Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wangomhla zizi-4 kuMandulo 2019

IKhabhinethi labamba umhlangano walo ngoLwesithathu mhla zizi-4 kuMandulo 2019 e-Tuynhuys eKapa

A.  Izindaba Ezisematheni

Ngokususela ekuhlaziyweni kwezindaba ezisematheni, iKhabhinethi livumelane ngalokhu okulandelayo:

1.  Udlame Olubhekiswe Kwabobulili Obuthile (i-GBV)

1.1.  IKhabhinethi lihlanganyela nesizwe ekulileni kwaso mayelana nokubulawa, ukudlwengulwa kanye nokuhlukunyezwa kwabesifazane ngamadoda, okulokhu kuqhubeke njalo ezweni lethu. Lokhu kuhlaselwa kwabantu besifazane okuhlasimula umzimba kuwuphawu lokuhluleka kwethu sonke ukusabela esililweni esivela kulabo bantu abaphila phakathi kwethu abadinga ukubhekelelwa kakhudlwana ngoba bengenawo amandla okuzivikela.

1.2.  Umongo wokuqubuka kwalesi sihlava wukuhluleka ukusukumela phezulu nokuthatha izinyathelo ezifanelekile zokunqanda lo mkhuba olokhu uqhubeke njalo, futhi osuyinsakavukela umchilo wesidwaba, wokuxhashazwa nokunukubezwa kwezingane ezincane, abantu asebekhulile ngokweminyaka, abesifazane abanokukhubazeka, abantu bobulili obufanayo abathandanayo kanye nalabo abanobulili obuxubile ngokunjalo futhi nabantu besifazane abafudukele kuleli besuka emazweni angaphandle.

1.3.  IKhabhinethi selinxuse ukuthi izigilamkhuba zigixatshezwe ngezigwebo ezinkulu. Nakuba liphakeme kakhulu izinga lokutholwa kwabasolwa be-GBV benecala (njengoba lingama-74%), futhi kusenjalo abenzi bobubi abevile kwizi-4 000 begixatshezwe ngesigwebo sikadilika-jele, kusekuningi impela okumele kwenziwe. Ukubulawa, ukudlwengulwa kanye nokuhlukunyezwa komuntu wesifazane oyedwa nje vo kuyinto okungafanele neze ibekezelelwe.

1.4.  Irejista Lamacala Ezocansi Likazwelonke lizokwethulwa phambi kwePhalamende ukuze lifakelwe izibuko futhi licitshungulwe ngenhloso yokuthi kwenziwe izichibiyelo kuMthetho Wamacala Ezocansi. Lezi zichibiyelo zizoqinisekisa ukuthi liyelulwa irejista ukuze lifake phakathi nezigilamkhuba ezenze noma yiliphi icala eliphathelene nezocansi, njengoba njengamanje leli rejista liqondene kuphela nabantu abatholwe benecala futhi bagwetshwa ngenxa yesenzo sokuxhaphaza nokunukubeza ingane noma umuntu okhubazeke ngokwengqondo.

1.5.  IKhabhinethi lizwakalisa ukudabuka kwalo okukhulu nokuzwelana nemindeni kanye nabangani baka-Uyinene Mrwetyana, no-Leighandre Jegels, noNolunde Vumsindo, no-Meghan Cremer, no-Jess Hess, no-Ayakha Jiyane kanye nezingane zakwabo ezintathu, ababulawe ngamadoda ngesihluku esisabekayo.

1.6.  IKhabhinethi liwumisile okwesikhashana umhlangano walo ojwayelekile futhi lakhipha ithimba loNgqongqoshe ukuba liyohlangana nezindimbane zababhikishi abebebuthene phambi kwePhalamende bezobhikishela i-GBV.  

1.7.  IKhabhinethi lisungule futhi nekomidi elakhiwe ngoNgqongqoshe abahlukahlukene elizosebenzisana nezinhlangano zomphakathi ngenhloso yokunqanda nokuqeda i-GBV. Leli komidi lifaka phakathi uNgqongqoshe weHhovisi likaMongameli, uMnu Jackson Mthembu; uNgqongqoshe Wezamaphoyisa, uMnu Bheki Cele; uNgqongqoshe Wezobudlelwano Bamazwe Omhlaba Nokubambisana, uDkt Naledi Pandor; uNgqongqoshe Wezokuhlaliswa Kwabantu, Ezamanzi Nokuthuthwa Kwendle, uNkz Lindiwe Sisulu; uNgqongqoshe Wezokuvikela Nomakadebebona Bezempi, uNkz Nosiviwe Mapisa-Nqakula; uNgqongqoshe Wezobulungiswa Nokuhlunyeleliswa Kwezimilo, uMnu Ronald Lamola; uNgqongqoshe Wezokuvikeleka Kombuso, uNkz Ayanda Dlodlo; uNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi, uNkz Lindiwe Zulu kanye noNgqongqoshe Ozinze Ehhovisi likaMongameli Obhekelele Ezabesifazane, Intsha kanye Nabantu Abanokukhubazeka, uNkz Maite Nkoana-Mashabane.

Leli Komidi lizogqugquzela futhi likhuthaze umphakathi wonkana ukuthi ulwisane nesihlava se-GBV, futhi lizokwethula imibiko phambi kweKhabhinethi nomphakathi, ngokuqhubekayo, maqondana nemizamo yalo yokunqanda nokuqeda i-GBV.  Leli Komidi lizoqinisekisa ukuthi imindeni kanye nezisulu ze-GBV bathola ukwesekwa.

1.8.  IKhabhinethi lixoxile futhi nangenqubekelaphambili eseyenziwe ekuqalisweni kokusebenza kweSivumelwano Sengqungquthela KaMongameli Yokulwisana ne-GBV Nokubulawa Kwabantu Besifazane eyabe ibanjelwe e-Centurion mhlalu-1 kanye namhla zi-2 kuLwezi 2018 ngenhloso yokwakha uhlelo lokusebenza lokulwisana ne-GBV. Kwasungulwa uHlaka Lwesikhashana ngoMasingana 2019 olubandakanya abameleli bezinhlangano zomphakathi ezihlukahlukene kanye neminyango kahulumeni. Sekwenziwe uhlaka loHlelo Lukazwelonke Lokusebenza Ngokwamaqhingasu Akhethekile, olususelwe emihlanganweni yokufakana imilomo nokubonisana, eyaholela ekwenziweni kweSivumelwano esamukelwa ngokusemthethweni. Kuyaqhubeka ukubonisana nokuxoxisana ezweni lonkana futhi lokhu kuzoholela ekutheni kusungulwe uMkhandlu Kazwelonke Wokulwisana ne-GBV Nokubulawa Kwabantu Besifazane, ozohlinzekwa ngezinsiza-kusebenza kanye nezimali ezidingekayo ukuze ukwazi ukuqhuba umsebenzi wawo wokulwisana ne-GBV.

1.9.  Nakuba sesishaye imithetho eminingi yokulwisana nezigameko zodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane, futhi nakuba siyithokozela imizamo esiyenziwe ngamaphoyisa kanye nezinye izikhungo zokuqinisekisa ukuthotshelwa komthetho, kubandakanya abashushisi, izimantshi kanye namajaji, okuyimizamo yokubopha nokugweba abenzi balawa macala anyantisa igazi, iKhabhinethi linxusa yonke imikhakha yomphakathi, ikakhulukazi amadoda, ukuthi ibhekane ngqo nalabo abaqhubekayo nokudlwengula, ukuhlukumeza kanye nokubulala abesifazane ezweni lethu.

1.10.  Amabandla kanye nabaholi bawo kumele babhukule baphikisane nalesi sihlava futhi basebenzise ubuholi babo kanye nethonya labo emiphakathini ukwakha    ubumbano lomphakathi oluhle lokulwisana ne-GBV. Abezindaba nabo kumele bafake isandla ngenkuthalo ekugxekeni izinqubo-nkambiso nezinkolelo zomphakathi ezigqugquzela i-GBV kanti futhi ngakolunye uhlangothi abaholi bamabhizinisi kumele bathathe izinyathelo zokunqanda nokulwisana nazo zonke izinhlobo zodlame emsebenzini futhi basekele nemizamo kazwelonke yokunqanda nokuqeda i-GBV. IKhabhinethi likholelwa ekutheni kuphela wukusebenzisana kwabantu bonkana kuleli okungaqeda i-GBV nokubulawa kwabantu besifazane.

1.11.  IKhabhinethi selishaye ikhwelo eliqondiswe kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba baqinisekise ukuthi ingane yomfana ikhuliswa ngendlela egcizelela ukuhlonishwa kwamalungelo abo bonke abantu, ikakhulukazi abesifazane emphakathini. Ingane yomfana kumele ikhuliswe ngendlela ezokwenza ukuthi yazi ukuthi abesifazane bayalingana nabantu besilisa futhi abekho ngaphansi kwabantu besilisa okungenza bazithole sebebhekene nazo zonke izinhlobo zokuhlukunyezwa, futhi okungaholela ekutheni bagcine sebebulewe.

2.  Udlame nezinxushunxushu emphakathini

2.1.  IKhabhinethi lilugxeka kakhulu udlame lwakamuva oluqubuke lapha nalaphaya ezindaweni ezithile e-Gauteng naKwaZulu-Natali. INingizimu Afrika iyizwe lentando yeningi labantu egxile kumthethosisekelo, elibuswa ngokulandela imithetho futhi ngalokho-ke bonke abantu abathanda ukuthula noxolo kumele bakugxeke kakhulu ukuziphatha kwabantu ngendlela engekho emthethweni okuhambisana nobuxhwanguxhwangu. INingizimu Afrika ibamukela ngezandla ezifudumele bonke abantu abangena kuleli ngokusemthethweni futhi abahlonipha imithetho yezwe. Asikho neze isikhalo esingasetshenziswa njengesizathu esinohlonze futhi esamukelekile sokuhlasela abanye abantu ngesihluku, ukuphanga impahla ezitolo, ukucekela phansi impahla kanye nokuvala imigwaqo, futhi konke lokhu kuyizenzo ezingekho neze emthethweni futhi eziyicala elibomvu elingaholela ekutheni abenzi bazo bazithole sebejeziswa kanzima yinkantolo.

2.2.  IKhabhinethi liyasithokozela impela isivinini soMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS) ekubopheni abantu abangama-483 abasoleka emacaleni okuphanga izitolo, ukubhebhezela udlame emphakathini kanye nokucekela phansi impahla e-Gauteng, kanye nabantu abangama-21 ababoshwe mayelana namacala okushiswa kwamaloli KwaZulu-Natali. IKhabhinethi liyadabuka kakhulu ngokushona kwabantu abayi-10, abayisishiyagalombili babo okungabantu baseNingizimu Afrika kanye nababili abadabuka emazweni angaphandle ngenxa yezinxushuxhushu nodlame oluqubuke e-Gauteng. IKhabhinethi selidlulise amazwi enduduzo emindenini yabo.  

 2.3.  IKhabhinethi lizwakalise futhi ukukhathazeka kwalo mayelana nokushiswa kwamaloli esifundazweni saKwaZulu-Natali okubangelwe yizinsolo zokuthi abantu abadabuka emazweni angaphandle yibona abaqashwa kuqala njengabashayeli bamaloli esikhundleni sabantu baseNingizimu Afrika emkhakheni wemboni yokuthwalwa nokuthunyelwa kwempahla. Njengamanje uhulumeni wenza izivimba-mgwaqo lapho egxile khona ikakhulukazi emalolini, futhi uma kutholakala ukuthi umshayeli weloli ungumuntu odabuka kwelinye izwe ongenawo amaphepha-mvume afanelekile okuba kuleli, uthathwa ngokushesha abuyiselwe ezweni lakhe.

2.  ISithangami Sezomnotho Emhlabeni (i-WEF) esiqondene ne-Afrika

2.1.  INingizimu Afrika izosingatha abaholi bamazwe omhlaba abaningana, ngokunjalo nabaholi besifunda kanye nabomhlaba wonke jikelele, abavela emkhakheni wezepolitiki, ezebhizinisi, izinhlangano zomphakathi kanye nezifundiswa, abazokwethamela ingqungquthela yama-28 ye-WEF eqondene ne-Afrika ezobanjelwa eKapa kusukela mhla zizi-4 kuze kube ngumhla ziyisi-6 kuMandulo 2019.

2.2.  Isiqubulo sale ngqungquthela, lapho kuzoba khona nababambiqhaza abaningana abavela emphakathini waseNingizimu Afrika kanye nasemkhakheni wezomnotho, sithi: “Sibumba Ukukhula Okubandakanyayo kanye Nengomuso Elifanayo ngaphansi Koguquko Olunohlonze Lwezimboni Lwesine Olugxile Kubuchwepheshe Besimanjemanje (i-4IR)”.

2.3.  I-WEF eqondene ne-Afrika izodingida futhi izame ukuxazulula izinkinga ezibhekene naleli zwekazi, ngokugxila ekutheni lungakhuliswa kanjani uguquko lwezinqubo nezinkambiso kanye nesimo sokwakheka kwesifunda sase-Afrika okuphathelene nezikhungo ezisebenzisa ubuchwepheshe besimanjemanje, utshalomali, ukudidiyelwa, izimboni kanye nezinhlelo ezintsha. Lo mhlangano uzobhunga futhi ngoHlelo lwe-Afrika lowezi-2063, olungumhlahlandlela kanye nohlelo-ngqangi lokuguqula i-Afrika ibe ngesinye sezikhondlakhondla zomhlaba esikhathini esizayo.

2.4.  Ukubamba iqhaza kweNingizimu Afrika ku-WEF eqondene ne-Afrika, okuyisithangami esiqoqela ndawonye abaholi abaphakeme ukuze kwakhiwe izimo ezizovumela ukutshalwa kwezimali kwezenhlalo-mnotho, kuzothuthukisa kakhudlwana izinhlelo zethu zokuthola isixazululo sezinselelo ezintathu ezibhekene naleli lizwe, okuwukuntuleka kwamathuba omsebenzi, ukungalingani kanye nobubha. Lokhu kuzosondeza leli lizwe ekufezekiseni iNhloso-mbono yowezi-2030 yoHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe, olungumhlahlandlela wethu wokuqeda ububha nokunciphisa ukungalingani okukhona kuleli ngaphambi kokufika kowezi-2030.

2.5.  IKhabhinethi lifisela bonke ababambiqhaza izingxoxo ezakhayo futhi eziyimpumelelo ngenkathi bethokozela ukuphathwa ngemfudumalo ngokomgomo woBuntu wezwe lethu.

3.  Isichibiyelo Somthetho Wokuqasha Ngokulingana

3.1.  IKhabhinethi lizwakalise ukukhathazeka ngokuhamba ngonyawo lonwabu koguquko emsebenzini kulandela ukukhishwa kombiko weKhomishana Yokuqasha Ngokulingana emsebenzini ye-19. Kuyadabukisa impela ukuthi lo mbiko ubonisa amazinga aphansi kakhulu okuthotshelwa koMthetho Wokuqasha Ngokulingana, we-1998 (uMthetho wama-55 we-1998), okuhloswe ngawo ukuqeda ukungalingani okukhona kuleli ekuqashweni kwabantu, okuwukhondolo lobandlululo.

3.2.  Njengomzamo wokuqinisa uMthetho Wokuqasha Ngokulingana we-1998, uhulumeni uzokwethula iSichibiyelo Somthetho Wokuqasha Ngokulingana ePhalamende.

3.3.  Lo Mthethosivivinywa ukhuphula izinhlawulo zokuphulwa nokungathotshelwa koMthetho futhi uphoqelela abaqashi abafuna ukwenza ibhizinisi nohulumeni ukuthi bahlinzeke ngesitifiketi sokuthotshelwa kokuqasha ngokulingana.

4.  Ukwakha isizwe

4.1.  IKhabhinethi lihlanganyela nabantu baseNingizimu Afrika ekwamukeleni isinqumo seNkantolo Yezokulingana esiphathelene nokubekwa kwemikhawulo ekuphathweni nokuboniswa kwefulegi lobandlululo, elabe lisetshenziswa kuleli ngaphambi kowe-1994, okuyifulegi eliwuphawu lwesikhathi esedlule esabe sidala uqhekeko nokwehlukana kuleli. IKhabhinethi liyaseseka isinqumo senkantolo esithi leli fulegi elidala “lidicilela phansi isithunzi sabantu abamnyama futhi labo abaphatha noma ababonisa ifulegi lobandlululo baqoka ngamabomu ingcindezelo esikhundleni senkululeko.”

4.2.  Izimpawu ezimele izikhathi ezibuhlungu eNingizimu Afrika, ikakhulukazi ifulegi elidala, azilekeleli neze ekwakheni isizwe esibumbene, esingacwasi ngokobuhlanga nangokobulili esifunwa nguMthethosisekelo weRiphabulikhi yaseNingizimu Afrika we-1996 ovulelekile futhi ogxile kwinqubekelaphambili. IKhabhinethi liyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bagqugquzele futhi bashabashekele ukwenza abantu bakuleli babe munye,   njengokusho koMthethosisekelo wethu.

4.3.  Ukuboniswa nokusetshenziswa kwefulegi elidala kumele kugcine kuphela kwezobuciko, ezemfundo kanye nezobuntatheli, uma kunesizathu esinohlonze esibonisa ukuthi lokho kungaba wusizo ekuhlinzekeni umphakathi ngolwazi.

B.  Izinqumo zeKhabhinethi

1.  Umbiko Wezibalo Zobugebengu Ezweni Lonkana wezi-2018/19

1.1.  IKhabhinethi likugunyazile ukukhishwa koMbiko Wezibalo Zobugebengu Ezweni Lonkana wezi-2018/19.

1.2.  Izibalo zobugegengu ezikhishwa njalo ngonyaka zibeka uhulumeni esimweni sokuqapha imigomo esemqoka okuhloswe ukufinyelela kuyona, ikakhulukazi, mayelana nokuncishiswa kwamacala abucayi abikiwe, njengoba lokhu kubekwe ngokucacile oHlakeni Lokusebenza Lwesigaba Esimaphakathi (i-MTSF). Lezi zibalo zingalekelela futhi nasekuqiniseni imikhankaso yokunqanda nokuvimbela ubugebengu futhi zihole amaqhingasu eminyango kahulumeni ehlukahlukene.

1.3.  UNgqongqoshe Wezamaphoyisa, uJenene Bheki Cele uzohlela isithangami sabezindaba lapho ezokwethula khona imiphumela nemininingwane ephathelene nezibalo zobugebengu.

2.   Inqubo Yokwabiwa Kwamalungelo Okudoba (i-FRAP) yowezi-2020

2.1.  IKhabhinethi likugunyazile ukuthi uMnyango Wezemvelo, Ezamahlathi kanye Nezokudoba (i-DEFF) ubuyekeze izikhathi neminqamulajuqu ebekiwe ephathelene nenqubo yokwabiwa kwamalayisensi ezizindeni zokudoba eziyi-12.  Ngokunjalo-ke, khona maduze nje uNgqongqoshe Wezemvelo, Ezamahlathi kanye Nezokudoba, u-Barbara Creecy, uzoshicilela kusomqulu kahulumeni izikhathi ezintsha okuzokwenziwa ngazo i-FRAP yowezi-2020.

2.2.  IKhabhinethi likholelwa ekutheni kusemqoka kakhulu ukuthi le nqubo ibonakale njengenqubo enobuqotho, esobala, futhi eqhubekisela phambili uguquko kule mboni yonkana. Izikhathi neminqamulajuqu emisha kuzovumela i-DEFF ukuthi ifezekise zonke izidingo eziphathelene nokulawulwa kwenqubo ye-FRAP, kubandakanya ukuqokwa kwezimpiko zokweluleka kanye nezesayensi, ukwenza ucwaningo mayelana nomthamo wezinhlanzi ezikhona kanye nokuqalisa ucwaningo lwenhlalo-mnotho oluqondene nesizinda sokudoba ngasinye.

C.  Imithethosivivinywa

1.  Isichibiyelo Somthetho Wezindaba Eziphathelene Nomthetho Nobulungiswa sowezi-2019


1.1.  IKhabhinethi likugunyazile ukuthi lo Mthethosivivinywa wethulwe ePhalamende. Lo Mthethosivivinywa uhlose ukuchibiyela iMithetho emibili ukuze kuvalwe amagebe akhona ahlonzwe yiNkantolo Yomthethosisekelo:

  • UMthetho Wezehlukaniso, we-1979 (uMthetho wama-70 we-1979) – isichibiyelo esizokwenziwa yilo Mthethosivivinywa sizothuthukisa ukulawulwa kwenqubo yokuhlukaniswa kwempahla namafa kanye nokondliwa kwalabo abayingxenye yenqubo yesehlukaniso, ngokuhambisana nesinqumo seNkantolo Yomthethosisekelo; kanye
  • NoMthetho Wophiko Lukazwelonke Lwezokushushiswa Komphakathi, we-1998 (uMthetho wama-32 we-1998) – isichibiyelo esizokwenziwa nguMthethosivivinywa siphathelene nobude besikhathi sokusebenza soMqondisi Kazwelonke Wezokushushiswa Komphakathi kanye nePhini LoMqondisi Wezokushushiswa Komphakathi, ngokuhambisana nesinqumo seNkantolo Yomthethosisekelo.

D.  Imiyalezo

1.  Amazwi Enduduzo


IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo:
1.1.  emndenini nabangani bakaMakadebona woMkhonto Wesizwe futhi obeyilungu loPhiko Lwabesifazane lwe-African National Congress, usomabhizinisi wesifazane obeyivulandlela kwezamabhizinisi, uDkt Thandi Cynthia Ndlovu, odlule emhlabeni mhla zingama-24 kuNcwaba 2019. Lowo obeyiBamba likaMongameli ngaleso sikhathi, u-David Mabuza, wamemezela ukuthi le ngqalabutho yomzabalazo kanye nesosha lempi yenkululeko eseliphangalele lizofihlwa ngokwenkambiso yoMngcwabo Wesifundazwe Okhethekile Osesigabeni Sesibili. UDkt Ndlovu uhlonishwe ngezindondo ezihlukahlukene emsebenzini oncomekayo awenzile empilweni yakhe, futhi ubelokhu eqhubeke njalo nokuba yisibonelo esihle kwabanye, ngokuba ngumuntu oyikhuthalele imfundo ngokunjalo futhi ngokuba ngusomabhizinisi wesifazane ophuma phambili. Ubephila impilo engenawo nomncane ugcobho njengesishoshovu sezepolitiki futhi njengesishabasheki sokufukulwa nokuthuthukiswa kwabesifazane. Ungomunye walabo abazibonela ngawabo amehlo, ngoNhlolanja, ngenkathi uMongameli Cyril Ramaphosa esayina iSichibiyelo Somthetho Wezokuncintisana, sowezi-2018 (uMthetho we-18 wezi-2018) ukuze sibe ngumthetho.

1.2.  emndenini nabangani bentatheli ebisimnkantshubomvu, ebingumbhali nomcwaningi, uMnu Harry Mashabela. NgoNtulikazi wezi-1976, waboshwa, nezinye izintatheli ezinamava ezweni, ngaphansi komthetho owabe usatshwa kakhulu, okunguMthetho Wezobushokobezi. Usebenzele amaphephandaba amaningi, kubandakanya i-Rand Daily Mail, The Star, Drum kanye ne-Financial Mail. Futhi ungumbhali wezincwadi eziningi, kubandakanya leyo esihloko sithi Townships of the PWV, a People on the Boil (1988) kanye nenye incwadi esihloko sithi Mekhukhu: Urban African Cities of the Future (1990).

1.3.  emndenini nabangani bentatheli futhi ebinguMqondisi Wezindaba esiteshini sikamabonakude i-eNCA, uMnu Ben Said kanye nomhlaziyi wezemidlalo futhi obeyintatheli ye-SABC, uMnu David Kekana. Imboni yabezindaba yaseNingizimu ilahlekelwe yizikhondlakhondla kulo mkhakha ebezisebenzisa amakhono azo obuntatheli ukuhlinzeka umphakathi ngolwazi kanye nokwenza iNingizimu Afrika ibe yindawo engcono.

1.4.  kuNgqongqoshe Wezasekhaya, uDkt Aaron Motsoaledi kanye nomndeni wakhe wonkana, kulandela ukudlula emhlabeni kukamama wakhe, uMama u-Sina Sekeku Motsoaledi.

2.  Ukuhalalisa kanye Nezilokotho Ezinhle

IKhabhinethi lihalalisele:
2.1.  abadlali abangama-31 abafakwe eqenjini lesizwe lebhola lombhoxo amaBhokobhoko, njengamanje elise-Japan lapho liyomela khona izwe lethu eMqhudelwaneni Wendebe Yomhlaba Yebhola Lombhoxo (i-RWC). Sinethemba lokuthi bazolimela ngempumelelo nangokuziqhenya izwe lethu, futhi sibafisela okuhle kodwa emzamweni wabo wokubuya nendebe ye-RWC kuleli.

2.2.  ikwaya lomculo, iNdlovu Youth Choir, elithinte izinhliziyo zabantu abaningi emhlabeni wonke jikelele futhi labashiya behlabeke umxhwele ngomculo nomdanso walo ohlabahlosile owenze ukuthi lizitholele indawo emzuliswaneni wamanqamu emncintiswaneni osihloko sithi America's Got Talent.

E.  Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abasebenzi kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.

1.  UNkz Mapatane Elizabeth Kgomo oqashwe njengePhini likaMqondisi-Jikelele: WoPhiko Olusekela Ukuphathwa Komsebenzi Wokuhlinzekwa Kwengqalasizinda eMnyangweni Wezokuphatha Ngokubambisana.

Imibuzo: Nkz Phumla Williams – iBamba Lomkhulumeli weKhabhinethi
Iselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore