Isitatimende somhlangano wekhabhinethi obubanjwe nge-inthanethi ngoLwesithathu, Mhla wesi-9 kuMandulo 2020

A. Ezisematheni
1. Ezakamuva ngesifo segciwane le-Corona (i-COVID-19) 

1.1. IKhabhinethi iyakwamukela ukwehla kwamanani ezigameko ezintsha eziqinisekisiwe ze-COVID-19 emavikini ambalwa edlule kanye nezinga elingcono kakhulu lokululama eselenyuke ngama-87%. Inani labantu abadinga ukulaliswa ezibhedlela zethu kanye nabafuna ukuhlolelwa i-COVID-19 nalo lehlile. 
1.2. IKhabhinethi ibonga bonke abantu baseNingizimu Afrika ngokudlala indima yabo ekuthobeleni imikhawulo yokunciphisa ukutheleleka ngegciwane. Sincoma ukuzinikela nokuzidela kwabo bonke abasebenzi bezempilo abebelokhu behamba phambili ekulweni negciwane.      
1.3. Masakhe kuwo lo mfutho wezindaba ezigqugquzelayo futhi siqhubeke nokusebenza ngokubambisana ukwenza izinto ezilungile ngokungaguqukiyo, ezifana nokuziqhelelanisa kwabanye abantu, ukugqoka isifonyo uma uphakathi kwabantu, nokuhlanza izandla ngensipho namanzi noma usebenzise isibulali-magciwane esine-alkhoholi. 
1.4. IKhabhinethi igqugquzela bonke abantu eNingizimu Afrika ukuthi bafake komakhalekhukhwini babo i-App yamahhala ye-COVID Alert SA etholakala ku-Apple App Store noma ku-Google Play. UMnyango Wezempilo wethule le-app njengenye yendlela yokwazisa abantu baseNingizimu Afrika uma beke baba sendaweni eyodwa nomuntu one-COVID-19. I-app iqinisa ukulwa kwethu njengesizwe ekulweni nokubhebhetheka kwegciwane.  
1.5. IKhabhinethi iphinde yavuma ukunwetshwa kwesimo senhlekelele sikazwelonke ukuya mhla we-15 kuMfumfu 2020 ngokweSahluko 27(5)(c) soMthetho Wokulawulwa Kwenhlekelele, wangowezi-2002 (Nmbl 57 wezi-2002). Lokhu kwenzelwa ukuqhubeka nokusebenza kwemithethonqubo esasebenza ukulawula ukubhebhetheka kokusuleleka nge-COVID-19. 
 
2. Udlame Olubhekiswe Kubulili Obuthile (i-GBV)
2.1. Isihlava se-GBV siyaqhubeka nokubhubhisa isizwe sakithi ngokuhlaselwa ngodlame okunesihluku nokubulawa kwabesifazane. Izisulu zakamuva zalolu dlame olusabekayo zibandakanya umlingisi uThandeka Mdeliswa (34) owadutshulwa ekhaya lakhe e-Evander, eMpumalanga kanye nowesifazane oneminyaka engama-28 ubudala owabulawa ngumyeni wakhe ngesikhathi ebika ngodlame lwasekhaya esiteshini samaPhoyisa e-Madeira eMpumalanga Kapa. IKhabhinethi ifuna ubulungiswa benzeke kula macala kanye namanye abikiwe.
2.2. IKhabhinethi isanda kuvuma imithetho emithathu ukuthi iqinise ukulwa ne-GBV. OkuyiSichibiyelo soMthetho-sivivinywa Wodlame Lwasekhaya; Isichibiyelo soMthetho-sivivinywa Wamacala Ezobugebengu Nahlobene Nawo wangowezi-2020; uMthetho Wamacala Ezobugebengu (Amacala Ezocansi Nahambisana Nawo) Isichibiyelo soMthetho-sivivinywa wangowezi-2020. Le mithetho isiza ekuqinisekiseni ukuvikelwa ngempumelelo nangendlela ekahle kwezisulu zodlame lwasekhaya kanye ne-GBV.         
 
3. Isikhangisi sakwa-Clicks        
3.1. IKhabhinethi likhathazeke kakhulu ngesikhangisi esiphazamisayo esishicilelwe kuwebhusayithi yakwa-Clicks, esenze kwabhebhetheka intukuthelo emphakathini. IKhabhinethi isithole lesi sikhangisi ngempela ukuthi siyahlambalaza futhi siyacwasa ngokwebala.
3.2. Izinwele ezimnyama zibe ngundaba-mlonyeni kwezombusazwe futhi beziyisisusa sokubandlululwa okungekho emthethweni emlandweni wethu wakamuva nje. Umlando wesizwe sakithi ungcoliswa imithetho nezinkambiso zomphakathi ezilinganisa 'ukuba mnyama' nezinye izici zomzimba - isibonelo, isikhumba esimnyama, izinwele ezihlangene nezisongene - nophawu lokubukeleka phansi. 
3.3. Ngakho-ke siyazamukela izinyathelo zezilungiso ezenziwe ngu-Clicks. Okubandakanya ukuzinikela kwabo ukusebenza nohulumeni ukukhuthaza imikhiqizo yalapha eNingizimu Afrika kuzo zonke izitolo zabo nokusebenza ngokubambisana nabathumeli bezimpahla babo ukuthi bakhuthaze amagugu omthethosisekelo njengoba kubekiwe kuMthethosisekelo waseNingizimu Afrika wangowe-1996. Bazophinde babe nohlelo lokuqeqesha mayelana nokuhlukana nokubandakanya kwabaphathi nabasebenzi babo bonke. 
3.4. IKhabhinethi icela wonke ama-ejensi okukhangisa akwa-Clicks kanye nezinye izitolo ukuthi nabo balandele izinhlelo eziphathekayo ezikhuthaza futhi zivikele amalungelo abantu, ziphinde ziqwashise ngezingqinamba ezidelelekile zokucwasa ngokwebala, ukungalingani kanye nobandlululo. 
3.5. Yonke imikhakha emphakathini wethu kumele ivumele ukusebenzisana neminyango kahulumeni kanye nezikhungo ezingaphansi kweSahluko Sesishiyagalolunye Somthethosisekelo ekuqaliseni imikhankaso efundisa ngokulwisana nokucwasa ngokwebala kanye nokulwisana nobandlululo.
3.6. Ngokulingana, uhulumeni ukhumbuza bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi ilungelo lokukhuluma uzwakale ngokulwisana nokungabikho kobulungiswa ngaphandle kokwesaba ukujeziswa libhaliwe kuMthethosisekelo wethu. Kodwa-ke, ilungelo lokubhikisha lihambisana nesibopho esifanayo ukuthi ubhikishe ngokuthula nangaphandle kokuphazamisa amalungelo abanye abantu. Uhulumeni uyazigxeka izenzo zokucekelwa phansi kwezitolo zakwa-Clicks. Lezi zenzo ezingekho emthethweni zibukela phansi umoya wamalungelo abantu osuwenze leli lizwe laba yilokhu eliyikhona kusuka kwaqala intando yeningi labantu. 
3.7. INingizimu Afrika isebenza ukuthi ikhulise umnotho futhi angeke ikwazi ukubeka engcupheni ukulahlekelwa imisebenzi ngenxa yokuvalwa kwamabhizinisi. Ukungabinamthetho nokucekelwa phansi kwempahla yendawo ezimele nekahulumeni akumele kuxolelwe njengoba kungeyona indlela elungile neyakhayo yokuxazulula impikiswano.
 
4. Umnotho
4.1. Ukwenyuka ngamandla Kwesamba Somkhiqizo Wezwe weKwata lesi-2 waya ezingeni le-16,4% wenyukela kuma-51,2% ngonyaka ngenxa ye-COVID-19, kukhuphule ingcuphe yokufinyelela kwiSabelomali Esengeziwe esiqageliwe esikhule ngama- (-7.2%) ngowezi-2020.   
4.2. Lokhu kuqinisekisa ukunemba kwesinqumo sikahulumeni sokuqalisa ngokuphuthuma uhlelo lokufukula umnotho, ngokusebenza ngokubambisana nabo bonke abamele umphakathi ukubeka umnotho emkhondweni ongcono wokukhula.
4.3. Isu, elizoholwa ingqalasizinda, lizobandakanya ukuqaliswa kokusebenza kwezinguquko zezakhiwo okudingekayo.
 
5. Ukudlula emhlabeni kuka-Nathaniel Julius
5.1. IKhabhinethi idlulisa amazwi enduduzo emndenini ka-Nathaniel Julius, umfana oneminyaka eyi-16 ubudala owadutshulwa wabulawa ngamaphoyisa e-Eldorado Park. 
5.2. Ukuboshwa kwamaphoyisa amathathu ngaboPhiko Oluzimele Oluphenya Izenzo Zamaphoyisa (i-IPID) ngamacala okubulala kanye nokuvimbela ukusebenza kwengalo yomthetho kuqinisekisa isimiso esiyisisekelo sokuthi akekho umuntu ongaphezu komthetho. 
5.3. IKhabhinethi icela umphakathi wase-Eldorado Park ukuthi usize i-IPID futhi uqhubeke nokusebenza ngokulandela uhlelo lwezobulungiswa ukuqinisekisa ukuthi ubulungiswa buyenzeka.
 
6. UMbiko woMcwaningi-mabhuku Jikelele (u-AG) ngemisebenzi emayelana ne-COVID-19
6.1. Umbiko ka-AG wakamuva nawo ubonise ukuthengiselana okungahambi ngendlela eyejwayelekile nokungekho emthethweni ngemali yokusiza ye-COVID-19 eyethulwa nguhulumeni ukususa umthwalo kwezomnotho kanye nokunqanda ukubhebhetheka kwegciwane. 
6.2. Okutholakele kuzodluliselwa kwisikhungo esakhiwe ngama-ejensi amaningi i-Fusion Centre esijutshwe ngomsebenzi wokuphenya ngokukhwabanisa nenkohlakalo ehlobene ne-COVID-19. Okutholakele kubandakanya ukukhushulwa kwamanani empahla, abasebenzi bakahulumeni abafaka izicelo zosizo lwemali okungafanele baluthole, ukukhwabanisa kanye nokushaya indiva kwemithetho nemithethonqubo yokulawula ukuthengiswa kwempahla.
6.3. IKhabhinethi isamile kwisisombululo sayo sokuqhubeka nokuthungatha ngokuzimisela bonke labo abatholakale bexhaphaza lezi zimali kungakhathalekile ukuthi bangobani. Amaphutha adalulwa umphakathi ngolwazi olushicilelwe kuwebhusayithi yoMnyango Wezezimali (www.treasury.gov.za) azolandelelwa neminyango efanele.
 
B. Izinqumo zeKhabhinethi
 
1. Ukungenelela kuGuquguquko Lwesimo Sezulu Kuzwelonke

1.1. IKhabhinethi ikuvumile ukusungulwa kweKhomishana Yokuxhumanisa KaMongameli Ngokuguquguquka Kwesimo Sezulu. Lokhu kuhambisana Nesivumelwano soHlaka Lwengqungquthela KaMongameli Yemisebenzi ngowezi-2018. Ikhomishana izoba ngumxhumanisi ekuguquleni izwe lakithi liye esimweni sezulu esinekhabhoni encane kanye nomnotho nomphakathi obekezelayo ngowezi-2050.
1.2. Ukwakheka kwekhomishana kuzomelwa nguhulumeni, abamele umphakathi, izinhlangano zomphakathi kanjalo nongoti abaphuma ezikhungweni zezifundiswa nezocwaningo. INingizimu Afrika isayine isivumelwano noHlaka Lwamazwe Abumbene Kwisivumelwano Sokuguquguquka Kwesimo Sezulu (i-UNFCCC).  
1.3. IKhabhinethi ikuvumile ukulethwa kweqhingasu lezwe lokuThuthukiswa Kokunciphiswa Kokungcola (i-LED) kuMabhalane we-UNFCCC. Leli qhingasu le-LED lizokwenza ngcono umthetho wokuthuthukisa ukuguquguquka kwesimo sezulu kuzwelonke ngendlela ehlelekile, ehambelanayo nenamasu. Lihlinzeka ngezindlela zokunciphisa ezigxile kwimikhakha emine ebalulekile yomnotho, okuyiZimbiwa, Izimboni, Ezolimo, Amahlathi Nokusetshenziswa Komhlaba; kanye Nodoti.
 
2. Iqhingasu Likazwelonke Lokulawulwa Kodoti (i-NWMS) langowezi-2020
2.1. IKhabhinethi ivumile i-NWMS yangowezi-2020 ukuthi ingene endaweni yangowezi-2011. Iqhingasu lokulawulwa kodoti liqalisa ukusebenza koMthetho Kazwelonke Wokulawulwa Kwemvelo, wangowezi-2008 (Umthetho wama-59 wezi-2008). Lilawula izinhlelo zokuvikela imvelo. Liqhubela phambili ukukhuliswa komnotho okusimeme nokungalimazi imvelo, okubandakanyayo, ngokugxila ezinhlakeni ezintathu - ukunciphisa udoti, izinsiza ezisebenzayo nezisimeme, kanye nokuqwashisa ngodoti nokuthobela umthetho.
 
3. Amakolishi Ezolimo 
3.1. IKhabhinethi ikuvumile ukusungulwa kwamakolishi ezolimo njengempumelelo yamaKolishi Emfundo Ephakeme ngokoMthetho Wemfundo Ephakeme, wangowe-1997 (101 wangowe-1997), njengoba wachitshiyelwa.   
3.2. Amakolishi ezolimo - okuyimanje angaphansi koMnyango Wezolimo, Ukuguquka Komhlaba kanye nokuThuthukiswa Kwezindawo Ezisemakhaya - ahlinzeka ngezinhlelo ezihambisana neziqu zemfundo ephakeme ebandakanya ukuqeqeshwa kwamakhono kanye nezinhlelo zokufundela umsebenzi. Ukuthuthwa kabusha kwalama kolishi ayiswe kuMnyango Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqeshwa kuzowaqondanisa noMthetho obekiwe Wezemfundo Ephakeme wangowe-1997 futhi uzokwenza ngcono ukuphatha nokulawula kwawo.
 
4. Umbiko wangowezi-2017/18 Wohlelo Locwaningo nokuthuthukiswa Komvuzo Wentela. 
4.1. IKhabhinethi ikuvumile ukulethwa kombiko wangowezi-2017/18 Wohlelo Locwaningo nokuThuthukiswa Komvuzo Wentela. Ucwaningo lubonisa ukusetshenziswa komvuzo yizinkampani ukuze zikhuthaze ucwaningo nokuthuthukisa emikhakheni ekuyo. Lolu hlelo lomvuzo wentela lwethulwa okokuqala ngoLwezi 2006. Ngokombiko, kusuka ngoLwezi 2006 kuya kuNhlolanja 2018, ezinkampanini eziyi-1 091 ezafaka izicelo zokwesekwa, ezingama-902 zathola lomvuzo wentela. Umbiko ogcwele uzotholakala uma sewethulwe ePhalamende. 
 
5. UMthetho Odingidwayo Ngohlaka loMthetho Ngezinsiza Eziqukethe Okulalelwayo Nokubukwayo
5.1. Ikhabhinethi ikuvumile ukushicilelwa koMthetho Odingidwayo Ngohlaka Lomthetho ngezinsiza Eziqukethe Okulalelwayo Nokubukwayo: Umbono Omusha weNingizimu Afrika wangowezi-2020, ukuze unikezelwe emphakathini uphawule ngawo. 
5.2. UMthetho Osadingidwa, phakathi kweminye, uphakamisa imithetho emisha nezinguquko zokulawula kanye nezincomo ezihlose ukubeka kabusha imikhakha yabezindaba ezilalelwayo nezibukwayo ukuthi ikhule futhi ikhuthaze utshalo-mali.
 
6. Ukuguqulwa Kwezindawo Zamagugu
6.1. IKhabhinethi yatshelwa kafushane ngenqubekelaphambili eyenziwe ithimba elajutshwa eliholwa nguMnyango Wezemidlalo, Ezobuciko Namasiko ekuguquleni izindawo zamagugu. Ithimba lifuna ukubheka izindawo zamagugu ezikhona njengamanje, nokuthi iKhabhinethi licabangani ngomlando nobugugu boMthethosisekelo wethu. 
6.2. Ithimba lenza izincomo ngemifanekiso/ngamatshe ezikhumbuzo okumele zamukele imigomo yeNingizimu Afrika entsha yentando yeningi labantu. Liphakamisa ukubekwa kwemifanekiso yomlando emapaki azotholakala kulolonke leli lizwe. Ucwaningo oluphelele lwayo yonke imifanekiso, izimpawu kanye namatshe ezikhumbuzo kuzokwenziwa futhi umphumela uzobe sewuhlahla indlela ekuqokweni kwamapaki azokwakha isizwe ngokwamasiko. 
6.3. IKhabhinethi iyawuvumela lomsebenzi, ozofaka isandla ekwakheni isizwe futhi uqinisekise ukuthi izindawo zomphakathi zibonisa amagugu omthethosisekelo emva kobuqonela kanye nasemva kobandlululo. Amapaki azokwakha isizwe ngokwamasiko azobeka yonke imininingwane yomlando etshengisa ubuqonela kanye nobuciko obubonisa ubandlululo ukuze izizukulwane ezizayo ziluthole.
 
C. Imiyalezo
1. Ukuhalalisa

Ikhabhinethi ihalalisela futhi ifisela okuhle laba: 
1.1. UMqondisi-Jikelele (u-DG) waphambilini eHhovisi likaMongameli kanye noMabhalane weKhabhinethi, uDkt Cassius Lubisi, njengoba eshiya kuHulumeni ethatha umhlalaphansi emva kokusebenza njengomsebenzi kahulumeni oyisibonelo eHhovisi likaMongameli naKwaZulu Natali. UDkt Lubisi ushiya emuva ifa lokusebenzela abantu baseNingizimu Afrika ngobuqotho, ngendlela kanye nangesibindi.
1.2. U-DG WoMnyango Wezempilo waphambilini, uDkt Precious Matsoso, ekubekweni njengelunga lephaneli leNhlangano Yezempilo Yomhlaba Ekulungeleni Nasekubhekaneni Nobhubhane. 

2. Amazwi enduduzo
Ikhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo kulaba:

2.1. umndeni nezihlobo zembongi kanye nesishoshovu sezepolitiki uMnu Achmat Dangor owasebenzisa ikhono lake lokubhala ukuvumbulula ukungabi nabulungiswa kukahulumeni wobandlululo waba yizwi lalabo abangakwazi ukuzikhulumela. 
2.2. umndeni, izihlobo kanye nozakwabo abebesebenza noNkz Nyameka Goniwe, uMkhulumeli we-Inxuba Yethemba Municipality eMpumalanga Kapa nongumfelokazi wesishoshovu soMzabalazo, uTata Matthew Goniwe. 
2.3. umndeni nezihlobo zikaDokotela Jikelele Ohlinzayo osethathe umhlalaphansi woMbutho Kazwelonke Wezokuvikela, u-Lieutenant-General Vejay Ramlakan, ophinde waba negalelo enkululekweni yabo bonke abantu baseNingizimu Afrika.
2.4. umndeni nezihlobo zikaMnu Petrus Meyer, owaziwa kakhulu ngelika-Oom Piet, waseNtshonalanga Kapa, kanye neNxusa uKgozi Mohlamme Piet Mathebe kanye noMnu David Mbulaheni Malada waseLimpopo. Laba bantu baseNingizimu Afrika abakhethekileyo banikela izimpilo zabo emzabalazweni wenkululeko kanye nentando yeningi yabantu eNingizimu Afrika. 
2.5. umndeni nezihlobo zesishoshovu esaziwayo samalungelo abantu uMmeli u-George Bizos, odlule emhlabeni eneminyaka engama-92. Ebeyingqalabutho yomzabalazo olwa nobandlululo eNingizimu Afrika. UMmeli u-Bizos wasebenza njengomeluleki wezomthetho kaNelson Mandela iminyaka eminingi futhi wayephakathi kwephaneli yabameli eyayimele abamangalelwa ecaleni le-Rivonia Trial. 
 
Wabungazwa njengommeli wamalungelo abantu futhi wayeyilungu elasungula isikhungo i-Legal Resources Centre, okuyinhlangano yamalungelo abantu. 
 
D. Abaqashiwe
Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.
 
1. U-Lieutenant General u-Tebello Constance Mosikili njengeSekela-Mphathi Kuzwelonke woPhiko Oluphenya Ngamacala Aseqhulwini.
2. UMnu Trevor Rammitiwa njengoMphathi Omkhulu we-National Electronic Media Institute of South Africa.
 
Imibuzo:
Nks Phumla Williams - uMkhulumeli weKhabhinethi 
Iselula: 083 501 0139

 

Share this page

Similar categories to explore