Isitatimende soMhlangano weKhabhinethi obubanjwe nge-inthanethi ngoLwesithathu, mhla zi-3 kuLwezi 2021

A.    Izindaba Ezisematheni
1.    Ukhetho Lohulumeni Basekhaya lowezi-2021 (i-LGE)


1.1.    IKhabhinethi libonge bonke abavoti abafanelekile abavotile oKhethweni Lohulumeni Basekhaya lowezi-2021 obelubanjwe ngoMsombuluko mhla lu-1 kuLwezi 2021. Lolu khetho luqophe iminyaka engama-21 kwasungulwa uhlelo lohulumeni basekhaya lwentando yeningi labantu eNingizimu Afrika. 
1.2.    Sikushayela ihlombe ukubekezelelana, isithunzi kanye nokubekezela okuboniswe ngabavoti kwaze kwaba sekugcineni ngoSuku Lokuvota. Indlela engenazihibe aqhudelane ngayo amaqembu ezepolitiki oKhethweni Lohulumeni Basekhaya kanye nokubonakala kwabantu abasha abebengenele ukhetho bemele amaqembu abo, ikakhulukazi abesifazane, iwubufakazi bentando yeningi labantu enomdlandla futhi esebenza kahle.
1.3.    IKhabhinethi liyincomile iKhomishana Yokhetho Ezimele yaseNingizimu Afrika, amaqembu ezepolitiki wonke, amalungu omphakathi kanye nabomthetho kuleli lizwe ngokusebenza kwabo ngokubambisana ekuqinisekiseni ukubanjwa kokhetho olunokuthula. IKhabhinethi libancomile futhi nabezindaba ngendima yabo esemqoka abayidlalile yokuhlinzeka abavoti ngolwazi olufanelekile ukubalekelela ekusebenziseni ilungelo labo lentando yeningi labantu lokuzikhethela abaholi bohulumeni basekhaya abafunwa yibona.
1.4.    IKhabhinethi likhumbuze bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba baqinise intando yeningi labantu kuleli ngokuthi babambe iqhaza ngenkuthalo kwizithangami kanye nezikhungo eziqinisekisayo ukuthi labo abakhethiwe bayaphendula ngemisebenzi yabo. Libanxusile labo abasanda kukhethwa ukuba bagcine izethembiso zabo zokhetho futhi basebenzele bonke abantu ngokulinganayo futhi ngaphandle kokukhetha iphela emasini.

2.    Umdlandla wokuthathwa kwemigomo

2.1.    IKhabhinethi libashayele ihlombe labo bantu baseNingizimu Afrika abaqoke ukuzivikela futhi bavikele nabathandiweyo babo ngokugomela ubhubhane lweSifo segciwane le-Corona (i-COVID-19). Kuze kube manje izwe lethu selikhiphe imithamo yomgomo eyevile ezigidini ezingama-22.
2.2.    Abantu abathathu kwabahlanu abaneminyaka engaphezu kwama-50 ubudala manje sebegonyiwe kuleli. Kumele sifinyelele kubantu abahlanu kwabahlanu kulelo qembu labantu abaneminyaka engaphezu kwama-50 ubudala asebegonyiwe, ngaphambi kokuphela konyaka, ukuze sidodobalise amandla ehlandla lesine lokutheleleka kwabantu elibikwayo okulindeleke ukuthi lifike kuleli.
2.3.    Impelasonto Yokugoma i-Vooma Vaccination Weekend ezayo, ezobanjwa kusukela mhla ziyi-12 kuya kumhla ziyi-14 kuLwezi 2021, ihlinzeka ngethuba kubantu abangakagonywa lokuba nabo bazibandakanye empini yezwe lethu yokulwisana ne-COVID-19 ngokuthi bazitholele imigomo enikezwa mahhala kunoma yiziphi izizinda zokugoma ezweni lonkana.
2.4.    IKhabhinethi likhumbuze abantu ukuba baqinisekise ukuthi bayawuthola umthamo wesibili womgomo wakwa-Pfizer ukuze bavikeleke ngokuphelele. Imigomo iyalekelela ekunqandeni nokuvimbela ukugula okubucayi, ukulaliswa esibhedlela noma ukufa ngenxa ye-COVID-19.

3.    Ezamandla kagesi

3.1.    IKhabhinethi liyavuma ukuthi likubonile ukuthikamezeka nokuphazamiseka abahlangabezane nakho abantu baseNingizimu Afrika kamuva nje ngenxa yokucinywa kukagesi ngezikhawu nezikhathi ezithile ngenhloso yokuwonga. UMnyango Wezamabhizinisi Kahulumeni usebenzisana kakhulu neBhodi lakwa-Eskom kanye nabaphathi ukuqinisekisa ukuncishiswa kobude besikhathi sokucinywa kukagesi nsuku zonke ngenhloso yokuwonga kanye nesikhathi okuyodingeka ngaso ukuthi kwenziwe lokhu kungenelela.
3.2.    UMnyango Kamgcinimafa Kazwelonke usebenzisana nabakwa-Eskom ngenhloso yokubanikeza izaphulelo-ntela ezifanelekile ukuze bakwazi ukuthenga izinsimbi ezidingekayo emsebenzini wokulungisa nokugcina izikhungo zabo zisebenza ngendlela efanele. Futhi ikhona inqubekela-phambili abayenzayo abakwa-Eskom ekuqasheni kabusha abasebenzi abanamakhono – kubandakanya nabaphathi bezikhungo eziphehla ugesi – ngenhloso yokulekelela le nkampani yamandla kagesi ukuba ikwazi ukwenza inqubekela-phambili kuleso naleso siteshi samandla kagesi ngasinye kanye nakuyo yonke imisebenzi eyenziwayo yokuqhuba ibhizinisi.
3.3.    Esikhathini esimaphakathi, uhulumeni uqalisa izinhlelo zokungenelela eziningana ukuze kuxazululwe izinselele zamandla kagesi ezibhekene naleli lizwe futhi wenza konke okusemandleni akhe ukuqalisa ngesikhathi esifushane ngangokunokwenzeka ukusebenza kwezikhungo ezintsha eziphehla amandla kagesi.
3.4.    Izinhlelo zokungenelela zibandakanya:

  • ukususwa komkhawulo obekelwe izinkampani ukuze zizikhiqizele owazo ugesi ngaphandle kwelayisensi kuze kuyofinyelela kumamegawathi (ama-MW) ayi-100;
  • ukumenyezelwa kwezinkampani eziyi-11 eziphumelelile ukuthola ithenda lokuphakela ugesi ngaphansi koHlelo Lokunciphisa Ubungozi Bokushoda Kwamandla Kagesi Ngokuthenga Ugesi Kubahlinzeki Bakagesi Abazimele, phecelezi, i-Risk Mitigation Independent Power Producer Procurement Programme; kanye
  • nohlelo lwamandla kagesi ovuselelekayo i-Bid Window Five okuhloswe ngalo ukuthenga amandla kagesi ongamamegawathi ayizi-2 600 ophehlwe emiklameni emisha yokuphehla amandla kagesi ngomoya kanye nelanga.

3.5.    Nakuba iKhabhinethi likwazi kahle kamhlophe ukuthi izinselele zamandla kagesi ezikhona njengamanje zidala ukukhathazeka futhi zikuphazamisa kakhulu ukukhula komnotho, linethemba lokuthi izinyathelo eziphathekayo nezinohlonze ezithathwa nguhulumeni ukuhlela kabusha kanye nokuqinisa uhlelo lwethu lukagesi ekugcineni zizowaphucula, ziwathuthukise amandla aleli lizwe okukhiqiza nokuphakela ugesi owanele.

4.    Utshalomali

4.1.    INingizimu Afrika iyaqhubeka nokusebenza kahle kakhulu njengezwe eliyintandokazi kubatshalizimali, njengoba iheha amanye amabhizinisi angungqaphambili emhlabeni ukuba anwebe imisebenzi yawo kuleli.
4.2.    Inkampani i-Toyota South Africa seyethule ifemu yayo ekhiqiza izimoto, edle imali eyizigidigidi ezingu-2,6 zamarandi, eThekwini KwaZulu-Natali. Le femu izokhiqiza, eNingizimu Afrika, uhlobo oluyingqayizivele lwezimoto zikagesi ezisebenza ngakho kokubili uphethiloli nogesi, ezakhelwe ukuthengiswa ngobuningi ezimakethe. Lokhu kuyingxenye yezethembiso nezibophezelo zokukhuphula amazinga otshalomali lwayo ezenziwe yile nkampani ngaphansi kohlelo-ngqangi lwemboni yezimoto.
4.3.    Ukwethulwa kwalolu tshalomali kuhambisana nesimemezelo senkampani yamazwe ngamazwe yase-Sweden epakisha futhi ilungise imikhiqizo yokudla, i-Tetra Pak, sokuthi izotshala imali eyizigidi ezingama-500 zamarandi ngenhloso yokukhulisa nokuthuthukisa amandla ayo okukhiqiza efemini yayo epakisha impahla eThekwini.
4.4.    Abakwa-Aspen Pharmacare bavule uchungechunge lwabo olusha lwezidambisi-nhlungu olukhiqiza i-Diprivan kuleli njengengxenye yotshalomali oluyizigidigidi ezingu-3,2 zamarandi, ekwakheni isikhungo sokukhiqiza esisezingeni lomhlaba esingenawo amagciwane, futhi osekuguqule isizinda sale nkampani eGqeberha eMpumalanga Kapa saba ngesinye sezizinda zokukhiqiza imithi yokwelapha esithuthuke kakhulu ezwekazini lase-Afrika. Ngaphambilini lesi sidambisi-zinhlungu besithengwa emazweni angaphandle silethwe kuleli futhi sisetshenziswa kwizinqubo ezijwayelekile zokwelapha nokuhlinza iziguli ezibhedlela zaseNingizimu Afrika, futhi sisetshenziselwa nokwelapha iziguli ze-COVID-19 ezixhunywe imishini yokuphefumula ezilaliswe emagunjini abagula kakhulu.
4.5.    IKhabhinethi lilwamukelile futhi notshalomali olufakwe yinkampani eyakha izimoto, i-Isuzu Motors, emnothweni wezwe. Abakwa-Isuzu Motors South Africa bethule ifemu ekhiqiza izimoto e-Struandale eGqeberha. Abakwa-Isuzu batshale imali eyizigidigidi ezingu-1.2 zamarandi ohlelweni lwabo lwezimoto ezingamaveni zikanokusho futhi ezingezesimanjemanje eNingizimu Afrika ezizothunyelwa ezimakethe zaseNingizimu Afrika kanye nasemazweni ase-Afrika aseningizimu yogwadule i-Sahara. 
4.6.    Ifemu yakwa-Isuzu izovula amathuba omsebenzi ayi-1 000 azokwakheka ngqo emisebenzini yokukhiqiza esikhungweni sayo sokusebenzela esise-Gqeberha, kanye nasezinkampanini ezithengisa izimoto kuleli nasemazweni angaphandle ezingaphansi kwayo, kanti futhi kuzodaleka namathuba omsebenzi abalelwa kwizi-25 000 kubahlinzeki-mkhiqizo bale nkampani abangamakhulu ngamakhulu abathe chithi saka ezweni lonkana.  
4.7.    Lolu tshalomali oluthathu luzothuthukisa uhlelo lokukhiqiza imikhiqizo ngaphakathi kuleli kanye nasezindaweni zakuleli olwamenyezelwa ngaphansi koHlelo Lokwakhiwa Kabusha Nokuvuselelwa Komnotho nguMhlonishwa uMongameli u-Cyril Ramaphosa ngoMfumfu 2020. Luzokwengeza izigidigidi ngezigidigidi zamarandi zomkhiqizo wonyaka kwisambamkhiqizo seNingizimu Afrika. Olubili kulolu tshalomali kwakuthenjiswe ngalo kwiNgqungquthela Yotshalomali yaseNingizimu Afrika edlule, futhi manje lawa mafemu aseqalile ukukhiqiza, ngalokho-ke sekwakheke namathuba omsebenzi amasha amaningana.

5.    Izicelo zowezi-2022 zoHlelo Lukazwelonke Lokuxhasa Abafundi Ngezimali (i-NSFAS) 

5.1.    IKhabhinethi likhumbuze abafundi kanye nabantu abasha asebeyiphothulile imfundo yasesikoleni abavela emakhaya ahlwempu kanye namakhaya abasebenzi abenza imisebenzi esesigabeni esiphansi ukuba bafake izicelo zabo zoxhaso lwezimali lonyaka wokufunda wezi-2022. Izicelo zoxhaso-mali lwe-NSFAS zizovalwa ngoLwesihlanu mhla ziyisi-7 kuMasingana 2022.
5.2.    Inqubo yokufakwa kwezicelo ivulelekile nakulabo bafundi asebebhalisile kakade ezikhungweni zemfundo ephakeme, kodwa abangenalo uxhaso-mali futhi abafanelekile ukuthola uxhaso-mali lwe-NSFAS.
5.3.    Ukuze uthole ulwazi oluthe xaxa mayelana nokuthi sifakwa kanjani isicelo soxhaso-mali, shayela ku-08000 67327 noma uvakashele ku-www.nsfas.org.

6.    Udlame olubhekiswe kwabobulili obuthile kanye nokubulawa kwabantu besifazane (i-GBVF)

6.1.    IKhabhinethi liyasamukela isigwebo sodilika-jele abathathu esigixatshezwe umdlwenguli futhi ongumbulali uMfanasibili Cornelius Mnisi (29) wuPhiko lwaseMpumalanga lweNkantolo Ephakeme eMbombela esikhathini esifushane esedlule. Lesi sigwebo esiqatha sibonisa ngokucacileyo inqubo-kusebenza yohlelo lwezobulungiswa nokulwisana nobugebengu yokungayibekezeleli nakancane i-GBVF.
6.2.    Ngokusebenzisana namaphoyisa kanye nezinye izimpiko zabomthetho, singenza ukuthi izitaladi zethu kanye nemiphakathi yethu kube yizindawo eziphephile kumuntu wonke. Kumele sonke sihlale siqaphile futhi sibike zonke izigameko ezihlobene ne-GBVF emaphoyiseni noma sifonele Isikhungo Esilawula i-GBVF Kuzwelonkeku: 0800 428 428 noma Inombolo Yezimo eziphuthumayo Yokunqanda Udlame oluhambisana Nobuliliku: 0800 150 150/*120*7867#.
6.3.    Uhulumeni uzobamba iqhaza emkhankasweni weziNsuku eziyi-16 Zokulwisana Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nezingane – ozobanjwa kusukela mhla zingama-25 kuLwezi (okuwuSuku Lomhlaba Wonke Lokulwisana Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane) kuze kube ngumhla ziyi-10 kuZibandlela (okuwuSuku Lwamalungelo Esintu Lomhlaba Wonke) – ngenhloso yokukhuphula izinga lokuqwashiswa kwabantu ngesihlava se-GBVF ezweni.

7.    Ubulungiswa kwizisulu ezabulawa ngesikhathi sobandlululo

7.1.    IKhabhinethi lisamukelile isimemezelo sakamuva nje esenziwe nguNgqongqoshe Wezobulungiswa Nokuhlunyeleliswa Kwezimilo u-Ronald Lamola sokusungulwa kwethimba elikhethekile labaphenyi nabashushisi bombuso elizobhekana kuphela nalawo macala angaxazululekanga futhi angaphothulwanga ngaphansi kweKhomishana Yamaqiniso Nokubuyisana.
7.2.    Leli thimba elikhethekile lizojutshwa ukucubungula nokubhekisisa ukubulawa kwabantu ngamaphoyisa ezobunhloli kahulumeni wobandlululo ngaphandle kokulandelwa kwenqubo yomthetho efanele. Imizamo yokungenelela enjalo izosheshisa inqubo yokuthi imindeni yezisulu ezabulawa ngesikhathi sobandlululo igcine isikwamukelile ezinhliziyweni zayo lokho okwehlela izihlobo zayo.

8.    Isimo sezepolitiki ezweni laseSwazini 

8.1.    IKhabhinethi liwuphawulile futhi lawamukela umzamo wokungenelela owenziwe nguMhlonishwa uMongameli u-Ramaphosa – ngokwesikhundla sakhe njengoSihlalo woPhiko Lobambiswano Kwezepolitiki, Ezokuvikela kanye Nokuvikeleka Lwenhlangano Yokuthuthukiswa Kwamazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC) –  esimweni sezepolitiki esiqhubekayo ezweni laseSwazini. 
8.2.    Umhlangano kaMongameli u-Ramaphosa neNgonyama uMswati III obubanjwe ngoLwesibili mhla zi-2 kuLwezi 2021 ulandela ezithendeni zokuvakashela eSwazini kweziThunywa Ezikhethekile mhla zingama-21 kanye nomhla zingama-22 kuMfumfu. UMongameli wabe eyalele lezi ziThunywa Ezikhethekile ukuba zixoxisane nezwe laseSwazini mayelana nezehlakalo ezenzekile kanye nesimo esiqhubekayo esiphathelene nokuvikeleka kanye nezepolitiki, ekwenza lokho ngokwesikhundla sakhe njengoSihlalo Wombimbi Lwamazwe Amathathu lwe-SADC Lwezepolitiki, Ezokuphepha Nokuvikeleka olubandakanya i-Namibia (engusihlalo ozothatha izintambo zokuphatha), iNingizimu Afrika (usihlalo ophethe njengamanje) kanye ne-Botswana (usihlalo ophumayo esikhundleni).  
8.3.    IKhabhinethi liyasamukela isivumelwano sokuthi izwe laseSwazini lizoqalisa inqubo ephokophele ekusungulweni kwesithangami sikazwelonke sokufakana imilomo nokubonisana. IKhabhinethi liyabanxusa bonke ababambiqhaza kanye nabathintekayo phakathi kwesizwe samaSwati ukuba basebenze ngokubambisana ukuqeda udlame nodweshu, futhi kugcinwe ukuthula kubuyiswe nozinzo ezweni laseSwazini.

B.    Imithethosivivinywa
1.    Isichibiyelo-mthethosivivinywa Somthetho Wezobugebengu (iziNqubo Zokuphenya Ngezindlela Zesayensi) sowezi-2021


1.1.    IKhabhinethi likugunyazile ukuthunyelwa kweSichibiyelo-mthethosivivinywa Somthetho Wezobugebengu (iziNqubo Zokuphenya Ngezindlela Zesayensi) sowezi-2021 ePhalamende ukuze sicutshungulwe ngokufanelekile. Izichibiyelo ezihlongozwayo zihlinzekela indlela-kusebenza yokuphoqelela ukuthathwa kwamasampula olibofuzo ngaphakathi ezihlathini zomuntu olahlwe yicala ngaphansi kwamacala angaphansi kukaSheduli 8.
1.2.    Amacala kaSheduli 8 abandakanya amacala ezocansi, ukubamba inkunzi, ukushushumbiswa kwabantu kanye nokubulala ngokungenhloso. Lawo masampula olibofuzo athathwe ngaphakathi ezihlathini zomuntu azolekelela ekushushisweni kwezelelesi eziphindayo futhi zenze amanye amacala esikhathini esizayo.
1.3.    UMthethosivivinywa uzolekelela futhi nasekusungulweni kwesizindalwazi esibanzi solibofuzo oluzosetshenziswa ekuphenyeni amacala ngezindlela zesayensi ukuze kuqiniswe impi yokulwisana nobugebengu ngokuthi kuhlonyiswe amaphoyisa ngobufakazi bokuphenya kanye nokuxazulula amacala abucayi. 

C.      Umcimbi Ozayo

1.    Isitatimende Senqubomgomo Yesabelomali Sesikhathi Esimaphakathi (i-MTBPS)

1.1.    UNgqongqoshe Wezezimali u-Enoch Godongwana uzokwethula i-MTBPS ePhalamende ngoLwesine mhla ziyi-11 kuLwezi 2021. Isitatimende sizohlinzeka imininingwane ebanzi mayelana nezinguquko ezizokwenziwa kwisabelomali sikazwelonke ukuze kuqinisekiswe ukusimama kwezwe lethu ngakwezezimali. 
1.2.    I-MTBPS ibeka ngokucacileyo izinyathelo ezizothathwa yileli lizwe ukuxazulula izinselele ezibhedukile emnothweni wezwe ngenxa yomthelela we-COVID-19 kanye nezindlela zokubhekana nezinkinga zesikhathi eside esizayo eziphathelene nesimo sokwakheka komnotho wezwe.
1.3.    I-MTBPS iyikhwelo elibhekiswe kuyo yonke imikhakha lokuba ibhukule isebenze ngokubambisana ukuze kuthuthukiswe umnotho futhi kuqhutshekiselwe phambili nokuvulwa kwamathuba omsebenzi. IKhabhinethi alingabazi nakancane ukuthi i-MTBPS izophinda futhi ibonise ukuzimisela kukahulumeni ekwakheni umnotho osimeme ngokubandakanya nemibono yayo yonke imikhakha yomphakathi kulokhu. 

D.    Umyalezo

1.    Amazwi okuhalalisa

IKhabhinethi lidlulise amazwi okuhalalisa kanye nezilokotho ezinhle ku-: 
•    Nks Lalela Mswane (24), ngokunqoba isicoco sikaZime waseNingizimu Afrika wezi-2021 mhla ziyi-16 kuMfumfu eKapa. Ukunqoba kwakhe kuyisiqinisekiso sokuthi impumelelo ingazuzwa ngokuzinikela nokusebenza ngokuzikhandla.

E.    Abaqashiwe

1.    UMnu Robert Nkuna, owelulelwe inkontileka yakhe yomsebenzi ngeminyaka emihlanu enguMqondisi-Jikelele (u-DG) eMnyangweni Wezokuhlela, Ukuqapha Nokuhlola.  
2.    UMnu Robert Mooketsa Ramasodi oqashwe njengo-DG eMnyangweni Wezolimo, Izinguquko Kwezomhlaba Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya. 
3.    UNks Mohlago Flora Mokgohloa oqashwe njengePhini lika-DG (u-DDG): Ophikweni Lwezinhlobonhlobo Zezinto Eziphila Kwimvelo Nokongiwa Kwazo, eMnyangweni Wezamahlathi, Ezokudoba kanye Nezemvelo.
4.    UNks Rirhandzu Sharon Mashava oqashwe njengo-DDG: Ophikweni Lwezokuhlela Okudidiyelwe Kwezokuthutha, eMnyangweni Wezokuthutha.
5.    UNks Mameetse Primrose Masemola oqashwe njengo-DDG: Wezokuhlelwa Kotshalomali Olufakwa Kwingqalasizinda – oPhikweni Lwezengqalasizinda lwaseNingizimu Afrika, eMnyangweni Wezemisebenzi Yomphakathi Nezingqalasizinda (i-DPWI). 
6.    UNks Carmen Joy Abrahams oqashwe njengo-DDG: woHlelo Olweluliwe Lwezemisebenzi Yomphakathi e-DPWI. 
IKhabhinethi ligunyaze ukuqokwa kwamalungu eBhodi alandelayo ngaphansi kombandela wokuthi kumele kuqinisekiswe iziqu zawo futhi ahlolwe ngokufanele.
7.    IBhodi labaqondisi benkampani eyengamele ukutshalwa kwezimali zikahulumeni i-Public Investment Corporation (i-PIC):
(i)    UDkt David Masondo (onguSihlalo);
(ii)    UMnu Frans Baleni;
(iii)    UNks Ntombifuthi Mtoba;
(iv)    UNks Tryphosa Ramano;
(v)    USlz Bonke Dumisa;
(vi)    UNks Esther Barbara Watson;
(vii)    UNks Beverly Bouwer;
(viii)    UMnu Mongwena Mugwena Maluleke;
(ix)    UMnu Walter Hlaise;
(x)    UMnu Lufuno Mulaudzi;
(xi)    UMnu Abel Sithole;
(xii)    UMnu Brian Mavuka; kanye 
(xiii)    NoNks Makano Mosidi.
8.    IKhabhinethi liqoke ukusithobela isinqumo senkantolo esiyalela ukuthi abuyiselwe ezikhundleni zawo amalungu eBhodi labaqondisi lenkampani yezokuphakelwa kwamanzi i-Umgeni Water.
(i)    UNks Ziphozethu Mathenjwa (onguSihlalo);
(ii)    USlz Thandwa Mthembu;
(iii)    UMnu Siboniso Shabalala;
(iv)    UMnu Mduduzi Eric Zakwe;
(v)    UNks Chamane Nompumelelo Beata;
(vi)    UMnu Visvin Reddy;
(vii)    UMnu William Mapena;
(viii)    UMnu Teboho Nkhahle;
(ix)    UNks Linda Ngcobo;
(x)    UNks Bongekile Zulu;
(xi)    UMnu Suleman Badat;
(xii)    UNks Mbali Barbara Ndlovu; kanye 
(xiii)    NoMmeli WasemaJajini u-Simosenkosi Chamane. 

Imibuzo: Nks Phumla Williams – uMkhulumeli weKhabhinethi 
Iselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore