Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wangomhla ziyi-19 Nhlolanja wezi-2014

1. Okushiwo yiKhabinethi ngezindaba ezisemqoka esimweni samanje

1.1. INkulumo kaMongameli ngeSimo seZwe yama-24 (i-SoNA) selokhu kwangena umbuso wentandoyeningi ihlinzeke ngokuhlaziya okusemqoka lapho kuphela isikhathi sokubusa noma sethemu mayelana nokwenziwa kwezinto uhulumeni azibeke eqhulwini kusukela ngowezi-2009 kuya kowezi-2014. Ukwethulwa kohlelo lwemiphumela ngowezi-2009 kwenze kwaba nokunganyelwa komsebenzi okugxile kumiphumela yokwenziwa komsebenziukuqinisekisa ukuthi uhulumeni uhlinzeka izidingongqangi ngendlela efanele futhi nesheshayo.

1.2. Kulandela iNkulumo kaMongameli ngeSimo seZwe nenkulumompikiswano ngeNkulumo kaMongameli ngeSimo seZwe, uhide lwemihlangano eqhubekayo yoNgqongqoshe yokunqampunela abemithombo yezindaba ihlinzeka ngethuba lokuxoxisana noNgqongqoshe abehlukene abazonaba ngeNkulumo kaMongameli. Umbiko wokuphela kwesikhathi sokubusa sonyaka wezi-2009 kuya kowezi-2014 uzokwengezelwa ngoMbiko wokuBukeza weminyaka engama-20 nobufakazi obuqinisekisiwe okuyingxenye yomkhankaso wokugubha imiNyaka engama-20 yeNkululeko.

Bonke abantu baseNingizimu Afrika bayamenywa ukuthi baBambe iQhaza ekuguquleni umlando wombuso wobandlululo ngokugubha imiNyaka engama-20 yeNkululeko, etshengisa ngokungabazeki ukuthi iNingizimu Afrika iyizwe elingcono kunalokhu elaliyikho ngonyaka we-1994.

1.3. IKhabhinethi igcizelela umyalezo kaMongameli Jacob Zuma mayelana nemibhikisho. Imibhikisho esabisa izimpilo zabantu nempahla futhi ilimaze ingqalasizinda ebalulekile eyenzelwe ukusetshenziswa yimiphakathi, ibukela phansi yona le ntandoyeningi eqhakambisa ilungelo lokubhikisha. Njengabantu baseNingizimu Afrika sonke sinomthwalo wokwakha umphakathi ohlonipha umthetho, ohloniphanayo kanjalo nohlonipha impilo nempahla.

IKhabhinethi iqinisekisa umphakathi ukuthi ukulahleka kwezimpilo ngenxa yobudedengu bamaphoyisa ngesikhathi ebhekena nemibhikisho angeke kushawe indiva noma kuvunyelwe. Ngokufanayo, ababhikishi ababhikisha bephethe izikhali noma abazotholakala beshisa izinsiza zomphakathi noma abazobeka izimpilo zabanye engcupheni bazobhekana ngokugcwele nengalo yomthetho.

UHulumeni uzosebenzisana nemiphakathi ukwenza ngcono izimo zempilo kuzo zonke izingxenye zezwe. Imiphakathi iyanxuswa ukuthi ixoxisane namakhansela emizamweni yokubambisana nokuxazulula ngokuzwana izinkinga zemibhikisho yokuhlinzekwa kwezidingongqangi.

1.4. Izingxoxo ngamaholo phakathi kwezimayini zeplathinamu neNhlangano yabasebenzi basemayini neNyunyana yezoKwakha i-AMCU ziyaxazululwa ngabe-CCMA. I-CCMA iqoke okhomishini abakhulu ukuze baqhube lezi zinhlelo.

IKhabhinethi iyethemba ukuthi izinhlangano zizofinyelela esivumelwaneni esizozuzisa zombili izinhlangothi futhi esizovikela amalungelo abasebenzi siphinde sivikele nomnotho wezwe.

1.5. IKhabhinethi iyamukwamukela ukubhalisa kwabavoti abafanelekile abangaphezulu kwamaphesenti angama-80 njengenkomba yokuphumelela komkhankaso wokubhalisela ukuvota obuqhutshwa yiKhomishane yoKhetho Ezimele i-IEC. Ngomoya wokugubha nokukhumbula imiNyaka engama-20 yeNkululeko, iKhabhinethi incoma i-IEC, izinhlangano zepolitiki namalungu omphakathi ngemizamo yokuhlanganyela ukuqinisekisa ukuthi baningi abavoti abafanelekile abhalisile. 

IKhabhinethi incoma futhi ukuzibandakanya okubonakalayo kulezo zakhamuzi eziqinisekise ukuthi amagama azo ayavela ohlwini lwabavoti.

Abavoti abafanelekile abasadinga ukuqinisekisa imininingwane yabo yokubhalisa kanye nalabo abasafisa ukubhalisa kumele bavakashele amahhovisi e-IEC aseduze nabo ngaphambi kokuthi uhla lwabavoti luvalwe. Uhlu lwabavoti luzovala uma uMongameli esememezele (lokho ukushicilelwa kusoMqulu kaHulumeni) umhla ziyi-7 Nhlaba njengosuku lokhetho. Kumenywa bonke abantu baseNingizimu Afrika abafanelekile ukuvota ukuthi basebenzise ilungelo labo lokuvota ngoKhetho lwesihlanu lukaZwelonke. IKhabhinethi imemaabaholi bezepolitiki ukuthi bafake umoya wokubekezelelana kwezepolitiki ezinhlanganweni nakubalandeli babo. Lokhu kubalulekile ukuqinisekisa ukhetho olukhululekile nolunobulungiswa kanjalo nokuqhakambisa ukubaluleka koMthethosisekelo wethu.

1.6. IKhabhinethi iyawamukela umzuliswano wokuqala womkhankaso woMgomo weGciwane elenza uMdlavuza elibizwa phecelezi ngokuthi i-Human Papillomavirus Vaccination (i-HPV), ozoqala mhla ziyi-7 ngoNdasa wezi-2014. Umgomo womdlavuza wesibeletho uzonikezwa amantombazane aneminyaka eyi-9 ne-10. Abazali kanye nababheke amantombazanyana afunda iBanga lesine aneminyaka eyi-9 neyi-10 bayakhuthazwa ukuthi baseke lo mkhankaso ngokuthi banikeze imvume kubantwana babo baphinde futhi baxoxisane nabantwana babo ngokubaluleka kwalokhu kugoma.   

Igxathu eselihanjiwe kwezempilo zomphakathi, elihambisana nezincomo zeNhlangano yeZempilo Yomhlaba, kulindeleke ukuthi libe negalelo ekunciphiseni umdlavuza wesibeletho kubantu besifazane nokunciphisa ukushona kwabo ngenxa yezifo eziphathelene nalokhu.

1.7. IKhabhinethi iphinde yakwamukela ukwethulwa kweNqubomgomo yokuHlela uMndeni eBukeziwe nemiHlahlandlela yokuHlinzeka iziDingongqangi mhla zingama-27 kuNhlolanja wezi-2014 nguNgqongqoshe wezeMpilo. (Lokhu kuzokwenza ukuthi intsha yesifazane ikwazi ukuqeda isikole futhi ilandele amaphupho ayo ngaphandle kwezithikamezo zokuthola abantwana abangahleleliwe. UNgqongqoshe wezeMpilo uzophinde futhi athule uhlelo olusha lwabantu besifazane lokuhlela umndeni lomjovo ojovwa ngaphansi kwesikhumba, yidivayisi eluhlala isikhathi eside.

1.8. UMongameli Jacob Zuma njengoMkhuzi oyiNhloko woMbutho wezokuVikela eNingizimu Afrika i-SANDF, uzohambela uSuku lwabaVikeli boMbuso abaHlomile e-Bloemfontein mhla zingama-21 kuNhlolanja wezi-2014.

Lo mcimbi waminyaka yonke uthulela isigqoko abesilisa nabesifazane bethu ngokuzinikela kwabo kanti futhi uhlonipha nalabo abadlula emhlabeni besemsebenzini. Uphinda uhlinzeke amalunga omphakathi ngethuba lokuthi azizwele ngqo ngokusebenza nangemisebenzi ye-SANDF.   

IKhabhinethi iyaziqhenya ngomsebenzi oyimpumelelo i-SANDF ephumelele kuyo emhlabeni wonke, imisebenzi eyewenze ezindaweni ezifana noBurundi namhlanje esezinohulumeni ozinzile; empumalanga ne-DRC, lapho khona i-SANDF, njengengxenye yokuNgenelela kweQembu lamaButho i-FIB, ibhekana khona namaqembu amaningi ayehlomile, kanye negalelo layo lokuhlenga izimpilo zamakhulu ezinkulungwane zabantu esizindeni sase-Darfur eSudani. 
IKhabhinethi iphinde yakuqaphela futhi ukugwenywa kokuphanga okube yimpumelelo  obekunyonyobela isizinda seNingizimu ne-Afrika okwenziwe yi-SANDF ngokujuba amalunga ayo nokuqapha umzila wase-Mozambique. 

1.9. UMongameli Jacob Zuma uzoba nohambo lomsebenzi olubheke e-United Kingdom kusukela mhla zi-2 kuya kumhla zizi-4 kuNdasa wezi-2014, lapho khona eyohambela umcimbi woPhiko lukaZwelonke wokuBonga  nokugubha impilo nemisebenzi yowayengumongameli wakuleli uMongameli Nelson Mandela e-Westminster Abbey, eLandani mhla zi-3 kuNdasa wezi-2014.  

1.10. Iphini likaMongameli uKgalema Motlanthe lizohambela umcimbi wokugubha iminyaka eyi-100 yokuBumbana kweNyakatho neNingingizimu Nigeria e-Abuja mhla zingama-27 kuNhlolanja wezi-2014. iKhabhinethi ihalalisela abantu baseRiphablikhi yase-Nigeria ngalo mcimbi oyigxathu eliya phambili owenzeka ngesikhathi esifanayo lapho khona iNingizimu Afrika igubha iminyaka engama-20 yeNkululeko.

1.11. INyanga yaMalungelo Abantu izogujwa ngaphansi kwesiqubulo esithi:  “Kugujwa iminyaka engama-20 yokuguqula izimpilo ngamalungelo abantu”.

UMongameli Jacob Zuma uzokwethula inkulumo eqavile yoSuku lwaMalungelo Abantu (mhla zingama-21 kuNdasa wezi-2014) emcimbini omkhulu oyobe use-Sharpeville.

Izinhlelo zikaHulumeni zizoqinisa umkhankaso wemiNyaka engama-20 yeNkululeko ngokuqhakambisa izinto eziphakamisa nezikhuthaza ukubumbana komphakathi, ukwakha isizwe nobumbano emiphakathini yaseNingizimu Afrika.

1.12. UMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, i-Ejensi kaZwelonke yokuThuthukisa iNtsha i-NYDA kanye neHhovisi likaMongameli bazosingatha Indaba yeNtsha eholwa nguMongameli mayelana nemisebenzi namakhono e-Birchwood Conference Centre, e-Boksburg kusukela mhla zingama-28 kuNhlolanja wezi-2014 kuya zi-3 kuNdasa wezi-2014 ngaphansi kwesiqubulo  esithi: “Ukusebenza ndawonye ukunika amandla nokunika intsha yaseNingizimu Afrika ithemba.”

Eminyakeni engama-20 eyedlule uhulumeni uqalise amasu ahlukahlukene ukubhekana nokuswela kwentsha imisebenzi. Uphiko lwamaKhono kaZwelonke, ezeMfundo eyisiSekelo kanye neZivumelwano zokuQasha iNtsha zitshengisa ukuzibophezela okukhulu kwezingxenye okubanjisenwe nazo, okugcwaliswa yiziNhlelo zokuQasha uMphakathi ezahlukene nemithetho efana noMthetho wokuBuyiselwa iNtela onguNombolo wonyaka wezi-2013, phecelezi i-Employment Tax Incentive Act No 26 of 2013.

1.13. IKhabhinethi iyakwamukela ukuqalwa kwayo yonke imikhakha yezenhlalo ekubanjisenwe nayo eNgqungqutheleni yoMkhakha weNhlalakahle yoHlelo olweLulelwe ukuFinyelela eMphakathini i-EPWP ezohlola inqubekelaphambili yama-EPWP nokuthi kungaqhutshwa kanjani ukuthi yelulwe.

INgqungquthela izobanjwa ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Sibambisene ukusheshisa ukwakha amathuba emisebenzi ngokusebenzisa inhlalakahle yama-EPWP.”

-EPWP yathulwa ngowezi-2004 kanti isalokhu ingukhiye wamasu kahulumeni okusungula amathuba omsebenzi ezigidini zabantu baseNingizimu Afrika ngesikhathi esifishane.

1.14. IKhabhinethi ifisela iBafana Bafana okuhle emdlalweni webhola lomhlaba wobungani ozayo ezowudlala nabazosingatha iNdebe yoMhlaba i-Brazil enkundleni yezemidlalo i-FNB Stadium mhla zi-5 kuNdasa wezi-2014. 

IKhabhinethi imemaabantu baseNingizimu Afrika ukuthi batshengise izihambeli zethu ukuzamukela ngoBuntu, nokuthi beseke iqembu lethu lesizwe.

2. Izingxoxo nezinqumo zeKhabhinethi eziqavile

2.1. IKhabinethi yakwamukela ukuthuthukiswa kwenqubomgomo yoPhiko lokuThuthukisa uLwazi lweziFundo zokuFundela iMisebenzi, amasu okuqalisa kanye nokungenela ezingxoxweni kuyo yonke imikhakha kahulumeni. 

Kudingeka ngendlela ephuthumayo uhlelo lokuthuthukisa ulwazi ngezifundo zokufundela imisebenzi ukuqinisekisa ukuthi intsha, abafundi, abasebenzi abangaqashiwe ngokugcwele, abahlali abangasebenzi banamathuba alinganayo olwazi oluseqophelweni mayelana nokukhetha izifundo zokufundela imisebenzi.
Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi bayakwazi ukukhetha ngendlela enolwazi imikhakha yezemfundo ezobahlinzeka ngemisebenzi enamathuba amakhudlwana okuqashwa futhi esiza ukukhulisa umnotho ozinzile ezweni. 

2.2. IKhabhinethi yeseka ukuqaliswa koHlelo lokuDalula iMisebenzini kaHulumeni ngoHleloxhumano kusukela kuMbasa wezi-2014, olungena esikhundleni sohlelo lokuhambisa izethulo ngesandla, ukuqhutshwa nokuqinisekisa kwalokho okudalulwayo. UkuDalula ngohleloxhumano wuhlu lobuchwepheshe bomoya olwengamele ukudalula ezezimali kwabasebenzi abasezikhundleni (amalungu e-SMS) okufanele adalule izintshisekelo zawo ezibhaleka phansi kuziPhathimandla zabo kungakashayi umhla zingama-30 kuMbasa njalo ngonyaka.
Uhlelo lokuDalula ngoxheloxhumano lutholakala ekhasini lwesizindalwazi soMnyango wemiSebenzi kaHulumeni nokuPhathwa Kwayo u–www.dpsa.gov.za – kanti sixhunywe nakwezinye izingcinalwazi ezikhona ezifana neKhomishiin eBhalisa iziNkampani neMpahla, phecelezi i-Companies and Intellectual Property Commission, amahhovisi okubhalisa amatayitela  kanye ne-eNatis ngenhloso yokuqinisekisa.

Uhlelo luhlose ukuqinisa okwenzekayo ngokuhambisana nemigomo kahulumeni yokuqeda nokungayibekezeli nhlobo inkohlakalo.

2.3. IKhabhinethi yaqaphela ukusingathwa kweNgqungquthela yaBavikeli boMphakathi base-Afrika nemicimbi ehambisana nayo e-Gauteng kusukela mhla zingama-24 kuya zingama-27 kuNhlolanja wezi-2014. Isikhungo soCwaningo lwabaVikeli boMphakathi e-Afrika sizosingatha ingqungquthela ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Siqinisa ukwengamela okuhle e-Afrika ngeqhaza loMvikeli woMphakathi”.

Injongo yeNgqungquthela ukuhlola igalelo izikhungo zabavikeli ezinalo ukwenza intandoyeningi enokusebenzisana nokwengamela okuhle, ngalokho ukuba nesandla ekuletheni uxolo nozinzo ezwenikazi. Izophinda futhi ibe yinkundla yokuxoxisana ukuqinisa umbono wokuVikeleka e-Afrika..

INgqungquthela ifika ngesikhathi lapho kugcizelelwa khona ukwengamela okukhucululekile, abaholi bephendula ngemisebenzi yabo futhi kuhlinzekwa izidingongqangi ngendlela efanele kubantu abajwayelekile emibusweni yase-Afrika.

3. IMithethosivivinywa

3.1. IKhabhinethi igunyaze ukuChitshiyelwa koMthethosivivinywa wokuHambisa iMpahla ngeMikhumbi, wezi-2014 ozokwethulwa ePhalamende.

UMthethosivivinywa uhlose ukuchibiyela uMthetho wokuHambisa iMpahla ngeMikhumbi, UMthetho 57 we-1951 owandulela uMthethosisekelo, ngonyaka we-1996 owenza kubaluleke ukuthi kube nokuhambisana kulokho okubalulekile okuhlinzekwe kuMthethosisekelo uphinde futhi uhambisane nezivumelwano zamanje zomhlaba.

Ukuchitshiyelwa koMthethosivivinywa kuphinda kunikeze ukubaluleka kweSivumelwano saBasebenzi abasebenzela oLwandle, sonyaka wezi-2006 kanye nokusebenza kweSivumelwano sabaDobi, sonyaka wezi-2007. Zombili lezi zivumelwano zamukelwa yiNhlangano yoMhlaba yaBasebenzi beziNyunyana yeziZwe eziHlangene.

Ukuhambisana kwemithetho yasekhaya neZivumelwano kuhlinzeka iNingizimu Afrika ngethuluzi lomhlaba ukuqinisekisa ukuvikeleka komhlaba kwamalungelo amanani emali ekhokhwa olwandle kanye nezimo zokusebenza nezokuphila eziqotho. Lokhu kuzokwenza ukuthi iNingizimu Afrika ikwazi ukungenelela uma kwenzeka imikhumbi yangaphandle engena emachwebeni ethu iphula imithetho yamalungelo amanani emali ekhokhwa olwandle.

Ukuqaliswa koMthethosivivinywa kuzophinde kwenze ngcono indlela yokusebenza kanye nendlela imboni esebenza olwandle ebonakala ngayo, okubalulekile ekuhwebeni namazwe omhlaba nasemnothweni womhlaba.

4. Abaqashiwe

IKhabhinethi yakwamukela ukuqashwa kwalaba abalandelayo:

4.1. Nk. Carlize Catherina Elizabeth Strydom – uNobhala oMkhulu wamaTayitela (izinga la-DDG) eMnyangweni wezokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya nezinguQuko kwezoMhlaba.
4.2. Mnu. Eugene Malcholm Southgate – iPhini likaMqondisi-Jikelele: uPhiko lakwa-Corporate eMnyangweni wezokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya nezinguQuko kwezoMhlaba.
4.3. IKhabhinethi yamukele futhi ukuqokwa kabusha kukaMnu. Mohammed Riaz Jawoodeen njengelungu elingelona ilungu leBhodi ePhezulu yeSikhwama sezaMandla i-Central Energy Fund (SOC) Ltd.
4.4. IKhabhinethi yamukele ukuqashwa kwalaba abalandelayo njengamalungu alawulayo oPhiko oluLawula ezaMandla eNingizimu Afrika:
Abaqashwe ngokungaphelele:
a) Mnu. Jacob Rasetlhake Daniel Modise (USihlalo)
b) Nk. Maleho Margaret Nkomo (USekela Sihlalo)
c) Mnu. Fungai Khumbulani Sibanda
d) Nk. Khomotso Ramasela Mthimunye
Abaqashwe ngokuphelele:
e) Nk Nomfundo Maseti

Imibuzo ingaqondiswa ku: Phumla Williams (Ibambela Lokhulumela iKhabhinethi)
Inombolo yamakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore