Ungase ufake isicelo sokuba imininingwane yakho eku-rejista yabantu ichitshiyelwe ngoku:
- bhalisa kabusha ingane ezalwe abazali bayo bengashadile kwathi kamuva bashada
- faka imininingwane kababa wengane ku-rejista yokuzalwa kwengane eyazalwa bengashadile
- faka igama lokuqala noma isibongo ku-rejista yomuntu obhaliswe ngaphandle kwegama lokuqala noma isibongo
- shintsha igama lokuqala
- shintsha isibongo sengane
- thatha esinye isibongo
- shintsha ubulili
- lungisa usuku lokuzalwa, ubulili noma indawo owazalelwa kuyo.
Thola ulwazi oluthe xaxa mayelana nokufaka isicelo sesichibiyelo noma uthintane noMnyango Wezasekhaya.