Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wangomhla ziyi-15 kuNhlaba wezi-2013

1. Isimo seKhabhinethi ezindabeni ezisemqoka esimweni samanje

1.1. IKhabhinethi izwakalise ukukhathazeka  ngesiyaluyalu sabasebenzi samuva nje eMayini Yase-Marikana e-Lonmin esiye saholela ekubekweni phansi kwamathuluzi nokuphazamiseka komkhiqizo. Ingxabano kubikwa ukuthi igxile ezindabeni zokumeleleka kwabaningi okubandakanya i-National Union of Mineworkers (i-NUM)  kanye ne-Association for Mining and Construction Union (i-AMCU). 

IKhabhinethi inxusa ubuholi bazo zombili lezi zinyunyana (i-NUM ne-AMCU) ukuba buxazulule izingxabano zabo ngomusa futhi bubeke inzuzo yezwe nabasebenzi ngaphambi kwanoma yini enye. Abasebenzi kumelwe bazi ukuthi isiteleka esingavikelekile singaba nemiphumela enqala hhayi kubo kuphela, kodwa nakwikusasa lemayini neminye imisebenzi.

IKhabhinethi inxusa nabaphathi be-Lonmin ukuba benze konke abangakwenza ukuze baqinisekise ukuthi izinkinga zixazululwa ngokushesha kungaze kwenzeke omunye umonakalo. Kuyolizuzisa kakhulu izwe lethu ukuba kokubili izinyunyana nabaphathi be-Lonmin babonise amazinga adingekayo obuholi nokulawula ubudlelwano kwezezimboni.

1.2. IKhabhinethi ikusekela ngokugcwele lokho okusatholwe uphenyo mayelana nokuhlala kwendiza yabantu abangekho embuthweni wezempi e-Waterkloof Air Force Base.

IKhabhinethi yagcizelela ukuthi ukuphepha nokuba negunya kweNingizimu Afrika endaweni ethile kusemqoka kakhulu. Ukwephulwa kwemithetho ephathelene nezindawo zokungena ezweni kanye nezindawo ezibalulekile ngokwezempi ezweni kumelwe kubhekanwe nakho ngokuqinile nangaphandle kokwesaba nokwenzelela. Labo abatholakala bephula umthetho bayobhekana nengalo yomthetho ngokuphelele.

1.3. IKhabhinethi iyawamukela umsebenzi owenziwa iMinyango Kahulumeni eye yabikwa oNgqongqoshe abahlukahlukene phakathi namaVoti eSabelomali. IKhabhinethi iyaphawula ukuthi ukwenekwa obala kwamaVoti eSabelomali kuyasiza ekunikezeni izakhamuzi amandla ngokuzinika ulwazi kanye nokuthi uhulumeni alandise ngakwenzayo. 

1.4. IKhabhinethi iyazamukela izingxoxo phakathi koMnyango Wemfundo Eyisisekelo ne-South African Democratic Teachers' Union (i-SADTU) ezaholela ekuhoxisweni kwesiteleka.

IKhabhinethi inxusa bonke abathintekayo embonini yezemfundo ukuba baxazulule izingxabano zabo ukuze imfundo yentsha yethu ingabi sengcupheni.

1.5. IKhabhinethi yaphawula iNhlolo-vo Yabasebenzi Yekota Yonyaka (i-QLFS) ebonisa ukwenyuka kwezinga labantu abangasebenzi lisuka kumaphesenti angu-24,9 liya kwangu-25,2.

UHulumeni usheshisa izinyathelo, njengomkhankaso wengqalasizinda eholwa uhulumeni, ukuze andise imisebenzi etholakala kuHulumeni.
UHulumeni kanye nabasebenzi namabhizinisi bethule iSivumelwano Sokuqashwa Kwentsha ngoMbasa wezi-2013. Lokhu kubonisa nakakhulu ukuzibophezela ndawonye ekubhekeleleni indaba yokungasebenzi.  Ibeka izifungo zemboni ngayinye zokuba neqhaza ekulweni nokungasebenzi kwentsha ngemigomo ebekiwe nezikhathi zokuyifinyelela ukuze lokhu okuhlonziwe kwenziwe ngempumelelo, kuqashwe futhi kuhlaziywe.

IKhabhinethi iyaqiniseka ukuthi izinyathelo esezithathiwe kakade zizosiza leli zwe ekwakheni imisebenzi emisha futhi lifinyelele umgomo walo wemisebenzi emisha eyizigidi ezinhlanu ngowezi-2020.

1.6. IKhabhinethi iyakwamukela ukusayinwa kwepulani yesinyathelo yokuqalisa iSivumelwano Sokusebenzisana Ekongiweni Nasekuvikelweni Kwezinto Zemvelo Eziphilayo Ezihlukahlukene phakathi kweNingizimu Afrika ne-Vietnam.
Ipulani Lokuqalisa lizoqhubeka kuze kube ngowezi-2017 futhi lizosiza emizamweni yokulwa nobugebengu obubandakanya izilwane zasendle, ikakhulukazi ukuzingelwa kobhejane ngokungemthetho. IKhabhinethi iyaphinda iyasho ukuthi uHulumeni uzibophezele ekubhekaneni nobhubhane lokuzingelwa kobhejane ngokungemthetho futhi uyaqinisekisa ukuthi abenza lokhu bazowukhomba umuzi onotshwala.

1.7. IKhabhinethi iyasamukela isimemezelo soMnyango Wezasekhaya sokuqalisa uhlelo lwamakhadi oMazisi, okuqinisa into esihlonza njengesizwe futhi kuthuthukise ukuvikeleka kwethu.

Le ngqopha-mlando eyinhloko inethuba lokusheshisa izinsizakalo zikahulumeni, kuyilapho inciphisa ubugebengu nenkohlakalo ebandakanya omazisi.
IKhabhinethi inxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba basekele le nqubo ukuze ngowezi-2020 sonke sibe sesinoMazisi AbangamaKhadi esiyobe sizazisa ngabo.

1.8. IKhabhinethi iyakulahla ukuhlaselwa kwezinqola ezazilandelana zeNhlangano Yezizwe  e-Abyei, e-Sudan, okwaholela ekutheni kufe inkosi yesizwe kanye nomgcini-kuthula waseTopiya. Lesi senzakalo esidabukisayo sisongela ukuzinza kwe-Abyei kanye nenqubekela-phambili esanda kufinyelelwa yi-Sudan neNingizimu Sudan.

1.9. IKhabhinethi iyakulahla ukuhlaselwa kwe-Syria amabutho ezokuvikela akwa-Israel. IKhabhinethi inxusa iNhlangano Yezizwe ukuba inxuse amabutho angaphandle ukuba ahloniphe igunya le-Syria futhi ivumela abase-Syria ukuthi babambisane ekuxazululeni izingxabano.

1.10. IKhabhinethi iyakwamukela ukumiswa kuka-Advocate Lawrence Mushwana njengoSihlalo weKomiti Lokuxhumana Kwamazwe Ngamazwe (i-ICC) leZinhlangano Zikazwelonke Zokugqugquzelwa Nokuvikelwa Kwamalungelo Abantu  Okokuqala ngqa ukuba i-Afrika ithathe isikhundla sikaSihlalo we-ICC. Isikhundla sikaSihlalo we-ICC siqinisekisa ukugxila okwandayo emlandweni wezwe wamalungelo abantu kanye nokuhambisana nezibopho zamalungelo abantu zamazwe ngamazwe.

1.11. IKhabhinethi yawamukela umgubho weminyaka engama-50 kwasungulwa iNhlangano yoBumbano lwase-Afrika ozogujwa ngoSuku Lwe-Afrika, mhla zingama-25 kuNhlaba wezi-2013.

IKhabhinethi yaqokomisa ukuthi ukuqina kwe-OAU ekukhipheleni ngaphandle uhulumeni wobandlululo ezinhlakeni zayo kwaphakamisa ukuzabalazela kwethu inkululeko nokuthola ukubusa ngentando yeningi labantu.

INingizimu Afrika izohlanganyela nezwekazi ekugubheni iMinyaka Engama-50 yeNhlangano yaMazwe ase-Afrika. Izinto ezizokwenziwa zihlanganisa umbukiso wenyanga yonke wezobuciko banamuhla bezinto ezibonwa ngamehlo esifundeni se-SADC kusukela mhla zingama-24 kuNhlaba kuya mhla zingama-28 kuNhlangulana wezi-2013. I-Africa Institute of South Africa izohlanganisa umphakathi wezifundiswa nokusakazekela kwabantu kwamanye amazwe njengengxenye yomgubho mhla ziyi-19-21 kuNhlaba wezi-2013. Ngaphezu kwalokho, kuyoba nombukiso eMnyuziyamu i-Ditsong (eDolobheni Lase-Tshwane) ukuze kugujwe uSuku Lwe-Afrika mhla zingama-21 kuNhlaba wezi-2013 ngaphansi kwengqikithi ethi “Iminyaka Engama-50 Ngemva Kokusungulwa kweNhlangano yoBumbano lwase-Afrika – I-Afrika kumelwe ihlangane noma iPhele”. Lokhu kuyolandelwa ikhonsathi yomculo woSuku Lwe-Afrika e-Union Buildings mhla zingama-25 kuNhlaba wezi-2013.

1.12. IKhabhinethi yakwamukela ukusabela ngokushesha kukaMongameli u-Jacob Zuma esimemweni selungu lomphakathi sokuba avakashele abantu base-Eldorado Park kanye ne-Kliptown engumakhelwane, ngoLwesibili mhla ziyi-14 kuNhlaba wezi-2013. Lo mphakathi wawucela ukuba kudingidwe indaba yokushushunjiswa nokudliwa kwezidakamizwa ezingekho emthethweni okudla lubi kule ndawo.

UHulumeni, kanye nalo mphakathi, bazibophezele ekutheni basheshise izinhlelo zokungenelela ukuze kunqandwe lolu bhubhane oluqeda intsha.

1.13. IKhabhinethi yakwamukela ukuvakasha kokulandelela okwenziwa yiPhini LikaMongameli u-Motlanthe, ephelezelwa abaholi bezigaba ezintathu zikahulumeni, e-De Doorns eNtshonalanga Kapa ngoMgqibelo mhla ziyi-11 kuNhlaba wezi-2013. Loku kuvakasha nokuxoxisana nababambiqhaza kuhlanganise abasebenzi basemapulazini kusuka ekuvakasheni kokuqala kwePhini LikaMongameli mhla ziyi-12 kuNhlolanja wezi-2013. Kwaphawuleka inqubekela-phambili ezinzile eminyangweni eminingana ekuthuthukiseni izinsizakalo kule ndawo. Ukuzibophezela okwaboniswa yibo bonke abahilelekile kubeka isisekelo esiqinile sokuxoxisana okuqhubekayo ukuze kube nemboni esimeme yezolimo. 

2. Izingxoxo nezinqumo zeKhabhinethi eziqavile

2.1. IKhabhinethi iye yathelwa fahla mayelana namalungiselelo eViki Lokuvikelwa Kwezingane (i-CPW) phakathi komhla zingama-27 kuNhlaba namhla zi-2 kuNhlangulana wezi-2013, ngaphansi kwengqikithi ethi: “Ukubambisana ukuze sivikele izingane.”

Izingxoxo-mpikiswano mayelana nezingane nentsha zenziwa kuzo zonke izifundazwe ukulungiselela ukuqaliswa kwe-CPW kanye neNgqungquthela. Njengengxenye yokwandisa ukuqwashisa, i-CPW izokwethulwa kanye neNgqqungquthela yeZintandane, Izingane Nentsha Engenabani (OVCY) mhla zingama-27 kuNhlaba eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre KwaZulu-Natali.

IKhabhinethi inxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba babe neqhaza ekuvikelweni kwezingane zethu futhi bakhe indawo ephephile nevikelekile. Abantu baseNingizimu Afrika bangabonisa ukusekela kwabo ngokugqoka iribhoni eliluhlaza njengophawu lokuphila, ukukhula, ithemba, ukunakekela nokusekela abaholi bethu bakusasa.

IViki Lokuvikelwa Kwezingane kanye neNgqungquthela yeZintandane, Izingane Nentsha Engenabani kuzogxila ekubambeni iqhaza kwengane emphakathini wethu ukuze izingane zibe nezwi ezindabeni ezizithintayo.

2.2.  IKhabhinethi iyivumile i-National Aquaculture Policy Framework (i-NAPF). Le nqubo-mgomo inikeza uhlaka olubumbene lokusungulwa nokuthuthukiswa kwemboni eneqhaza ekuvulweni kwamathuba omsebenzi asimeme nokutshala imali okwandayo.

I-NAPF yasungulwa esendlalelweni semboni yomhlaba yokufuya izinto zasemanzini okuye kwanda kakhulu kuyo isidingo semikhiqizo yezinhlanzi. ENingizimu Afrika, izinto zasolwandle nasemanzini agelezayo zimelela ithuba elihle kakhulu lokwenza kube nemikhiqizo yezinhlanzi ehlukahlukene ukuze kwaneliswe isidingo sakuleli, kube neqhaza ekuqinisekiseni ukutholakala kokudla, ekuvulweni kwamathuba emisebenzi, ukuthuthukiswa komphakathi nokuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya, namathuba okuthumela izinto kwamanye amazwe.

2.3.  IKhabhinethi yavuma ukuba iNingizimu Afrika isingathe iNgqungquthela Yomhlaba Yesithathu Kwezolimo, Ukutholakala Kokudla Nokushintsha Kwesimo Sezulu kwikota yesine yowezi-2013, iholwa uMnyango Wezolimo, Ezamahlathi Nezokudoba.

Ukutholakala kokudla kusalokhu kuyinto ekhathazayo eyinhloko futhi le Ngqungquthela iyoba nomthelela omuhle endleleni esikhiqiza, silawule futhi sisebenzise ngayo ukudla.

Kusukela nge-COP17/CMP7, iNingizimu Afrika iye yaba ngelinye lamazwe ahamba phambili ekuthuthukiseni ezolimo ezisebenzisa kahle isimo sezulu, ezisabela ezinseleleni zokutholakala kokudla nokushintsha kwesimo sezulu. Le Ngqungquthela Yomhlaba ihlose ukusungula izindlela zokukhula ezisimeme ngokwezenhlalo nangokwezemvelo.

2.4.  IKhabhinethi yavuma ukwamukela kweNingizimu Afrika iSenezelo Se-Sanitary and Phytosanitary (SPS) kwiPhrothokholi Yezohwebo yeNhlangano Ethuthukisa Amazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC) nokuba lokhu kuhanjiswe ePhalamende.

IPhrothokholi Yezohwebo ye-SADC iNingizimu Afrika eye yayivuma ithuthukisa ukubambisana nokuhlanganiswa kwesifunda phakathi kwamazwe angamalungu ukuba ahwebe ngezimpahla nezinsizakalo ngaphakathi esifundeni, kuhlanganise nemikhiqizo yezolimo.

Isenezelo Se-SPS Se-SADC kwiPhrothokholi Yezohwebo Ye-SADC sihlinzeka ngohlaka olwenza kwenzeka ukubambisana kwe-SPS. Iphinde ithuthukise ukuvumelana kwezinyathelo ze-SPS ezisekelwe ezindinganisweni naseziqondisweni zamazwe ngamazwe ukuze kube lula ukuhweba ngokuphepha nangeqiniso ngemikhiqizo yezolimo esifundeni.

2.5.  IKhabhinethi yatshelwa ngezakamuva mayelana nenqubekela-phambili ehlobene nokusingatha kweNingizimu Afrika umhlangano we-Kimberley Process Certification Scheme (KPCS) ngowezi-2013, ohlanganisa nomhlangano oyoba ngekhefu e-Kimberley mhla zi-4 kuya kwisi-7 kuNhlangulana kanye nomhlangano we-KPCS Ephelele e-Gauteng kusukela mhla zingama-26 kuya kuma-29 kuLwezi wezi-2013. Ukusingathwa komhlangano we-KPCS kuzoba neqhaza ekuthuthukisweni kwemboni yedayimane nezokuvakasha.

Isikhundla seNingizimu Afrika njengosihlalo we-KPCS senza kuqashelwe indima eyinhloko iNingizimu Afrika eyidlala embonini yedayimane yamazwe ngamazwe. Njengosihlalo iNingizimu Afrika ihlose ukuqinisa ubudlelwano bokuhweba bamazwe ngamazwe, ngombono wokuqinisa nokwandisa igalelo ku-KPCS futhi ibe neqhaza emvelweni ephephe kakhudlwana emhlabeni wonke.

3. Imithethosivivinywa

3.1.  IKhabhinethi yavuma ukushicilelwa koMthethosivivinywao Wokuchibiyela Wokubuyiselwa Kwamalungelo Omhlaba Wezi-2013 kanye neMemorandamu Yalokho Okukulo Mthethosivivinywa, ukuze umphakathi uphawule.
Lokhu kuqalisa isimemezelo esenziwa uMongameli eNkulumweni Yesimo Sezwe yowezi-2013 ezichibiyelweni ezihlongozwayo eMthethweni Wokubuyiselwa Umhlaba. Lokhu kubhekisela ekunwetshweni kosuku lokufaka izicelo zokubuyiselwa umhlaba, ukuze labo abangazihambisanga izicelo ngosuku lokuvala umhla zingama-31 kuZibandlela we-1998 noma ababeshiywe ngaphandle kule nqubo, bazihambise.

Ukuvulwa kabusha kokufakwa kwezicelo kuqondiswa umbono woHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP) kanye noHlelo Olubanzi Lokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya kanye namanye amasu okukhula ahloselwe ukuthuthukisa ukubuyisana kuzwelonke nobumbano lomphakathi.

3.2.  IKhabhinethi yakuvuma ukuhanjiswa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ukuxhumana Ngezobuchwepheshe ePhalamende.
Lesi sichibiyelo sasuswa ukukhululeka kwemboni yokuxhumana ngezobuchwepheshe kanye nentuthuko esheshayo kuzo eye yenza ukuba khona okuqhubekayo kwezingxenye ezithile zoMthetho kungabe kusadingeka. Lezi Zichibiyelo zifuna ukubhekana nemingcele ethuthukisa ukuncintisana, ukufinyelela kwingqalasizinda yezokuxhumana ngezobuchwepheshe, izindleko zokuxhumana kanye nokuthuthukisa isikhathi sezinqubo zokuxoxisana.
Umthetho-sivivinyo Wokuchibiyela wenza uMthetho uhambisane nemigomo ebanzi yokunikezwa amandla kwabansundu kwezomnotho; ucoboshise izindaba zelayisensi; uthuthukise amalungiselelo emincintiswano; ukhiphe izindawo eziwumngcingo kwezokulawula futhi uhlinzeke ngezindaba eziphathelene nalokhu.

3.3.  IKhabhinethi yavuma ukuhanjiswa koMthetho-sivivinyo Wokuchibiyela We-Independent Communications Authority of South Africa (ICASA) Lo Mthethosivivinywa Wokuchibiyela usabela kwezinye zezindaba ze-NDP.
Izichibiyelo zoMthetho We-Independent Communication Authority No. 13 wezi-2002 (Umthetho We-ICASA) zisekelwa yisidingo sokuthuthukiswa kwale nhlangano ukuze kuqiniswe leli Gunya elizimele. Lokhu kuyokwenziwa ngokuhlinzekwa kokucacisa ezindabeni zamandla ayo; ukwenza uMthetho uhambisane ngokuseduze nezimfuneko zoMthetho Wokulawulwa Kwezimali Zikahulumeni (i-PFMA) nokuthuthukisa ukusebenza kwawo ngempumelelo. Lokhu kwenzelwa ukuthuthukisa ukulandisa nokubeka izinto obala okuyoba neqhaza emikhubeni yokulawula enengqondo ngaphakathi ku-ICASA.

UHulumeni kudingeka adlale indima enkudlwana ukuze aqinisekise ukuthi imboni yezokuxhumana ngezobuchwepheshe ilawulwa ngendlela esekela imigomo yonkana yezwe. Lokhu akufanele kufundwe njengokuphakamisae noma yimuphi umkhawulo wokuzimela kwe-ICASA.
Ukubaluleka komlawuli ozimele nongachemile embonini yezokuxhumana akunakugcizelelwa ngokweqile.

4. Abaqashiwe
4.1.  IKhabhinethi ivume ukubekwa kukaMnu Ebrahim Mohamed njengoKhomishana weKhomishana Yabathengi Kazwelonke isikhathi esiyiminyaka emihlanu.

 Ishicilelwe ngabezokuXhumana kukaHulumeni (GCIS)
Imibuzo: Phumla Williams (Ibambela loKhulumela iKhabhinethi)
Ungathintana naye ku: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore