UMongameli u-Jacob Zuma: Inkulumo Echaza Isimo Sezwe 2017

Inkulumo Echaza Isimo Sezwe eyethulwa ngu-Jacob G Zuma, uMongameli weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika esigcawini sokuHlala Ngokuhlanganyela Kwezindlu zePhalamende Zombili, eKapa, mhla ziyisi-9 kuNhlolanja 2017

Somlomo Wesigungu Sikazwelonke,
Sihlalo WoMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe (i-NCOP),
IPhini likaSomlomo Wesigungu Sikazwelonke kanye nePhini likaSihlalo we-NCOP,
IPhini likaMongameli u-Cyril Ramaphosa,
UMongameli Waphambilini, uThabo Mbeki, iJaji Eliyinhloko, uMogoeng Mogoeng, kanye nawo wonke amalungu ahloniphekile ophiko lwezobulungiswa,
ONgqongqoshe NamaPhini abo,
ONdunankulu kanye nosomlomo bezishayamthetho zezifundazwe, uSihlalo we-SALGA, izinhloko zeziKhungo Zikahulumeni Ezeseka Ukubusa Ngentando Yeningi Labantu,
USihlalo Wendlu Kazwelonke Yabaholi Bendabuko,
UMongameli woMkhandlu Wenkolo YamaSulumane kanye nabo bonke abaholi bezinhlangano zezenkolo,
Usomlomo waphambilini weSigungu Sikazwelonke, uDkt Frene Ginwala,
Omakadebona Bomzabalazo wenkululeko,
Amalungu ezindlu zamanxusa,
Bantu bakithi eNingizimu Afrika,

Sanibonani, good evening, molweni, dumelang, goeie naand, lotjhani, ri perile, ndimadekwana.

Ngiyabonga, Somlomo Ohloniphekile noSihlalo Ohloniphekile, ngaleli thuba engilinikiwe lokwethula inkulumo yami phambi kwalesi sigcawu sokuhlala ngokuhlanganyela kwezindlu zePhalamende zombili.

Indodana yezwe lethu ehlonishwa kakhulu, uMongameli Oliver Reginald Tambo, ubezoba neminyaka yobudala eyi-100 kulo nyaka, ukube ubesaphila.

Lesi sikhondlakhondla sesishoshovu esabe silikhonze kakhulu izwe laso [sanikela] impilo yaso yobudala ekuphishekeleni inkululeko yezwe lethu kanye nabantu balo. Washiyela bonke abantu baseNingizimu Afrika, ukhondolo oluyoqhubeka unomphela, hhayi nje kuphela inhlangano yakhe, i-ANC.

Njengophawu lokumhlonipha ngegalelo lakhe, sesimemezele unyaka wezi-2017 njengoNyaka ka-Oliver Reginald Tambo. Lona ngunyaka wokuba bonke abantu baseNingizimu Afrika babumbane futhi basebenzisane njengoba siqhubekisela iNingizimu Afrika phambili, ngokuhlanganyela.

Kuyintokozo ukuthi lapha phakathi kwethu kusihlwa nje sinezivakashi ezikhethekile, okungamalungu omndeni wakwaTambo, uMnu Dali Tambo nowakwakhe u-Rachel, kanye nendodana yabo, u-Oliver Tambo Junior.

Simkhumbula kakhulu futhi noMama Afrika, u-Miriam Makeba, owaqopha umlando ngenkathi ethula inkulumo phambi kweNhlangano Yezizwe (i-UN) ngowe-1963, enxusa ukuba umbuso wobandlululo uthathelwe izinyathelo.

Sithanda ukwamukela, ngezandla ezifudumele, umzukulu wakhe uZenzile Makeba-Lee, kanye nomzukulwana wakhe uLindelani.

Bakithi,

Kulo nyaka wama-23 wenkululeko yethu, namanje impokophelo yethu isalokhu iwukuphishekela iNingizimu Afrika ebumbene, ebuswa ngokwentando yeningi labantu, engacwasi ngokobulili nangokobuhlanga futhi echumileyo.

Ngokuholwa wuHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP), sisebenzela ukwakha iNingizimu Afrika engenabo ububha futhi engenako ukungalingani kanye nokuntuleka kwemisebenzi.

Nakuba kusenongabazane ngesimo somnotho emhlabeni, izinkomba zibonisa ukuthi sesingene esikhathini lapho umnotho usuqala ukusimama. Silindele ukuba izinga lokukhula komnotho lifinyelele kuma-1.3% ngowezi-2017 kulandela isilinganiso sama-0.5% ngowe-2016.

Kodwa-ke, namanje umnotho wakuleli awukakhuli ngesivinini esanele ukuze kudaleke amathuba omsebenzi esiwadingayo. Kunabantu bakuleli, kubandakanya nentsha, osekuphele iminyaka ngeminyaka bengasebenzi.

Yilesi sizathu-ke esenze ukuba sinqume ukugxila emikhakheni embalwa ehlanganiswe yaba wuHlelo Olunamaphuzu Ayisishiyagalolunye ukuze sivuselele ukukhula komnotho ngenhloso yokudala amathuba omsebenzi adingeka kakhulu.

Imikhakha esigxile kuyona wukusungulwa kwezimboni, izimayini kanye nokulungiswa kwemikhiqizo yezimbiwa ngaphakathi kuleli ukuze ibe nenzuzo ethe xaxa futhi kuhlomule nabantu bakuleli, ezolimo nokulungiswa kwemikhiqizo yezolimo, ezamandla kagesi, amabhizinisi asafufusa (ama-SMME), ukulawulwa kwenxushunxushu nokungqubuzana phakathi kwabasebenzi nabaqashi, ukuhehwa kotshalo-mali, ukukhuliswa komnotho wasolwandle kanye nezokuvakasha.

Sengeze futhi neminye imikhakha ehlukahlukene enomthelela emphakathini, njengezesayensi nobuchwepheshe, ingqalasizinda yamanzi nokuthuthwa kwendle, ingqalasizinda yezokuthuthwa kwabantu kanye nokuhlinzekwa kwe-inthanethi esheshayo.

Ngicela ukuhlinzeka ngombiko womsebenzi esiwenzile kweminye yale mikhakha ngonyaka odlule.

Uhlelo lokuxhumana nokubonisana esiluqale ngonyaka odlule phakathi kukahulumeni, abamabhizinisi kanye nabasebenzi olubizwa i-CEO Initiative, lube wusizo olukhulu. Ngokubambisana, sikwazile ukuxazulula ezinye zezinselelo ebesibhekene nazo kuleli.

Sikwazile ukugwema ngempumelelo ukufakwa komnotho wakuleli ngaphansi kwezinga lomnotho ofadalalayo, okuyinto ebizoba nomthelela ongemuhle neze emnothweni wethu.

Isimo sezabasebenzi naso sesibonisa izimpawu zozinzo, ngenxa yobambiswano olukhona phakathi kukahulumeni, abamabhizinisi kanye nabasebenzi. Kumele ishayelwe ihlombe indlela eziziphathe ngayo lezi zinhlaka ngenkathi kubanjwe izingxoxo zamaholo, ikakhulukazi emkhakheni weplathinamu.

Ubumbano nokubambisana okuhle kubonakale kahle kamhlophe kuleli viki ngokucikicwa kwesivumelwano somholo kazwelonke oyisisekelo, nokuthathwa kwezinyathelo zokuqinisekisa uzinzo nobudlelwano obuhle phakathi kwabaqashi nabasebenzi.

Lokhu kulandela esicelweni engasenza eNkulumweni Echaza Isimo Sezwe mhla ziyi-14 kuNhlangulana 2014.

Siyalihalalisela iPhini LikaMongameli kanye nethimba loMkhandlu Kazwelonke Wezokuthuthukiswa Komnotho kanye Nezabasebezi (i-Nedlac) ngokufinyelela kulesi sivumelwano esiyingqophamlando, futhi sibafisela impumelelo emsebenzini osabahlalele.

Bakithi,

Ngonyaka odlule kuqhubekile ukuhlinzekwa kwezidingongqangi kubantu, njengoba silokhu siphokophele ekuqinisekiseni impilo engcono kubantu bonke. Kuze kube manje, alinganiselwa ezigidini eziyisikhombisa amakhaya asexhunyiwe kwisikhungo sikagesi sikazwelonke.

Ukuqaliswa nokuqhutshwa ngempumelelo kohlelo lwakwa-Eskom Lokwakhiwa Nokulungiswa Kwezikhungo Zikagesi kusisizile ukuba sikwazi ukuqinisekisa uzinzo ekuphakelweni kukagesi kanye nokuqeda ukucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga.

Uyaqhubeka umsebenzi wokuqinisekisa ukuthi kunogesi owanele kuleli lizwe. Ugesi ovuselelekayo uyingxenye esemqoka yohlelo lwethu lwemithombo kagesi exubile, okuwuhlelo olubandakanya nokuphehla ugesi ngokusebenzisa igesi yemvelo, inonzi, ilanga, umoya, amanzi kanye namalahle.

Uhulumeni uzibophezele oHlelweni Lwabakhiqizi Bakagesi Abazimele futhi siyalukhulisa lolu hlelo ukuze lubandakanye neminye imithombo kagesi kufaka phakathi amalahle negesi yemvelo, ngaphezu kukagesi ovuselelekayo.

Abakwa-Eskom bazozicikica lezo zivumelwano zokuthengwa kukagesi ovuselelekayo ebezingakacikicwa, ngokuhambisana nemizuliswano yokuthengwa kukagesi.

Uhulumeni usebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuphakelwa kwamanzi anele ngaso sonke isikhathi ezindaweni ezahlukahlukene zakuleli ngenhloso yokusekela ukukhula komnotho futhi kusenjalo kuqinisekiswe ukuthi bawathola ngendlela efanelekile amanzi abantu abahlala komasipala abadinga ukubhekelelwa kakhudlwana kanye nalabo abasezindaweni zasemakhaya.

Njengomzamo wokunqanda izinga lokumosheka kwamanzi eliphezulu, okuyizinga eliphakeme kakhulu kwabanye omasipala bakuleli uma liqhathaniswa nesilinganiso esimaphakathi sezwe lonkana, njengamanje esime kuma-37%, kuqeqeshwa abantu abasha abangasebenzi abayizi-10 000 abaqeqeshelwa umsebenzi wokuxhuma nokulungisa amapayipi amanzi, umsebenzi wobuchwepheshe bezandla kanye nomsebenzi wama-ejenti ezamanzi. Ngalo nyaka kuzoqashwa abanye abantu abasha abazoqeqeshwa ukuze lesi sibalo sifinyelele kwizi-15 000.

Siyabanxusa omasipala ukuba balusekele uhlelo lokuLwisana Nenkinga Yokuvuza Nokumosheka Kwamanzi.

Siyaqhubeka nokwakha izikole zesimanjemanje, esikhundleni sezikole ezakhiwe ngodaka kanye nezinye izakhiwo ezingekho ezingeni elifanelekile, ngaphansi koHlelo Olusheshayo Lokwakhiwa Kwengqalasizinda Yezikole (i-ASIDI). Lokhu kuzonikeza izingane zethu isithunzi.

Kusukela ngowezi-2011 ziyi-173 izakhiwo ezingekho ezingeni elifanelekile eziqediwe. Zingama-895 izikole ezintsha ezakhiwe, futhi njengamanje lezi zikole zihlinzeka izingane zethu ngethuba lokufundela ngaphansi kwesimo esikulungele kahle kakhulu ukuncela umbele wolwazi.

Mayelana nokugqugquzelwa kotshalo-mali, uhulumeni usungule i-InvestSA, okuyisikhungo sikazwelonke lapho kutholakala khona zonke izinsizakalo endaweni eyodwa futhi lesi sikhungo sizovula amagatsha esifundazweni saKwaZulu-Natali, eGauteng kanye naseMpumalanga Kapa.  Ucace bha umyalezo oqondiswe kuleyo minyango ithintekile. Akulungile neze ukuba kube nemidanti nemicikilisho engapheli ebambezela umsebenzi wokwenza ibhizinisi. Lokhu kubandakanya nokukhishwa kwamalayisense kanye nezimvume zokungena kuleli, ama-visa, futhi kumele sikwenze kube lula ukwenza ibhizinisi eNingizimu Afrika.

Bakithi,

UMongameli Oliver Reginald Tambo wayenguthisha wesifundo sezibalo nesayensi. Ngakho-ke kulo nyaka uhulumeni uzogxila kakhulu kunakuqala ekufundisweni kwesifundo sezibalo nesayensi, ngenhloso yokuhlonipha nokukhumbula uMongameli Tambo.

Kusikhuthaze kakhulu ukubona imiphumela yakamuva yokuhlolwa okusezingeni lamazwe omhlaba.

Imiphumela yoCwaningo Lwamazwe Ngamazwe Oluhlaziya Isimo Semiphumela Yesifundo Sezibalo Nesayensi (Trends in International Mathematics and Science Study) kanye neNhlangano Eqaphe Izinga Lemfundo Yombimbi Lwamazwe aseNingizimu kanye neMpumalanga ne-Afrika ikhombisa ukukhuphuka kwempumelelo yabafundi baseNingizimu Afrika ekuhlolweni kwabo.

Phakathi kwamazwe abambe iqhaza, iNingizimu Afrika ibonise ukukhuphuka kwezinga lemiphumela yokuhlolwa ukudlula wonke amanye amazwe njengoba leli zinga likhuphuke ngamaphuzu angama-87 esifundweni sezibalo kanti futhi esifundweni sesayensi likhuphuke ngamaphuzu angama-90.

Lokhu kuyakhuthaza kakhulu, njengoba singathandi neze ukubona izingane zethu zisemsileni.

Utshalo-mali esilufake kwezesayensi nobuchwepheshe lubonisa izithelo ezinhle.

Kusukela esikhathini lapho iNingizimu Afrika yanqoba khona umbango wokusingatha isibonakude i-Square Kilometre Array (i-SKA), ngokusekelwa ngamazwe ayisishiyagalombili ebambisene nawo, sekwenziwe inqubekelaphambili enkulu impela emsebenzini wokwakhiwa kwalo mklamo wezesayensi omkhulukazi, futhi leli lizwe seliqalile ukuvuna izithelo kulo mklamo.

Ngokuhlanganyela nesibonakude esandulela i-SKA, okuyisibonakude i-MeerKAT, umklamo we-SKA uyaqhubeka nokufaka isandla esibonakalayo ekuthuthukisweni kwenhlalo nomnotho eNingizimu Afrika.

Ngokusebenzisana kakhulu nale mboni, uMnyango Wezesayensi Nobuchwepheshe usuqalise uhlelo loqinisekisa ukuthi imikhiqizo yezobuchwepheshe yalo mklamo yakhiwa ngaphakathi kuleli. Lokhu kuqinisekisile ukuthi umsebenzi wokwakha isibonakude i-MeerKAT esidle imali eyizigidigidi ezimbili zamarandi uqhutshwa ngokusebenzisa imikhiqizo eyakhiwe kuleli engama-75%.

Lokhu sekuholele ekutheni kudaleke amathuba omsebenzi esifundazweni saseNyakatho Kapa ngokuqinisekisa ukuthi umnotho ugxila emikhakheni ehlukahlukene, ngokuthi kuvulwe imisebenzi yobuchwepheshe bezandla kanye neyokulungisa ingqalasizinda, futhi kuqinisekiswe nokuthi iningi labantu liqoka umsebenzi ophathelene nomkhakha wezesayensi.

Mayelana nengqalasizinda yezomgwaqo, inkampani yakwa-SANRAL seyisiqalile isigaba sokuhlela nokulungiselela umklamo wokulungiswa nokukhuliswa komgwaqo uMoloto, ozodla imali ezibhiliyoni eziyi-4.5 zamarandi.

Sakha umgwaqo nomzila wesitimela ku-Moloto Road ukuze kuphephe izimpilo zabantu ngoba izingozi sezithathe imiphefumulo eminingi kuleya ndawo.

Ngowezi-2016, iNingizimu Afrika yacikica isivumelwano ne-People’s Republic of China (i-PRC) ngenhloso yokwakha umgwaqo nomzila wesitimela ngaphansi kohlelo olubizwa nge-Moloto Rail Development Corridor.

Ngowezi-2014, sethula uHlelo Lokuzuza Imiphumela Emikhulu futhi Esheshayo lwe-Operation Phakisa emkhakheni wezomnotho wasolwandle, ezempilo, ezemfundo kanye nezezimayini. Injongo yalokhu kwabe kuwukuthola imiklamo embalwa esemqoka esingayisebenzisa ukukhulisa umnotho ukuze kuqaliswe i-NDP.

Yonke imiklamo iqhubeka kahle kakhulu.

UMbutho Wezempi Wasemanzini waseNingizimu Afrika nawo ulibambile iqhaza emklamweni we-Operation Phakisa futhi njengamanje ulungiselela ukusungula isikhungo semikhumbi kahulumeni e-Simon’s Town, esizolawula yonke imikhumbi yombuso, kubandakanya nokulungiswa kwemikhumbi nokuyigcina isesimweni esihle, ngaphansi kobambiswano olusanda kusungulwa phakathi koMbutho Wezempi Wasemanzini waseNingizimu Afrika ne-ARMSCOR kanye ne-Denel.

Sihlonze umkhakha wezokuvakasha njengomkhakha osemqoka kakhulu ekudalweni kwamathuba omsebenzi. Ngakho-ke kube yintokozo ukubona isibalo sabavakashi abangena kuleli sikhuphuka sifinyelela ezigidini eziyisishiyagalolunye, phakathi kukaMasingana noLwezi 2016, okuyisibalo esikhuphuke ngabavakashi abangaphezudlwana nje kancane kwesigidi uma kuqhathaniswa nesibalo sowezi-2015. Lokhu kubonisa ukukhula kwabavakashi abangena kuleli nge-13%.

Uhulumeni uqhuba izinhlelo zokuxosha ikati eziko ezisebenza kahle kakhulu njengoHlelo Olunwetshiwe Lwemisebenzi Yomphakathi (i-EPWP). Ngaphezu kwalokhu, njengamanje izibonelelo zikahulumeni sezifinyelela kubantu ababalelwa ezigidini eziyi-17, iningi labo okungabantu asebekhulile kanye nezingane. Imindeni eminingi beyingeke neze ikwazi ukuxosha ikati eziko ukube bezingekho izibonelelo zikahulumeni.

Kusukela ngowezi-2014, i-EPWP seyivule amathuba etoho angaphezu kwezigidi ezimbili emzamweni wokufinyelela emkhawulweni obekiwe oyizigidi eziyisithupha ngaphambi kokuphela kwenyanga kaNdasa 2019. Kula mathuba etoho avulekile, angaphezu kwesigidi amathuba okuqashwe kuwona intsha.

Ngowezi-2015/2016, angaphezu kwezi-61 000 amathuba etoho avulekile ezinhlelweni zezemvelo ezinjengoHlelo Lokusebenzela Amanzi, uHlelo Lokusebenzela Amaxhaphozi, uHlelo Lokucima Umlilo kanye noHlelo Lokonga Imvelo. Kulaba bantu abahlomulile abantu abasha bangaphezu kwama-60%.

Uhulumeni, ngokubambisana nomphakathi, ulwisana nezihlava eziwumbulalazwe okhahlameza umphakathi, njengokuxhashazwa kwezidakamizwa. Kusukela eSoshanguve kuyoshaya e-Rosettenville noma KwaMashu kuyofinyelela e-Cape Flats, imiphakathi ibhekene nobunzima obukhulu ngenxa yezidakamizwa.

Ngaphezu kokusebenzisa ingalo yomthetho, kuyinto esemqoka kakhulu futhi ukuba kuhlinzekwe ngosizo lokwelashwa kanye nezinsizakalo zokunqanda lesi sihlava.

UMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi wakha izikhungo ezintsha ezizohlinzeka ngosizo lokwelashwa ezifundazweni lapho zingekho khona njengamanje izikhungo ezinjengalezi, okuyisifundazwe saseNyakatho Kapa, Nyakatho Ntshonalanga, Limpopo, Freyistata kanye neMpumalanga Kapa.

Uma sisebenza ngokubambisana singayivikela intsha yethu kulo mbulalazwe wezidakamiswa.

Mayelana nezempilo, uMshwalense Kazwelonke Wezempilo (i-NHI) wumklamo wethu oyingqayizivele okuhloswe ngawo ukuqhubekisela iNingizimu Afrika phambili ukuze ifinyelele emgomweni wokuqinisekisa ukuthi Bonke Abantu Bahlinzekwa Ngosizo Lwezempilo Olusezingeni Eliphezulu.

I-NHI izoqaliswa ngaphansi kwezigaba ezintathu ezizothatha isikhathi esiyiminyaka eyi-14.

Manje sesimaphakathi nesigaba sokuqala, okuyisigaba sokulungiselela, esaqala ngowezi-2012.

Bakithi,

Sikhathazeke kakhulu ngokushona kweziguli ezikhubazeke ngokwengqondo eziningi kangaka eGauteng.

Iziguli ezikhubazeke ngokwengqondo zingamalungu omphakathi adinga ukubhekelelwa kakhulu futhi okumele avikelwe ekuphathweni kabi nguMbuso nomphakathi wonkana. Ngiyalele uNgqongqoshe Wezempilo ukuba aqinisekise ukuthi izincomo zesiKhulu Esiphenya Izikhalazo Emkhakheni Wezempilo zifezekiswa ngokuphelele, ngokushesha futhi ngaphandle kokungabaza.

Siyazamukela izincomo zesiKhulu Esiphenya Izikhalazo Emkhakheni Wezempilo mayelana nesidingo esiphuthumayo sokubuyekezwa koMthetho Kazwelonke Wezempilo, wezi-2003 (uMthetho wama-61 wezi-2003) kanye noMthetho Kazwelonke Wokunakekelwa Kweziguli Ezigula Ngokwengqondo, wezi-2002 (uMthetho we-17 wezi-2002) ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi amandla nemisebenzi ethile kubuyela kuNgqongqoshe Wezempilo.

Siyaphinda futhi sidlulisa amazwi enduduzo kuyo yonke imindeni nezihlobo zeziguli ezashona.

Uhulumeni uzohlinzeka ngosizo ukuze imindeni ingawuthwali yodwa lo mthwalo. UNdunankulu waseGauteng kanye noNgqongqoshe Wezempilo sebesinikezile lesi siqinisekiso.

Mningi umsebenzi owenziwe ngonyaka odlule ekuqalisweni koHlelo Olunamaphuzu Ayisishiyagalolunye kanye nazo zonke izinhlelo zethu. ONgqongqoshe bazokwethula imibiko ethe xaxa mayelana nezinhlelo zabo ngenkathi kwethulwa amavoti esabelomali.

Malungu ahloniphekile,

Manje ngizothanda ukukhuluma ngezinhlelo esizibeke eqhulwini kulo nyaka esiwuphethe.

Ayiphelele neze inkululeko yezepolitiki uma ihamba yodwa ngaphandle kwenkululeko yezomnotho.

U-Oliver Tambo wayibeka ngokucace bha le mpokophelo emhlanganweni wokugubha ukusungulwa kweNhlangano yamaKhomanisi aseNingizimu Afrika (i-SACP) e-London ngowe-1981.

Wathi:

“Injongo yomzabalazo wethu eNingizimu Afrika, njengoba ibekwe ngokucacile kuSomqulu Wenkululeko, ibandakanya nenkululeko yezomnotho. Kuyinto engafiki nakancane emqondweni ukuthi inkululeko ingenzeka ngempumelelo ngaphandle kokubuyiselwa komcebo wezwe ezandleni zabantu bonkana.”

“Ukuvumela labo abaphethe umnotho njengamanje baqhubeke nokuwuphatha ngaphandle kokuba kwabelwane ngawo kuyisenzo esikhuthaza ingcindezelo nokuxhashazwa kwabantu ngokobuhlanga, futhi akubonisi noluncane uphawu lwenkululeko.”

“Yingakho-ke kuyinto esemqoka kakhulu ohlelweni lwethu lokuzabalazela inkululeko ukuba ukunqoba kungagcini nje kuphela ngokuzuza intando yeningi labantu; kepha umzabalazo wethu wokulwela inkululeko ezweni kumele ubandakanye nenkululeko yezomnotho.”

Ngabe sisho ukuthini uma sikhuluma ngoguquko lwezenhlalo nomnotho olunohlonze?

Sisho uguquko olunohlonze ohlakeni, ezinhlelweni, ezikhungweni nasesimweni sobunikazi, kanye nokuphathwa nokulawulwa komnotho okubavuna bonke abantu baseNingizimu Afrika, ikakhulukazi labo abahlwempu, iningi labo okungabantu abampisholo kanye nabesifazane, ngendlela lokhu okuchazwe ngayo yiqembu elibusayo, okuyilona elenza izinqubomgomo zikahulumeni wentando yeningi labantu.

Emva kweminyaka engama-22 yenkululeko yethu nentando yeningi labantu, iningi labantu abamnyama lisazithola lingondingasithebeni kwezomnotho. Abagculisekile neze ngalokho abakuzuzile enkululekweni yabo uma sekuza ngasodabeni lwezinzuzo zomnotho.

Likhulu ngendlela emangalisayo igebe emalini engenayo ngonyaka emakhaya abantu abampisholo uma kuqhathaniswa nemali etholwa ngamakhaya abantu abamhlophe.

Amakhaya abamhlophe athola okungenani imali ephindaphindeke kahlanu kuleyo etholwa ngamakhaya abampisholo, ngokwezibalo ezikhishwe wuPhiko Lwezezibalo eNingizimu Afrika (i-Stats SA).

Isimo sobunikazi bomnotho naso sifana ncamashi naleso semali engenayo emakhaya.

Ngokwemininingwane ehlinzekwe yiSikhwama Sikazwelonke Sokufukulwa Kwabantu Abamnyama Kwezomnotho (i-NEF), zingama-10% kuphela izinkampani zabantu abamnyama baseNingizimu Afrika ezikleliswe ohlwini lwezinkampani eziyi-100 eziseqhulwini eSikhungweni Sokuhwebelana Ngamasheya saseGoli (i-JSE), futhi ukuba khona kwazo kulolu luhlu kwenzeke ikakhulukazi ngenxa yemigomo yokufukulwa kwabantu abamnyama kwezomnotho.

Kusalokhu kuhamba ngesivinini sonwabu ukulethwa koguquko emsebenzini kanye nokuqaliswa ngokuphelele kwezinqubomgomo zokubhekelelwa kangcono kwabantu ababencishwe amathuba phambilini njengoba lokhu kudingekile ngokulayela koMthetho Wokuqasha Ngokulingana, we-1998 (uMthetho wama-55 we-1998).

Ngokwemininingwane yowezi-2015/16 ethunyelwe kwiKhomishana Yokuqasha Ngokulingana, inani labantu abamhlophe abangabaphathi abakhulu lingama-72% kanti inani labantu abampisholo abaphethe izikhundla eziphakeme lingama-10% kuphela.

Inani lamaKhaladi lona lime kuma-4.5% bese kuthi elamaNdiya libe ngama-8.7%.

Lo mbiko uyaveza futhi nokuthi abantu abamhlophe baseNingizimu Afrika, ikakhulukazi abesilisa, banamathuba angcono okuthola umsebenzi, nokukhushulelwa ezikhundleni eziphakeme kanye nokuthola ukuqeqeshwa uma beqhathaniswa nabantu ababencishwe amathuba phambilini.

Uma kubhekwa lokho okuvezwa yilo mbiko mayelana nesibalo sabesifazane nabesilisa ezikhundleni eziphakeme kuyabonakala ukuthi iningi kusengabantu besilisa njengoba bengama-67.6% kanti abesifazane bona bangama-32.4%.

Kumele kulungiswe ungalingani okukhona esimweni sobunikazi kanye nobuholi. Ngeke neze kube khona ukusimama komnotho okunohlonze uma nje iningi labantu bakuleli lisashiywe ngaphandle ngale ndlela. Ezingxoxweni engizibambe nomphakathi wabamabhizinisi, bavumile ukuthi kunesidingo esiphuthumayo sokuletha uguquko olusheshayo mayelana nalokhu.

Namuhla siqalisa isahluko esisha soguquko lwenhlalo nomnotho olunohlonze. Sithi kumele siyeke ukulokhu sidla ingevu siqalise izinhlelo eziphathekayo.

UMbuso uzodlala indima enkulu emnothweni wezwe ngenhloso yokuqhuba lolu guquko. Ukwenza lokhu-ke, uhulumeni uzowasebenzisa ngokuphelele amasu namathuluzi akhethekile akhona ngaphakathi koMbuso ukuze kukhushulwe igiya lokusebenza.

Lokhu kubandakanya imithetho nemithethonqubo, ukukhishwa kwamalayisensi okusebenza, isabelomali, ukuthengwa kwempahla nezinsizakalo kanye nosomqulu bokuFukulwa Nokubhekelelwa Kangcono Kwabantu Abamnyama Kwezomnotho (i-BBBEE) ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi umkhakha wamabhizinisi azimele udlala indima yawo ngokufanelekile futhi kuqhutshwe noguquko.

Njalo ngonyaka uMbuso usebenzisa imali engamabhiliyoni angama-500 amarandi ukuthenga izimpahla nezinsizakalo. Ngaphezu kwalokhu kuphinde kwengezwe futhi nesabelomali sengqalasizinda esingamabhiliyoni angama-900 amarandi. Lezi zimali ezabiwe kumele zisetshenziselwe ukuletha uguquko lwezomnotho.

Njengesinyathelo sokuqala sokuletha lolu guquko, iphothuliwe futhi yashicilelwa kusomqulu kahulumeni mhla zingama-20 kuMasingana imithethonqubo ephoqelela ukuba osonkontileka abakhulu babele osomabhizinisi abamnyama ingxenye engama-30% yomsebenzi abawunikezwe nguhulumeni.

Ngokusebenzisa le mithethonqubo kanye nezinhlelo, uhulumeni uzokwazi ukusebenzisa amandla okuthenga oMbuso ukufukula amabhizinisi amancane, amabhizinisi asezindaweni zasemakhaya nasemalokishini, abantu ababencishwe amathuba phambilini kanye nokugqugquzela ukuthuthukiswa kwezimboni kuleli.

Izinselelo ezimbili esibhekene nazo wukuthi ingxenye enkulu yomnotho wakuleli isesezandleni zezinkampani ezimbalwa kanye nomkhonyovu wombimbi lwezinkampani ezisebenzisana ngokungemthetho ngenhloso yokuvimbela ezinye izinkampani, okuyinto eholela ekutheni amabhizinisi amancane avaleleke ngaphandle futhi lokhu kuvimbela intsha engosomabhinisi kanye nosozimboni abamnyama bangakwazi ukungena kahle nokubamba iqhaza ngokuphelele emnothweni wakuleli.

Muhle kakhulu impela umsebenzi owenziwe yiziphathimandla ezengamele ukuncintisana njengoba zivundulule umkhonyovu wezinkampani ezisebenzisana ngokungemthetho futhi zaqinisekisa ukuthi lezi zinkampani ziyajeziswa ngokuphula kwazo umthetho.

Ngonyaka odlule ngasayinda futhi ngaphasisa isimiso somtheshwana owenza kube yicala elibomvu ukuzibandakanya kumkhonyovu wokusebenzisana kwezinkampani ngokungemthetho futhi lo mtheshwana uqale ukusebenza mhla lu-1 kuNhlaba. Umuntu owuphulayo kungenzeka agixabezwe ngesigwebo seminyaka engafinyelela kweyi-10 ebhadle ejele.

Manje sesiqalile ukuqinisa imizamo yethu yokubhekana nenselelo yomnotho osesezandleni zabayingcosana.

Kulo nyaka, uMnyango Wezokuthuthukiswa Komnotho uzokwethula phambi kweKhabhinethi umthetho okuhloswe ngawo ukuchibiyela uMthetho Wezokuncintisana, we-1998 (uMthetho wama-89 we-1998). Phakathi kokunye, lokhu kuzobhekelela nesidingo sokuqinisekisa ukubandakanywa kwabantu bonke emnothweni kanye nokusabalalisa ubunikazi ukuze bungagxili ezandleni zabantu abayingcosana nje kuphela njengoba lokhu sikubona kwenzeka emikhakheni eminingi. Lo mthetho sizowethula phambi kwePhalamende ukuze ucutshungulwe.

Ngale ndlela sihlose ukuvula umnotho ukuze kungene osomabhizinisi abasha, sinikeze abantu abamnyama baseNingizimu Afrika ithuba lokubamba iqhaza emnothweni wakuleli futhi ngokweqiniso senze umnotho wakuleli usimame ngomdlandla, uvumele ukuncintisana futhi ubandakanye abantu bonke. Lena yinhloso-mbono yethu yoguquko lwezomnotho olunohlonze.

Bakithi,

Uhulumeni ubambe iqhaza elikhulu emkhakheni wezezindlu, njengoba esehlinzeke ngezindlu ezingaphezu kwezigidi ezine kusukela ngowe-1994.

Ezweni lethu lo mkhakha ulinganiselwa kumathriliyoni ayisikhombisa amarandi kanti umkhakha wesibonelelo somxhaso wona ulinganiselwa kwithriliyoni eyi-1.5 yamarandi.

Kepha-ke, ingaphansi kwama-5% ingxenye yalo mkhakha esezandleni zabantu abamnyama, ikakhulukazi abampisholo noma elawulwa yibona. UMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu uzoshicilela uhlaka loMthethosivivinywa Wezabasebenzi Bomkhakha Wokuthengiswa Nokuqashiswa Kwezindlu Nomhlaba ukuze umphakathi uphawule ngawo, ngenhloso yokusungula umkhakha obandakanya umuntu wonke futhi lapho bonke abantu bemeleke ngokufanelekile, njengomzamo wokuletha uguquko lwezomnotho olunohlonze.

Phakathi kwezinto ezisemqoka ezibekwe eqhulwini kulo nyaka, uhulumeni uzolungisa inkinga yezinga elikhulayo lokubambezeleka nokusalela emuva kohlelo lokubhaliswa nokukhishwa kwamatayitela anikezwe labo abahlomulile emiklamweni yokwakhiwa kwezindlu exhaswe nguhulumeni ngezimali.

Bakithi,

Siyagcizelela ukuthi uguquko lwezomnotho olunohlonze akumele lugcine ngokuba abantu babe ngabanikazi bamasheya nje kuphela, kepha kumele ludlulele ngaphezulu kakhulu kwalokho.

Sifuna ukubona abantu abamnyama bebandakanywa ngokuphelele emkhakheni wezebhizinisi futhi babe ngabanikazi bamafemu. Ngakho-ke kusemqoka kakhulu ukuthuthukiswa koHlelo Losozimboni Abamnyama.

Kusukela ekusungulweni kwalo lolu hlelo selusekele osomabhizinisi abangaphezu kwama-22.

Uhulumeni uzohlinzeka ngamanye futhi amathuba emklamweni woMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi wokulungiswa kwezindlu.

Kulo nyaka, umnyango uzotshala imali elinganiselwa ezigidini eziyi-100 zamarandi emiklamweni emikhulukazi futhi esemqoka kakhulu yokulungiswa kwengqalasizinda yezikhumulo zemikhumbi zakuleli ukuze zibe sesimweni sesimanjemanje. Umnyango uzoqhubeka futhi nokungenisa imali ngokuqashisa ngezikhumulo zombuso kanye nezindlu nomhlaba kahulumeni esezindaweni ezigudle ulwandle, okuyinto ezohlomulisa ama-SMME abantu abamnyama.

Uhulumeni uzoqhubeka futhi nokuqalisa ukusebenza kwezinqubomgomo okuhloswe ngazo ukukhuphula ukubandakanywa kwabantu abamnyama nama-SMME, kufaka phakathi nawabesifazane nentsha, emkhakheni wezobuchwepheshe bolwazi nokuxhumana.

Sithanda ukuqiniseka intsha ukuthi ukwehliswa kwezindleko zokuthenga idatha ye-inthanethi yinto eseqhulwini ezinhlelweni nezinqubomgomo zethu.

Bakithi,

Umkhakha wezimayini usalokhu uwumgogodla womnotho wethu futhi ungenisa imali evela emazweni angaphandle, okuyinto esemqoka kakhulu.

Siyakuthokozela ngempela ukusimama kwamanani entengo yezimbiwa, osekuholele ekutheni ukhuphuke umkhiqizo wezimbiwa. Lokhu kuzoba nomthelela omuhle kakhulu kule mboni.

Njengamanje uyabuyekezwa uSomqulu Wezezimayini. Lo somqulu uhlose ukuvumela ukusetshenziswa kwelungelo elamukelwe ngamazwe omhlaba wonke jikelele lokuthi uMbuso unegunya eliphelele lokulawula nokuthatha izinqumo mayelana nayo yonke imithombo yezimbiwa nemikhiqizo kawoyela ngaphakathi kuleli.

Kuhloswe ngawo futhi nokulekelela izwe ukuba likwazi ukuvula ubunikazi bemboni yezezimayini ukuze bufinyelele nakwezinye izinhlanga zabantu bakuleli.  Lokhu kuzolekelela ekuqinisekiseni ukusimama kwale mboni.

Siyethemba ukuthi izingxoxo phakathi kukahulumeni nabamabhizinisi mayelana nalo somqulu zizoba nomphumela omuhle ukuze iphothulwe le nqubo.

Sizoqhubeka nokuphishekela ukubandakanywa ngokuphelele kombuso kwezezimayini. UMthethosivivinywa Wenkampani Yezimayini yaseNingizimu Afrika uzokwethulwa phambi kweKhabhinethi kanye nePhalamende kuwo lo nyaka.

ISichibiyelo Somthethosivivinywa Wokuthuthukiswa Kwemithombo Yezimbiwa Nemikhiqizo Kawoyela sibuyiselwe emuva ePhalamende ukuze kulungiswe izinkinga eziphathelene nendlela izishayamthetho zezifundazwe ezaqhuba ngayo inqubo yokubonisana nomphakathi.

Siyethemba ukuthi lokhu kuzolungiswa bese ubuyiselwa emuva ukuze uphothulwe futhi kuxazululwe nokukhathazeka okuvezwe ngabamabhizinisi ngongabazane olukhona mayelana nalo Mthethosivivinywa.

Uhulumeni uyaqhubeka nokusebenzisana nabanye ababambiqhaza ngenhloso yokulwisana nokumbiwa kwezimbiwa ngokungemthetho ukuze kuvikelwe izimpilo zabantu futhi kunqandwe nokushushumbiswa kwezimbiwa eziyigugu kanye namadayimane.

Siyaqhubeka futhi nokugcizelela kakhulu udaba lwempilo nokuphepha kwabasebenzi basezimayini, okuyinto esemqoka kakhulu ekusimameni komkhakha wezimayini. Ngokusebenzisana nezinkampani zezimayini singaqinisekisa ukuthi izimpilo zabantu zivikelekile ngaso sonke isikhathi.

Ingozi edabukisayo eyenzeka e-Lily Mine esifundazweni saseMpumalanga ngasekuqaleni konyaka wezi-2016 yingozi yokuqala ngqa yalolu hlobo eyenzeke kuleli kusukela kwasungulwa umbuso wentando yeningi labantu.

Imindeni ethintekile isebuhlungwini obukhulu futhi isakhungathekile.

Bakithi,

Kuzoba nzima ngempela ukubuyisana ngokuphelele uma ingakaxazululwa impicabadala yodaba lomhlaba.

Ngamahekthare ayizigidi eziyisikhombisa kuphela omhlaba wokulima osudluliselwe ezandleni zabantu abamnyama, okungama-9.8% kuphela, kumahekthare ayizigidi ezingama-82 omhlaba wokulima okhona eNingizimu Afrika.

Futhi isibalo samakhaya azibandakanya kwezolimo sehle ngama-19% sisuka kumakhaya ayizigidi ezingu-2.9 ngowezi-2011 sehlela ezigidini ezingu-2.3 ngowezi-2016.

Sishilo ukuthi inhloso yethu yokusebenzisa uMthetho Wokudliwa Komhlaba, we-1975 (uMthetho wama-63 we-1975) wukuletha izinguquko kwezomhlaba kanye nokuqinisekisa ukwabiwa kabusha komhlaba, ngokuhambisana noMthethosisekelo. Manje senginqume ukuwuphindisela emuva ePhalamende uMthethosivivinywa ukuze ucutshungulwe kabusha ngenxa yokuthi kukhona ingxenye yawo engahambisani kahle noMthethosisekelo. Lokhu kungenxa yokuthi awubandakanywanga ngokwanele umphakathi ngenkathi usadingidwa lo Mthethosivivinywa.

Siyethemba ukuthi iPhalamede lizokulungisa ngokushesha okukhulu lokhu ukuze uphothulwe umthetho ngenhloso yokuletha uguquko oludingekayo.

Isamisiwe futhi nenqubo yokuvulwa kabusha kwezicelo zokubuyiselwa umhlaba ngenxa yokuthi iNkantolo YoMthethosisekelo yakhipha isinqubo sokuthi asikho emthethweni iSichibiyelo Somthetho Wokubuyiselwa Kwamalungelo Omhlaba Kubanikazi Bawo, wezi-2014 (uMthetho we-15 wezi-2014).

INkantolo YoMthethosisekelo yathola ukuthi inqubo yokubonisana nomphakathi eyabe iholwa yi-NCOP kanye nezishayamthetho zezifundazwe ezithile, beyingahambisani namazinga abekwe nguMthethosisekelo.

Kusukela manje uhulumeni uzoqhubeka nokuqalisa ukusebenza kwezinye izinhlelo, njengohlelo lokuQiniswa Kwamalungelo Abantu Abasebenza Emapulazini, olwaziwa futhi ngokuthi wuhlelo lwama-50-50.

Kulolu hlelo, abasebenzi basemapulazini bayahlangana babumbe inkampani esemthethweni bese emva kwalokho behlangana nomnikazi wepulazi kusungulwe inkampani entsha ukuze abasebenzi kanye nomnikazi wepulazi babe ngabanikazi bale nkampani entsha ngokuhlanganyela.

Kuze kube manje ziyi-13 iziphakamiso esezamukelwe ngokusemthethweni, okuyinto esihlomulise amakhaya abantu abahlala emapulazini abangama-921 futhi inani lalokhu lilinganiselwa ezigidini ezingama-631 zamarandi. Siyabahalalisela abalimi kanye nabasebenzi basemapulazini ngalolu hlelo oluhle kangaka.

Futhi okubaluleke kakhulu, siyanxusa kubafaki bezicelo zokubuyiselwa umhlaba ukuba baqoke ukubuyiselwa umhlaba wabo esikhundleni sokuqoka isinxephezelo semali. Njengamanje zingaphezu kwama-90% izicelo zokubuyiselwa umhlaba eziphothulwa ngokuba abantu abafake izicelo bamukele isinxephezelo semali okuyisenzo esingesihle neze kulolu hlelo. Lokhu kubhebhethekisa isenzo sokuba abantu bangabi nomhlaba okungowabo. Futhi kubukela phansi uhlelo lokufukulwa kwabantu abamnyama kwezomnotho.

Uhulumeni uzibophezele ekusekeleni abalimi abamnyama abasafufusa.

Ngithole imemorandamu evela eNhlanganweni Yabalimi Abampisholo BaseNingizimu Afrika lapho bethi khona kumele unyaka wezi-2017 kube ngunyaka wokufukulwa kwabalimi abamnyama abasafufusa ukuze nabo bakhule babe ngabalimi asebethuthukile.

Ngempela, uhulumeni uzoqalisa uhlelo oluzolekelela abalimi abamnyama abasafufusa abangama-450 ukuze nabo bakhule babe ngabalimi asebethuthukile.

Siyabakhuthaza nabesifazane ukuba nabo bangene ngobuningi kwezolimo. Kusihlwa nje nginesivakashi esikhethekile, u-Vanecia Janse, onguMlimi Wesifazane Ovelele Wonyaka wezi-2016, oqhamuka kumasipala wase-Koukamma eMpumalanga Kapa.

Bakithi,

Abalimi bethu badlule esikhathini esinzima ngonyaka odlule ngenxa yesomiso.

Kuze kube manje, sekukhishwe imali elinganiselwa kumabhiliyoni ayi-2.5 amarandi ukuze kuhlinzekwe ukudla kwemfuyo, ingqalasizinda yamanzi, ukumbiwa nokulungiswa kabusha kwamapitsi, izindali kanye nezinye izinhlelo zokungenelela.

Ngaphezu kwalokhu iNkampani Yokuthuthukiswa Kwezimboni (i-IDC) kanye neLand Bank bahlinzeke ngoxhaso-mali olulinganiselwa ezigidini ezingama-500 zamarandi kubalimi abasebunzimeni ukuze bakwazi ukukhokha izikweleti zabo futhi ngenhloso yokubaboleka imali ngezinga lenzalo eliphansi futhi ngaphansi kwemigomo yokubolekisa engaqinile kakhulu.

Bakithi,

UMongameli Oliver Reginald Tambo wayeyisishoshovu esilwela amalungelo abesifazane.

Sizoqhubeka nokubeka eqhulwini ukufukulwa nokuhlonyiswa kwabesifazane kuzo zonke izinhlelo zikahulumeni.

Uhulumeni uzoqhubeka nokubeka eqhulwini ukufinyelela kwabesifazane emathubeni ezomnotho futhi, ikakhulukazi, ukuxhaswa kwamabhizinisi kanye nokuhlinzekwa ngesikweleti.

Lena yinkululeko eyalwelwa ngamaqhawekazi omzabalazo anjengo-Dora Tamana ongasekho, waseGugulethu, khona lapha eKapa. Kuyintokozo ukuthi lapha phakathi kwethu kusihlwa nje sibe nendodana yakhe uMongezi Tamana, oyisivakashi sethu.

Bakithi,

NgoZibandlela wezi-2015, abafundi basemanyuvesi bazwakalisa ukukhathazeka kwabo ngezindleko zemfundo ephakeme.

Bakuveza ukuthi izikweleti zabo kanye nemali yokufunda ekhuphuka ngokushesha kwenza kube nzima kakhulu kulabo abavela emakhaya ahluphekayo ukuba bangene futhi bahlale ezikhungweni zemfundo ephakeme baze baphothule imfundo yabo, futhi lokhu kuyiqiniso elimsulwa.

Yilesi sizathu-ke esenze ukuba uhulumeni wethu onakekelayo, emva kokuzwa ukukhathazeka kwabafundi ngokushiywa kwabo ngaphandle emanyuvesi, asukumele phezulu athathe isinqumo sokuthi nguyena ozothwala izindleko zokukhushulwa kwemali yokufunda zonyaka wezi-2016.

Futhi uhulumeni usesikhokhe sonke isikweleti ebesikweletwa ngabafundi abangaphansi koHlelo Lukazwelonke Lokuxhaswa Kwabafundi Ngezimali (i-NSFAS) futhi uphinde wakhulisa nesibalo sabafundi abangaphansi kwalolu hlelo safinyelela esibalweni esikhulu kunazo zonke uma kuqhathaniswa nezibalo zabafundi ababexhaswa esikhathini esedlule.

Ngenkathi kwethulwa iSitatimende Senqubomgomo Yesabelomali Sesikhathi Esimaphakathi sowezi-2016, uhulumeni wethu wamemezela izinyathelo ezengeziwe okuhloswe ngazo ukukhulisa isibalo sabafundi abaphuma emakhaya ahlwempu abangena emanyuvesi.

Uhulumeni usehlinzeke ngemali yokuqinisekisa ukuthi akekho umfundi ophuma emndenini othola imali engafinyelela kuma-600 000 amarandi ngonyaka ozokhokha leyo ngxenye yemali ezokwengezwa emalini yokufunda enyuvesi kanye nasemakolishi Okufundela Umsebenzi Wezobuchwepheshe Bezandla Nokuqeqeshwa (ama-TVET) ngowezi-2017.

Bazoxhaswa ngezimali bonke abafundi abafanelekile ukungena ngaphansi kohlelo lwe-NSFAS abamukeliwe emanyuvesi kanye nasemakolishi angama-TVET. Sesikhokhiwe isikweleti sowezi-2013, 2014 nowezi-2015 sabafundi abafanelekile ukungena ngaphansi kohlelo lwe-NSFAS.  Uma seyiyonke, ilinganiselwa kumabhiliyoni angama-32 amarandi imali ethathwe nguhulumeni kwezinye izinhlelo zikahulumeni ukuze kuxhaswe imfundo ephakeme.

Sifuna ukuqinisekisa ukuthi labo bafundi abafanelekile ukuthola uxhaso-mali bafunda ngaphandle kovalo lokuthi izikweleti zabo zesikhathi esedlule zizobavimbela ekutheni baphothule izifundo zabo.

Kule minyaka esele yalo hulumeni owathatha izintambo zokubusa ngowezi-2014, izinqubomgomo zethu zizobhekana ngqo nalezi zikhalo ezizwakaliswe ngabafundi:

Okokuqala, abafundi bazwakalise isikhalo sokuthi uphansi kakhulu umkhawulo we-NSFAS wesamba semali engenayo emndenini esingama-122 000  amarandi okuyisona esibhekwayo uma kuhlolwa ukuthi umfundi ufanelekile yini ukuxhaswa ngemali.  Sizolufakela izibuko lolu daba ngenhloso yokuwukhuphula lo mkhawulo kancane kancane esikhathini esizayo.

Okwesibili, abafundi bakuvezile ukuthi izindleko zokufunda emanyuvesi athile zingaphezulu kwesibonelelo soxhaso-mali oluhlinzekwa yi-NSFAS.

Ngenxa yalokho-ke, abafundi be-NSFAS abafunda emanyuvesi athile akhokhisa imali yokufunda engaphezu koxhaso-mali abalutholayo bagcina sebenesikweleti esikhulu enyuvesi. Nakulokhu-ke sekukhona izinqubo eziqaliswe nguhulumeni ukulungisa le nkinga.

Malungu ahloniphekile kanye nabantu bakithi eNingizimu Afrika, abafundi kanye nabazali babo kumele baqonde ukuthi izidingongqangi ezinjengokuhlinzekwa kwamanzi, ukuthuthwa kwendle, ukuthuthukiswa kwezingane zisencane kanye nohlelo lwezokuthuthwa komphakathi olusebenza kahle nakho yizinto okumele zibhekelelwe, futhi ngenkathi kwenziwa lokhu kuqinisekiswe ukuthi abafundi bathola imfundo ephakeme nokuqeqeshwa okusezingeni eliphezulu.

Kepha-ke noma kunjalo akujiki neze ukuzibophezela kwethu ekutholeni izixazululo ezisimeme zokuxhaswa kwezibonelelo zomphakathi zonkana, futhi ikakhulukazi imfundo.

Njengoba kungasensuku zatshwala siphothule izinqubo esiziqalisile, njengeKhomishana ka-Heher, iThimba LoNgqongqoshe Beminyango Ehlukahlukene, izigcawu zokufakana imilomo nabafundi nobuholi bamanyuvesi nabamakolishi angama-TVET nezinhlaka zomphakathi wonkana, sizoqinisekisa ukuthi sithola izimali nezinsiza zokuqalisa ukusebenza kwezinqubomgomo zethu.

Ngiyabamema bonke abathintekayo ukuba babambe iqhaza kwizinqubo eziqhubekayo njengamanje ukuze kungabi nombono ovalelwa ngaphandle.

Awukho nowodwa umbono omuhle okumele ushiywe ngaphandle. Uma nje ingxenye enkulu yomphakathi wethu seyivumelene ngalokho okumele kwenziwe, uhulumeni wethu uzothatha izinyathelo zokuthola izinsiza nezimali ezidingekayo ukuze kuqaliswe lokho okuvunyelwane ngakho, kancane kancane.

Masibonisaneni futhi sihlanganise amakhanda ngenhloso yokuhlonza lezo zidingo ezisemqoka kakhulu okumele zibhekelelwe ngokushesha bese siyicaza ngendlela efanelekile leyo mali eyingcosana ekhona emgodlagodleni kahulumeni. Masakhe futhi sikhulise amakhono ethu okuzimela ukuze singathembeli kwabanye futhi siqhubekele phambili ngomoya wobumbano.

Bakithi,

Impi yokulwisana nobugebengu ngenye yezinto esizibeke eqhulwini. Amaphoyisa azokhulisa izinga lokubonakala kwawo emphakathini, ngenhloso yokwakhela phezu kohlelo lokutshalwa kwamaphoyisa olube yimpumelelo enkulu ngenkathi kuqhutshwa uMkhankaso Wamaholidi KaKhisimusi Aphephile.

Futhi amaphoyisa azosebenzisa nezimpiko zawo ezikhethekile, njengethimba lamaphoyisa aqeqeshelwe ukubhekana nezimo ezibucayi kanye nebutho likazwelonke lokungenelela, ukuze kubhekwane ngqo nezinkinga ezikhona kulezo zindawo okudlange kuzona ubugebengu.

Ngesonto eledlule sithole umbiko ovela eSoshanguve othi bubhokile ubugebengu e-Block L futhi zikhule kakhulu izigameko zokudunwa kwezimoto nokuphanga. Yimiphakathi enjengalena-ke okumele iqinise ubambiswano phakathi kwayo namaphoyisa ukuze kuqinisekiswe ukuthi izigebengu azizenzeli nje intando yazo kubahlali.

Ezinye izinyathelo zokulwisana nobugebengu ezweni lonkana zibandakanya nokusungulwa kwezimpiko ezikhethekile ezizogxila emacaleni athile, njengamacala aphathelene nezidakamizwa, udlame lwamatekisi kanye nezibhamu, futhi kuphuculwe nokusetshenziswa kwezinsiza zokuphenya amacala, njengokusebenzisa ucwaningo lwezesayensi.

Amaphoyisa azokwenza ngcono futhi nokusetshenziswa kwesizinda-lwazi solibofuzo (i-DNA) ngenkathi kwenziwa inqubo yokuhlonza abasolwa.

Siyawunxusa umphakathi ukuba usebenzisane namaphoyisa ukuze kuqinisekiswe ukuthi umphakathi uhlala uphephile.

Bakithi,

Siyakuthokozela ukwehla kwesibalo sezigameko zokuzingelwa ngokungemthetho nokubulawa kobhejane kusukela ngoMfumfu wezi-2015, okungokokuqala ngqa eminyakeni eyishumi. Lokhu kungenxa yokuqiniswa kwemikhankaso ebanjwa ngokuhlanganyela yizikhungo zokuqinisekisa ukuthotshelwa komthetho.

Bakithi,

Elinye lamasu okulwisana nobugebengu wukuqinisekisa ukuthi labo abakhululwe emajele abaphindi futhi bazibandakanye ezenzweni zobugebengu.

UMnyango Wezokuhlunyeleliswa Kwezimilo uyaqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla ukuze kuguqulwe amajele abe yizikhungo zokuhlunyeleliswa kwezimilo ngokuhlinzeka izinsizakalo ezahlukahlukene. Ngenxa yalokhu-ke, amazinga okuthotshelwa kwemibandela yokukhululwa ejele ngoshwele akhuphukile afinyelela eqophelweni eliyingqophamlando elingama-98%.

Futhi leli lizwe selenze inqubekelaphambili enkulu ekunciphiseni inani lezingane ezigqunywe ezikhungweni zokuhlunyeleliswa kwezimilo.

Bakithi,

Ukugqugquzelwa kokufinyelela kwezobulungiswa kuthole ukusekelwa okukhulu ngonyaka odlule ngenkathi kuvulwa iGatsha Lenkantolo Ephakeme yaseLimpopo ngoLwezi.

Ukusungulwa kweNkantolo Ephakeme yaseMpumalanga kuzophothulwa ngawo wona lo nyaka-mali. Ukuqala kokusebenza kwalezi zinkantolo eziphakeme ezimbili kusho kuthi manje sesiyifezekisile injongo yethu yokuba nenkantolo enkulu kuzo zonke izifundazwe zakuleli.

Bakithi,

Iyaqhubeka impi yokulwisana nenkohlakalo. Ngaphansi koPhiko Lwezokushushisa Lukazwelonke (i-NPA), uPhiko Lokudliwa Kwempahla Etholwe Ngezenzo Zobugebengu seluphothule amacala okudliwa kwempahla angama-389 alinganiselwa kwinani eliyizigidi ezingama-349 zamarandi.

Lolu phiko luthole imiyalelo yokubanjwa nokugodlwa kwempahla engama-326 elinganiselwa kwinani eliyizigidi ezingama-779 zamarandi.

Ngonyaka odlule kubuyiswe isamba semali eyizigidi eziyi-13 zamarandi emacaleni ezikhulu zikahulumeni ezibandakanyeka ezenzweni zenkohlakalo kanye namanye amacala ahlobene nalokho.

Bakithi,

U-Oliver Tambo wasibekela umhlahlandlela wenqubomgomo yezangaphandle yaleli lizwe kudala ngowe-1977 ngenkathi ethula inkulumo eNgqungqutheleni yokuqala yeqembu elibusayo lase-Angola, i-MPLA, ngenkathi ethi:

“Sifuna ukuhlalisana ngokuthula nomakhelwane bethu kanye nabantu bamazwe ngamazwe emhlabeni jikelele ngaphansi kwezimo zokulingana, nokuhloniphana kanye nokuhlomula ngendlela elinganayo”.

INingizimu Afrika iyaziqhenya ngokuqokwa kwayo ukuthi ibe ngusihlalo weNhlangano Yokuthuthukiswa Kwamazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC) kusukela ngoNcwaba 2017. Sizosebenzisa leli hlandla lokuphatha kwethu ukusheshisa ukuqaliswa kweSu Lezezimboni le-SADC.

Sisheshisa uhlelo lokudidiyelwa kwamazwe ngokuqalisa ukusebenza kwesivumelwano sobambiswano kwiSizinda Sokuhwebelana Mahhala phakathi Kwamazwe ayingxenye ye-SADC ne-COMESA kanye neNhlangano Yamazwe aseMpumalanga ne-Afrika.

Sizoqhubeka nokubamba iqhaza emizamweni yokulamula, nasemikhankasweni yokugcina ukuthula kanye nezingxoxo zokuletha uxolo e-Lesotho, Democratic Republic of Congo, Burundi, Mozambique, South Sudan, Somalia kanye nase-Libya. UMbutho Wezokuvikela waseNingizimu Afrika (i-SANDF) ulimele kahle kakhulu izwe lethu emikhankasweni yokugcina ukuthula.

Ngaphezu kwalokhu, namanje kusalokhu kunegalelo elikhulu emnothweni wakuleli ukuhwebelana kwethu nalawo mazwe asentshonalanga osekuphele iminyaka ngeminyaka sibambisene nawo kwezohwebo.

Sizoqhubeka nokubambisana nezwe laseMelika futhi sisebenzisane nalo ezindabeni ezisihlomulisa ngokulinganayo njengokuvuselelwa ngokuphelele kwesivumelwano soMthetho Wokukhuliswa Nokuhlinzekwa Ngamathuba Kwamazwe ase-Afrika (i-AGOA).

Bubaluleke kakhulu kithina ubudlelwane bethu ne-People’s Republic of China. I-China ngelinye lamazwe akhethekile futhi asemqoka kakhulu abambisene neNingizimu Afrika. I-China siyamukela ‘njengohulumeni owodwa onegunya lokulawula i-China yonkana’.

INingizimu Afrika iyasigcizelela isimo sayo kanye nokuzibophezela ekuthini i-China nguhulumeni owodwa onegunya lokulawula umhlaba ongaphakathi kwemingcele yase-China futhi i-Taiwan siyibona njengengxenye ye-China.

Mayelana nokubambisana kwamazwekazi, iSu Lobambiswano phakathi kwe-Afrika Nenhlangano Yamazwe ase-Yurophu (i-EU) lisalokhu liwuhlaka lwesikhathi eside oluyisisekelo esibalulekile sokubambisana okuqhubekayo.

Isivumelwano sokuBambisana Kwezomnotho esicikicwe ne-EU siqale ukusebenza ngoMandulo 2016, futhi lokhu kuvula izimakethe ezintsha zokuthengisa imikhiqizo yaseNingizimu Afrika.

Cishe yonke imikhiqizo yaseNingizimu Afrika, elinganiselwa kuma-99%, ithola ukucatshangelwa kangcono ezimakethe ze-EU ukuze ingene kalula, futhi ngaphandle kwemibandela eqinile.

Imikhiqizo yakuleli elinganiselwa kuma-96% izongena ezimakethe ze-EU ngaphandle kokukhokhiswa intela yempahla futhi ngaphandle kokubekelwa imikhawulo yomthamo wempahla ongathunyelwa emazweni angamalungu e-EU.

Sesiqalile futhi ukusebenza nesivumelwano seNhlangano Elawula Izindaba Zentela Yempahla Okuhwebelwana Ngayo Emazweni aseNingizimu ne-Afrika ne-Mercosur, esihlinzeka ngethuba lokuthunyelwa kwemikhiqizo engaphezu kwe-1 000 ngaphandle kokukhokhiswa intela yempahla. Lesi yisivumelwano esigqugquzela ukuhwebelana phakathi kwamazwe aseningizimu ne-Ikhweyitha.

Izivumelwano zethu zokusebenza ngokubambisana nezinye izifunda seziqala ukubonisa izithelo ezinhle. IBhange Lentuthuko Elisha le-BRICS (i-Brazil, Russia, India, China neNingizimu Afrika) libonisa inqubekelaphambili ethokozisayo impela.

Sisamukela ngezandla ezimhlophe isinqumo soHulumeni NeziNhloko Zombuso Zamazwe e-BRICS esathathwa edolobheni lase-Goa sokusungula isiKhungo se-BRICS Esizohlaziya futhi Senze Izilinganiso Zeminotho Yamazwe Angamalungu ukuze thina njengamalungu ale nhlangano sikwazi ukulekelelana ekuhloleni nokuhlaziya umgudu weminotho yethu.

Sithokoze kakhulu futhi ngezivumelwano esizicikice namazwe esibambisene nawo kwi-BRICS eziphathelene nomkhakha wezolimo. Sizoqalisa ukusebenza kwesivumelwano sokuthengisa nokuthumela ezweni lase-India imikhiqizo ezokhiqizwa esikhathini esizayo kuleli yezitshalo ezisabhontshisi, umango kanye nenyama yengulube.

Futhi sizothumela e-China inyama yenkomo engamathani ayizi-20 000 esikhathini esiyiminyaka eyi-10. Sizoqhubeka nokulwela izinguquko ohlelweni lwamazwe ngamazwe ngoba lolu hlelo olukhona njengamanje aluwavumeli amazwe asafufusa ukuba afake isandla ngokuphelele futhi ahlomule ngokuphelele.

Lo nyaka uqopha isikhumbuzo semiyaka engama-50 sokuqonelwa kwezwe lase-Palestine ngabezizwe.

Ukwelula kwezwe lakwa-Israel imiklamo yokuhlaliswa kwabantu ifinyelele emhlabeni wase-Palestine kubukela phansi imizamo yamazwe omhlaba okuhloswe ngayo ukuxazulula ingxabano ekhona phakathi kwezwe lase-Palestine nelakwa-Israel ngokuthi kuvunyelwane ukuthi lawa ngamazwe amabili angomakhelwane azimele, futhi kubukela phansi nesivumelwano sase-Oslo. Sithanda ukugcizelela ukusekela kwethu umzabalazo wabantu base-Palestine.

Ngokufanayo, siyethemba ukuthi ukwamukelwa kabusha kwe-Morocco njengelunga lweNhlangano Yamazwe ase-Afrika kuzoba yisikhuthazi-nguquko esizoholela ekuxazululweni kwempicabadala yodaba lwase-Western Sahara.

Ngithanda ukwengeza ngokuthi iNingizimu Afrika izosebenzisa uSuku Lombutho Wezokuvikela mhla zingama-21 kuNhlolanja 2017 ukuqopha isikhumbuzo seminyaka eyikhulu yesigameko esidabukisayo sokucwila komkhumbi i-SS Mendi, lapho kwashona khona amasosha angama-646 ngowe-1917.

Bakithi,

UMthethosisekelo uhlinzeka ngamalungelo nesithunzi esilinganayo kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika. INhlangano Yezizwe (i-UN) yamemezela usuku lomhla ziyi-13 kuNhlangulana njengoSuku Lwamazwe Ngamazwe Lokuqwashisa Ngesimo Sabantu Abanebala Elimhlophe Eliyisiphiwo. Kumele silusebenzise lolu suku ukuqwashisa nokuqeda ukucwaswa noma ukulinyazwa kwabantu abanebala elimhlophe kuleli lizwe njengoba lokhu sikubona kwenzeka kwezinye izindawo zakuleli.

Siyagcizelela ukuthi abantu abanebala elimhlophe bangabantu, bafana nabo bonke abantu ezweni. Akuphele ukubahlukumeza. Aziphele nezinkolelo ezingekho ngabo.

Kuyintokozo kimina ukunethulela uNkz Nomasonto Mazibuko, umqondisi omkhulu we-Albinism Society of South Africa, ongomunye wezivakashi zami ezikhethekile.

Umkhakha wezemidlalo ubhekene nesikhathi esibuhlungu njengoba ulahlekelwe ngomunye wezintandokazi zawo u-Joost van der Westhuizen ngasekuqaleni kwaleli viki. Esikhathini esifushane esedlule, imboni yezomculo nayo ilahlekelwe ngabaculi bomculo wokholo abadumile futhi abathandwa kakhulu, uSifiso Ncwane noLundi Tyamara, kanye nomculi kamaskandi, uNganeziyamfisa.

Sidlulisa amazwi enduduzo ngokudlula emhlabeni kwalezi zihlabani eziyibekile induku ebandla kwezemidlalo nezobuciko kuleli.

Bakithi,

Masibumbane ekuqhubeni uguquko lwezomnotho olunohlonze ukuze sithuthukise izwe lethu.

Uma ngicaphuna nje emagameni ashiwo nguMongameli Tambo:

“Uma thina njengabantu baseNingizimu Afrika sisebenza ngokubambisana, sinawo amandla okuguqula leli lizwe libe yizwe lenala kuwo wonke umuntu, lapho ingcindezelo yobandlululo iyokhumbuleka kancane njengento eyenzeka kudala emandulo.”

Ngiyabonga kakhulu ngaleli thuba enginikezwe lona.

Share this page

Similar categories to explore