Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wamhla zingama-20 kuLwezi 2019

Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi owabanjwa ngoLwesithathu mhla zingama-20 kuLwezi 2019 e-Tuynhuys eKapa

A.  Izindaba Ezisematheni
1. INgqungquthela Yotshalomali yaseNingizimu Afrika (i-SAIC)


1.1.  IKhabhinethi lixoxile ngemiphumela emihle ye-SAIC kanye neSithangami Sotshalomali sase-Afrika (i-AIF), okuyizingqungquthela ezabanjwa kusukela mhla ziyisi-5 kuya kumhla ziyisi-7 kuLwezi kanye nomhla ziyi-11 kuya kumhla ziyi-13 kuLwezi, ngokulandelana.
1.2. Izithembiso zotshalomali olulinganiselwa kumabhiliyoni angama-363 amarandi zamenyezelwa ku-SAIC yesibili yeNingizimu Afrika, kanti futhi ku-AIF kwamenyezelwa utshalomali olulinganiselwa kumabhiliyoni angama-40 amadola aseMelika. Lokhu kuyaphinda futhi kubonisa ukwethenjwa okukhulu komnotho waleli lizwe. 
1.3. Isikhondlakhondla senkampani ekhiqiza iphepha, i-Sappi, kanye nesikhondlakhondla senkampani ephisa ubhiya, i-Heineken, ngezinye zezinkampani ezathembisa ukuthi zizofaka utshalomali olungamabhiliyoni ngamabhiliyoni amarandi kuleli. Ngonyaka odlule, ingqungquthela yotshalomali yokuqala yathola izithembiso zotshalomali olubalelwa kumabhiliyoni angama-300, okuyizithembiso ezabe zivela enkampanini eyisikhondlakhondla kwezokuqhutshwa kwebhizinisi nge-inthanethi, i-Amazon kanye ne-Aspen Pharmacare, ngokunjalo futhi nenkampani yezobuchwepheshe ezinze kwelase-Rwanda, i-Mara Corporation, phakathi kwezinye izinkampani eziningana. Zonke lezi zithembiso ziyaqhubeka nokubonisa ngokusobala ukuthi uMongameli Cyril Ramaphosa usalokhu eqhubeke njalo emgudwini wokuheha utshalomali olungamathriliyoni angu-1,2 amarandi kule minyaka emihlanu ezayo. 
1.4. Kuleli viki eledlule, isiZinda Esikhethekile Sezomnotho (i-SEZ) Sokukhiqiza Izimoto saseTshwane simemezele utshalomali okulindeleke ukuthi lufake imali engamabhiliyoni angu-3,6 amarandi futhi luvule namathuba omsebenzi lapho kuzoqashwa ngqo abantu abayizi-6 700. Inkampani i-Ford SA, ezosebenzela kule-SEZ, ihlela ukukhulisa umkhiqizo weveni layo lohlobo lwe-Ranger usuka ezimotweni ezingama-520 ngosuku ufinyelele ezimotweni ezingama-720 ngosuku, okuyizimoto ezikhiqizelwa ukuthengiswa emazweni angaphandle kanye nakuleli. Inkampani yase-Japan, i-Isuzu, nayo isimemezele utshalomali olungamabhiliyoni angu-1,2 amarandi oluzofakwa enkampanini yayo ezinze e-Port Elizabeth, futhi lokhu kuyinto ezokhuthaza futhi isimamise umnotho waseMpumalanga Kapa.
1.5. IKhabhinethi libabonge kakhulu bonke abatshalizimali kanye nababambiqhaza bale ngqungquthela yesibili ebe yimpumelelo enkulu. Ngokusebenzisana, singayiqhubekisela phambili iNingizimu Afrika. 

2. INgqungquthela yoNgqongqoshe base-Afrika Yezemvelo (i-AMCEN)

2.1. IKhabhinethi liyakuthokozela ukuqokwa kukaNgqongqoshe Wezemvelo, Ezamahlathi kanye Nezokudoba, u-Barbara Creecy, njengoSihlalo we-AMCEN kule minyaka emibili ezayo. 
2.2. INingizimu Afrika ithathe izintambo njengosihlalo we-AMCEN engqungqutheleni ebanjwa kabili ngonyaka ebisingathelwe edolobheni laseThekwini, Kwazulu-Natali kusukela mhla ziyi-11 kuya kumhla ziyi-15 kuLwezi 2019. Lesi yisithangamu esisemqoka lapho oNgqongqoshe base-Afrika benza khona amaqhingasu okuqinisekisa ukusimama kwezilwane nezitshalo zemvelo eziyinsada kuleli zwekazi lase-Afrika. Lesi sithangamu siyalilekelela futhi leli zwekazi ukuthi likwazi ukuvumelana ngezimo ezifanayo okuzoxoxiswana ngaphansi kwazo ezithangameni zamazwe ngamazwe njengeNgqungquthela YeNhlangano Yezizwe Yokuguquguquka Kwesimo Sezulu yehlandla lama-25 (i-COP25) ezobanjelwa e-Madrid, kwelase-Spain, kusukela mhla zi-2 kuze kube ngumhla ziyi-13 kuZibandlela 2019.  

3. INgqungquthela ye-Brazil, Russia, India, China, neNingizimu Afrika (i-BRICS)

3.1. IKhabhinethi liyayamukela imiphumela yeNgqungquthela ye-BRICS yehlandla le-11 ebibanjelwe e-Brasilia, kwelase-Brazil ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Ukukhuliswa Komnotho ngenhloso yokuqinisekisa Ingomuso Eligxile Ekuqanjweni Kwezinto Ezintsha”. 
3.2. UMongameli Ramaphosa kanye nabanye abaholi be-BRICS baphinde futhi bafakana imilomo noMkhandlu Wezebhizinisi we-BRICS ngenhloso yokuqinisa nokugqugquzela ubudlelwano bokusebenzisana kwezomnotho, ezohwebo, ezebhizinisi nakwezotshalomali, phakathi kwamalungu e-BRICS. IKhabhinethi liyakuthokozela ukwamukelwa ngokusemthethweni kweSimemezelo Sengqungquthela ye-BRICS yiziNhloko Zemibuso.  
3.3.  Lesi simemezelo sibandakanya ukuzibophezela ekulwisaneni nomkhuba wokubhala ama-invoyisi abonisa inani elingaphansi kwenani loqobo elikhokhelwe izimpahla ezithengwe emazweni angaphandle, futhi sibandakanya nezinyathelo zokukhuthaza imfuno-sidingo yezimpahla emhlabeni wonke jikelele kanye nokukhulisa umnotho. Lesi simemezelo siqinisa futhi nemizamo yokwelula nokuthuthukisa ubambiswano lwethu ezihlokweni ezibandakanya ukufakwa kotshalomali emabhizinisini aqhutshwa ngobuchwepheshe be-inthanethi ngokunjalo futhi nasemabhizinisi asafufusa.  
3.4.    Ubulungu beNingizimu Afrika ku-BRICS bubeka leli lizwe emgudwini okhethekile ophokophele ekukhulisweni kohwebo, utshalomali, ezokuvakasha ukucijwa nokuhlonyiswa, amakhono kanye nokuhlinzekwa kobuchwepheshe, okuyizinto ezisemqoka kakhulu emshikashikeni wethu wokubhekana ngqo nezinselele ezintathu, okuwukuntuleka kwamathuba omsebenzi, ububha kanye nokungalingani. 

4. Iminyaka engama-25 Yenkululeko

4.1. IKhabhinethi liyakwamukela ukwethulwa kombiko Wokubuyekeza Weminyaka engama-25, owumphumela wokubonisana okubanzi okwenziwe ezweni lonkana kanye nasezwekazini lase-Afrika. Lo mbiko ubonisa izimpumelelo kanye nezinto ezizuziwe ekubuyiseni isithunzi sabantu bakuleli kanye nokuqinisekisa ukuthi bayazithola izinsiza eziyisisekelo. 
4.2. Ezinye zezinto ezifezekisiwe zibandakanya ukuhlinzekwa kwabantu bonke ngemfundo eyisisekelo, ukukhuliswa kwesibalo sabafundi abangena emkhakheni wemfundo ephakeme, ukutholakala kosizo lwezempilo lwamahhala emkhakheni kahulumeni kanye nokuhlinzekwa kwezibonelelo zikahulumeni. Nakuba sikwazile ukwenza le nqubekelaphambili enkulu kangaka, umnotho wethu awukaguquki ngokuphelele ukuze ukwazi ukusebenzela bonke abantu bakuleli. Futhi, luncane kakhulu uguquko olubonakalayo esimweni sokuhlaliswa kwabantu, okuyisimo esabe sikhuthaza ukuhlaliswa kwabantu ngokwehlukana ngaphansi kwenqubo yobandlululo.
4.3. Lo mbiko uncoma ukuthi leli lizwe lakhele phezu kwezimpumelelo ezizuziwe kuleli lizwe elibuswa ngentando yeningi labantu kule minyaka engama-25 edlule, ikakhulukazi ekuletheni uguquko olunohlonze emnothweni wezwe ngokunjalo futhi nasesimweni sokuhlaliswa kwabantu kuleli. Lo mbiko uyatholakala kuwebhusayithi yoMnyango Wezokuhlela, Ukuqapha Nokuhlola: www.dpme.gov.za.

5. Ukuphathwa nokulawulwa kwezinhlekelele 

5.1. IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo kanye nokuzwelana kwalo nemindeni yabantu bakuleli abayi-14 abashone ngenxa yezikhukhula zakamuva ebezihlasele isifundazwe saKwaZulu-Natali futhi libafisela ukwelulama okusheshayo bonke abalimele.
5.2. Uphiko Lwezokuphathwa Nokulawulwa Kwezinhlekelele lumatasa nemizamo yokubhekana nomonakalo omkhulukazi odalwe wukuhlasela kwenkanyamba ecekele phansi ingqalasizinda yomphakathi futhi ekhahlameze amakhaya angaphezu kwama-798 e-New Hanover kanye nase-Bergville, KwaZulu-Natali. 
5.3. Abantu baseNingizimu Afrika bayanxuswa ukuthi bahlale beqaphile futhi bathathe izinyathelo zokuziphephisa njengoba busekhona ubungozi bezimvula ezinkulu kanye nokuduma kwezulu okunamandla ezingxenyeni ezithile zezwe.

6. Inkampani yakwa-Eskom

6.1. IKhabhinethi liyakweseka ukuqashwa kukaMnu Andre de Ruyter njengoMphathi Omkhulu (u-CEO) omusha wenkampani yakwa-Eskom. Ukuqashwa kuka-CEO ozosebenza unomphela kuyisinyathelo sokuqala esisemqoka ekuqiniseni u-Eskom, nokubhekana ngendlela enohlonze nezinselele eziphathelene nokuphatha nokulawula kanye nokuphathwa kwezimali enkampanini yakwa-Eskom, okuyinto ezoqinisekisa uzinzo ekuhlinzekeni nokuphakela isizwe ngogesi.
6.2. UMnu de Ruyter njengamanje ungu-CEO wenkampani yokupakisha izimpahla i-Nampak. Useke wabamba izikhundla eziphezulu kwezomthetho, ezokukhangisa kanye nezokuqhutshwa komsebenzi enkampanini yakwa-Sasol eNingizimu Afrika, e-Germany kanye nase-China – futhi isikhundla agcine esiphethe kwa-Sasol eNingizimu Afrika ngesoMphathi Ophakeme Wemisebenzi Eyenziwayo Enkampanini. 
6.3. UMnu de Ruyter ungena kulesi sikhundla namava kanye nolwazi olunzulu aluzuze emazweni ngamazwe; futhi unesipiliyoni esikhulu ekusebenzisaneni nohulumeni nabalawuli emikhakheni ehlukahlukene; unamakhono okuguqula isimo ngokuqalisa inqubo enohlonze yokunciphisa izindleko, ukukhulisa inzuzo kanye nokuhlela kabusha uhlaka lwesimo sokwakheka kwenkampani, futhi unomlando omuhle ekuqinisekiseni ukuthi ababambiqhaza bathola inzuzo; uyakwazi ukusebenzisa amaqhingasu anohlonze nokuqinisekisa ukwenziwa kwemisebenzi ehlukahlukene enkampanini ngendlela egxile ngokukhethekile ekuqhamukeni namasu kanye nokudidiyela izinhlelo zokuqhutshwa komsebenzi wenkampani ngobuhlakani obukhulu ukuze kuqinisekiswe imiphumela emihle enkampanini.
6.4. IKhabhinethi likholelwa ekutheni uMnu de Ruyter uzosebenzisana kahle nabaholi be-Eskom ekuqhubeni izinhlelo zokungenelela ezihlongozwayo kwa-Eskom njengoba lokhu kubekwe ngokucacile embhalweni osihloko sithi “Umkhombandlela oqondene no-Eskom Esimweni Semboni Yokuphakelwa Kukagesi Esiguquliwe”. 
6.5.    IKhabhinethi lizoqhubeka nokweseka u-Eskom kuyo yonke imizamo yakhe yokuletha uzinzo emsebenzini wakhe kanye namandla akhe okuphakela ugesi ngokuqhubekayo futhi ngaphandle kokuphazamiseka.

7. Isiteleka enkampanini Yezokuthutha Ngezindiza yaseNingizimu Afrika (i-SAA)

7.1. IKhabhinethi liyabanxusa bonke abandakanyekayo kulesi siteleka esiqhubekayo kwa-SAA ukuthi basebenzisane ekutholeni izixazululo ezizobhekelela izimfuno-sidingo zabo bonke abathintekayo futhi ikakhulukazi izidingo zezwe. 
7.2. Nakuba uMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika we-1996 ulihlinzekela ilungelo labasebenzi lokuteleka, kepha-ke sithanda ukuxwayisa labo abenza izimemezelo ezidala uhlevane emphakathini kanye nezinsongo eziphathelene nokuphepha kwabagibeli bamabhanoyi noma imindeni yabo kulesi sikhathi sokuqhubeka kwesiteleka, ukuba bakuyeke lokhu abakwenzayo. Esimweni esinje kuvamise ukuthi kube yinto enhle kakhulu ukuthi kwenziwe imizamo yokuxazulula umbango ngokuthula futhi ngaphandle kwenxushunxushu nokuphazamiseka okukhulu. IKhabhinethi lisalokhu linethemba lokuthi kuzotholakala isixazululo esihle futhi esinoxolo esihambisana nokuvumelana kwezinhlaka zonke kulesi siteleka sakwa-SAA esesiqhubeke isikhathi eside.

8. Isifo samatele (i-FMD)

8.1. IKhabhinethi lithulelwe umbiko mayelana nokuqubuka kwesifo se-FMD kamuva nje ezingxenyeni ezithile zaleli lizwe. Nakuba lesi sifo singeyona neze ingozi kubantu, siyisifo esithathelwanayo kakhulu ezilwaneni ezinezinselo. IKhabhinethi liyayinxusa yonke imiphakathi ethintekile esifundazweni sase-Limpopo ukuthi ilandele izinqubo ezibekiwe zokuphepha ukuze kunqandeke ukusabalala nokubhebhetheka kwalesi sifo.   
8.2. Abalimi bayanxuswa ukuthi bakugweme ukuhlanganisa nokuqoqela ndawonye izilwane ezindalini zasesidlangalaleni, noma emibukisweni noma kweminye imicimbi. Bayanxuswa futhi ukuthi baqaphe izimpawu zalesi sifo emfuyweni yabo futhi baxhumane nodokotela bezilwane, uma kunesidingo.

9. Izithunywa Ezikhethekile Ezijutshwe Umsebenzi Wokulamula kwelase-South Sudan

9.1. IKhabhinethi liyayithokozela impela inqubekelaphambili eseyenziwe ekuxazululeni ngokuphelele ukungqubuzana, kanye nokuletha ukuthula nozinzo kwelase-South Sudan. INingizimu Afrika ihlinzeka ngosizo kuyo yonke imizamo yokuqalisa ukusebenza kweSivumelwano Esivuselelwe Kabusha esiqondene nezwe lase-South Sudan ngokuhambisana nemisebenzi ethweswe iThimba Lezithunywa Ezikhethekile.
9.2. Iphini likaMongameli u-David Mabuza, ngokwesikhundla sakhe njengeSithunywa Esikhethekile Esijutshwe Ukuletha Uxolo kwelase-South Sudan, wabamba imihlangano yokubonisana kulesiya sifunda noMongameli wase-Uganda u-Yoweri Museveni kanye noMongameli we-Transitional Sovereign Council of Sudan, e-Khartoum, u-Abdalftah Alburhan A. Alrahman.  
9.3. Lezi zingxoxo zokubonisana kwabe kuhloswe ngazo ukuqalisa ukusebenza kweSivumelwano Esivuselelwe Kabusha esiqondene Nokuxazululwa Kombango Nenxushunxushu eRiphabhulikhi yase-South Sudan.

10. INgqungquthela Yoquqaba Lwabantu Nentuthuko 

10.1. INgqungquthela yakamuva nje Yoquqaba Lwabantu Nentuthuko (i-ICPD25) ebibanjwelwe e-Nairobi, kwelase-Kenya, ifake umdlandla omkhulu oHlelweni Lokusebenza lwe-ICPD futhi yakha nomgqigqo onohlonze ophokophele ekuqalisweni kokusebenza koHlelo lowezi-2030 Lwentuthuko Esimeme. 
10.2. INingizimu Afrika yagcizelela ukuzibophezela kwayo ekuqiniseni izimpumelelo ezizuziwe ekuqinisekiseni ukulingana ngokobulili ngokuthi kuhlonyiswe futhi kuthuthukiswe abantu besifazane namantombazane ezweni lonke laseNingizimu Afrika ngokusebenzisa izinhlelo ezibandakanya ukuhlinzekwa kolwazi lokuhlelwa komndeni kanye nezinsizakalo eziphathelene nalokho; izinhlelo zokuqinisekisa ukuthi akekho noyedwa umama nomntwana oshonayo ngenkathi umama ebeletha, kubandakanya nokuqinisekiswa kwamalungelo aphathelene nezocansi kanye nokuthola abantwana, ngokunjalo futhi nezinhlelo zokungenelela ngenhloso yokunqanda udlame lwezocansi nolwezobulili kanye nokubulawa kwabantu besifazane (i-GBVF) kanye nazo zonke izenzo ezilimazayo eziqondiswe kwabesifazane namantombazane.

B. IziNqumo ZeKhabhinethi

11. Umkhankaso weziNsuku eziyi-16 Wokulwisana Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nezingane

11.1. IKhabhinethi lihlanganyela noMongameli Ramaphosa ekwamukeleni izigwebo zodilika-jele abathathu abagixabezwe umdlenguli nombulali womfundi weNyuvesi yaseKapa u-Uyinene Mrwetyana yiNkantolo Ephakeme yaseKapa. Lesi ngesinye sezigwebo eziningana ezikhishwe yizinkantolo zakuleli kule nyanga edlule. Sisalokhu simile njalo kwinkolelo yethu engasoze iguquke ekutheni labo abenze amacala amabi abanayo nencane indawo emphakathini wethu futhi kumele babhekane nengalo yomthetho ngokuphelele.
11.2. INingizimu Afrika izohlanganyela nomphakathi womhlaba wonke emkhankasweni weziNsuku eziyi-16 Wokulwisana Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nezingane (ozobanjwa kusukela mhla zingama-25 kuLwezi kuze kube ngumhla ziyi-10 kuZibandlela – okuwuSuku Lwamazwe Ngamazwe Lwamalungelo Esintu, ngenhloso yokuqwashisa ngesihlava se-GBVF kuleli.
11.3. IKhabhinethi likugunyazile ukwelulwa kohlelo lweziNsuku eziyi-16 Lokulwisana Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nezingane ukuze lube wuhlelo lweziNsuku ezingama-365 oluzoqhutshwa ngokusebenzisa uhlelo lokuqwashisa, ukweseka kanye nokufundisa ngenhloso yokunqanda udlame olubhekiswe kulawo malungu omphakathi asengcupheni futhi adinga ukubhekelelwa kakhudlwana, ikakhulukazi abesifazane nezingane.
11.4. Umkhankaso weziNsuku eziyi-16 Wokulwisana Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nezingane, ogxile ekugqugquzeleni kanye nokuqwashisa umphakathi, uzokwethulwa nguMhlonishwa uMongameli Wezwe, uMnu Cyril Ramaphosa, mhla zingama-25 kuLwezi esigodini saseGa-Seleka eLimpopo. Isiqubulo salo mkhankaso esithi, “Sekwanele: Ngokubambisana sisheshisa ukuqedwa kodlame olubhekiswe kubantu bobulili obuthile”, sakhela phezu kwenqubekelaphambili eseyenziwe ekuthuthukiseni uhlelo olubanzi olubandakanya imikhakha ehlukahlukene okuhloswe ngalo ukubhekana ngqo ne-GBVF.
11.5. IKhabhinethi liyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babhukule bazibandakanye ngenkuthalo kulabo abalwisana nodlame olubhekiswe kubantu bobulili obuthile, ngenhloso yokwakha amakhaya aphephile, imiphakathi ephephile kanye nezindawo zomphakathi wonkana eziphepile.

12. Imiphumela yocwaningo-mabhuku lowezi-2018/19 oluqondene neminyango kazwelonke neyezifundazwe 

12.1. UMcwaningi-mabhuku Omkhulu (u-AG) u-Kimi Makwetu wethulele iKhabhinethi umbiko mayelana nemiphumela yocwaningo-mabhuku lowezi-2018/19 oluqondene neminyango kazwelonke neyezifundazwe. IKhabhinethi likhathazekile mayelana nokukhula komkhuba wokusetshenziswa kwezimali zikahulumeni ngendlela engafanele. Ziyi-12 izikhungo zikahulumeni ezikhonjwe ngenjumbane njengezikhungo ezisebenzise izimali zikahulumeni ngendlela engafanele. Eziyisishiyagalolunye kulezi kutholakale ukuthi zisebenzise izimali ngaphandle kokulandela imithetho kanye nemithethonqubo ebekiwe. Izikhungo eziyisikhombisa yiMinyango Yezempilo Yezifundazwe, iMinyango Yezokuhlaliswa Kwabantu, iMinyango Yezemfundo; uMnyango Kazwelonke Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle kanye noMnyango Kazwelonke Wezemfundo Eyisisekelo neNkampani Kahulumeni, okuwuPhiko Lokuthuthwa Kwabagibeli Ngezitimela lwaseNingizimu Afrika (i-PRASA). 
12.2. Isichibiyelo Somthetho Wocwaningo-mabhuku Lukahulumeni, sowezi-2018 (uMthetho wesi-5 wezi-2018), esiqale ukusebenza mhla lu-1 kuMbasa 2019, kulindeleke ukuthi siqinise umsebenzi weHhovisi lika-AG futhi siqinisekise ukuthi uhulumeni uyaqala ukubhekana ngendlela enohlonze neminyango eqhubekayo nokungayihloniphi imithethonqubo yokuphatha ebekiwe.  
12.3. Mayelana nalokhu-ke, iKhabhinethi seligunyaze ukuqinisekisa ukusetshenziswa nokuthotshelwa kwalo Mthetho, ikakhulukazi mayelana nezenzo ezibucayi kakhulu zokuphulwa kwemithethonqubo ebekiwe ezidinga ukuthi u-AG adlulisele lezo zenzo zokuphulwa kwemithethonqubo ezikhungweni ezizophenya kabanzi ngalokhu, kubandakanya nezikhungo zokuqinisekisa ukuthotshelwa komthetho.
12.4. IKhabhinethi lisalokhu lizibophezele ekuqinisekiseni ukuphatha okuhle futhi okungenagcobho ezikhungweni zikahulumeni. Isikhungo Sikazwelonke Sokufundisa mayelana Nokuphathwa Kukahululeni sesiyalelwe ukuthi sihlinzeke ngokuqeqesha nokwesekwa okudingekayo ezikhungweni zikahulumeni ezidinga ukuthi kuqeqeshwe kakhudlwana abasebenzi bazo. Labo abaphula ngamabomu imithethonqubo ebekiwe yokuphathwa kwezimali zikahulumeni kuyodingeka ukuthi baphendule ngezenzo zabo zokuxhaphaza izimali zikahulumeni. 

13. Umklamo Womzila Womzabalazo kanye Nenkululeko (i-RLHR)

13.1. IKhabhinethi lithole umbiko wenqubekelaphambili mayelana noMklamo we-RLHR owethulwe nguNgqongqoshe Wezemidlalo, Ezobuciko kanye Namasiko uNathi Mthethwa. UMnyango Wezobuciko Namasiko – ngokubambisana noMkhandlu Wamagugu Kazwelonke kanye noPhiko Lwemithombo Yamagugu lwaseNingizimu Afrika – uzohlonza, uqoqe futhi ugqugquzele ukulondolozwa komlando wethu kanye nalezo zizinda zomlando ezikhona kuleli zwekazi ezinokuxhumana okuthile nomlando wenkululeko yeNingizimu Afrika.  
13.2. Lo mklamo uyisahluko esiqondene naleli lizwe oHlelweni Lomlando Wenkululeko Wezwekazi lase-Afrika. Seyihlonziwe ingqalasizinda kanye nezizinda zomlando kuzo zonke izifundazwe zakuleli eziyisishiyagalolunye futhi ezinye zalezi zizinda ziyizizinda eziheha abavakashi abavakashela izindawo ezingamagugu ezwe. IKhabhinethi lilugunyazile uhlelo lweminyaka emithathu lokuqaliswa kwalo mklamo olwethulwe phambi kwalo.

C. Imithethosivivinywa
14. UMthethosivivinywa wezi-2019 Wemithethonqubo Yezomnotho Ephathelene Nezokuthutha


14.1. IKhabhinethi likugunyazile ukwethulwa ePhalamende koMthethosivivinywa wezi-2019 Wemithethonqubo Yezomnotho Elawula Ezokuthutha. Lo Mthethosivivinywa uqinisa futhi uhlanganise imithethonqubo yezomnotho ephathelene nezokuthutha ukuze ibe wuhlaka lomthetho owodwa. Lo Mthethosivivinywa uphakamisa ukuthi kusungulwe uMlawuli Wezomnotho Oyedwa Oqondene Nezokuthutha kanye noMkhandlu Wezomnotho Oqondene Nezokuthutha. Lo Mthethosivivinywa uzosebenza emkhakheni wezokuthutha ngezindiza, ezokuthutha ngemikhumbi, ezokuthutha ngezitimela kanye nezokuthutha ngomgwaqo.
14.2. Ngowezi 2018, lo Mthethosivivinywa udlule kabili ohlelweni lokubonisana nokufakana imilomo nomphakathi. Imibono yomphakathi eyatholakala ezigcawini zokubonisana nomphakathi ifakiwe kulo Mthethosivivinywa obuyekeziwe. Imiphumela yokuqaliswa kwalo Mthethosivivinywa izofaka isandla emizamweni yeKhabhinethi yokwenza lula inqubo yokusungula nokuqhuba ibhizinisi eNingizimu Afrika. Manje amabhizinisi asezokhokhiswa intela eyodwa elawulwayo, uma exhumana nemboni yezokuthutha kuleli lizwe. Uhlaka oluzimele oluzokwengamela lo msebenzi kuphakanyiswa ukuthi lube ngaphansi kwesandla sikaNgqongqoshe Wezokuthutha.

D. Imicimbi ezayo
15. Uhlelo Lokuthuthukiswa Kwezifunda


15.1. UMhlonishwa uMongameli weRiphabulikhi, uMnu Cyril Ramaphosa uzokwethula uHlelo Lokuthuthukiswa Kwezifunda lwesithathu esifundeni i-Waterberg ngoLwesibili mhla zingama-26 kuLwezi 2019 enkundleni yezemidlalo i-Shongoane Sports Ground e-Lephalale, e-Limpopo. 
15.2. Indawo yase-Waterberg iyindawo ekhiqiza iplathinamu eningi kunazo zonke ezinye izifunda zalesi sifundazwe, futhi ukumbiwa kwamalahle kanye nokuthuthukiswa kwemikhiqizo kaphethiloli sekukhuphule imfuno-sidingo yokuphehlwa nokukhiqizwa kukagesi. Futhi indawo yase-Lephalale iyikhaya lemisebenzi ehlukahlukene yezolimo.

16. Inyanga Yokuqwashisa Ngamalungelo Abantu Abakhubazekile 

16.1. INingizimu Afrika igubha iNyanga Yokuqwashisa Ngamalungelo Abantu Abakhubazekile eqale mhla zi-3 kuLwezi futhi ezofinyelela esiphelweni mhla zi-3 kuZibandlela 2019. Isiqubulo salo nyaka sithi: “Sisonke sakha iNingizimu Afrika Ebandakanya Amalungelo Abantu Abakhubazekile”.
16.2.    Uhulumeni usenze inqubekelaphambili ekuhlinzekeni ngezibonelelo kubantu abanokukhubazeka futhi uyaqhubeka nezinhlelo zakhe ezibeka eqhulwini futhi ziqhakambise inhlalo-mnotho yabantu abanokukhubazeka.

17. USuku Lomhlaba Lwengculazi 

17.1. Iphini likaMongameli uMabuza, ngokwesikhundla sakhe njengoSihlalo woMkhandlu Kazwelonke Wengculazi waseNingizimu Afrika, uzohola umcimbi woSuku Lomhlaba Lwengculazi ozobanjwa mhla lu-1 kuZibandlela 2019 e-Orkney, esifundazweni saseNyakatho Ntshonalanga. Isiqubulo soSuku Lomhlaba Lwengculazi lowezi-2019 sithi: “Imiphakathi yenza umehluko”. 
17.2. USuku Lomhlaba Lwengculazi lowezi-2019 luhlinzeka ngethuba lokuthi amazwe omhlaba wonke jikelele abheke emuva ahlole igalelo alenzile ekulwisaneni nokusabalala kwesandulela-ngculazi kanye nengculazi. Isiqubulo salo nyaka sihlonipha indima esemqoka kakhulu edlalwe yimiphakathi futhi elokhu iqhubeke njalo ekulwisaneni nesandulela-ngculazi kanye nengculazi.
17.3. INingizimu Afrika isembhidlangweni kanye nomkhankaso olokhu uqhubeke njalo wokuguqula isimo sobhubhane lwesandulela-ngulazi, ingculazi kanye nesifo sofuba kuleli, futhi sekubonakale impumelelo enkulu ebandakanya inqubekelaphambili enkulu ekwelashweni kwesandulela-ngculazi futhi baningi impela abantu abathola ukwelashwa ngemishanguzo yokudodobalisa igciwane lesandulela-ngculazi.
17.4. Isibalo sabantu abathola ukwelashwa ngemishanguzo yokudodobalisa isandulela-ngculazi emkhakheni wezempilo kahulumeni sesikhulile sisuka kwiziguli eziyizi-45 500 ngowezi-2004 sayofinyelela ezigulini ezingaphezu kwezigidi ezingu-4,7 ngowezi-2019. Lokhu kulekelelwa futhi kusekelwe yizinhlelo zokuguqula indlela abaziphatha ngayo abantu, ezibandakanya ukuhlolwa ngokuqhubekayo, kanye nokusetshenziswa kwamakhondomu abesifazane nawabesilisa ngenhloso yokunciphisa ukusuleleka nokutheleleka kwabantu ngesandulela-ngculazi.

E.  Imiyalezo

18. Amazwi Enduduzo

IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo:

  • emndenini weNdlunkulu yesizwe samaXhosa kanye nomphakathi wonkana, ngokukhothama kweNgonyama uMpendulo Calvin Zwelonke Sigcawu.
  • emndenini kanye nabangani boqweqwe lomsakazi futhi ongungoti onohlonze kulo mkhakha, uMnu Xolani Gwala. UMongameli Ramaphosa wamemezela ukuthi uMnu Gwala uzofihlwa ngoMngcwabo Okhethekile Wesifundazwe Osesigabeni Sesibili. Wabekwa endlini yakhe yokugcina endaweni yaseMpendle, KwaZulu-Natali ngoMgqibelo mhla ziyisi-9 kuLwezi 2019.
  • emndenini kanye nabangani balowo owabe eyiSikhulu Esiphezulu Senkampani yakwa-SABC, uMnu Solly Mokoetle. 
  • emndenini kanye nabangani bakasomabhizinisi, uMnu Allan Gray, ongumsunguli wenkampani eyisikhondlakhondla kwezokongiwa nokutshalwa kwezimali i-Allan Gray.
  • emndenini kanye nabangani bombhali odumile, obeyisishoshovu futhi engusonkondlo waseNingizimu Afrika, uMnu Sandile Dikeni. 
  • emndenini kanye nabangani bomlingisi, uMnu Andile Gumbi, owaduma kakhulu ngokulingisa emdlalweni owuchungechunge Isibaya kanye ne-The Lion King. 
  • emndenini kanye nabangani balowo owabe engumethuli waphambilini wohlelo lwe-YoTV futhi owabe eyilungu leqembu lomculo i-Jozi, uMnu Luther Cohen.


19. Ukuhalalisa

IKhabhinethi lihalalisele:

  • UNgqongqoshe Wezinguquko Kwezomhlaba Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya uThoko Didiza, oqokwe njengoSihlalo Wekomidi Eliqondene Nezolimo Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya leNhlangano Yamazwe ase-Afrika.
  • Bonke abantu baseNingizimu Afrika abaphume ngobuningi bezokwamukela iqembu lakuleli lebhola lombhoxo, amaBhokobhoko, elinqobe iNdebe Yomhlaba Yebhola Lombhoxo yowezi-2019 kwelase-Japan.
  • U-Brad Binder ngokudla umhlanganiso emqhudelwaneni i-Malaysian Moto2 Grand Prix. Simfisela okuhle kodwa ngesizini ezayo lapho ezobamba khona iqhaza esigabeni se-MotoGP ngaphansi kweqembu i-Red Bull KTM Factory Racing team.
  • U-Chad le Clos ngokunqoba umjaho wokubhukuda wamamitha ayi-100 ngokunjalo futhi nowamamitha angama-200 ngaphansi kwesigaba se-butterfly eMqhudelwani Wendebe Yomhlaba Yezokubhukuda ye-FINA ebibanjelwe e-Doha, kwelase-Qatar.
  • U-Caitlin Rooskrantz ngokuphumelela kwakhe ekutheni abe yingxenye yemidlalo yama-2020 Olympics ezobanjelwa kwelase-Japan, emva kokuba ngumuntu wokuqala ngqa waseNingizimu Afrika onqobe indondo yegolide emqhudelwaneni wama-2019 World Artistic Gymnastics Championships.
  • U-Teddy Nzama, odle umhlanganiso emqhudelwaneni wamazwe ngamazwe wezindawo zokucima ukoma, i-2019 Starbucks Europe, Middle East and Africa Barista Champion, obubanjelwe e-London.
  • Iqembu Labasubathi Nabadlali baseNingizimu  abebemele leli lizwe emqhudelwaneni wamazwe ngamazwe wabadlali abakhubazekile, i-World Para Athletics Championships obubanjelwe e-Dubai. Ziyi-11 izindondo ezizuzwe yileli qembu, futhi ezimbili zalezi yizindondo zegolide. U-Anrune Weyers: Umjaho Wabesifazane webanga elingamamitha angama-400 i-T47 (Indondo yegolide), Umjaho Wabesifazane webanga elingamamitha angama-200 i-T47 (Indondo yesiliva), Umjaho Wabesifazane webanga elingamamitha ayi-100 i-T47 (Indondo yethusi); Ntando Mahlangu: Umjaho Wabesilisa webanga elingamamitha ayi-100 i-T61 (Indondo yegolide); Simone Kruger: i-Discus yabesifazane i-F38 (Indondo yesiliva); Mpumelelo Mhlongo: Umjaho Wabesilisa webanga elingamamitha ayi-100 i-T64 (Indondo yesiliva),  i-Long Jump yabesilisa i-T64 (Indondo yethusi); Charl Du Toit: Umjaho Wabesilisa webanga elingamamitha angama-400 i-T37 (Indondo yethusi); Reinhardt Hamman: i-Javelin Throw yabesilisa i-F38 (Indondo yethusi); Anika Johanna Pretorius: Umjaho Wabesifazane webanga elingamamitha ayi-100 i-T13 (Indondo yethusi); kanye no-Sheryl James: Umjaho Wabesifazane webanga elingamamitha angama-400 i-T37 (Indondo yethusi).
  • ULuyolo Yiba, onqobe umqhudelwano weHlandla le-15 we-Idols South Africa. 

F.  Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abasebenzi kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.

20.    IKhomishana Yophiko Lwezemiholo Nezimo Zokusebenza Embuthweni Wezokuvikela:
a.  Adv Motlatjo Josephine Ralefatane;
b.  Adv Linda Mbana; kanye no
c.  Nkz Salome Velma Mabilane. 

Imibuzo: Nkz Phumla Williams – iBamba Lomkhulumeli weKhabhinethi
Iselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore