Isicelo sikamazisi esenziwa okokuqala

Uma uneminyaka eyi-16 noma ngaphezulu ubudala, ungafaka isicelo sokuthola umazisi (i-ID). Uyowudinga uMazisi ukuze ubhalisele ukuhlolwa kwakho kukamatikuletsheni, uthole izincwadi zokushayela noma uvule i-akhawunti yasebhange.

Uma uthola uMazisi wakho futhi kunamaphutha kwimininingwane yakho, uMnyango Wezasekhaya uyoshintsha uMazisi wakho mahhala.

Ungafaka isicelo sokuba kukhishwe uMazisi omusha uma:

  • ushadile futhi ufuna ukuthatha isibongo salo oshade naye.
  • ungowesifazane futhi ufuna ukufaka isicelo sikaMazisi omusha nganoma yisiphi isibongo sakho sangaphambilini.
  • incwadi kaMazisi wakho ilahlekile, intshontshiwe noma imoshekile.

UMnyango Wezasekhaya uletha uMazisi Oyikhadi esikhundleni sencwadi enguMazisi oluhlaza. Lokhu kuzokwenziwa phakathi neminyaka eyisishiyagalombili ezayo, ngakho-ke akusho ukuthi uma ufaka isicelo manje uzowuthola manje uMazisi Oyikhadi. Uma usunawo kakade uMazisi, uyomenywa ukuba ufake isicelo sokuthola uMazisi Oyikhadi.

Thola olwazi oluthe xaxa mayelana nokuthola umazisi noma uthintane noMnyango Wezasekhaya.

 

Share this page