Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wangomhla ziyi-10 Nhlaba 2017

IKhabhinethi yabamba umhlangano wayo ngoLwesithathu mhla ziyi-10 kuNhlaba 2017, e-Tuynhuys, eKapa.

1. Isithangamu Sezomnotho Emhlabeni (i-WEF) esiqondene ne-Afrika

1.1. IKhabhinethi ikushayela ihlombe ukusingathwa ngempumelelo kweSithangamu Sezomnotho Emhlabeni sama-27 esiqondene ne-Afrika lapho uMongameli ebehola khona iThimba LaseNingizimu Afrika, iziNhloko Zemibuso kanye Nohulumeni abavela kwiZwekazi lase-Afrika, izinhloko zezimboni emhlabeni nabaholi bezomnotho kanye nezinhlangano zomphakathi wonkana. Le ngqungquthela yabanjwa ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Ukufezekisa Ukukhula Komnotho Okubandakanya Abantu Bonke: Abaholi Abasabelayo futhi Abaphusile”.

1.2. Lesi sigcawu sama-27 se-WEF eqondene ne-Afrika sibonise ngokucacile phambi kwamehlo omhlaba ukuthi iNingizimu Afrika isalokhu iyizwe elikwizwekazi lase-Afrika elikulungele ukutshalwa kwezimali. Abagqugquzeli bale ngqungquthela bakuqinisekisile ukuthi beyithanyelwe yizithunywa ezingaphezu kwe-1000, okuyisibalo esiyingqophamlando uma kuqhathaniswa nesibalo sengqungquthela ye-WEF eyabanjwa phambilini.

1.3. Umoya wobumbano oqinile phakathi kukahulumeni kanye nabamabhizinisi obonakale ngenkathi kubanjwe i-WEF bewumuhle kakhulu. Izingxoxo ezinohlonze zihlinzeke izwe laseNingizimu Afrika ngethuba lokubonisa inqubekelaphambili eliyenzayo emshikashikeni wokufezekisa ukukhula komnotho okubandakanya abantu bonke kanye nokukhombisa ukuthi iNingizimu Afrika ikulungele noma nini ukwenza ibhizinisi.  INingizimu Afrika isalokhu izibophezele ekuqhubekeni emgudwini wayo ophokophele ekuqalisweni nokusetshenziswa koHlelo lwayo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP) ukuze kuncishiswe ububha, ukungalingani kanye nokuntuleka kwamathuba omsebenzi.

2. Ezokuthutha

2.1. Ukwethulwa kwezitimela ezintsha kanye nezinsizakalo zezitimela zoPhiko Lwezitimela Ezithwala Abagibeli LwaseNingizimu Afrika (i-PRASA), nguMongameli Jacob Zuma mhla ziyisi-9 kuNhlaba 2017 eSiteshini Sezitimela sasePitoli kuyingxenye yokuzibophezela kukahulumeni okuqhubekayo okuhloswe ngakho ukuqinisekisa ukuhlinzekwa kwezinto zokuthutha umphakathi ezingambi eqolo futhi ezithembakele, kanye nokukhuthaza nokuthuthukisa ingqalasizinda yezwe yezomnotho.  
 
2.2. Izitimela ezintsha ze-Metrorail (ezaziwa futhi ngokuthi yiZitimela Zabantu) ziyingxenye yohlobo lwezitimela uhulumeni azizofaka emzileni kule minyaka eyi-10 kuya kweyi-15 ezayo njengengxenye yoHlelo lwe-PRASA Lokuhlinzeka Ngezitimela Zesimanjemanje. Lo mklamo uzodala izinkulungwane ngezinkulungwane zamathuba omsebenzi asimeme kanye namathuba etoho, njengoba uqhubeka umsebenzi wokwakha isikhungo okuzokhiqizwa kusona izitimela e-Nigel, Ekurhuleni. Lesi yisiqalo sokuqaliswa kokusebenza kweSivumelwano esenziwe yileli ne-France ne-Brazil esisayindwe yi-PRASA nabakwa-Alstom.

2.3. Izitimela ze-Metrorail zikanokusho ezintsha (iZitimela Zabantu) zihlinzeka abagibeli ngamazinga aphezulu kakhulu ezinsizakalo zesitimela kanye nokunethezeka, futhi zizoyiguqula indlela abagibeli abaphatheka ngayo uma behamba ngesitimela. Lezi zitimela ziyingxenye yomsebenzi owenziwa nguhulumeni ukuthuthukisa umnotho ngokuqalisa imiklamo emikhulukazi yokuthuthukisa ingqalasizinda futhi zikulungele nokusetshenziswa ngabantu abanokukhubazeka.

2.4. IKhabinethi inxuse bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba baziqhenye ngalezi zitimela ezintsha futhi bazivikele ekucekelweni phansi.  

3. Imibhikisho yase-Vuwani

3.1. IKhabhinethi ikushayela ihlombe ukungenelela ngempumelelo kukaMongameli Zuma e-Vuwani, eLimpopo. UMongameli ubambe umhlangano neNgonyama yesizwe samaVenda u-Toni Mphephu Ramabulana, kanye nababambiqhaza bomphakathi ngenhloso yokuthola izisombululo zokuxazulula, ngomoya omuhle nangoxolo, izinkinga ezivezwe ngumphakathi.
 
3.2. Umhlangano wasamukela isiphakamiso seNgonyama sokuba uMasipala Wesifunda saseVhembe kube yiwona ohlinzeka ngezinsizakalo kubantu baseVuwani ngenkathi kusathungathwa ikhambi lesikhathi eside lokusombulula impicabadala yodaba lokuklanywa kwemingcele yomasipala. Lesi sombululo esiphakanyisiwe siyahambisana nemithetho efanelekile elawula omasipala.

3.3. Kuphinde futhi kwathathwa nesinqumo sokuthi kumele iminyango kazwelonke neyezifundazwe efanelekile ilekelele umasipala wesifunda ukuze ukwazi ukwenza lo msebenzi omusha othweswe wona. Kepha-ke, umhlangano ukugcizelelile ukuthi ukuthathwa kwalesi sinqumo akusho ukupheliswa kukamasipala omusha osunguliwe (i-LIM 345). Lesi sinqumo siyingxenye yokuzibophezela kukahulumeni ekutholeni isixazululo esibandakanya abantu bonke.

3.4. Ukufakana imilomo nokubonisana phakathi kukaMongameli nabo bonke ababambiqhaza sekuholele ekutheni kubuyele esimweni esijwayelekile ukusebenza kwezikole namabhizinisi. IKhabhinethi iyabancoma impela ababambiqhaza ngokuqinisekisa ukuthotshelwa kwezivumelwano ezenziwe ngaphansi kwezingxoxo ebeziholwa yiNgonyama. UMongameli uzibophezele ekutheni uzophindela emphakathini waseVuwani lapho ezohlangana nomphakathi ngosuku olusazonqunywa emva kokubonisana nokuvumelana neNgonyama u-Toni Mphephu Ramabulana kanye nabo bonke ababambiqhaza abafanelekile bakuleya ndawo.

3.5. IKhabhinethi iyabanxusa abazali kanye nomphakathi ukuba basekele izinhlelo zokungenelela zomnyango ukuqinisekisa ukuthi abafundi babuyela emagunjini okufundela futhi bakhathule nomsebenzi osalele emuva ngokusebenzisa izinhlelo zokungenelela ezihlinzekwayo njengamanje kuzo zonke izikole.

4. Imibhikisho Enodlame

4.1. IKhabhinethi inxusa imiphakathi ukuba iyeke ukuzibandakanya ezenzweni ezinodlame, nokwesabisa kanye nokuphangwa kwempahla ezitolo namabhizinisi ngenkathi izwakalisa ukukhathazeka kwayo. IKhabhinethi ilugxeka kakhulu udlame kanye nezenzo zokuphangwa nokucekelwa phansi kwamabhizinisi okwenzeke esikhathini esifushane esedlule e-Coligny, Eldorado Park kanye nase-Ennerdale.

4.2. IKhabhinethi inxusa imiphakathi ukuba izwakalise ukukhathazeka kwayo ngendlela ehlose ukuthola izisombululo, ngaphandle ngokucekela phansi impahla nezakhiwo zomphakathi noma ukuphazamisa nokucindezela amalungelo amanye amalungu omphakathi.

4.3. UMongameli wahlaba ikhwelo eNkulumweni Echaza Isimo Sezwe (i-SoNA) yowezi-2015, enxusa iQoqwana Lezobulungiswa Nokuvinjelwa Kobugebengu kanye Nokuvikeleka (i-JCPS) ukuba lithathe izinyathelo ezinqala zokubhekana nodlame kanye nemibhikisho edala umonakalo omkhulu. IKhabhinethi iyagcizelela kuleli khwelo lokuthi labo abaphula umthetho kumele babhekane namandla aphelele engalo yomthetho.

4.4. IKhabhinethi iyabanxusa bonke ababambiqhaza ukuba baxoxisane futhi babonisane ngenhloso yokusombulula imibango yase-Ennerdale, Eldorado Park nase-Coligny ngokushesha.

5.Isichibiyelo Somthetho Wesikhungo Sobunhloli Bezimali (i-FICA)

5.1. IKhabhinethi iyakwamukela ukucikicwa kweSichibiyelo SoMthethosivivinywa Wesikhungo Sobunhloli Bezimali nguMongameli Zuma ukuze sibe ngumthetho. INingizimu Afrika, njengoba iyingxenye yamazwe womhlaba alwisana nezenzo ezingekho emthethweni eziphathelene nezezimali, nayo izohambisana nezinhlelo zokungenelela zamazwe ngamazwe okuhloswe ngazo ukulwisana nokushushumbiswa nokushintshisana ngezimali ngendlela efihlakele futhi engekho emthethweni kanye nokuxhaswa kwezenzo zobushokobezi ngezimali.

5.2. Lo Mthethosivivinywa uyalekelela futhi nasekuqiniseni ukusebenza ngokusobala kanye nobuqotho bohlelo lwezimali lwaseNingizimu Afrika futhi uzokwenza kube nzima kakhulu ezigebengwini ezibandakanyeka ezenzweni zokugwema ukukhokha intela kanye nokushushumbiswa nokushintshisana ngezimali ngendlela efihlakele futhi engekho emthethweni ukuba zizifihle ngokusebenzisa uhlelo lwezimali lwaseNingizimu Afrika. UMthethosivivinywa ungenye yamathuluzi ahlukahlukene esinawo kuleli okulwisana nobugebengu obuphathelene nezimali obenziwa yizikhulu zikahulumeni kanye nabantu abasezikhundleni eziphakeme abasebenza emkhakheni ozimele.

5.3. IKhabhinethi yazisiwe nguNgqongqoshe Wezezimali ukuthi izingxoxo zokubonisana nokufakana imilomo ziyaqhubeka futhi zizophothulwa khona maduze nje ukuze kuqinisekiswe ukuqaliswa kwenqubo yokushaywa kwemithethonqubo ezoqalisa ukusebenza koMthetho we-FICA.

6. Izinqumo Zekhabhinethi

6.1. UNgqongqoshe Wezezimali wethulele iKhabhinethi umbiko mayelana nemihlangano abeyihambele esikhathini esifushane esedlule, ebandakanya imihlangano yaSentwasahlobo Yenhlangano Yamazwe Ngamazwe Yezezimali (i-IMF) NeBhange Lomhlaba, neZigcawu Zokuheha Abatshalimali kanye neNgqungquthela ye-WEF eqondene ne-Afrika. Ngaphezu kwalokhu uhlinzeke iKhabhinethi ngolwazi mayelana neziphakamiso zeSivumelwano esiphakathi kwe-G20 ne-Afrika kanye nezinto ezikhathaza abatshalimali neziNhlangano Ezenza Izilinganiso Zeminotho Yamazwe Omhlaba. Kubanjwe ingxoxo ebanzi mayelana nesimo somnotho emhlabeni kanye nesomnotho wesifunda futhi kwaxoxiswana ngokuthi yini okumele siyenze ukuze siguqule lesi simo esingaphansi kwaso njengamanje sokwehliswa kwesilinganiso somnotho wezwe, njengoba usufakwe ngaphansi kwezinga leminotho efadalalayo.
 
6.2. IKhabhinethi igcizelelile ukuthi isalokhu izibophezele ekulandeleni umgudu wenqubomgomo yezezimali obalulwe kwiNkulumo Yesabelomali sowezi-2017, nokuqaliswa kwezinguquko zokwenza ngcono indlela okuphethwe ngayo izinkampani zombuso; nokuqinisekisa ukuthi ukusetshenziswa kwezimali akubi ngaphezu komkhawulo obekiwe wokusetshenziswa kwemali kanye nokuqinisekisa uzinzo ezikweletini zikahulumeni ukuze zingabi ngaphezu kwamandla.  Uhlelo lukahulumeni lokusheshisa ukuqaliswa kwezinguquko okuhloswe ngazo ukukhuthaza ukukhula komnotho, njengoba lokhu kuqukethwe oHlelweni Olunamaphuzu Ayisishiyagalolunye, lusalokhu lusemqoka kakhulu ekusombululeni ezinye zezinto ezikhathaza abatshalimali.

6.3. IKhabhinethi iyawemukela umbiko okhishwe yifemu i-EY Consultancy ophathelene noTshalomali Olungena Ngqo e-Afrika luvela Emazweni Angaphandle. Lo mbiko ubala iNingizimu Afrika njengelinye lamazwe ayizizinda zomnotho ezinkulukazi futhi ikleliswe endaweni yesibili kwiNkomba yowezi-2017 Yamazwe Akhangayo Kubatshalimali Bangaphandle.

6.4. IKhabhinethi yazisiwe futhi nangodaba lokuvakashela kuleli kweziNhlangano Ezenza Izilinganiso Zeminotho Yamazwe Omhlaba okuzokwenzeka esikhathini esifushane esizayo lapho lezi zinhlangano zizofakana khona imilomo nezinhlangano ezahlukahlukene kuleli kanye nezikhulu eziphezulu zikahulumeni.
 
6.5. IKhabhinethi ilugunyazile uHlaka Olubuyekeziwe Lohlelo Lwezokuthutha Lwezindawo Zasemakhaya. Lolu hlelo kuhloswe ngalo ukubhekana nezinto ezibekwe eqhulwini komasipala bezifunda kanye nasezifundazweni, ngokuthi kulungiswe inkinga yokugqoza nokungahlinzekwa kahle kweNgqalasizinda Nezinsizakalo Zokuthutha Ezindaweni Zasemakhaya, okuyinto evimbela ukuthuthukiswa kwenhlalo-mnotho kulezi zindawo.

Ukuqaliswa kokusebenza kwalolu hlelo kuzolekelela ekuthuthukisweni komnotho wendawo kanye nowesifundazwe ngokwenza ngcono ukutholakala kwezinto zokuthutha umphakathi. Lokhu kuzokhulisa ukuxhumana kwezindawo zasemadolobheni kanye nezindawo zasemakhaya, ngenhloso yokuqiniseka ukuthi izindawo zasemakhaya ziyabandakanywa emnothweni wezwe ukuze nazo zihlomule futhi zifake isandla esibonakalayo.

6.6. IKhabhinethi iyigunyazile iNqubomgomo Ebanzi Yezinto Zokuthutha Zasolwandle. Lokhu kubonisa ngokucacile ukuzibophezela kukaHulumeni ekukhuliseni umkhakha wezinto zokuthutha zasolwandle, nokuwuthuthukisa lo mkhakha futhi kulethwe noguquko, ukuze kusekelwe ukuthuthukiswa kwenhlalo-mnotho yabantu futhi kusenjalo kufakwe isandla kwezokuhwebelana phakathi kwamazwe ngamazwe.

Lokhu kuyahambisana nezinto ezibekwe eqhulwini nguhulumeni eziphathelene nomkhankaso we-Operation Phakisa okuhloswe ngawo ukukhulisa uMnotho Wasolwandle. Kuyahambelana futhi nezinjongo ezibanzi zokugqugquzela ukukhula komnotho kanye nokukhuthaza ukuvulwa kwamathuba omsebenzi, njengoba lokhu kubekwe ngokucacile kwi-NDP kanye Nohlelo Lwengqalasizinda Lukazwelonke.

6.7. IKhabhinethi ikugunyazile ukushicilelwa koHlaka Lohlelo Lokuqinisekisa Ukubhekelelwa Kwemvelo Kwezokuthutha ukuze umphakathi uphawule ngalo. Ezokuthutha zidlala indima esemqoka ekuqinisekiseni ukuthi ukuhwebelana namazwe omhlaba kwenzeka ngendlela ebhekelela ukusimama komnotho, nenhlalo yabantu kanye nemvelo. Izinhlelo zokuthutha zingumgogodla wemisebenzi yansukuzonke ephathelene nenhlalo-mnotho eNingizimu Afrika ngoba zenza kube lula ukuthuthwa kwabantu nempahla. Kodwa-ke, intuthu engcolile ekhiqizwa wumkhakha wezokuthutha inomthelela kumthamo ophelele wentuthu engcolile nesikhutha (ama-GHG) kuleli, futhi umkhakha wezokuthutha ngomgwaqo yiwona ohamba phambili kulokhu. Lolu hlelo luhlose ukwenza iziphakamiso zokungenelela ezizonciphisa intuthu engcolile nesikhutha ngaphansi kwemigomo yentuthuko esimeme.

6.8. IKhabhinethi ikugunyazile ukuba iNingizimu Afrika ibe yilungu le-Smart Africa Alliance.

Lolu wubambiswano oluholwa ngamazwe ase-Afrika olugxile ekuthuthukiseni izixazululo ezifanelekile kanye nokwabelana ngezinsiza ukuze kusonjululwe izinselelo ezibhekene naleli zwekazi. Lokhu kwenza uLwazi Lwezobuchwepheshe Kwezokuxhumana lube ngumgogodla we-ajenda yentuthuko yowezi-2063 yamazwe ase-Afrika.
INingizimu Afrika izohlomula kukhona kokubili ezomnotho nezepolitiki ngokubamba kwayo iqhaza ku-Smart Africa.
Ngokwenza imboni yaseNingizimu Afrika kanye nolwazi nobuchwepheshe bayo obunzulu kube ngumongo we-ajenda yentuthuko ye-Smart Africa, iNingizimu Afrika izofaka isandla ekukhuliseni amabhizinisi akuleli esifundeni.

6.9. IKhabhinethi ikugunyazile ukuphasiswa kweNqubomgomo Kazwelonke YoMnyango Wezemfundo Eyisisekelo ephathelene neGciwane Lesandulelangculazi (i-HIV), iZifo Ezithathwelana Ngokocansi (ama-STI) kanye neSifo Sofuba (i-TB).

Ngowe-1999 inqubomgomo yayigxile ezinyathelweni ezisetshenziswa emhlabeni wonke jikelele zokuvimbela ukusuleleka ngegciwane, futhi ingazibhekisisi ngokwanele izimo zenhlalo nokuziphatha kwabantu ezibhebhezela i-HIV.  Le nqubomgomo iphakamisa ukuthi kube noguquko olunohlonze kwindlela okusetshenzwa ngayo, ngokuthi i-HIV ibhekwe ngasohlangothini lodaba lokuphatha olungumongo ngokusebenzisa indlela egxile empilweni yomphakathi futhi kusenjalo kubandakanywe ne-TB kulokho okuzogxilwa kukhona ezikoleni, phakathi kokunye. Le nqubomgomo izokwelulwa ibandakanye abafundi, othisha kanye nabasebenzi ezikoleni zikahulumeni kanjalo nasezikoleni ezizimele.

7. IMithethosivivinywa

7.1. IKhabhinethi ikugunyazile ukwethulwa ePhalamende kweSichibiyelo Somthetho Wenkampani Elawula Izikhumulo Zezindiza, wezi-2017 kanye neSichibiyelo Somthetho Wokundiza Ngamabhanoyi.

Izichibiyelo ezikule Mithethosivivinywa emibili zihlinzekela ukusungulwa koHlaka Lokulawula oluzosebenza unomphela. Futhi zihlinzekela nokusungulwa kwamakomidi okudluliswa kwezinqumo, azolekelela ekuxazululweni kwanoma yimuphi umbango okungezeka uqubuke.

8.Imicimbi ezayo

8.1. UMongameli Jacob Zuma uzokwethula inkulumo yokuvula uMbukiso Wezokuvakasha wezi-2017 ozobanjelwa e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre eDurban phakathi komhla ziyi-16 nomhla ziyi-18 kuNhlaba 2017.

Lo mbukiso wamazwe ngamazwe uzophinda ubukise futhi ukhangise ngemikhiqizo nezinsizakalo zaseNingizimu Afrika emkhakheni wezokuvakasha kanye nokunakekelwa kwezivakashi. Umbukiso Wezokuvakasha wezi-2017 uzogqugquzela futhi usekele noguquko oluqhubekayo njengamanje nokuthuthukiswa kwemboni yezokuvakasha yaseNingizimu Afrika, ikakhulukazi indima edlalwa ngosomabhizinisi kanye nabanikazi bamabhizinisi abancane.  

Zingaphezu kwezigidi eziyi-10 izivakashi ezivela emazweni angaphandle ezivakashele eNingizimu Afrika ngowezi-2016, okuyisibalo esikhuphuke nge-13% uma siqhathaniswa nesowezi-2015. Lokhu kungaphezulu kakhulu kwesilinganiso sokukhula kwezivakashi emhlabeni jikelele esiyi--3% kulesi sikhathi okukhulunywa ngaso. Kulesi sikhathi sokubanjwa koMbukiso Wezokuvakasha, iNingizimu Afrika izohlomula ngokufika kwezithunywa eziningi ezizotheleka ezweni lethu.

8.2. Kule nyanga, uNgqongqoshe Wezamandla u-Mmamoloko Kubayi uzohola umkhankaso weNyanga Yezamandla ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Sigqugquzela ukusetshenziswa kwezintlobo ezahlukene zamandla kagesi ezisimeme futhi ezingambi eqolo ngenhloso yokweseka uguquko lwenhlalo-mnotho olunohlonze”. Lo mkhankaso uzofundisa, uqwashise futhi ubonisane nomphakathi mayelana nokusebenzisa ugesi ngendlela efanele, nokuqinisekisa ukuthi kuleli kunogesi owanele ngaso sonke isikhathi kanye nezinye izindaba eziphathelene nogesi, nokuthi lokhu kubaluleke kangakanani ekusetshenzisweni kukagesi emakhaya, emabhizinisini kanye nasezimbonini.

8.3. AmaVoti Ezabelomali Zeminyango Kahulumeni zowezi-2017 azobanjwa ngoNhlaba 2017 ahlinzeka ngethuba lokuba iminyango kahulumeni yethule ephalamende nasemphakathini jikelele imininingwane yokuthi izoyisebenzisa kanjani imali eyabelwe yona ngowezi-2017. Iminyango izosebenzisa lezi zethulo ukunekela umphakathi ukuthi yini equkethwe yizinhlelo zayo ngalo nyaka-mali esiwuphethe. IKhabhinethi inxusa umphakathi ukuba uzifakele izibuko lezi zethulo ngenkathi zethulwa ePhalamende.

8.4. UMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle uzosingatha iViki Lezokuthuthwa Kwendle phakathi komhla ziyi-16 nomhla zingama-22 kuNhlaba 2017 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Ukuthuthwa Kwendle Okuqinisekisa Impilo Yabantu Nesithunzi Sabo”. Uhulumeni uzibophezele ekubuyiseni isithunzi sabantu baseNingizimu Afrika ngokubahlinzeka ngezinsizakalo zokuthuthwa kwendle. Into okuzogxilwa kuyona kakhulu ngaleli viki wuhlelo oluseqhulwini lokuQeda Ukuthuthwa Kwendle Ngamabhakede. Njengengxenye yokusheshisa uhlelo lokuqeda ukuthuthwa kwendle ngamabhakede kuzodluliselwa ezandleni zomphakathi ingqalasizindla yohlelo lokuthuthwa kwendle olusebenzisa amanzi, futhi imiphakathi ezohlomula kulolu hlelo wumphakathi ongaphansi kukamasipala wendawo i-Nketoana Local Municipality, eFreyistata kanye ne-Dawid Kruiper Local Municipality, eNyakatho Kapa.

8.5. INingizimu Afrika igubha iNyanga ye-Afrika ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Sakha i-Afrika Engcono kanye Nomhlaba Ongcono”. Kunemicimbi ehlukahlukene eqhubekayo eholwa wuMnyango Wezobuciko Namasiko okuhloswe ngayo ukugqugquzela ubumbano kuleli zwekazi lase-Afrika. Le micimbi izofinyelela kuvuthondaba mhla zingama-25 kuNhlaba 2017 lapho uMongameli Zuma ezosingatha khona umcimbi wesidlo sasemini endlini yezivakashi zikaMongameli i-Sefako Makgatho Presidential guesthouse. Kulesi sidlo sasemini kumenywe abaholi bezinhlangano zabantu abadabuka emazweni angaphandle asebehlala kuleli ngokugcwele futhi ngokusemthethweni uMongameli ahlangana nabo ngowezi-2015.

9. Ukutshalwa Kwamalungu Ombutho Wezokuvikela Waseningizimu Afrika (i-SANDF)(i-SANDF)

9.1.  IKhabhinethi iyasamukela isinqumo sikaMongameli Jacob Zuma sokwelula isikhathi esizochithwa ngamalungu we--SANDF atshalwe e-Democratic Republic of Congo (i-DRC). Lokhu kungumzamo wokulekelela ekulethweni koxolo nozinzo kwizwekazi lase-Afrika, ikakhulukazi esifundeni sethu, ngokuhambisana nezibopho zethu zamazwe ngamazwe kanye nenqubomgomo yethu yezangaphandle yokulekelela nokufaka isandla ekuqinisekiseni i-Afrika engcono kanye nomhlaba ongcono.

9.2.  Ayi-1 371 amalungu e-SANDF atshalwe e-DRC ngenhloso yokweseka uMkhankaso Wenhlangano Yezizwe (i-UN) Wokuletha Uzinzo. Seluliwe isikhathi sokutshalwa kwamalungu ombutho kusukela mhla lu-1 kuMbasa kuya kumhla zingama-31 kuNdasa 2018.

9.3.  Ukutshalwa kombutho wethu kuleli zwekazi kubonisa ukweseka okuqhubekayo esikuhlinzeka ezinqubweni zesifunda kanye nezezwekazi zokusukumela phezulu nokuxazulula imibango nokungqubuzana, ukugqugquzela ukuthula nokuvikeleka, ukuqinisa ukudidiyelwa kwesifunda, ukukhuphula kakhudlwana uhwebo phakathi kwamazwe ase-Afrika kanye nokushabashekela intuthuko esimeme e-Afrika.

10. Izindondo zezwe

10.1. IKhabhinethi iyabahalalisela bonke labo abahlonishwe ngezindondo eMcimbini Wezindodo Zezwe wezi-2017. Kulo nyaka ka-OR Tambo laba basibonise amandla okusebenzela ukuqinisekisa iNingizimu Afrika engcono kanye nesizwe esingcono. Sithola ugqozi ezimpumelelweni zabo, ukuzinikela kwabo, intshisekelo yabo kanye nokulangazelela nokuzimisela ukuqhubekisela phambili isintu. Izindodo ezikhishiwe yilezi ezilandlelayo: i-Order of Ikhamanga yeGolide (munye); iOrder of Ikhamanga yeSiliva (bayisikhombisa); i-Order of Ikhamanga yeThusi (munye); i-Order of the Baobab yeGolide (munye); i-Order of the Baobab yeSiliva (babili), i-Order of the Baobab yeThusi (babili); i-Order of Luthuli yeSiliva (bangama-29); i-Order of Luthuli yeThusi (munye); i-Order of Mapungubwe yeSiliva (babili), kanye ne-Order of the Companions of OR Tambo yeGolide (munye).

10.2. Ukukhishwa koMbiko we-17 Wekhomishana Yokuqasha Ngokulingana Emsebenzini nguNgqongqoshe Wezabasebenzi, uNkz Mildred Oliphant kubonisa ukuthi uguquko lusahamba ngesivinini esiphansi kakhulu ezikhungweni ezahlukahlukene emkhakheni wezokuqashwa kwabasebenzi eNingizimu Afrika. Lo Mbiko uyakhombisa ukuthi kusekude kakhulu ngaphambi kokuba sifinyelele esimweni sokuqashwa kwabasebenzi esibonisa ukumelwa kwabo bonke abantu bezwe lethu ngendlela efanelekile. Abantu abampisholo, abesifazane kanye nabantu abanokukhubazeka basalokhu bengamelwe neze kahle kuyo yonke imikhakha yokuQasha Ngokulingana Emsebenzini.

10.3.  Lo mbiko uyabonisa ukuthi abelungu yibona abaqhoqhobele ama-68% ezikhundla zabaphathi abaphezulu kuleli emkhakheni kahulumeni kanye nasemkhakheni ozimele, okuyisibalo esiphindaphindwe kasithupha uma kubhekwa isibalo sabantu abasebenzayo kuleli lizwe. Abantu abampisholo abasezikhundleni zokuphatha eziphezulu bangama-14.4% nje kuphela.

10.4. Njengoba kunesidingo esiphuthumayo sokuletha uguquko emnothweni kanye nokuqinisekisa ukukhula komnotho okubandakanya abantu bonke, kuyacaca ukuthi lesi sibalo sisephansi kakhulu. IKhabhinethi iyasamukela isimemezelo sikaNgqongqoshe Wezabasebenzi sokuthi umnyango wakhe ucabanga ukuzithathela izinyathelo eziqinile lezo zikhungo ezingawuthobeli umthetho wokuqasha ngokulingana.

11. Imiyalezo

11.1. IKhabhinethi ihlanganyela noMongameli Jacob Zuma ekuhalaliseleni uMnu Emmanuel Macron, ozothatha izintambo njengoMongameli wase-France, kulandela ukudla kwakhe umhlanganiso okhethweni lokuqoka uMongameli wase-France obelubanjwe mhla ziyisi-7 kuNhlaba 2017. INingizimu Afrika ikubheke ngabomvu ukusebenzisana nohulumeni wase-France ngaphansi kobuholi bukaMnu Macron ukuze kuqiniswe kakhudlwana ubudlelwano bezepolitiki, ezomnotho kanye nezokuhwebelana phakathi kweNingizimu Afrika ne-France obusalokhu buqinile namanje.

11.2.IKhabhinethi ihalalisela lowo owabe eyimeya yaseGoli futhi ongusihlalo weNhlangano Yohulumeni Basekhaya YaseNingizimu Afrika (i-Salga), u-Parks Tau ngokuqokwa kwakhe njengosihlalo obambisene nomunye wePhaneli Esezingeni Eliphezulu Ezimele YeNhlangano Yezizwe ejutshwe umsebenzi wokwengamela ukusebenza kahle kwe-Habitat III.
Lolu hlelo lwathuthukiswa yi-UN ngenhloso yokuvuselela umdlandla wokuzibophezela kwamazwe omhlaba ekuqinisekiseni ukuthi ukufudukela kwabantu emadolobheni kwenzeka ngendlela esimeme.

11.3. UMnyango Wezohwebo Nezimboni (i-dti) unqobe indondo njengombukisi wezwe langaphandle ovelele eMbukisweni waseZimbabwe wama-58 Wezokuhwebelana Namazwe Ngamazwe (i-ZITF).

Lokhu kubonisa ngokucacile ukuthi ivune imiphumela emihle kwezomnotho imizamo yeThimba LaseNingizimu Afrika elisebenza ngokuzikhandla okukhulu ukuqinisekisa ukuzibophezela kwaleli lizwe ekwakheni ubambiswano nezwe laseZimbabwe.

11.4. IKhabhinethi idlulise amazwi enduduzo kuhulumeni nabantu baseTanzania mayelana nesibhicongo sengozi enyantisayo edlule nemiphefumulo yabantu abangama-36, okubalwa kubona nezingane ezingama-33.

12. AbaBAQASHIWE

Ukuqashwa kwabo bonke abalandelayo kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.

12.1 AmaLungu eBhodi eBhodi Ezimele Elawula Abacwaningi-mabhuku:
a) Nkz Amanda L Mazibuko (oqokwe kabusha);
b) Mnu Abel Dlamini (oqokwe kabusha);
c) Mnu Thiru Pillay (oqokwe kabusha);
d) Nkz Nkabaneng T Mashile;
e) Nkz Zuziwe Ntsalaze;
f) Mnu Mohamad I Motala;
g) Mnu Madoda A Petros; kanye no
h) Nkz Martie J Janse van Rensburg

12.2. UMnu Cedric Monwabisi Masondo oqashwe kabusha njengoMqondisi Olawulayo kanye NoMqondisi Omkhulu we-Special Risk Insurance Association (i-SASRIA) SOC LTD.

Imibuzo ingaqondiswa ku:
Phumla Williams
Umakhalekhukhwini:
Cell: 083 501 0139

 

Share this page

Similar categories to explore