Isitatimende somhlangano weKhabhinethi obubanjwe nge-inthanethi ngoLwesithathu, 27 Nhlaba 2020

1. Isifo Segciwane le-corona 2019 (i-COVID-19) eNingizimu Afrika

1.1. IKhabhinethi ichazelwe ngemiphumela yokubonisana phakathi kukaMongameli u-Cyril Ramaphosa nezinhlangano zomphakathi ezehlukene, ukuqinisekisa ukuthi ukwehlela kwezwe ukusuka esigabeni sesine kuya esigabeni sesithathu sokuvalwa kwezwe kunokwesekwa nemibono yabobonke okusetshenziswana nabo emphakathini.

1.2. Ephelezelwa ngoNgqongqoshe abehlukene, uhlangane nomphakathi, imikhakha yezabasebenzi namabhizinisi, uMkhandlu Omele Amasonto eNingizimu Afrika; ubuholi bezinkolo emphakathini; oSodolobha; oNdunankulu; iNhlangano Yohulumeni Basekhaya YaseNingizimu Afrika, ubuholi bendabuko kanye namaqembu epolitiki amelwe ePhalamende.

1.3. IKhabhinethi iwamukele umphumela waloku kubonisana, obekwakha kakhulu futhi kucebisa nokuhlela kokuxegiswa kancane kancane kwemikhawulo yeSigaba sesithathu esizoqala mhla lu-1 Nhlangulana 2020. Lesi sigaba sizofaka eminye imisebenzi eminingi yomnotho kanye nokususwa kwemikhawulo ekuhambeni kwabantu. Sizophinde sivumele abantu baseNingizimu Afrika ababalelwa kwizigidi eziyisishiyagalombili ukuthi babuyele emsebenzini.

1.4. Kuzonakwa kakhulu izindawo 'eziyizizinda' zegciwane ezinamazinga aphezulu okusuleleka ngegciwane le-corona. Iminyango yezempilo yezifundazwe izoqhamuka nezindlela zokungenelela kulezo zindawo eziyizizinda zegciwane ngohlelo lokuqinisa ukuxilongwa, ukuhlolwa, kanye nokugonqa kwalabo abahaqekile nezinyathelo zokuvikela igciwane.
 
1.5. IKhabhinethi iphinde yakusekela ukubonisana okubandakanya wonke umuntu okwenziwe uMongameli u-Ramaphosa selokhu kwaqala isimo senhlekelele kazwelonke mhla ziyi-15 Ndasa 2020. Lokhu kubonisana kuvumele yonke imikhakha yomphakathi ukuthi idlale indima ekulweni nobhubhane lwe-Covid-19, ukusindisa izimpilo kanye nokuvikela indlela yokuphila yabantu.

1.6. Ukusebenza nobuchwepheshe bezindlela zokungenelela ekulawulweni kwe-COVID-19 kuholwa i-Nhlangano yoHlaka Lwezobunhloli Nemisebenzi Yokubambisana Kuzwelonke (NATJOINTS) kanye noMnyango Wezempilo. I-NATJOINTS iluhlaka lukahulumeni oluhlanganise ongoti abehlukene olwasungulelwa ukuphatha imisebenzi emikhulu.

1.7. I-COVID-19 NATJOINTS yakhiwe ngabasebenzi ababandakanya ososayensi; ongoti bezempilo; onjiniyela; abamele izikhungo Zokulawulwa Kwesimo Senhlekelele Kuzwelonke; abeluleki bomthetho; ubuholi bama-ejensi ezwe abhekele ezokuvikela nokulandelwa komthetho, namaqembu avela eminyangweni eyakha amaqembu omnotho nomphakathi eSigungu soMqondisi Jikelele saseNingizimu Afrika.

1.8. I-NATJOINTS ithola imibiko eminyangweni eyehlukene bese ithumela iziphakamiso kuBaqondisi Jikelele (DGs) ukuze baqhamuke nezincomo ezizokwethulwa KuMkhandlu Kazwelonke Oyala Ngegciwane le-Corona (i-NCCC).

1.9. I-NCCC ibe seyicubungulisisa izincomo zabaQondisi Jikelele bese yenza ezayo izincomo ezizoya kuKhabhinethi lapho iziphakamiso, kubandakanya imithethonqubo, kuvunyelwa khona. Le ndlela iqinisekisa ukuthi iKhabhinethi ithatha ndawonye izinqumo ezihambelana nezibandakanya wonke umuntu. Ngakho-ke, iKhabhinethi iyayichicha ngempela imibono engeyona iqiniso ethi kunamalungu athile eKhabhinethi okuyiwona athatha izinqumo eziphuma ku-NCCC noma ezinqumweni ezithathwe yiKhabhinethi.

1.10. IKhabhinethi icela ukusebenza ngokubumbana kwayo yonke imikhakha yomphakathi ekulweni nesitha esisodwa esiyingozi, esingubhubhane lwe-COVID-19.

1.11. IKhabhinethi ibonga bonke abantu baseNingizimu Afrika ngokuzinikela kwabo okuqhubekayo kanye nokuqondisisa ngesikhathi sokuvalwa kwezwe okunenhloso. Isimemezelo sikaMongameli u-Ramaphosa sesimo senhlekelele kazwelonke ngokwemibandela yoMthetho Wokulawulwa Kwenhlekelele (Umthetho wama-57 wezi-2002) sibe nomthelela omkhulu ekusindiseni izimpilo.

1.12. Izinyathelo ezinzima zokunqanda igciwane ziholele ekubambezeleni okukhulu nasekunciphiseni usizi lokusuleleka ngegciwane. Ukuvalwa kwezwe kunike iNingizimu Afrika isikhathi nethuba lokubeka ngomumo izinyathelo emikhakheni yezempilo kahulumeni neyangasese ukubhekana nokukhuphuka kwezinga lokusuleleka okungenakugwenywa.

1.13. IKhabhinethi iyaqhubeka nokunxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba bathathe isibopho ngamunye sokuzivikela bona kanye nabanye ukuze kuncishiswe ukubhebhetheka kwegciwane.

1.14. ONgqongqoshe ngokuhlukahlukana kwezikhundla zabo bazochaza ngemininingwane ezithangamini sabezindaba ezizobanjwa namuhla, ngoLwesine mhla wama-28 kuNhlaba nakusasa, ngoLwesihlanu mhla wama-29 Nhlaba 2020.

Izinqumo zeKhabhinethi
2. Ukwakhiwa kwesiteshi se-Deep Space Ground

2.1. Ikhabhinethi ivumile ukuba i-South African National Space Agency (SANSA) isebenzisane ne-National Aeronautics kanye ne-Space Administration ukwakha isiteshi i-Deep Space Ground Station. Isiteshi, esizoba se-Matjiesfontein eNtshonalanga Kapa, sizosekela imisebenzi yasemkhathini yabantu abaya kwiNyanga, kwi-Mars nangale.  

2.2. Izohlanganiswa nezikhungo ezintathu ezikhona zamagagasi omoya eziseMelika, e-Spain nase-Australia. Njengesikhungo sesine, sizophelelisa lezi ezinye izikhungo ezintathu futhi sizohlinzeka ngosizo lokuthumela amagagasi omoya ukwenza umsebenzi ngempumelelo. I-SANSA izolawula, inakekele futhi iphathe isiteshi lesi.

2.3. Isiteshi sizoba lusizo eNingizimu Afrika, phakathi kokunye nje, ukuthuthukiswa kwamakhono angavamile kanye nokukhula kwemikhakha yesayensi, yobunjiniyela, yokuchwepheshe kanye nokusungula izinto ezintsha. Sizophinde sihlinzeke ngamathuba okufukula umnotho wolwazi, nokuzokhuphula umphumela kwezocwaningo kuzwelonke mayelana nesayensi nobuchwepheshe basemkhathini.

3. UMthetho Odingidwayo mayelana Nabosizo Lwezicishamlilo.

3.1. IKhabinethi iwuvumile uMthetho oSadingidwa mayelana Nabosizo Lwezicishamlilo. UMthetho Osadingidwa uchaza ngeziphakamiso zenqubomgomo ezoba isisekelo somthetho wezosizo lwezicishamlilo oluzosetshenziswa esikhundleni soMthetho Wezicishamlilo, we-1987 osebenza njengamanje (Umthetho wama-99 we-1987).  

3.2. Uchaza kabanzi ngendima nangesibopho sayo yomibili imikhakha kahulumeni kazwelonke nezifundazwe ukuze yeseke omasipala. Ukuze kuqinisekiswe ukuthi lomsebenzi uhambisana nezindlela zesimanje zokulawula inhlekelele yemililo, lo mthetho uphakamisa ukufunwa nokuqoqwa kolwazi.

3.3. Njengenjwayelo, lo mthetho ufuna ukuhambisana neminye imithetho eyaphasiswa emva kowe-1994 futhi ohobene nohulumeni basekhaya. Ukubonisana kabanzi nabobonke ababambiqhaza abafanelekile kanye nomphakathi sekwenzekile.

4. Imisebenzi Yekhabhinenti ngesikhathi Sesigaba sesithathu

4.1. IKhabhinethi ivumile ukuthi iSigaba sesithathu, esiqala ngoMsombuluko, mhla lu-1 Nhlangulana 2020, sizoqalisa indlela ehlangahlangene ebandakanya kokubili imihlangano yeKhabhinethi ebanjwa siqu nemihlangano ebanjwa nge-inthanethi.

4.2. IKhabhinethi iphinde yavumela amathimba okuqapha afaka phakathi oNgqongqoshe kanye noSekela-Ngqongqoshe. Babekwe ezifundeni ngasinye kwezingama-52 kanye nasemadolobheni ukuqapha izinyathelo ezibekiwe ukulwa nokubhebhetheka kwe-COVID-19.

Abaqashiwe
Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.
1. Umkhandlu Webhodi Yezobuchwepheshe Bezimbiwa (MINTEK):
Dkt Vanguard Mbuyiseli Mkosana (uSihlalo);
Nks Ntokozo Faith Ngcwabe – UMnyango Wezimbiwa Nezamandla (DMRE);
Mnu Rantsadi Andries Moatshe (Ngokushitshana);
Dkt Maropeng Walter Ngobeni;
Slz Lindiwe Zungu;
Mnu Philippus Rudolf Heydenrich;
Nks Pontsho Maruping;
Mnu Harold Motaung;
Nks Phydelis Ntombifuthi Zikalala-Mvelase;
Nks Margaret Mosibudi Phiri;
Mnu Lefadi Lucas Makibinyane; kanye no-
Dkt M Motuku.

2. UMkhandlu Webhodi yesayensi Yomhlaba i-Geoscience Board:
Dkt Humphrey Lawrence Mbendeni Mathe (uSihlalo);
Mnu Andries Moatshe (DMRE);
Dkt Thuli Khumalo (uMnyango Wezemvelo, Ezamahlathi Nezokudoba);
Mnu Sanelo Malaza (ngokushintshana);
Nks Rosalind Mdubeki (uMnyango Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya Nezinguquko Kwezomhlaba);
Nks Pontsho Tsotetsi (ngokushintshana);
Nks Deborah Mochothli (uMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle);
Mnu Paul Nel (ngokushintshana);
Dkt Jennifer Mirembe;
Mnu Smunda Mokoena;
Mnu Xolisa Mvinjelwa (umkhakha wezimayini);
Adv Ntika Maake;
Nks Adila Chowan (umkhakha wezohwebo);
Mnu B Gerryts (uMnyango Wezesayensi Nokusungulwa Kwezinto);
Nks Lebogang Madiba (uMnyango Wezezimali Kuzwelonke); kanye no
Mnu Moses Mabuza – UMphathi Omkhulu (CEO).

3. Abaqondisi abangekho ezingeni lokuphatha kuBhodi Elilawula Amachweba aseNingizimu Afrika:
Mnu Zolani Kgosietsile Matthews (uSihlalo);
Nks Siphokazi Matolengwe;
Mnu Asraf Mohamed Adam;
Nks Leanda-Marsha Vilakazi;
Nks Kenosi Selane;
Mnu Zola Fihlani;
Dkt Tshisikawe Victor Munyama; kanye no
Nks Zandile Kabini.

4. Mnu Abel Moffat SithoIe njengoMphathi Omkhulu we-Public Investment Corporation.
5. Nks Phumla Williams njengoMqondisi Omkhulu woPhiko LukaHulumeni Lwezokuxhumana Nokuhlinzeka Ngolwazi (GCIS).

Imibuzo: Nks Phumla Williams – uMkhulumeli weKhabhinethi
Iselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore