Isitatimende Somhlangano weKhabhinethi wangoLwesithathu mhla ziyi-19 kuMfumfu 2022

A.  Izindaba ezisematheni

1.  Ukuvikelwa kokutholakala kwamanzi

1.1.  IKhabhinethi libonge abantu baseNingizimu Afrika ngokuthobela kwabo imikhawulo yokusetshenziswa kwamanzi ebekiwe ezingxenyeni ezithile zedolobha laseGoli, e-Tshwane kanye nase-Ekurhuleni ngenhloso yokuletha uzinzo emandleni ezigcinamanzi. Amadamu kanye nezigcinamanzi kusalokhu kungaphansi kwengcindezi ngenxa yamazingakushisa aphakeme e-Gauteng, futhi isidingo esikhulayo samanzi sesiphoqe inkampani yakwa-Rand Water ukuba inciphise kakhulu ukuphakelwa kwamanzi komasipala. Le nkampani yamanzi iphakela ngamanzi okuphuza ahlanzekile kubantu abangaphezu kwezigidi eziyi-11 e-Gauteng, nasezingxenyeni ezithile zesifundazwe saseMpumalanga, eFreyistata kanye naseNyakatho Ntshonalanga.
1.2.  Le mikhawulo engenakugwemeka ihlose ukuvikela ukuphakelwa kwamanzi futhi izoqhubeka isebenze kuze kufike isikhathi lapho sesingcono isimo. IKhabhinethi linxuse umphakathi ukuba uqhubeke nokuthobela imikhawulo ebekiwe yokusetshenziswa kwamanzi futhi udlale indima yawo ekusebenziseni le nsiza eyingcosana ngokuyonga.

2.  Isiteleka sakwa-Transnet
2.1.  IKhabhinethi lisamukele ngezandla ezimhlophe isivumelwano samaholo seminyaka emithathu okufinyelelwe kusona phakathi kwenkampani yakwa-Transnet nenyunyana yabasebenzi i-United National Transport Union (i-UNTU), esizosebenza esikhathini esisukela mhla lu-1 kuNhlaba 2022 kuze kube ngumhla zingama-31 kuNdasa 2025. IKhomishana Yokubuyisana, Ukuxazulula Nokwahlulela iyona ebilawula izingxoxo eziholele kulesi sivumelwano esiqede ngokushesha isiteleka samanje samalungu e-UNTU. IKhabhinethi lisamukelile futhi nesinqumo senyunyana i-South African Transport and Allied Workers Union (i-SATAWU) sokuqeda isiteleka.
2.2.  IKhabhinethi lisamukelile isibophezelo se-Transnet sokugxila ekuqedeni ukusalela emuva komsebenzi okwenzeke ohlelweni lonkana lokuthuthwa kwempahla emachwebeni ngemikhumbi kanye nezitimela ngenkathi kuqhubeka isiteleka, okuyinto ebe nomthelela omubi kakhulu emnothweni nasemikhakheni ethembele ezinsizakalweni zalolu hlelo. 
2.3.  IKhabhinethi lizwakalise ukubonga kwalo ukwesekwa nokubambisana okuboniswe ngabamabhizinisi ngenkathi kuqhubeka isiteleka. Likhuthaza ukuthi kube nobudlelwano obuhle obuqhubekayo phakathi kwabaphathi be-Transnet nabasebenzi ukuze kuhlomule inkampani kanye nomnotho wezwe.

3.  Ubudlelwano phakathi kweNingizimu Afrika ne-Saudi Arabia
3.1.  IKhabhinethi lilwamukele uhambo lokuvakasha ngokomsebenzi lukaMongameli u-Cyril Ramaphosa lapho ebevakashele ezweni lase-Saudi Arabia mhla ziyi-15 nomhla ziyi-16 kuMfumfu 2022. Ngenkathi kuqhubeka lolu hambo, lawa mazwe amabili asayine iZivumelwano Zokusebenzisana (ama-MoU) ayi-17 emikhakheni ehlukahlukene, njengezolimo, ezokudoba, ezezimayini, ezamandla kagesi ovuselelekayo, ezokuvikeleka, ezokuthutha kanye nomkhakha wemboni yezitshalo nezilwanyana zasemanzini. Amanye ama-MoU asayiniwe aphathelene nokusungulwa koMkhandlu Wokusebenza Ngokuhlanganyela Kwezebhizinisi, ubambiswano emkhakheni wezimboni zezempi nokuthengwa kwemikhiqizo nezinsizakalo ezihlobene nalokhu kanye nesivumelwano sokubambisana kwizingcwaningo zomkhakha wezomumomhlaba, ezejiyoloji.
3.2.  UMongameli usebenzise lolu hambo ukumema amabhizinisi ase-Saudi Arabia ukuba eze kuleli azokwethamela ingqungquthela yotshalomali yaseNingizimu Afrika yesihlanu ezobanjwa ngowezi-2023. I-Saudi Arabia iyizwe lesibili ngobukhulu emazweni ahwebelana neNingizimu Afrika esifundeni esiseMpumalanga Emaphakathi futhi ingumthombo omkhulu kunayo yonke eminye wezimpahla ezingena kuleli ezivela kulesiya sifunda. Ubudlelwano phakathi kwamazwe womabili sebuholele ekutheni kube nomthelela omuhle kwezohwebo nasekutshalweni kwezimali.

4.  Ukutshalomali lwengqalasizinda
4.1.  IKhabhinethi likwamukelile ukugunyazwa komsebenzi wokwakhiwa kwefemu kanokusho yesimanjemanje ezokhiqiza imikhiqizo kapulastikhi yinkampani yamazwe ngamazwe engumkhiqizi ohamba phambili i-ALPLA Group, e-Lanseria e-Gauteng.
4.2.  Lokhu kwengeza phezu kwesibophezelo sikaMongameli u-Ramaphosa sokusebenzisa ukuthuthukiswa kwengqalasizinda njengendlela yokufukula umnotho kanye nokukhulisa amathuba omsebenzi. 
4.3.  Lolu tshalomali olubalelwa ezigidini ezingama-50 zamadola aseMelika luwutshalomali olusemqoka kakhulu olufakwa kuhlelongqangi lokwakhiwa kwedolobha likanokusho lesimanjemanje i-Lanseria Smart City oluzoqhuba futhi lukhuthaze ukusimama kanye nokusetshenziswa kwemikhiqizo kabusha futhi ngokunjalo ludale futhi lusekele ngokuqhubekayo amathuba omsebenzi angama-350. Okubandakanyiwe kulokhu wuhlelo lokuqeqeshelwa emsebenzini lonjiniyela bemishini yobuchwepheshe besimanjemanje kanye nochwepheshe bezokusetshenziswa kwemikhiqizo kabusha abangama-36 abazosebenza ezinkampanini ze-ALPLA Group esifundeni esiseningizimu ne-Afrika sonkana. Uhlelo lokuqeqeshelwa emsebenzini luzoqala ngowezi-2023, lapho kuzoqeqeshwa khona abantu baseNingizimu Afrika abafundela umsebenzi bokuqala abayi-12 abavela emiphakathini yendawo.

5.  Ukumbiwa kwezimbiwa okungekho emthethweni
5.1.  Ukumbiwa kwezimbiwa okungekho emthethweni kulimaza imiphakathi kanye nomnotho wethu, futhi kuholela ekulahlekeni kwengenisomali kuhulumeni ngokunjalo futhi nasemkhakheni wezimayini. 
5.2.  IKhabhinethi likwamukelile ukushaqwa kwenqwaba yezibhamu ebezifihliwe kanye nokuboshwa kwabasolwa abangama-20 abeyamaniswa nokumbiwa kwezimbiwa okungekho emthethweni ngenkathi kubanjwe umkhankaso ongukhukhulelangoqo emgodini wemayini e-Stilfontein eNyakatho Ntshonalanga.
5.3.   IKhabhinethi liyabanxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuba baqhubeke nokusebenzisana nabomthetho ukuqinisekisa ukuphumelela kwemikhankaso yokulwisana nobugebengu esikhathini esizayo. Lokhu kuzothumela umyalezo oqinile wokuthi ubugebengu abukhokheli, nokuthi izigebengu zizoboshwa futhi zishushiwe ngaphandle kovalo nokwenzelela. 

6.  Amandla kagesi 
6.1.  Inkampani yakwa-Eskom isanda kusayina izivumelwano zokuqasha zeminyaka engama-30 nabatshalizimali abane abangabakhiqizi bamandla kagesi abazimele, ukuze kwakhiwe isikhungo esisha esizoba namandla okukhiqiza amandla kagesi ohlanzekile eziteshini eziphehla ugesi iMajuba kanye neTutuka esifundazweni saseMpumalanga. Lezi zivumelwano zokuqashwa komhlaba zizoheha utshalomali olulinganiselwa ezigidigidini ezingama-40 zamarandi.
6.2.  Laba batshalizimali abane – okuyi-HDF Energy South Africa, i-Red Rocket SA, i-Sola Group kanye ne-Mainstream Renewable Power Developments South Africa – bazofaka okungenani ugesi ongamamegawathi ayizi-2 000 esikhungweni sikagesi sikazwelonke.
6.3.  Lezi zikhungo ezintsha zokukhiqiza ugesi kulindeleke ukuthi zixhunywe kwisikhungo sikagesi sikazwelonke ezinyangeni ezingama-24 kuya kwezingama-36 kusukela esikhathini okuphothulwe ngaso imidanti nemicikilisho yezivumelwano eziphathelene nezimali zokuxhaswa komklamo, futhi uma sekutholakale izimvume eziphathelene nezemvelo, ukuklanywa komhlaba kanye nezinye izimvume zokulawula.

7.  Ukutholakala kokudla okwanele
7.1.  IKhabhinethi likwamukelile ukusingathwa kweNgqungquthela ye-Agri SA yowezi-2022 ePitoli mhla ziyi-13 nango mhla ziyi-14 kuMfumfu 2022 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Ukulinywa Kokudla Endaweni”. Ingqungquthela ibhunge ngezindaba ezinjengokwakhiwa kwezinhlelongqangi zezolimo ezenzelwe abalimi bendawo; ingqalasizinda esimeme yokudla okulinywe endaweni; ukwenza isimo semvelo sendawo esisimeme esikulungele ukukhiqizwa kokudla endaweni kuya phambili esikhathini esizayo, kanye nokuqiniswa kwamandla abakhiqizi bokudla okulungisa imikhiqizo elinywe endaweni.
7.2.  Ngenhloso yokuqhubeka nokubeka eqhulwini ukutholakala kokudla okwanele, iKhabhinethi likwamukelile futhi nokwethulwa kwesizinda sikazwelonke sokuvinjelwa kwamagciwane abanga izifo ezithathelwanayo, i-National Biosecurity Hub, esingaphansi kohlelo i-Agricultural Bio-economy Innovation Partnership Programme, okuwuhlelo loMnyango Wezolimo Nokuqanjwa Kwezinto Ezintsha oluqhuba ngokubambisana neNyuvesi yasePitoli. Lesi sizinda sizokweseka ukuvinjelwa, ukuncishiswa kanye nokulawulwa kwezifo zezitshalo nezilwane, okuyinto ezolekelela ekukhuliseni imikhiqizo, ukutholakala kokudla kanye nentuthuko esimeme ezindaweni zasemakhaya.

B.  Izinqumo zeKhabhinethi
1.  Ukugunyazwa ngokusemthethweni koMqulu weNhlangano Yamazwe ase-Afrika (i-AU) Wokudluliswa Nokwabiwa Kwamagunya Okulawula
 
1.1.  IKhabhinethi likugunyazile ukwethulwa ePhalamende koMqulu we-AU Wamagugu Nemigomo Yokudluliswa Nokwabiwa Kwamagunya Okulawula, Ukuphathwa kanye Nokuthuthukiswa Kwezindawo ukuze ugunyazwe ngokusemthethweni. INingizimu Afrika yawusayina ngoNcwaba 2021 umqulu.
1.2.  UMqulu Wokudluliwa Nokwabiwa Kwamagunya Okulawula uhlinzeka ngohlaka kuyo yonke imibuso engamalungu olungumbhalo ongumhlahlandlela maqondana nokudluliswa nokwabiwa kwamandla kanye nemisebenzi kusuka kuhulumeni kazwelonke kudluliselwa kweminye imikhakha nezinhlaka zikahulumeni. Umqulu ubhekene ikakhulukazi nokudluliswa nokwabiwa kwamagunya nemisebenzi, uhlaka lokuphatha kanye nokuthuthukiswa kwezindawo.

2.  Umhlangano Wama-32 Waminyaka Yonke Womkhandlu Wamazwe Ngamazwe Wezokuphepha Kwezokuthutha Ngezitimela (i-IRSC)
2.1.  IKhabhinethi likugunyazile ukusingathwa koMhlangano Wama-32 Waminyaka Yonke we-IRSC eGoli kusukela mhla lu-1 kuya kumhla ziyisi-6 kuMfumfu 2023 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Sibumba kabusha ezokuthutha ngezitimela emhlabeni ongenakho ukuqiniseka”.
2.2.  I-IRSC iyisithangami samazwe ngamazwe esiqoqela ndawonye ongoti bezokuphepha kwezokuthutha ngezitimela abaqhamuka kuwo wonke amagumbi amane omhlaba ukuze bazocobelelana ngolwazi mayelana nezimo abadlule kuzona kanye nalezo abahlangabezana nazo emsebenzini wabo wansuku zonke, ngenhloso yokwenza ngcono ukuphepha kwezokuthutha ngezitimela.
2.3.  Njengelungu le-IRSC, uMlawuli Wezokuphepha Kwezokuthutha Ngezitimela waseNingizimu Afrika wayegcine ngowezi-2015 ukusingatha lesi sithangami.

3.  Uhlaka Lohlelo Lukazwelonke Lwengqalasizinda lowezi-2050 (i-NIP 2050) Isigaba sesi-2
3.1.  IKhabhinethi likugunyazile ukushicilelwa kuSomqulu kahulumeni kohlaka lwe-NIP 2050 Isigaba sesi-2 ukuze kuboniswane nomphakathi ngalo.  Lolu hlaka luhlinzeka ngesiqondiso ekuqiniseni nokwengeza emiklamweni edidiyelwe yamasu akhethekile kahulumeni. 
3.2.  Luhlonza imiklamo ekhethekile okuhloswe ngayo ukufeza ngempumelelo izinjongo zikahulumeni maqondana nezokuhlaliswa kwabantu; ugesi kamasipala; amanzi; imfucuza; ezokuthutha abagibeli; ingqalasizinda yezemfundo nezempilo; ingqalasizinda yobuchwepheshe besimanjemanje, kanye nobugebengu nenkohlakalo.
3.3.  Isimosakhiwo sohlelo sihlinzeka ngenhlosombono yendima okumele kubhekwane nayo ngqo, sihlinzeka ngolwazi olutholakale ekuhlolweni kwesimo samanje, sichaza kabanzi ngezimo ezisemqoka ezidingekayo ukuze kuzuzwe impumelelo futhi sibalula lokho okudingeka ukuthi kwenziwe ukufezekisa inhlosombono. Siphakamisa inqubo yokuqaliswa kokusebenza kohlelo okumele ilandelwe emjikelezweni weminyaka emithathu yohlelo lokusebenza.

4.  Uhlaka Lukazwelonke Lokuqalisa Ukusebenza okuhloswe ngalo ukufezekisa Ukusebenza Ngobungcweti Emkhakheni Wezemisebenzi Kahulumeni 
4.1.  IKhabhinethi lilugunyazile uHlaka Lukazwelonke Lokuqalisa Ukusebenza okuhloswe ngalo ukufezekisa Ukusebenza Ngobungcweti Emkhakheni Wezemisebenzi Kahulumeni. Uhlaka lwashicilelwa ngowezi-2021 ukuze kuboniswane nomphakathi ngalo. 
4.2.  Uhlaka luhlinzeka ngezinsika ezinhlanu maqondana nezinhlelo zokungenelela okumele zisetshenziswe ekwenzeni umkhakha wezeMisebenzi Kahulumeni usebenze ngobungcweti. Lezi zinsika zibandakanya ukuqashwa kwabasebenzi abasha kuhulumeni; ukuhlinzekwa kwabasebenzi abasha ngolwazi oluphathelene nomsebenzi wesikhungo kanye nokujwayezwa kwabo umsebenzi; ukuhlela kanye nokuphathwa kwensebenzo; ukufunda okuqhubekayo nokuthuthukiswa kobungcweti bomsebenzi, nenqubekela phambili emsebenzini kanye nezigameko eziphathelene nomsebenzi.

5.  Izinguquko ezimweni zokuqashwa kwaBaqondisi-Jikelele (o-DG)
5.1.  IKhabhinethi liwugunyazile umbiko ophakamisa izinyathelo zokuqinisa amandla okusebenza o-DG kanye nobungcweti babo bokwenza umsebenzi ngempumelelo. Umbiko wenze iziphakamiso eziningana kubandakanya ubude besikhathi esizohlalwa ngo-DG ezikhundleni zabo kanye nokuphathwa kokudluliswa nokwabiwa kwamandla yiSiphathimandla Esiphezulu siwadlulisela ezikhulwini eziphendulayo. 
5.2.  Umbiko uphakamisa ukuthi u-DG oseHhovisi likaMongameli anikezwe isikhundla sokuba yiNhloko Yophiko Lokuphathwa Kwemisebenzi Kahulumeni. Ezifundazweni, lo msebenzi uzonikezwa o-DG abasebenza emahhovisi oNdunankulu. Umbiko uphakamise futhi nezinyathelo zokuqondisa iminyango maqondana nokuphathwa kwezinkontileka zo-DG.
5.3.  Uhlelo Olubuyekeziwe Lokuphathwa Kokusebenza ko-DG luyabuyekezwa njengamanje ukuze luhanjelaniswe kahle nezinguquko ezigunyaziwe.
5.4   Ibamba likaNgqongqoshe Wezemisebenzi Kahulumeni Nokuphathwa Kwayo, uMnu Thulas Nxesi, ngeviki elizayo uzobiza isithangami sabezindaba lapho ezochaza khona ngoHlaka Lukazwelonke Lokuqalisa Ukusebenza okuhloswe ngalo ukufezekisa Ukusebenza Ngobungcweti Emkhakheni wezeMisebenzi Kahulumeni futhi achaze kabanzi nangezinguquko ezigunyaziwe maqondana nezimo zokuqashwa nokusebenza ko-DG.

6.  Umbiko Wesihlanu Wenqubekela Phambili esiyenziwe Ekuqalisweni Kokusebenza Komthetho Odingidwayo Oqondene Namalungelo Abantu Abanokukhubazeka (i-WPRPD) wezi-2020-2021
6.1.  IKhabhinethi liwugunyazile uMbiko Wesihlanu Wenqubekela Phambili esiyenziwe Ekuqalisweni Kokusebenza kwe-WPRPD, ohlinzeka ngolwazi lwakamuva maqondana nokuqaliswa kokusebenza kwe-WPRPD. Umbiko uqukethe imibono evela eminyagweni kazwelonke kanye neyezifundazwe. Uhlinzeka ngolwazi lwakamuva maqondana nokuqaliswa kokusebenza kwenqubomgomo okubandakanya nokwabiwa kwezabelomali. 
6.2.  Umbiko wokuqala waminyaka wonke wenqubekela phambili esiyenziwe washicilelwa ngowezi-2017.  Umbiko wenqubekela phambili wesihlanu usugunyaziwe ukuthi usungashicilelwa kuSomqulu Kahulumeni futhi ushicilelwe nanguMnyango Wezabesifazane, Intsha kanye Nabantu Abanokukhubazeka.

7.  Ukuchitshiyelwa Kombhalo wama-20(1) Wesivumelwano Esiqondene Nokuqedwa Kwazo Zonke Izinhlobo Zokucwaswa Okubhekiswe Kwabesifazane (i-CEDAW)
7.1.  IKhabhinethi likugunyazile ukuthunyelwa ePhalamende kwezichibiyelo zoMbhalo wama-20(1) we-CEDAW ukuze zigunyazwe ngokusemthethweni. Izichibiyelo zihlinzekela ukwelulwa kwesikhathi semihlangano yamakomidi ecubungula imibiko yemibuso engamalungu.
7.2.  INingizimu Afrika yasisayinda ngowe-1993 lesi sivumelwano futhi emuva kwalokho yasigunyaza ngokusemthethweni ngoZibandlela 1995. Ukuthunyelwa kwaso ePhalamende kuhloswe ngakho ukuhambelanisa isivumelwano esagunyazwa ngokusemthethweni phambilini nesichibiyelo soMbhalo wama-20(1).

8.  Isivumelwano Somhlaba Wonke Sokwamukelwa Ngokusemthethweni Kweziqu eziphathelene Nemfundo Ephakeme  
8.1.  IKhabhinethi likugunyazile ukuthunyelwa ePhalamende kweSivumelwano Somhlaba Wonke Sokwamukelwa Ngokusemthethweni Kweziqu eziphathelene Nemfundo Ephakeme ukuze sigunyazwe ngokusemthethweni. Uma sesigunyazwe ngokusemthethweni sizothunyelwa kwiNhlangano Yezemfundo, Ezesayensi Nezamasiko yeNhlangano Yezizwe (i-UN) futhi siqalise ukusebenza nakuleli lizwe ngaphansi koMthetho Wohlaka Lweziqu Lukazwelonke, wezi-2008 (uMthetho wama-67 wezi-2008).
8.2   Isivumelwano Somhlaba Wonke sisungula imigomo-jikelele ezosetshenziswa kuwo wonke amazwe maqondana nokwamukelwa ngokusemthethweni kweziqu zemfundo ephakeme kanye nezinye iziqu, ngendlela engenakho ukwenzelela, esobala futhi engenakho ukucwasa. Isivumelwano sivumela ukwamukelwa ngokusemthethweni kweziqu zemfundo ezitholwe emazweni angaphandle, emibusweni engamalungu e-UN eyi-193.

9.  Ukuhoxiswa kwezichibiyelo zoMhlahlandlela Wamalungu Esigungu Seziphathimandla
9.1  IKhabhinethi lisigunyazile isimemezelo esenziwe yiHhovisi likaMongameli ngoMsombuluko mhla ziyi-17 kuMfumfu 2022 sokuthi kuhoxiswe izichibiyelo ezenziwe kuMhlahlandlela Wamalungu Esigungu Seziphathimandla, futhi obizwa ngeBhukwana Elingumhlahlandlela woNgqongqoshe wezi-2022.
9.2  Izichibiyelo ezenziwe ngoMbasa 2022 bezihlinzekela amandla angeziwe emahhovisi athile oNgqongqoshe abengamele iminyango kahulumeni engaphezu kowodwa. Futhi beziyalela ukuba uMbuso uthwale ngokuphelele zonke izindleko eziqondene nokuhlinzekwa kukagesi namanzi ezindlini zombuso okuhlala kuzona amalungu esigungu seziphathimandla. 
9.3  IKhabhinethi likuphawulile ukukhathazeka okuzwakaliswe ngumphakathi futhi lathatha isinqumo sokubuyekeza uMhlahlandlela Wamalungu Esigungu Seziphathimandla. Le nqubo izosingathwa wuhlaka oluzimele olungathathi hlangothi futhi uma seyiphothuliwe, umhlahlandlela uzokwaziswa emphakathini ngokusebenzisa iwebhusayithi yoMnyango Wezemisebenzi Kahulumeni Nokuphathwa Kwayo: www.dpsa.gov.za.

10.  Ubambiswano Loguquko Olunobuqotho Nobulungiswa Kwezamandla (i-JETP) kanye noHlelo Lotshalomali lwe-JETP (i-JETP-IP)
10.1    Emuva kokwamukela isethulo esiqondene ne-JETP kanye ne-JETP-IP, iKhabhinethi liyigunyazile i-JETP-IP futhi lizwakalise ukuwuthokozela umsebenzi onohlonze futhi obanzi owenziwayo ukwakha nokuthuthukisa i-JETP-IP. 
10.2     I-JETP-IP ichaza kabanzi ngotshalomali oludingekayo ukufezekisa izibophezelo ezenziwe nguHulumeni waseNingizimu Afrika zokuncishiswa kwezinukubezimkhathi, ngenkathi ngakolunye uhlangothi kugqugquzelwa intuthuko esimeme, futhi kuqinisekiswa uguquko olunobuqotho nobulungiswa kubasebenzi nemiphakathi ethintekile. Ikomidi loNgqongqoshe Beminyango Ehlukahlukene Elethweswe Umsebenzi Wokubhekana Nokuguquguquka Kwesimo Sezulu lizobamba isithangami sabezindaba khona maduze nje ukuze lihlinzeke ngemininingwane ethe xaxa.

C.  Imithethosivivinywa
1.   UMthethosivivinywa Wezokuhweba Ngemikhumbi wezi-2022

1.1.  IKhabhinethi selikugunyazile ukuthunyelwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wezokuhweba Ngemikhumbi wezi-2022 ukuze kuqhutshekwe nokuwucubungula. UMthethosivivinywa ulungisa kabusha uMthetho Wezokuhweba Ngemikhumbi, wonyaka we-1951 (uMthetho wama-57 wonyaka we-1957) osekuphele iminyaka engama-70 ukhona.
1.2.  Uma usuphasisiwe, uMthethosivivinywa uzohlinzeka ngohlaka olusemthethweni lwezokuhweba ngemikhumbi oluzolawula umsebenzi wonkana ophathelene nokusebenza kwemikhumbi yokuhweba. Uzolawula, phakathi kokunye, isimokwakhiwa, ukubhaliswa, ukuqanjwa kwemikhumbi amagama kanye nokwesulwa kwayo.
1.3.  Lezi zinguquko zizolekelela ekuvuseleleni umkhakha wezithuthi zasolwandle futhi ngokunjalo zihambelanise izwe neSivumelwano Senhlangano Yamazwe Ngamazwe Yezasolwandle. INingizimu Afrika seyisigunyazile ngokusemthethweni lesi sivumelwano.
    
2.  UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ezezibalomanani wezi-2020 
2.1.  IKhabhinethi likugunyazile ukuthunyelwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ezezibalomanani wezi-2022 ukuze kuqhutshekwe nokuwucubungula. UMthethosivivinywa uphakamisa ukuchitshiyelwa koMthetho Wezezibalomanani, wonyaka we-1999 (uMthetho wesi-6 wonyaka we-1999). Izichibiyelo zihlinzekela ukwakhiwa nokuqaliswa kokusebenza koHlelo Lwezibalomanani Lukazwelonke olweseka izinqumo ezisekelwe phezu kobufakazi. Ziqinisa ukusebenza ngendlela ehambelanayo okukhona njengamanje phakathi koPhiko Lwezibalomanani lwaseNingizimu Afrika kanye nezinye izinhlaka zombuso, futhi zelula uhlaka lokulawula loMthetho.

D.  Imicimbi Ezayo
1.  INgqungquthela Kazwelonke kaMongameli Yezamabhizinisi Asafufusa (ama-SMME) Nemifelandawonye

1.1.  UMnyango Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane, ngokubambisana nababambiqhaza bomkhakha ozimele, uzosingatha iNgqungquthela Kazwelonke kaMongameli yezama-SMME Nemifelandawonye e-Bryanston, e-Gauteng kusukela mhla ziyi-13 kuya kumhla ziyi-15 kuLwezi 2022.
1.2.  Ingqungquthela izoqoqela ndawonye ababambiqhaza abasemqoka bomkhakha ozimele nabomkhakha kahulumeni embonini yonkana yezamabhizinisi asafufusa ukuze kubhungwe maqondana nokuthola izindlela zokubambisana ekuqiniseni lo mkhakha. Ababambiqhaza abalindeleke kule ngqungquthela babandakanya izinhlangano zosomabhizinisi, ongoti bezama-SMME, izifundiswa, abenzi bezinqubomgomo kanye nezikhungo ezixhaza ngezimali zentuthuko.
1.3.  Ingqungquthela izobhunga futhi nangoHlelongqangi Lukazwelonke Oludidiyelwe Lwezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane, oluhlinzeka ngohlaka lwamasu lokuqinisa umkhakha wezama-SMME. Ingqungquthela kulindeleke futhi ukuthi yethule uMcimbi Waminyaka Yonke Kazwelonke kaMongameli Wokuklomelisa Ngezindondo ama-SMME Avelele.

2.  Ukusingathwa Kwengqungquthela kaMongameli Yodlame Olweyamene Nobulili Nokubulawa Kwabantu Besifazane (i-GBVF) yowezi-2022 
2.1.  UMongameli u-Ramaphosa uzosingatha iNgqungquthela yesibili kaMongameli ye-GBVF e-Gallagher Convention Centre e-Gauteng mhla lu-1 nomhla zi-2 kuLwezi 2022. Ingqungquthela yokuqala eyabanjwa ngowezi-2018 yasetshenziselwa ukubophezela kabusha uhulumeni kanye nalabo abambisene nabo emphakathini ekuqedeni izehlakalo zodlame olubhekiswe kwabesifazane eziphakeme ezweni.
2.2.  Ingqungquthela yesibili izosetshenziselwa ukuhlola inqubekela phambili esiyenziwe ekuqaliseni ukusebenza koHlelo Lwamasu Lukazwelonke oluqondene ne-GBVF. Izosingathwa ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Ukuziphendulela; Ukusheshisa kanye Nokukhulisa NJENGAMANJE”. 
2.3.  Ingqungquthela izoxoxisana, phakathi kwezinye izindaba, ngokuthola izindlela zokusheshisa izinyathelo ezithathwayo kanye nokuziphendulela kweminyango esemqoka kanye nabo bonke ababambiqhaza ababandakanya izinhlangano zomphakathi, umkhakha ozimele kanye nabasebenzi. 

3.  Imbizo kaMongameli yesihlanu eqondene neNyakatho Koloni
3.1.  Imbizo kaMongameli yesihlanu yoHlelo Lokuthuthukiswa Kwezifunda (i-DDM) e-Upington, eNyakatho Kapa izobanjwa ngoLwesihlanu mhla zingama-21 kuMfumfu 2022 enkundleni yezemidlalo yasendaweni i-Mxolisi Dicky Jacobs Stadium. 
3.2.  Imbizo kaMongameli ye-DDM izohlola inqubekela phambili esiyenziwe ekuhlinzekweni kwezidingongqangi kubantu kanye nezinselelo ezikhona eNyakatho Kapa futhi kungenelelwe ngenhloso yokuzixazulula. I-DDM iyaqinisekisa ukuthi ukuhlelwa kokuthunyelwa kwezidingongqangi kubantu, ukuqaliswa kwemisebenzi kanye nokwenziwa kohlelo lokwabiwa nokusetshenziswa kwezimali kuyadidiyelwa ukuze kwenziwe ngcono ukuhlinzekwa kwezinsiza emiphakathini. 
3.3.  Ngaphambi kokubanjwa kweMbizo, oNgqongqoshe, amalungu emikhandlu yeziphathimandla kanye nezimeya bazobe bephumile bethe chithi saka emicimbini ezobanjwa ngenhloso yokuhlinzeka imiphakathi ngolwazi nokuyilekelela lapho idinga khona usizo, okuyimicimbi ezobanjelwa edolobheni lase-Upington namaphethelo. 

4.  Isitatimende Senqubomgomo Yesabelomali Sesikhathi Esimaphakathi (i-MTBPS) 
4.1.  IKhabhinethi likholelwa ekutheni i-MTBPS yowezi-2022 ezokwethulwa nguNgqongqoshe Wezezimali u-Enoch Godongwana ngoLwesithathu mhla zingama-26 kuMfumfu 2022 iyingxenye ebalulekile yenqubo yeNingizimu Afrika yokwabiwa kwemali evulelekile futhi ehambisana nesibopho sokubika nokuphendula. 
4.2.  I-MTBPS iwubufakazi bokuzibophezela kukahulumeni ekusebenziseni izimali ngokwamandla elinawo izwe ngasezimalini. Iphinda futhi ihlinzeke ngemininingwane ebanzi mayelana nokuthi uhulumeni uzolivala kanjani igebe elikhona phakathi kwemali engenayo kuhulumeni kanye nezindleko zikahulumeni, futhi kusetshenziswe ngobunyoninco obukhulu izinsiza nezimali ezikhona emgodlagodleni kahulumeni ukwanelisa izidingo eziningi ngangokunokwenzeka. 

5.  Ukuhlolwa Kukamatikuletsheni
5.1.  Ukuhlolwa Kwabafundi Bakamatikuletsheni kowezi-2022 kuzoqala mhla zingama-31 kuMfumfu kuphele mhla ziyisi-7 kuZibandlela 2022. IKhabhinethi libafisela okuhle kodwa Abafundi Bakamatikuletsheni Bonyaka wezi-2022 njengoba beqala umlenze wokugcina wohambo lwabo lwesikole. Ukwesekwa okuqhubekayo okuvela kothisha, abazali kanye nabalondolozi bezingane kuzodlala enkulu indima ekulekeleleni laba bafundi ukuba bakwazi ukubhekana nalokhu kuhlolwa ngokuzethemba. 
5.2.  IKhabhinethi linxusa abazali kanye nabalondolozi bezingane ukuba badlale indima yabo ekukhuthazeni nokufaka ugqozi nofuqufuqu kubafundi, futhi bakhe nesimo esikahle esikulungele ukufunda nokulungiselela ukuhlolwa kwabo ekhaya.

6.  Ingqungquthela yoHlelo Lwentuthuko Lukazwelonke (i-NDP) kanye Namandla Okusebenza Ombuso
6.1.  UMnyango Wezemisebenzi Kahulumeni Nokuphathwa Kwayo, ngokubambisana neKhomishani Yokuhlela Kazwelonke kanye Nesikole Sezifundo Zentuthuko seNyuvesi yaKwaZulu-Natali, uzosingatha iNgqungquthela ye-NDP kanye Namandla Okusebenza Ombuso kusukela mhla ziyisi-7 kuya kumhla ziyisi-9 kuLwezi 2020 eKhempasini yase-Howard College, eNyuvesi yaKwaZulu-Natali. 
6.2.  Ingqungquthela izobhunga ngamandla okusebenza ombuso kanye nokusebenza kwawo eminyakeni yokuqala eyishumi ye-NDP, futhi izobanjwa ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Ukucutshungulwa Nokubukisiswa Kabanzi Kwamandla Okusebenza Ombuso kanye Nendlela Asebenze Ngayo Uhulumeni eminyakeni yokuqala eyishumi ye-NDP”.

7.  Ukudluliselwa kweSitifiketi Sobukhosi ezandleni zeNgonyama uMisuzulu kaZwelithini
7.1.  UMongameli u-Ramaphosa uzodlulisela ngokusemthethweni iSitifiketi Sobukhosi ezandleni zeNgonyama uMisuzulu kaZwelithini emcimbini ozobanjelwa enkundleni i-Moses Mabhida Stadium ngoMgqibelo mhla zingama-29 kuMfumfu 2022.  
7.2.  Lokhu kulandela umcimbi wokugcotshwa ngokwesiko, “Ukungena Esibayeni”, kweNgonyama owabanjwa mhla zingama-20 kuNcwaba 2022, lapho iNgonyama yangena ngokusemthethweni esihlalweni sobukhosi njengeNgonyama Yesizwe saMaZulu.

E.    Imiyalezo
1.    Amazwi okuhalalisa
IKhabhinethi lidlulise amazwi okuhalalisa kanye nezilokotho ezinhle ku:

  •  Mnu Sam Matekane, oqokelwe ukuthatha izintambo njengoNdunankulu wezwe lase-Lesotho. IKhabhinethi futhi lihlanganyele neThimba Lezingqapheli Zokhetho ze-AU Ebezijutshwe Ukuyoqapha Ukhetho Lwesigungu Sikazwelonke kwelase-Lesotho ekuncomeni ukuvuthwa kwabantu base-Lesotho kwezokhetho kanye nezombusazwe njengoba bekwazile ukubamba ukhetho olube yimpumelelo mhla ziyisi-7 kuMfumfu 2022. 


INingizimu Afrika isalokhu izibophezele ekuqiniseni ubudlelwano bayo nezwe lase-Lesotho ngokunjalo futhi nasekwenzeni ngcono ubambiswano maqondana nezindaba eziwathinta womabili lawa mazwe esifundeni, ezwekazini kanye nasemhlabeni wonke jikelele.

2.  Amazwi enduduzo 
IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo emndenini kanye nabangani baka: 

  • Fata u-Albert Nolan (88), uMfundisi Webandla lamaKhatholika laseNingizimu Afrika owabe ezinikele kakhulu emsebenzini wakhe, ephikisana nemibono yezenkolo eyabe ihlose ukuqinisa uhlelo lobandlululo. Ngowezi-2003, lowo owabe enguMongameli wakuleli ngaleso sikhathi uThabo Mbeki wamklomelisa ngendondo i-Order of Luthuli yeSiliva “ngenxa yokunikela impilo yakhe yonke emzabalazweni wentando yabantu, amalungelo esintu kanye nobulungiswa, futhi ngenxa yokuphikisana kwakhe nemfundiso yezenkolo eyabe ithathwa njengemfundiso enganakuphikiswa obekulindeleke ukuthi wonke umuntu ayamukele ngaphandle kokungabaza, kubandakanya nokusetshenziswa kwezingxenye ezithile zeBhayibheli ukuvikela nokufakazela ukubaluleka kwenqubo yobandlululo”. 
     

F.  Abaqashiwe
1.  Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.

a.  Ummeli wasemaJajini u-Adv James Mlawu – oqashwe njengoMqondisi-Jikelele: eMnyangweni Wezokuthutha. 
b.  UMnu Shabeer Khan – oqashwe njengoMhlolimabhuku-Jikelele: eMnyangweni kaMgcinimafa Kazwelonke.

2.  IKhabhinethi livumelene nokuqokwa kwabalandelayo:
2.1.  Amalungu eBhodi Lezokuvakasha laseNingizimu Afrika:
a.  Dkt Nondumiso Maphazi (uSihlalo);
b.  Dkt Aubrey Mhlongo (iPhini likaSihlalo);
c.  Nks Pretty Ntombela;
d.  Nks Nomahlubi Mazwai;
e.  Mnu Odwa Mtati;
f.  Mnu Ravi Nadasen (Oqokwe kabusha);
g.  Mnu Enver Duminy (Oqokwe kabusha);
h.  Nks Nandipha Mzileni Mbulawa;
i.  Mnu Mduduzi Zakwe (Oqokwe kabusha);
j.  Nks Rosemary Anderson;
k.  Nks Lehlohonolo Rapodile; kanye no
l.  Nks Nonkqubela Silulwane (onguMmeleli woMnyango).

2.2.  Amalungu eBhodi Lesikhungo Sokuphathwa Kwezithuthi Ezihamba Emgwaqeni:
a.  Dkt Eddie Mogalefi Thebe (Oqokwe kabusha);
b.  Nks Thandi Clara Thankge (Oqokwe kabusha);
c.  Slz Maredi Mphahlele;
d.  Nks Nomusa Mufamadi (uSihlalo);
e.  Adv Xola Stemela;
f.  Nks Lerato Magalo;
g.  Slz Chitja Twala;
h.  Mnu Nkumeleni John Kudzingana;
i.  Nks N Jaxa (Ilungu eliqokelwe ukubambela ilungu elingekho emhlanganweni); kanye no 
j.  Nks HM Mbanyele-Ntshinga (Ilungu eliqokelwe ukubambela ilungu elingekho emhlanganweni).
2.3.  Mnu Tshepo Monaheng – uMphathi Omkhulu (u-CEO): Wenkampani Yezamahlathi yaseNingizimu Afrika (Inkontileka yakhe ivuselelwe isikhathi esiyiminyaka emithathu (3)).
2.4.  Mnu Reginald Lavhelesani Demana – u-CEO: WeSikhungo Sikazwelonke Sezemigwaqo saseNingizimu Afrika. 
2.5.  Nks Ditebogo Kgomo – u-CEO: Wesikhungo Sikazwelonke Sokulawulwa Kwezenuzi.
2.6.  Mnu Risenga Maluleka – Umlawuli-Jikelele Wezibalomanani (Inkontileka yakhe ivuseleliwe).
2.7.  Nks Kedibone Olga Madiehe – u-CEO: Wesikhungo Sezokulawulwa Kwezimpesheni Zikahulumeni.

Imibuzo: Nks Phumla Williams – uMkhulumeli weKhabhinethi 
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139
 

Share this page

Similar categories to explore