Isitatimende Somhlangano weKhabhinethi Wangomhla ziyi-15 kuNdasa 2017

1. Izinqumo zeKhabhinethi

1.1. IKhabhinethi iyicubungulile iMibiko Yokwazisa Ngemiphumela Yomsebenzi Wekota Yesithathu yesikhathi esiphakathi kukaMfumfu noZibandlela 2016, eqapha ukuqaliswa kokusebenza koHlelo Lomsebenzi Kahulumeni ngokuhambelana nezimiselo zoHlaka Lokusebenza Okunobuqhinga Kwesikhathi Esimaphakathi kanye noHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe.

ONgqongqoshe Bamaqoqo eMinyango Ehlukahlukene, besebenzisa i-GCIS, bazobamba izithangamu zabezindaba ezizosingathwa ngamaqoqo eminyango ukuze bethule izimpumelelo ezizuzwe yiminyango kulesi sikhathi.

Amaphuzu asemqoka alandelayo azocaciswa kabanzi ngesikhathi sezithangamu zamaqoqo oNgqongqoshe.

a. Uguquko Lwezomnotho

1.2. Uguquko Lwezomnotho ludinga ushintsho olunohlonze kakhulu emandleni okukhiqiza ezimboni zikazwelonke eziyingxenye yomnotho waseNingizimu Afrika; ludinga futhi nokushintshwa kwesimo-sifanekiso sokubamba iqhaza kwalabo ababencishwe amathuba ngaphambilini kwezomnotho.

1.3. Kulandela esimemezelweni sikaHulumeni sokuthi uzosungula osozimboni abamnyama abayi-100 esikhathini esimaphakathi ukuze kulethwe uguquko lwezomnotho, oSozimboni Abamnyama abangama-27 baxhasiwe kusukela ekusungulweni kwalolu hlelo, futhi abayisishiyagalolunye kubona baxhaswe kuleli kota lonyaka.

1.4. Uxhaso lukahulumeni luholele ekutheni kuqagulwe ukuthi utshalomali lomkhakha ozimele luzoba yizigidi ezingama-956 zamarandi futhi kusenjalo kulindeleke ukuba kuvuleke namathuba omsebenzi ayi-1 053. Ngaphezu kwalokho, uxhaso oluphelele lweNhlangano Yokuthuthukiswa Kwezimboni lokuxhasa osozimboni abamnyama lufinyelele kumarandi angamabhiliyoni angu-4.575, kusukela ngekota yokuqala yowezi-2015/16 kuya ekoteni yesithathu yowezi-2016/17.

b. Utshalomali

1.5. Emzamweni wokusimamisa amazinga okwethenjwa kwaleli ngabatshalizimali, uHulumeni ngokusebenzisa i-Invest SA usehlonze imiklamo enomthelela ophezulu kakhulu engama-40 esivele ikulungele ukuqaliswa eminyakeni emibili ezayo. Ukwesekwa okuvela eMnyangweni Wezohwebo Nezimboni kuhehe isamba esingamarandi angamabhiliyoni amane kutshalomali lomkhakha ozimele, futhi kungenzeka lokhu kuvikele futhi kusungule imisebenzi elinganiselwa ezi-3 614 ngekota kaMandulo kuya kuZibandlela 2017.

Ichweba lezohwebo i-Dube Trade-Port lihehe utshalomali olungamarandi angamabhiliyoni awu-1.3 oluvela emkhakheni ozimele futhi kusenjalo iSizinda Sezomnotho Esikhethekile Sesikhumulo Sezindiza i-OR Tambo sihehe izigidi ezingama-260 zamarandi kutshalomali lomkhakha ozimele.

1.6. Imiklamo yezomnotho esungulwe emazingeni osomaqhinga bamazwe ngamazwe ibe nezithelo ezinhle zokukhuphuka kokudayiswa kwemikhiqizo esilungiswe ngokuphelele yakuleli  emazweni angaphandle ngezigidi ezingama-247 zamarandi nokukhuphule isamba sonyaka esiphelele safinyelela kumarandi angamabhiliyoni ama-4.105.

1.7. Utshalomali Oluvela Ngqo Emazweni Angaphandle (i-FDI) luyakuqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika isalokhu iyizwe elingaconsi phansi kubatshalizimali. Ukwengezwa kotshalomali lwekota yonyaka yesithathu kwisamba sotshalomali olungenile kuleli kulinganiselwa  kwi-FDI okungenzeka ingene kuleli engamarandi angamabhiliyoni angu-4.55 ikakhulukazi emkhakheni wezamandla kanye namakhemikhali. Lokhu kuzokwenza isamba esiphelele se-FDI okungenzeka ingene kuleli sifinyelele kumabhiliyoni angu-34.892.

Izikhulu zikahulumeni zisebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi lolu tshalomali alugcini nje kuphela ngokuba yiphupho, kepha lungena ngempela kuleli.

1.8. UMongameli Jacob Zuma uzokwethula ngokusemthethweni iSizinda Sikazwelonke Esiqukethe Zonke Izinsizakalo Ngaphansi Kophahla Olulodwa sakwa-Invest SA kusasa ngoLwesihlanu mhla ziyi-17 kuNdasa 2017 oPhikweni loMnyango Wezohwebo Nezimboni ePitoli, e-Sunnyside.

c. Ukuthuthukiswa kwamabhizinisi amancane

1.9. Njengengxenye yokuqaliswa kokusebenza kuka-30% ‘obekwe eceleni’ wesamba sezindleko zokuthengwa kwezinsizakalo zama-SMME, uMgcinimafa Kazwelonke usebuyekeze iMithethonqubo yoMthetho Wohlaka Lwenqubomgomo Yokubhekelelwa Kwabantu Ababencishwe Amathuba Phambilini Ekuthengweni Kwempahla Nezinsizakalo futhi uphinde wafaka kusomqulu kahulumeni izichibiyelo ngoMasingana 2017.

1.10. Kuleli kota lonyaka okubikwa ngalo– uMnyango Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane weseke amabhizinisi asemalokishini ayi-1,388 kanye nemiphilandawonye engama-48, ngokuwanikeza izibonelelo zokubakhuthaza.

1.11. Uhulumeni kazwelonke kanye nohulumeni bezifundazwe bayasebenzisana ukuvuselela amapaki ezimboni, ukuze beseke amabhizinisi akhona njengamanje futhi kuhehwe namabhizinisi amasha. Sikhuluma nje, iPaki Yezimboni yaseKomani (eMpumalanga Kapa) ihlinzeka izinkampani ezingama-30 ngendawo yokusebenzela futhi iqashe abantu abangama-555, kanti iPaki yaseBotshabelo (eFreyistata) yona yondla izimpilo zabantu abalinganiselwa ezi-10 000.

d. Ukuthuthukiswa kwezolimo nezindawo zasemakhaya

1.12 Nakuba sesiqalile ukudamba, ngekota yesine yowezi-2016, isomiso ebesezidonse isikhathi eside, kusukela ngowezi-2014,  njengoba ukunetha kwemvula kulethe ithemba elisha emnothweni wethu, umthelela wesomiso usazoqhubeka izinyanga ezimbadlwana impela. Ukubheduka kwakamuva kweSikhonyane Esicekela Phansi Ummbila (i-Fall Armyworm) eLimpopo kuletha ubungozi obusha ezitshalweni.

1.13 Kuleli kota lonyaka, amahekthare ayizi-374 299 omhlaba ongasetshenzisiwe ngokwanele alinyiwe emapulazini ngaphansi koHlelo Lwentuthuko kanye Nokuguqulwa Kabusha. Yize bekunesomiso kufezekiswe ama-50% emigomo obekuhloswe ukuba kufinyelelwe kuyona yemikhiqizo yokudla uma kuqhathaniswa namakota amathathu adlulile.

1.14 Abantu abayizi-244 073 bahlomulile ezinhlelweni zokuqinisekisa ukuthi kuleli kunokudla okwanele kubandakanya nalabo abaphakelwa ukudla eZikhungweni Zomphakathi Zokuhlinzeka Ngokudla Okunomsoco. UMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi uthenge ukudla okutshaliwe kwimiphilandawonye yasendaweni engama-43 ngesamba samarandi angu-1 684 238.21 ngokuhambelana neziphakamiso zokuthengwa kwezinsizakalo zasendaweni ngo-75%.

1.15 Abafundi abayizi-6 784 179 abaphuma ezikoleni zamabanga aphansi kanye naphakeme eziyizi-10 300 (quintile 1-3) bahlomulile oHlelweni Lukazwelonke Lokondliwa Kwabafundi Ezikoleni. Abahlinzeki bezinsizakalo abayizi-5 408 (Imiphilandawonye Ezinze Emiphakathini eyi-1 142, ama-SMME ayizi-3 112 kanye nezitolo ezinkulu eziyi-1 154) basayinde izinkontileka zokuphakela ngemikhiqizo yokudla ezikoleni. Intsha eyizi-541 121 kanye nabesifazane abayizi-291 304 bahlomulile ezinhlelweni zokungenelela eziqaliswe ezindaweni zasemakhaya kuleli kota lonyaka.

e. Ingqalasizinda

  • Amandla kagesi

1.16 Iyizi-46 382 imizi exhunywe kwisikhungo sikagesi sikazwelonke, noma kwizikimu ezincane zokuphakela ngogesi kanti futhi imizi eyizi-2116 ixhunyiwe kwezobuchwepheshe obungaxhumene nesikhungo sikagesi sikazwelonke. Ngaphezu kwalokho imizi eyizi-141 191 ehlwempu yasezindaweni ezisemakhaya ithole ukufinyelela kugesi wamahhala oyisisekelo. Ukwakhiwa Kwesikhungo Sikagesi Odidiyelwe saseNwaabe sekuphothuliwe.

1.17 UMnyango Wezamandla ukuphothulile ukuthengwa kwezinhlelo zagesi welanga ozosetshenziswa ngamakhaya eziyizi-31 100 ukuze zixhunywe, bese ziqala ukusebenza (ekubeni bekuhloswe ukuba kufinyelelwe emgomweni wonyaka oyizi-20 000). Ukufakwa kwazo kuzoqala ngekota yesine.

1.18 Uhulumeni uqhubekile nokuqinisekisa ukusetshenziswa koHlelo Lwabakhiqizi Bagesi Abazimele (i-IPP) olunezimpumelelo ezilandelayo: (i) ukufaka utshalomali lwamarandi angamabhiliyoni angama-201 oHlelweni lwe-IPP Evuselelekayo; (ii) Uhlelo Lukagesi Ovuselelekayo selufaka ugesi ongamamegawathi ayizi-3 175MW eSikhungweni Sagesi

Sikazwelonke; (iii) imemorandamu yolwazi lomklamo we-IPP yegesi isiphothuliwe futhi neSicelo Sesiphakamiso sizokhishwa ngaphambi kokuphela konyaka wezimali omusha; futhi (iv) ugesi ongama-900MW wathengwa kwi-IPP yamalahle.

  • Ukuhanjiswa Kwengqalasizinda Yezikole Esheshayo

1.19 Ngenhloso yokuqeda ukusalela emuva kwengqalasizinda ezikoleni zasezindaweni ezisemakhaya: isibonelelo sezikole esisodwa siphothuliwe, esixhaswe ngoHlelo Olukhethekile Lokuhanjiswa Kwengqalasizinda Yezikole Esheshayo, izikole ezingama-389 zithole amanzi, izikole ezingama-57 zithole ugesi kanti izikole eziyi-157 zihlinzekwe ngokuthuthwa kwendle okuphucukile.

Ngaphezu kwalokho lokhu okulandelayo kwabelwa izikhungo eziqalisa ukusebenza: imiklamo yokwakha izikole engama-293; imiklamo yokufaka amanzi ezikoleni engama-959; imiklamo yokufaka ugesi engama-535 kanye nemiklamo yokuthuthwa kwendle engama-585.

  • Ingqalasizinda Yezempilo

1.20. Inqubekelaphambili ekuqedeni ukusalela emuva kwengqalasizinda ezikhungweni zezempilo ibandakanya: inqubekelaphambili ekulungisweni kwengqalasizinda yemitholampilo engama-70 kanye neZikhungo Zezempilo Zomphakathi, izibhedlela eziyi-18 kanye nezikhungo zezempilo ezingama-67 ezifundeni lapho kulingwa khona uMshwalense Wezempilo Kazwelonke. Ukwakhiwa kweMitholampilo emithathu kanye Nezikhungo Zokunakekela Umphakathi ezintathu kuphothuliwe; kanti futhi ukwakhiwa kweZikhungo Zokunakekelwa Kwezempilo Zomphakathi kuyaqhubeka.

  • Amanzi kanye Nokuthuthwa Kwendle

1.21. Imizi eyizi-29 626 ixhunyelwe amanzi aphuma kumpompi ngale kota engaphansi kobuyekezo. Ukwakhiwa kwesikhungo sokuhlanza amanzi saseNcora kanye nepayipi lamanzi elisuka eKalahari East liyofinyelela e-Mier sekuphothuliwe; akusensuku zatshwala uphothulwe umsebenzi wokwakhiwa kweJozini Pongolapoort kanye neDamu lase-Gariep. Ngaphezu kwalokho imiklamo engama-98 yokuthuthukiswa kwamanzi kanye nemiklamo engama-51 yokuthuthwa kwendle isiphothuliwe.

1.22. Imizi eyizi-611 360 ihlinzekwe ngezinsizakalo zokuthuthwa kwendle kanti futhi imizi eyizi-20 599 ithole ukusizakala ngaphanzi kweSibonelelo Sengqalasizinda Yemizi Esezindaweni Ezisemakhaya ukuqeda ukusalela emuva kokuthuthwa kwendle: amabhakede okuthutha indle ayizi-1 405 asusiwe esikhundleni sawo kwafakwa uhlelo lokuthuthwa kwendle olusezingeni elifanelekile ezindaweni zokuhlalisa abantu ezihlelekile.

f. EzeMfundo

1.23. Ekupheleni kukaLwezi 2016 – u-89% (okungabafundi abayizi-4 107 kwabayizi-4 612) wabafundi abazuze iziqu ngosizo lweFunza Lushaka abafanelekile ukufakwa ezikoleni ngowezi-2016 bese befakiwe ezikoleni, okuwukukhula kwesibalo ngama-2% uma kuqhathaniswa nekota edlule futhi lokhu kungaphezulu ngama-4% komgomo wonyaka obekuhloswe ukufinyelela kuwona.

1.24. Umkhandlu Wothisha waseNingizimu Afrika ukwazile ukukhuphula isibalo sothisha abazimisele ukubamba iqhaza oHlelweni Lokuqhuba Ukuphathwa Kokuthuthukiswa Komsebenzi Wokufundisa siye esibalweni sothisha abayizi-6 572.

1.25. Kusukela kuqaliswe ukusebenza kweqhinga lokubuyisa izimali zeSikimu Sikazwelonke Sokuxhasa Abafundi Ngosizo Lwezimali, ukuqoqwa kwezimali njalo ngenyanga kukhuphukile ngenxa yezinhlelo ezinhlobonhlobo ezisunguliwe kanti futhi kuze kube manje izigidi ezingama-268.4 zamarandi seziqoqiwe uma kuqhathaniswa nomgomo wonyaka obekuhloswe ukufinyelela kuwona oyizigidi ezingama-285 zamarandi.

1.26. Uhlaka Lokusebenza Loxhaso Lwamanyuvesi olubuyekeziwe seluphothuliwe futhi kuzoboniswana ngalo nomkhakha wamanyuvesi ngaphambi kokuba lushicilelwe.

1.27. Bayizi-14 077 abasebenzi abaqeqeshelwe umsebenzi wobuchwepheshe bezandla (ama-artisan) abahloliwe futhi bahlinzekwa ngezitifiketi nguMgwamanqa Kazwelonke Wokuhlolwa Kwama-artisan, i-National Artisan Moderation Body.  

g. EzeMpilo

1.28. Ukuzivikela kuwumgogodla wemizamo yomkhakha kahulumeni wokunqanda isandulela-ngculaza kanye nengculaza. Njengengxenye Yokwelulekwa Nokuhlolelwa isandulela-ngculaza, abantu bayizi-3 022 988 bahlolelwe isandulela-ngculaza, uma kuqhathaniswa nomgomo obubekelwe ikota yesithathu okuyizi-2 500 000.

1.29. Amakhondomu abantu besilisa ayizi-221 201 467 kanye namakhondomu abesifazane ayizi-6 403 730 asatshalalisiwe uma kuqhathaniswa nomgomo obubekelwe ikota yesithathu okuyi-150 000 000 nezi-4 500 000 ngokwehlukana. Ukusokwa kwabantu besilisa ngokwezempilo abayizi-155 188 kwenziwe, uma kuqhathaniswa nomgomo obubekelwe ikota ngayinye okuyizi-250 000.

1.30. Izinga lempumelelo yokwelashwa kweziguli ezintsha eziphethwe yisifo sofuba (i-TB) libe ngama-84.2%, okuyizinga elingaphezulu komgomo obubekelwe  ikota yesithathu ongama-84%.

1.31. Ngekota yesithathu bangama-66.3% abesifazane abakhulelwe abahambele izikhungo zezempilo ngaphambi kwamasonto angama-20 bekhulelwe, nokwedlule umgomo obubekelwe ikota, ongama-63%.
       
1.32.  IKhabhinethi ikugunyazile ukusungulwa kweKomidi loNgqongqoshe, nelizoholwa njengosihlalo walo nguNgqongqoshe Wezemisebenzi Kahulumeni kanye Nokuphathwa kwayo, ukuze licubungule izinqumo maqondana nezimo ezibekiwe zemisebenzi, njengalokhu: ukukhushulwa kwamaholo kwaminyaka yonke, amazinga omholo, amabhonasi okuklomelisa umsebenzi omuhle, izibonelelomali zokukhuthaza abasebenzi kanye nemihlomulo yempesheni. IKhabhinethi iphinde yagunyaza ukuthi kuthuthukiswe iNqubo Yokuqaliswa Kwezivumelwano Zezingxoxo emkhakheni kahulumeni ukuze kuqinisekiswe inqubo esobala yokuxoxisana phakathi kwezinhlaka zikahulumeni futhi ebandakanya ababambiqhaza ngokufanelekile.

Lokhu kwakha uhlaka olusebenza kahle lokuqinisekisa ukuthi ziyahambelana izimo zokusebenza zabasebenzi emikhakheni ehlukahlukene yemisebenzi kahulumeni kanye nokuqinisekisa ukuthi isabelomali kanye nemithelela ebanzi yezomnotho kuyacutshungulwa lapho kukhushulwa imihlomulo yabasebenzi.

1.33.  Uhlelo Lukahulumeni Lokusebenza ludlale indima ebaluleke kakhulu ekukhuleni kwe-GDP njengoba lokhu kubonakala ezibalweni ze-GDP ezikhishwe ngabeSikhungo Sokwenziwa Kwezibalo saseNingizimu Afrika (i-Statistics South Africa). Ngokweseka uHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe, uHlelo lwezwe Olunamaphuzu Ayisishiyagalolunye lubalula izinhlelo ezithile zokungenelela ngenhloso yokukhulisa kanye nokuguqula umnotho, ukuvula amathuba omsebenzi kanye nokuheha utshalomali.

Izinto ezibe namagalelo amakhulu amahle kube ezohwebo, imboni yezokudla kanye nezindawo  zokulala kanjalo nezezimali, ukuthengiswa kwezindlu kanye nezinsizakalo zamabhizinisi, okukhuphuke ngama-2.1% nama-1.6% ngokwehlukana. Umkhakha ngamunye ube negalelo elingu-0,3% ekukhuleni kwe-GDP.

2. Ukuqaliswa kwezinhlelo zikaHulumeni

2.1 IKhabhinethi ihlanganyela nePhini LikaMongameli u-Cyril Ramaphosa ekwamukeleni ukugunyazwa ngokuphelele kwesivumelwano somholo ophansi okwavunyelwana ngaso phakathi kwabasebenzi, uhulumeni kanye nabamabhizinisi ngaphansi kwesandla seKomidi Labaphathi Bezinhlaka ze-NEDLAC.

Lesi sigunyazo siyigxathu elibalulekile ohlelweni lokuqalisa isivumelwano soMholo Ophansi Kazwelonke  esizoqeda impicabadala “yabasebenzi abahlwempu” futhi sivumele abasebenzi ukuba bahlinzekele izidingo zansukuzonke zemindeni yabo. Lokhu kuzonweba izibonelelo zikahulumeni zifinyelele nakubantu abantekenteke kakhulu emphakathini wethu futhi kuyasisiza ukuba sikwazi ukwakha umphakathi obandakanya umuntu wonke.

2.2 Uhulumeni uyabuvikela ubuqotho beziqu kanye nohlelo lwemfundo ephakeme. Isimemezelo sikaNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqesha mayelana nezinyathelo ezizothathelwa abantu abaneziqu mbumbulu, kubandakanya nokubashushisa kanjalo nokudalula amagama abo kuzokuba negalelo ekuqedeni ukwanda nokusabalala kweziqu zomgunyathi emphakathini.

Kusukela ekupheleni kukaMasingana 2017, iziqu eziyi-1 276 (iziqu zikazwelonke ezingama-444 kanye neziqu zasemazweni angaphandle ezingama-832) ziqoshiwe ohlwini lakwa-SAQA lweziqu mbumbulu – nalapho kunezitatimende ezifungelwe ezingama-78 eziphothuliwe ukuze zidluliselwe koKlebe ukuze bashushiswe labo abaphule umthetho.
Njengengxenye yesinyathelo sokulawula, i-SAQA izoqopha amagama abantu abanezitifiketi mbumbulu kwiwebhusayithi yayo.

2.3. IKhabhinethi ithokozile ngokuthi inombolo yamahhala kahulumeni kazwelonke yokulwisana nokukhwabanisa iyasiza ukuhlonza izigameko zokukhwabanisa. Kusukela mhla zingama-31 kuMasingana kulo nyaka, izikhalo eziyizi-18 778 zidluliselwe eminyangweni kahulumeni kanti futhi sekuhlinzekwe ngemibiko yenqubekelaphambili eyenziwe ezikhalweni eziyizi-17 249. Angama-90% amacala asephothuliwe kanti izikhulu eziyizi-3 600 zitholwe zinamacala okungaziphathi kahle phakathi kowezi-2004 kanye noMasingana 2017.

Iningi labasebenzi bakahulumeni lithembekile futhi liyaqhubeka nokuhambisa izinsizakalo kanye nokwenza imisebenzi yalo.

2.4. Kolunye uhlelo olukhulukazi lokulwisana nenkohlakalo, uhulumeni usethathe isinyathelo sokuqinisekisa ukuthi abasebenzi bakahulumeni bayavinjelwa ekwenzeni ibhizinisi neminyango kahulumeni kanye nezinye izinhlaka zombuso. Isikhathi ebesibekelwe abasebenzi bakahulumeni ukuba badalule imisebenzi yabo ngaphansi kwemithethonqubo yowezi-2016 yezemisebenzi kahulumeni siphele mhla zingama-31 kuMasingana 2017. Mhla lu-1 kuNhlolanja 2017, labo basebenzi abebenza ibhizinisi nezikhungo zombuso kumele ngabe basulile kulawo mabhizinisi abo, noma-ke basule ezikhundleni zabo emkhakheni  kahulumeni.

UMnyango Wezemisebenzi Kahulumeni kanye Nokuphathwa Kwayo njengamanje umatasa ngokuqoqa ulwazi maqondana nabasebenzi bakahulumeni abahlulekile ukuthobela imithethonqubo emisha. Uma lolu hlelo seluphothuliwe, izinqubo zokuqondiswa kwezigwegwe zizothathelwa bonke labo abahlulekile ukuthobela umthetho.

3. Izindaba ezisematheni

3.1. IKhabhinethi iyadabuka kakhulu ngexhala nokukhathazeka okubangelwe wungabazane oluphathelene nokukhokhwa kwezibonelelomali kubahlomuli. Thina singuhulumeni onakekelayo futhi izidingo zabantu bakithi sizibeke eqhulwini. Sisonke sisebenzela ukuqinisekisa ukuthi abahlomuli bezibonelelomali zikahulumeni abazitholi bebhekene nengwadla ngenxa yalezi zigameko ezimbi ebezingalindelekile.

3.2. IKhabhinethi iyabaqinisekisa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi iphezu kwalo lolu daba emazingeni aphezulu kakhulu. Sikugunyazile ukusungulwa kweThimba LoNgqongqoshe elakhiwe ngoNgqongqoshe abalandelayo: uNgqongqoshe Ehhovisi likaMongameli obhekene Nezokuhlela, Ukuqapha Nokuhlola (umhlanganisi wekomidi), uNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi, Owezezimali, Owezesayensi Nobuchwepheshe, Owezasekhaya, Owezokuxhumana kanye Nezinsizakalo Zeposi kanye Nowezokuvikeleka Kombuso.

Ithimba LoNgqongqoshe ligunyazwe ukuba libhekane nalokhu okulandelayo:

  • Kulandela isinqumo seNkantolo YoMthethosisekelo – ukucubungula iziphakamiso ngenhloso yokuqinisa imibandela yokusebenza kanjalo nokuqinisekisa ukuthi labo abenze okuphambene nenqubo elungileyo bayaphendula futhi bayajeziswa (ngokushesha) ngokuhluleka kwabo ukwenza umsebenzi  kanye nokuhlonza isikhathi esifanelekile senqubo ezolandelwa okwesikhashana ngesikhathi soguquko;
  • Ukuqinisekisa ukukhokhwa kwezibonelelomali zikahulumeni kusukela ngomhla lu-1 kuMbasa 2017;
  • Ukufuna iseluleko sezomthetho maqondana nokuthi kungalunga yini ukuba uMbuso uthathe izinyathelo zomthetho ezengeziwe, ikakhulukazi ekubhekaneni nokuziphatha ngendlela enokwephula umthetho nengafanelekile;
  • Ukubuyekeza ukuziphatha kweSikhungo Sezibonelelomali Zomphakathi saseNingizimu Afrika, ikakhulukazi maqondana nekhono laso lokwenziwa komsebenzi kanye nokuphatha kanye nokwenza isincomo;
  • Ukusungula uhlelo lokubhekana nezimo ebezingalindelekile; kanye
  • Nokuqhamuka nohlelo olubanzi lwangaphakathi emnyangweni lokukhokhwa kwezibonelelomali ngaphandle kokusebenzisa inkampani yangaphandle.

3.3. IKhabhinethi ikwamukela ngezandla ezifudumele ukuzimisela kanye nokusebenza ngobuchule koMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika kanjalo nokungena kwemiyalezo ilandelana yokweseka umndeni kanye nezakhamuzi ezasukumela phezulu ngobuningi zafaka isandla emizamweni yokuthola  uSana uSiwaphiwe Mbambo. Lokhu kuyabonisa ukuthi uma thina njebantu baseNingizimu Afrika sisebenza ngokubambisana singenza umehluko ezimpilweni zalabo abantekenteke kakhulu.

UMongameli Jacob Zuma usethembisile ukuthi uHulumeni uzothatha isinyathelo esibonakalayo ukuqeda ubugebengu kuMasipala Wendawo yakwaMhlabuyalingana enyakatho yesifundazwe saKwaZulu-Natali, obudala ukubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kwabantu baseNingizimu Afrika kanye nabantu baseMozambique.

IKhabhinethi ihlanganyela noMongameli ekunxuseni imiphakathi yendawo yakwaMhlabuyalingana kanye nomasipala abayizungezile baseMkhanyakude, Hlabisa nowaseJozini ukuba bavuselele ithemba labo emaphoyiseni futhi basebenzisane nawo ukuqeda ubugebengu basemngceleni, ikakhulukazi ukudunwa kwezimoto endaweni.

Iminyango kazwelonke, ikakhulukazi oWamaphoyisa, Ezokuvikela, Ezokuvikeleka koMbuso, Ezasekhaya, Ezokuthuthukiswa Komphakathi kanye neminye izokwenza ukungenelela okuqinile emva kokuhambela kukaMongameli kuleya ndawo, esebenzisana nohulumeni wesifundazwe kanye nomasipala.

3.4. Yize izingxenye zezwe zithole izimvula ebezilindelwe ngamehlo abomvu nalapho amazinga okugcwala kwamadamu ekhombisa ukuthuthuka okukhulu njengoba amanye egcwele phama, isomiso esinenkani eNtshonalanga Kapa sibi kakhulu nakuba kukhona amaqhinga asetshenziswayo okonga amanzi.

Izingxoxo phakathi kweminyango yemikhakha kazwelonke kanye neyezifundazwe kanjalo nomasipala ziyaqhubeka emzamweni wokunciphisa umthelela wesomiso. Amanzi asalokhu eyinsiza eyivela kancane eNingizimu Afrika kanti bonke abasebenzisi bamanzi – emakhaya nasemabhizinisini bayanxuswa ukuba baqhubeke nokusebenzisa amanzi ngendlela eyongayo.

3.5. IKhabhinethi ihlanganyela noMongameli Jacob Zuma ekuhalaliseleni uMongameli Nana Addo Akufo-Addo weRiphabhulikhi yaseGhana maqondana nomgubho oyingqophamlando weminyaka engama-60 i-Ghana yathola uzimele-geqe obungomhla ziyi-6 kuNdasa 2017.

3.6. IKhabhinethi ihlanganyela noNgqongqoshe Wezokuxhumana ekubungazeni izintatheli zaseNingizimu Afrika ezidle umhlanganiso emcimbini wokuKlonyeliswa Kwalabo Abavelele Emkhakheni Wabezindaba esifundeni se-SADC. Izindondo ziqhakambisa ubungqaphambili kwezobuntatheli futhi zigqugquzela abasebenzi bemithombo yezindaba basemazweni angamalungu ukuba bethule izindaba ezithinta isifunda ngezinhloso zokukhuphula ukubambisana nokusebenzisana. Abemithombo yezindaba baseNingizimu Afrika bayamenywa ukuba bahambise imingenelo yabo oMncintiswano Wabavelele Emkhakheni Wabezindaba Esifundeni se-SADC wezi-2017, ngaphambi kosuku lokuvala mhla zingama-20 kuNdasa 2017.

3.7. IKhabhinethi lithiwe fahla fahla maqondana nenqubekelaphambili kanye namalungiselelo Emigubho Yekhuluminyaka lika-O.R Tambo yowezi-2017 ngaphansi kwendikimba ethi: “Impilo kanye Nokhondolo luka-O.R Tambo”. Uhlelo lonyaka wonke ezweni jikelele lwemisebenzi yokuqwashisa, yokufundisa, yokugubha kanye nokuhlonipha luzoholela emigubhweni ephelele yekhuluminyaka ezokuba mhla zingama-27 kuMfumfu 2017, bese iphothulwa ngasekuqaleni kukaZibandlela 2017 ngedili lomculo eliyokuba seMbizana, e-Wild Coast Casino. Le ngxoxompikiswano kazwelonke ezothatha unyaka wonke iqinisekisa iqhaza elikhulu eladlalwa ngu-O.R Tambo emzabalazweni wenkululeko kanye nokutholwa kwenkululeko kanye nentandoyeningi labantu.

Zonke izinsuku Zikazwelonke kanye Nezezikhumbuzo zowe-2017 zizosetshenziswa njengezinkundla Zemigubho Yekhuluminyaka lika-O.R Tambo. IKhabhinethi inxusa yonke imikhakha ukuba ihambelanise izinhlelo zayo kanye nokuqukethwe yizona nendikimba kanye nezinjongo Zemigubho Yekhuluminyaka lika-O.R Tambo.

4. Imiyalezo yokuhalalisa

4.1. IKhabhinethi ihalalisela uNgqongqoshe Wezemvelo, u-Edna Molewa‚ ozoqokwa njengoShansela wokuqala weNyuvesi Yesayensi Yezempilo iSefako Makgatho.

4.2. IKhabhinethi iyabahalalisela ososayensi abasebancane baseNingizimu Afrika abayisihlanu abakhethwe yiSikole Sezesayensi saseNingizimu Afrika, abazohlanganyela nabanye ososayensi abasebancane abangama-400 abavela emazweni angama-76 abakhethiwe ukuba babambe iqhaza eMhlanganweni walo nyaka wama-67 Wezingcithabuchopho zeLindau Nobel Laureate e-Lindau, e-Germany. Abaqokiwe yilaba, uDkt Hlamulo Makelane, waseNyuvesi yaseNtshonalanga Kapa; u-Frederick Malan, waseNyuvesi yasePitoli; uFuneka Nkosi, waseNyuvesi yase-Witwatersrand; u-Retha Peach, waseNyuvesi yaseNyakatho-Ntshonalanga, kanye noDkt Mark Williams-Wynn, waseNyuvesi yaKwaZulu-Natali. Umhlangano uzobanjwa kusukela mhla zingama-25 kuya kumhla zingama-30 kuNhlangulana 2017 nalapho kulindeleke izingcithabuchopho ezingama-31 ukuba zibambe iqhaza.

4.3. IKhabhinethi ihalalisela ithimba labesifazane bodwa labacwaningi abavela eNyuvesi yaseKapa, behambisana no-Gasnat Shaboodien kanye no-Sarah Krause, kanjalo nabacwaningi abavela e-Italy abavundulule isakhi sofuzo esiphathelene nesifo senhliziyo. Le ngqophamlando yokuvundululwa yesakhi sofuzo kwezokwelapha kungenzeka ikhuphule amathuba okuvimbela ukushona kwabantu abangamakhulukhulu minyaka yonke ngenxa yezifo ezihlobene nenhliziyo .

4.4. Umnyango Wezemidlalo Nokungcebeleka eNingizimu Afrika kanye noPhiko Lwezokuqoqwa Kwezimali lwaseNingizimu Afrika baklonyeliswe ngokubambisana ngeNdondo Yebhodi Yezilimi Ezihlukahlukene zaseNingizimu Afrika esigabeni soMkhakha Kahulumeni/Womphakathi. Bathole lo mklomelo ngenhloso yokubathulela isigqoko nokuhlonipha umsebenzi wabo embhidlangweni wokugqugquzela ubuliminingi eNingizimu Afrika.

4.5. Ukudluliswa ngempumelelo kwesihlalo sekhomishana yeNhlangano Yamazwe aseAfrika sisuka kuDkt Nkosazana Dlamini-Zuma siya ku-Moussa Faki Mahamat wase-Chad. IKhabhinethi imfisela okuhle nokumhlophe.

4.6. IKhabhinethi ihalalisela Amajita ngokudlala kwawo ngendlela encomekayo emncintiswaneni Wabaneminyaka engaphansi kwama-20 Wendebe Yamazwe ase-Afrika, eZambia. Afinyelela emidlalweni eyandulela owamanqamu kanti ngokwenza njalo atholela iNingizimu Afrika indawo emidlalweni yeNdebe Yomhlaba ye-FIFA Yabangaphansi Kweminyaka Engama-20 yowezi-2017 ezosingathelwa e-South Korea.

5. Amazwi endunduzo kanye nezilokotho ezinhle

5.1. IKhabhinethi idlulisa amazwi enduduzo emndenini nakubangani balabo abalahlekelwe ngabathandiweyo babo emililweni ebhubhise imijondolo edolobheni laseKapa, okushiye dengwane izinkulungwane zabantu.

Uhulumeni usegxumeke amatende amakhulukazi amabili ukuze agqugquzele ukubhaliswa kwalabo abalahlekelwe womazisi babo nezincwadi ezibalulekile, futhi wahlinzeka ngamahholo amane okuhlalisa labo abasale dengwane, nalapho izidingo-ngqangi ezifana namanzi kanye nokudla zitholakala khona.

Iminyango kahulumeni enhlobonhlobo isingenelelile ukuze ilekelele futhi ihlinzeke ngezinsizakalo ukunciphisa umthwalo kule miphakathi.

IKhabhinethi ibonga izinhlangano zosizo kanye namavolontiya asiza ngemisebenzi yokuhlangula abantu kule ndawo.

5.2. IKhabhinethi ifisela futhi ingqalabutho eyalwisana nobandlululo u-Winnie Madikizela-Mandela okwelulama okusheshayo njengoba engeniswe esibhedlela, futhi inxusa isizwe ukuba simbeke, yena nomndeni wakhe, emicabangweni nasemikhulekweni yaso kulesi sikhathi.

5.3. IKhabhinethi ihlanganyela noMongameli Jacob Zuma ekufiseleni ingqalabutho yomzabalazo u-Ahmed Kathrada ukululama okusheshayo njengoba engaphilile kahle emzimbeni. Ungomunye wezishoshovu ezintathu ezisawadla anhlavana ezazethwese Icala Lokuvukela Umbuso lase-Rivonia futhi sinxusa isizwe ukuba simbeke, yena nomndeni wakhe, emicabangweni nasemikhulekweni yaso kulesi sikhathi.

Imibuzo:
Mnu Donald Liphoko
Inombolo yokuxhumana: 082 901 0766
 

Share this page

Similar categories to explore