Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wangomhla ziyisi-9 Mfumfu 2013

10 Oct 2013

1. Isimo seKhabhinethi ezindabeni ezisemqoka esimweni samanje

1.1. IKhabhinethi isamukela ngezandla ezimhlophe isenzo sikaMongameli Jacob Zuma sokusayinda uMthethosivivinywa Wokuchibiyela iMithetho Yezokuthutha kanye Nezindaba Ezihlobene Nalokho ukuze ube ngumthetho, futhi iyasamukela nesinqumo seNkantolo Ephakeme Yokudluliswa Kwamacala sokuchitha isikhalo soMbimbi Oluphikisana Nokukhokhelwa Kwemigwaqo Ezindaweni Ezisemadolobheni (i-Outa) sokuphikisa kwinselelo yaso ye e-toll (indlela yokukhokhelwa kwemigwaqo) okufunwa wuPhiko Lukazwelonke Lwezemigwaqo eNingizimu Afrika (i-Sanral).

IKhabhinethi ikholelwa ukuthi lokhu kuzovumela abantu baseGauteng kanye nabo bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bagxile kwimihlomulo etholakale kulolu hlelo - kanye neminye esazotholakala – ngenxa yomsebenzi wokulungisa nokwenza ngcono imigwaqo engothelawayeka kulesi sifundazwe esiyisizinda sezomnotho eNingizimu Afrika.

Uhlelo lwe e-tolling lungenye yezingxenye zePhrojekthi Yokwenza Ngcono Imigwaqo Engothelawayeka YaseGauteng (i-GFIP) futhi seluholele ekutheni ukuhamba kwabantu nokuhanjiswa kwezimpahla kube lula futhi lokhu kuzosimamisa umnotho wesifundazwe nokazwelonke esikhathini esizayo.

Imali yokukhokhela kwe e-toll isincishisiwe njengoba umphakathi wakhala ngokuthi ukukhokhela imigwaqo kumba eqolo; babhekelelwe futhi nabagibeli abahlwempu ngokuthi bangakhokhiswa abanikazi bezinto ezithutha umphakathi; kwethulwe futhi nomkhawulo emalini ezokhokhwa ngenyanga, kanti futhi kunohlelo lwezaphulelo olwenzelwe izinkampani ezenza umsebenzi wezokuthutha.

IKhabhinethi ihlaba ikhwelo eliqondiswe kubasebenzisi bemigwaqo engothelawayeka yaseGauteng ukuthi bahloniphe umthetho, bakhombise ukuba izakhamuzi eziqotho futhi bafake isandla ekwenzeni iNingizimu Afrika ibe yizwe elingcono ngokuthi babhalisele ama e-tags futhi bakhokhele ukusebenzisa lemigwaqo esezingeni lomhlaba.

IKhabhinethi inxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babambane futhi basebenzisane ukwenza i-GFIP ibe yimpumelelo futhi bathokozele ukukhula okumangalisayo kwengqalasizinda yesimanjemanje kuleli lizwe.

UNgqongqoshe Wezokuthutha uzomemezela usuku oluzoqala ngalo uhlelo lwe e-tolling. IKhabhinethi inxusa bonke abashayeli abasebenzisa imigwaqo engothelawayeka yaseGauteng nsukuzonke ukuthi babhalisele lolu hlelo futhi bathenge ama e-tag abo ukuze bathole izaphulelo uma bekhokhela ukusebenzisa umgwaqo.

1.2.    IKhabhinethi ilushayela ihlombe uhlelo oluqhubekayo, ngaphansi kobuholi bukaMongameli Jacob Zuma, lokuqutshekiswa kohlelo lwaleli lizwe lwengqalasizinda yomphakathi elizodla izinkulungwane zezigidigidi zamarandi, olubandakanya u-R71 kanye no-R81 okuyimigwaqo evulwe esikhathini esifushane esedlule exhumanisa iPolokwane nedolobha laseGiyani kanye nokuvulwa kwephrojekthi ye-Bridge City kanye ne-Rail Link KwaZulu-Natali mhla ziyi-19 Mfumfu 2013. Inethiwekhi yemigwaqo edidiyelwe yinto esemqoka kakhulu ekuhehweni kwabatshali-zimali ukuthi beze kuleli lizwe nakwizwekazi.

Njengoba silungisa imigwaqo ukuze ibe ngeyesimanjemanje, iKhabhinethi ihlaba ikhwelo eliqondiswe kubasebenzisi bemigwaqo ukuthi bacophelele ngenkathi besebenzisa imigwaqo. IKhabhinethi ikhathazelike ngokukhula kwesibalo sezingozi ezibandakaya abantu abahamba ngezinyawo emigwaqeni engothelawayeka. Inani labantu abalahlekelwa izimpilo zabo emgwaqeni libalelwa kuma-46%. Abashayeli kanye nabantu abahamba ngezinyawo banesibopho sokuhamba ngokucophelela emgwaqeni, bavule amehlo lapho behamba khona. IKhabhinethi inxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babe yingxenye yomkhankaso weNhlangano Yezizwe Weshuminyaka Lokuqinisekisa Ukuphepha Emgwaqeni (2011-2020) oholwa nguMnyango Wezokuthutha.

1.3. IKhabhinethi ihlaba ikhwelo eliqondiswe kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika lokuthi babambe iqhaza kwiViki Lezimbizo eliqhubekayo njengamanje kuze kube ngumhla ziyi-13 Mfumfu 2013. Loku kuhlinzeka imiphakathi ngethuba lokuxhumana neZiphathimandla zeKhabhinethi mayelana nezindaba ezithinta leyo miphakathi futhi kuhlinzeka uhulumeni ngethuba lokwazisa abantu ngomsebenzi owenziwa nguhulumeni.

1.4. Egameni labantu baseNingizimu Afika, iKhabhinethi idlulisa amagama okubonga kwiSikhwama Somhlaba wonke ngokweseka kwaso iNingizimu Afrika ngesikhathi lapho leli lizwe belidinga khona ukuxhaswa kakhulu ngezimali ezengeziwe. Lesi yisabelo esisodwa esikhulu kunazo zonke somxhaso wokuthiba isandulelangculazi kanye nokwelapha isifo sofuba esikhishwe ngumxhasi emlandweni mayelana nomshikashika wokwelashwa kwengculazi.

Isamba esingaphezudlwana nje kancane kwesigamu (52%) sika R3 wezigidigidi sizokwabelwa uMnyango Wezempilo Kazwelonke. Phakathi kwezinye izinhlelo, le mali izosetshenziselwa lokhu okulandelayo: ukuthengwa kwemishanguzo yeziguli ezibalelwa kwizi-350 000, nokuxhaswa ngezimali kanye nokulingwa kohlelo lokuthumela imishanguzo kwiziguli emakhaya noma kwizizinda ezithile emphakathini lapho iziguli zizolanda khona imishanguzo, nezinsizakalo zokuhlolelwa isifo sofuba kwiziboshwa ezigcinwe kuwo wonke amajele aseNingizimu Afrika, kanye nokuhlolelwa isifo sofuba nesandulela ngculazi kwabavukuzi abayizi-100 000 abasebenza ezimayini ezincane ezingenazo izinsizakalo zezempilo.

1.5. IKhabhinethi iyishayela ihlombe impumelelo eqhubekayo yeNhlangano Yobambiswano Lokulwisana Nesandulelangculazi neNgculazi, ebigubha iminyaka eyi-15 yasungulwa, mhla ziyisi-9 Mfumfu 2013.

Njengamanje iNingizimu Afrika inohlelo olukhulu kunazo zonke emhlabeni lokuhlinzeka iziguli ngemishanguzo yokuthiba ingculazi. Le Nhlangano Yobambiswano yadlala futhi indima esemqoka ekuthuthukisweni koHlelo lwaMaqhinga weLizwe Lonke (i-NSP) lowezi-2012-2016.

1.6. IKhabhinethi iyawuncoma umoya omuhle wokubanjwa nokuphothulwa kwezingxoxo zamaholo kuleyo mikhakha lapho kwavunyelwana khona ngokushesha futhi ngaphandle kwengxabano.

Ukubonisana nokuxoxisana ngokuthula ngaphansi kohlaka lomthetho wezabasebenzi kuyohlala kungumgogodla wokugwema udlame oluphathelene neziteleka.

Njengoba abasebenzi bebuyela emsebenzini, iKhabhinethi inxusa abaqashi kanye nabasebenzi ukuthi basebenzisane, ikakhulu njengoba umnotho womhlaba uqhubeka nokuba ngaphansi kwengcindezi, ukuze umnotho waseNingizimu Afrika usimame kakhulu kunakuqala, futhi nomkhiqizo uqhubeke, kutholakale namathuba emisebenzi ekahle.

1.7.  IKhabhinethi iyayamukela Ingqungquthela Kazwelonke Yokuvimbela Isenzo Sokuzibulala eMbuthweni Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS) ezobanjwa mhla ziyi-16 kuya kumhla ziyi-18 Mfumfu. Lolu hlelo kuhloswe ngalo ukuthuthukisa uHlelo Lukazwelonke Lokuvimbela Isenzo Sokuzibulala kubasebenzi be-SAPS.

1.8.  UMongameli Jacob Zuma uzokwamukela uMongameli Francois Hollande weRiphabhulikhi yaseFransi, ozobe esoHambweni Olusemthethweni, eziNdlini Zombuso kusukela mhla ziyi-14 kuya kumhla ziyi-15 Mfumfu 2013.

Uhambo Olusemthethweni luzojulisa ubudlelwano bethu nelizwe laseFransi kwezepolitiki nakwezomnotho; luqinise futhi nokubambisana phakathi kwamazwe aseNyakatho kanye namazwe aseNingizimu, ngokunjalo kuqhubekisele phambili ne-Ajenda yethu ye-Afrika.

2 Izingxoxo nezinqumo zeKhabhinethi eziqavile

2.1 IKhabhinethi yakwamukela ukuthi iZimiso Zokucingwa Nokumbiwa Kwemikhiqizo Kawoyela Ongahluziwe Neyegesi zishicilelwe kuSomqulu Kahulumeni, ukuze umphakathi uphawule ngazo.

2.2 IKhabhinethi yakwamukela ukusingathwa kweSigcawu Sombimbi Lwenethiwekhi Yezokuncintisana Emhlabeni (i-ICN) ezosingathwa yiKhomishana Yezokuncintisana yaseNingizimu Afrika kusukela mhla ziyi-16 kuya kumhla ziyi-18 Mfumfu 2013, eKapa.

Isigcawu Sombimbi lwe-ICN sihlinzeka ngethuba lokwabelana ngemibono kanye nokuxoxisana ngezindaba eziphathelene nombimbi phakathi kwamalungu ombimbi abambe iqhaza kanye neziNhlangano Ezingekho Ngaphansi kukaHulumeni emhlabeni jikelele.

2.3 IKhabhinethi yahlinzekwa ngolwazi lwakamuva ngenqubekelaphambili eyenziwe kwikota yokuqala yowezi-2013/14 mayelana neSivumelwano Sokuqashwa Kwentsha esasayindwa mhla ziyi-18 Mbasa 2013.

Imikhakha eyisithupha ebalulekile yalesi Sivumelwano yilena (1) imfundo nokuqeqeshwa, (2) ukuhlinzekwa ngesipiliyoni somsebenzi, (3) amathimba entsha, (4) ukubekwa eceleni kwemikhawulo yentsha, (5) ukubandakanywa kwentsha kwezamabhizinisi kanye nemifelandawonye kanye (6) nezinhlelo zomkhakha ozimele.

Izinto ezifezekisiwe ezibalulekile kwikota yokuqala zibandakanya ucwaningo-mabhuku lokuqala lwemisebenzi nezinhlelo ezenziwa yintsha ezweni lonke kanye nezinyathelo ezithile ezithathwe ngabomkhakha ozimele.

3. IMithethosivivinywa

3.1 IKhabhinethi yakwamukela ukushicilelwa uMthethosivivinywa Ohlongozwayo  Wokuchibiyela uMthetho Wokwelulwa Kokuvikeleka Kwabahlali Basemapulazini ukuze umphakathi uphawule ngawo.

Lo Mthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wokwelulwa Kokuvikeleka Kwabahlali Basemapulazini, we-1997 (uMthetho Nombolo 62 we-1997) ngenhloso yokuqinisa, nokucacisa kanye nokuvikela amalungelo abantu abahlala lapho (abahlali basemapulazini).

Ngalo Mthethosivivinywa kuhloswe ukuthola isixazululo sesikhathi eside sokungavikeleki kwabantu abahlala emapulazini, ngokuthi kuhlanganiswe izinyathelo zokwabiwa kabusha komhlaba kanye nokuvikeleka okufanelekile kwezomthetho kanye nezindlela zokusonjululwa kwemibango. Lo Mthethosivivinywa uhlose ukuphucula amalungelo abasebenzi nabahlali basemapulazini. Abantu abakhosele emapulazini ikakhulu ngabesifazane kanye nezingane.

3.2  IKhabhinethi yakwamukela ukushicilelwa uMthethosivivinywa Ohlongozwayo Wokuchibiyela uMthetho Wezempilo Nezokuphepha Ezimayini, 2013 kuSomqulu Kahulumeni, ukuze umphakathi uphawule ngawo.

Lo Mthethosivivinywa uhlose ukuchibiyela uMthetho Wezempilo Nezokuphepha Ezimayini (uMthetho Nombolo 29 we-1996), ukuze kubuyekezwe izimiso zokuqinisekisa ukulandelwa nokuthotshelwa koMthetho, nokwenza lula kanye nokuqinisa uhlelo lwezinhlawulo.

Ngenhloso yokuphucula impilo nokuphepha kwabasebenzi, uMthethosiviviywa Ohlongozwayo Wokuchibiyela uhlose futhi nokugcina isimo sezempilo nezokuphepha esizoba nomthelela omuhle ekusimameni nokumelana kwemvelo nesimo esikhona, njengoba uHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe luyalela ukuthi kube njalo.

4. Abaqashiwe

4.1 IKhabhinethi yakwamukela ukuqashwa kwalaba abalandelayo eMnyangweni Wezokuthuthukiswa Komphakathi:

a) Mnu. Thokozani William Magwaza oqashwe esikhundleni sokuba yiPhini likaMqondisi-Jikelele: Ophikweni LwezokuQapha kwezokuhlalisana Komphakathi
b) Nksz. Nelisiwe Ignatia Vilakazi oqashwe esikhundleni sokuba yiPhini likaMqondisi-Jikelele: Ophikweni Lwamasu Noguquko Kwinhlangano.

4.2  IKhabhinethi yakwamukela ukuqashwa kuka Mnu. Caiphus Ramushau esikhundleni sokuba nguMphathi Wezimali Omkhulu/iNhloko Yemisebenzi Yokuphathwa Kwenkampani eMnyangweni Wezobudlelwano Bamazwe Nokubambisana.

4.3  IKhabhinethi yakwamukela ukuqokwa kwalaba abalandelayo kwiBhodi Yebhange Lwezomhlaba:

a)  Nksz.  Duma Motau
b)  Nksz. Thembekile  Thelma Ngcobo

4.4  IKhabhinethi yakuphawula ukuqokwa kwalaba abalandelayo kuMkhandlu Wezezibalo waseNingizimu Afrika:

Kuzwelonke

a) Mnu. Ian Assam (oqashwe kabusha)
b) Mnu. Faldie Esau (oqashwe kabusha)
c) Slz. Jacky Galpin (oqashwe kabusha)
d) Dkt. Maseka Lesaoana (oqashwe kabusha)
e) Mnu. Morore Mphahlele (oqashwe kabusha)
f) Dkt. Khangelani Zuma (oqashwe kabusha)
g) Mnu. Kenneth Brown
h) Slz. Phillippe Burger
i) Dkt. Rashad Cassim
j) Dkt. Jaya Josie
k) Mnu. Etienne le Roux
l) Slz. John Luiz
m) Slz. Julian May
n) Dkt. Ariane Neethling
o) Dkt. Sarah Radloff
p) Mnu. Sulaiman Salau.

EZIFUNDAZWENI

a) Dkt. Daniel Plaatjies (Freyistata)
b) Mnu. Monde Nkasawe (Mpumalanga Kapa)
c) Mnu. Glen Robbins (KwaZulu-Natali)
d) Nksz. Zeenat Ishmail (Ntshonalanga Kapa)
e) Mnu. Mveli Maphanga (Mpumalanga)
f) Nksz. Lizell Henney (Nyakatho Kapa)
g) Dkt. David Everatt (Gauteng)

4.5  IKhabhinethi yakwamukela ukuqokwa kwalaba abalandelayo kwiBhodi Yesikhwama Sezingozi Zomgwaqo:

a) Mnu. Thokwa Patrick Masobe
b) Nksz. Refiloe Mokoena
c) Dkt. Linda Kinse Lungelwa Nompumelelo
d) Mnu. Dawood Coovadia (Iphini likaSihlalo)
e) Mnu. Ahmed Pandor
f) Dkt. Ntuthuko Bhengu (oqashwe kabusha njengoSihlalo)
g) Adv. Dimakatso Qocha (oqashwe kabusha)
h) Mnu. Desmond Smith (oqashwe kabusha)
i) Nksz. Annemarie Steyn (oqashwe kabusha)
j) Mnu. Dumisa Hlatshwayo (oqashwe kabusha).

4.6  IKhabhinethi yakwamukela ukuqokwa kwalaba abalandelayo kwiBhodi Yomlawuli Wezokuphepha Ezitimeleni:

a) Nksz. Natalie Skeepers
b) Mnu. Masindi Tshamunwe Herry
c) Mnu. Andre Bain Harrison
d) Nksz. Masaccha Khulekelwe Mbonambi
e) Mnu. Norman Tinyiko Baloyi
f) Mnu. Matodzo Ratshimbilana (oqashwe kabusha njengoSihlalo)
g) Nksz. Jane Barret (oqashwe kabusha)
h) Nksz. Thembelihle Msibi (oqashwe kabusha njengePhini likaSihlalo)

Imibuzo ingaqondiswa ku:
Phumla Williams (Ibambela Lokhulumela iKhabhinethi)
Inombolo yeselula: 083 501 0139

Issued by: Government Communications

Share this page

Similar categories to explore