Isitatimende somhlangano weKhabhinethi obubanjwe nge-inthanethi ngoLwesithathu, mhla zingama-24 kuNhlolanja 2021

A. Ezisematheni
1. IKilasi likamatikuletsheni langowezi-2020

1.1. IKhabhinethi ihalalisele iKilasi langowezi-2020 elibekezelele bonke ubunzima laphumelela ngokuthola imiphumela emihle kamatikuletsheni. Izivivinyo zangowezi-2020 okubonakale kuzo ukukhuphuka kwenani labafundi ababhale izivivinyo zabo zokugcina uma kuqhathaniswa nonyaka wangowezi-2019, futhi kubonakale ukukhuphuka kwenani labafundi abaphumelele abathole imiphumela engabangenisa eNyuvesi.  
1.2. IKhabhinethi ifisela bonke abafundi okuhle njengoba bephokophelele eminyakeni yabo emva kokuqeda isikole. Ukwengeza ezifundweni zasenyuvesi, abafundi bayagqugquzelwa ukuthi babuye babheke nokuqeqeshelwa amakhono okutholakala emakolishi aqeqeshela ezamakhono ama-Technical and Vocational Education and Training (ama-TVET) njengengxenye yokuqinisa isisekelo samakhono aseNingizimu Afrika esibaluleke kakhulu emnothweni wethu. Abafundi abangakwazanga ukungena emakolishi angama-TVET noma emanyuvesi bayagqugquzelwa ukuthi basebenzise uHlelo Lukamatikuletsheni Lwethuba Lesibili i-Second Chance Matric Programme.
1.3. IKhabhinethi iphinde ihalalisela zonke izikhulu nabaphathi boMnyango Wemfundo Eyisisekelo – ngaphezu kokulandela izinyathelo zokuphepha ezikoleni ngonyaka wezi-2020 ukuze kuzovikelwa othisha nabafundi kubhubhane lweSifo seGciwane le-Corona (i-COVID-19) – basebenza ngokuzikhandla ukuze bathole imiphumela encomekayo kamatikuletsheni.  
1.4. IKhabhinethi ifisa ukudlulisa ukubonga kwayo kubo bonke othisha, abaphathi bezikole, izikhulu ezisemnyangweni wemfundo eyisisekelo, izinyunyana zothisha, izinhlangano zabafundi, abafundi nabazali ngokusebenza kanzima nokuzinikela ngokubambisana ukuqinisekisa ukuthi sithola imiphumela esiziqhenyayo ngayo ngisho nangaphezu kobunzima ebesibhekene nabo ngowezi-2020. 
1.5. IKhabhinethi iyathokoza ukuthi unyaka wokufunda wangowezi-2021 usuqale ngokusemthethweni futhi iyathemba ukuthi izinyathelo ezibekiwe zanele ukufundisa nokufunda ngokuphepha. Wonke umuntu unesibopho sokuhlale eqaphile nokuthobela imithethomgomo yezempilo neyokuphepha, ebekelwe ukuqapha impilo nokuphepha kothisha, abasebenzi kanye nabafundi. IKhabhinethi icela bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basekele abafundi bethu futhi baqinisekise ukuthi bayaphumelela.

2. INkulumo Echaza Isimo Sezwe (i-SoNA)
2.1. IKhabhinethi yamukele i-SoNA yangowezi-2021 eyethulwa nguMhlonishwa, uMongameli uMatamela Cyril Ramaphosa, Ezindlini Zombili zePhalamende – nakwiSigungu Sikazwelonke kanye noMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe – eKapa ngoLwesine, mhla ziyi-11 kuNhlolanja 2021.
2.2. I-SoNA kanye Nokuphendula kukaMongameli kwiNkulumo-mpikiswano ye-SoNA kwanika umbiko wenqubekela-phambili ekuqaliseni kokusebenza koHlelo Lokwakha Kabusha Nokuvuselelwa Komnotho (i-ERRP) kanye nenkombandlela yokuqaliswa kokusebenza kwezinhlelo zikahulumeni. IKhabhinethi liqinisekile ngokuqalisa ngokuphelele zonke izibophezelo ezamenyezelwa nguMongameli.
2.3. Ngesikhathi singakhohliwe izinselele zenhlalo nomnotho esibhekene nazo, iKhabhinethi isalokhu inethemba lokuthi zizoxazululwa ngokuqaliswa kokusebenza kwe-ERRP  kanye noHlelo Lokusebenza lukahulumeni (i-PoA), ngokugxila ekuzuzeni ukukhula okubandakanya wonke umuntu kanye nezinjongo zoMbono wethu wangowezi-2030 njengoba uchaziwe oHlelweni Lukazwelonke Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP).
2.4. Ngaphezu kokubuyela emuva okudalwe ubhubhane lwe-COVID-19 oluqale ngowezi-2020, i-PoA ephelele isalokhu injalo noma nje kolunye uhlangothi ihamba kancane. NgoLwesithathu, mhla wama-24 kuNhlolanja 2021, uNgqongqoshe Wezezimali uTito Mboweni wachaza ngesabelomali esizoxhasa izinhlelo zalo nyaka.

3. Umbiko Wokubuyekezwa kwe-NDP 
3.1. IKhabhinethi iwubonile umbiko wemiphumela yokubuyekezwa kwe-NDP futhi izozama ukugcina inqubekela-phambili yegalelo likahulumeni ekufezekiseni uMbono wangowezi-2030. IKhomishana Yokuhlela Kazwelonke izokhipha uMbiko Wokubuyekezwa kwe-NDP. 

4. Inqubekela-phambili ngemigomo yalapha ekhaya
4.1. IKhabhinethi iyayamukela imizamo kanye nenqubekela-phambili eyenziwe ngososayensi bakithi, abacwaningi kanye nosolwazi kwezokwelapha esinyathelweni sikazwelonke sokuzakhela imigomo yethu ukuze sibhekane nobhubhane lwamanje nolunye oluzayo. Ososayensi bakithi, abacwaningi kanye nosolwazi kwezokwelapha bebelokhu besekhaleni lempi elwa nobhubhane lwe-COVID-19 futhi bahole ukucutshungulisiswa kofuzo lwegciwane le-COVID-19, okwaholela ekutholakaleni kwegciwane elehlukile i-501Y.V2. Ngalokhu-ke, iKhabhinethi ithanda ukuhalalisela bonke ososayensi nabacwaningi baseNingizimu Afrika abakwazile ukuphinde bakhe igciwane elabhorethri ukuze bezokwazi ukukhulisa ucwaningo lokwelashwa kobhubhane lwe-COVID-19. 
4.2. IKhabhinethi ikholwa ukuthi isayensi yezwe lethu kanye nohlelo lokuqamba kabusha kungumthombo ocebile okumele ukhuliswe futhi uthuthukiswe. 
4.3. Ngisho nangale kocwaningo nge-COVID-19, ososayensi nabasunguli baseNingizimu Afrika abaziwa emhlabeni jikelele bethule ubuchwepheshe banamuhla obufana ne-digital laser yokuqala ngqa emhlabeni kanye ne-Lodox yokuthwebula umzimba wonke. 

5. Ukukhishwa komgomo we-COVID-19 
5.1. IKhabhinethi yabonga ngokuqaliswa kohlelo lokugomela i-COVID-19 kuzwelonke, imigomo yokuqala yakwa-Johnson & Johnson yakhishelwa abasebenzi bezempilo (ama-HCW) kuyo yomibili imikhakha kahulumeni nozimele. 
5.2. Selokhu kwaqala ubhubhane lwe-COVID-19, abasebenzi bezempilo bebelokhu beyihawu elivikele isizwe sakithi. Bebebhekene ngqo negciwane futhi babekezelela igciwane elingapheli. Ukuzinikela kwabo okungenamhawu kuphephise izimpilo ezingebaleke futhi isizwe sakithi kumele sibabonge kakhulu. 
5.3. Ukugonywa kwabo kuzosiza ukubavikela ekusulelekeni ngegciwane nokubuyisela isizwe sakithi esimeni esijwayelekile. IKhabhinethi iyathokoza ukuthi izigidi zeminye imigomo eyathengwa ezindaweni eziningi izofika ngezikhathi ezehlukahlukene ezinyangeni ezizayo, uma kuqala uNdasa ngowezi-2021. 
5.4. Uma abasebenzi bezempilo sebegomile njengengxenye yeSigaba soku-1 seqhingasu lohlelo lokugoma, iSigaba sesi-2 sizogxila kubasebenzi abenza imisebenzi engumongo kanye nalabo bantu ababuthakathaka, okubandakanya abantu abaneminyaka yobudala engama-60, abantu abanezifo ezingamahlalakhona kanye nalabo abahlala ezindaweni ezifana namakhaya anakekelayo namahostela. 
5.5. Izakhamuzi ziyakhunjuzwa ukuthi ukugoma kumahhala futhi akuyona impoqo, futhi kusalokhu kuyisona sikhali sethu sokulwa negciwane, ngokuhambisana nokuqhubeka nokuthotshelwa kwemithethomgomo yezempilo yokugwema imibuthano enabantu abaningi, ukugqoka isifonyo uma uphakathi kwabantu, ukuhlanza izandla ngamanzi nensipho noma ukusebenzisa isibulali-magciwane esine-alcohol engama-70% nokugcina igebe okungenani elingamamitha amabili nesigamu. Lezi zinyathelo zibaluleke kakhulu empilweni yesizwe sakithi. 

6. UCwaningo Lwesine Lwabasebenzi (i-QLFS)
6.1. I-QLFS yesine ekhishwe Ezezibalo eNingizimu Afrika ngoLwesibili, mhla zingama-23 kuNhlolanja 2021 iyaqhubeka nokusikhumbuza ngezinselele zokuswelakala kwemisebenzi ezibhekene nezwe. IKhabhinethi nokho igqugquzelwa ukubona inhlansi elokozayo yomnotho wethu elokhu iqhubeka iyibonisa phakathi kwesimo esinzima somnotho.
6.2. Ngokwezibalo zakamuva imisebenzi ikhule ngemisebenzi eyizi-333 000, nomkhakha ohlelekile olethe imisebenzi eminingi (eyizi-189 000) phakathi kweKota yeSithathu neKota yeSine ngowezi-2020. Okwedlula lapho, kube nokwehla kwinani labantu Abangasebenzi ngezi-890 000 kwiKota yeSine ngowezi-2020 uma kuqhathaniswa neKota yeSithathu ngowezi-2020.
6.3. IKhabhinethi isalokhu ikhathazekile ngezinga eliphansi umnotho osungula ngalo imisebenzi ukwedlula izinga izwe elalahlekelwa ngalo imisebenzi ngezi-701 000 phakathi kweKota yeSithathu neKota yeSine.  Yize iKota yeSine yaqaphelisa ukukhula ezingeni lokuswelakala kwemisebenzi, iphesenti lokukhula elingu-1.7% lisaselincane kunalelo leKota yeSithathu elakhula ngo-9%.
6.4. Kuyakhathaza kakhulu ukuthi intsha iyona ingxenye enkulu yabantu abangasebenzi. Abantu baseNingizimu Afrika abansundu kanye namakhaladi kanjalo nabesifazane basalokhu kuyibona ababuthakathaka kakhulu emnothweni wezwe, lokhu kuqinisa isisombululo sikahulumeni sokusheshisa izinyathelo zokweseka nokubandakanyeka kwentsha, abesifazane nabantu abansundu emnothweni wezwe. Lokhu kuhambisana nokuzinikela ekuguquleni umnotho kanye noguquko olwenziwe nguMongameli kwi-SoNA yangowezi-2021.   

7. Isabelomali Sikazwelonke sangowezi-2021
7.1. Ukwendlalwa kweSabelomali Sikazwelonke sangowezi-2021 kuyingxenye ebalulekile yohlelo lwentando yeningi eyenza izinto obala nephendulayo. Kulandela i-SoNA eyethulwa kuMongameli uRamaphosa, isabelomali Sikazwelonke sangowezi-2021 sicacisa uhlelo lukahulumeni lwezimali olwesekela ukuqaliswa kwe-PoA kazwelonke njengoba ichaziwe kwi-SoNA yangowezi-2021.
7.2. IKhabhinethi iyasamukela iSabelomali Sikazwelonke sangowezi-2021njengendlela engcono kakhulu ekulinganiseni ukugcineka kwezimali ngesikhathi kuxhaswa lokho okubekwe nguhulumeni eqhulwini okufana nokuthengwa kwemigomo ye-COVID-19, ukwesekela labo ababuthakathaka emphakathini wethu ngohlelo lokusiza ngokwezenhlalo kanye nohlelo lwe-ERRP ukuze kuzokwakhiwa kabusha umnotho, kwesekelwe ukusungulwa kwemisebenzi kanye nokuheha utshalomali, yize siphansi kwesimo somnotho esinezinselele.
 
8. Ukwebiwa kwezintambo zethusi

8.1. IKhabhinethi ikwamukele ukugwetshwa kwakamuva okukhishwe iNkantolo Ephakeme yaseNtshonalanga Kapa kwamalungu amahlanu eqembu lezigelekeqe atholakale enecala lokweba izintambo zethusi okuyisigwebo seminyaka eyi-1 250 ebhadla ejele. Sihalalisela abomthetho ngokuboshwa nanokushushiswa ngempumelelo kwalabo ababandakanyeka ekwebiweni kwezintambo zethusi.
8.2. IKhabhinethi liyathemba ukuthi lokhu kuboshwa kwakamuva kanye nokugwetshwa kuthumele umyalezo oqinile wokuthi labo abathunaza umnotho ngale ndlela nangobugebengu bazobhekana nengalo yomthetho. Sinxusa umphakathi ukuthi ubike ngalezi zigebengu kwabomthetho.
 
9. Udlame olubhekiswe kwabobulili obuthile nokubulawa kwabesifazane (i-GBVF)
9.1. IKhabhinethi ikwamukele ukuboshwa kwendoda eyahlasela ngesihluku uNks Dimakatso Ratselane, intatheli yesiteshi somsakazo i-Lesedi FM.
9.2. IKhabhinethi iphinde yamukela ukugwetshwa kombulali wowayekhulelwe u-Tshegofatso Pule kanye nokuboshwa kukaNthuthuko Shoba, isoka lakhe nobuye abe ngubaba wengane yakhe eyayingakazalwa, ngokusolwa ngokuba ngungqondongqondo ekubulaweni kwakhe.
9.3. IKhabhinethi inxusa ezobulungiswa kwezobugebengu ukuthi kuqinisekise ukuthi uNks Ratselane, ongasekho uNks Pule kanye nezinye izisulu ze-GBVF bathola ubulungiswa. Ukuqeda udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane kudinga ukuthi sonke sisukume siqede lesi sihlava.

10. Ukuklonyeliswa Kwabezindaba kwezokuThuthukiswa Kwamazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC) 
10.1. IKhabhinethi limema abezindaba ukuthi balethe izicelo zokungenela umncintiswano Wokuklonyeliswa Kwabezindaba we-SADC wangowezi-2021. Izintatheli ezimagange zingathola imininingwane ethe xaxa mayelana nomncintiswano ku-www.sadc.int kanye naku- www.gcis.gov.za.
10.2. Imiklomelo igqugquzela ukusebenza ngokuhlanganyela kwezifunda kanye nokubambisana ngokugqugquzela abezindaba kwi-SADC ukuthi bakhiphe izindaba ezithinta isifunda.

B. Izinqumo zeKhabhinethi
1. ISimo Senhlekelele Sikazwelonke

1.1. IKhabhinethi igunyaze isinqumo sokumemezela iSimo Senhlekelele Sikazwelonke kulandela ukubhubhisa okudalwe isishingishane i-Eloise kanye nezimvula zasehlobo ezishiye umonakalo kwingqalasizinda nasemakhaya ezifundazweni ezehlukene. Lokhu kwenziwe ngokulandela iSahluko sama-27(1) soMthetho Wokulawulwa Kwenhlekelele, wangowezi-2002 (Umthetho wama-57 wezi-2002).  
1.2. Lesi simemezelo sizosiza uhulumeni ukukhulisa izinyathelo ezikhona ezithathwa izinhlaka ezehlukene zombuso ukunciphisa umphumela odalwe inhlekelele kazwelonke.

2. UMbiko weKhomishana kaMongameli eBuyekeza Imiholo (i-PRRC) 
2.1. IKhabhinethi lithole futhi lagunyaza uMbiko we-PRRC. I-PRRC yabekwa ukuthi iphenye ngamaholo kanye nezimo zokusebenza Kwezemisebenzi kaHulumeni kanye nezinhlangano zikahulumeni kuzwelonke nasezifundazweni ezisohlwini lweSahluko-A no-C, kwiShejuli yesi-3 yoMthetho Wezokuphathwa Kwezimali Zikahulumeni (i-PFMA), we-1999 (uMthetho woku-1 we-1999). 
2.2. Imikhakha ebekwe eqhulwini ebaliwe embikweni owezemfundo, owezempilo, owezokuvikela kanye nezinhlangano zikahulumeni (iShejuli yesi-3A neyesi-3B ye-PFMA ye-1999). Umbiko uzotholakala kuwebhusayithi yezeMisebenzi Kahulumeni Nokuphathwa Kwayo (www.dpsa.gov.za).

3. Umbiko Wezwe weNingizimu Afrika oya kwiNhlangano Yezizwe (i-UN) mayelana Nokuqedwa Kwakho Konke Ukucwasana Ngokwebala 
3.1. IKhabhinethi igunyaze ukuhanjiswa kombiko wezwe laseNingizimu Afrika wesikhathi sesishiyagalolunye kuya kweseshumi nanye kwiNgqungquthela Yomhlaba yeNhlangano Yezizwe emayelana Nokuqedwa Kwakho Konke Ukucwasana Ngokwebala (i-ICERD). INingizimu Afrika isayine i-ICERD ngonyaka we-1994 yayigunyaza mhla ziyi-10 kuZibandlela 1998.
3.2. Umbiko ucacisa inqubekela-phambili eyenziwe iNingizimu Afrika ekubekeni izinyathelo zomthetho, zokwahlulela kanye nezokuphatha ukuze kuqedwe konke ukucwasana ngokwebala.   
3.3. Lo mbiko wezikhathi ezithile ugxile kwinqubekela-phambili eyenziwe ekuthuthukiseni ukulingana, ukulwa nokucwaswa kwabokufika kanye nokunye ukungabekezelelani okuhlobene nalokhu, ukugwenywa kobugebengu obuhlobene nenzondo, nokugqamisa izinselele ezisalokhu zikhona. Emva kokwethulwa kwinhlangano efanelekile, umbiko uzobe usutholakala emphakathini. 

4. Ukungena kweNgqungquthela Yomhlaba emayelana Nokucindezelwa Nokujeziswa Kobugebengu Bombuso Wobandlululo 
4.1. IKhabhinethi ivume ukwethulwa kokungena kweNgqungquthela Yomhlaba emayelana Nokucindezelwa Nokujeziswa Kobugebengu Bombuso Wobandlululo. Lokhu kwenziwe ngokweSahluko sama-231(2) soMthethosisekelo waseNingizimu Afrika wangowe-1996. Ingqungquthela, phakathi kokunye, ibeka ukuthi umbuso wobandlululo ungubugebengu kubuntu nokuthi wawuphazamisa ukuthula nokuphepha emhlabeni.  
4.2. Uma usugunyaziwe yizindlu zombili zePhalamende, uMnyango Wezobudlelwano Bamazwe Nokubambisana uzoyethula kwiNhlangano Yezizwe.
 
5. Ukuchitshiyelwa kwesivumelwano phakathi kweNingizimu Afrika kanye ne-Netherlands mayelana nesibonelelo sezenhlalo 
5.1. IKhabhinethi livume ukuchitshiyelwa kwesivumelwano phakathi kohulumeni waseNingizimu Afrika kanye noMbuso wase-Netherlands ngokubambisana ngesibonelelo sezenhlalo. 
5.2. Isivumelwano sokubambisana ngesibonelelo sezenhlalo sasayinwa e-The Hague ngoNhlaba ngowezi-2001. Isivumelwano sisiza ukuhanjiswa kwezinzuzo zesibonelelo sezenhlalo sezakhamuzi ezithintekayo. Inqubomgomo Yesibonelelo Sezenhlalo Yase-Netherlands yenze izichibiyelo ekunikezelweni kwesibonelelo sezenhlalo esimayelana nezingane zase-Dutch. Isichibiyelo esethuliwe esokuqondanisa isivumelwano nalezi zinguquko. 

6. Ukuqinisekiswa kweNkomfa Yomhlaba Yezokuxhumana Ngomsakazo yangowezi-2019 (i-WRC-19)
6.1. IKhabhinethi livume ukwethulwa kweMithetho Yokugcina ye-WRC-19 ePhalamende ukuze izoqinisekiswa, ngokuhambisana neSahluko sama-231(2) soMthethosisekelo. I-WRC-19 ingumphumela wenkomfa weNyunyana Yomhlaba Yezokuxhumana yeNhlangano Yezizwe (i-ITU) ebanjwa njalo ngonyaka ukuze, phakathi kwezinye izinto, izobuyekeza iphinde ibhekisise imithethonqubo yomsakazo. INingizimu Afrika yasayina i-ITU. Uma iPhalamende seliwuqinisekisile uMthetho Wokugcina we-WRC-19, iNingizimu Afrika izochibiyela uHlelo Lukazwelonke Lokusakaza Ngamagagasi Omoya ngokufanele.
 
7. UMthetho Osadingidwa Obuyekeziwe mayelana noMthetho Kazwelonke Kwezokuthutha 
7.1. IKhabhinethi yamukele uMthetho Osadingidwa obuyekeziwe mayelana noMthetho Kazwelonke Kwezokuthutha. Lo mthetho ungena esikhundleni soMthetho Kazwelonke Wezokuthutha wangowe-1996. Umthetho obuyekeziwe ubhekana nezinguquko ezenzekile eminyakeni edlule emgwaqeni, kojantshi bezitimela, ezasolwandle kanye nezezindiza. Uqondanisa ngokubanzi izwe nezindlela zokuthutha zomhlaba, zesifunda kanye nezezwekazi. 
7.2. Umthetho usudlule ezingxoxweni ezibanzi nabo bonke ababambiqhaza abafanele. Uma usufakwe kusomqulu kahulumeni, lo mqulu ungatholakala kuwebhusayithi yoMnyango Wezokuthutha (www.transport.gov.za). 

C. IMithethosivivinywa
1. UMthethosivivinywa Wenkantolo Yezomhlaba 

1.1. IKhabhinethi lamukele ukwethulwa koMthethosivivinywa Wenkantolo Yezomhlaba ePhalamende ukuze uzocutshungulwa. UMthethosivivinywa uthola ingcweti yeNkantolo Yezomhlaba, nezahlulelo zayo, imiyalo yayo kanye nezinqumo zayo zinesikhalo eNkantolo Yezomhlaba Yokudlulisa Amacala kwingcweti ephakamisiwe. 
1.2. UMthethosivivinywa uzoxazulula izinselele okubhekenwe nazo ngaphansi koMthetho Wokubuyiselwa Kwamalungelo Omhlaba, wangowe-1994 (uMthetho wama-22 we-1994) ezifana nokusilela emuva kwezicelo zomhlaba kanye nezindlela zokuxazulula izikhalo uma ziba khona. Uzophinde usize kakhulu ekuqalisweni kokusebenza koHlelo Lwezinguquko Zomhlaba.
 
2. UMthethosivivinywa Wokuchibiyela weGesi wangowezi-2020
2.1. IKhabhinethi ikwamukele ukwethulwa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Wegesi wangowezi-2020 ePhalamende. UMthethosivivinywa ophakamiswayo ubheke ukuqondanisa imboni yegesi, phakathi kokunye, nezindlela ezintsha zobuchwepheshe bezokuthuthwa kwegesi yemvelo negesi engajwayelekile okwakungafakwanga kuMthetho Wegesi okhona, wangowezi-2001 (Umthetho wama-48 wangowezi-2001). Izichibiyelo, okuxoxiswene kabanzi ngazo nababambiqhaza abafanele, zizosiza kutshalomali lwengqalasizinda oluqhubekayo ukuqinisekisa ukwehluka kwengxube yezamandla ezwe.
2.2. UMthethosivivinywa uzodlula kwezinye izingxoxo zephalamende ukuze kuzoqinisekiswa ukuthi uvunyelwe kabanzi ukuthi uqale ukusebenza uma usugunyaziwe waba umthetho.
 
3. UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Wokugqugquzela Ukulingana Nokunqanda Ukubandlululwa Okungafanele wangowezi-2021
3.1. IKhabhinethi lamukele ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Wokugqugquzela Ukulingana Nokunqanda Ukubandlululwa Okungafanele wangowezi-2021 ukuze umphakathi uphawule ngawo. Izichibiyelo eziphakamisiwe zibhekana nokuntengantenga okukhona kuMthetho Wokugqugquzela Ukulingana Nokunqanda Ukubandululwa Okungafanele, wangowezi-2000 (Umthetho wesi-4 wezi-2000). Izichibiyelo eziphakamisiwe zizoqinisa ikhono lokunqanda ukubandlulula nokugqugquzela ukulingana kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika, njengoba kubekiwe kuSahluko se-9 soMthethosisekelo waseNingizimu Afrika wangowe-1996.
3.2. UMthethosivivinywa uzofakwa kusomqulu kahulumeni bese utholakala kwiwebhusayithi yoMnyango Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo (www.justice.gov.za).

4. UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Webhange Leposi laseNingizimu Afrika wangowezi-2020
4.1. IKhabhinethi lamukele ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Webhange Leposi laseNingizimu Afrika wangowezi-2020 ukuze umphakathi uphawule ngawo. UMthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Webhange Leposi laseNingizimu Afrika okhona, wangowezi-2010 (Umthetho we-9 wangowezi-2010).
4.2. UMthethosivivinywa uhlinzeka ngokusungulwa Kwenkampani Ephethe Amabhange Aseposini ngokwemigomo yoMthetho Wamabhange, wangowe-1990 (Umthetho wama-94 we-1990). Inkampani izohlinzeka ngokubandakanyeka kwamalungu omphakathi abekelwe eceleni ngokwezimali ukuthi abambe iqhaza elibonakalayo emisebenzini yezomnotho. Izophinde inikeze ngendawo yokuthola izinsiza zemali ezithile zikahulumeni. 

D. Imicimbi Ezayo

1. Usuku Lomhlaba Lokubungaza Abantu Besifazane
1.1. IKhabhinethi izohlanganyela nomhlaba ekubungazeni Usuku Lomhlaba Lokubungaza Abantu Besifazane mhla ziyi-8 kuNdasa 2021. Lolu suku lusetshenziswa ukucabanga ngenqubekela-phambili esiyenziwe ukuzuza ukulingana ngokobulili futhi luqondane nosuku lokubungaza iminyaka engama-25 yokwamukelwa koMthethosisekelo waseRiphabhliki yaseNingizimu Afrika wangowe-1996.
1.2. Kusukela ngowe-1994, sithathe igxathu ekuqaliseni ukusebenza kwemithetho kanye nezinhlelo ezihlose ukuthuthukisa amalungelo abesifazane futhi sisalokhu sizinikele ekuqinisekiseni ukuthi abesifazane banikwa amandla kwezomnotho. 
1.3. Ukukhumbula igalelo leqhawekazi loMzabalazo uMama u-Charlotte Maxeke enkululekweni nakuntando yabantu eNingizimu Afrika, uhulumeni umemezele unyaka wezi-2021 njengonyaka wokubungaza u-Charlotte Maxeke, okuyisiboniso sokubungaza iminyaka eyi-150 azalwa. Ebeyisishoshovu kwezenhlalo nakupolitiki enesibindi esimangazayo futhi eyingcithabuchopho. 

2. UMhlangano Wongqongqoshe Wesigungu Sabesifazane base-India, Brazil, neNingizimu Afrika (i-IBSA)
2.1.  INingizimu Afrika – eholwa nguNgqongqoshe ehhovisi likaMongameli Wabesifazane, Izingane kanye Nabantu abaphila Nokukhubazeka, uNks u-Maite Nkoana-Mashabane – izobamba iqhaza kuMhlangano wongqongqoshe Wesigungu Sabesifazane we-IBSA mhla ziyi-16 kuNdasa 2021. Umcimbi ubalulekile eNingizimu Afrika ngoba ngesikhathi esenguSihlalo Wobumbano Lwamazwe ase-Afrika ngowezi-2020 uMongameli u-Ramaphosa wayebeke eqhulwini ukuthuthukiswa kwabantu besifazane, ukusungulwa kwamabhizinisi nokulwa ne-GBVF. 
2.2. Isigungu, esasungulwa ngowezi-2007, sizohlinzeka ngenkundla lapho iNingizimu Afrika izothuthukisa imithetho yayo kanye nezindaba ezibalulekile ezithinta abesifazane. 
2.3. Umcimbi ozayo uzobanjwa ngaphansi kwengqikithi yezinhlelo zamazwe zokuvuka ezihlobene ne-COVID-19. Kuyabonakala ukuthi abesifazane bathwele umthwalo osinda kakhulu wemiphumela elimazayo yobhubhane. 

3. Inyanga Yamalungelo Abantu
3.1. UMongameli u-Ramaphosa uzokwethula inkulumo nge-inthanethi ezikhumbuzweni Zikazwelonke Zamalungelo Abantu mhla wama-21 kuNdasa 2021 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Unyaka wokubungaza u-Charlotte Maxeke: Ukugqugquzela nokuvikela amalungelo abantu ngesikhathi se-COVID-19”. 
3.2. Isikhumbuzo salo nyaka Senyanga Yamalungelo Abantu siqondana nokubungazwa kweminyaka engama-25 yokwamukelwa koMthethosisekelo waseRiphabhliki yaseNingizimu Afrika wangowe-1996, futhi sisinikeza ithuba lokucabanga ngesibindi samadoda nabesifazane ababhikisha ngomhla wama-21 kuNdasa 1960 bebhikishela ukuqedwa kwemithetho yokuphathwa kwamapasi. 
3.3. IKhabhinethi icela bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basebenzise lolu suku ukukhumbula nokuhlonipha labo abalwa emzabalazweni belwela inkululeko yethu nentando yabantu.

E. Imiyalezo
1. Ukuhalalisa

IKhabhinethi ihalalisela futhi ifisela okuhle laba abalandelayo: 

  • Abaqambi befilimu baseNingizimu Afrika befilimu, ebizwa nge-Address Unknown, ngokufinyelela Ekukhethweni Ngokusemthethweni Kumgubho Wezamafilimu e-Afrika wangowezi-2021 i-Pan African Film Festival, okungumgubho omkhulukazi nohlonishwa kakhulu wezamafilimu abamnyama eMelika. Ifilimu emfishane, ebhekiswe kubantu base-District Six, yaxhaswa phakathi kwabanye, iNhlangano Kazwelonke Yezamafilimu Namavidiyo, okuyi-ejensi yoMnyango Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko.  
  • Owazalwa e-Nigeria uDkt u-Okonjo-Iweala, owakhethwa ngo-elethu mhla ziyi-15 kuNhlolanja 2021 njengoMqondisi-Jikelele (u-DG) wesikhombisa weNhlangano Yezohwebo Emhlabeni, kusuka mhla lu-1 kuNdasa 2021. Ungowesifazane wokuqala nowokuqala ovela e-Afrika ukuba kulesi sikhundla sika-DG wenhlangano yomhlaba ebhekele imithetho yomhlaba wonke yokuhwebelana phakathi kwezizwe.

2. Amazwi enduduzo
IKhabhinethi idlulisa amazwi enduduzo emindenini nakubangani baka:

  • Thovhele Ranwedzi Gilbert Tshikalange (87) wasebukhosini bakwa-Mphaphuli e-Limpopo, iqhawe lomzabalazo wenkululeko kanye nowayephikisana nokusetshenziswa koMthetho Wokuphathwa Kwabamnyama wangowe-1927. Wahola ukudutshwa kokukhokhelwa kwentela i-Tax Levy Boycott kusuka ngonyaka we-1964 kuya kowe-1969. Waxoshwa wadingiselwa e-Kuruman eNyakatho Kapa kusuka ngowe-1969 kuya kowe-1974. 
  • Ekubuyeni kwakhe endaweni yakubo, waphinde wahlonywa ngomyalelo wokuvinjelwa wabe eseboshelwa endlini elokishini lase-Makwarela kwiSifunda Sikamantshi i-Sibasa kusuka ngowe-1974 kuya kowe-1976. Ngonyaka we-1987, kanye nabanye omakadebona boMzabalazo nabaholi bendabuko abaphambili, basungula iQembu Labaholi Bendabuko eNingizimu Afrika (i-Contralesa) futhi wakhethwa njengoMhleli Kuzwelonke.
  • Abasebenzi abathathu base-ArcelorMittal – uMnu u-Lesenyeho Mofokeng (31), uMnu Thami Sampo Molefe (52) kanye noMnu Mpho Meshack Madumisa (29), abashone kabuhlungu ngesikhathi isakhiwo esise-Vanderbijlpark lapho bebesebenzela khona siwa kulandela ukuqhuma okwenzeka ngoLwesithathu, mhla we-17 kuNhlolanja 2021. Abahloli nabokugcinwa komthetho boMnyango Wezemisebenzi Nabasebenzi sebeqalise uphenyo ngalesi sehlakalo. IKhabhinethi inxusa zonke izinkampani ukuthi zibeke eqhulwini ukuphepha kwabasebenzi nokuhlale njalo behlola izinhlelo zabo zokusebenza ukuqinisekisa ukuthi abasebenzi abekho engcupheni. 
  • Inxusa uThemba Muziwakhe Nicholas Kubheka (72), odlule emhlabeni ngoMasingana eMgungundlovu, KwaZulu Natali. INxusa uKubheka wasebenza njengeNxusa laseNingizimu Afrika ezweni lase-China, e-Denmark kanye nase-Angola. Waphinde wasebenza njengengcweti Kwezobudlelwano kuHulumeni Nokwengamela Ngokubambisana ehhovisi likaSihlalo Womkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe ePhalamende. Waya ekudingisweni ngeminyaka ye-1970 futhi waqeqeshwa e-Angola ngowe-1977 njengelungu loMkhonto weSizwe, owaziwa ngegama mbumbulu elithi u-Aaron Mnisi. 

F. Abaqashiwe
Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe maqondana nezimo zokulandela umthetho.

1. Ibhodi labaQondisi le-Amatola Water
a. Mnu Mncedisi Malotana;
b. Nks Buhle Tonise;
c. Mnu Abraham Pieter le Roux;
d. Dkt Mosidi Makgae;
e. Mnu Zamikhaya Xalisa;
f. Nkosazana NomaXhosa Jongilanga;
g. Dkt Gaathier Mahed;
h. Nks Tabiso Wana;
i. Mnu Mxolisi Joe Skosana; 
j. Mnu Makgobi Ramushu; kanye no
k. Nks Lebogang Letsoale.

2. USihlalo nePhini likaSihlalo weBhodi labaQondisi beSikhwama Sezingozi Zomgwaqo: 
1.  Nks Thembi Msibi; no
2. Dkt Nomonde Mabuya.
3. Nks Nomkhita Mona – UMphathi Omkhulu (i-CEO) wezamaPosi eNingizimu Afrika.
4. Mnu Moegamat Ishaam Abader – i-CEO yeNhlangano Yesimo Sezulu eNingizimu Afrika.
5. Mnu Zolani Kgosietsile Matthews – i-CEO ye-Ejensi Yezabagibeli Bezitimela eNingizimu Afrika. 
6. Nks Melanie Rambally – Umphathi Omkhulu Kwezezimali wase-SENTECH.
7.  Ummeli Boyce Mkhize – Umphenyi wezikhalazo omkhulu: woKuphenywa Kwezikhalazo Kwizikimu Zomphakathi, uMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu, Amanzi kanye Nokuthuthwa Kwendle. 

Imibuzo:
Nks Phumla Williams
Iselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore