Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana
Maqondana nemvume yokulanda impahla emazweni angaphandle
Uma uhlela ukuletha izimpahla esezisetshenzisiwe, esezike zabanabanikazi abanye, esezilahliwe nezingenasidingo uzingenise kuleli, kufanele ubhalise njengomuntu olanda izimpahla emazweni angaphandle ngaphansi kwaBalawuli Bentela (SARS) bese ufaka isicelo sakho kwi Khomishini yase ningizimu Afrika elawula ezokuhwebelana zomhlaba (ITAC) ukuze uthole imvume yokwenza lokhu.
Lemvume yokungenisa lezimpahla kuleli iqinisekisa ukuthi lezompahla uceba ukuziletha, ziyahambisana nemigomo yezokuphepha, nezinga, imigomo yezokongiwa kwemvelo kanye nezokuphepha kuleli. Kufanele ziphinde zihambisane nezivumelwano zeziphakamiso zamazwe angaphandle.
Lemvume ke iyasiza futhi ukuqinisekisa ukuphuma nokungena kwempahla yalolohlobo kanye nokubona ukushushumbiswa kwempahla.
Imigomo ke asethsenziswayo ukungenisa impahla kuleli yehlukene ngokwehlukana kohlobo lwezimpahla. Izimpahla ezintsha ceke zona ziye zingabandakanywa ke kulemogomo yokulawula impahla engeniswa kuleli. Kodwa ke zonke izimpahla esezisetshenzisiwe, nezike zabanabanikazi abanye ngaphambili, yilezo esezilahliwe ezingenasidingo zona ke zingena ngaphansi kwaloluhlelo lokulawulwa.
Okufanele ukwenze
- Iya eSARS uyobhalisa njengomuntu olanda izimpahla ngaphandle.
- Iya eITAC noma udonse amafomu afanelekile ekhompuyutheni.
- Gcwalisa amafomu.
- Bese uwahambisa kuDirectorate: Import and Export Control eITAC.
Qaphela:
- Ungathola nohlu lwezimpahla ezingena ezilawulwa ngaloluhlelo lungathunyelwa kuwe yi-ITAC uma uyinike imininingwane ongatholakala kuyo.
- Uma ufuna ukuthola ulwazi ngemigomo yokungeniswa kwempahla ethile kuleli, thumela imininingwane emaqondana nalolohlobo lwempahla ehovisi le-ITAC, Lapho kulawulwa izinto ezingena nokuphuma kuleli.
Isikhathi esinqunyiwe
Esikhathini esiningi izimvume zokungenisa impahla kuleli zikhishwa esikhathi esiyizinsuku eziyisihlanu zokusebenza.
Kubiza malini
ITAC ayikhokhisi mali ngokusiza kodwa kuyomele ukhokhe intela yosizo kwa SARS. Inani lentela libalwa kusukela esambeni saleyo mikhiqizo noma izimpahla ( ebekiwe ngokwezinhlelo kumakhasimende noma abathengi kanye nomthetho sivivinyo. Imininingwane ngentela ekhokhwayo vakashela I websaythi yakwa SARS.
Amafomu okumele agcwaliswe
Kufanele ugcwalise bese uletha leyofomu edingekile:
- Application to register as an importer IE 230 (Ukufaka isicelo sokubhalisa njengomuntu olanda impahla emazweni angaphandle IE 230)
- Application for personal import purposes IE 463 (Ukufaka isicelo sokuzilandela impahla edingwa nguwe ngaphandle IE 463)
- Annexure to IE 463 application for importation of personal goods (Ngaphezu kuka Fomu IE 463 wokufaka isicelo sokulanda izimpahla ezidingwa nguwe ngaphandle)
- Application for commercial import purposes IE 461 (Ukufaka isicelo sokulanda izimpahla zokuthengisa IE 461)
- Application for importation of chemicals IE 464 and annexure to H 464 (Ukufaka isicelo sokulanda amakhemikhali ngaphandle IE 464 kanti ngaphezulu kuka H 464)
- Application for second hand or used passenger vehicle IE462 and importation of used motor vehicle letter (Ukufaka isicelo sokulanda imoto esike yasetsheziswa IE462 kanye nencwadi yikuyingenisa kuleli).
Imininingwane yokuxhumana
ITAC national office - Import and Export Control
Tel: 0861 834 384, 012 394 3590, 012 394 3591
City/town: Pretora
Province: Gauteng
Physical address: International Trade Administration Commission, 77 Meintjies Street, Block D, Sunnyside, Pretoria, 0001
Postal address: Private Bag X753 Pretoria, 0001
Web address: http://www.itac.org.za