Isitatimende soMhlangano weKhabhinethi Obubanjwe Nge-inthanethi ngoLwesithathu, mhla zingama-24 kuNdasa 2021

A. Ezisematheni

1. UHlelo Lokukhishwa Komgomo

1.1. Uhlelo lweSisonke lokugomela Isifo segciwane le-Corona (i-COVID-19) selwelulelwe ezikhungweni zokugoma ezingama-54 kulo lonke izwe. Kuze kube manje lolu hlelo selugome abantu abangaphezu kwezi-207 808.
1.2. Izigaba ezintathu zohlelo lokukhishwa koMgomo eNingizimu Afrika zime kanje:

  • Isigaba soku-1: Siqaliswe ezinyangeni ezintathu kusuka ngoNhlolanja kuya kuMbasa kowezi-2021, nokubhekelwe kubasebenzi bezempilo abayizigidi ezi-1.5 (abayizi-608 295 babhalisile) ezweni lonke. UMnyango Wezempilo usahamba kahle ngokugoma bonke abasebenzi bezempilo ngokuphela kweSigaba soku-1.
  • Isigaba sesi-2: Sizoqhutshwa izinyanga eziyisithupha, sizoqala ngoNhlaba kuya kuMfumfu ngowezi-2021. Lesi sigaba sizobhekelela abantu abayizi-13 350 140 ababuthakathaka, abasebenzi bemisebenzi engumongo kanye nomkhakha wezempilo nezokuphepha; abasebenzi emikhakheni ebucayi ekuvuselelweni komnotho efana nezimayini, ezokuvakasha, imboni yamatekisi, izitolo neziphaza, abathengisi bezithelo nezitshalo, abezindaba kanye nabanye abafanelekile.
  • Izikhungo zokugoma eSigabeni sesibili nesesithathu zizokwandiswa zibe yizi-2085 futhi lokhu kubandakanya ukuthi izikhungo zomkhakha ozimele zithuthukise ukusebenza nesivinini sokuqhutshwa kohlelo lokugoma.
  • Isigaba sesi-3: Sizoqhutshwa izinyanga ezintathu (ngoLwezi wezi-2021 kuya kuNhlolanja wezi-2022) ukubhekela labo abasele eNingizimu Afrika, kubandakanya nalabo abangazange bagome eSigabeni sesibili, nokubhekelelwe ukuthi kube ngabantu abayizi-22 600 640.

1.3. IKhabhinethi liyakwamukela ukufika okuqhubekayo kwemithamo yomgomo wakwa-Johnson & Johnson (i-J&J) ezweni, okuqinisekisa inqubekela-phambili yokusebenza kweSigaba sokuqala sohlelo lweSisonke lokugoma.
1.4. IKhabhinethi lisalokhu lizethembile ngenqubekelaphambili enhle kakhulu eyenziwe Iziphathimandla Ezilawula Imikhiqizo Yezempilo eNingizimu Afrika (i-SAHPRA) ekugunyazeni umgomo we-J&J ukugoma abantu. Ukugunyazwa kwakamuva okwenziwe yi-SAHPRA komgomo wakwa-Pfizer/BioNTech kumele kunikezele izwe ukufinyelela kwimigomo eminingi ezosindisa izimpilo.
1.5. IKhabhinethi ithanda ukuphinde iqinisekise abantu baseNingizimu Afrika ngekhono loMnyango Wezempilo, ngokubambisana nomkhakha ozimele, ukwenza umsebenzi wokugoma abantu abaningi uma sekuqala iSigaba sesibili.
1.6. IKhabhinethi liphinde lamukela ukuvakashelwa kweSikhungo Sokukhiqiza i-Biovac esiseNtshonalanga Kapa ngoLwesine, mhla ziyi-18 kuNdasa 2021 nguSihlalo WeKomidi loNgqongqoshe (i-IMC) elibhekele Imigomo ye-COVID-19, iPhini likaMongameli u-David Mabuza. Lolu hambo lwahlolisisa ikhono lesikhungo, ingqalasizinda kanye notshalomali ukuze kwesekelwe ukukhiqizwa nokuthuthukiswa komgomo.
1.7. Ukusebenzisana phakathi kwe-Biovac kanye nenkampani ekhiqiza imigomo yaseMelika, i-ImmunityBio, ukuthuthukisa ikhono leNingizimu Afrika ukuthi ikhiqize imigomo ye-COVID-19, kuzoholela ukuthi imigomo ye-COVID-19 elandelayo ye-ImmunityBio ikhiqizwe lapha ezweni.
1.8. IKhabhinethi licela bonke abantu baseNingizimu Afrika nabo bonke abantu ezwenikazi ukuthi badlale indima yabo bathobele imikhawulo yokuvalwa kwezwe – ikakhulukazi ngesikhathi esizayo semigubho yezenkolo ye-Pesach, iPhasika kanye ne-Ramadan – ukuze kuzoncishiswa okunye ukuqubuka kokusuleleka nge-COVID-19 nokugwema ihlandla lesithathu elinamandla. 
1.9. IKhabhinethi liphinde lagcizelela ukubaluleka kokulandela izindlela ezingahlanganisi imithi zokugwema ukusulelana nge-COVID-19 ngokuqhubeka nokugqoka izifonyo ezindaweni ezinabantu, ukuqhelelana ngegebe eliyimitha nesigamu, ukuhlamba njalo izandla ngensipho namanzi noma ukusebenzisa isibulali-magciwane esine-alcohol, nokugwema imibuthano enabantu abaningi. 

2. Ezamandla

2.1. IKhabhinethi liyazi ngomthelela ongemuhle kwezenhlalo nomnotho, ukuphazamiseka kanye nokubambezela okudalwe ukucinywa kogesi ngenhloso yokuwonga kwizakhamuzi kanye nakumabhizinisi emavikini ambalwa edlule.
2.2. Kwenziwa wonke umzamo ukuxazulula izinselele ezikhona zogesi nokuletha ukuphehlwa kwamandla amasha ngokushesha okukhulu, okuyinto ebalulekile ekuvuselelweni komnotho waseNingizimu Afrika. Ngasikhathi sinye, uhulumeni uyaqhubeka nokweseka imizamo ebumbene yokuletha uzinzo kwa-Eskom nokuyibeka emgudwini osimeme wokukhula.
2.3. IKhabhinethi yamukele isimemezelo esenziwe uNgqongqoshe Wezimbiwa Nezamandla uGwede Mantashe sabahlinzeki abayisishiyagalombili abakhethiwe ukuthi bahlinzeke ngogesi ophuthumayo owengeziwe ongama-megawatts ayizi-2 000 ozosiza ukweseka umthamo kazwelonke isikhathi esifushane.
2.4. Abahlinzeki abakhethiwe oHlelweni Lwabakhiqizi Bogesi Abazimele balindeleke ukuthi bakhiqize ugesi usuka emisebeni yelanga, emoyeni, kwigesi yemvelo engamanzi kanye nasekulondolozweni kwamabhethri. Ukuxhunywa kokuqala kubekelwe ukuqala ngoNcwaba kowezi-2022.
2.5. Imisebenzi eyisishiyagalombili izofaka izigidigidi ezingama-R45 emnothweni, okuzoba nokwenziwe lapha ekhaya okungama-50% futhi kusungule amathuba emisebenzi ayizi-3 800 ngesikhathi sekwakhiwa. Amanye amathuba emisebenzi ayizi-13 500 azosungulwa ngeSikhathi Seminyaka engama-20 Yesivumelwano Sokuthengwa Kogesi.
2.6. Amaqhinga okungenelela uhulumeni awenzayo ukuhlela kabusha nokuqinisa uhlelo logesi azothuthukisa amandla okuphehlwa kukagesi ezweni. Inqubekela-phambili ebonakalayo iyabonisa ukuthi imizamo yethu yokubhekana nezinselele zogesi ithola umfutho.
2.7. IKhabhinethi liphinde icela thina sonke ukuthi sesekele imizamo yokuqinisa ukusebenza kuka-Eskom ngokubika ukuxhunywa kogesi okungekho emthethweni, ukuphazamiswa kwamamitha ogesi kanye nokuthengiswa okungekho emthethweni kwamavawusha ogesi kwabomthetho. Kumele sonke sibe ngabathengi abazibophezele bogesi ngokukhokhela izindleko zogesi zanyanga zonke.

3. Isivumelwano sezimali samanyuvesi

3.1. IKhabhinethi isalokhu izinikele ekutholeni isixazululo esisimeme nesizoba ngesesikhathi eside sokuxhasa imfundo ephakeme ngezimali, ukuqinisekisa ukuthi bonke abafundi abafanelekile ngokwemfundo abavalelwa ngaphandle ngokwezimali.
3.2. Isivumelwano sezimali phakathi koMnyango Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqeshwa (i-DHET) kanye nezikhungo zemfundo ephakeme sihambisana nokwehla kwamandla emali, njengengxenye yokwenza imfundo ephakeme ingabizi.
3.3. IKhabhinethi likhathazekile ngokukhula kwezikweletu ezindala zabafundi ohlelweni lwemfundo ephakeme. I-DHET njengamanje ihlanganisa imininingwane yabafundi abathintwa yilesi sikweletu, ezoba ingxenye yokubuyekezwa okuhleliwe kwenqubomgomo yokuxhaswa kwabafundi ezokwethula indlela yokuxhasa esimeme yemfundo ephakeme.
3.4. Okwamanje, iKhabhinethi ligqugquzela izikhungo zemfundo ephakeme ukuthi zixoxisane nezinhlangano zabafundi bazo ukuthola izisombululo ezizovumela abafundi abaningi ukuthi babhalise.
3.5. IKhabhinethi lamukele uphenyo olusheshayo kanye nokuboshwa kwamaphoyisa amane ngezinsolo zokubulala uMnu Mthokozisi Ntumba (oneminyaka engama-35) ngesikhathi sombhikisho wakamuva wabafundi ngaphandle kweNyuvesi yase-Wits eGoli. Okunye futhi, iKhabhinethi lamukele ukuboshwa kwalabo abathinteka kudlame lomphakathi kanye nokuhlaselwa okuqhubekayo kwamaphoyisa ngesikhathi semibhikisho.
3.6. IKhabhinethi lihlonipha ilungelo lomthethosisekelo lokubhikisha ngokuthula ngokulandela umthetho. Noma kunjalo, abomthetho angeke bavumele izigebengu ukuthi zisebenzise ithuba lemibhikisho esemthethweni bese zenza ubugebengu ngokushisa nokudicilela phansi impahla yalabo abazimele nekahulumeni.

4. Ukubulawa kwamaphoyisa

4.1. IKhabhinethi lisalokhu likhathazekile ngokuhlaselwa okubikwayo kwamalungu oMbutho Wamaphoyisa eNingizimu Afrika. Amaphoyisa abeka izimpilo zawo engcupheni nsuku zonke ukuqinisekisa ukuphepha kwemiphakathi yethu kanye nezwe.
4.2. Enyangeni eyedlule, kusukela mhla wama-25 kuNhlolanja 2021, inani eliphelele lamaphoyisa ayi-12 abulawa ngesihluku esemsebenzini amanye engekho emsebenzini ezingxenyeni ezehlukene zezwe. 
4.3. Zonke izenzo zodlame kanye nokubulala ezibhekiswe emaphoyiseni akuzona ezobugwala kuphela kodwa futhi zibonisa ukungalithandi izwe, futhi akumele zibekezelelwe emphakathini wethu. IKhabhinethi icela abomthetho ukuthi baqinisekise ukuthi ubulungiswa buyenzeka kuwo wonke amaphoyisa abulewe. 
4.4. Njengomphakathi othobela umthetho nothanda ukuthula, ake sibonise ukudinwa kwethu ngalokhu kubulawa kwamaphoyisa ngokubika bonke abenzi bokubi nababalekela umthetho kwabomthetho. Ukufa kwephoyisa elilodwa kungukufa kwamaningi.

5. Usuku Lwamalungelo Abantu

5.1. IKhabhinethi libonga bonke abantu baseNingizimu Afrika abahlanganyele emibungazweni yezwe yoSuku Lwamalungelo Abantu ngeSonto, mhla wama-21 kuNdasa 2021 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Unyaka ka-Charlotte Maxeke: Ukuthuthukiswa Kwamalungelo Abantu Ngesikhathi se-COVID-19”. Isikhumbuzo salo nyaka siqondane nokubungazwa kweminyaka engama-25 kwamukelwa uMthethosisekelo weRiphabhlikhi yaseNingizimu Afrika wangowe-1996. 
5.2. Lolu suku lusikhumbuze umsebenzi wethu wokuziphatha njengesizwe ukuthi siqhubeke silwe nokucwasana ngokobuhlanga, ukucwasana ngokobulili, ukucwaswa kwabokufika nalo lonke udlame oluhlobene nokungabekezelelani, okubandakanya udlame olubhekiswe kwabobulili obuthile kanye nezinsalela zesihluku samaphoyisa.
5.3. IKhabhinethi licela bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basebenzise izinsuku ezisele eNyangeni Yamalungelo Abantu ukukhulisa ukuhlangana okukhulu ngokwenhlalo, ukwakhiwa kwesizwe kanye nokwabelana ngobunikazi bezwe.

B. Izinqumo zeKhabhinethi

1. Umthethonqubo Kazwelonke we-Data Nokugcinwa Kwemininingwane Emkhathini

1.1. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa kusomqulu koMthethonqubo Ohlongozwayo Kazwelonke we-Data Nokugcinwa Kwemininingwane Emkhathini ukuze umphakathi uphawule ngawo. Umthethonqubo uhlose ukulinganisa imithethonqubo ekhona kanye nomthetho ukuqinisekisa ukuthi izwe liyayisebenzisa intuthuko yomnotho wezobuchwepheshe bedijithali.
1.2. Izinsiza ze-Data Nokugcinwa Kwemininingwane Emkhathini izona zinto ezibalulekile ekwenzeni umnotho wezobuchwepheshe bedijithali. Umthethonqubo futhi uhlose ukuqinisekisa ukuthi izwe libamba iqhaza esikhathini esisha se-data. Uma sewamukelwe, umthethonqubo uzophinde uqinise amandla oMbuso ukuhlinzeka ngezinsiza kuzakhamuzi.

2. Umthetho Ohlongozwayo Kazwelonke Wokunikela Ngokuzimisela (i-NDC) ekubhekaneni komhlaba nokuguquka kwesimo sezulu

2.1. IKhabhinethi igunyaze umthetho ohlongozwayo obuyekeziwe we-NDC ekubhekaneni komhlaba nokuguquka kwesimo sezulu ukuze umphakathi uphawule. Isivumelwano i-Paris Agreement sidinga ukuthi iNingizimu Afrika ilethe ama-NDC ezikhathi ezithile achaza ngokucacile okuphokophelelwe ukunciphisa igesi engadingekile emoyeni.
2.2. Selokhu kwamukelwa isivumelwano i-Paris Agreement ngoZibandlela wangowezi-2015, iNingizimu Afrika seyenze inqubekela-phambili ebonakalayo ekuqhubeleni phambili intuthuko nokuqaliswa kokusebenza kwama-NDC ayo.
2.3. Umthetho ohlongozwayo obuyekeziwe ucabangela nezimo zikazwelonke zeNingizimu Afrika, izidingo zomthetho zesivumelwano i-Paris Agreement, ukulingana kanye nobuchwepheshe besayensi bakamuva.

3. I-IMC koweNdebe Yomhlaba Yebhola Lomnqakiswano yangowezi-2023 (i-NWC)

3.1. IKhabhinethi igunyaze ukusungulwa kwe-IMC ye-NWC yangowezi-2023 ngenhloso yokusingatha i-NWC yangowezi-2023. I-IMC izohola umsebenzi wokulungiselela lo mcimbi.
3.2. INingizimu Afrika, ezoba izwe lokuqala ngqa e-Afrika ukusingatha i-NWC, izosingatha amazwe ayi-16 aqhudelanayo. 

4. Umbukiso Womhlaba Wezitembu (i-IPEX)   

4.1. IKhabhinethi ligunyaze ukusingathwa kwe-IPEX, ophinde waziwe ngokuthi umbukiso wezitembu, eKapa kusuka mhla we-9 kuya mhla ziyi-19 kuZibandlela 2021 ngaphansi kwesiqubulo esithi: Indlela eya kwiNtando yabantu”. Umfelandawonye we-International de Philatelie (i-FIP) kwasekuqaleni wawuhlele ukuba nalo mbukiso eKapa kusuka mhla ziyi-17 kuya mhla zingama-20 kuNdasa 2021 kodwa wahlehliselwa olunye usuku ngenxa ye-COVID-19.
4.2. UMnyango Wezokuxhumana Nobuchwepheshe Bedijithali uzohlela futhi usingathe lo mcimbi ngokubambisana nekomidi elihlelayo le-FIP.
4.3. Izitembu eziqoqiwe zizobonisa izikhathi zomlando, abantu kanye nezehlakalo ezaba negalelo ekuthuthukiseni intando yabantu eNingizimu Afrika. Izihambeli ezilindelekile zizofaka igalelo kwezokuvakasha zezwe, zikhulise umnotho wasekhaya, futhi zithuthukise ukuhlangana ngokwamasiko nakwezenhlalo.

5. Uhlelo Lweminyaka Eyishumi Lokuqalisa Ezesayensi, Ubuchwepheshe kanye Nokuqamba Kabusha (i-STI Decadal Plan)

5.1. IKhabhinethi ligunyaze Uhlelo Lwesu lwe-STI Lweminyaka Eyishumi kusuka kowezi-2021 kuya kowezi-2031 ukuqalisa ukusebenza ngesayensi kanye nokuqamba kabusha. Uhlelo lulandela Umthetho Odingidwayo Kwezesayensi Nokuqamba Kabusha owagunyazwa yiKhabhinethi ngowezi-2019.
5.2. Umthethonqubo uphendula ukuthuthuka okusheshayo kwezobuchwepheshe kanye nokuqondisa i-STI ukuze kuzothuthuka ezenhlalo nomnotho ezweni. Lolu Hlelo Lweminyaka Eyishumi luzoba iqhinga elikhulu likahulumeni, elizohlanganisa eminye iminyango efana neMinyango Yezolimo, Eyokuguqulwa Komhlaba Nokuthuthukiswa Kwezindawo Ezisemakhaya; Owezimbiwa Nezamandla; Owezempilo; kanye noWokuhwebelana, Ezezimboni kanye Nokuncintisana. Ukuqalisa kokusebenza kwawo kuzoba ngokusebenzisana nayo yonke iminyango efanelekile.

C. Imicimbi Ezayo

1. Iqembu LikaMongameli Lokufunda Izincwadi nge-inthanethi

1.1. IKhabhinethi ligqugquzela abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bahlanganyele esikhathini sesine seQembu likaMongameli Lokufunda Izincwadi ngoLwesine, mhla zingama-25 kuNdasa 2021 kusuka ngehora le-16:30 kuya ku-18:30, okuzokwenzeka ngobuchwepheshe be-Microsoft Teams (https://nrc.org.za/).
1.2. Kulokhu kuhlanganyela kuzofundwa izincwadi zakudala zaseNingizimu Afrika ethi: The Suit ebhalwe ngu-Can Themba kanye nethi: I am not a Tramp ebhawe ngu-Leslie Sehume.
1.3. Selokhu wethulwa ngowezi-2019, uMfelandawonye Kazwelonke Wokufunda Izincwadi ususekele umkhankaso wokufunda izincwadi i-Read to Lead Campaign kanye nekhwela likaMongameli lokuthuthukisa ukufunda izincwadi kuzwelonke – kusuka eklasini kuya ekhaya.

1.4. Ngokusebenza ngokubambisana singakha phezu kwaleli khono eliyisisekelo sakhe ukufinyelela emathubeni emisebenzi.

D. Imiyalezo

1. Ukuhalalisa

IKhabhinethi lihalalisela futhi lidlulisa okuhle kodwa kulaba:

  • Dkt Patrice Motsepe, usomabhizinisi owaziwayo obe ngowokuqala eNingizimu Afrika ukukhethwa njengoMongameli weNhlangano Yebhola Lezinyawo e-Afrika.
  • IKhabhinethi liphinde lifisela bonke abantu baseNingizimu Afrika amaholidi ePhasika anenjabulo nokuphepha, nemiphakathi yezenkolo iPhasika elihloniphekile nelibusisekile ngokomoya.

2. Amazwi Enduduzo

IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo emndenini nakubangani baka:

  • Bayede iNkosi Goodwill Zwelithini kaBhekuzulu, obe yinkosi ebuse isikhathi eside eBukhosini bakwaZulu. UMongameli uRamaphosa uvumele ukuthi uBayede Umngcwabo Wombuso Okhethekile: ISigaba soku-1, esibandakanya ukuhlonishwa ngumbutho wezempi. UBayede uzokhunjulwa njengenkosi enombono eyabumbanisa abantu bakwaZulu, abaholi bendabuko futhi yaba negalelo empumelelweni yabantu bakwaZulu.
  • UMhlonishwa uMongameli John Pombe Magufuli weRiphabhlikhi yase-Tanzania. INingizimu Afrika ihlangene ngobuhlungu nohulumeni nabantu base-Tanzania njengoba bedlula kulesi sikhathi esinzima. Ukuhlonipha uMongameli Magufuli, uMongameli u-Ramaphosa uthe: “Sibakweleta lukhulu abantu base-Tanzania ngenkululeko yethu esayithola ngenxa yobubele nokuzidela kwabo. Yilo mlando esabelana ngawo owenza ukuthi thina, njengabantu baseNingizimu Afrika, ukulahlekelwa nguMongameli uMagufuli sikuzwe kakhulu futhi kushaye kithina siqu. I-Tanzania ilahlekelwe ngubaba kanye nobhuti, i-Afrika ilahlekelwe umholi onombono, futhi iNingizimu Afrika ilahlekelwe umngani omuhle.”
  • Mnu Menzi Ngubane, umakadebona womlingisi osewine izindondo obekade enekhono elihle kakhulu ekulingiseni futhi oyiciko. Ube negalelo elikhulu ekuthuthukiseni ubuciko bokulingisa, kumabonakude nangaphandle komabonakude. Umsebenzi wakhe njengeciko uyaqhubeka nokugqugquzela abaningi emkhakheni wobuciko.
  • Nks Noxolo Maqashalala, obengumlingisi osemncane okhaliphile owabusisa omabonakude bethu ngokubonisa ikhono lakhe elimangazayo.
  • Dkt Nawal El Saadawi, wase-Egypt olwela abesifazane, isishoshovu samalungelo abantu, umbhali kanye nodokotela oweluleka ngokwengqondo. Ube negalelo ekulweni nokucindezelwa kwabesifazane ngokwamasiko, inkolo kanye nangokwezigaba zezinhlaka zenhlalo ngemibhalo yakhe nobushoshovu bakhe. Wayaziwa umhlaba wonke ngomsebenzi wakhe owawulwa nokusikwa kwezitho zangasese kubantu besifazane.
  • Mnu Pathasarvasan Govender, ophinde aziwe ngelika “Charm Govender”, isishoshovu soMzabalazo sase-Chatsworth KwaZulu Natali, owayeyilungu le-Natal Indian Congress kanye nesishoshovu somshoshaphansi se-African National Congress (i-ANC).
  • Mnu Cecyl Esau, owayeyiqhawe loMzabalazo nowayeyisiboshwa sepolitiki e-Robben Island nowayeyilunga eledlule lombutho wezempi we-ANC, woMkhonto weSizwe. UMnu Esau wachitha ubusha bakhe bonke nobudala bakhe elwela iNingizimu Afrika ekhululekile, engacwasi ngokobuhlanga futhi engacwasi ngokobulili.

E. Abaqashiwe

Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe maqondana nezimo zokulandela umthetho.

1. Nks Nolwazi BK Gasa njengePhini Lomqondisi-Jikelele (u-DDG): Planning, Policy and Strategy kwa-DHET.
2. Mnu Samuel Zamokuhle Zungu njenge-DDG: Technical and Vocational Education and Training kwa-DHET.
3. Nks Pretty Nozipho Makukule njengeSikhulu Esiyinhloko Esilawula Izimali (i-CFO) kwa-DHET.
4. Nks Memme Sejosengwe, inkontileka yakhe njengoNobhala-Jikelele ehhovisi Lejaji Eliyinhloko yelulwa.

Imibuzo:
Nks Phumla Williams – USomlomo weKhabhinethi
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore