Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wangomhla ziyi-10 Nhlangulana 2015

1. Ukuqaliswa kwezinhlelo zikahulumeni ezisemqoka

1.1. IKhabhinethi iye yanconywa ngemiphumela yemibiko yesigamu sesine sonyaka (Masingana-Ndasa 2015). IKhabhinethi yenelisekile ngenqubekelaphambili eseyenziwe lolu hlelo lusebenze. Amalungu eKhabhinethi azoba nemihlangano nabezindaba kanye nalabo abathintekayo ukuzochaza ngenqubekelaphambili yokusetshenziswa kwemiphumela yesigamu sesine. Eminye imininingwane ebanzi ngalokhu iyomenyezelwa ngokushesha okukhulu uma lokhu kuhlelwa sekuphothuliwe.

1.2. IKhabhinethi iyakwemukela ukuqokwa kwabakhiqizi bamandla kagesi ovuselelekayo abayi-13 ngesikhathi sewindi lesine likahulumeni Lohlelo Lokuthengwa Kwamandla Kagesi Ovuselelekayo Kubakhiqizi Abazimele. Laba bakhiqizi bamandla kagesi avuselelekayo (amandla elanga kanye nomoya) bazohlinzeka ngogesi wokwengeza ongamamegawathi ayi-1 084 ukwesekela isiphehli sikazwelonke bese kusizakala izwe ukuthi likwazi ukusondela kancane ekutheni libe namandla kagesi angapheli nelikwazi ukuzihlinzeka ngawo isikhathi eside.

1.3.  IKhabhinethi iyayemukela Imiphumela Yokucwaningwa Kwamabhuku Kohulumeni Bezindawo Kwezi-2013-2014 futhi ikushayela ihlombe ukusebenza kahle komasipala okubonise ukwenza kangcono okuqhubekayo cishe kuyona yonke imiphumela yokucwaningwa kwezinhlaka zomasipala. Kube ngama-96% onke izikhungo ebezicwaningwa (okubalwa kuzo omasipala kanye nezikhungo ezingaphansi komasipala) eziye zaletha izitatimende zazo zezimali ngesikhathi nokubonisa ukuthi ziya ngokuya ziba ngcono kakhulu uma ubheka ukuthi ngonyaka wezimali wezi-2012/13 kwaba ngama-93% kwase kuthi ngonyaka wezimali wezi-2007/08 kwaba ngama-78%.
Lo mbiko uveza ukuthi kunemizamo ebanzi eye yenziwa ukulwa nokusetshenziswa kwezimali ngendlela engafanele. Kanti okuye kwaphawuleka kuye kwaba ukukhula kwenani lomasipala nezikhungo ezingaphansi komasipala abathole imibiko engenalo ugcobho kusukela kwabangama-30 ngonyaka wezimali wezi-2012/13 kuya kwabangama-58 ngonyaka wezimali wezi-2013/14, kanti babeyisikhombisa kuphela omasipala ngonyaka wezimali wezi-2007/08 ababebonisa ukuthi sengathi bayela ngakhona ekuphatheni ngendlela kanye nasekuphatheni kahle izimali ngendlela efanele.

Omasipala kanye nezikhungo okucwaningwe amabhuku azo zathola imibiko engenalo ugcobho njengamanje babalelwa ku-76% wemali isiyonke esetshenziswe ohulumeni bezindawo kule mali ababelwe yona eyizigidigidi ezingama-R315. Lokhu ngamanye amazwi kusho ukuthi cishe ukuba amarandi ayisishiyagalombili emarandini ayishumi asetshenziswe ngohulumeni bendawo asetshenziswe ngohulumeni bendawo abanemibiko emihle yezimali, engenalo ugcobho.

Kubona bonke omasipala kanye nezikhungo ezingama-335 ezacwaningelwa amabhuku azo, omasipala kanye nezikhungo eziyi-102 ezenza kangcono kunakuqala, eziyi-194 zangaguquka zama lapho zimi khona, kwathi ezingama-27 zabuyela emuva kwase kuthi ezimbili zazizintsha kanti eziyi-10 bezisasele. Lokhu kuphushela phambili umkhankaso wokusebenza ngokuzinikela kanye nokukwazi ukuphendula ngokusebenza kwezimali zomphakathi nokuhambisana kahle kakhulu nenqubo ethi ‘Azibuyele Emasisweni’. IKhabhinethi iyakwemukela ukuthi njengengxenye Yohlelo Lokuthi Azibuyele Emasisweni, kuzoqashelwa kakhulu omasipala abangama-50 abaye bathola imibiko engemihle, ikakhulukazi laba abangama-25 asebethole imibiko engemihle iminyaka emihlanu edlule.

IKhabhinethi ithanda futhi ukuzwakalisa ukungenami kwayo ngalabo omasipala abasaqhubeka nokuqasha abantu abangenazo izicucu ezifanele nokwenza ukuthi ishaywe indiva indlela yokuphatha kahle umsebenzi. UNgqongqoshe Wokwengamelo Ngokubambisana kanye Nezendabuko, ngokusebenzisana nomasipala, uzolusheshisa uhlelo lokusombulula lezi zinkinga.

2. Izinqumo zeKhabhinethi eziqavile

2.1. IKhabhinethi igunyaze Uhlelo Oluyicebo Lokujika Izinto Kwisikhungo Seposi eNingizimu Afrika (i-SAPO). Lolu hlelo lukwazile ukusiza ngokuthi kuhlonzwe izinkinga futhi lwakwazi nokuvela namacebo amasha nanqala angakwazi ukusiza ukushintsha izinto zime ngononina kule nkampani. Njengamanje kunohlelo olusha lwebhizinisi olwenziwayo ukunciphisa ukwethembela kakhulu kwibhizinisi lokuthuthwa kwezincwadi ukuze i-SAPO ikwazi ukuba nezindlela ezixubile nezisimeme ukungenisa imali. IKhabhinethi inethemba elikhulu lokuthi leli cebo lizoyiqhubela phambili i-SAPO. UNgqongqoshe Womnyango Wezengqalasizinda Yezokuxhumana Nezinsizakalo Zeposi, ngokubambisana nabaphathi be-SAPO, bazobamba umhlangano okhethekile nabemithombo yezindaba ukuchaza kabanzi ngalolu hlelo.

2.2. IKhabhinethi igunyaze ukwethulwa kombiko wokuqala weNingizimu Afrika ngokuphunyeleliswa Komqulu wase-Afrika Ngamalungelo kanye Nenhlalakahle Yabantwana (weminyaka yezi-2000-2013), nobekwe ezithebeni zePhalamende. Lo mbiko watholakala uvela Kwikomidi Longoti base-Afrika Ngamalungelo kanye Nenhlalakahle Yabantwana. IKhabhinethi iziphasisile izindlela zokubusa ukuqinisekisa ukuba khona kwendlela ehlanganisa konke, elandelekelayo neyenza ukuthi wonke umuntu abambe iqhaza ekwenzeni ukuthi Umqulu wase-Afrika Ngamalungelo kanye Nenhlalakahle Yabantwana uyahambisana namalungelo angokomthethosisekelo abantwana.

Ukwethula kombiko waseNingizimu Afrika kuhambisana nemithetho kanye nezibopho eziyizivumelwano zamazwe omhlaba. Lo mbiko-ke uphinda futhi udlale indima njengesikali sokuzibheka ukuthi ngabe sesihambe ibanga elingakanani thina njengesizwe ekuhlonishweni kwamalungelo kanye nenhlalakahle yabantwana.

3. Isimo seKhabhinethi ezindabeni ezisematheni

3.1. IKhabhinethi ikushayela ihlombe ukuqhutshwa ngempumelelo Kwesithangami Somhlaba Sezomnotho (i-WEF) e-Afrika eKapa ngesonto eledlule, nokuwubufakazi obugcwele obuthi leli lizwe libalwa nahamba phambili emhlabeni ekusingatheni imicimbi eseqopheleni eliphezulu. I-WEF yase-Afrika ihlinzeke ngenkundla efanele kuhulumeni ukuthi akwazi ukhangisa ngeNingizimu Afrika njengendawo okungatshalwa kuyo izimali kanye nendawo engahanjelwa ngenjabulo ngabamabhizinisi, nokuyinto ebaluleke kakhulu ekuhlangabezaneni nezinhloso Zohlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP).

IKhabhinethi futhi iyayemukela indima edlalwe umkhakha wabezindaba ekuqinisekiseni ukuthi ulwazi ngalesi sithangami sibalulekile lwaphumela kuzona zonke izinhlaka ukuvumela ukuthi izinto okwabikwa ngazo zikwazi ukuthinta bonke abantu baseNingizimu Afrika.
Ukubekwa kweNingizimu Afrika yi-Fitch Ratings ibe sezingeni elingu-BBB kuqinisekisa khona ukuthi izwe lisavulelekile kubatshalizimali bangaphandle futhi kukhombisa ukuzibophezela kukahulumeni ekuphathweni kwezimali ngobuhlakani. Khonamanjalo, izinto ezabekwa yi-Fitch uhulumeni usazibheka esigabeni esikhulu phezulu.

3.2. IKhabhinethi iyakwemukela ukwethulwa kwe-Media Landscape 2014 – Celebrating 20 Years of South Africa’s Media, nekhuluma ngeminxa eminingi eyahlukene ngesikhathi esidlule kuso esigqugquzelayo esiminyaka engama-21 eyedlule lapho abezindaba bedlale indima ebalulekile khona. Isahluko ngasinye sibheka isikhathi sabezindaba kusukela ngonyaka wezi-1994 futhi iveza nokuthi sisuka kuphi, bese futhi sibheka izinselelo zangomuso. Izinhlaka eziningi ezibambe iqhaza kulo mkhakha ziyavuma ukuthi kuningi osekuzuziwe kule ndima.

IKhabhinethi ikhuthaza abezindaba, izifundiswa, umphakathi wonkana kanye nohulumeni imbala ukuthi bayifunde i-Media Landscape 2014, nevusa ukuthi kube nempikiswano ngezinto esinolwazi ngazo kanye nanokuthi kube nengxoxo ngeminyaka engama-20 yabezindaba eNingizimu Afrika ebuswa ngentando yeningi. Le ncwadi ibeka uhlangothi olungachemile futhi nolunokwethembeka lwabezindaba kuleli lizwe. Ngenkathi le ncwadi isahlanganiswa, yenza ukuthi kwaba namaxhama okuxhumana aqinile phakathi kukahulumeni nabezindaba ngezinhlangano zabaholi kanye nalezo zomphakathi.

3.3. IKhabhinethi iqinisekisa ukulwethemba kwayo Uphiko Lwezokushushisa Lukazwelonke (i-NPA) ukuthi luzowenza ngendlela efanele umsebenzi walo njengalokhu ibalulwe nguMthethosisekelo, naphezu koshintsho oluye lwenzeka ebuholini bayo.

I-NPA isazibophezele emsebenzini wayo, futhi inezinhlaka nezinhlelo ezifanele ukuqhubeka nokukhuthaza umphakathi ongahlaselwe wubugebengu. Ngonyaka wezi-2014 le nhlangano iye yakhuphula kakhulu izinga layo lokushushisa ngempumelelo kwagwetshwa abantu kuwona wonke amazinga ezinkantolo kanti lokhu ikwenze ngempumelelo engama-93.6% (amacala ayizi-273 641) ezinkantolo zesifunda khona kube, ama-76% (amacala ayizi-27 246) ezinkantolo zesifundakazi kwase kuba ngama-88% (amacala angama-911) kuzona zonke izinkatolo eziphakeme.

3.4. IKhabhinethi iyakwemukelwa ukukhishwa Kocwaningo lokuqala lwaseNingizimu Afrika Mayelana Nokucwaswa nobelugxile kakhulu emicabangweni abantu abanayo Ngegciwane Lesandulelangculazi (i-HIV) kanye Nengculazi (i-AIDS) kuhlanganisa nesifo sofuba (i-TB) Kwingqungquthela yaseNingizimu Afrika Yesi-7 Yengculazi, nokumanje iyaqhubeka e-Durban. Ucwaningo Ngokucwaswa, nokungolunye lwezincwaningo ezinkulu kakhulu emhlabeni, luhlinzeka ngezinto ezintsha nezibambekayo kanye nezinhlelo zokulwa nokucwaswa kanye nokukhishwa inyumbazane kwabantu abaphila ne-HIV kanye ne-TB.

3.5. IKhabhinethi iyakwemukela ukuphumelela Kwesonto Lokuvikelwa Kwabantwana (i-CPW) futhi isakugcizelela namanje ukuthi inkunzi isematholeni futhi ikhuthaza imiphakathi ukuthi ibavikele abantwana bangabi yizisulu zokunganakwa kanye nokuhlukunyezwa. Kanti futhi iKhabhinethi ithanda ukubonga kakhulu kuzona zonke izikhungo zikahulumeni, umphakathi wonkana kanye nalabo okubanjiswene nabo ezinhlelweni ezithinta ezenhlalo yomphakathi abasebenza ngokukhulu ukuzimisela nokuzikhandla ngisho nangemuva kokuba i-CPW isidlulile ukuqwashisa imiphakathi mayelana nokuvikelwa kwabantwana bethu. 

3.6. IKhabhinethi iyakwemukela ukushintsha kwezinto ngamandla kwa-Telkom nokuyinkampani lapho uhulumeni eneqhaza alibambile khona, ngoba unamashezi alinganiselwa kuma-40%. Ukushintsha izinto kwale nkampani kwenze ukuthi kukhule imali engenayo kuyo kanye nenzuzosabelo ebiza amasenti angama-245 okokuqala ngqa kusukela ngonyaka wezi-2011.

3.7. IKhabhinethi futhi iphinde yanconywa kakhulu ngokusebenzisa izichibiyelo zakamuva zomthetho wokuphuma nokungena kuleli kanye neziqondiso zokuphuma nokungena kuleli kwangonyaka wezi-2014, kuhlanganisa nemibandela yezidingo zokuhamba nabantwana ezindaweni zokungena nokuphuma eNingizimu Afrika, neqale ukusebenza ngomhlaka-1 Nhlangulana 2015.

IKhabhinethi iziqaphelile nokho izimvo ezibekwe yizinhlaka eziningi ezahlukene. Ukuze ikwazi ukulalela lezi zimvo, iKhabhinethi isithathe isinqumo sokuthi izokwenza ithimba loNgqongqoshe abavela ezinhlakeni zezomnotho kanye nezokuphepha. 

Leli thimba kulindeleke ukuthi likhulume liphinde futhi libonisane ngezinto eziyizikhalo zezinhlaka ezahlukene ngenhloso yokuthola indlela yokubhekana nalokhu kungeneliseki kanye nokukwazi ukuthi kukhulunyiswane ngalezi zinhloso ebezingahlosiwe eziye zalethwa ukuqala ukusebenza kwalezi ziqondiso. Leli thimba lizoholwa nguNgqongqoshe uMalusi Gigaba. 

Ngaphezu kwalokho, leli Komidi elizobunjwa oNgqongqoshe maqondana Nokungena Kwabantu Kuleli lizoqhubeka nomsebenzi walo wokubheka kabusha zonke izinto ezithinta abantu abavela emazweni angaphandle abakuleli. Lo msebenzi uzosiza ngokuhlinzeka ngohlelo lokulumbana kokungena kwabantu kuleli kanye nemithetho yethu.

4. Imicimbi ezayo

4.1. UMongameli u-Jacob Zuma uzohambela ukugujwa Kosuku Lwabantu Abasha ngomhla ziyi-16 Nhlangulana 2015 eTshwane Events Centre, eGauteng ngaphansi kwesihloko esithi: “Abantu abasha baqhubela iNingizimu Afrika phambili”.

UMongameli uzophinda futhi enze uhlelo okuthiwa yi-Siyahlola e-Tshwane University of Technology South Campus eseSoshanguve, eGauteng ngomhla zingama-23 Nhlangulana 2015. Loku kuvakasha kokuqapha kuzobheka izinto esezenziwe kanye nezinhlelo zokungenelela ukwenza ngcono izimpilo zabantu abasha bethu kanye nokubanika amandla ukuthi bakwazi ukubamba iqhaza kangcono emnothweni wezwe lethu.

IKhabhinethi ihlaba ikhwelo kubantu abasha ukuthi bawasebenzise amathuba abawanikwa yizinhlaka zikahulumeni ezifana Nezinhlelo Zemisebenzi Yomphakathi, nolubonisa ukuthi ukubambisana kuyawenza umehluko kwingqalasizinda somphakathi kanye nakwizinsizakalo, futhi kukhulisa namathuba emisebenzi abe yimisebenzi engapheli ngenxa yokwedluliselwa kwamakhono kubo kanye nokuthuthukiswa kwamakhono.

Ngokusebenzisa Uphiko Lukazwelonke Lokuthuthukiswa Kwentsha, abantu abasha abaningi baye bafakwa ukuthi babe yingxenye yomnotho omkhulu ngezinhlelo zabo ezinhlinzeka ngokwesekwa kubanikazi bamabhizinisi abasebasha.

4.2. INingizimu Afrika izobamba iqhaza nayo emigubhweni ezobe ithe chithi saka kuzwekazi lase-Afrika ngomhla zingama-23 Nhlangulana 2015 ukugubha Usuku Lwe-Afrika Lomsebenzi Kahulumeni ngaphansi kwesihloko esithi: “Indima Kahulumeni Ekufukulweni Kwabesifazane, Ekuqaleni Izinto kanye Nasekufinyeleleni Kwezinsizakalo”. I-NDP iphinde futhi yakhomba ukwenza ngcono amandla kaHulumeni okuthi adlale indima enqala ekuphumeleliseni Umbono wezi-2030. Kusukela ngonyaka we-1994 leli lizwe selenze okuningi kakhulu ukuqinisekisa ukuthi abesifazane nabo bakhona ezikhundleni eziphezulu zokuphatha Kuhulumeni, nesikhuluma nje bekume kuma-39.8% ngoNdasa 2014.

4.3. IKhabhinethi ihlaba ikhwelo kubona bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bahlanganyele kanye nohulumeni ekugubheni Usuku Lomhlaba Lwababaleki, ngomhla zingama-20 Nhlangulana 2015, ekuqinisekiseni ukuzibophezela kwaleli lizwe ekuphatheni bonke ababaleki ngesizotha. Njengoba izwe laba ngelinye lamazwe awasayinda Isivumelwano Sababaleki saseGeneva se-1951 futhi nanjengezwe eliqhuba phambili amalungelo oluntu, sinesibopho sokuvikela amalungelo ayisisekelo ababaleki abangaphakathi kwemingcele yethu. Ezimweni eziningi lapha sikhuluma ngabantu besilisa, abesifazane kanye nabantwana ababuthaka abasuke bephoqelekile ukuthi babaleke emazweni abo futhi lokho bekwenze ngesibindi esikhulu, ngamandla kanye nangempokophelelo.

4.4. UMnyango Wezasekhaya, ngokubambisana neminye iminyango kahulumeni kanye nezinhlaka zikahulumeni, uzokwethula umkhankaso owaziwa ngokuthi yi-Operation Pyramid ngomhla ziyi-19 Nhlangulana 2015 eSkukuza, eMpumalanga ngaphansi kwesihloko esithi: “Sisebenza ndawonye ukwenza imingcele ephephile nevikelekile”. I-Operation Pyramid izoxhumanisa kangcono futhi ihlanganise amaprojekthi, izinhlelo kanye nezinhlelo zokungenelela kukahulumeni kanye nezinhlaka abambisene nazo. Lo mkhankaso wesikhashana uzoba kuze kube kusungulwa Uphiko Lwezokuphathwa Kwemingcele ngonyaka wezi-2017. Ukuphathwa ngendlela ephephile, esebenzayo nenenkuthalo kokuwela kwabantu kanye nezimpahla imingcele kuyokwenziwa ngendlela ehambisanayo nezinto ezinqala zentuthuko kuzwelonke.

4.5. Ukugujwa kweminyaka engama-60 Komqulu Wenkululeko, nokuyokwenzeka mhla zingama-26 Nhlangulana 2015, kuyosetshenziselwa ukubonisa inqubukelaphambili eseyenziwe ekufezekiseni imiqondo ehambisana nayo, kanye nokubonisa ukuxhumana phakathi kwezinqubomgomo zikahulumeni kanye nalo mqulu ungumlando. Umqulu Wenkululeko yisisekelo lapho khona uMthethosisekelo wethu odume izwe lonke ususelwe khona; namhlanje yiwona ongumhlahlandlela kuleli zwe esilakhayo ngezinqubomgomo kanye nezinhlelo zethu.

5. Abaqashiwe

Bonke laba abaqashiwe ukuqashwa kwabo kuyoqinisekiswa mhla izicucu zokuqashwa kwabo kanye nokuqinisekiswa kokufaneleka kwabo kulezi zikhala kwavunywa.
5.1. Mnu Zacharia Isak Modise njengoKhomishana Kazwelonke Wezokuhlunyeleliswa Kwezimilo.

5.2. Nks Bernedette Muthien njengeSekela loMqondisi-Jikelele Wokuqhakambiswa Kobulili eMnyangweni Wabesifazane.

Imibuzo:
Nks Phumla Williams (Ibamba Lomkhulumeli weKhabhinethi)
Umakhalelukhukhwini: 083 501 0139
 

Share this page

Similar categories to explore