Isicelo sosizo lwezimali kahulumeni kumasosha

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Okuphathelene nosizo lwemali yesibonelelo sezigagayi zezempi

Uma uyisotsha lesikhathi sangaphambili owalwa eMpini Yokuqala Yomhlaba (1904-1918), Impi Yesibili Yomhlaba (1933-1945), izibhelu zakwaZulu (1906) noma Impi yaseKhoriya futhi awukwazi ukuzondla ngokwakho, ungafaka isicelo sosizo lwemali yesibonelelo sezigagayi zezempi.

Wazi kanjani ukuthi ufanelekile?

Kufanele:

  • ube yisakhamuzi saseNingizimu Afrika noma umhlali ohlala unomphelo
  • uhlale eNingizimu Afrika
  • ube neminyaka engama-60 noma ngaphezulu noma ukhubazekile
  • ukuba walwa empini Yesibili Yomhlaba noma eMpini yaseKhoriya
  • ungatholi nanoma yiluphi olunye usizo lwemali ngokwakho
  • unganakekelwa esikhungweni sikahulumeni
  • ungaholi ngaphezu kwama-R 86 280 ngonyaka uma ushadile, imali yenu ehlanganisiwe kufanele ingabi ngaphezu kwama- R172 560 ngonyaka
  • noma ube nezimpahla ezibiza ngaphezu kwama- R 1 227 600 uma ungashadile kanye noganene naye akufanele nibe nempahla ebiza ngaphezu kwama-R 2 455 200.

Qaphela: Uma uhlala endlini okungeyakho noma yoganene naye, inani akucatshangwa ngalo ngenhloso yokuhlolwa kwendlela yokuphila.

Uzothola malini?

Imali yosizo ozoyithola angeke idlule ku- R 2 200 ngenyanga.

Uzokhokhelwa kanjani?

Inhlangano Yezimpensheni Nezibonelelo Zikahulumeni eNingizimu Afrika - (SASSA) izokukhokhela imali yosizo ngokusebenzisa eyodwa yalezi zindlela ezilandelayo:

  • ukheshi endaweni ethize yokukhokha ngosuku oluthize
  • idiphozi ye-elekthroniki ku-akhawunti yakho yasebhange noma yasebhange laseposini (ibhange kungenzeka likukhokhise ngalomsebenzi)
  • isikhungo esisebenza njengomphathi wemali yosiso yesibonelelo (isb. inhlangano yezenhlalakahle).

Qaphela: Uma ungakwazi ukulanda imali ngokwakho, ungaqoka umuntu ozokumela ehhovisi Lenhlangano Yezimpensheni Nezibonelelo Zikahulumeni eNingizimu Afrika , noma unikeze omunye umuntu amandla obumeli ukuthi alande imali yosizo lwesibonelelo egameni lakho.

Ingabyeukezwa nini imali yakho yesibonelelo?

Inhlangano Yezimpensheni Nezibonelelo Zikahulumeni eNingizimu Afrika inganquma ukuthi kufanele yini ukuthi usizo lwakho lwemali lubuyekezwe. Imali yakho njengoba ishiwo uma ufaka isicelo sosizo lwemali yesibonelelo izoba isisekelo salesi sinqumo. Uzokwaziswa ezinyangeni ezintathu ngaphambi kosuku ukubuyekeza okuzokwenziwa ngalo noma usuku okufuneka ngalo isitifiketi sempilo. Uma uthola imali yakho ngebhange, isikhungo noma ummeleli, kudingeka ukuthi ugcwalise isitifiketi sempilo emahhovisi Enhlangano Yezimpensheni Nezibonelelo Zikahulumeni eNingizimu Afrika njalo ngonyaka.  

Ingamiswa nini imali yakho yesibonelelo?

Okulandelayo kungaholela ekumisweni kwemali yakho yesibonelelo:

  • uma izimo zakho ziguquka
  • umphumela wokubuyekezwa
  • uma uhluleka ukuhlanganyela uma usizo lwemali yakho lubuyekezwa
  • uma ukhwabanisa noma uzimelela ngendlela engalungile wena uqobo
  • uma kwakunephutha ngesikhathi kuvunywa usizo lwakho lwemali yesibonelelo.

Ingaphelelwa isikhathi nini imali yakho yesibonelelo?

Usizo lwemali yesibonelelo luzophelelwa isikhathi uma:

  • ushona
  • uhlaliswa esikhungweni sikahulumeni
  • ungayithathi imali izinyanga ezintathu ezilandelanayo
  • ungekho ezweni.

Uma omunye wamalunga amukelwa esikhungweni simbe esinezivumelwano ezithile nombuso ukuba ulinakekele noma uligcine lelo lunga, isibonelelo sikahulumeni ke siye sehliswe siye ku 25% okuyimali emiselwe yesibonelwlo zikahulumeni neqala ukutholakala ezinyangeni ezine lowo emukelwe kuleso sikhungo. Lesibonelelo sikahulumeni esehlisiwe siye sibuyiselwe ngokukhawuleza nje emuva kokuba lelo lunga liphothulile kuleso sikhungo.

Okufanele ukwenze

  • Yana ehhovisi Lenhlangano Yezimpensheni Nezibonelelo Zikahulumeni eNingizimu Afrika (SASSA) eliseduze kakhulu nawe lapho ohlala khona ulethe okulandelayo:
    • Incwadi yakho kamazisi enebhakhodi yamadijithi ayi-13. Uma ungenaye umazisi:
      • kufanele ugcwalise i-afidavithi ngokwendlela yefomu Lenhlangano Yezimpensheni Nezibonelelo Zikahulumeni eNingizimu Afrika  phambi koKhomishini Wezifungo ongesuyena umsebenzi Wenhlangano Yezimpensheni Nezibonelelo Zikahulumeni eNingizimu Afrika
      • kufanele ulethe isitatimende esifungelwe esisayinwe umuntu ohloniphekile (njengekhansela, umholi wendabuko, usonhlalakahle, umfundisi wenkolo noma uthishomkhulu) ongafakazisa igama lakho kanye neminyaka yakho yobudala
      • ubufakazi bokuthi ufake isicelo sikamazisinoma isitifiketi sokuzalwa kuMnyango Wezasekhaya.
    • umazisi wesikhashanaoekhishwa Umnyango Wezasekhaya (uma kufanelekile)
    • ubufakazi bomsebenzi wezempi, isb. isitifiketi somsebenzi
    • uma ungaphansi kwama-60, ukuhlolwa kokwelashwa noma umbiko oshoyo ukuthi angeke ukwazi ukusebenza
    • ubufakazi besimo somshado. Uma:
      • ungashadile, i-afidavithi eshoyo ukuthi awushadile.
      • ushadile, isitifiketi sakho somshado kanye nomazisi womuntu oganene naye.
      • udivosile, incwadi yedivosi
      • oganene naye eshonile, isitifiketi sokufa soganene naye.
    • uma wena noma oganene naye esebenza,  kudingeka ubufakazi bomholo wenu.
    • uma wawuqashiwe, Isikhwama Somshuwalense Wabalahlekelwe Wumsebenzi (‘incwadi elwandle’) noma isitifiketi sokuxoshwa esivela
    • kumqashi wakho wangaphambilini
    • uma une-akhawunti yasebhange, izitatimende zakho zasebhange zezinyanga ezintathu ezedlule
    • uma unemali etshaliwe, kudingeka ulwazi ngenzalo kanye nezinhlukaniselwano ozitholayo.

Sicela uqaphele: Uma umdala kakhulu noma ugula ukuthi ungaya ehhovisi uyofaka isicelo, ilungu lomndeni noma umngane angafaka isicelo egameni lakho. Kudingeka ukuthi unike umuntu incwadi kanye/noma inothi kadokotela eshoyo ukuthi kungani ungakwazi ukuvakashela ehhovisi.

  • Gcwalisa ifomu lokufaka isicelo kukhona umsebenzi Wenhlangano Yezimpensheni Nezibonelelo Zikahulumeni eNingizimu Afrika (yazi ukuthi nguwe kuphela njengomfaki sicelo noma umsebenzi Wenhlangano Yezimpensheni Nezibonelelo Zikahulumeni eNingizimu Afrika  okwazi ukugcwalisa ifomu lokufaka isicelo).
  • Uzonikezwa irisidi. Ligcine njengobufakazi bokuthi usifakile isicelo.
  • Uma ufuna ukubhalisela izinkokhelo zikakheshi, umsebenzi ka-SASSA uzokunika usuku okudingeka ubuye ngalo nokudingeka uze nakho.

Uma ngabe isicelo sakho singavunywanga?
 

Uma isicelo sakho singavunywanga, i-SASSA izokwazisa ngokukubhalela ukuthi kungani isicelo sakho singabanga yimpumelelo.

Uma ungavumelani nesinqumo, ungadlulisela isicelo kuNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi eMnyangweni Kazwelonke Wezokuthuthukiswa Komphakathi . Kufanele udlulise isicelo ezinsukwini ezingama-90 wazisiwe ukuthi isicelo sakho asibanga yimpumelelo.

Isikhathi esinqunyiwe

  • Kungathatha isikhathi esifika ezinyangeni ezintathu ukusebenza isicelo sakho.
  • Uma usizo lwakho lwemali luvunyiwe, uzokhokhelwa kusukela ngosuku owafaka ngalo isicelo.

Kubiza malini

Umsebenzi unikezwa mahhala.

Amafomu okumele agcwaliswe

Ifomu lokufaka isicelo alitholakali ku-inthanethi. Ungalithola ehhovisi Lenhlangano Yezimpensheni Nezibonelelo Zikahulumeni eNingizimu Afrika (SASSA) eliseduze kakhulu nawe.

Imininingwane yokuxhumana

Inhlangano Yezimpensheni Nezibonelelo Zikahulumeni eNingizimu Afrika (SASSA)

 

SASSA Toll free: 0800 60 10 11
Email:  GrantEnquiries@sassa.gov.za  

Share this page