Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wangomhla zi-5 Lwezi 2015

1. Ukuqaliswa Kokusebenza Kwezinhlelo Zikahulumeni Ezisemqoka

1.1 IKhabhinethi iyayemukela Iprojekthi Yokuhlola Yokuthuthikiswa Kwamabhizinisi Yezigidi zamarandi ezingama-20. Lolu hlelo lweminyaka emibili olusahlolwa nokho kuhloswe ngalo ukulungiswa kabusha kwezindawo ezifana namapaki ezimboni eNingizimu Afrika, kusungulwe izinhlaka zezimboni ezithile bese kwesekwa ukuthuthukiswa komnotho wendawo ukuze kuxhaswe kuphinde kufukulwe amabhizinisi amancane.

Le projekthi yenziwe ngokubambisana phakathi kweminyango eyahlukene kahulumeni phakathi kwayo okukhona owohwebo nezimboni, owokuthuthukiswa kwamabhizinisi amancane, Umnyango Wezezimali Kazwelonke, kanye nesikhungo esiyibhange i-Middle Income Grant of the African Development Bank. Ukusungulwa kwale projekthi kuhloswe ngakho ukuthi kubanjwe iqhaza ekwakhiweni kwamathuba omsebenzi, kuncishiswe ubuphofu emphakathini eswele futhi kwenziwe ngcono ukufinyelela kwezobuchwepheshe kanye namakhono kumabhizinisi amancane, asafufusa kanye namancanyana (ama-SMME).

Lolu hlelo luzokweseka umkhakha wama-SMME kuze kuba uZibandlela 2017. Sekungabe-ke sekubhekwa ukuthi ngabe lube yimpumelelo kangakanani, bese uhulumeni ethatha isinqumo sokuthi alusabalalise ezweni lonkana.

1.2 IKhabhinethi iyakwemukela ukwethulwa kwesikhungo esaziwa ngokuthi yi-Joint Operation Centre eSkukuza nguMongameli uJacob Zuma. Lesi sikhungo sizoxhumanisa izinhlaka ezahlukene ekulweni nesihlava sokuzingelwa kobhejane kuleya ndawo.

2. Izinqumo zeKhabhinethi eziqavile

2.1. IKhabhinethi ikuphasisile ukwethulwa kwenqubomgomo eyaziwa ngokuthi yi-Black Industrialists Policy, neyingxenye yoHlelo Lokusebenza Lwenqubomgomo Yezimboni (IPAP). Le nqubomgomo ihambisana kahle Nohlelo Lukazwelonke Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP) kanye Nohlelo Lwamaphuzu Ayisishiyagalolunye olwamenyezelwa nguMongameli Zuma Kwinkulumo yakhe Echaza Isimo Sezwe (i-SoNA) yangonyaka wezi-2015.  

Iphinda futhi ibe yingxenye yohlelo oluvulekile lukahulumeni lokuvukuzwa kwezimboni nokuhloswe ngalo ukuthi kwandiswe izizinda zezimboni kuphinde futhi kufakwe nomfutho omusha wezezimboni emnothweni. Le nqubomgomo imemezela ukuthi makube nokungenelela okubanzi ngokwezinqubomgomo ngasohlongothini lukaHulumeni ukuze kwandiswe isizinda sezimboni ezweni bese kukhuliswa nomnotho ngokweseka okunokuzinikela kokweseka osozimboni abamnyama njengalokhu kubaluliwe kwi-IPAP.

Le nqubomgomo izogxila kakhulu ekukhuleni kanye nasekuncintisaneni kwamabhizinisi abantu abamnyama. Inhloso lapha ukubamba iqhaza ekutheni kube noshintsho emkhakheni wezimboni ukuze osozimboni abamnyama bakwazi nabo ukubamba iqhaza, ngoba njengamanje bathathwa ngokuthi kabasetshenziswa ngendlela efanele ukwakha amathuba emisebenzi, ukuthola imali, izintela kanye nokusungulwa kwezinto ezithile. Le nqubomgomo iyobamba iqhaza ekutheni izinkampani eziningi okungezabantu abamnyama nalezo eziphethwe ngabantu abamnyama zikwazi nazo ukuba yingxenye ukufaka isandla emnothweni wezwe kwizitolo ezinkulu kuleli.

UNgqongqoshe Wezohwebo Nezezimboni uzoba nesithangami esehlukile nabemithombo yokubika kanye nabezindaba ukuze azokhuluma kabanzi ngale nqubomgomo.

2.2. IKhabhinethi iye yaphasisa Umbiko Wesithathu Kazwelonke WaseNingizimu Afrika Mayelana Nokwenziwa Kwe-Cartagena Protocol on Biosafety, ukuze uthunyelwe Ehhovisi LikaNobhala okuyi-Secretariat of the Convention on Biological Diversity.

Le nqubo ilawula ukuthuthwa kanye nokuhanjiswa kwama-Living Modified Organisms, abuye futhi aziwe ngokuthi ama-Genetically Modified Organisms nokuholela ekutheni kube nobuchwepheshe bempilo, esuka ezweni elithile eya kwelinye izwe.

INingizimu Afrika iyizwe lesishiyagalombili emhlabeni jikelele futhi isahamba phambili ekwamukeleni izitshalo eziqale zalungiswa. Kanti lokhu kuhambisana Nesigaba 24 soMthethosisekelo wezwe lethu, nokubeka kucace ukuthi kumele ukuthi sisebenzise izinto zethu eziphilayo ngendlela yokuthi zikwazi ukusisiza futhi nangesikhathi esizayo

2.3. IKhabhinethi iphasise ukuzinikela okwenziwe yiNingizimu Afrika ngokulandela isinqumo esathathwa Kwingqungquthela Yongqongqoshe Yesishiyagalombili YeNhlangano Yohwebo Emhlabeni (i-WTO) ngokuhlinzeka ngempatho ekhethekile lawo mazwe angathuthukile kakhulu (ama-LDC).

INingizimu Afrika izibophezele ekufezekiseni isivumelwano se-WTO, nesithi kumele nakanjani kwesekwe lawo mazwe angama-LDC. Kumazwe angama-34 abizwa ngokuthi angama-LDC, angama-25 amazwe aphuma ezwenikazi lase-Afrika. INingizimu Afrika izoqala ibambe iqhaza kulokhu ngokuthi ibe semkhakheni wezezimali, ezokuxhumana, ezokuvakasha kanye nezokuthutha. Kanti lokhu kuzinikela kweNingizimu Afrika kuyingxenye yohlelo lokwenza ukuthi kufinyeleleke kalula kwizinsizakalo ezinqala kanye nokuthi abahlinzeki ngezinsizakalo bakwazi ukufinyelela kalula ezimakethe zamazwe angesiwona ama-LDC.

2.4. IKhabhinethi ikuphasisile ukubuyekezwa kwamaholo ngo-5.5% nokubhekele izindleko zokuphila okuzohlinzekwa amalungu eKhomishani YaseNingizimu Afrika Yamalungelo Oluntu (i-SAHRC) kanti kuzoqala kusukela mhla lulunye kuMbasa 2015. Lokhu kuhambisana kahle kakhulu Nesigaba 9(1) soMthetho we-SAHRC, wangezi-2013 (uMthetho onguNombolo 40 wangezi-2013).

2.5. IKhabhinethi ikuphasisile ukuhanjiswa Kombiko Wesibili Ohlanganisiwe waseNingizimu Afrika ngaphansi kwe-African Charter on Human and People’s Rights kanye Nombiko Wokuqala ngaphansi kwe-Protocol to the African Charter on the Rights of Women in Africa.

Lo mbiko obuya KwiKhomishini Yenhlangano Yamazwe Ase-Afrika (i-AU) uwukubuyekezwa kwezinto okuphunyelelwe kuzo kanye nezinselelo okusabhekwene nazo maqondana namalungelo oluntu, amalungelo angokwepolitiki, awangokwenhlalo kanye nawangokomnotho. Lokhu kuhambisana kahle kakhulu ne-AU Protocol to the African Charter on Human and People’s Rights on the Rights of Women in Africa.

2.6. IKhabhinethi iye yakuphasisa ukwethulwa kohlelo olubhekene ngqo nabantu basezweni laseLesothoabakuleli noluzoqala mhla lulunye kuNhlolanja 2016. Lokhu kwenziwe kulandela uhlelo olukhethekile oluye lwenziwa phambilini obelubhekene ngqo nabantu basezweni laseZimbabwe ngonyaka wezi-2010, nokuwuhlelo oseluphinde lwelulwa futhi.
Lolu hlelo luzosiza ekutheni kulawulwe kangcono ukuthutheleka kwabantu abazozama amatoho kuleli abavela ezweni laseLesuthu nabafika lapha kuleli bengenawo amaphepha amanje okuba kuleli afanele.

UNgqongqoshe Wezasekhaya uzohlinzeka ngemininingwane ebanzi esithangamini sabezindaba mayelana nalokhu ngokuhamba kwesikhathi.

2.7. UNgqongqoshe Wezezimali uye wazisa iKhabhinethi mayelana nokusebenza koMthetho Wezintela Oyisichibiyelo wezi-2013 kanye nezi-2014 nokumele uqale ukusebenza ngomhla lulu-1kuNdasa 2016. Lezi zinguquko kuhloswe ngazo ukuhlanganisa kanye nokwenza lula izinto ezimayelana nezimali ezifakwa kwintela yilabo abenzela ukuthi mhla sebethatha umhlalaphansi kanye nokuthi babhekelele imihlomulo yabo yangomuso. Ukwelula izinsizakalo zezentela ukuze zibhekele iziKhwama zokonga zamalungu kuyokwenza ukuthi kube ngabasebenzi abangaphezu kwesigidi abayokwazi ukuthi babe neholo eliyimali enkulu nebhekile elisala ngakubo ekugcineni.

Lokhu kuyophinda kusize futhi ukuthi kuncishiswe ukubalekelwa kokungakhokhwa kwentela nokwenziwa yilabo abahola kakhulu, kanti lokhu kungancipha ngesamba esingaye sifinyelele kuma--27.5% omholo noma imali ebanjelwa intela engaye ifinyelele kwizi-R350 000.

UNgqongqoshe waphinda futhi wabikela iKhabhinethi ngohlelo lokuthi zonke izimali ezibekelwa ukuthatha umhlalaphansi zivele ziguqulwe kuthengwe ngazo impesheni ukuze kungabibikho muntu othi uma esethatha umhlalaphansi anikwe imali yakhe yonke bese iyidla yonke iyaphla, kanti ngalolu hlelo kuhloswe ngalo ukuthi labo abahlomulayo ekubanjweni kwentela ezimalini zabo bakwazi ukuthi bangazithathi nje izimali zabo bayozidla ziphele kodwa bakwazi ukuthi bathengelwe izimpesheni ngazo uma sebethatha umhlalaphansi.

Lezi zinguquko kumanje ziyenziwa ngokuxoxisana kabanzi nabo bonke abathintekayo ngaphakathi kanye nangaphandle Komkhandlu Kazwelonke Wokuthuthukiswa Kwezomnotho kanye Nezabasebenzi (i-Nedlac), njengoba sikhuluma njengamanje sekubanjwe okungenani imihlangano engama-33 nabasebenzi kanye nemboni kusukela ngonyaka wezi-2012. Iningi labantu abathintekayo kulokhu selikuvezile ukuthi lona liyakweseka kakhulu ukuqhutshekwa kokulethwa kwezinguquko ngomhla lulu-1 kuNdasa 2016.

3. Imithethosivivinywa

3.1. IKhabhinethi ikuphasisile ukwethulwa Kwesichibiyelo Somthethosivivinywa Wokusakaza wezi-2015 ePhalamende. Lo Mthethosivivinywa ungena esikhundleni somthetho obuwaziwa ngokuthi uMthetho Wezokusakaza, we-1999 (uMthetho onguNombolo 4 we-1999) ukuze kusungulwe futhi kwenziwe indlela yokubusa enozinzo eqinisekisa ukuthi kunozinzo lwesikhathi eside kanye nokukwazi kweNhlangano Yezokusakaza yaseNingizimu Afrika (i-SABC) ukuzimela ngakwezezimali.

Uhulumeni uzibophezele ekubeni nomsakazeli womphakathi onamandla kanye nofanele, nokwazi ukuphendula ngakho konke okwenzayo kubanikazi bamasheya, emphakathini kanye nasePhalamende.

Ukuze i-SABC ikwazi ukwenza umsebenzi wayo eyasungulelwa wona kuncike ekutheni isebenza kanjani Ibhodi yakwa-SABC ekuhlinzekeni ngobuholi obunephupho nobubonisa indlela kumsakazeli womphakathi.

3.2. IKhabhinethi iye yaphasisa uMthethosivivinywa Wemishuwalense wezi-2015 nokusamele ukuthi wethulwe ePhalamende.

Lo Mthethosivivinywa uhlinzeka ngohlaka oluhlangene lomthetho lokukwazi ukulawula ingcuphe emkhakheni wezomshuwalense ngendlela ehambisanayo nezimiso zamazwe omhlaba ekulawulweni kwemishuwalense. Lo Mthethosivivinywa ubheka ukulawulwa kwengcuphe esikhathini samanje, izidingo zezimali kanye nokuphatha. Lo Mthethosivivinywa uzongena endaweni uphinde futhi uqinise izingxenye ezinkulu zoMthetho Womshuwalense Wesikhathi Eside, wange-1998 (uMthetho onguNo 52 we-1998) kanye noMthetho Womshuwalense Wesikhathi Esifushane, wange-1998 (uMthetho onguNo 53 we-1998) mayelana nokuphatha ngendlela ingcuphe eqondene nemishuwalense.

3.3. IKhabhinethi ikuphasisile ukushicilelwa KoMthethosivivinywa Owuhlaka Lokufuna Izimbiwa e-Afrika Kwigazethi Kahulumeni, ukuze umphakathi uphawule ngawo. Lo Mthethosivivinywa usungula Inkampani Yezokufuna Izimbiwa e-Afrika kanye Nezezimali ngokulandisa komthetho. Uphinda futhi uchaze igunya kanye nezinhloso ezingamaqhinga. Lo Mthethosivivinywa uqinisa ukubuswa kanye nokwenganyelwa kwesikhungo lesi.

3.4. IKhabhinethi iye yakuphasisa ukwethulwa Kwesichibiyelo soMthethosisivinywa Wokuveza Okuthile Ngendlela Evikelekile sangezi-2015 ePhalamende. Lo Mthethosivivinywa welula ukusebenza KoMthetho Wokuveza Okuthile Ngokuvikelekile, wangezi-2000 (uMthetho onguNo 26 wangezi-2000) ukuthi wenze okungale ngaphezu kobudlelwano obuphakathi kukamqashi kanye nomsebenzi.

Lezi zichibiyelo zilawula ukuba necala kwabantu bobabili, zethula isibopho sokwenza uphenyo ngalokho okuveziwe, zihlinzeke ngoshwele wokuthi kube khona abangethweswa amacala amademeshe futhi bangashushiswa ngaphansi kwezimo ezithile kanti ziphinda futhi zikwenze ukuthi kube yicala lobugebengu ukuveza okungesilona iqiniso.
Lo Mthethosivivinywa ubamba iqhaza ekuzibophezeleni kukahulumeni wakuleli ukulwa nokukhwabanisa kanye nomkhonyovu ngokuqinisa ukuvikelwa kanye nokuvikeleka kwalabo ababika ngezenzo zobugebengu ezenzekayo.

3.5. IKhabhinethi iye yakuphasisa ukwethulwa Kwesichibiyelo soMthethosivivinyo Wokuphathwa Kokulawulwa Kwamacala Omgwaqo sangonyaka wezi-2015 ePhalamende. Lo Mthethosivivinyo uchibiyela uMthetho owaziwa ngokuthi uMthetho Wokuphathwa Kwamacala Omgwaqo, wange-1998 (uMthetho onguNo 46 wange-1998).
Lo Mthethosivivinywa uzosiza Isikhungo Sokulwa Nokwephulwa Komthetho Emgwaqeni kanye nezikhulu ezibhekene nalokho ukuthi zikwazi ukuba nozinzo ngakwezezimali, futhi wethula izindlela ezisebenzayo ekuthunyelweni kwezaziso kwizaphulamthetho emgwaqeni.

4. Imicimbi Ezayo    

4.1. UMongameli uZuma uzohambela iNgqungquthela ye-G20 Summit ngomhla ziyi-15 kanye nangomhla ziyi-16 kuLwezi 2015 e-Antalya, ezweni lase-Turkey, nokuyilapho kuzobe kugxilwe khona kakhulu ekukhulisweni komnotho ngokubambisana nangendlela enkulu ngokuthi kube khona okwenziwa yiwona wonke umuntu.  
Abaholi abazobe behambele lo mhlangano bayokhuluma ngokufaka wonke umuntu, ukwenza lokho okumele makwenziwe kanye nokutshala izimali ukuze kube nokukhula komnotho okunamandla, okuhlala isikhathi eside futhi okubhalansile emhlabeni ezingeni lomhlaba jikelele.

4.2. UMongameli uZuma uzoba Nohambo Olusemthethweni Lokuvakashela e-Berlin, ezweni lase-Germany mhla ziyi-10 kuLwezi 2015, lapho ezofikela khona kuShansela u-Angela Merkel. UMongameli uzophinda futhi avakashele uMongameli u-Joachim Gauck.

Ngalesi sikhathi sokuvakasha, lawa mazwe omabili azophinda azibophezele ekubeni namaxhama okuxhumana kanye nobudlelwano bokubambisana.

4.3. UMongameli uZuma uzokwamukela uNdunankulu wasezweni laseNerthelands u-Mark Rutte ezindlini zombuso e-Union Buildings ngomhla ziyi-17 kuLwezi 2015.
Ngemuva kwalokhu-ke, uNdunankulu uRutte uzobe esehola ithimba lakhe losomabhizinisi belibangise eGoli kanye naseKapa lapho bezobe begxile kakhulu khona kwezolimo, ezempilo, ezokuthutha, ingqalasizinda, ezamanzi kanye nakwezamandla.  

4.4. INingizimu Afrika izobamba iNgqungquthela Yesithangamu Sokubambisana kwe-China ne-Afrika eGoli ngomhla zizi-4 kanye nangomhla zi-5 kuZibandlela 2015. Izinhloso ezinkulu zalo mhlangano wabaphathi bamazwe ukuzama ukuhlaziya kanye nokuhlahla uhlaka lokubambisana phakathi kwezwe lase-China kanye nelaseNingizimu Afrika nokuwuhlelo lweminyaka esukela kwemihlanu kuya kweyishumi olwaziwa ngokuthi yi: 5-10 Year Strategic Programme for Cooperation (2015-2024) kanye nokukhuthaza izivumelwano zokuhwebelena phakathi kwalawa mazwe womabili.

4.5. USekela Mongameli uCyril Ramaphosa uzohola ithimba elisezingeni eliphezulu kakhulu elizobe liyovakasha ngokusemthethweni e-Islamic Republic of Iran kusukela ngomhla ziyisi-7 kuya mhla ziyisi-9 kuLwezi 2015, ukuze kuqiniswe amaxhama okuxhumana ngakwezepolitiki kanye nangakwezomnotho phakathi kwalawa mazwe omabili.  

4.6. UMongameli Zuma kuzothi ngomhla ziyisi-6 kuLwezi 2015 enze umsebenzi wakhe wokuvakashwa owaziwa ngokuthi Isiyahlola ngokuhambela endaweni yase-Bushbuckridge esifundazweni saseMpumalanga, kanti uzobe egxile kakhulu odabeni olukhuluma ngamanzi kanye nenhlanzeko.

Sikhuluma nje amakhaya ayizi-16 600 ayazuza Ohlelweni loku-1 lweprojekthi yamanzi kahulumeni endaweni, lapho khona izigodi ezingama-24 ngaphansi Kukamasipala Wendawo i-Bushbuckridgeihlinzekwa khona ngamanzi.

Uhulumeni uzibophezele ekuqinisekiseni ukuthi bonke abantu baseNingizimu Afrika bayazithola izidingo zabo ezinqala. Phakathi kweminyaka wezi-2002 kanye nowezi-2014, amaphesenti emizi esithola amanzi aye akhula kakhulu esuka kuma-80% aya kuma-86%, kanti imizi eye yathola izindlu zangasese iye yakhula kakhulu isuka kuma-62% yaya kuma-80%.

4.7. UMongameli Zuma uzohambela ukubekwa ngokusemthethweni kwalowo ozoba nguMongameli wase-United Republic of Tanzania, uMhlonishwa uMnu John Pembe Magufuli, ngomhlaka zi-5 kuLwezi 2015.

5. Imiyalezo Yokuhalalisela

5.1. IKhabhinethi ihalalisela abasebenzi bakahulumeni abaye baqokwa kwimiklomelo eyaziwa ngokuthi ama-National Batho Pele Excellence Awards esithathu. Le miklomelo izobanjwa ngomhla ziyi-13 kuLwezi 2015 e-Emperor’s Palace, eGauteng ngaphansi kwesihloko esithi: “Batho Pele – Sibeka Abantu Phambili”. Kule miklomelo kuklonyeliswa ukusebenza okuhle, ukuzimisela okufanele kanti futhi kukalwa ukweneliseka kwezakhamisi ngendlela uhulumeni asebenza ngayo.

5.2. IKhabhinethi ihalalisela uhulumeni kanye nabantu base-Republic of Côte d’Ivoire kanye nabase-United Republic of Tanzania ngokuba lawa mazwe aye aba nokhetho olunokuthula. Ukubamba iqhaza okethweni kwabantu abaningi base-Côte d’Ivoire kanye nabaseTanzaniya okhethweni lukazwelonke kuye kwabonisa ukuqonda kwabo ukubaluleka kokwenza umsebenzi wabo kanye nokuqonda kabanzi ngamalungelo abo abanawo. Lokhu kuwukubonisa kokukhula kwezinhlaka zentando yeningi ezwenikazi lase-Afrika.

5.3. IKhabhinethi ihalalisela Iqembu LamaBhokobhoko ngokudlala kwayo eMqhudelwaneni Wendebe Yomhlaba Webhola Lombhoxo wezi-2015. Iqembu libuye nendebe yethusi ekhaya.

5.4. IKhabhinethi ihalalisela ithimba lababhukudi baseNingizimu Afrika ngokubamba iqhaza kwindebe yomhlaba yokubhukuda okuyi-FINA/airweave Swimming World Cup ebibanjelwe eDoha, eQatar.
    
U-Cameron van der Burgh uhlabane ngendondo yegolide emjahweni wamamitha ayi-100 okuyi-breaststroke race, kwathi uChad le Clos naye waziwinela indondo yegolide kumamitha ayi-100 ku-butterfly waphinda futhi walala isine kumamitha angama-200 kwi-backstroke. UMichael Meyer uhlabane ngendebe yesiliva kumamitha angama-200 kwi-individual medley. UDouglas Erasmus wawina indebe yethusi kwi-freestyle esheshayo yebanga lamamitha angama-50. UKaylene Corbett waphuma waba ngowesishiyagalombili kumamitha angama-50 kowomanqamu kwi-breaststroke kwase kuthi uCalvyn Justus naye waqeda endaweni yesishiyagalombili kwi-freestyle yamamitha angama-200.

6. Izingqungquthela

6.1. IKhabhinethi iyakwemukela ukuhambela kwezithunywa kuleli lapho zizobe zizokwethamela khona Ingqungquthela Yesine Yokuncintisana Kwamazwe Omhlaba ezobanjwa kusukela mhla ziyi-12 kuya mhla ziyi-13 kuLwezi 2015 nezobe ibanjelwe e-Inkosi Albert Luthuli Convention Centre, e-Durban ngaphansi kwesihloko esithi: “Ukuncintisana kanye Nokukhula Ndawonye”.

Le ngqunqguthela izohlanganisa ndawonye ongoti bezomthetho wokuncintisana ukuze babheke ukuthi ngabe inqubomgomo yokuncintisana ingalibamba kanjani iqhaza ekukhuleni ndawonye kanye nasekuthuthukeni ngokomnotho kwamazwe e-BRICS (okuyilawa: i-Brazili, i-Russia, i-India, i-China kanye neNingizimu Afrika).

Ukulawula ukuncintisana okunamandla kweNingizimu Afrika kwenza ukuthi izakhamuzi zibambe iqhaza ngendlela engavuni luhlangothi emnothweni kazwelonke. Lokhu kukhuthaza ukubamba iqhaza kwabantu abaningi ezimbonini zezokukhiqiza zomnotho kanti futhi kwenza ukuthi bonke abasebhizinisini bakwazi ukuncintisana ngendlela efanayo, kungabibikho oqonela omunye.

Indlela iNingizimu Afrika elawula ngakhona ukuncintisana yenza ukuthi izakhamuzi zayo eziningi zikwazi ukubamba iqhaza kakhulu ekuncintisaneni futhi seyenze umsebenzi omkhulu kakhulu ukuqinisekisa ukuthi ukuthengisa ngobubhululu kanye nokwenyuswa kwamanani ngendlela engekho emthethweni kuyaqedwa. INingizimu Afrika ibonise ukuhamba phambili kakhulu ukubhekelela umphakathi kukhona konke ekwenzayo okuhlanganisa ukubambisana kwabamabhizinisi kanye nasekuthengweni kwempahla.

6.2. UNgqongqoshe Wezokuthutha u-Dipuo Peters uzokwethamela Ingqungquthela Yesibili YoNgqongqoshe Bezokuthutha ezokuba kusukela mhla ziyi-18 kuya mhla zingama-20 kuLwezi 2015 ezweni lase-Brazil, nokuyilapho khona iNingizimu Afrika izofika yethule Umbiko Wayo Wezwe Waphakathi Nonyaka mayelana nenqubekela phambili eseyenziwe ekufezekiseni Uhlelo Lenhlangano Yamazwe Omhlaba Lokuphepha Emgwaqeni olwaziwa ngokuthi yi-United Nations Decade of Action for Road Safety 2011-2020 Global Plan.
INingizimu Afrika yazibophezela ekutheni izonciphisa izingozi zomgwaqo ngesilinganiso esinguhhafu zisuka kwisibalo esiyizi-13 967 ziye kwezingaphansi kweziyi-7 000 ngonyaka wezi-2020. INingizimu Afrika yenza konke okusemandleni ayo ukufinyelela kulokho ekuhlosile okushiwo wuhlelo lwe-Decade of Action for Road Safety 2011-2020 Global Plan, naphezu kwezinselelo ezibhekene nezwe njengamanje.

7. Isimo seKhabhinethi ngezindaba ezisematheni

7.1. Ukubhekana ngqo nezinselelo zokwakhiwa kwamathuba emisebenzi kuseyinkinga enkulu esabhekene nohulumeni kuleli. Isitatimende Samaphakathi Nesikhathi Sesabelozimali siye sakuveza ukukhula kancane komnotho okubhekene nomhlaba wonke, lapho amanani ezimpahla ezejwayelekile engaphansi kwengcindezi kanti lokho kuye kwenyusa kakhulu amathuba okungaqashwa ezindaweni eziningi kakhulu kakhulu emhlabeni jikelele.

Lokhu kuye kwavela Ocwaningweni Lwabasebenzi Olwenziwa Njalo Ngesigamu, nokuye kwathi, isikhawu sesithathu onyakeni wezi-2015 lwaveza ukwenyuka kwezinga lokungaqashwa kwabantu lakubeka kuma-25.5%, nokusho ukuthi bekuthe ukwenyuka kusuka kuma-25.4% kwisigamu esifanayo ngonyaka owedlule.

Lokhu kukodwa nje kubeka umthwalo emahlombe ayo yonke imikhakha ukuthi ibhukule yeseke izinhlaka zikahulumeni zokwakhiwa kwamathuba emisebenzi ukuze abantu abaningi baseNingizimu Afrika bakwazi ukuthi basebenze.

Uhulumeni ngakolunye uhlangothi, ngokusebenzisa uHlelo Olunamaphuzu Ayisishiyagalolunye , usebenza kanzima ukwenza ukuthi kukhule futhi kwakheke amathuba amasha ezizindeni ezibalulekile zomnotho kuleli.

7.2. IKhabhinethi iyasemukela isimemezelo esenziwe nguMongameli uZuma ngokuthi izimali zokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme azizukwenyuka ngisho nangesenti onyakeni wokufunda wezi-2016. Lesi sinqumo siletha ukukhululeka ngakwezezimali obekudingeka kakhulu, ikakhulukazi kubantu bakithi abahlwempu, kubasebenzi kanye nasemindeneni eswele kakhulu enabafundi abasemanyunivesi.

IKhabhinethi iphinda futhi yemukele isinqumo esithathwe nguMongameli ukusungula ikhomishani ezobheka zonke izinto ezishiwo ngabafundi basezikhungweni zemfundo ephakeme. UMongameli uzomelele le khomishani kanye nemigomo ezosebenza ngaphansi kwawo ngesikhathi esifanele.

7.3. IKhabhinethi iyakwemukela ukungenelela okwenziwe uMnyango Wezamanzi Nenhlanzeko ukwelekelela imiphakathi KwaZulu-Natali kanye naseFreyistata. Izindawo ezihlinzekwa ngamadamu esifunda amakhulu kanye nezinye izindawo ezigcine amanzi zona zisaphephile ngokwamanzi okwamanje ngoba njengamanje lezi zindlela zokugcina zisesesimweni esihle ngoba sikhuluma nje amadamu anokugcwala okusesilinganisweni esingamphesenti angama-66.

IKhabhinethi iyakwemukela ukusungulwa Kwekomidi LoNgqongqoshe (i-IMC) maqondana Nokuphepha Kwamanzi kanti leli komidi liholwa nguNgqongqoshe Wokwengamela Ngokubambisana Nezendabuko u-Pravin Gordhan. I-IMC yakhiwe oNgqongqoshe bale Minyango elandelayo: UMnyango Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya Nezinguquko Kwezomhlaba; Owezamanzi Nenhlanzeko, kanye Nowezolimo, Ezamahlathi Nezokudoba. Leli komidi liyokholuma liphinde liveze izindlela zokungenelela ukusiza leyo miphakathi ekhahlanyezwe yisomiso.

7.4. IKhabhinethi izwile futhi nangezigemegeme ezenzeke ezweni lase-Nigeria lapho khona inkampani yakwa-MTN’s iye yahlawuliswa izigidigidi ezi-5.2 zamadola aseMelika Yikhomishani Yezokuxhumana Yase-Nigeria. IKhabhinethi yethemba ukuthi izingxoxo ezikhona neziqhubekayo njengamanje phakathi kuka-MTN kanye nabasemagunyeni ezweni lase-Nigeria kuzoholela ekutheni kusonjululwe ngokuphazima kweso lokhu kungaboni ngaso linye ukuze kuqinisekiswe ukuthi inkampani yakwa-MTN iyaqhubeka nomsebenzi wayo wokutshala izimali emnothweni wasezweni laseNigerian.

8. Ukubhonga emswaneni

8.1. IKhabhinethi ishaqeke kakhulu ngokudlula emhlabeni ngokuzuma okukhulu kukaChumani Nqakula, nobeyindodana kaNgqongqoshe Wezokuvikela noMakadebona Bezempi uNosiviwe Mapisa-Nqakula kanye no-Charles Nqakula, oyiLungu LePhalamende. IKhabhinethi ithi dudu emndenini wakwaNqakula kanye nakubangani ngokunjalo.

8.2. IKhabhinethi yedlulisa ukudabuka okukhulu emndenini kanye nasezihlotsheni zikaNgqongqoshe Wezemisebenzi Kahulumeni Nokuphathwa Kwayo u-Adv Ngoako Ramatlhodi, ngokushiywa emhlabeni ngumama wakhe obeseneminyaka yobudala engama-95, umama uMmatlou Elizabeth Ramatlhodi.

9. Abaqashiwe

Bonke laba abaqashiwe ukuqashwa kwabo kuyoqinisekiswa mhla izicucu zokuqashwa kwabo kanye nokuqinisekiswa kokufaneleka kwabo kulezi zikhala kwavunywa.

1. UMnu Mogojare Richard Seleka uqashwe Njengomqondisi-Jikelele (i-DG) eMnyangweni Wezamabhizinisi Kahulumeni; noe
2. Mnu Robert Moeketsa Ramasodi uqashwe Njengephini LikaMqondisi-Jikelele: Ukukhiqizwa Kwezolimo, Ezempilo kanye Nokuphepha Kokudla eMnyangweni Wezolimo, Ezamahlathi kanye Nezokudoba.

9.1.  Ibhodi Yenhlangano Ebhekele Ukusebenza Kwezimoto Emgwaqeni:

a) UNks Daphline Harridene Charlotte-Ann Ewertse – Uqokwe Njengelungu Elingesiyona Ingxenye Yesigungu Seziphathimandla; no-  
b)  Mnu Thulani Matiki Norman Kgomo – Uqokwe Njengelungu Elingesiyona Ingxenye Yesigungu Seziphathimandla
c   
9.2.    Ibhodi Yenhlangano Yomphakathi Yokutshalwa Kwezimali:
a)    UNks Lindiwe Toyi – unguMqondisi Ongasiyona Ingxenye Yesigungu Seziphathimandla;
b)    UNks Sandra Beswick – unguMqondisi Ongasiyona Ingxenye Yesigungu Seziphathimandla;
c)    UNks Tantaswa Fubu – unguMqondisi Ongasiyona Ingxenye Yesigungu Seziphathimandla;
d)    UDkt Claudia Manning – unguMqondisi Ongasiyona Ingxenye Yesigungu Seziphathimandla;
e)    UMnu Pitsi Paul Moloto – unguMqondisi Ongasiyona Ingxenye Yesigungu Seziphathimandla; no-
f)    Nks Matshepo Faith More – obuye waqokwa Njengesikhulu Esiphezulu Esibhekele Ukusebenza Kwezimali.
9.3.    Ibhodi Yesikhungo Sokuthuthukiswa Kwezezindlu:
a)    UMnu Mavuso Walter Msimang – uSihlalo;
b)    UMnu Maanda Emmanuel Mutheiwana;
c)    UMnu Pravin Amar Singh;
d)    MUnu Thuthuka Siphumezile Songelwa; kanye no-
e)    Mnu Nkululeko Nkosingiphile Vilakazi – omele uNgqongqoshe Wezemisebenzi Yomphakathi.

Imibuzo:
Nks Phumla Williams (Ibambela Lomkhulumeli weKhabhinethi)
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139

 

Share this page

Similar categories to explore