Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wamhla zingama-26 kuNhlangulana 2019

IKhabhinethi labamba umhlangano walo ngoLwesithathu, mhla zingama-26 kuNhlangulana 2019 e-Tuynhuys eKapa.

A. Izindaba Ezisematheni

1. Inkulumo Echaza Ngesimo Sezwe (i-SoNA) 

1.1.    I-SoNA yokuqala kaMongameli Cyril Ramaphosa yehlandla lokuphatha lesithupha lombuso wentando yeningi labantu, ebanjwe ngesonto eledlule, ikhuthaze futhi yafaka ugqozi kuzo zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika ukuthi zisebenzele ukufezekisa ikusasa elinempumelelo kumuntu wonke. I-SoNA yowezi-2019 iphendla indlela yokuqaliswa kokusebenza kwegunya elanikezwa iqembu elibusayo okhethweni ngabantu bakuleli.
1.2.    Lokhu kukubeka ngokucacile ukuthi ngokusebenzisana, sizozithuthukisa kanjani izimpilo zezakhamizi zaseNingizimu Afrika futhi sikhulise umnotho wezwe lethu, ngokubhekana ngqo nezinkinga ezilokhu ziqhubeke njalo zokuntuleka kwamathuba omsebenzi, ububha kanye nokungalingani. Isicelo sikaMongameli Ramaphosa sokuthi kube nesivumelwano esisha somphakathi wonkana sidinga ukuthi zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika zifake isandla futhi zisebenzisane ukunqoba izinselele esibhekene nazo njengezwe, futhi silikhulise ngamandla izwe lethu.
1.3.    Lokhu kubandakanya ukwelula nokukhulisa umkhakha wezimboni, ukuqinisa imboni yezimayini, ukweseka umkhakha wezolimo, ukukhulisa isibalo sentsha yakuleli enamakhono kanye nokwenza kube lula ukuthi zikwazi ukuvakashela kuleli izivakashi ezivela kwamanye amazwe. Njengezakhamizi zaseNingizimu Afrika, kumele siqhubeke nokukhuthaza izimboni zakuleli futhi sithenge imikhiqizo eyakhiwe kuleli.
1.4.    Umsebenzi onzima ozokwenziwa nguhulumeni wakhelwe phezu kwezinhlelo eziyisikhombisa eziseqhulwini ezizoqhutshwa nguhulumeni kule minyaka emihlanu ezayo, ukuze kuqaliswe ukusebenza koHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP) kanye nempokophelo yethu yokufinyelela kwiNhloso-mbono yowezi-2030. 
1.5.    Inkulumompendulwano nge-SoNA igqamise ukubaluleka kokuthi sivuselele umnotho futhi silungise izingxenye eziphukile ezinhlakeni zombuso ukuze siqalise ukusebenza kwegunya esalinikezwa okhethweni. Lokhu kuzoholela ekufinyeleleni kuNingizimu Afrika esiyifisayo, neNingizimu Afrika esiphupha ngayo njengoba lokhu kuqukethwe kwiNhloso-mbono yowezi-2030 ye-NDP. 
1.6.    IKhabhinethi linxusa bonke okubanjiswene nabo emphakathini, abamabhizinisi, abasebenzi, izinhlangano zomphakathi kanye nezinhlangano zezepolitiki, ukuthi baqinise imizamo yabo yokubambisana nokusebenzisana ukuze senze izwe lethu libe yindawo engcono kumuntu wonke futhi sibambe iqhaza ngokuhlanganyela ekusheshiseni ukukhula kwezwe. 

1.7.    Ngasohlangothini lwethu njengohulumeni, sizoyiqinisa ngokuphindaphindiwe imizamo yethu, ngokomyalelo esiwunikezwe nguMongameli, wokuthi kususwe izithiyo ezivimbela ukukhula komnotho wezwe futhi sihlinzeke izinhlaka zombuso ngezinsizakusebenza kanye namandla namakhono afanelekile ukuze zikwazi ukuhlinzeka abantu bakithi ngezinsizakalo abazidingayo. NgoNtulikazi, oNgqongqoshe bazokwethula izitatimende ZamaVoti Ezabelomali zabo ngokwahlukahlukana kwabo, lapho bezokwenaba khona kabanzi ngezinhlelo eziphathekayo futhi ezinohlonze ezizosetshenziswa ukufezekisa inhlosombono ebekwe nguMongameli phambi kwesizwe.   

2. Inyanga Yentsha 

2.1. INyanga kaNhlangulana, okuyiNyanga Yentsha, iyisikhumbuzo esikhulu seqhaza elabanjwa yintsha yakuleli ekwakheni izimo ezaholela enkululekweni yethu. I-SoNA kaMongameli ibeka ukukhula komnotho nokudalwa kwamathuba omsebenzi aqondiswe kubantu abasha emnyombweni womsebenzi ozokwenziwa nguhulumeni ngehlandla lokuphatha leSithupha, izwe lethu libuswa nentando yeningi labantu. UMongameli wabonisana futhi wafakana imilomo nabantu abasha abavela emikhakheni ehlukahlukene, kubandakanya labo abanokukhubazeka, intsha esemkhakheni wezamabhizinisi, emkhakheni wezobuciko nowezifundiswa ngaphambi kokwethula i-SoNA yakhe, ezingxoxweni ezabe zihlelwe wuPhiko Lukazwelonke Lokuthuthukiswa Kwentsha ngaphansi kwesiqubulo esithi: 
 "Iminyaka engama-25 yentando yeningi labantu - sibungaza ukushabasheka kwentsha". Lezi zingxoxo phakathi kukaMongameli nabantu abasha zaphinde zagcizelela ubunzima obulokhu buqhubeke njalo kanye nezinselele ebhekene nazo intsha yakuleli, ezidinga ukuthi uhulumeni wakuleli angenelele ngokuphuthumayo. 
2.2.    Maqondana nalokhu-ke sifisa ukuqinisekisa ukuthi izinhlelo zikahulumeni ezinhlobonhlobo, kubandakanya noHlelo Lwethuba Lesibili LoMnyango Wezemfundo Eyisisekelo, uPhiko Lukazwelonke Olubhekelela Izidingo Zentsha kanye nohlelo Lokuqashwa Kwentsha, zenza umsebenzi omkhulu impela ukulungiselela intsha yethu umsebenzi. 
2.3.    Kepha-ke noma kunjalo kumele siyiphindaphinde imizamo yethu njengezwe ekwakheni amathuba omsebenzi adingwa kakhulu ngabantu abasha bakuleli. Ukuze sikwazi ukwenza lokho kumele noma kanjani siqhamuke namaqhingasu nezinhlelo ezizokhulisa komnotho wezwe, njengoba siyalelwe nguMongameli. Siyazi ukuthi lokhu akuzukuba lula, siyazi ukuthi ngeke kube nezisombululo ezisheshayo zokuguqula umnotho wakuleli kodwa-ke siyazi futhi ukuthi lokhu kumele sikwenze ukuze kusizakale izwe lethu kanye nentsha yakuleli. 
2.4.    IKhabhinethi linxusa yonke imikhakha ukuthi ibonele kuMongameli bese ibonisana ngenkuthalo nabantu abasha ukuze kusetshenziswane ekutholeni izisombululo eziphathekayo ezinselelweni ababhekene nazo. Nathi sizoyidlala eyethu indima ekuthuthukiseni ukusebenza komnotho wezwe ukuze sakhele abantu abasha bakuleli amathuba omsebenzi.

3.  Ukuhlelwa kabusha kukahulumeni 

3.1. Abantu baseNingizimu Afrika bathwese uhulumeni wehlandla lokuphatha lesithupha umsebenzi wokusheshisa ukukhula komnotho obandakanyayo, ukuthatha izinyathelo eziphuthumayo zokulwisana nobubha, ukuthuthukisa imisebenzi kahulumeni, ukulwisana nenkohlakalo nokuqeda ukubanjwa kombuso ngobhongwane.
3.2. IKhabhinethi liyakuqinisekisa ukuthi ukuhlelwa kabusha kukahulumeni okubanzi kuzothuthukisa futhi kuqinisekise ukuthi wenziwa ngendlela efanele umsebenzi wokuhlinzekwa kwabantu bakuleli ngezinsizakalo ngokuthi kwakhiwe uhulumeni osebenza ngendlela eshelelayo, ehambelanayo futhi ngobunyoninco, obhekana kangcono nezidingo zabantu baseNingizimu Afrika. 

4. Izivumelwano zohwebo
4.1    IKhabhinethi likwamukele ukusayinwa kwezivumelwano ezingama-93 phakathi kwabahlinzeki bempahla baseNingizimu Afrika kanye nezinkampani zase-China, okuyizivumelwano zokuthengwa kwemikhiqizo yakuleli ukuze ithunyelwe kwelase-China, ezilinganiselwa kwinani elingamabhiliyoni angama-27 amarandi, futhi lokhu kuzoqinisa ukukhula komnotho kanye nokwakhiwa kwamathuba omsebenzi. 

Ngaphezu kwalokho, esinye sezivumelwano ezisayiniwe kube yisivumelwano sotshalomali esifaka phakathi notshalomali lwe-Beijing Auto Industrial Cooperation oluzofakwa efemini eyakha izimoto esizindeni sokuthuthukiswa kwezimboni sase-Coega. Lolu wutshalomali lokwakhiwa kwezimoto eNingizimu Afrika ezakhelwa abathengi baseNingizimu Afrika kanye nezimoto ezizothunyelwa emazweni angaphandle. Lezi zivumelwano ziyingxenye yezibophezelo zotshalomali ezaphuma esivumelwaneni sobambiswano esikhethekile esibanzi sowezi-2010 esisebenzayo njengamanje, kanye nezibophezelo ezinkulukazi zotshalomali eziyisishiyagalombili ezenziwa eSigungwini Sokubambisana kwe-China ne-Afrika.

5. Izibalo-manani zemisebenzi zekota yonyaka

5.1.    Kuleli viki eledlule, uPhiko Lwezibalo-manani lwaseNingizimu Afrika (i-Statistics South Africa) lukhiphe imiphumela yoCwaningo Lwezemisebenzi Olwenziwa Njalo Ngekota Yonyaka, okuwucwaningo oluqondene nekota yokuqala yowezi-2019. 
5.2.    Imiphumela ibonisa ukukhuphuka kwenani lemisebenzi ngezi-22 000 (+0.2%) lisuka kwizi-10 152 000 layofinyelela kwizi-10 174 000 emkhakheni ohlelekile wamabhizinisi angewona awezolimo. Imbangela enkulu yalokhu kube wukukhuphuka kwenani lemisebenzi ezimbonini ezilandelayo: imisebenzi yomphakathi, izimayini nezinkwali, ezokukhiqiza nemisebenzi yezamabhizinisi.
5.3.    Isibalo sokuqashwa kwabantu uma sesisonke sikhuphuke ngezi-76 000 noma u-0,8% ngonyaka nonyaka phakathi kukaNdasa 2018 noNdasa 2019.  
5.4.    IKhabhinethi likuphawulile lokhu kuthuthuka kwamanani emisebenzi kodwa likholelwa ekutheni usemningi impela umsebenzi okumele wenziwe ekuthuthukiseni ukusebenza kwayo yonke imikhakha yomnotho wezwe kanye nokwakha amathuba omsebenzi adingeka kakhulu kuleli. Ngenxa yalokhu iKhabhinethi lizimisele ukusebenzisana nayo yonke imikhakha ehlukahlukene yaseNingizimu Afrika kubandakanya nomkhakha ozimele.

6. Isikhathi Sokuqoqwa Kwentela

6.1.    Ingeniso-mali etholakala ekukhokhweni kwentela iyaqinisekisa ukuthi uhulumeni unamandla okuhlinzeka ngezinsizakalo ezidingeka kakhulu kanye nezibonelelo zomphakathi kwizigidigidi zemiphakathi eswele. 
6.2.    IKhabhinethi likhuthaza izakhamizi zaseNingizimu Afrika ukuthi zigcwalise futhi zithumele amafomu azo esikhathi sentela sowezi-2018/19. Ukuqoqwa kwengeniso-mali yentela ngokufanele nangobunyoninco kwenza uhulumeni akwazi ukuqinisekisa ukuzimela kwaleli lizwe ngasezimalini. 
6.3.    Abakhokhintela ababhaliswe ohlelweni lokuthunyelwa kwamafomu entela ngohlelo-xhumano lwe-inthanethi (i-eFiling) noma ababhaliselwe ukusebenzisa i-MobiApp yoPhiko Oluqoqa Intela lwaseNingizimu Afrika (i-SARS  sebangawathumela amafomu abo entela kusukela mhla lu-1 kuNtulikazi 2019. Izakhamizi zaseNingizimu Afrika ezihola imali engaphansi kwezi-R500 000 ngonyaka futhi ezingena ngaphansi kwesigaba esithile, akudingeki ukuthi zithumele amafomu entela.

7. Ukulwisana nobugebengu

7.1.    IKhabhinethi lizwakalise ukukhathazeka kwalo ngokubulawa kwamaphoyisa osekuyinsakavukela umchilo wesidwaba. NgoMandulo 2018, angama-28 amaphoyisa okwabikwa ukuthi abulewe. Kusukela ekuqaleni kowezi-2019, angama-26 amaphoyisa abulewe.  
7.2.    Izigameko zakamuva ezenzekile kubulawe uSayitsheni Zephania Dladla, u-Constable Nomasonto Mhlanga kanye no-Constable Nhlamulo Vukeyi. IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo emindenini yabo, abangani nozakwabo.
7.3.    IKhabhinethi likugxeka kakhulu lokhu kuhlaselwa nokubulawa kwamaphoyisa, ngoba phela abeka izimpilo zawo engcupheni ukuze avikele imiphakathi yakuleli. Sonke kumele sisebenzisane nezimpiko zokuqinisekisa ukuthotshelwa komthetho ukuze kuqinisekiswe ukuthi abenzi balobu bugebengu obunyantisayo bayaboshwa futhi babhekane nengalo yomthetho ngokugcwele. 
7.4.    IKhabhinethi lincoma uhlelo lwezobulungiswa olukwazile ukuqinisekisa ukuthi kulo nyaka nje kuphela, eziyisishiyagalolunye zalezi zelelesi   zigixatshezwe  ngesigwebo sikadilika-jele. 

8. Isigameko sokudubulana emngceleni wase-Mozambique

8.1.    IKhabhinethi likuphawulile ukuthi uhulumeni waseNingizimu Afrika usethumele ithimba elisezingeni eliphezulu e-Mozambique kulandela isigameko sokudubulana lapho kuphangalale khona amaphoyisa amabili ase-Mozambique emngceleni ophakathi kwe-Mozambique nesifundazwe saKwaZulu-Natali.  
8.2.    Leli thimba lakhiwe ngamalungu oMbutho Wamasosha aseNingizimu Afrika (i-SANDF) noMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS), futhi bazobamba umhlangano nozakwabo base-Mozambique. Baholwa yiNhloko Yemikhankaso Ebanjwa Ngokuhlanganyela ye-SANDF u-Lieutenant-General Barney Hlatshwayo kanye nePhini likaKhomishana Kazwelonke we-SAPS u-Lieutenant-General Sehlahle Masemola.
8.3.    Leli thimba lithweswe umsebenzi wokuthola amaqiniso ngokwenzeke esigamekweni sokudubulana. Kulindeleke ukuthi, phakathi kokunye, baxoxisane nethimba elizokwenza uphenyo ngokuhlanganyela phakathi kwe-Mozambique neNingizimu Afrika.
8.4.    IKhabhinethi linxusa ukuthi bonke abantu baseNingizimu Afrika balindele isiphetho nemiphumela yalolu phenyo olwenziwa ngokuhlanganyela. Sisalokhu sizibophezele ekusebenzisaneni nohulumeni wase-Mozambique njengomakhelwane wethu omuhle ukuze sithuthukise inhlalakahle yazo zonke izakhamizi zethu. 

9. INgqungquthela Yenhlangano Yamazwe Ngamazwe Yezabasebenzi 

9.1.    IKhabhinethi liyakwamukela ukubamba iqhaza kukaMongameli Ramaphosa  esigcawini se-108 (Ikhulunyaka) seNgqungquthela Yenhlangano Yamazwe Ngamazwe Yezabasebenzi eyabanjwa phakathi komhla ziyi-10 kuya kumhla zingama-21 kuNhlangulana 2019. UMongameli wethula ngokusemthethweni phambi kwengqunguthela umbiko weKhomishana Yomhlaba Jikelele maqondana neNgomuso Lemisebenzi, abengusihlalo kulo ngokubambisana noNdunankulu wase-Sweden, uMhlonishwa u-Stephan Lofven.
9.2.    UNgqongqoshe Wezokuqashwa kanye Nezabasebenzi, uMnu Thulas Nxesi, wayephelezele uMongameli futhi wahola ithimba elakhiwe yizinhlaka ezintathu elabamba iqhaza emakomidini engqungquthela ahlukahlukene kanye nasezingxoxweni zikakhukhulelangoqo ezadingida umbiko kaMqondisi-Jikelele weNhlangano Yamazwe Ngamazwe Yezabasebenzi.
9.3.    Imiphumela ebalulekile yengqungquthela ibandakanya iSitatimende Sekhulu-nyaka esisemthethweni samazwe angamalungu. Ngaphezu kwalokho, ingqungquthela yamukele iSivumelwano esisha Sokulwisana Nodlame Nokuhlukumezeka Emsebenzini esakhelwe ukuthuthukisa nokwenza ngcono ukuvikelwa kwabasebenzi ababuthaka futhi abadinga ukubhekelelwa. Le miphumela ibalulekile ekumiseni imiklamokulinganisa yamazwe ngamazwe kanye nemihlahlandlela yokugqugquzela kanye nokuvikela amalungelo namazinga-mgomo abasebenzi. 

B. Izinqumo ZeKhabhinethi

1. INgqungquthela Ekhethekile ye-12

1.1.    IKhabhinethi lethulelwe umbiko ngeNgqungquthela Ekhethekile ye-12 yokwethula isigaba sokuqaliswa kokusebenza kweSizinda Sokuhwebelana Mahhala Kwamazwe Ezwekazi lase-Afrika (i-AfCFTA) kanye noMhlangano Odidiyele Wokuqala Wamaphakathi Nonyaka weNhlangano Yamazwe ase-Afrika (i-AU) kanye neziNhlangano Zezomnotho ZeZifunda (ama-REC). 
1.2.    UMongameli Ramaphosa kuhlelwe ukuthi ahole izithunywa ezizomela iNingizimu Afrika uma sekubanjwa iNgqungquthela Ekhethekile ye-12 mhla ziyisi-7 kuNtulikazi 2019 e-Niamey, kwelase-Niger.  
1.3.    INingizimu Afrika izothatha izintambo njengoSihlalo we-AU esikhathini esimqoka kakhulu lapho izwekazi lizobe liqalisa ukusebenza kwe-AfCFTA, ezokwenza i-Afrika ibe yimakethe yamazwe ahwebelana mahhala enkulukazi emhlabeni. I-AfCFTA izofukula futhi ikhuthaze uhwebo lwangaphakathi e-Afrika, ivuselele izimboni, futhi iphendle indlela ekudidiyelweni okunohlonze kwe-Afrika ezinhlelweni zamazwe ngamazwe zochungechunge lwemisebenzi yokukhiqizwa nokulungiswa kwempahla kanye nasemnothweni womhlaba jikelele.
1.4.    INingizimu Afrika isalokhu izibophezele ku-Ajenda ye-Afrika, futhi iyakweseka ukudidiyelwa kwesifunda kwezomnotho kanye nakwezepolitiki. Lokhu kubandakanya ukuqinisa ukusebenza ngendlela ehambelanayo phakathi kweKhomishana ye-AU nama-REC ukuze kufezekiswe intuthuko esimeme, kwizwekazi lase-Afrika elinokuthula kanye nozinzo njengoba lokho kulindelekile ngokuyalela kwe-Ajenda 2063. 
1.5.    INingizimu Afrika izibophezele ngokuphelele enqubweni ye-AfCFTA ngenxa yokubaluleka kwayo ekudidiyelweni komnotho wezwekazi lase-Afrika kanye nokubaluleka kwayo ohlelweni lokuthuthukiswa kweNingizimu Afrika.

2. UKhetho Lomasipala lowezi-2021

2.1.    Ukuze kulungiselelwe uKhetho loMasipala lowezi-2021, iKhabhinethi seligunyaze ukusungulwa kweKomidi loNgqongqoshe Abahlukahlukene (i-IMC) eliqondene noKhetho loMasipala, kanye nesigungu songoti bomsebenzi abazoleseka. 
2.2.    UKhetho Lomasipala lowezi-2021 luzoba wukhetho lwehlandla lesihlanu selokhu izwe labuswa ngentando yeningi labantu. I-IMC izosebenzisana neKhomishana yoKhetho Ezimele kanye nezinye izinhlaka ezifanele ekuqinisekiseni ukuthi inqubo ebheke okhethweni lohulumeni bezindawo ihamba kahle.  
2.3.    Amalungu e-IMC kuzoba ngoNgqongqoshe abalandelayo: Owezokubusa Ngokubambisana Nezamasiko (uSihlalo); Owezasekhaya; Owezobulungiswa Nokuhlunyeleliswa Kwezimilo; Owezezimali; Owezokuvikelwa Kwezwe kanye noNgqongqoshe Wehhovisi LikaMongameli.   Ithimba Longoti Bomsebenzi Elizokweseka ikomidi kuzoba ngabaQondisi-Jikelele abaphuma kuyo le minyango. 

C.  Imicimbi Ezayo

1. INgqungquthela  Yabaholi Bamazwe Angamashumi Amabili (i-G20)
1.1.    UMongameli Ramaphosa uhola ithimba lezithunywa zaseNingizimu Afrika - elibandakanya uNgqongqoshe Wezobudlelwano Namazwe Omhlaba Nokubambisana, uDkt Naledi Pandor; uNgqongqoshe Wezezimali, uMnu Tito Mboweni, noNgqongqoshe Wezohwebo Nezimboni, uMnu Ebrahim Patel - abazobamba iqhaza eNgqungqutheleni Yabaholi ye-G20 yowezi-2019.
1.2.    UMongameli Cyril Ramaphosa uzophinde ahole ithimba lezikhulu zikahulumeni kanye nabaphathi abakhulu bamabhizinisi baseNingizimu Afrika ezingxoxweni ezizobanjwa nabaphathi abakhulu bamabhizinisi base-Japan. Ngalezi zingxoxo kuhloswe ukuqwashisa ngamathuba ezohwebo nokutshala izimali akhona eNingizimu Afrika, nokwehlisa amaphaphu ngokukhathazeka okungenzeka babe nakho osomabhizinisi base-Japan abafisa ukutshala izimali kuleli, kanye nokuhlonza nokuthuthukisa ukuhwebelana okungase kube khona namathuba otshalomali.  
1.3.    Izingxoxo zibanjwa ngokuhlanganyela noMkhandlu Wezamabhizinisi Wezivumelwano Zamazwe Ngamazwe (i-BCIU), okuyinhlangano yezamabhizinisi ephuma phambili yaseMelika, kanye neNhlangano Yezohwebo Lwangaphandle Lwase-Japan (i-Jetro). 
1.4.    Ngenkathi kubanjwa lezi zingxoxo, amehlo azobe ebheke phambili emcimbini ozokwenzeka khona maduze nje, okulindeleke ukuthi uqhutshwe ngenkathi kubanjwe iNgqunquthela Yamazwe Ngamazwe yase-Tokyo Eqondene Nokuthuthukiswa Kwe-Afrika (i-TICAD) mhla zingama-28 kuze kube  ngumhla zingama-30 kuNcwaba e-Yokohama, kwelase-Japan.  Izwe lase-Japan liyizwe elikleliswe endaweni yesihlanu ohlwini lwamazwe athenga kakhulu impahla yaseNingizimu Afrika futhi liyingelesishiyagalolunye empahleni engena kuleli.
1.5.    Ukubamba iqhaza kweNingizimu Afrika kuholwa yizinsika ezilandelayo ezisemqoka: Ukugqugquzela izimfuno-sidingo zezwe ngenhloso yokufezekisa izinjongo zangaphakathi kuleli; Ukuthuthukisa i-Ajenda ye-Afrika kanye nokugqugquzela intuthuko esimeme kwelase-Afrika; Ukudlala indima ebonakalayo ezivumelwaneni zamazwe ngamazwe nobambiswano; kanye nokukhuthaza i-ajenda yeNingizimu Afrika ngokuqinisa uBambiswano Nokusebenzisana kwamazwe aseNingizimu (South-South Cooperation) kanye neziNgxoxo phakathi kwamazwe aseNyakatho nawaseNingizimu (North-South Dialogue). 

2.  Inyanga Yokuhlonipha uMandela

2.1.    Njengoba sibheke eminyakeni eyishumi yokubungaza uSuku luka-Nelson Mandela Lomhlaba Wonke ngoNtulikazi, iKhabhinethi linxusa zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika ukuthi zisebenzise le nyanga ukuqhuba umlando omuhle kaMadiba, ngaphansi kwesiqubulo esithi: "Thatha Isinyathelo, Khuthaza ushintsho, Yenza usuku nosuku kube wuSuku lukaMandela" , ngokuhlanganyela ekulwisaneni nobubha. 
2.2.    Abantu baseNingizimu Afrika bangabamba iqhaza ngokuba yizakhamizi eziyizishabasheki ngokuhlanganyela nemiphakathi yazo nezinhlangano ezahlukene ezizoqhuba izinhlelo zokuqeda indlala nokungabi nezindawo zokufihla amakhanda, zakhe imiphakathi ephephile futhi ziqinisekise ukuthi izingane ziyakwazi ukuthola imfundo. 
2.3.    Sonke masibambe iqhaza kulolu hlelo lomhlaba wonke oluqanjwe ngegama lomunye  wabaholi abayizingqalabutho zezwe lethu futhi sakhe izinhlelo ezinohlonze ezizoqhubeka ngale kwenyanga kaNtulikazi. Masithathe isinyathelo, sikhuthaze ushintsho futhi senze usuku nosuku kube wusuku lukaMandela.

D. Imiyalezo

1. Amazwi Enduduzo
1.1.    IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo kubo bonke abashonelwe ngamalungu emindeni nabangani esibhicongweni sezingozi zomgwaqo. Kusukela engozini eyenzeke emgwaqeni u-R81 eMaphalle, eLimpopo edlule nemiphefumulo eminingi yabantu abasha, kuye ezinhlekeleleni zemigwaqo ezilokhu zihlangabezana nazo izakhamizi zaseNingizimu Afrika kulo lonke izwe. IKhabhinethi linxusa bonke abasebenzisi bomgwaqo ukuthi bayihloniphe imithetho yomgwaqo, edinga ukuthi siqaphele futhi sibacabangele nabanye abantu abasebenzisa umgwaqo. 

2. Ukuhalalisa

IKhabhinethi lincome laba abalandelayo:
2.1.    Iqembu lesizwe lebhola likanobhutshuzwayo labesifazane, iBanyana Banyana, ngokundizisela ifulegi lezwe phezulu ngenkathi lingena okokuqala ngqa kuNdebe yoMhlaba Yebhola Likanobhutshuzwayo ye-Fifa. 
2.2.    UMnu Botha Msila, umlandeli wezemidlalo waseNingizimu Afrika, okwazile ukufika ngesikhathi eGibhithe ukuze abone ukuqala koMqhudelwano weNdebe Yamazwe Ase-Afrika yowezi-2019. UMnu Msila, ohambe yonke le ndlela elokhu ecelwa ukugitsheliswa mahhala esuka eKapa, ugcine esizwa ngumsakazi wezemidlalo, 
uMnu Robert Marawa, ukuthola indiza esuka e-Kenya iya e-Cairo ukuyosekela iBafana Bafana.
2.3.    Umculi waseNingizimu Afrika nombhali wamaculo uNksz Sho Madjozi, odle umhlanganiso ngokunqoba iNdondo Yezobuciko i-Best New International Act Award emcimbini wezindondo ze-BET wezi-2019 e-Los Angeles, kwelase-USA. 
2.4.    Iqembu labafundi abayisithupha baseNingizimu Afrika abenza iziqu ze-undergraduate (baseNyuvesi yaseKapa neNyuvesi yase-Witwatersrand) abadle umhlanganiso emqhudelwaneni namaqembu ayi-13 eNgqungqutheleni ye-Supercomputing Yamazwe Ngamazwe e-Frankfurt, kwelase-Germany. 
Leli qembu belingaphansi kweso lesizinda i-Centre for High Performance Computing soMkhandlu Wocwaningo Lwezesayensi Nezezimboni, okuwuhlelo loMnyango Wezemfundo Ephakeme, Ezesayensi Nobuchwepheshe, futhi lungolunye lwezinsika ezintathu zaseNingizimu Afrika zohlelo lwengqalasizinda yezobuchwepheshe bamakhompyutha.
2.5.    Ama-Junior Springboks, abonise ukuzabalaza nokuphikelela okukhulu okuholele ekutheni agcine enqobe indondo yethusi eMqhudelwaneni Wamazwe Ngamazwe Webhola Lombhoxo Wabaneminyaka Yobudala Engaphansi Kwama-20.
IKhabhinethi lifisele abalandelayo okumhlophe kodwa:
2.6.    Iqembu lesizwe labesilisa, iBafana Bafana, eMqhudelwaneni Wendebe Yamazwe ase-Afrika wezi-2019 obanjelwe kwelase-Egypt.
2.7.    Iqembu lesizwe lebhola lomnqakiswano, ama-Proteas, ngenkathi lidlana imilala namanye amazwe ayingxenye yomqhudelwano weNdebe Yomhlaba Yebhola Lomnqakiswano ozobanjelwa e-Liverpool, e-England, kusukela ngomhla ziyi-12 kuze kube ngumhla zingama-21 kuNtulikazi 2019. Iqembu lesizwe lebhola lomnqakiswano njengamanje lisendaweni yokuqala ohlwini lwamazwe ase-Afrika futhi likleliswe endaweni yesihlanu ohlwini lwamazwe omhlaba. UNgqongqoshe Wezemidlalo, Ezobuciko Namasiko, uMnu Nathi Mthethwa, uphelezele ama-Proteas ukuyoweseka futhi kusenjalo amukele ukudluliswa kwezintambo njengoba iNingizimu Afrika ilungiselela ukusingatha umqhudelwano weNdebe yoMhlaba Yebhola Lomnqakiswano ozobanjwa ngowezi-2023.

Imibuzo: Nkz Phumla Williams, iBamba Lomkhulumeli WeKhabhinethi 
Iselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore