ISitatimende Somhlangano weKhabhinethi wangomhla zingama-21 kuNhlangulana 2017

IKhabhinethi yabamba umhlangano wayo ngoLwesithathu, mhla zingama-21 kuNhlangulana 2017, e-Tuynhuys, eKapa.

1. Izindaba ezisematheni

1.1. IKhabhinethi ifakane imilomo mayelana nezimemezelo zakamuva zezikhungo ezintathu ezinkulu ezenza izilinganiso zeminotho yamazwe omhlaba. Zontathu lezi zikhungo zibalule izinkinga ezifanayo, njengesivinini esiphansi sokulethwa kwezinguquko ezizogqugquzela ukukhula komnotho, ukungasebenzi kahle kwamabhizinisi kahulumeni (ama-SOC) kanye nobungozi bezepolitiki, phakathi kwezinye izinkinga.

IKhabhinethi izwakalise ukuzethemba izinhlelo zayo zokungenelela ezisungulwe ngenhloso yokuxazulula izinselelo zomnotho ezibhekene naleli lizwe kanye nomsebenzi owenziwayo ukuqinisa indlela asebenza ngayo ama-SOC.

Uhulumeni usalokhu eqhubeke njalo ohlakeni lwakhe lokuphathwa kahle kwezimali, nokuqinisekisa ukuthi alukho ungabazane nokudideka mayelana nezinqubomgomo ezisetshenziswayo, nokusebenzela ukuqinisekisa ukukhula komnotho okubandakanya abantu bonke kanye noguquko lwezomnotho.

IKhabhinethi iyagcizelela ukuthi kakade sesibekiwe isisekelo somgudu wokukhulisa umnotho ngezinga eliphezulu kanye nokuthuthukiswa kwenhlalo-mnotho. Lokhu kugxile ekuphuculeni ukwethenjwa komnotho wakuleli ngabatshalizimali kanye nabathengi, ngokuthi kusheshiswe ukuqaliswa kwezinguquko kwindlela asebenza ngayo uhulumeni ukuze kukhuliswe umnotho wezwe.

UMongameli Jacob Zuma ubize isigcawu sokucobelelana ngolwazi soMkhandlu Wokweluleka Ezindabeni Eziphathelene Nokufukulwa Nokuhlonyiswa Kwabantu Abamnyama Kwezomnotho (i-BEE) esibanjwe ngoLwesibili mhla zingama-20 kuNhlangulana 2017, ebesigxile oguqukweni lwenhlalo-mnotho olunohlonze.

Lesi sigcawu, sicubungule, phakathi kokunye, izinselelo ezikhona eziphathelene nesimo nokuhleleka kokuqaliswa kokusebenza koMthetho Wokufukulwa Nokuhlonyiswa Kwabantu Abamnyama Kwezomnotho, wezi-2003 (uMthetho wama-53 wezi-2003) kanye nezincomo ezihlongozwayo zokufezekisa izinjongo zikahulumeni mayelana noguquko lwenhlalo-mnotho olunohlonze.

Ubambiswano phakathi kukahulumeni, abamabhizinisi, abasebenzi kanye nezinhlangano zomphakathi wonkana lusemqoka kakhulu ekuthuthukisweni kwamazinga okwethenjwa komnotho wakuleli, ukuze ngokubambisana sikwazi ukubuyisela umnotho wezwe ezingeni lomnotho okulungele ukutshalwa kwezimali futhi siqhubeke nokuligcina lelo zinga lomnotho.

1.2. Njengoba kungasensuku zatshwala iphele iNyanga Yentsha, iKhabhinethi idlulisa amazwi okubonga kuyo yonke imikhakha ebambe iqhaza emicimbini yokugubha le nyanga ezweni lonkana.

Kuyinto ethokozisayo futhi ekhuthazayo impela ukuzibandakanya kwezinkulungwane ngezinkulungwane zabantu abasha ezinhlelweni ezahlukahlukene zokufukulwa nokuhlonyiswa kwentsha ebezisingathwe yiminyango nezikhungo zikahulumeni kanye nabomkhakha ozimele.

Lo nyaka uqopha ukuhlangana kweminyaka engama-41 yomBhikisho Wabafundi baseSoweto we-1976 futhi ukugujwa kwalo mbhikisho kuyisikhumbuzo sokuthi abantu abasha bakuleli babehamba phambili eMzabalazweni wethu.

IKhabhinethi inxusa abantu abasha ukuba balusebenzise ngokugcwele lonke usizo nezinsiza ezihlinzekwa nguhulumeni entsheni ukuze benze ngcono amathuba abo okubamba iqhaza kanye nokudlala indima ebonakalayo emnothweni wezwe.

1.3. IKhabhinethi iyazigxeka izenzo zodlame nokwesatshiswa kwabagibeli ezibonakale ngenkathi kuqhubeka imibhikisho yosomatekisi. Izenzo ezinjalo azinayo nencane indawo ezweni elibuswa ngentando yeningi labantu. Izindlela zokungenelela ngokuthula kunoma iyiphi inkinga ziyohlala njalo ziwusizo ngokuletha imiphumela egculisayo kubo bonke abathintekile.
 
Isivumelwano esenziwe emva kwalokhu, esiphakathi kweNhlangano Kazwelonke Yamatekisi yaseNingizimu Afrika kanye nenkampani exhasa ngezimali zokuthenga amatekisi, i-SA Taxi Finance Holdings, siyisiqinisekiso esicacile sokuthi ukuxoxisana nokubonisana ngokuthula kungazixazulula izinkinga ezinjalo, ngaphandle kokukhahlameza abantu abangenacala nokuphazamisa umnotho.  IKhabhinethi isishayela ihlombe impela lesi sinqumo, esihle kakhulu futhi esizohlomulisa abagibeli kanye nemboni yamatekisi.

IKhabhinethi iyazamukela izingxoxo eziqhubekayo njengamanje phakathi koMnyango Wezokuthutha kanye nabaholi bemboni yamatekisi okuhloswe ngazo ukuthola isisombululo sesikhathi eside. Uhulumeni uzobonisana nezikhungo ezixhasa ngezimali ngenhloso yokuqhamuka nezinye izindlela ezihlukile ezingasetshenziswa ukuxhasa osomatekisi.

1.4. IKhabhinethi idlulisa amazwi okuzwelana kwayo nabo bonke abashonelwe yizihlobo ezinhlekeleleni zakamuva nje ezenzeke eNtshonalanga Kapa kanye naseMpumalanga Kapa. Kukhona nabahlali abaningana abasale dengwane futhi abalahlekelwe nayimpahla yabo.

IKhabhinethi izishayela ihlombe izinyathelo ezisheshayo futhi ezididiyelwe ezithathwe nguhulumeni, abamabhizinisi kanye nabantu abaningi baseNingizimu Afrika ngenhloso yokulekelela nokuhlinzeka ngosizo emindenini ekhahlamezekile. IKhabhinethi iwathulela isigqoko amaqhawe ashone ngenkathi ezama ukuhlenga umphakathi wawo, okungumcimimlilo oyivolontiya, u-Bradley Richards, kanye nomshayeli weloli u-John Blaaw obelekelela abacimimlilo ngokubathuthela amanzi.

IKhabhinethi idlulisa futhi amazwi akhethekile okubonga ithimba lwe-Working on Fire elilwe ngesibindi esikhulu nemililo yequbula ebibhebhetheka ngamandla asabekayo. Siyaziqhenya kakhulu ngabo! IKhabhinethi ibafisela ukwelulama okusheshayo abacimimlilo ababili, kubandakanya no-Ian Barnard, abalimale ngenkathi bezama ukusindisa impilo ka-Bradley Richards.
 
UMongameli Zuma wavakashela  abantu base-Wit Lokasie kanye nase-Knysna Heights izindawo lezo zikhahlamezwe kakhulu yimililo yequbula. UMongameli Zuma wethamela futhi nenkozo yesikhumbuzo kaMnu Richards. Ukubonisa umoya omuhle wokusebenzisana kwethimba labacimimlilo ngokweqiniso, uMnu Barnard wakwazi nokwethamela inkozo yesikhumbuzo kazakwabo uMnu Richards. 

UMongameli uthumele usizo lokulekelela abantu ngezidingo zempilo nezenhlalakahle ezahlukahlukene kuzo zonke izindawo ezikhahlamezekile. Lo msebenzi wokuhlinzeka ngosizo ubulawulwa ngaphansi kohlaka lweSizinda Sikazwelonke Sokuhlanganyela Ekuphathweni Kwezinhlekelele, lubambisene namathimba kaHulumeni Wesifundazwe saseNtshonalanga Kapa kanye nawoPhiko Lesifundazwe Lokuphathwa Kwezinhlekelele.

IKhabhinethi iyabonga kuzo zonke izinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni, abomkhakha ozimele, amavolontiya kanye nabantu abahlinzeka ngosizo kulabo abakhahlamezekile.

1.5. IKhabhinethi inxusa imiphakathi yaseLimpopo eyakhelene neZimbabwe ukuba iqikelele futhi ivikele izinkukhu zayo, kulandela ukubheduka kwegciwane lomkhuhlane wezinyoni nezinkukhu obizwa nge-H5N8.

Sekumisiwe ukuhwebelana kwaleli nezwe laseZimbabwe ngemikhiqizo yezinyoni nezinkukhu. Igciwane le-H5N8 yigciwane elithathelwana kakhulu elibanga izifo eziyingozi futhi liyabulala kakhulu. Abalimi abangabahwebi nabo bayakhuthazwa ukuba baqinise imizamo yokuvikela imfuyo yabo emapulazini ukuze ingangenwa yizifo.

1.6. IKhabhinethi isamukelile isinqumo seNkantolo Ephakeme esithi iSigaba se-18 soMthetho Wenqubo Yokulawula Ubugebengu, we-1977 (uMthetho wama-51 we-1977) asihambisani nomthethosisekelo, futhi ngalokho ususiwe umkhawulo weminyaka engama-20 ophathelene nokubekwa amacala kwabantu abasolwa ngokuhlukumeza ngokocansi. Lesi sinqumo senkantolo sizolekelela kakhulu ekuqiniseni amandla okusebenza komkhakha wezobulungiswa wakuleli ukuze bathathelwe izinyathelo ezifanelekile labo abahlukumeza abesifazane nezingane.

1.7. IKhabhinethi isamukelile isigcawu somphakathi se-Inthanethi Kawonkewonke ebesibanjwe esikhathini esifushane esedlule e-Kliptown, eSoweto. Lesi sigcawu, ebesiholwa nguNgqongqoshe WezeNgqalasizinda Yezokuxhumana Nezinsizakalo Zeposi uSiyabonga Cwele, ngokubambisana nesiThangamu Sezomnotho Emhlabeni (i-WEF), nomkhakha ozimele kanye nezinhlangano zomphakathi wonkana, siholele ekutheni kuqeqeshwe abantu abasha ababalelwa kuma-500 emakhonweni ayisisekelo kwezobuchwepheshe bolwazi nezokuxhumana (i-ICT).

IsiVumelwano Se-Inthanethi Kawonkewonke sibamukelile abaholi abaqokiwe futhi sahlonza imikhawulo nemigomo okumele ifezekiswe kulezi zinyanga eziyisithupha ezizayo.

IKhabhinethi iphinde futhi yamukela nokungenelela koMnyango WezeNgqalasizinda Yezokuxhumana Nezinsizakalo Zeposi, ngokusebenzisa uPhiko Oluzimele Lwezokuxhumana LwaseNingizimu Afrika (i-Icasa) kanye noMnyango Wezokuthuthukiswa Komnotho ngokusebenzisa iKhomishana Yezokuncintisana, ukuze kufakelwe izibuko udaba lwezindleko zedatha ye-inthanethi emba eqolo, okuyinto elokhu iqhubekile nokuba yisithiyo esivimbela ukukhuliswa kwesibalo sabantu abathola izinsizakalo ze-ICT.

1.8. IKhabhinethi ikhathazekile ngokuphazamiseka komsebenzi emakhazeni okugcina izidumbu eGauteng ngenxa yemibango eqhubekayo phakathi kwabasebenzi nabaqashi. Ngenxa yalokhu, imindeni eshonelwe ayikwazi ukuyolanda izidumbu zezihlobo zayo.

Ukufa kuyinto eholela esimweni esinzima kunoma yimuphi umndeni oshonelwe futhi kuletha usizi nomunyu kumalungu omndeni asele. Kithina njengesizwe awukho neze umbango ongathathwa njengesizathu esizwakalayo sokwenza isenzo esinjengalesi, sokungabonisi ngisho noluncane uzwelo. IKhabhinethi iyabanxusa bonke abathintekayo ukuba bathole isisombululo esinokuthula kulo mbango, futhi ngaphandle kokuba lokhu kube nomthelela ongemuhle okhahlameza imindeni eshonelwe.

1.9. IKhabhinethi iyakwamukela ukusungulwa kweSithangamu Sokuthuthukiswa Kwentsha Kohulumeni Basekhaya. Kulindeleke ukuba lesi sithangamu sibe yizwi lentsha elinohlonze futhi elithuthukisayo ekuqalisweni kwezinhlelo ezahlukahlukene zokuthuthukiswa kwentsha kohulumeni basekhaya.

Lesi Sithangamu sibambe ingqungquthela yaso yokuqala mhla zingama-20 kuya kumhla zingama-21 kuNhlangulana e-Muldersdrift, entshonalanga yedolobha laseGoli.

2. Izinqumo zekhabhinethi

2.1. IKhabhinethi ikugunyazile ukuba lushicilelwe njengombhalo wenqubomgomo uHlaka LoMthetho Odingidwayo Womshwalense Kazwelonke Wezempilo (i-NHI). Lolu Hlaka LoMthetho Odingidwayo lusondeza izwe esimweni sokuqinisekisa ukuthi bonke abantu baseNingizimu Afrika bayaluthola usizo lwezempilo, kungakhathalekile ukuthi baphila ngaphansi kwasiphi isimo senhlalo-mnotho.
I-NHI wuhlelo lokuxhasa ngezimali ukuze abantu bakwazi ukuthola usizo lwezempilo. 

Lokhu kuhambelana nenjongo yoHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP) ehlose ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uyaluthola usizo lwezempilo, kungakhathalekile ukuthi uhola malini.

UMnyango Wezempilo uzobamba isithangamu sokuhlinzeka ngolwazi mhla zingama-29 kuNhlangulana 2017 lapho uzohlinzeka khona ngemininingwane ephelele yezinto eziqukethwe kulolu hlaka loMthetho Odingidwayo.

2.2. IKhabhinethi iligunyazile iSu Elibuyekeziwe Lokuthuthukiswa Kwabasebenzi eliphokophele kunyaka wezi-2030. Leli su elibuyekeziwe lilungisa ubuthakathaka obuhlonzwe kule minyaka emihlanu edlule ezingxenyeni ezithile zohlelo lwezemfundo nokuqeqesha futhi liphinde lahlonza nenkinga yokungabi khona kokuhambelana nokuxhumana kahle kwezingxenye ezahlukene zalolu hlelo.

Manje leli su seliyahambelana ne-NDP kanye noHlaka Olukhethekile Lwesikhathi Esimaphakathi lowezi-2014-2019.

Leli su liyaqinisekisa futhi nokuthi bonke ababambiqhaza abafanelekile (uhulumeni, abasebenzi, izinhlangano zomphakathi kanye nomkhakha ozimele) bagxila ezidingweni zomnotho kanye nokubaluleka kokusekela isu lezezimboni ukuze kufezekiswe ukukhula komnotho okubandakanya umuntu wonke kanye nentuthuko.

2.3. IKhabhinethi ikugunyazile ukushicilelwa kwemiphumela esemqoka etholwe ocwaningweni lowezi-2015/16 oluphathelene nokuxhaswa nguhulumeni kweMisebenzi Yezesayensi Nobuchwepheshe ngezimali.

Uhlaka loMthetho Odingidwayo Lwezesayensi Nobuchwepheshe lowe-1996 luyalela ukuba uMnyango Wezesayensi Nobuchwepheshe uqaphe ukuxhaswa nguhulumeni kwemikhakha yezesayensi nobuchwepheshe ngezimali kanye negalelo lale mikhakha ekukhulisweni nokuthuthukiswa kweNingizimu Afrika.

Imiphumela yocwaningo olwenziwe eminyangweni kazwelonke engama-30 ibonisa ukuthi ngonyaka-mali wezi-2015/16 kusetshenziswe imali elinganiselwa kumarandi angamabhiliyoni angama-23,4 evela emgodlagodleni wezimali kazwelonke. IKhabhinethi ikuphawulile ukukhuphuka kwalesi samba okuncane okungama-6.6% uma siqhathaniswa nesamba sonyaka owandulelayo, ngenxa yezinkinga ezikhona zokuntuleka kwezimali.

Lesi samba esiphelele sotshalomali silingana nama-1.7% esamba esiphelele sesabelomali sikazwelonke sonyaka. IKhabhinethi iyakuthokozela ukuba ingxenye enkulu yale mali isetshenziswe ezinsizakalweni zezesayensi ezisekela ukuhlinzekwa kwezidingongqangi emikhakheni esemqoka yomsebenzi kahulumeni njengezemfundo, ezempilo, ezezimbiwa, ezamandla, ezolimo kanye nezemvelo.

3. Imithethosivivinywa

3.1. IKhabhinethi ikugunyazile ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wesiko Lokusoka ukuze umphakathi uphawule ngawo. Lo Mthethosivivinywa uhlose ukuvikela, ukugqugquzela kanye nokulawula inqubo yesiko lokusoka.

Uma usugunyaziwe, lo Mthethosivivinywa uzohlinzeka ngemigomo namazinga amukelekile okuqhutshwa kwesiko lokusoka. Uzolwisana nomkhuba wokuxhashazwa kwesiko lokusoka, osekuholele ekushoneni kwabafana abancane abaningana ezikoleni zokusoka. 

Uhulumeni kanye nabaholi bendabuko sebethathe isinqumo sokuthi ngeke kubekezelelwe nakancane ukushona kwabasokwa ngenxa yokuxhashazwa kwenqubo yokusoka.

3.2. IKhabhinethi ikugunyazile ukwethulwa ePhalamende kweSichibiyelo Somthethosivivinywa Wenhlangano Kazwelonke Yezocwaningo (i-NRF) sowezi-2017.

Lo Mthethosivivinywa usuziphothulile zonke izigaba zokubonisana nomphakathi. Izichibiyelo zicacisa igunya namandla kaNgqongqoshe Wezesayensi Nobuchwepheshe phezu kwale nhlangano futhi zibeka ngokucacile izibopho nemisebenzi ye-NRF kwezesayensi. Lezi zichibiyelo zizoqinisa igunya namandla kaNgqongqoshe lokuhola nokulawula i-NRF ukuze ikwazi ukwenza ngcono indlela esebenza ngayo.

Futhi izichibiyelo zizokwenza ngcono ukusabela nokubhekana kahle kocwaningo nezidingo, intuthuko kanye nokuhlinzekwa kwezindlela ezintsha zokusebenza ukuze kuphuculwe izinga lempilo yabantu baseNingizimu Afrika, ngokuqinisekisa ukuthi ucwaningo luhambelana kangcono nezinto ezibekwe eqhulwini nguhulumeni.

3.3. IKhabhinethi ikugunyazile ukwethulwa ePhalamende kweSichibiyelo Somthethosivivinywa Wezokundiza Ngamabhanoyi sowezi-2017. Lo Mthethosivivinywa uqinisa uhlaka olulawula ukuphepha nokuvikeleka emkhakheni wezokundiza ngamabhanoyi kanye nokuvikelwa kwemvelo ukuze kuqinisekiswe ukusimama nozinzo embonini yezokundiza ngamabhanoyi.

Lezi zichibiyelo zibandakanya, phakathi kokunye, isimiselo sokuhlinzekela ukusebenza ngokuzimela emkhakheni wezophenyo lwezingozi nezigameko eziphathelene nezindiza; nesimiselo sokusungulwa kweBhodi Yophenyo Lwezokuphepha Kwezindiza. Lo Mthethosivivinywa uchibiyela futhi uphinde ufake izincazelo ezithile kulo Mthetho.

3.4. IKhabhinethi ikugunyazile ukushicilelwa kweSichibiyelo Somthethosivivinywa Wobunikazi Bengxenye Ethile Yesakhiwo Esisodwa wezi-2017 ukuze umphakathi uphawule ngawo. Lezi zichibiyelo zizokwenza ukuba ukusetshenziswa nokulawulwa koMthetho Wobunikazi Bengxenye Ethile Yesakhiwo Esisodwa, we-1986 (uMthetho wama-95 we-1986) uhambelane nezimo zesimanjemanje.

Lo Mthetho Wobunikazi Bengxenye Ethile Yesakhiwo Esisodwa osebenzayo njengamanje unikeza amalungelo athile kubanikazi abangaphansi kohlelo lobunikazi bengxenye ethile yesakhiwo esisodwa. Isichibiyelo Somthethosivivinywa ohlongozwayo siphakamisa ukuba lawa malungelo alawulwe ngendlela ephusile.

3.5. IKhabhinethi ikugunyazile ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokuhlaliswa Kwabantu Emhlabeni Womphakathi wezi-2017 ukuze umphakathi uphawule ngawo. Lo Mthethosivivinywa uhlose ukuvikela abanikazi bomhlaba womphakathi, ikakhulukazi imiphakathi esezindaweni zasemakhaya edinga ukubhekelelwa kangcono nokuvikelwa ngenxa yesimo ekusona sokungavikeleki ngokuphelele. 

4. Imicimbi ezayo

4.1. UMongameli Zuma uzokwethamela iNgqungquthela yesi-5 yeNhlangano Elawula Izindaba Zentela Yokuhwebelwana Emazweni aseNingizimu ne-Afrika (i-SACU) ezobanjelwa kwelaseSwaziland mhla zingama-23 kuNhlangulana 2017.

Le Ngqungquthela yosuku olulodwa izokwethanyelwa yiziNhloko Zemibuso Nohulumeni bamazwe angamalungu e-SACU, okungamazwe abandakanya iNingizimu Afrika, Botswana, Lesotho, Namibia kanye ne-Swaziland.

Le ngqungquthela izobhunga ngezindaba ezahlukahlukene eziphathelene nohwebo nokusungulwa kwezimboni esifundeni kanye nohlelo lwemisebenzi. Izobuyekeza futhi nezingxenye ezithile zesivumelwano se-SACU kanye nemigomo yokusebenza kwaso, ukuze silawule futhi siqinisekise ukuthuthukiswa kweminotho yamazwe angamalungu we-SACU.

I-SACU iyona engakhuphula isibalo sabantu kanye nezindawo ezintsha okuzothengiswa kuzona izimpahla nezinsizakalo ezivela kulesi sifunda, ngokusebenzisa izingxoxo zokuhwebelana eziqhubekayo njengamanje okuhloswe ngazo ukuthuthukisa nokukhulisa ukudidiyelwa nokusebenzisana kwesifunda kanye nezwekazi lonkana.

4.2. Njengengxenye yeziMbizo zokulwisana nobugebengu, uMongameli Zuma uzovakashela endaweni yaseLusikisiki, eMpumalanga Kapa, ngoMgqibelo mhla zingama-24 kuNhlangulana 2017, ngaphansi kohlelo lukaMongameli lokuqapha nokuhlola umsebenzi owenziwayo i-Siyahlola Presidential Monitoring Programme.

4.3. IKhabhinethi ikhuthaza abantu baseNingizimu Afrika ukuba basekele umkhosi ozobanjwa khona maduze nje i-Knysna Oyster Festival kanye nomjaho webanga elide i-Knysna Marathon. Lona ngomunye wemikhosi enesasasa kakhulu eheha abathandi bezemidlalo kanye nemindeni. Bonke ababambiqhaza basebenza ngokubambisana ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi indawo yase-Knysna isebenza ngokugcwele futhi ikulungele ukwenza ibhizinisi. 

4.4. USuku lukaMandela lusibekela inselelo yokuba, nsuku zonke, senze umhlaba ube yindawo engcono kakhulu. Isiqubulo soSuku lukaMandela mhla ziyi-18 kuNtulikazi, sithi #ActionAgainstPoverty.
Ukwenza usuku ngalunye lube wuSuku lukaMandela wuphawu lokubungaza impilo nokhondolo lukaMadiba ngendlela esimeme ezoletha uguquko olunemithelela emihle eyoqhubeka isikhathi eside.

5. Amazwi enduduzo

5.1. IKhabhinethi  nayo njengoMongameli Zuma idlulisa amazwi enduduzo:

  • kuNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqesha, uDkt Blade Nzimande, kanye nomndeni wakhe ngokudlula emhlabeni kukamama wakhe, uNkk Nozipho Nzimande. Umama uNzimande, obeyintandokazi, uhlanganise iminyaka yobudala engama-90 ngenyanga edlule. Wazamukela ngemfudumalo izishoshovu zeNhlangano yamaKhomanisi yakuleli i-South African Communist Party kanye neze-African National Congress emzini wakhe ngesikhathi esinzima sodlame olwalukhungethe indawo yaseMgungundlovu namaphethelo esifundazweni saKwaZulu-Natali ngasekupheleni kweminyaka yawo-1980 kanye nasekuqaleni  kweminyaka yawo-1990.
  • ngokudlula emhlabeni kuka-Lord Joel Joffe. U-Lord Joffe, odlule emhlabeni eseneminyaka engama-85, wayengummeli wabamangalelwa ecaleni lase-Rivonia ne-Little Rivonia. Wazilwela ngesibindi esikhulu izishoshovu ezazilwisana nobandlululo, futhi ngalokho waba negalelo elikhulukazi emzabalazweni wokulwela umbuso wentando yeningi labantu eNingizimu Afrika.
  • kubantu base-Namibia ngokudlula emhlabeni kukaMnu Toivo ya Toivo, owayeyisishoshovu somzabalazo wenkululeko kwelase-Namibia futhi esalwisana nombuso wobandlululo. UNgqongqoshe Wezokuxhumana u-Ayanda Dlodlo ujutshwe ukuba ayomela uhulumeni waseNingizimu Afrika ngokusemthethweni emngcwabeni walesi sishoshovu ozoba ngoMgqibelo mhla zingama-24 kuNhlangulana 2017.

6. Imiyalezo yokuhalalisa

6.1. IKhabhinethi ithanda ukuhalalisela usosayensi wezomumo nokwakheka komhlaba nendlela osebenza ngayo, u-Tshiamo Legoale oqophe umlando ngokuba ngumuntu waseNingizimu Afrika wokuqala oqokwe njengoMpetha Womqhudelwano Wamazwe Ngamazwe we-FameLab, ngomklamo wakhe wokucwaninga indlela yokusebenzisa ukolweni ukuvuna igolide kwizinduduma zezimayini.

U-Legoale ungumhlomuli wolunye lwezinhlelo zemifundaze zikahulumeni futhi esikhathini esifushane esedlule unqobe indondo eMkhosini Wezesayensi wase-Cheltenham e-United Kingdom.

6.2. IKhabhinethi ilifisela impumelelo iQembu laseNingizimu Afrika emqhudelwaneni wama-Commonwealth Youth Games wezi-2017 ozobanjelwa e-Nassau, kwelase-Bahamas kusukela mhla ziyi-19 kuze kube ngumhla zingama-23 kuNtulikazi 2017.

Emqhudelwaneni wezi-2015 owawubanjelwe e-Apia, kwelase-Samoa, iQembu laseNingizimu lathatha indawo yesibili ohlwini lwamazwe anqobe izindondo, njengoba lazitholela izindondo ezingama-35.

Ama-Commonwealth Youth Games asalokhu ewumqhudelwano osemqoka kakhulu kwizihlabani zethu zangomuso. IQembu laseNingizimu Afrika yiqembu elifaka ugqozi nofuqufuqu kubantu abasha ukuba bazibandakanye kwezemidlalo njengendlela yokuguqula izimpilo zabo zibe ngcono.

6.3. IKhabhinethi ihalalisela amaBhokobhoko njengoba edlale ngendlela ehlaba umxhwele, lapho amafolosi namatilosi aleli qembu ebonise ukuzimisela okukhulu okwenze ukuba iqembu lakuleli lidle umhlanganiso emidlalweni yokuzwana amandla ewuchungechunge njengoba esenqobe imidlalo emibili kwemithathu edlala neqembu lase-France.

6.4. IKhabhinethi ithanda ukuhalalisela uNgqongqoshe Wezesayensi Nobuchwepheshe, uNaledi Pandor, njengoba ehlonishwe yiNyuvesi yaseNova, kwelase-Portugal, ngeziQu Zobudokotela.

6.5. IKhabhibethi idlulisa izilokhotho ezinhle kumaSulumane ezweni lethu kanye nasemhlabeni jikelele njengoba ezobe ethokozela umcimbi we-Eid-ul-Fitr owuphawu lokuphothulwa kwenyanga engcwele ka-Ramadaan.

Inyanga ka-Ramadaan kanye nomgubho we-Eid-ul-fitr kuhlinzeka amaSulumane ngethuba eliyingqayizivele lokuqinisa ubumbano lobungani nomndeni phakathi kwawo njengamaSulumane kanye nobumbano phakathi kwawo nabantu baseNingizimu Afrika bonkana.

Imibuzo ingaqondiswa ku:
Nkz Phumla Williams (Ibamba likaMqondisi-Jikelele (GCIS)
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore