ISitatimende Somhlangano Wekhabhinethi wangoLwesithathu, mhla zingama-29 kuNdasa 2023

A. Ezisematheni

1. Ugesi 

1.1. UNgqongqoshe Wezogesi, uDkt Kgosientsho Ramokgopa, uvakashele iziteshi zikagesi eziyi-14 ukuyozibonela mathupha izinselele ezibhekene no-Eskom eziteshini.  

1.2. Lokhu kuvakasha kunikeze uNgqongqoshe ithuba lokuxoxisana nabaphathi, abasebenzi kanye nezinyonyana lapho kusetshenzwa khona, ngenhloso yokuqinisa ukusebenzisana eziteshini, njengengxenye yohlelo lokuthuthukisa ikhono lokuphehla ugesi nokubhekana nokuntuleka kukagesi.  

1.3. IKhabhinethi livumelana noNgqongqoshe ekutheni abasebenzi baka-Eskom yibona abayisisombululo sezinselele zikagesi.  

2. Ucwaningo Lwabasebenzi Lwekota (i-QLFS) Lwezibalo Zemisebenzi

2.1. IKhabhinethi lamukele ukwenyuka kwezibalo zemisebenzi ezweni njengoba i-QLFS ibike ukunyuka ngesibalo esiyizi-48 000 semisebenzi emkhakheni ongewona owezolimo ngesikhathi sekota yesine ngowezi-2022. Ukukhula kwemisebenzi kwakuqhutshwa ezohwebo, ezamabhizinisi kanye nomkhakha wezimayini, nokwanyusa izibalo zemisebenzi kuleli lizwe zacishe zafikelela kwizigidi eziyishumi. 

2.2. Ukunyuka okuzinzile kwezibalo zemisebenzi kungumphumela wemizamo ehlangene yabobonke ababambiqhaza, ababambisene nohulumeni, ekuqalisweni koHlelo Lokwakhiwa Kabusha Nokuvuselelwa Komnotho (i-ERRP). 

2.3. Izibalo zomsebenzi zekota yesine ziyizithelo eziphuma kwimisebenzi eyizi-648 000 etholwe ngekota yesibili yowezi-2022 kanye nemisebenzi eyizi-204 000 eyasungulwa phakathi kwekota yesibili nekota yesithathu ngowezi-2022. 

2.4. Lokhu kuqaliswa kwe-ERRP kuholela ezindleleni zokusungula imisebenzi kanye nokulwa nokuswelakala kwemisebenzi nobubha. 

3. INgqungquthela Nombukiso wokugqugquzela ukuthenga imikhiqizo yalapha ekhaya i-Proudly South African Buy Local

3.1. IKhabhinethi lishayele ihlombe ukusingathwa ngempumelelo kweNgqungquthela Nombukiso we-11 we-Proudly South African Buy Local eGoli ngaphansi kwesiqubulo esithi: "Ukukhulisa umnotho nokusungula imisebenzi ngemikhiqizo yasekhaya" nalapho iPhini likaMongameli, uMnu Paul Mashatile ethula khona inkulumo, mhla wama-28 kuNdasa 2023. 

3.2. Lo Mbukiso ubonise impahla nezinsizakalo zalapha ekhaya ezingaphezu kwama-200 zekhethelo ezibalwa kusuka kumathoyizi, izinsizakufunda, ifenisha, ukudla kanye neziphuzo kuya kwimikhiqizo esebenza ngogesi, ebibonisa ikhono elikhulu leNingizimu Afrika lokusungula izinto ezintsha, ukuhambisana nezimo embonini yokukhiqiza kanye nekhono labakhiqizi balapha ekhaya. 

3.3. IKhabhinethi ligqugquzele osomabhizinisi nezakhamuzi ukuthi bathenge imikhiqizo yalapha ekhaya njengoba yonke imikhiqizo nezinsizakalo ezithengwa lapha zifaka igalelo ekuvuselelweni komnotho kanye nokwesekwa kwemizamo yokwakha amathuba emisebenzi.    

4. Ubudlelwano phakathi kweNingizimu Afrika ne-Belgium

4.1. IKhabhinethi lamukele ukuzethemba okubonakale eNingizimu Afrika ngesikhathi soHambo Olusemthethweni lweNkosi u-Philippe kanye neNdlovukazi u-Mathilde, baseBukhosini base-Belgium, ngokumenywa nguMengameli u-Cyril Ramaphosa, kusuka mhla wama-22 kuya mhla wama-27 kuNdasa 2023.  

4.2. Ubudlelwane bokuqinisa amaxhama kula mazwe womabili ngokugxila kwezohwebo, utshalomali kanye nezokuvakasha kube ngummongo walolu Hambo. Ngaphezu kwalokhu, iForamu Yezamabhizinisi yeNingizimu Afrika ne-Belgium ihlinzeke ngenkundla yokuxoxisana ngokwemikhakha ukuze kuzothuthukiswa ubudlelwano kwezohwebo notshalomali, okubonisa kuthembisa ukugqugquzela ukuthuthukiswa kwezimboni eNingizimu Afrika. 

4.3. I-Belgium ingomunye wozakwabo ababalulekile beNingizimu Afrika kwezomnotho nokuhwebelana ngempahla. Ngowezi-2020 iNingizimu Afrika yathumela impahla e-Belgium emikhakheni efana namadayimane, amaloli okuthutha impahla, amakhemikhali enziwe ngezinto eziphilayo kanye nemfucuza yensimbi eyigugu. Kuphinde kwaba namathuba otshalomali phakathi kwala mazwe womabili kwezamandla, ingqalasizinda kanye nokunakekelwa ngokwezempilo. 

5. INgqungquthela Kazwelonke kwezoMthethosisekelo

5.1. IKhabhinethi lamukele izingxoxo mayelana noMthethosisekelo kwiNgqungquthela Kazwelonke yezinsuku ezintathu (ngowama-22 kuya mhla wama-24 kuNdasa 2023) ngaphansi kwesiqubulo esithi: "Ukucabanga Ngomthethosisekelo: UMthetho, ukuziphendulela, ubulungiswa kwezenhlalo nakumnotho". Lezi zingxoxo zibuyele eminyakeni engama-25 yoMthethosisekelo futhi zabeka lokho okufanele ukuthi kwenziwe.  

5.2. UMthethosisekelo usalokhu ungumqulu ophilayo futhi obaluleke kakhulu endleleni kahulumeni yokuguqula izimpilo zabo bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi zibe ngcono. 

6. INgqungquthela Kazwelonke Yezobulungiswa Kwezocansi Nokuzala

6.1. Ukufinyelela kuMalungelo Ezempilo Kwezocansi Nokuzala bekunguwona mmongo engqungqutheleni ebibanjwe kusuka mhla wama-22 kuya mhla wama-24 kuNdasa 2023, ebiholwa nguNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi, uNks Lindiwe Zulu.  Uhulumeni uzinikele ekuqinisekiseni ukuthi bonke abantu banamandla kanye nezinsiza zokuthatha izinqumo eziphusile ngempilo yemizimba yabo, ucansi kanye nokuzala.  

6.2. Umbiko wesibili we-High-Level Commission ngeNgqungquthela Yomhlaba Yenani Labantu Nokuthuthukiswa ebizwa ngokuthi ‘Ubulungiswa Kwezocansi Nokuzala njengendlela yokugcina iZethembiso Zengqungquthela ye-Nairobi’ nawo wethulwa.   Lokhu kuhlinzeka umhlahlandlela wokuthola ubulungiswa kwezocansi nokuzala kubona bonke abantu eNingizimu Afrika.  

7. Izikhukhula nesimo sezulu esibi 

7.1. UMongameli u-Cyril Ramaphosa uvakashele e-Port St. Johns eMpumalanga Kapa mhla wama-28 kuNdasa 2023 ukuyohlola indlela uhulumeni nomphakathi ababhekane ngayo nesimo kulandela umonakalo omkhulu owadalwa izikhukhula zakamuva kule ndawo. UMongameli uqinisekise imiphakathi ngosizo lukahulumeni waphinde washayela ihlombe umsebenzi wabezimo eziphuthumayo abasize emizamweni yokutakula, emva kwezikhukhula e-Port St. Johns nezindawo ezakhelene nayo, ezidale ukudilika komhlaba, kwasiphuka izihlahla, kwavaleka imigwaqo nokuthikameze kakhulu izimpilo zabantu.  

7.2. ISikhungo Sikazwelonke Esilawula Inhlekelele sixhumanisa umsebenzi kahulumeni wokubhekana nalesi simo ngokusebenzisana nezikhungo zezifunda ezilawula inhlekelele eMpumalanga Kapa nase-OR Tambo ukunciphisa umthelela omubi wezikhukhula emiphakathini yakithi. IKhabhinethi likuphawulile ukusetshenziswa kwesayensi njengemizamo yokubhekana nokunciphisa isimo ngomsebenzi owenziwe nguMkhandlu Wesayensi Nocwaningo Lwezezimboni, ngokubambisana ne-South African National Space Agency, i-South African Environmental Observation Network (i-SAEON) kanye nabeZesimo Sezulu eNingizimu Afrika.  

7.3. Ngomphumela oya ngokuba mubi wokuguquguquka kwesimo sezulu, iqhaza lesayensi, ubuchwepheshe kanye nokuqanjwa kwezinto ezintsha ekunciphisweni kwenhlekelele, ukubhekana nenhlekelele futhi kwezinye izikhathi, ukuzigwema, yikhona osekubaluleke kakhulu. 

7.4. IKhabhinethi likhumbuze abantu abahlala ezindaweni ezingumehlelo nezijwayele ukuba nezikhukhula ukuthi bahlale beqaphelisisile futhi balandele izexwayiso zesimo sezulu.  

8. Izingxoxo zamaholo abasebenzi bakahulumeni 
8.1. IKhabhinethi laziswe ngezingxoxo eziqhubekayo zamaholo abasebenzi bakahulumeni futhi lamukela izinkomba ezibonisa ukuthi kungenzeka kufinyelelwe esivumelwaneni nezinyonyana ezimele iningi labasebenzi bakahulumeni. 

9. Ukuphendula kweKlasta Yezobulungiswa, Ukunqanda Ubugebengu Nezokuvikeleka (i-JCPS) ngoMbhikisho wama-20 kuNdasa

9.1. IKhabhinethi lishayele ihlombe imizamo yeKlasta ye-JCPS kanye neSigungu Sikazwelonke Sokusebenza Ngokubambisana Nobunhloli ngokuqinisekisa ukuthi umbhikisho wangama-20 kuNdasa 2023 udlule ngaphandle kwezigameko ezinkulu.  

9.2. Ngokwazi ukuthi umsebenzi walolu hlobo ngeke wenziwa zonke izinsuku, iKhabhinethi selijube iKlasta ye-JCPS ukuthi iqhamuke futhi yethule uHlelo Lokunqanda Ubugebengu oluhlanganisiwe oluholwa ngezobunhloli ukuze luzobhekana nobugebengu obuhleliwe, ukuphepha nokuvikeleka kwabantu baseNingizimu Afrika ngokuphuthuma nangempumelelo.   

9.3. IKhabhinethi lidlulise ukubonga kwalo ngobumbano oluboniswe iningi labantu baseNingizimu Afrika ngokuchitha izicelo zokuvala thaqa izwe kanye nokuvikela intando yeningi labantu engumthethosisekelo.  

10. Uphenyo lodaba loMdlwenguli waku-Facebook uThabo Bester

10.1. IKhabhinethi laziswe ngenqubekelaphambili yemizamo yokubopha owabaleka uThabo Bester, onguMdlwenguli waku-Facebook oweqa ejele eliphethwe yi-G4S. 

10.2. IKhabhinethi lijube uMnyango Wezokuhlunyeleliswa Kwezimilo ukuthi uphothule ngokushesha izinqubo zokuthatha amandla okuphatha izikhungo ezimbili zokuhlunyeleliswa kwezimilo eziphethwe izinkampani ezizimele nokuqinisekisa ukuthi labo ababandakanyekayo babhekana nemiphumela.  

11. Ukubulawa kuka-Messrs Cloete no-Thomas Murray

11.1. IKhabhinethi ligxeke kakhulu ukubulawa kuka-Mnu Cloete Murray kanye nendodana yakhe u-Thomas, abekade besebenza ngezikweletu abebebandakanyeka emacaleni ezikweletu abantu abaphezulu laphinde ladlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwa-Murray ngokulahlekelwa kwawo.
 
11.2. IKhabhinethi lijube abomthetho ukuthi bangashiyi lutho ophenyweni, futhi balethe ababulali nalabo ababaqashile ukuze bezobhekana nomthetho.      

12. I-Ejensi Elawula Imingcele (i-BMA)

12.1. IKhabhinethi lishayele ihlombe umsebenzi omkhulu wokulungiselela osuwenziwe ukuqinisekisa ukuthi i-BMA iyaqala ukusebenza njengenhlangano ezimele yodwana, kusuka mhla lu-1 kuMbasa 2023.  

12.2. I-BMA iyingxenye ebalulekile yomsebenzi kahulumeni wokuvikela ngempumelelo imingcele yaseNingizimu Afrika ngendlela evikela lokho okuligugu esizweni futhi ethuthukisa ukuvikeleka kwezwelonke.  

B. Izinqumo zeKhabhinethi

1. INqubekelaphambili oHlelweni Lokufudukela Ekusakazeni Ngedijithali (i-BDM)

1.1. IKhabhinethi litshelwe ngokwakamuva ngohlelo lwe-BDM njengoba izwe lilungiselela Ukucinywa kwe-Analogi kanye nezingxoxo ezibe khona namaqembu athintekayo, kubandakanya amalungu omphakathi. 

1.2. IKhabhinethi liyiphawulile inqubekelaphambili esiyenziwe ngokufakwa kwamabhokisi kumakhaya afanelekile ayefake izicelo zokusizwa nguhulumeni. 

1.3. IKhabhinethi ligunyaze uNgqongqoshe Wezokuxhumana Nobuchwepheshe Bedijithali ukuthi ashicilele kusomqulu usuku Lokucinywa Kwe-analogi eNingizimu Afrika.  

2. UMthetho Odingidwayo Wokongiwa Kwemvelo Nokusetshenziswa Ngendlela Esimeme Kwezinto Eziphilayo Emhlabeni

2.1. IKhabhinethi ligunyaze uMthetho Odingidwayo Wokongiwa Kwemvelo Nokusetshenziswa Ngendlela Esimeme Kwezinto Eziphilayo Emhlabeni.  

2.2. INingizimu Afrika ingelinye lamazwe emhlabeni elinezinhlobonhlobo zezinto eziphilayo kanti uMthetho Odingidwayo uzosiza izwe ukuthi lisebenzise lokhu kunotha ngezinto eziphilayo.  Ugcizelela ukubaluleka komkhakha wezinto eziphilayo ekukhuleni komnotho waseNingizimu Afrika, ukongiwa kwemvelo kanye nokulingana kumnotho wezinto eziphilayo.  Lo Mthetho Odingidwayo uphinde ugqamise ukubaluleka kokuvikelwa kolwazi lomdabu nezinhlobonhlobo zezinto eziphilayo.  

3. UHlaka Lwenqubomgomo Yokuxhaswa Kwamabhizinisi Amancane, Aphakathi Namancanyana (ama-SMME) kanye Nemifelandawonye     

3.1. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koHlaka Lwenqubomgomo Yokuxhaswa kwama-SMME Nemifelandawonye ukuze umphakathi uzophawula ngalo. Le Nqubomgomo iyingxenye yezingenelelo zokweseka amabhizinisi amancane, kubandakanya noHlaka Lukazwelonke Lokuthuthukisa Amabhizinisi Amancane olwagunyazwa yiKhabhinethi ngowezi-2022.  


3.2. Uhlaka lwenqubomgomo luphakamisa izingenelelo eziyi-17 ezibaluleke kakhulu ezizovumela ama-SMME alinganiselwa kwizigidi ezi-3.2 kanye nemifelandawonye eyizi-43 000 kuleli lizwe ukuthi kukhule. Lezi zingenelelo zibandakanya ukulungisa izindlela ezehlukene zokuxhasa ngezimali, ukuhlanganisa uhlu lwamabhizinisi amancane, ukwenza ngcono ukufinyeleleka ezimalini zokuqala ibhizinisi kanye nokunyusa usizo lokuthuthukiswa kwamabhizinisi.  

3.3. Uhulumeni usebeke eqhulwini ukusekwa kwama-SMME nemifelandawonye ngoba la mabhizinisi asungula imisebenzi eminingi futhi anikeza abantu amathuba amaningi ukuthi baziphilise.  

3.4. Uhlaka lwenqubomgomo luzoshicilelwa kuSomqulu Kahulumeni kanjalo nakwiwebhusayithi yoMnyango Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane ethi: www.dsbd.gov.za

4. UHlaka Lwezamanzi Nokuthuthwa Kwendle 

4.1. IKhabhinethi ligunyaze uHlaka Lwezamanzi Nokuthuthwa Kwendle oluzosetshenziswa njengomhlahlandlela wokuthi izinsizakalo zokuthuthwa kwendle zihlelwa kanjani, ziphathwe futhi zilawulwe kanjani ngendlela elinganayo futhi ehambisana nokuthuthukiswa kobuchwepheshe. 

4.2. Lolu Hlaka lwalusungulwe ukuthi luphinde luxazulule izinselele zokulethwa kwezidingonqangi ezibonakala ekugugeni nasekufadabaleni kwezingqalasizinda ngenxa yokunganakekelwa kahle, kanye nezingqalasizinda ebezingadalelwe ukusiza abantu abaningi.  

4.3. Lolu Hlaka luzophinde lusetshenziswe ukuvala igebe ekulethweni kwezidingonqangi futhi luhlinzeka ngezindlela zokwehlisa isibalo esiphezulu samakhaya angenazo izindlu zangasese eziphephile eNingizimu Afrika, lokhu kubandakanya ukuqedwa nya ukusetshenziswa kwamabhakede ezindaweni eziyimijondolo.   

4.4. UHlaka luphinde lunike imiyalelo yeziqu kanye nesipiliyoni okufanele abasebenzi abangama-process controllers babe nazo kwizihlanzimanzi kanye nesipiliyoni esidingekayo kubaphathi bezihlanzimanzi.   

5. Inqubomgomo Nesiqondiso Senqubomgomo Kwezokuthunyelwa Ngokushesha Kwamanethiwekhi Nezinsiza Zokuxhumana 

5.1. IKhabhinethi ligunyaze iNqubomgomo Nesiqondiso Senqubomgomo Kwezokuthunyelwa Ngokushesha Kwamanethiwekhi Nezinsiza Zokuxhumana.  

5.2. Inhloso yale Nqubomgomo Nesiqondiso Senqubomgomo ukukhombisa iSikhungo Sezokuxhumana Esizimele saseNingizimu Afrika (i-ICASA) ukuthi sikhiphe imithethonqubo ngezinqubo nezindlela zokuxazulula izingxabano ezingaba khona phakathi kwabanikazi bamalayisensi enethiwekhi yezokuxhumana nabaninimhlaba ngesikhathi sokuthunyelwa kwamanethiwekhi nezinsiza zokuxhumana.   

5.3. Ukuthunyelwa ngempumelelo kwamanethiwekhi okuxhumana uhulumeni ukubeke eqhulwini njengoba lokhu kweseka ukufudukela kwezwe emnothweni wedijithali.  

C. Abaqashiwe
Ukuqashwa kwabo bonke abalandelayo kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikeziwe izimvume ezifanelekile.

1. Nks Hapiloe Sello esikhundleni sokuba yi-CEO ye-South African National Parks. 

2. IBhodi Labaqondisi lase-Sentech Elingebona Abaphathi:
(a) Nks Sedzani Faith Mudau (obuyiselwe esikhundleni sikaSihlalo); 
(b) Nks Veronica Mmakoma Motloutsi (ophinde wabekwa);
(c) Mnu Themba Phiri (ophinde wabekwa);
(d) Nks Mapuleng Moropa (ophinde wabekwa);
(e) Dkt Tshavhuyo Sesane (ophinde wabekwa);
(f) Mnu Mbasa Metuse (ophinde wabekwa); 
(g) Ummeli Nkhumeleni Anderson Mudunungu (ophinde wabekwa);
(h) Mnu Luyolo Keyisa; kanye no
(i) Mnu Kiruben Pillay. 

D. IMithethosivivinywa

1. UMthethosivivinywa Ohlongozwayo Wokuchibiyela Ezogesi 

1.1. IKhabhinethi ligunyaze ukulethwa ePhalamende koMthethosivivinywa Ohlongozwayo Wokuchibiyela Ezogesi.

1.2. Izinhlosonqangi zoMthethosivivinywa Wokuchibiyela yilezi:
1.2.1. Ukuqinisa indima edlalwa nguMlawuli Wezamandla Kuzwelonke eNingizimu Afrika,
1.2.2. Ukuqinisa izindlela ezihambelana nokuhlinzeka kwemisebenzi edinga ilayisensi kanye naleyo engadingi ilayisensi;
1.2.3. Ukuhlinzeka ngezindlela zesikhashana zokwakha i-Transmission System Operator (i-TSO);  kanye
1.2.4. Nokuchaza umsebenzi we-TSO, phakathi kweminye, ebandakanya ukuhlinzeka ngenkundla yokuhweba ngogesi ezimakethe ezahlukahlukene, kanye nokuletha ukufinyeleleka kwinethiwekhi ethumela ugesi ngendlela engabandlululi.  

2. UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ezokulawula Ukuphathwa Komphakathi (i-PAMA) wezi-2023 

2.1. IKhabhinethi ligunyaze ukulethwa ePhalamende koMthethosivivinywa we-PAMA wezi-2023.  

2.2. Inhlosonqangi yalo Mthethosivivinywa ukwenza ngcono ukulethwa kwezidingonqangi ngokuqondanisa ngendlela abasebenzi, uhulumeni kanye nezinhlelo ezihambisana nalokhu kuzo zontathu izinhlaka zikahulumeni.  

2.3. UMthethosivivinywa uphinde ususe ukungaphathwa ngendlela efanele emiphakathini futhi uhlinzeke ngokusungulwa kohlaka lokuxoxisana ngamaholo. 

3. UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ezemisebenzi Yomphakathi wezi-2023

3.1. IKhabhinethi ligunyaze ukulethwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ezemisebenzi Yomphakathi wezi-2023. 

3.2. Lo Mthethosivivinywa uhlose ukucacisa indima nomsebenzi weziphathimandla eziphethe kwizikhundla zeziNhloko Zeminyango (ama-HoD) futhi unika amandla okulawula ama-HoD, ngesikhathi amandla okuqhamuka namasu amasha anikezwe iziphathimandla eziphethe. 

3.3. Lo Mthethosivivinywa uphinde wenezele indima edlalwa nguMqondisi-Jikelele eHhovisi likaMongameli yokusungula iNhloko Yezokuphathwa Komphakathi futhi ucacisa umsebenzi weKhomishana Yezemisebenzi Yomphakathi ngokwezikhalazo. 

4. UMthethosivivinywa Ohlongozwayo Wokuchibiyela Ezokuxhumana Ngobuchwepheshe 

4.1. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ezokuxhumana Ngobuchwepheshe ukuze umphakathi uzophawula ngawo.  

4.2. Inhloso yezichibiyelo eziphakanyisiwe ukukhuphula izinga lokuncintisana emkhakheni wezokuxhumana kanye nokwehlisa amanani.  

4.3. Lezi zichibiyelo zoMthetho Wezokuxhumana Ngobuchwepheshe zizovumela iSikhungo Sezokuxhumana Esizimele saseNingizimu Afrika ukulawula ngokukhululeka izindaba eziphathelene nokuncintisana kulo mkhakha. 

E. Imicimbi Ezayo

1. Amaholidi Ezikole 
1.1. IKhabhinethi lifisela bonke abafundi kanye nothisha ukuphumula abakufanele. 

1.2. Ukuphepha kwabantwana bethu kufanele kuhlale kuseqhulwini ngisho nangesikhathi samaholidi ezikole. 

2. IPhasika ne-Ramadaan
2.1. IKhabhinethi lifisela okuhle abakhonzi benkolo yobuKrestu kanye namaSulumane ngesikhathi sePhasika ne-Ramadaan. 

2.2. IKhabhinethi linxusa labo abazothatha uhambo ngesikhathi sala maholidi, ukuthi bahloniphe abanye abashayeli futhi bathobele imithetho yomgwaqo.  Abashayeli kufanele bashayele ngesivinini esifanele, futhi baqinisekise ukuthi izimoto zabo zisesimeni esifanelekile ukuba semgwaqeni, futhi bangashayeli bephuze amanzi amponjwana. 

3. INgqungquthela Yotshalomali yaseNingizimu Afrika (i-SAIC)

3.1. UMongameli u-Cyril Ramaphosa uzohola iNingizimu Afrika ekusingatheni i-SAIC yesiHlanu mhla we-13 kuMbasa 2023 e-Sandton Convention Centre eGoli.  

3.2. Kusukela ngengqungquthela yotshalomali yokuqala ngowezi-2018, iNingizimu Afrika isihehe izethembiso ezingamathriliyoni ayi-R1.14. Lokhu kulingana namaphesenti angama-95 alokhu ebesihlose ukukuzuza futhi kungutshalomali kulolonke uchungechunge lwemikhakha yomnotho.  

3.3. Kwizithembiso eziyi-152 ezenziwe ngokwedlule, imiklamo engama-45 isiphothuliwe, kanti imiklamo engama-57 yona isaqhubeka njengamanje. Lolu tshalomali seluholele ekwakhiweni kwamafemu amasha, izikhungo zezingcingo, iziphehlimandla zelanga, izintambo zikagesi ezihamba ngaphansi kolwandle, ukukhuliswa kokukhiqizwa nokwamukelwa kobuchwepheshe obusha. 

3.4. Ngesikhathi sokwethulwa kweNkulumo Echaza Isimo Sezwe, uMongameli wamemezela amathriliyoni ama-R2 esizibekele ukufinyelela kuwona ngesikhathi somzuliswano omusha wokunxenxa utshalomali.  

4. ISithangami Samabhizinisi Sokuhwebelana Kwamazwe ase-Afrika (i-AfCFTA)  

4.1. INingizimu Afrika izosingatha iSithangami Samabhizinisi se-AfCFTA okulindeleke ukuthi sibe se-Cape Town International Convention Centre mhla we-16 kuya mhla we-19 kuMbasa 2023, ngokubambisana noNobhala we-AfCFTA.

4.2. Isithangami samabhizinisi se-AfCFTA sizoba yinkundla yamabhizinisi kanye nabatshalizimali ukuthi baxhumane nabanye ozakwabo abasha kanye nabathengi, bakhulise igalelo labo futhi bafinyelele ezimakethe ezintsha kwimikhakha ebekwe eqhulwini.  

5. INyanga Yenkululeko 

5.1. INingizimu Afrika izobungaza inyanga Yenkululeko ngoMbasa ukukhumbula ukusuka kwezwe ngaphansi kwesikhathi sobandlululo laba izwe elikhululekile lentando yeningi labantu. Namuhla, bonke abantu baseNingizimu Afrika bathokozela ukuvikelwa koMthethosisekelo futhi sikhululekile ukuthi sibe ngabantu esiyibo kanye nokuphishekela amaphupho ethu ngaphandle kokuphula umthetho.    

5.2. Lokhu kuyisikhumbuzo sokuzidela okuningi okwenziwa ukuze sizothola inkululeko yethu eyaholela kukhetho lwezwe lokuqala lwentando yeningi labantu mhla we-27 kuMbasa 1994, ukuthokozela izinzuzo zenkululeko yethu kanye nempokophelo yethu yokusebenza ngokuzikhandla ukubhekana nezinselele ezisahaqe izwe lethu kanye nokuqinisekisa ukuthi asishiyi muntu emuva. 

F. Imiyalezo

1. Ukuhalalisa 
IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba abalandelayo: 
• uSomahlaya waseNingizimu Afrika, u-Trevor Noah, ohlabane ngomklomelo ohlonishwayo we-Europe Erasmus Prize, nokumenze waba ngusomahlaya wokuqala ngqa ukuhlabana ngalo mklomelo selokhu kwagcina ngo-Charlie Chaplin ngowe-1965. Umklomelo we-Erasmus Prize umklomelo waminyaka yonke ohlonyuliswa abantu noma izikhungo ezibe negalelo elimangalisayo kumasiko, umphakathi, noma isayensi yezenhlalo e-Europe nasemhlabeni jikelele. 
• labo abahlabene ngezindondo zomcimbi wokuqala we-Charlotte Maxeke African Women Leadership Awards, obusingathwe nguNgqongqoshe Wezobudlelwano Bamazwe Ngamazwe Nokubambisana, uDkt Naledi Pandor. Lo mcimbi ubonise futhi wahlonipha abaholi Besifazane base-Afrika abayingqayizivele ngempumelelo yabo, amandla abo, kanye negalelo labo elithuthukise i-Afrika emikhakheni eyehlukahlukene yomphakathi.  Imiklomelo iphinde yabonisa igalelo ekuthuthukisweni kokulingana ngobulili kanye nokunikezwa amandla kwabantu besifazane. 
• I-Banyana Banyana, njengoba ilungiselela umdlalo wayo wesibili weNdebe Yomhlaba ye-FIFA.  Bazothatha uhambo olubheke e-Serbia beyodlala umdlalo wobungani mhla we-10 kuMbasa 2023.
• I-Bafana Bafana ekwazile ukuthi ingene kwimiqhudelwano ye-2023 Africa Cup of Nations kulandela ukunqoba ngamanqaku amabili kwelilodwa inqoba i-Liberia e-Monrovia mhla wama-28 kuNdasa 2023.

2. Amazwi enduduzo 
IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo emndenini nakubangani balaba abalandelayo: 
• INxusa u-Moosa “Mosie” Moolla (88) okwathi ngowezi-2013 wethweswa nge-The Order of Luthuli yeSiliva ngomsebenzi wakhe onzima futhi omuhle kakhulu ekulweleni inkululeko nokwakubeke impilo yakhe engcupheni kanye nokumela umbutho wenkululeko neNingizimu Afrika emhlabeni jikelele.  Wayengesinye sezishoshovu zikaKhongolose eziyi-155 ezaboshwa ngezinsolo zoKuvukela Umbuso ngoZibandlela we-1956.  
• Abantu abathathu abadlule emhlabeni ngesikhathi sezikhukhula e-Port St. Johns nezindawo ezakhelene nayo. 
• Abantu abahlanu ababulewe nabathathu balimala ezigamekweni ezimbili ezehlukene zokudubula oThongathi, KwaZulu-Natali mhla wama-23 kuNdasa 2023. 
• U-Mnu Randall Robison (81), isishoshovu saseMelika kanye noMsunguli we-TransAfrica, okuyinhlangano ehamba phambili enxenxa abantu e-Washington eyasiza ekuguquleni inqubomgomo yabantu bangaphandle eMelika ukuthi isetshenziswe eNingizimu Afrika ngesikhathi sobandlululo.

IKhabhinethi liphinde ladlulisa amazwi enduduzo:
• Kuhulumeni nabantu base-India, e-Pakistan nase-Afghanistan ngokushona kwabantu kulandela ukuzamazama komhlaba okuhlasele la mazwe. 

Imibuzo: Mnu Michael Currin – iBamba likaSomlomo Kahulumeni 
Umakhalekhukhwini: 082 462 7896

Share this page

Similar categories to explore