Umgunyathi wenkohliso ye-419 kanye nenkwabaniso yama-lottery

Uma uthola izincwadi zomkhonyovu ezikukhohlisayo ezithi kumele ukhokhe imali ethile ngenhloso yokwenza ibhizinisi noma ezikwazisa ukuthi uwine i-Lotto, kumele lezo zincwadi uzithumele ku-Interpol okuyiNhlangano Yamaphoyisa Yamazwe Ngamazwe.

Abe-Interpol bazokwazisa uPhiko Lobugebengu Obuphathelene Nezezimali Nokuhwebelana loMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika  mayelana nazo zonke izindaba eziphathelene nemikhonyovu yokukhohlisa abantu.

Imininingwane yokuxhumana ne-Interpol:
Inombolo Yocingo: (+27) 12 309 3866
Inombolo Yefeksi: (+27) 12 309 3003/4
I-imeyili: vdventera@saps.org.za

Lo mkhonyovu ubizwa futhi ngokuthi i-‘419 scam’ futhi wenziwa ngumkhohlisi othile, ngokujwayelekile oyilungu leqembu lezigebengu ezisebenza ngokuhlanganyela. Lo mkhonyovu waqala ezweni lase-Nigeria kodwa-ke amaqembu ezigebengu zakwamanye amazwe nawo aseyabandakanyeka kulo mkhonyovu wokukhohlisa abantu ngokuthi kumele bakhokhe imali ethile. Kuvamise ukuthi kube yincwadi, i-imeyili noma i-SMS enesiphakamiso sokusebenzisana kwezebhizinisi lapho isisulu sicelwa khona ukuthi sifake imali kwi-akhawunti yasebhange ethile.

Umkhonyovu we-Lotto wona ubandakanya ukuthunyelwa  kwe-imeyili noma i-SMS lapho isisulu sitshelwa khona ukuthi siwine i-lotto.

Thola ulwazi oluthe xaxa mayelana nokuthi ubikwa kanjani umkhonyovu wezincwadi ezikhohlisa abantu ngokuthi kumele bakhokhe imali ethile ngenhloso yokwenza ibhizinisi noma ezibakhohlisa ngokuthi bawine i-lotto.

 

Share this page