Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wangomhla zingama-23 Ntulikazi 2014

1. Isimo seKhabhinethi ezindabeni ezisemqoka esimweni samanje

1.1 IKhabhinethi iyakwamukela ukwethulwa kwe-Operation Phakisa nguMongameli u-Jacob Zuma, okuwumkhankaso wokusheshisa ukufezekiswa kwemikhawulo uhulumeni azibekele yona, ngokulandela izinhlelo ezinohlonze futhi ezinemininingwane ephelele zokuqaliswa komsebenzi okumele wenziwe, nokusonjululwa kwezinkinga kanye nokuthathwa kwezinyathelo eziphathekayo ukuze kukhuliswe umnotho. UMnyango Wezemvelo uzoba ngumnyango wokuqala ozohola uhlelo lokubambisana nabezimboni, abasebenzi, izinhlangano zomphakathi kanye nezifundiswa ukuze kusetshenziswane ekutholeni izindlela zokuvula amathuba ezomnotho ngokusebenzisa izilwandle zakuleli.

Ngowezi-2010, umnotho wasolwandle – wafaka imali eyizigidigidi ezingama-R54 kwiSamba Somkhiqizo Wezwe (i-GDP), futhi wavula amathuba emisebenzi abalelwa kwizi-316 000. Ubufakazi buyakhombisa ukuthi izilwandle zaseNingizimu Afrika zingafaka imali eyizigidigidi eziyi-R177 kwi-GDP yakuleli ngowezi-2033. Ulwandle lungavula futhi namathuba emisebenzi aphakathi kwezi-800 000 kanye nesigidi. La mathuluzi okukhulisa umnotho akhombise okungenani ukukhula ngamaphesenti amane emalini efakwa yilo mkhakha kwi-GDP kanye nokuvulwa kwamathuba emisebenzi.

Umkhakha wokufuywa kwezilwanyana zasolwandle nokulinywa kwezitshalo zasemanzini, ezokuthutha zasolwandle, ukucingwa kukawoyela negesi emajukujukwini olwandle kanye nokuvikelwa kwendalo yasolwandle konke kuhlonzwe njengemikhakha yomnotho wasolwandle okuzogxilwa kuyona. Ngaphansi komkhakha ngamunye kusungulwe uphiko oluzoqinisekisa ukuqhutshwa komsebenzi ngendlela efanele oluzolekelela ekusonjululweni kwezinselelo ezibalulekile.

1.2 IKhabhinethi ithanda ukudlulisa amazwi okubonga kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika kanye nomhlaba jikelele ngokubamba kwabo iqhaza oSukwini Luka-Nelson Mandela Lwamazwe Ngamazwe lwalo nyaka. Abantu baseNingizimu Afrika kuzo zonke izingxenye zelizwe lethu basabela ekhweleni elalibanxusa ukuthi banikele ngesikhathi namandla abo ngenhloso yokwenza umehluko. Umkhankaso wokuhlanza izindawo esiphila kuzona wenza lezi zindawo zibukeke kahle futhi uqinisekisa nokulondolozwa kwemvelo yethu. Njengengxenye yalo mkhankaso, uMnyango Wokwengamela Ngokubambisana kanye neZendabuko wathumela izisebenzi zikaMasipala Ezinolwazi Lomsebenzi ezingama-150 komasipala abahlukahlukene ukuze bayofaka isandla kulo mkhankaso wokuhlanzwa kwezindawo, futhi ukuze kulekelelwe omasipala ngokuqhubekayo kuze kuphele unyaka.

Izoqiniswa futhi nemikhankaso efana nomkhankaso “we-War on Leaks” ogxile ekulwisaneni nokuvuza kwamanzi,  lapho kuzokhuthazwa khona intsha engasebenzi kanye namanye amalungu omphakathi ukuthi alekelele uhulumeni ekulungiseni amapayipi nompompi abavuzayo. IKhabhinethi ihlaba ikhwelo eliqondiswe kwimiphakathi ukuthi igcine imifula nemifudlana ihlanzekile futhi icwebile, njengoba lokhu kuholela ekutheni abantu baphile ngaphansi kwesimo esinempilo esingewona umthombo wezifo, esiphephile futhi esifanele ukuhlala abantu. Imifula nemifudlana engcolisekile iphazamisa futhi ibeke engozini imithombo yokuziphilisa yemiphakathi ehlala ezansi nomfula.

1.3  IKhabhinethi iyasemukela isivumelwano sokusungulwa kweBhange Lentuthuko Elisha (NDB) esenziwe kwiNgqungquthela Yesithupha Ye-BRICS kwelase-Brazil kanye nokusungulwa kwehhovisi lesifunda lale libhange eGoli. I-NDB izoqinisa ukubambisana phakathi kwamazwe angamalungu e-BRICS futhi ilekelele imizamo yezinye izikhungo zokubambisana nokusebenzisana kwamazwe kanye nezikhungo zesifunda zezezimali, okuzoholela ekutheni amazwe angamalungu e-BRICS azibophezele ngokuhlanganyela ekufezekisweni kwenjongo yokukhula komnotho okunohlonze, okusimeme futhi okuzohlomulisa amazwe ngokulinganayo.

Ihhovisi lesifunda lizodlala indima ebalulekile ekuxhasweni kwemiklamo yengqalasizinda kanye neyentuthuko esimeme kwizwekazi lase-Afrika. Ngaphakathi kohlaka lokusebenza lwe-NDB kuzosungulwa uphiko oluzokwenza umsebenzi wokulungiselelwa kwemiklamo oluzoqinisekisa ukufezekiswa kwemiklamo yengqalasizinda eminingi kuleli zwekazi. Kuze kube manje beyingakaqaliswa le miklamo ngenxa yokuntuleka kwezimali zokwenza umsebenzi wokulungiselelwa kwemiklamo, okuyisinyathelo esibaluleke kakhulu sokuqinisekisa ukuthi imiqondo ephathelene nomklamo isikulungele ukuxhaswa ngezimali kanye nokuqaliswa.

1.4 IKhabhinethi izwakalise ukukhathazeka okukhulu mayelana nokubhebhetheka kodlame phakathi kwelizwe lakwa-Israel kanye nelase-Palestine. IKhabhinethi igcizelele ikhwelo likaMongameli Zuma eliqondiswe kuhulumeni wakwa-Israel ukuthi uyeke ukuhlasela izwe lase-Palestine emoyeni naphansi, ngoba lokhu kuyaqhubeka nokuholela ekulahlekeni kwemiphefumulo futhi kubangela ukuthi kube nesibhicongo esibi kakhulu sokuhlukumezeka kwenhlalo yabantu. Ngaphezu kwalokho, iKhabhinethi inxusa i-Hamas ukuthi iyeke ukuhlasela izakhamuzi zakwa-Israel ngemicibisholo yamabhomu athunyelwa emoyeni.

IKhabhinethi iyaphikisana nemizamo efihlakele kaHulumeni wakwa-Israel yokusebenzisa isenzo sokuhlasela kwayo iGaza ngenhloso yokuphazamisa nokuhlakaza uHulumeni Wobumbano kwelase-Palestine. Ukungqubuzana okukhona phakathi kwelizwe lakwa-Israel nelase-Palestine akusoze kusombululeke ngempi. Isisombululo siyotholakala kuphela ngokuthi kubanjwe izingxoxo ezinohlonze futhi ezihambisana neqiniso nobuqotho ezibandakanya bonke abathintekayo.

INingizimu Afrika igcizelela ikhwelo likaNobhala-Jikelele weNhlangano Yezizwe Ezibumbene, uMnu. Ban Ki-moon, lokuthi zonke izinhlangothi eziyingxenye yalokhu kungqubuzana zibeke phansi izikhali ngokushesha, futhi kuqhubeke nohlelo obelumisiwe lokuthunyelwa kosizo kubantu baseGaza abakhungethwe wusizi nenhlupheko. IKhabhinethi ikhathazeke kakhulu ngesimo esibi senhlalo yabantu. Uhulumeni unxusa iziphathimandla zaseGibhithe ukuthi zivule imingcele yezwe laseGibhithe ukuze bathole usizo abantu baseGaza abalimele nabakhahlamezekile. 

1.5 Egameni labantu beRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika, iKhabhinethi ithanda ukudlulisa amazwi endunduzo emindenini nabangani bezisulu zendiza yeNkampani Yezindiza yase-Malaysia ephahlazeke kwelase-Ukraine mhla ziyi-17 Ntulikazi 2014.

1.6 IKhabhinethi ithanda ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini kanye nabangani bombhali owaklonyeliswa ngeNdodo ye-Nobel u-Nadine Gordimer odlule emhlabeni esikhathini esifushane esedlule. INingizimu Afrika iyohlala imkhumbula njalo uNksz. Gordimer njengesishoshovu esabe singenayo nencane ingebhe, esasebenzisa ipeni nezwi laso elinesibindi ukugxeka  izenzo ezimbi zikahulumeni wobandlulula zokucwaswa kwabantu ngokobuhlanga.
UNksz. Gordimer ungomunye wabasunguli beNhlangano Yababhali BaseNingizimu Afrika (COSAW) futhi njengelungu le-African National Congress ngowe-1989 wavela phambi kwenkantolo eyoncenga ukuthi zishaywe ngoswazi oluncane izishoshovu eziyi-11 ze-United Democratic Front kanye ne-Vaal Civil Association. Amanoveli akhe, okungamanoveli adlala indima enkulu emzabalazweni wokulwisana nobandlululo, ayekhuluma ngendlela eyabe izikhahlameza ngayo izimpilo zabantu baseNingizimu Afrika imithetho yobandlululo. 

1.7 IKhabhinethi ithanda ukudlulisa amazwi enduduzo kubazali baka-Taegrin Morris obeneminyaka emine oshone esehlakalweni sokudunwa kwemoto e-Reiger Park eNingizimu yedolobha laseGoli. IKhabhinethi nayo izibandakanya nalabo abasigxeka kakhulu isihluku esifana nalesi, ikakhulu esibhekiswe ezinganeni. IKhabhinethi iphinde yabonga amaphoyisa kanye namalungu omphakathi afake isandla emizamweni yokuthi atholakale ephephile uMongezi Phike othunjwe esikhathini esifushane esedlule emva kokudunwa kwemoto kayise.

1.8 IKhabhinethi ikhumbuza abantu baseNingizimu Afrika ukuthi Uphiko Olwengamele Izindondo Zokuhlonipha Abantu Abavelele  lumema abantu ukuthi baphakamise amagama amalungu omphakathi, izinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni, izinhlangano zomphakathi kanye nezenkolo afanelekile ukuklonyeliswa ngeziNdondo Zikazwelonke Zokuhlonipha Abantu Abavelele.

IziNdondo Zikazwelonke Zokuhlonipha Abantu Abavelele ziyindlela ephezulu kunazo zonke izwe elingahlonipha ngayo izakhamuzi zayo ezibe negalelo elikhulu ezweni. UMongameli, njengoMxhasi Omkhulu weziNdondo Zikazwelonke, nguyena ozoklomelisa ngezindondo labo abenze umsebenzi oncomekayo.

Amalungu omphakathi ayacelwa ukuthi athumele igama lomuntu ovelele emphakathini wabo ngokuthi bagcwalise ifomu elitholakala ku-www.thepresidency.gov.za.

Leli fomu kumele lihambisane nencwadi eseceleni equkethe le mininingwane elandelayo:

  • isigatshana esiqukethe imininingwane efingqiwe yezinto ezenziwe yilowo okuphakanyiswe igama lakhe;
  • uhla lwezinto eziyingqophamlando ezenziwe yilowo okuphakanyiswe igama lakhe emsebenzini wakhe kanye/noma emhlabeni jikelele; kanye
  • nencazelo yomsebenzi wakhe ovelele futhi okhombisa ukuzimisela nokuzinikela okukhulu noma isenzo esikhombisa isibindi nobuqhawe.

Ukwamukelwa kweziphakamiso kuzovalwa mhla zingama-31 Ntulikazi 2014.

2 Izinqumo zeKhabhinethi eziqavile

2.1 IKhabhinethi ihlinzekwe ngolwazi mayelana nohlelo lokungenelela eSifundazweni saseLimpopo ngokweSigaba 100 (1) (b) futhi ikwamukelile ukuthi lolu hlelo lokungenelela lususwe ngaphansi kwesigaba 100 (1) (b) lufakwe ngaphansi kwesigaba 100 (1) (a) nokuthi iSigungu Sabaphathi Besifundazwe sinikezwe imibandela ecacile yezinto okumele zenziwe ngaphambi kokuthi lufakelwe izibuko udaba lokuhoxiswa ngokuphelele kohlelo lokungenelela. Ngokulandela uMthethosisekelo, wazisiwe ngalokhu uMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe futhi kuboniswene nawo. Kuzobanjwa esinye isithangamu sabezindaba ngasekuqaleni kweviki elizayo lapho kuzohlinzekwa khona ngemininingwane ephathelene nalokho okuzuziwe kanye nenqubo ezolandelwa kusukela manje kuya phambili.

2.2  IKhabhinethi ilwamukelile uHlaka Lokusebenza Lwesikhathi Esimaphakathi sowezi 2014-2019 (MTSF) oluzosebenza njengesisekelo seminyaka emihlanu yokuqala okuzokwakhelwa phezu kwaso njengoba kuphokophelwe ekufezekisweni kwenhloso-mbono yowezi-2030 okukhulunywa ngayo oHlelweni Lokuthuthukiswa Kwezwe (NDP). I-MTSF iqukethe izinhlelo ezinemininingwane ephelele zeminyaka emihlanu yokuqaliswa kokusebenza kwe-NDP, ezihambisana nemikhawulo okuhloswe ukuthi kufinyelelwe kuyona, nezinkomba, namaqhaza nemisebenzi kanye neminqamulajuqu yokuqaliswa kwezinyathelo ezibalulekile – ukuze kube nokuhlola nokuqapha okuhlelekile kokuqaliswa kwe-NDP futhi okusekelwe phezu kobufakazi obuphathekayo.

I-MTSF yakhela phezu kwalokho uhulumeni akufundile ngehlandla lokuphatha kwakhe lowezi 2009-2014, lapho kwethulwa khona ukuhlela okusekelwe phezu kwemiphumela, nokuqapha kanye nokuhlola, okuyinto eyabe yenziwa okuqala ngqa. Ngaleso sikhathi kwathuthukiswa izivumelwano zokusebenza eziphathelene nokufezekiswa kwemiphumela eyi-12 yezinto ezibekwe eqhulwini nguhulumeni, ezibandakanya ikhwalithi yemfundo eyisisekelo, ukuphila isikhathi eside kwabantu bonke baseNingizimu Afrika, ezokuphepha nokuvikeleka, ukukhula komnotho okubandakanya umuntu wonke, namathuba omsebenzi osezingeni elamukelekile kanye nokuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya nezinguquko kwezomhlaba, futhi kwathuthukiswa nezindlela zokuqapha nokuhlola ukuthi ziyafezekiswa yini lezi zinto ezibekwe eqhulwini.

Kuleli hlandla lokuphatha lowezi 2014-2019 sikhushuliwe isibalo semiphumela safinyelela kweyi-14, njengoba kwengezwe imiphumela emibili emisha – ukuvikelwa komphakathi nobumbano lomphakathi kanye nokwakhiwa kwesizwe. Uma sekukonke, le miphumela eyi-14 ifaka phakathi zonke izingxenye ze-NDP. IHhovisi LikaNgqongqoshe Wezokuhlela, Ukuqapha kanye Nokuhlola lizobamba isithangamu nabezindaba khona maduze nje mayelana ne-MTSF.

2.3  IKhabhinethi ikwamukelile ukuthi iNingizimu Afrika isingathe iNkulumo-mpikiswano Yamazwe Ngamazwe Yokubambisana Okukhombisa Ukukhalipha Nokuhluzeka Komqondo  ngenyanga kaMfumfu 2014 ngaphansi kwengqikithi ethi: “Ukusebenzisa Ezesayensi, Ezobuchwepheshe kanye Nezindlela Ezintsha Zokwenza Izinto (STI) ukuze kulethwe uGuquko Kwezenhlalo-mnotho ngokusebenzisa iMigomo Yokubambisana Okukhombisa Ukukhalipha Nokuhluzeka Komqondo”.

Le nkulumo-mpikiswano ihlinzeka ngethuba lokuthi iziNhloko Zemibuso, abaholi bezebhizinisi, ososayensi, izifundiswa kanye nabafundi babelane ngolwazi nemiqondo yabo mayelana neze-STI. Ngaphezu kwalokho, inkulumo-mpikiswano ihlose ukukhuthaza uguquko kwezenhlalo-mnotho, intuthuko kanye nokukhula komnotho e-Afrika.

Ukusingathwa kwale nkulumo-mpikiswano kuzolekelela futhi nasekufezekisweni kwezinhloso nezinjongo ze-NDP eziphathelene nokuphuculwa kwezesayensi nezobuchwepheshe ukuze kulethwe uguquko kwezenhlalo-mnotho eNingizimu Afrika futhi izwe lethu lihambe phambili emkhakheni wokuqhamuka nezindlela ezintsha zokwenza izinto,  siwaqwaqwade emakhanda amanye amazwe esakhelene nawo kulesi sifunda sethu, namazwe ezwekazi lethu kanye nawomhlaba jikelele.

3 Imicimbi ezayo

3.1  UMongameli u-Jacob Zuma uzokwethula iNyanga Yabesifazane Ezindlini Zombuso mhla zingama-31 Ntulikazi 2014 ngaphansi kwengqikithi ethi: “Umgubho Weminyaka engama-60 yoSomqulu Wabesifazane njengengxenye yeminyaka engama-20 Yenkululeko, Siqhubekisela I-Ajenda Yabesifazane Phambili!” IPhalamende Lamazwe Ase-Afrika nalo lizoba yingxenye yalo mcimbi wokwethulwa kweNyanga Yabesifazane njengoba nalo lizobe lihlonipha iNhlangano Yabesifazane Yase-Afrika kanye neqhaza layo ekuletheni inkululeko kwabesifazane baseNingizimu Afrika.

Kunemicimbi eminingi ehleliwe ezokwenziwa ngenyanga kaNcwaba ngenhloso yokubungaza nokujabulela izinto ezifezekiswe yiNingizimu Afrika eziphathelene nokuguqulwa kwezimpilo zabantu besifazane baseNingizimu Afrika.  Umcimbi omkhulu uzobanjwa mhla ziyisi-9 kuNcwaba eThekwini. UMnyango Wezobuciko Namasiko, njengoba kuyiwona umnyango ozohola iNyanga Yabesifazane, ngoNcwaba uzokwethula futhi nohlelo Lwezinto ezingama-20 Ezinhle Kunazozonke Ezezenke Kwabesifazane. Le micimbi ebalulekile iqopha izinto ezifezekiswe ngabesifazane bakuleli abavelele kanye nezinto ezizuzwe yibona bonke abesifazane baseNingizimu Afrika. Imininingwane ephathelene nale micimbi izomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi.

3.2 UMongameli u-Jacob Zuma kulindeleke ukuthi ahole ithimba lezithunywa ezizobamba iqhaza kwiNgqungquthela Yabaholi BaseMelika Nabase-Afrika, ngaphansi kwengqikithi ethi: “Ukutshalwa Kwezimali Kwisizukulwane Esilandelayo”, ezobanjwa kusukela mhla ziyisi-5 kuze kube ngumhla ziyisi-6 Ncwaba 2014. Le ngqungquthela kulindeleke ukuthi ihlanganise abaphathi abakhulu bomkhakha wezamabhizinisi baseMelika nabase-Afrika ukuze kuxoxiswane ngokutshalwa kwezimali kanye namathuba okwenza ibhizinisi e-Afrika.

Kuzoba neminye imihlangano eseceleni ezoba phakathi kwabaPhathi Abayizinhloko (ama-CEO) baseMelika kanye nabase-Afrika, futhi kubanjwe noMhlangano WoNgqongqoshe ophathelene noMthetho Wentuthuko  Namathuba we-Afrika (AGOA). Ngale mihlangano kuhloswe ukuqinisa ubudlelwano phakathi kwezwe laseMelika kanye namazwe ase-Afrika ikakhulu kwezokuhwebelana kanye nokutshalwa kwezimali.

Imiphumela okulindeleke ukuthi ifezekiwe yilena: ukukhuthazwa kokusebenzisana nokudidiyelwa kwamazwe ezifunda zase-Afrika; ukusekelwa kwezinhlelo zentuthuko yezomnotho ezinhlobonhlobo zeNhlangano Yobumbano Lwamazwe Ase-Afrika, ezoxolo nokuvikeleka, kubandakanya nokwelulwa kwe-AGOA; izindaba eziphathelene nokuguquguquka kwesimo sezulu kanye nokuvikelwa kwemvelo; kanye nokulekelelwa kwamazwe ukuze akwazi ukufezekisa izinjongo zenhloso-mbono ye-Afrika yowezi-2063.

3.3 UMnyango Wezesayensi Nobuchwepheshe uzokwethula iViki Likazwelonke Lezesayensi  (NSW) mhla zi-2 Ncwaba 2014 ngaphansi kwengqikithi ethi: “Isayensi yanamuhla, isayensi yangomuso”. I-NSW lowezi-2014 lizoqhubeka kuze kube ngumhla ziyisi-9 Ncwaba 2014 ezweni lonke.  Ngeviki lezesayensi kuzoba nemicimbi eminingi ephathelene nezesayensi ezweni lonke. Lokhu kufaka phakathi nemibukiso yezesayensi, izigcawu zokucobelelana ngolwazi kanye nokwethulwa kwezifundo. Imininingwane yemicimbi izomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi. IKhabhinethi ihlaba ikhwelo eliqondiswe kubazali, othisha, abafundi kanye nabo bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babambe iqhaza kwi-NSW yowezi-2014.

4 Abaqashiwe

4.1 IKhabhinethi yakuphawula ukwelulwa kwesikhathi sobulungu balaba abalandelayo njengamalungu eBhodi Likazwelonke Lezelotho, ngenkathi kusaphothulwa inqubo yokuqoka inkampani yesithathu ezohlinzekwa ngelayisensi yokwengamela iLotho.
a) Slz. Ntshengedzeni Alfred Nevhuṱanḓa (uSihlalo),
b) Nksz. Mathukana Mokoka,
c) Slz. Govin Reddy,
d) Nksz. Zodwa Paulina Ntuli (omele uMnyango Wezohwebo Nezezimboni), kanye no
e) Nksz. Ndileka Eumera Portia Loyilane.

4.2  IKhabhinethi yakwamukela ukuqokwa kwalaba abalandelayo njengabaQondisi Abangeyona Ingxenye Yesigungu Esiphezulu beBhodi Yophiko  Lwezokuphepha Olwandle eNingizimu Afrika (SAMSA).
  a) Vice Admiral Johannes Mudimu (uSihlalo),
  b) Dkt. Michael Harry Hendricks,
  c) Adv. Motsehoa Brenda Madumise (Iphini likaSihlalo),
  d) Mnu. Frederick Andrew Jacobs,
  e) Nksz. Nomsa Margaret Cele, kanye no
   f) Mnu. Brett Naidoo.

4.3 IKhabhinethi yakwamukela ukuqokwa kwalaba abalandelayo njengabaQondisi Abangeyona Ingxenye Yesigungu Esiphezulu beBhodi Yenhlangano Yabakhweli beZitimela YaseNingizimu Afrika (Prasa).
a) Nksz. Zodwa Penelope Manase,
b) Dkt. Popo Molefe (uSihlalo),
c) Nksz. Carol (Roskruge) Cele,
d) Mnu. William Solomon Steenkamp,
e) Nksz. Nonduduzo Samukeliswe Kheswa,
f) Nksz. Mashila Jemina Matlala,
g) Mnu. Sfiso Buthelezi (oqokwe kabusha),
h) Mnu. Xolile George (oqokwe kabusha njengoMele i-Salga),
i)  Mnu. Landon McMillan (omele uMnyango Wezezimali Kuzwelonke), kanye no
j) Mnu. Clement Manyungwana (omele uMnyango Wezokuthutha).

4.4  IKhabhinethi yavumelana nokuqokwa kwamalungu amasha oMkhandlu Womkhakha Wezinto Ezakhiwe Ngabantu.
Omele uMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi
a) Mnu. Sam Themba (Clive) Mtshisa,
Abamele uMnyango Wezengqalasizinda
a) Mnu. Zukile C Mvalo,
b) Nksz. Martina Mapula Tshangela,
c) Nksz. Itumeleng Sizwe Kgomo,
Abamele uMkhandlu Womkhakha Wezinto Ezakhiwe Ngabantu
a) Nksz. Christina Alida Breed,
b) Nksz. Ancunel Anna-Lucia Steyn,
c) Slz. Kathleen Anne Michell,
d) Mnu. Thembinkosi Matunda,
e) Nksz. Ezodidi Gugu Makongwana,
f) Mnu. Jerry Leigh Margolius,
g) Nksz. Anna-Marie Sassenberg,
h) Dkt. Zwanani Titus Mathe,
i) Mnu. Nicolaas Daniel Lombard,
j) Mnu. Sithiwe Thubane,
k) Mnu. Douglas Michell,
l) Mnu. Isaac Mzumara Nkosi (uSihlalo),
Abamele umphakathi
a) Nksz. Niniza Fortunate Sithole (Iphini likaSihlalo),
b) Adv. (Dkt.) Nalini Maharaj,
c) Adv. Derick Jeffrey Block, kanye no
d) Mnu. Reginald Gaolatlhe Sefotlho.

4.5  IKhabhinethi yavumelana nokuqokwa kwalaba abalandelayo njengamalungu eBhodi Yokuthuthukiswa Kwemboni Yezokwakha.
a) Nksz. Lindelwa Teresa Myataza (uSihlalo),
b) Mnu. Christopher Siphiwe Jiyane (Iphini likaSihlalo),
c) Nksz. Nazreen Sekao Pandor,
d) Mnu. Gonasagran Maduray,
e) Nksz. Nomsa Jacobs-Skweyiya,
f) Mnu. Sipho Abednego Mosai,
g) Mnu. Lefadi Lucas Makibinyane,
h) Nksz. Natalie Carol Skeepers,
i) Mnu. Selaelo Michael Makhura,
j) Nksz. Vuyiswa Victoria Sidzumo,
k) Nksz. Mandisa Fatyela-Lindie,
l)  Mnu. Hareesh Lakha Patel, kanye no
m) Mnu. Nico Maas.

4.6  IKhabhinethi yakwamukela ukuqokwa kwalaba abalandelayo njengabaQondisi  Abangeyona Ingxenye Yesigungu Esiphezulu beBhodi Yebhange Lentuthuko  Lamazwe ase-Afrika aseNingizimu (DBSA).
a) Nksz. Busisiwe Abigail Mabuza (oqokwe kabusha),
b) Dkt. Lungile Ntombifuthi Nokuthula Bhengu-Baloyi (oqokwe kabusha),
c) Nksz. Mary Vilakazi (oqokwe kabusha),
d) Nksz. Dawn Marole (oqokwe kabusha),
e) Nksz. Gugu Mtetwa,
f) Mnu. Mabotha Arthur Moloto,
g) Nksz. Anuradha Sing,
h) Slz. Mark Swilling.

Imibuzo ingaqondiswa ku: Phumla Williams (Ibambela Lokhulumela iKhabhinethi)
Inombolo yeselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore