Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wangomhla ziyi-12 kuNhlolanja 2020

Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi owabanjwa ngoLwesithathu mhla ziyi-12 kuNhlolanja 2020 ePhalamende, e-Tuynhuys eKapa

A.  Izindaba Ezisematheni

1.  Inkulumo Echaza Isimo Sezwe (i-SoNA) yowezi-2020


1.1.  IKhabhinethi liyamukela ngezandla ezimhlophe i-SoNA yowezi-2020 eyethulwe nguMongameli Cyril Ramaphosa emhlanganweni wokuhlala ngokuhlanganyela kwezindlu zombili ePhalamende, eKapa ngoLwesine, mhla ziyi-13 kuNhlolanja 2020. Ukwethulwa kwenkulumo kaMongameli kulandele ezithendeni zomgubho weminyaka engama-30 kwakhululwa uBaba Wesizwe, uTata Madiba, ejele i-Victor Verster mhla ziyi-11 kuNhlolanja 1990.   

1.2.  I-SoNA kaMongameli Ramaphosa yowezi-2020 ihlinzeke ngemininingwane ebanzi futhi ejulile yoHlelo-kusebenza (i-PoA) lukahulumeni oluhlose ukuvuselela umnotho wezwe ontengantengayo, ngokuthi kulungiswe lezo zinto eziyisisekelo nomgogodla womnotho.

1.3.  Kulezi zinyanga ezimbalwa ezizayo kuzoqaliswa izinyathelo ezizokuguqula kakhulu ukuphehlwa nokuthengwa kwamandla kagesi kuleli.

1.4.  UMongameli ukhulume ngezinhlelo zokukhuthaza nokufukula ukukhiqizwa kwezimpahla ngaphakathi kuleli, okuyinto ezothuthukisa amabhizinisi asafufusa (ama-SMME). Ingaphezu kwe-1 000 imikhiqizo eyakhiwe kuleli ezothengwa kulama-SMME. Lezi zinhlelo zizoba yingxenye yezindlela-kusebenza ezintsha zokweseka nokulekelela ukusungulwa kwamabhizinisi abantu abasha kanye nokubanika ithuba lokuzisebenza ngokwabo.

1.5.  Amakhempasi amasha amakolishi ezoBuchwepheshe Nemisebenzi Yezandla kanye Nokuqeqesha (ama-TVET) azokwakhiwa kulo nyaka azolekelela ekuvaleni igebe elikhona phakathi kokuntuleka kwemisebenzi entsheni kanye namakhono atholakalayo kuleli. Uphiko Lwezokuqashwa Kwentsha, ngokubambisana namakolishi angama-TVET kanye nomkhakha ozimele, bazoqinisekisa ukuthi siyakhuliswa isibalo sabantu abasha abazothola isipiliyoni somsebenzi njengengxenye yokuqeqeshwa kwabo.

1.6.  IKhabhinethi liyasamukela futhi nesimemezelo sokusungulwa kohlelo olubizwa phecelezi nge-SheTradesZA okuwuhlelo oluzolekelela amabhizinisi abesifazane ukuthi abambe iqhaza ochungechungeni lwemisebenzi yokukhiqizwa nokuthengiswa kwempahla emhlabeni wonke jikelele futhi bakwazi nokufinyelela ngempumelelo ezimakethe lapho bezothengisa khona imikhiqizo yabo.

1.7.  Umsebenzi wokuhlola nokulinga ukuthi lungasebenza kahle yini uHlelo Lokuthuthukiswa Kwezifunda wenziwe ngonyaka odlule kumkhandludolobha owodwa kanye nasezifundeni ezimbili kanti futhi kulo nyaka lo msebenzi uzoqaliswa kuzo zonke izifunda kanye nemikhandludolobha. Lokhu kuzoqalisa ukusebenza kohlelo olubanzi lokuthunyelwa kwezidingongqangi kubantu, okuwuhlelo olulodwa olwesekwa yimikhakha yomithathu kahulumeni.

1.8.  Inkulumo kaMongameli inxenxe futhi yagqugquzela bonke abantu ukuthi babumbane futhi bahlabele phambili ekunqobeni izinselele elibhekene nazo leli lizwe futhi kwakhiwe nenqubo yentando yeningi labantu esebenza kahle kuleli laseNingizimu Afrika. IKhabhinethi limema yonke imikhakha yemiphakathi ukuthi ibambisane nohulumeni ekuqaliseni ukusebenza kwe-PoA kahulumeni.  

1.9.  Ngenkathi kubanjwe izinkulumo-mpikiswano ePhalamende kuleli viki, amalungu esigungu seziPhathimandla azohlinzeka ngemininingwane ethe xaxa futhi achaze kabanzi nge-PoA ezoqaliswa kulo nyakamali esiwuphethe futhi idlulele naseminyakeni ezayo.

2.  INgqungquthela Yenhlangano Yamazwe ase-Afrika (i-AU)

2.1.  IKhabhinethi lihalalisela uMongameli Ramaphosa ngokuthatha kwakhe izintambo njengozihlalo we-AU, egameni leNingizimu Afrika. UMongameli uzosebenzisa lesi sikhundla sakhe ukugqugquzela noqhubekisela phambili ukuthula nozinzo, ukuphatha okuhle, ukulingana ngokobulili kanye nokuhlonyiswa nokufukulwa kwabantu besifazane, ukuze kukhuliswe umnotho we-Afrika. Futhi ngokuhamba kwalo nyaka, sizoqala ukusebenza iSivumelwano Sokuhwebelana Mahhala Kwamazwe Ezwekazi lase-Afrika, (i-AfCFTA).

2.2.  Lesi sivumelwano sizokwakha imakethe yokuhwebelana eyodwa ebandakanya wonke amazwe angama-54 anabantu abangu-1,2 wezigidigidi, okungamazwe anesamba-mkhiqizo esingaphezu kuka-US$3 trillion uma esehlangene.  Njengosihlalo, iNingizimu Afrika izosingatha ingqungquthela yokuphuthola inqubo-nkambiso ezolandelwa ekuqaliseni ukusebenza kwe-AfCFTA.

2.3.  INingizimu Afrika futhi izosebenzela ukufezekisa i-Afrika enozinzo noxolo ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Sithulisa Izibhamu: Sakha Izimo Ezikulungele Ukuthuthukiswa kwe-Afrika”.

2.4   IKhabhinethi liyakwamukela futhi nokuvuselelwa koHlelo Oluqondiswe Kulabo Bantu base-Afrika Abathe Chithi Saka Ezingxenyeni Zonke Zomhlaba. Isibalo sabantu base-Afrika abasabalale emhlabeni wonke jikelele kanye namakhono nezinsiza eziqukethwe yilaba bantu, kwenza ukuthi kube nesidingo sokuthi kube nezindlela zokuqinisekisa ukuxhumana okuhle ngenhloso yokuthuthukisa ubudlelwano nensebenziswano engalekelela futhi ifake isandla ekuthuthukisweni kwaleli zwekazi.

3.  Uhambo Olusemthethweni Lokuvakashela kukaNdunankulu waseJalimane Kuleli

3.1.  IKhabhinethi liyayamukela imiphumela yohambo olusemthethweni lokuvakashela kukaNdunankulu waseJalimane, u-Angela Merkel kuleli, osekuqinise ubudlelwano obukhona njengamanje phakathi kwalawa mazwe amabili. UNdunankulu Merkel ubevakashele eNingizimu Afrika kusukela mhla ziyisi-5 kuya kumhla ziyisi-7 kuNhlolanja 2020 emva kokuthola isimemo esivela kuMongameli Ramaphosa.

3.2.  INingizimu Afrika isebenzise leli thuba ukuhlinzeka izwe laseJalimane ngolwazi oluphathelene namathuba amaningi okutshalwa kwezimali akhona kuleli. Lokhu kwenziwa ngenkathi kubanjwe iSithangami Sezamabhizinisi ebesibandakanya abaholi baseNingizimu Afrika kanye nethimba losomabhizinisi abebephelezele uNdunankulu Merkel. Njengelinye lamazwe atshale imali eningi impela eNingizimu Afrika, iJalimane inezinkampani ezevile kuma-600 ezizinze kuleli.

4.  INgqungquthela Yesivumelwano Sabantu Bonke Sobumbano Lomphakathi kanye Nokwakha Isizwe

4.1.  IKhabhinethi lihlanganyela noMongameli Ramaphosa ekwamukeleni imiphumela yeNgqungquthela Yesivumelwano Sabantu Bonke Sobumbano Lomphakathi kanye Nokwakha Isizwe eyabe ibanjwe ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Ishumi-nyaka Lobumbano Nokuvuselela: Siphokophele Esivumelwaneni Sabantu Bonke Sobumbano Nokwakha Isizwe”.

4.2.  Ngaphansi kobuholi boMnyango Wezemidlalo, Ezobuciko kanye Namasiko – futhi ngokuhlanganyela neHhovisi likaMongameli kanye nabanye ababambiqhaza abasemqoka – abamabhizinisi, uhulumeni, abasebenzi kanye nezinhlangano zomphakathi wonkana, bavumelana ngokuthi bazosebenza ngokubambisana ekwakheni umphakathi obumbene futhi kugqugquzelwe inkululeko, uxolo kanye nokuvikeleka, ngokunjalo futhi nokuhlonishwa kwawo wonke amalungelo esintu.

4.3.  Lesi sivumelwano sabantu bonke siqhubekisela phambili uHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe, olugqugquzela isidingo sobambiswano ekukhuliseni iNingizimu Afrika, uma kubhekwa isimo soqhekeko nokwahlukana obekukhona phakathi kwabantu bakuleli esikhathini esedlule, ikakhulukazi uqhekeko phakathi kwezinhlanga ezihlukahlukene zakuleli, futhi olusekhona nanamuhla.

5.  Igciwane i-Corona

5.1.  IKhabhinethi liyaphinda futhi liyagcizelela ukuthi zonke izikhungo zezempilo zakuleli sezimi ngomumo futhi sezikulungele ukubhekana negciwane i-Corona, uma kungenzeka libheduke kuleli. Ayikho imibiko etholakele yokubonakala kwaleli gciwane kuleli lizwe futhi akekho umuntu osolakala sengathi usethelelekile futhi iKhabhinethi liyagcizelela phezu komyalezo kaNgqongqoshe Wezempilo, uDkt Zweli Mkhize, othi sekwenziwe wonke amalungiselelo afanele kanye nezinyathelo zokuvimbela nokunqanda ukutheleleka kwabantu kuleli.

5.2.  Zonke izintuba zokungena kuleli lizwe zisiqaphe ngamehlo okhozi isimo futhi izisebenzi zezempilo zimatasa zihlola izinga-kushisa kuzo zonke izivakashi noma izihambi zakwamanye amazwe ezingena kuleli. Ngaphezu kwalokho, iNingizimu Afrika seyihlanganise futhi yasabalalisa imihlahlandlela yokwelapha kanye nezincazelo zokuhlonza leli gciwane, eziqondiswe kodokotela kanye nabahlengikazi emkhakheni kahulumeni, ngokunjalo nasemkhakheni ozimele.

5.3.  Zonke izifundazwe sezisungule amathimba okubhekana ngqo nokubheduka kwaleli gciwane, futhi zisiqaphile isimo ukuze zikwazi ukuhlonza nokulawula ukutheleleka okungahlosiwe okungenzeka kuqubuke kuleli. Futhi sekuhlonzwe nezibhedlela eziningana ezweni lonkana ezizoba yizizinda zokugcina ndawonye, endaweni evalelekile, bonke abantu abathelelekile futhi lapho kuzokwelashelwa khona noma yimuphi umuntu osetheleleke ngegciwane i-Corona.

5.4.  Ngokusebenzisana neNdlu yeNxusa lase-China sisiqaphe ngamehlo okhozi isimo futhi siqinisekile ukuthi sikulungele ukulanda nokuthutha abafundi baseNingizimu Afrika nezinye izakhamuzi zakuleli njengamanje ezise-Wuhan, kwelase-China, uma kwenzeka kuvela isidingo salokho.
 
B.  IziNqumo ZeKhabhinethi
6.  Isivumelwano Sobungani Nobambiswano neNingizimu-mpumalanga ye-Asia (i-TAC)
6.1.  IKhabhinethi likugunyazile ukwamukela kweNingizimu Afrika isivumelwano se-TAC, esizothunyelwa ePhalamende ukuze siqinisekiswe futhi sigunyazwe ngokusemthethweni. Inhlangano Yamazwe Aseningizimu-mpumalanga ye-Asia (ASEAN) ibandakanya esinye sezifunda ezikhula ngesivinini esikhulu futhi esinomdlandla omkhulu emhlabeni. Ukwamukelwa kwe-TAC kuzohlinzeka amabhizinisi aseNingizimu Afrika ngethuba lokufinyelela kulesiya sifunda, futhi kuzovumela namazwe e-ASEAN ukuthi afinyelele ezimakethe zaseNingizimu Afrika ngokunjalo futhi nasezimakethe zesifunda seNhlangano Yokuthuthukiswa Kwamazwe aseNingizimu ye-Afrika.

7.  INgqungquthela yehlandla lesi-6 yeNhlangano Yezizwe (i-UN) Yobambiswano Lwamazwe Ngamazwe Kwezobuchwepheshe Emizamweni Yokugcina Uxolo

7.1.  IKhabhinethi livumile ukuthi iNgqungquthela yehlandla lesi-6 yeNhlangano Yezizwe (i-UN) Yobambiswano Lwamazwe Ngamazwe Kwezobuchwepheshe Emizamweni Yokugcina Uxolo ibanjelwe eNingizimu Afrika kusukela mhla zingama-23 kuya kumhla zingama-26 kuNhlangulana 2020. Nakuba amazwe ahlukahlukene ewusingathile lo mcimbi esikhathini esedlule, kuzobe kungokokuqala ngqa ukuthi ibanjelwe kwelase-Afrika.

7.2.  Le ngqungquthela ifaka isandla ekuthuthukiseni leli zwekazi ukuze kuvinjelwe izingxabano nokungqubuzana, kugcinwe uxolo, ukuvikeleka kanye nokwakha kabusha nokuletha intuthuko uma sekuphelile ukuklwebhana nokungqubuzana. Kulo nyaka kuzogxilwa ekutholeni izixazululo ngokuthi kugqugquzelwe ukusetshenziswa kobuchwepheshe nemiqondo-msuka yesimanjemanje emikhankasweni nemisebenzi eqhutshelwa emphakathini, eholwa yi-UN.

Ngenkathi kubanjwe le ngqungquthela, iNingizimu Afrika izothola ithuba lokukhangisa ngemikhiqizo yezobuchwepheshe eyakhiwe kuleli kanye nezikhali zohlobo oluphambili ezikhiqizwa yimboni yezikhali yakuleli.

C.  Imithethosivivinywa

8.  UMthethosivivinywa Wezokuthengwa Kwempahla Nezinsizakalo Emkhakheni Kahulumeni


8.1.  IKhabhinethi likugunyazile ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wezokuthengwa Kwempahla Nezinsizakalo Emkhakheni Kahulumeni, ukuze umphakathi uphawule ngawo. Uma usuphasisiwe waba ngumthetho, lo Mthethosivivinywa uzoqeda ukusebenza koMthetho Wohlaka Lwenqubomgomo Yokucatshangelwa Kangcono Nokubekwa Eqhulwini Kwabantu Abathile uma Kuthengwa Impahla Nezinsizakalo Ezidingwa Nguhulumeni, wezi-2000 (uMthetho wesi-5 wezi-2000) futhi kuchitshiyelwe neminye imithetho ehlobene nokuthengwa kwempahla nezinsizakalo ezidingwa nguhulumeni.  

8.2.  Lo Mthethosivivinywa uphakamisa ukuthi kube nohlaka olulodwa lokulawula ukuthengwa kwempahla nezinsizakalo emkhakheni kahulumeni. UMthethosivivinywa usungula uphiko lokuthengwa kwempahla nezinsizakalo oluzolawula futhi lugqugquzele iSigaba 217 soMthethosisekelo WeRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika we-1996 kuhulumeni wonkana. Uhlinzekela umthetho ongesona neze isimbelambela, ozokwazi ukuhambelana nezimo ezihlukahlukene, oqondene namaqhingasu okucatshangelwa kangcono kwabantu abathile abadinga ukubhekelelwa kuqala, ngenhloso yokweseka izinjongo zikahulumeni zokubhekelela inhlalo-mnotho yabantu.

9.  UMthethosivivinywa Wezokulingana Emsebenzini wezi-2020

9.1.  IKhabhinethi likugunyazile ukwethulwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wezokulingana Emsebenzini, wezi-2020. Lezi zichibiyelo zizonikeza uNgqongqoshe Wezemisebenzi Nezabasebenzi amandla negunya, emva kokubonisana nalabo abathintekayo kulo mkhakha, lokwethula izimiselo ezizovumela ukuba kubekwe imigomo yamanani okumele kufinyelelwe kuwona ukuqinisekisa ukulingana emsebenzini, okuyimigomo eqondene ngqo nemikhakha ethile. Uzonciphisa futhi nomthwalo wokulawula osemahlombe abaqashi abancane. Lo Mthethosivivinywa uzogqugquzela amathuba alinganayo kanye nokuphathwa kwabantu ngendlela engachemile futhi enobulungiswa emsebenzini kanye nasekuqashweni kwabasebenzi, ngokuthi kuqedwe ukucwaswa okungafanele.  

10.  ISichibiyelo SoMthethosivivinywa Wokuthuthukiswa Kwamalungelo Okusebenzisa Umhlaba

10.1.  IKhabhinethi likugunyazile ukushicilelwa kweSichibiyelo SoMthethosivivinywa Wokuthuthukiswa Kwamalungelo Okusebenzisa Umhlaba, ukuze umphakathi uphawule ngawo. Lo Mthethosivivinywa uhlinzekela inqubo evunyelwe nguMthethosisekelo yokuthola nokuhlonza ukuthi ngubani umnikazi woqobo wamalungelo omhlaba futhi ngubani ovumelekile ukuhlala emhlabeni othile, ngenhloso yokulungisa inkinga yezigaba ezimbili zoMthetho Wokuthuthukiswa Kwamalungelo Okusebenzisa Umhlaba, we-1991 (uMthetho we-112 we-1991), ezingahambisani noMthethosisekelo. Le nqubo-kusebenza ekhona njengamanje iyabacwasa abantu besifazane ekuguqulweni kwamalungelo okusebenzisa umhlaba abe ngamalungelo obunikazi bomhlaba.

10.2.    Lo Mthethosivivinywa uqinisekisa futhi nokusebenza komthetho ofanayo ezweni lonkana, njengoba esikhathini esedlule lo Mthetho wabe ungasebenzi ‘ezabelweni ezabe zingozimele-geqe’ okuyisabelo saseBophuthatswana, Ciskei, Transkei kanye nesaseVenda.

11.  UMthethosivivinywa Wemikhumbi Yokuhweba wezi-2020

11.1. IKhabhinethi likugunyazile ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wemikhumbi Yokuhweba wezi-2020 ukuze umphakathi uphawule ngawo. Lo Mthethosivivinywa uhlose ukuqalisa ukusebenza kwenhloso-mbono kahulumeni yokuvuselela umkhakha wezokuthutha wasolwandle, kanye nokukhulisa indima edlalwa yilo mkhakha ekukhuliseni kanye nokuletha uguquko olunohlonze emnothweni wezwe. Lokhu kuhambelanisa izimiselo zokuthutha ngemikhumbi zeNqubomgomo Ebanzi Yezokuthutha Zasolwandle eyagunyazwa yiKhabhinethi ngowezi-2017. Uma usuphasisiwe waba ngumthetho, lo Mthethosivivinywa uzoqeda ukusebenza kwemithetho eminingana ephathelene nezasolwandle.

12.  UMthethosivivinywa Wezokuphepha Ezitimeleni wezi-2020

12.1.  IKhabhinethi likugunyazile ukwethulwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wezokuphepha Ezitimeleni, wezi-2020. Lo Mthethosivivinywa uhlose ukuqinisa ukuphepha emkhakheni wezokuthutha ngezitimela wezwe lethu futhi uhlose nokuqinisekisa ukuthi umkhakha wokuthutha ngezitimela uba ngumkhakha wezokuthutha ohehayo, futhi ofaka isandla esibonakalayo impela emnothweni wezwe.

12.2.  Lo Mthethosivivinywa wagunywazwa okokuqala ngoNhlolanja 2018 njengoMthethosivivinywa osukulungele ukuthi kuboniswane ngawo nomphakathi futhi wathunyelwa kuzo zonke izifundazwe ngoNdasa 2018 ukuze umphakathi ukwazi ukuzwakalisa imibono yawo ngawo. UMthethosivivinywa osugunyaziwe ozothunyelwa ePhalamende ubandakanya nemibono neziphakamiso ezatholakala ngenkathi kubanjwe izigcawu zokufakana imilomo nomphakathi. Inqubo yasePhalamende nayo izowulungisa futhi iwucolisise kahle lo Mthethosivivinywa ngaphambi kokuba uphasiswe ube ngumthetho.

13.  Isichibiyelo SoMthethosivivinywa Wokudluliswa Kwezinqumo Eziphathelene Nezokuthutha wezi-2018

13.1.  IKhabhinethi likugunyazile ukwethulwa ePhalamende kweSichibiyelo SoMthethosivivinywa Wokudluliswa Kwezinqumo Eziphathelene Nezokuthutha wezi-2018. Lo Mthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wokudluliswa Kwezinqumo Eziphathelene Nezokuthutha, wezi-1998, (uMthetho wama-39 we-1998) obhekene nezicelo zokudluliswa kwezinqumo eziphathelene nezicelo zezimvume zezithuthi zomgwaqo (manje osekubizwa ngamalayisensi okuqhuba umsebenzi wezokuthutha). Lezi zichibiyelo zibhekisisa nezinguquko zenqubumgomo, nokunye okusha okwenzekile, ngokunjalo futhi nemithetho emisha kusukela ngowe-1998.

13.2.  Lo Mthethosivivinywa uhlela kabusha futhi wenze ngcono izinqubo zokudlulisa izinqumo ukuze zibuyekezwe, okuyinto eholela ekutheni kunciphe izindleko futhi kongeke nesikhathi, futhi wenza ukuthi abaqhubi bomsebenzi wezokuthutha abangena bephuma emingceleni yamazwe ahlukahlukene, bethutha abagibeli, kanye nabanikazi bezithuthi zomphakathi ezisebenza ngaphakathi kuleli, bakwazi ukuthutha abagibeli ngaphandle kwezihibe futhi bakwazi ukuziphilisa ngalokho.

D.  Imiyalezo

14.  Amazwi okuhalalisa

14.1.  IKhabhinethi lihalalisela:

  •  ithimba labafundi baseNingizimu Afrika beBanga le-11: u-Sureshka Naidoo; Caitlin Schwarer; Nondumiso Ntshangase; Nosipho Dube; Mihlali Precious Stofile; Ondele Bede; Okhela Sigwela kanye noLizalise Dlomo, abadle umhlanganiso emncintiswaneni i-5th International School Moot Court Competition kwelase-Poland.
  •  umbhukudi waseNingizimu Afrika u-Natalie du Toit ngokuvotelwa angene ohlwini lokugcina lwabadlali abahlanu abazobanga iNdondo ye-Laureus Yomzuzu Wezemidlalo Ovelele kule minyaka engama-20 edlule (2000-2020).

15.  Amazwi enduduzo

15.1.  IKhabhinethi lithumele amazwi enduduzo:

  • emndenini nabangani bakaSolwazi Joseph Shabalala, obeyisilomo somculi futhi engumsunguli weqembu lesicathamiya eselihlabane ngezindondo ze-Grammy eziningana impela, i-Ladysmith Black Mambazo. Umculo wakhe ufake ugqozi kubantu abaningi emhlabeni wonke jikelele futhi waletha nobumbano kubantu baseNingizimu Afrika.   UMongameli Ramaphosa usegunyaze uMngcwabo Osemthethweni Okhethekile Osesigabeni Sesibili okuzohlonishwa ngawo uSolwazi Shabalala.
  • kuhulumeni kanye nabantu baseKenya ngokudlula emhlabeni kukaMongameli waseKenya waphambilini uMhlonishwa u-Daniel Toroitich Arap Moi, owaba nguMongameli wezwe laseKenya wesibili kulandela ukuthola kwalo inkululeko.
  • emndenini nabangani baKapteni Thabiso Collins Tolo (49), First Officer Tebogo Caroline Lekalakala (33) kanye noMhloli Wezindiza uGugu Comfort Mnguni (36), abashona engozini yokuphahlazeka kwendiza endaweni enezintaba eziningi eseduze kwase-Mossel Bay eNtshonalanga Kapa mhla zingama-23 kuMasingana 2020. Ngenkathi beficwa wukufa bebesebenzela uphiko lwezokuhamba ngezindiza lwaseNingizimu Afrika, phecelezi i-South African Civil Aviation Authority.
  • emndenini nabangani bakaMnu Marcelino dos Santos, ongomunye wabasunguli benhlangano i-Mozambique Liberation Front (i-FRELIMO), odlule emhlabeni eseneminyaka yobudala engama-90. Le ngqalabutho yomholi yabe ingomunye wabaholi ababewuphawu lokushabashekela izwekazi lase-Afrika nabantu balo kanye nokulibeka eqhulwini kukho konke okwenziwayo. Ubengumakadebona womzabalazo wezikhali wokulwela inkululelo yezwe lase-Mozambique, futhi ubengusopolitiki nombhali wezinkondlo, futhi uma esayinda imibhalo yezinkondlo zakhe ubezibiza ngegama-mbumbulu elithi Lilinho Micaia noma elithi Kalungano.
     

E. Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abasebenzi kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.

16.  Mnu Busani Ngcaweni oqashwe njengoThishanhloko weSikole Sikazwelonke Sikahulumeni, phecelezi i-National School of Government.
17.  Nkz Yoliswa Makhasi oqashwe njengoMqondisi-Jikelele woMnyango Wezemisebenzi Kahulumeni Nokuphathwa Kwayo.
18.  Mnu Ayanda Kanana oqashwe njengoMphathi Omkhulu (u-CEO) kanye noMqondisi Omkhulu weBhange Lentuthuko Lezomhlaba Nezolimo.
19.  Mnu Basil Bryan Ford oqashwe njengoMphatheli Omkhulu kanye NesiPhathimandla Esiphendulayo se-Universal Service and Access Agency of South Africa.
20.  Mnu Luvuyo Keyise oqashwe njengoMphatheli Omkhulu kanye NesiPhathimandla Esiphendulayo soPhiko Lombuso Lwezobuchwepheshe Bolwazi, phecelezi i-State Information Technology Agency.
21.  Amalungu eBhodi Leziqiwu Zikazwelonke zaseNingizimu Afrika:

a.  Mnu Zola Luxolo Fihlani;
b.  Nkz Gertrude Buyelwa Koyana;
c.  Mnu Faizal Docrat;
d.  Mnu Jeoffrey Mashele.

22.  Amalungu eBhodi le-South African Biodiversity Institute:

a.  Nkz Phuthanang Cenea Motsielwa;
b.  Nkz Pamela Bulelwa Yako; kanye no
c.  Dkt Kowiyou Yessoufou.

23.  Amalungu eBhodi le-Isimangaliso Wetland Park Authority:

a.  Slz Antonia Thandi Nzama (uSihlalo);
b.  Nkz Nomagcisa Cawe;
c.  Slz Christopher Peter Small;
d.  Mnu Leon Langalibalele;
e.  Nkz Letlhogonolo Noge-Tungamirai;
f.  Mnu Gonasagren Ganesh Nair;
g.  Inkosi Tembe Mabhudu Israel;
h.  Ummeleli we-KwaZulu-Natal Tourism Authority;
i.  u-CEO; kanye
j.  Nommeleli woMnyango Wezemvelo, Ezamahlathi Nezokudoba.

Imibuzo: Nkz Phumla Williams – iBamba Lomkhulumeli WeKhabhinethi
Iselula: 083 501 0139

 

Share this page

Similar categories to explore