwini aseNingizimu Afrika. Abantu bangabhalisa ngokushayela inombolo yamahhala eqondene nalolu hlelo ethi: 0800 029 999. 
1.6.    IKhabhinethi liqhubekile nokukhumbuza izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ngokuqubuka ihlandla lesithathu kobhubhane futhi lagcizelela ukubaluleka kokuvikela ukudluliseka kwe-COVID-19 ngokulandelisisa izindlela zokunqanda ukudluliseka kwegciwane ngaphandle kwemithi, ezingukugqoka isifonyo emphakathini, ukuqhelelana nabantu emphakathini ngebanga okungenani eliyimitha nesigamu, nokuvama ukugeza izandla ngensipho namanzi noma usebenzise isibulali-magciwane esine-alcohol engama-70%.   
 
2.    UHlelo LukaMongameli Lokusungulwa Kwemisebenzi

2.1. IKhabhinethi lamukele umbiko ngenqubekela-phambili yokuqaliswa 
koHlelo Lukamongameli Lokusungulwa Kwemisebenzi, oluhlose ukudala imisebenzi emisha, 
ukuhlinzeka ngosizo lwendlela yokuphila kanye nokuvikela imisebenzi ekhona emikhakheni esengcupheni. 
2.2    Umbiko uveza ukuthi ekupheleni kukaNdasa 2021, abantu abasebehlomule ngqo kulolu hlelo bayizi-532 180 futhi kwadaleka noma kwagcinwa imisebenzi eyizi-422 786 kwaphinde kwaxhaswa izindlela zokuphila eziyi-109 394. 
2.3.      Phezu kwalokho kunamathuba emisebenzi ayizi-161 972 asalungiswa njengengxenye yeSigaba soku-1 sohlelo lokuqasha, okwenza isibalo esiphelele samathuba oxhaso sibe yizi-694 152.

3.    Ingqungquthela yase-Paris Yoxhaso Lwezomnotho Wase-Afrika 

3.1.    IKhabhinethi lesekele isiphakamiso sabaholi eNgqungqutheleni Yoxhaso Lwezomnotho Wase-Afrika ebeyibanjwe e-Paris, e-France ngoLwesibili, mhla ziyi-18 kuNhlaba 2021, sokuthi amazwe ase-Afrika kumele akwazi ukuthola amalungelo okukhipha imali okungenani eyizigidigidi ezingama-US$100 emalini ebekiwe yesiKhwama Semali seZizwe ngezizwe.
3.2.    Lesi sabelo sizoxhasa amathuba okutakulwa komnotho ngokuqinile nangokugcinekayo emazweni ase-Afrika ashaywe kakhulu wubhubhane lwe-COVID-19 futhi akwazi ukuhlinzeka ngemali ohlelweni lomhlaba jikelele.
3.3.    Ingqungquthela iqinisekise umbono abantu abaningi abakholelwa kuwo wokuthi wonke amazwe kumele akwazi ukuthola imigomo ikakhulukazi e-Afrika nasemazweni asathuthuka, njengoba kunezivumelwano zemigomo zamazwe ngamazwe ezithi imigomo kumele ithathwe ngokuthi iyimpahla yabantu bonke emhlabeni jikelele.
3.4.    Kuphinde kwaziswa iqhaza lokwandisa ukugomela i-COVID-19 njengempahla yabantu bonke emhlabeni jikelele. Iphinde yazibophezela ekuqinisekiseni nasekusheshiseni ukutholakala ngokulingana kwemigomo e-Afrika ngokuphephile nangendlela engambi eqolo, imithi nokuhlola ngokokuFinyelela kweNhlangano Yezempilo Yomhlaba Ekusheshiseni Izinsiza ze-COVID-19 (okwaziwa ngokuthi i-ACT-A) kanye nesikhungo sokuTholakala Komgomo Emhlabeni Jikelele (okwaziwa ngokuthi i-COVAX). 
3.5.    IKhabhinethi liphinde lagcizelela isicelo esenziwe nguMongameli Ramaphosa sokuthi ukubekwa kwesikhashana kweMithethonqubo ye-TRIPS yeNhlangano Yomhlaba Yezokuhweba kumele kusekelwe yibo bonke. Ukungelela kwalolu hlobo kuzoqinisekisa ukwandiswa kokukhiqizwa kwemigomo kanye nobunye ubuchwepheshe bezempilo njengengxenye yendlela yokungenelela efanele esimweni esiphuthumayo sobhubhane.

4.    Ukudluliswa kwamatayitela ase-Tafelkop

4.1. IKhabhinethi lamukele ukudluliselwa kubalimi abampisholo abangama-30 amahektha ayi-189 omhlaba kanye namatayitela e-Tafelkop esifundeni sase-Groblersdal eLimpopo. 
4.2. Lokhu kungukuphumelela kwenqubo yokubuyiselwa komhlaba kanye nengxenye yomsebenzi oqhubekayo weKomidi Elihlanganise oNgqongqoshe (i-IMC) lokuBuyiswa Komhlaba ukuze kusheshiswe ukubuyiswa komhlaba.
4.3.     Laba balimi baphumelele kwezolimo ngokukhiqiza imikhiqizo enhlobonhlobo iminyaka engama-25 kulo mhlaba futhi behlinzeka izitolo ngokudla, nezinhlelo zokondla izingane zesikole kanye namamakethe okudla asePitoli naseGoli. 

5.    Amavoti Ezabelomali 

5.1.    IKhabhinethi lamukele ukuqala kwamavoti ezabelomali, okunike iminyango ithuba lokuchaza kabanzi ngezinhlelo zayo kanye nangalokho okuseqhulwini onyakeni. IPhalamende, njengoba limele abantu, libamba umhlangano onzulu wamavoti ezabelomali futhi liqinisekise ukuthi izimali zikahulumeni zisetshenziselwa ukuhlomulisa umphakathi.
5.2.    Amavoti ezabelomali akhelwa phezu kokuseqhulwini okwendlalwe wuMhlonishwa uMongameli u-Cyril Ramaphosa ngesikhathi seNkulumo Ngesimo Sezwe (i-SoNA) kuNhlolanja 2021. Aphinde asuselwe oHlelweni Lwentuthuko Lukazwelonke: Umbono wowezi-2030 kanye noHlaka Lweqhingasu Lwehlandla Elimaphakathi Nonyaka lowezi-2019 kuya kowezi-2024. 
5.3.    Kulo nyaka uhulumeni ugxile ekukhuliseni umnotho wethu, ukuxhasa ukukhula komnotho kanye nokwakha imisebenzi edingeka kakhulu. Sizogxila kakhulu ezindaweni ezine esisemqoka kakhulu ezagqanyiswa ngesikhathi se-SoNA: (a) Ukulwa nobhubhane lwe-COVID-19; (b) Ukusheshisa ukuvuselelwa komnotho; (c) Ukuqalisa izindlela zokuvuselela umnotho ukuze kudaleke imisebenzi egcinekayo nokuhola ukukhula okubandakanyayo, kanye (d) Nokulwa nenkohlakalo nokuqinisa Izwe.

6.    Ukulwa nobugebengu 

6.1.      IKhabhinethi lihlanganyele neKhomishana Lezokulingana Ngokobulili ngokwamukela isigwebo sodilika-jele abayisithupha anikezwe uMnu. Nowa Makula (32) ngokubulala intombi yakhe, uNksz. Nomzamo Mhlanti nezingane ezinhlanu. Lokhu kuthumela umyalezo oqinile wokuthi bonke ababhebhethekisi bobugebengu obunyantisa igazi njengalobu babhekana nengalo yomthetho ngokugcwele.
6.2.     IKhabhinethi ligxeke ukubulala okungenangqondo kwakamuva kwaseKhayelitsha eNtshonalanga Kapa nase-Zandspruit e-Gauteng okudlule nabantu abangama-21. IKhabhinethi lincome amaphoyisa ngokushesha ukungenelela ngokubopha abasolwa futhi lanxusa umphakathi ukuthi usebenzisane namaphoyisa ukuze imigwaqo iphephe kubo bonke abantu. 
6.3.      IKhabhinethi lamukele ukubambisana phakathi kwama-ejensi ezomthetho akuleli nawakumazwe ngamazwe okuholele ekubanjweni kwezidakamizwa e-Afrika nase-Middle East. Le misebenzi, ebeyiholwa yi-Interpol, ibibandakanya amazwe angama-41 okuholele ekubanjweni kwezidakamizwa ezicishe zibize ama-euros ayizigidi ezingama-100. Njengengxenye yempumelelo yalo msebenzi, amaphoyisa aseNingizimu Afrika abambe izidakamizwa ezingabiza imali elinganiselwa kuma-euro ayizigidi ezingama-32 ezikebheni zokudoba kwase kuboshwa abantu abayi-10. 

7.    Izibalo zabantu zokuhlola

7.1.     Ezezibalo eNingizimu Afrika (i-Stats SA) izokwenza izibalo zabantu zokuhlola ezindaweni ezikhethiwe njengendlela yokulungiselela ukubalwa kwabantu okukhulu ukuze kuhlolwe zonke izinhlelo nezinqubo.
7.2.     Ukubhalisela ukubalwa kwabantu kokuhlola kuvulelekile kusukela kumhla ziyi-17 kuNhlaba kuya kuma-30 kuNhlangulana 2021. Imizi nezakhamuzi zizokhetha ukugcwalisa iphephambuzo lemibuzo yokubalwa kwabantu ngocingo bazoshayelwa ucingo ama-ejenti esikhungo sezingcingo se-Stats SA. 
7.3.     IKhabhinethi likhuthaza imizi nezikhungo ukuba zibhalise ukuze ziqinisekise ukuthi ziyabalwa. Izakhamuzi zikhuthazwa ukuba zivakashele i-getcounted.statssa.gov.za ukuze babhalise ngendlela yezobuchwepheshe. Usuku lokubalwa kwabantu olukhulu luzomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi.

8.    Ukusizwa kwabantu eZimbabwe.

8.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukuba kusizwe abantu baseZimbabwe. Lokhu bekwenziwe ngenxa yesicelo esavela kuhulumeni waseZimbabwe kuNdasa 2019 becela usizo kulandela Isishingishani u-Idai esadala izikhukhula ezinkulu ezabhidliza ingqalasizinda sabulala nabantu.
8.2.    INingizimu Afrika, ngokusebenzisa Isikhwama Sokuvuselelwa kwe-Afrika kanye Nokusebenzisana Kwamazwe Omhlaba,  yathembisa ngezigidi ezingama-50 zamarandi zokusiza iZimbabwe. Nokho, ukuqubuka kobhubhane lwe-COVID-19 emhlabeni jikelele kubambezele ukuqala komsebenzi. 
8.3.    Ingxenye yokuqala yomsebenzi ongamasaka angama-450 000 empuphu eyi-12,5 kg azodluliselwa emindenini okulele ikati eziko kuyo yathunyelwa ngoSuku Lwe-Afrika ngoLwesibili, zingama-25 kuNhlaba 2021. 

B.    Izinqumo ZeKhabhinethi
1.    Uhlelo Lwenyanga Yentsha 


1.1.    IKhabhinethi ligunyaze uHlelo Lwenyanga Yentsha lowezi-2021 ngaphansi kwesiqubulo esithi: Unyaka ka-Charlotte Mannya Maxeke: Ukukhulisa ukuqashwa kwentsha ukuze kube nesizwe esibandakanyayo nesiguqukayo. Usuku Lwentsha ngomhla ziyi-16 kuNhlangulana luzobungazwa esiFundeni i-Harry Gwala  KwaZulu-Natali. Lo mcimbi uzobandakanya ukwethulwa koMsebenzi Wentsha Kamongameli futhi kukhishwe Isu Elididiyele Lokuthuthukiswa Kwentsha (2021-2023), okwenza uhlaka lokuqalisa ukukhula nokuthuthukiswa kwentsha eNingizimu Afrika. 
1.2.    Imisebenzi yenyanga kaNhlangulanga ehleliwe yokubungazwa kweNyanga Yentsha izokwenzeka ngaphansi kwemithetho yezempilo ye-COVID-19.

2.    Inqubekela phambili ngokungenelela kukahulumeni kazwelonke eNyakatho Kapa 

2.1.    IKhabhinethi lichazelwe ngenqubekela phambili eseyenzekile maqondana nokungenelela kukahulumeni kazwelonke kuHulumeni Wesifundazwe weNyakatho Kapa ngaphansi kwesigaba 100(1) soMthethosisekelo waseRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika we-1996. IKhabhinethi lithokozile inqubekela phambili enkulu yokuletha uzinzo eminyangweni yesifundazwe ebeyingaphansi kolawulo lukahulumeni.  
2.2.    Umbiko uzokwethulelwa iKomidi Lesikhashana loMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe ukuze liqhubeke nokuwulungisa. Ikomidi lizodingida lo mbiko uma indlu seyihleli mhla zingama-24 kuNhlangulana 2021. 

3.    Ukungenelela kuMasipala Wendawo waseMfuleni 

3.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukungenelela kukahulumeni kazwelonke ukuxazulula izinselele zamanzi nokulahlwa kwemfucuza umphakathi obhekene nakho ngaphansi koMasipala Wendawo waseMfuleni esiFundeni sase-Sedibeng e-Gauteng. Ukungenelela ngokweSigaba 63(2) soMthetho Wezemisebenzi Yamanzi, we-1997 (uMthetho 108 we-1997). 
3.2.    Isimo esibi sokubusa nokuphathwa kwezezimali kuMasipala Wendawo waseMfuleni sidale ukulungiswa ngokunganelisi kwengqalasizinda yamanzi nendawo yokulahlwa kwemfucuza. Lokhu kudale ukuqhubeka kokuchitheka kwemfucuza emiphakathini yasendaweni naseMfuleni i-Vaal okudale isimo ebesingabeka engcupheni impilo yabantu abahlala emakhaya ayizi-120 000 endaweni. 
3.3.    UMnyango Wezamanzi Nokulahlwa Kwemfucuza uyalelwe ukuba uqaphe lolu hlelo lokungenelela futhi ubikele iKhabhinethi ngokwenzekayo minyakayonke. IKhabhinethi liqhubeke nokumisa i-IMC ezobhekelela izinselele ezinkulu zamanzi omasipala abaningi ababhekene nazo. Imihlahlandlela yokusebenza kanye namalungu ale IMC kuzomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi.

C.    Imicimbi Ezayo 
1.    Uhambo Lukamongameli wase-France


1.1.    NgoLwesihlanu zingama-28 kuNhlaba 2021, uMhlonishwa uMongameli u-Emmanuel Macron weRiphabhulikhi yase-France wasingathwa wuMongameli Ramaphosa Ohambweni Lukamongameli eZindlini Zombuso ePitoli.
1.2.    UMongameli u-Macron obeqala ukuhambela eNingizimu Afrika ngokumenywa uMongameli uRamaphosa uhlose ukuqinisa ubudlelwano obumiswe ngokweqhingasu phakathi kwala mazwe womabili, okusekelwe yinqwaba yezivumelwano zamazwe ezindaweni ezinhlobonhlobo okusetshenziswana kuzo.
1.3.    Lolu hambo luzogxila ezinkingeni eziqondene nokungenelela komhlaba jikelele kwi-COVID-19 kanye nezomnotho, ezempilo, ucwaningo nezokukhiqiza kubhubhane olukhona kanye nokunye.
1.4.    Laba baholi bazophinde baxoxe ngokwandisa ukuhwebelana kanye namathuba otshalomali okuzohlomulisa la mazwe womabii. INingizimu Afrika iyizwe elihwebelana kakhulu ne-France e-Afrika ngesikhathi i-France iyizwe lesibili elihweba neNingizimu Afrika ngaphakathi kwamazwe okuhwebelanwa nawo ku-European Union.

2.    Uhambo LukaNdunankulu wase-Sudan 

2.1. UNdunankulu weRiphabhulikhi yase-Sudan, uDkt. Adballa Hamdok, ngokumenywa uMongameli Ramaphosa, uzohambela iNingizimu Afrika ngoLwesine, ziyi-17 kuNhlangulana 2021. 
2.2. Kulolu hambo, laba baholi ababili kulindeleke ukuba baxoxisane ngamasu okuthuthukisa ubudlelwane bamazwe amabili futhi kushintshisanwe ngemibono ngezimo izwekazi lethu elibhekene nazo. 

3.    Iqembu Likamongameli Lokufunda Izincwadi Ngohlelo Lwe-inthanethi 
3.1. IKhabhinethi limeme izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ukuba zijoyine umhlangano wesithupha weQembu Likamongameli Lokufunda Izincwadi Ngohlelo Lwe-inthanethi ngoLwesine, zingama-27 kuNhlaba 2021 kusukela ngo-16:30 kuya ku-18:30. Lo mcimbi uzokwenzeka nge-Zoom futhi ababambiqhaza abanentshisekelo bangabhalisela ukungena emhlanganweni ku-www.nrc.org.za. Kulo mhlangano kuzobe kuxoxwa ngencwadi ka-Frantz Fanon ekhuluma ngokuqedwa kokuqonelwa kwabantu izwe, ethi- The Wretched of the Earth. 
3.2. IKhabhinethi likhuthaze izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ukuba zeseke usiko lokufunda njengoba kuyikhono elisemqoka okwakhelwa kulo lonke uhlobo lokufunda futhi oluzodala amathuba okufinyelela kwamanye amathuba omsebenzi ofundelwe. 

D    Imiyalezo 
1.    Amazwi Okuhalalisa


IKhabhinethi lihalalisela laba abalandelayo: 

  • USolz. Pitika Ntuli, umbazi, umhayi wezinkondlo kanye nombhali waseNingizimu Afrika ohlomule ngendondo ebizwa ngokuthi i-"You-2", ongomunye wabantu ababili ababe emiklomelweni ebizwa ngokuthi i-People's Choice awards yemiKlomelo yaminyaka yonke ye-Global Fine Arts ebanjelwe e-Paris, e-France ebeyibanjwe okwesikhombisa. Indawo yemibukiso yobuciko i-Melrose Gallery yaseGoli esingathe imibukiso yomsebenzi wobuciko bamathambo bukaSolz. Ntuli, obubizwa ngokuthi Mazibuyele Emasisweni (Return to the Source).  
  • Incekukazi uMbhishobhu uNaledzani Sikhwari, emuva kokukhethwa njengoMbhishobhu wokuqala wesifazane webandla i-Northern Ciocese Evangelical Lutheran Church yaseNingizimu ne-Afrika emuva kweminyaka engamashumi ayisithupha amaBhishobhu besilisa. Ukuqokwa kumBhishobhu Sikhwari ukuze abe yinhloko yebandla elineminyaka engama-503 kuwuphawu lokulinganisa ngokobulili noguquko emphakathini.  
  • UNksz. Nolitha Fakude, emuva kokuqokwa njengoMongameli wesifazane wokuqala woMkhandlu Wezimbiwa eNingizimu Afrika eminyakeni eyi-131. IKhabhinethi lifisela uNksz. Fakude, ophinde abe wuSihlalo we-Anglo American South Africa, impumelelo yonke kulokho agxile kukho kokuqinisekisa ukuthi ukuvukuza kuba negalelo elihle lokukhulisa umnotho wezwe lethu.
     

2.    Amazwi enduduzo 

IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo emndenini nakubangani balaba abalandelayo: 

  • UMnu. Emmanuel Mojalefa ‘Mjokes’ Matsane, oshone engozini yemoto ngeSonto, zingama-23 kuNhlaba 2021, emuva kokucula eSoweto. Njengelungu leqembu le-Kwaito elalidle ubhedu, i-Trompies, ubeyingxenye yeqoqo labantu abaqhamuka nohlobo lomculo olwaluhlukile eNingizimu Afrika. 
  • USlz. Stanislaus (Stan) Skumbuzo Mzilankatha Sangweni (87), oshone ngoLwesibili, ziyi-18 kuNhlaba 2021. Wanikela impilo yakhe emzabalazweni wenkululeko futhi wachitha iminyaka engama-30 ekudingisweni ehlala emazweni ahlukene. Wabuye wasebenza njengoMqondisi oyibamba kwiKhomishana Yezomnotho wase-Afrika Lomhlabuhlangene futhi kwathi lapho ebuyela eNingizimu Afrika, waqokwa njengoSihlalo weKhomishana Yezemisebenzi Yomphakathi.
  • Uhulumeni nabantu base-Democratic Republic of Congo kulandela ukuqhuma kwentabamlilo e-Mount Nyiragongo ngoMgqibelo, zingama-22 kuNhlaba 2021. Kukholakala ukuthi kungenzeka babe yi-15 abantu abashonile futhi izinkulungwane zigcine zingasenamakhaya ngenxa yokuqhuma kwale ntabamlilo. 
  • Inxusa u-Ismael Coovadia, owayeyinxusa lakwa-Israyeli, elishone ngoMsombuluko, zingama-24 kuNhlaba 2021. Waba negalelo elikhulu emzabalazweni wenkululeko eNingizimu Afrika. 
     

E    Abaqashiwe 
Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.
1.    UNksz. Elizabeth Rhulani Ngwenya njengePhini LikaMqondisi-Jikelele (u-DDG): Ukuphathwa Kwemisebenzi eMnyangweni Wezokuvakasha. 
2.    Unksz. Irene Nomalungelo Mpolweni njengoMqondisi-Jikelele woMnyango Womakadebona Bezempi. 
Imibuzo: Nksz Phumla Williams – USomlomo WeKhabhinethi 
Iselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore