Isitatimende sikaMongameli u-Cyril Ramaphosa maqondana nokuQedwa kweSimo Senhlekelele Sikazwelonke ebesenzelwe ukubhekana noBhubhane lwe-COVID-19

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Kulezi zinsuku ezingama-750 ezedlule, iNingizimu Afrika ibingaphansi kweSimo Senhlekelele Sikazwelonke.

Lesi yisimo esingajwayelekile neze ebesingakaze sibonakale ngaphambilini emlandweni wezwe lethu.

Ukumenyezelwa kwesimo senhlekelele bekuyindlela nesinyathelo sokubhekana ngqo nesimo sezempilo esibucayi kakhulu somhlaba wonke ebesiyingozi enkulu ezimpilweni zabantu bakithi nenhlalakahle yabo.

Akukho ukungabaza ukuthi ngaphansi kwalezi zimo besidingeka isinyathelo esinjalo.
Ukumenyezelwa kweSimo Senhlekelele Sikazwelonke mhla ziyi-15 kuNdasa 2020 kwanikeza uhulumeni amandla okuthatha izinyathelo ezavikela abantu abaningi ekuhlaselweni wukugula okubucayi futhi ezasindisa izimpilo zezindimbane ngezindimbane zabantu.

Lezi zinyathelo zasebenza kahle kakhulu ekudodobaliseni izinga lokutheleleka kwabantu, okwehlisa ingcindezi phezu kwezibhedlela zethu, futhi okwasihlinzeka ngesikhathi esabe sisidinga sokuthuthukisa ingqalasizinda, izinsiza kanye namandla okusebenza ukuze sikwazi ukuphatha nokulawula inani elikhulu labantu abangenwa wukugula ngenxa ye-COVID-19.

Isimo Senhlekelele Sikazwelonke sihlinzeke futhi ngesisekelo somthetho sokwethula isiBonelelo Sikazwelonke Sokubhekelela Abantu Abangasebenzi esiyisamba esingama-R350, esiqhubekayo ukuhlinzeka ngosizo oludingeka kakhulu kulabo abakhahlanyezwe wubhubhane lwe-COVID-19.

Isimo Senhlekelele Sikazwelonke savumela ukusungulwa kohlelo lwe-COVID TERS, olwasekela amaholo ezigidi ngezigidi zabasebenzi.

Futhi savumela ukuhlinzekwa kwamabhizinisi amancane ngosizo, ukwelulwa kwesikhathi sokusebenza ngokusemthethweni kwamalayisensi ezimoto, namalayisensi abashayeli, kanye nokuphathwa nokulawulwa kobhubhane ezikhungweni zezemfundo, phakathi kokunye.

Zonke lezi zinyathelo zabe zidingekile hhayi nje kuphela ukubhekana nemithelela yobhubhane edale umonakalo omkhulu empilweni yabantu, kodwa futhi zabe zidingeka ukunciphisa umonakalo wokukhahlamezeka kakhulu komphakathi kanye nomnotho.
Lokhu iyona ncamashi injongo okuhloswe ukuthi ifezekiswe ngesimo senhlekelele: okuwukuvumela ukuqaliswa kwezinyathelo zokubhekana nenhlekelele ezisebenza kahle kakhulu ezivikela izimpilo zabantu.

Kodwa-ke, esimweni somphakathi wentando yeningi labantu okhululekile novulelekile, amandla angeziwe ahlinzekwa yisimo senhlekelele ayinto yesikhashana futhi enemikhawulo.

Lokhu kumele kuqhubeke kuphela uma kusadingekile kakhulu. Njengoba ngasho eNkulumweni Echaza Isimo Sezwe, manje sesingene esigabeni esisha sobhubhane lwe-COVID-19.

Isimo esiguquguqukayo sobhubhane ezweni lethu sahlaluka ngokucacileyo ehlandleni lesine lobhubhane ngoZibandlela noMasingana.

Nakuba saqopha amanani aphakeme impela okutheleleka kwabantu ngehlandla lesine uma kuqhathaniswa nehlandla ngalinye kulawo adlule, ziyingcosana izigameko ezibonakele zokuhlaselwa kwabantu wukugula okubucayi, ukulaliswa esibhedlela kanye nokufa.

Ngehlandla lesithathu ngoNtulikazi ngonyaka odlule, izinga-silinganiso lenani lansuku zonke eliqoshiweyo elabe liphakeme kunawo wonke lokufa kwabantu ngenxa ye-COVID-19 ngama-420.

Ngehlandla lesine, ngoNhlolanja kulo nyaka, inani eliphakeme kunawo wonke lokufa kwabantu okuhlobene ne-COVID-19 ngama-240.

Kuleli viki eledlule, leli nani lehlile layofinyelela kubantu abayi-12 nje kuphela.

Sibona isimo esifanayo nasezikhungweni zethu zezempilo.

Emibhedeni ejwayelekile eyizi-108 000 ekhona ezweni, iyi-1 805 kuphela imibhede okulaliswe kuyona iziguli ze-COVID-19 njengamanje.

Emibhedeni eyizi-5 600 yamaGumbi Abagula Kakhulu (ama-ICU) ekhona ezweni, iyi-175 kuphela imibhede okulaliswe kuyona iziguli ze-COVID-19.

Lokhu kuyingxenye yamanani ehlayo asivumelayo ukuba sikwazi ukubuyela esimweni esijwayelekile ezikhungweni zezempilo zomphakathi.

Lokhu kuyabonisa ukuthi nakuba igciwane lisaqhubeka nokuzungeza phakathi kwethu, aliholeli emazingeni afanayo okuhlaselwa kwabantu wukugula okubucayi okudinga ukuba balaliswe esibhedlela futhi aliholeli emananini afanayo okufa kwabantu.

Yize lungakapheli lolu bhubhane, futhi negciwane lisekhona phakathi kwethu, lezi zimo azisadingi ukuba silokhu sihleli ngaphansi kweSimo Senhlekelele Sikazwelonke.

Kusukela manje kuya phambili, ubhubhane luzophathwa futhi lulawulwe ngokoMthetho Wezempilo Kazwelonke. Uhlaka lweMithethonqubo Yezempilo ehlongozwayo selushicileliwe ukuze umphakathi uphawule ngalo.

Uma sesivaliwe isikhathi sokuphawula komphakathi, ngoMgqibelo mhla ziyi-16 kuMbasa 2022, futhi uma seyicutshunguliwe imibono yomphakathi, imithethonqubo emisha izophothulwa futhi imenyezelwe ngokusemthethweni.

Njengoba kungasahlangatshezwana nezidingo zokumenyezelwa kweSimo Senhlekelele Sikazwelonke ngokoMthetho Wokuphathwa Kwenhlekelele Kazwelonke, iKhabhinethi selinqume ukusiqeda iSimo Senhlekelele Sikazwelone kusukela phakathi kwamabili kusihlwa nje.

UMthetho Wenhlekelele Kazwelonke uyalela ukuthi izingxenye ezithile zemithethonqubo ziqhubeke nokusebenza isikhashana esithile esibekiweyo ukuze kubhekelelwe ‘ukubuyiselwa kwesimo kwesejwayelekile nokuhlunyeleliswa okwenziwa emuva kwenhlekelele’.

Ngokuhambisana nalokho, izimiselo ezithile zesikhashana zizoqhubeka zisebenze isikhathi esiyizinsuku ezingama-30 emva kokuqedwa kweSimo Senhlekelele Sikazwelonke ukuqinisekisa ukuthi aziphazamiseki izinyathelo zokuphepha nokuvikela ezisemqoka ezisetshenziswayo kwezempilo yomphakathi kanye nezinye izinsizakalo ezidingekayo ngenkathi kuqaliswa ukusebenza kwemithethonqubo emisha yoMthetho Wezempilo Kazwelonke.

Lokhu kusho ukuthi yonke imithethonqubo neziqondiso ezenziwe ngokoMthetho Wokuphathwa Kwenhlekelele kulandela ukumenyezelwa kwesimo senhlekelele sikazwelonke ngenhloso yokubhekana ne-COVID-19 zizochithwa zingabe zisasebenza kusukela phakathi kwamabili kusihlwa nje, ngaphandle-ke nje kwezinyathelo zesikhashana ezimbadlwana.

Lezi zinyathelo zesikhashana, ezizophelelwa yisikhathi ngokuzenzakalelayo emva kwezinsuku ezingama-30 yilezi ezilandelayo:
Okokuqala, kusazodingeka ukuthi sigqoke isifonyo uma singaphakathi ezakhiweni zomphakathi. Lokhu kuyadingeka ukunqanda ukutheleleka kwabantu ezindaweni lapho kunobungozi obukhulu bokutheleleka ngegciwane, ikakhulukazi njengoba besebaningi abantu abangakagonywa kuze kube manje.

Asidingekile isifonyo uma umuntu engaphandle.

Okwesibili, imikhawulo ekhona njengamanje eqondene nemibuthano izoqhubeka isebenze njengesinyathelo sesikhashana.
Lokhu kusho ukuthi izindawo zemibuthano ebanjelwa ngaphakathi esakhiweni ngokunjalo futhi nezindawo zemibuthano ebanjelwa ngaphandle kwesakhiwo zivumelekile ukwamukela abantu abangafinyelela kumthamo ongama-50% wendawo leyo, ngaphandle kwanoma yimuphi umkhawulo ophelele, ngaphansi kombandela othi ukuze umuntu avunyelwe ukungena endaweni leyo kudingeka ukuthi abe nobufakazi bokuthi ugonyiwe noma-ke ubufakazi bokuhlolelwa i-COVID-19 obungekho ngaphezu kwamahora angama-72 ubudala.

Uma bungekho ubufakazi bokugonywa noma bokuhlolelwa i-COVID-19, lokho kusho ukuthi uzoqhubeka usebenze umkhawulo ophelele wabantu abayi-1 000 okhona njengamanje maqondana nemibuthano ebanjelwe ngaphakathi esakhiweni kanye nomkhawulo wabantu abayizi-2 000 uma umbuthano ubanjelwe ngaphandle kwesakhiwo.

Okwesithathu, izimiselo ezikhona njengamanje maqondana nokuvakashela amazwe ngamazwe zizoqhubeka zisebenze.
Lokhu kusho ukuthi izivakashi ezingena eNingizimu Afrika kuzodingeka ukuba ziveze ubufakazi bokuthi zigonyiwe noma ukuhlolwa kwe-PCR okubonisa ukuthi azinayo i-COVID-19, okwenziwe esikhathini esingekho ngaphezu kwamahora angama-72.

Uma isivakashi singavezi isitifiketi sokugonywa noma ubufakazi bokuhlolelwa i-COVID-19 okubonisa ukuthi asinayo i-COVID-19, kuyodingeka ukuthi senze ukuhlolwa okusheshayo okubizwa nge-antigen test ekufikeni kwaso kuleli.

Uma imiphumela yokuhlolwa ibonisa ukuthi sinayo i-COVID-19, kuyodingeka ukuthi sigonqe isikhathi esiyizinsuku eziyi-10.

Okwesine, iziqondiso ezihlinzekela ukukhishwa kweSibonelelo Sikazwelonke Sokubhekelela Abantu Abangasebenzi esikhethekile esiyisamba sama-R350 zizoqhubeka zisebenze.

Lokhu kuzokwenza ukuthi uMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi ukwazi ukuphothula imithethonqubo ezovumela ukuthi kuqhubeke ukukhishwa kwesibonelelo.
Okwesihlanu, iziqondiso ezihlinzekela ukwelulwa kwesikhathi sokusebenza ngokusemthethweni kwelayisensi yomuntu osafundela ukushayela (ilenazi), ikhadi lelayisensi yokushayela, idiskhi yelayisensi yemoto, imvume yobungcweti bokushayela, phecelezi i-PDP, kanye nokubhaliswa kwemoto zisazoqhubeka zisebenze.

Yonke eminye imithethonqubo izophela futhi iyeke ukusebenza kusukela phakathi kwamabili kusihlwa nje.

Lokhu kubandakanya imithethonqubo ephathelene nokugonqa kwabantu, ephathelene nezikole kanye nokungena emakhaya abadala, izithuthi zomphakathi, izinqubo zokusoka, ukuthuthwa kwempahla enkulu, kanye nokubekwa icala kwalabo abangayithobeli le mithetho.

Ukuqedwa kweSimo Senhlekelele Sikazwelonke kusho futhi ukuthi neZigaba Zokuqapha igciwane le-Corona nazo zizophela.

Izinyathelo zesikhashana ezimbadlwana ezisazoqhubeka zisebenze azinayo neze ingalo ende ngokweqile, futhi zivumela cishe yonke imisebenzi yomphakathi kanye nemisebenzi yezomnotho ukuthi iqale futhi ukwenzeka njengokujwayelekile.

Zisemqoka kakhulu ekunciphiseni ubungozi bokuqubuka kwelinye ihlandla le-COVID-19 ngokunjalo futhi nenye inhlekelele.

Futhi ziyaqinisekisa ukuthi abantu bayaqhubeka nokuthola iSibonelelo sabo esikhethekile Sikazwelonke Sokubhekelela Abantu Abangasebenzi esiyisamba sama-R350 kanye nokuthi akukho ukuphazamiseka okukhona maqondana namalayisensi okushayela.

Njengoba ngichazile, lezi yizinyathelo zesikhashana ezizophelelwa yisikhathi emva kwezinsuku ezingama-30.
Lokhu kuzovumela ukuthi kubhekwane ngendlela efanele nokuphathwa kobhubhane kusetshenziswa iMithethonqubo Yezempilo kanye nezinye izimiselo.


Kunesinyathelo esisodwa sokugcina esizoqhubeka sona nakuba singasekho iSimo Senhlekelele Sikazwelonke.

Lesi sinyathelo yisinxephezelo salabo abathole ukulimala noma ukulahlekelwa ngenxa yomgomo we-COVID-19, phecelezi i-COVID-19 Vaccine Injury No-Fault Compensation Scheme.

Lolu Hlelo lwaqala ukusebenza ngoMbasa ngonyaka odlule ukulekelela noma yimuphi umuntu othole ukulimala okubucayi ngenxa yokujovwa kwakhe ngomgomo we-COVID-19 ukuthi akwazi ukuthola isinxephezelo esisheshayo futhi asithole kalula.

I-COVID-19 Vaccine Injury No-Fault Compensation Scheme, elawulwa nguMnyango Wezempilo, izoqhubeka isebenze emuva kokuphela kweSimo Senhlekelele Sikazwelonke.
Lolu Hlelo luyoqedwa kuphela uma seluyifezekisile inhloso yalo.

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Ukufinyelela esiphelweni kweSimo Senhlekelele Sikazwelonke kuyiqophelo elisemqoka eliyingqophamlando empini yethu yokulwisana nobhubhane.

Kuwuphawu lwenqubekela-phambili esesiyenzile sonke sisebenza ngokubambisana futhi kuyisikhumbuzo sezimo ezinzima kakhulu esidlule kuzona sabekezela isizwe sethu.

Kuwumzuzu wokukhumbula labo abalahlekelwe yizimpilo zabo kanye nabantu abaningi abasashukashukwa yimithelela emibi yalesi sifo.

Futhi lesi yisikhathi sokuthi sithulele isigqoko abasebenzi bethu bezempilo, amaphoyisa, amasosha, amavolontiya kanye nabanye abasebenzi abasekhaleni lempi yokulwisana nobhubhane ngokuzinikela kwabo kanye nomsebenzi abawenzile ngesikhathi esinzima lapho belubhoke kakhulu ubhubhane.

Ukufinyelela esiphelweni kweSimo Senhlekelele Sikazwelonke kuyisitatimende esiqinile sokuzibophezela kwethu ekutheni sizoziphilela izimpilo zethu futhi sakhe izwe lethu kabusha nakuba leli gciwane lisalokhu likhona phakathi kwethu.
Lokhu kumele kusiqinise idolo thina sonke sikwazi ukubuyela empilweni ebesiyiphila ngaphambi kokufika kobhubhane, okuzohambisana nezinguquko ezimbadlwana nje ezilula okumele sizenze ukuvikela labo abaseduze kwethu futhi esiphila nabo.

Lokhu kumele kuhlinzeke amabhizinisi ethu ngesiqiniseko sokuthi angaqhuba ibhizinisi lawo futhi atshale izimali ngaphandle kwengcuphe yokuthi azithole esebhekene neminye futhi imikhawulo.

Okusemqoka kakhulu, ngokuqeda iSimo Senhlekelele Sikazwelonke omunye nomunye wethu uzithwesa isibopho esikhudlwana sokuvikela impilo yakhe futhi avikele nempilo yabanye.

Isibopho esikhulukazi esisemahlombe ethu wukuqinisekisa ukuthi sigonyelwa i-COVID-19 futhi sibakhuthaze nabanye ukuba bagonywe.

Ukugoma yiyona ndlela engcono kunazo zonke ezinye yokuzivikela ku-COVID-19.

Futhi ukugoma yisona sikhali esihle kakhulu sokunciphisa amathuba okuqubuka kwamanye amahlandla okutheleleka kwabantu ngegciwane angafaka izikhungo zethu zezempilo ngaphansi kwengcindezi enkulu – futhi angenza kudingeke ukuthi siphinde futhi simemezele esinye isimo senhlekelele.

Kodwa-ke kumele sihlale siqaphile futhi senze izinto ngokucophelela okukhulu.

Sifundile ukuthi leli gciwane liyinto engabikezeleki neze, futhi isimo singaguquka ngokushesha.
Ngakho-ke, siyaqhubeka nokusebenzisana neNhlangano Yezempilo Emhlabeni kanye nezinye izinhlangano ngenhloso yokuqonda nokuthola ulwazi ngezigameko ezikhulayo zokutheleleka kwabantu kwezinye izingxenye zomhlaba kanye nokucubungula ulwazi lwezesayensi oluvelayo oluhlobene nalokho.

Kusukela ekufikeni kokuqala kwegciwane kuleli eminyakeni emibili edlule, sisebenze ngokubambisana, sabonisa impokophelo nokuzimisela, ekunqobeni ubhubhane.

Nakuba lungakapheli ubhubhane, futhi nakuba sisalokhu siqaphile, siqikelela ukuthi senza izinto ngokucophelela, sesingahlala siqinisekile ukuthi manje sisesimweni esingcono kakhulu uma kuqhathaniswa nanoma yisiphi esinye isikhathi esidlule kusona kulezi zinsuku ezingama-750 ezedlule.

Siyethemba ukuthi sesidlulile esigabeni esibi kakhulu futhi likhona ithemba lokuthi manje sekungubuhle bodwa obuzayo.

Manje sekuyisikhathi sokuthi sikhulise umnotho wethu futhi sakhe namathuba omsebenzi.

Manje sekuyisikhathi sokubuyisela izwe lethu endleleni.

Manje sekuyisikhathi sokupholisa amanxeba, sokwelulama kanye nokwakha kabusha.

Ngiyabonga.
 

Share this page

Similar categories to explore