Isitatimende se-Lekgotla yeKhabhinethi noMhlangano Okhethekile weKhabhinethi obubanjwe nge-inthanethi ngoLwesine mhla zingama-27 kanye nangoLwesihlanu mhla zingama-28 kuMasingana 2022

A.  I-LEKGOTLA YEKHABHINETHI 

1.1.  UMongameli u-Cyril Ramaphosa ubize i-Lekgotla yeKhabhinethi ebanjwe ngoLwesine mhla zingama-27 kuMasingana 2022. Beyihanjelwe ngabaholi abebemele zonke izinhlaka zikahulumeni. Laba baholi babandakanya oNgqongqoshe, amaPhini oNgqongqoshe, oNdunankulu, abaQondisi-Jikelele kanye nobuholi beNhlangano Yohulumeni Basekhaya yaseNingizimu Afrika.  

1.2.  UMongameli ubememe abaholi bakahulumeni njengengxenye yokudidiyela nokuhambelanisa imizamo kahulumeni yokusabela kwizinselele ezibhekene nezwe, ikakhulukazi ukuze kugxilwe ngokuphuthumayo ekuxazululeni izinselele ezintathu, ububha, ukuntuleka kwamathuba omsebenzi kanye nokungalingani. Ubanxusile abaholi ukuba baqalise izinguquko ezinohlonze ukuvuselela ukukhula komnotho futhi kwakhiwe ngegiya eliphakeme amathuba omsebenzi adingeka kakhulu. 

1.3.  UMongameli ubugcizelelile ubumqoka nokubaluleka kweNhlosombono yowezi-2030 yoHlelo Lukazwelonke Lokuthuthukiswa Kwezwe kanye noHlelo Lokwakhiwa Kabusha Nokuvuselelwa Komnotho ukuze kusheshiswe imizamo yokwenza ngcono izimo zabantu baseNingizimu Afrika.

1.4.  Ngaphezu kwesimo somnotho kanye nezinguquko eziphathelene nokwakheka komnotho, iKhabhinethi liphinde futhi laxoxisana ngokuthuthukiswa kwengqalasizinda, ukutholakala kwamandla kagesi anele ngaso sonke isikhathi, ukukhiqizwa nokulungiswa kwezimpahla nemikhiqizo ngaphakathi kuleli kanye nokusungulwa kwezimboni, izinguquko kwezomhlaba nezolimo kanye nokulethwa kwezinguquko emabhizinisini ombuso.

1.5.  Imizamo yokunciphisa ukuntuleka kwamathuba omsebenzi nobubha ibandakanya inhlanganisela yamathuba omsebenzi athe xaxa emkhakheni ozimele, amathuba omsebenzi axhaswe ngezimali nguhulumeni kanye nokwandiswa kwezibonelelo zikahulumeni zokubhekelela abantu abangasebenzi.

1.6.  Umhlangano uphinde futhi wabhunga nangezinselele kanye nenqubekela-phambili esiyenziwe empini yokulwisana nobugebengu nenkohlakalo, kanye nemizamo yokuthuthukisa nokuphucula ukuphepha nokuvikeleka komphakathi. Kuxoxiwe futhi nangokuthunyelwa kwezidingongqangi kubantu ngaphansi kohulumeni basekhaya – kubandakanya ukuhlinzekwa kukagesi, amanzi nokuthuthwa kwendle – njengengxenye esemqoka yokwakha amandla okusebenza oMbuso.

1.7.  Izingxoxo ze-Lekgotla yeKhabhinethi zizoba yisisekelo nomhlahlandlela wezinto eziseqhulwini ezizokwenziwa nguhulumeni kulo nyaka esiwuphethe ezizokwethulwa ngokucacileyo nguMongameli u-Ramaphosa ngenkathi ethula iNkulumo Echaza Isimo Sezwe ngoLwesine mhla ziyi-10 kuNhlolanja 2022.

B.  IZINQUMO ZEKHABHINETHI

1.  Uhlelo Lwesigaba Sesibili se-SA Connect

1.1.  IKhabhinethi likugunyazile ukuqaliswa kwesigaba sesibili somklamo i-SA Connect. Lolu hlelo luqalisa ukusebenza kweNqubomgomo yaleli lizwe ye-Inthanethi Esheshayo eyamukelwa ngokusemthethweni yiKhabhinethi ngowezi-2013. Isigaba Sokuqala kwabe kuyisigaba sokuhlola nokulinga ukuthi kungaba yimpumelelo yini ukuhlinzekwa kwezinsizakalo ze-inthanethi esheshayo engamaMegabhithi (ama-Mbps) ayi-10 ezikhungweni zikahulumeni ezingama-970 ezisemqoka. 

1.2.  Isigaba sesibili esigunyaziwe sizoqaliswa ngokusebenzisa izikhungo zombuso (i-State Information Technology Agency [i-SITA]); i-Broadband Infraco ne-Sentech) kanye nemboni ye-inthanethi esheshayo. Kulezi zinyanga ezingama-36 ezilandelayo, lo mklamo uzoxhumanisa nalezi ezinye izikhungo zikahulumeni, imiphakathi kanye namakhaya asilele.

1.3.  Umklamo uyingxenye yokuzibophezela kukahulumeni ekuvaleni igebe elikhona kwezokuxhumana ngobuchwepheshe besimanjemanje nokutholakala kwe-inthanethi kubantu bonke, ikakhulukazi emiphakathini esezindaweni zasemakhaya futhi kuzothuthukisa umnotho osekelwe kwezokuxhumana ngobuchwepheshe besimanjemanje. Ukubamba iqhaza komkhakha ozimele kuzolekelela futhi nasekuletheni uguquko kulo mkhakha ngokuthi kubandakanywe bonke ababambiqhaza abafanelekile emkhakheni wezokuxhumana ngobuxhakaxhaka bobuchwepheshe besimanjemanje. 

1.4.  Umklamo i-SA Connect uhlose ukuqinisekisa ukuthi ingama-80% imiphakathi kanye nezikhungo zikahulumeni ezifinyelelayo ku-inthanethi esheshayo kule minyaka emithathu ezayo, okungenani ngesivinini se-inthanethi esiyi-10 Mbps ngomzuzwana kanye nesivinini esiyi-100 Mbps kulezo zikhungo eziyisebenzisa kakhulu i-inthanethi.

C.  ABAQASHIWE

Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.
1. UNks Nomthandazo Lichie Moyo oqashwe njengePhini likaMqondisi-Jikelele (u-DDG): Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya eMnyangweni Wezolimo, Izinguquko Kwezomhlaba kanye Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya (i-DALRRD). 
2. UMnu Clinton Rossouw Heimann oqashwe njengo-DDG: Wezokuhlelwa Kwezindawo Nokulawula Ukusetshenziswa Komhlaba we-DALRRD.
3. UMnu Michael Currin oqashwe njengo-DDG: Ukuqinisekisa Ukusebenzisana Kwezinhlaka Zikahulumeni Nokuphathwa Kwababambiqhaza oPhikweni Lukahulumeni Lwezokuxhumana Nokuhlinzeka Ngolwazi (i-GCIS). 
4. UNks Regomoditswe Dorcas Mavimbela oqashwe njengo-DDG: Wezokucutshungulwa Nokusatshalaliswa Kolwazi e-GCIS. 
5. UNks Nomonde Mnukwa oqashwe njengo-DDG: Wezemisebenzi Yokweseka Ukuphathwa nokulawulwa Kwesikhungo e-GCIS. 
6. UMnu Nhlanhla Edgar Sishi oqashwe njengo-DDG: eHhovisi Lesabelomali eMnyangweni kaMgcinimafa Kazwelonke.
7. UDkt Litha Magingxa oqashwe njengoMphathi Omkhulu (u-CEO) futhi nguMongameli woMkhandlu Wocwaningo Lwezolimo.  IKhabhinethi livumelene noMkhandlu ngokuqashwa kuka-Dkt Litha Magingxa.
8. UNks Rofhiwa Irene Singo oqashwe njengoMphathi Omkhulu Wezezimali eMnyangweni Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo. 
9. UMnu Luvuyo Keyise oqashwe njengo-CEO wesikhashana we-SITA (Oqashwe kabusha).
Amalungu eBhodi le-SITA SOC:

1.  UNks Makano Mosidi (uSihlalo);
2.  UDkt Stella Bvuma (iPhini likaSihlalo);
3.  UNks Shery-Lee Moonsamy;
4.  UNks Nolitha Pieterson;
5.  UNks Zimbini Hill;
6.  UNks Olwethu Ketsekile;
7.  UDkt Tshilidzi Ratshitanga;
8.  UDkt Rendani Ramabulana;
9.  UNks Jeanette Morwane (ongummeleli woMnyango Wezokuxhumana Nobuchwepheshe Bedijithali);
10.  UNks Laura Mseme (ongummeleli woMnyango kaMgcinimafa Kazwelonke); kanye
11.  NoMnu William Vukela (ongummeleli woMnyango Wezemisebenzi Kahulumeni Nokuphathwa Kwayo).

Imibuzo: Nks Phumla Williams – UMkhulumeli weKhabhinethi
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139
 

Share this page

Similar categories to explore