Izichibiyelo ku-rejista yabantu

Ungase ufake isicelo sokuba imininingwane yakho eku-rejista yabantu ichitshiyelwe ngoku:

  • bhalisa kabusha ingane ezalwe abazali bayo bengashadile kwathi kamuva bashada
  • faka imininingwane kababa wengane ku-rejista yokuzalwa kwengane eyazalwa bengashadile
  • faka igama lokuqala noma isibongo ku-rejista yomuntu obhaliswe ngaphandle kwegama lokuqala noma isibongo
  • shintsha igama lokuqala
  • shintsha isibongo sengane
  • thatha esinye isibongo
  • shintsha ubulili
  • lungisa usuku lokuzalwa, ubulili noma indawo owazalelwa kuyo.

Thola ulwazi oluthe xaxa mayelana nokufaka isicelo sesichibiyelo noma uthintane noMnyango Wezasekhaya.

 

Share this page