Isitatimende soMhlangano weKhabhinethi wangoLwesithathu, mhla zingama-23 kuNhlolanja 2022

A.    Izindaba Ezisematheni

1.    INkulumo Yesabelomali Sikazwelonke
1.1.    IKhabhinethi lisamukelile iSabelomali Sikazwelonke sowezi-2022 esethulwe nguNgqongqoshe Wezezimali u-Enoch Godongwana ePhalamende eKapa ngoLwesithathu mhla zingama-23 kuNhlolanja 2022.
1.2.    Isabelomali sihlinzeke ngemininingwane ethe xaxa kanye nolwazi olubanzi mayelana nezibophezelo ezenziwa nguMongameli u-Cyril Ramaphosa eNkulumweni yakhe Echaza Isimo Sezwe (i-SoNA) yowezi 2022 ayethula ngoLwesine mhla ziyi-10 kuNhlolanja 2022.
1.3.    Isabelomali sibonisa ukuzibophezela kukahulumeni ekusebenziseni izimali ngobunyoninco obukhulu kanye nokuphathwa komnotho ngendlela engaguquki ngokungenasidingo, futhi sibonisa ukuzimisela kukahulumeni ukufezekisa injongo yakhe esemqoka kakhulu yokuxhasa ngezimali izinto ezisemqoka ezibekwe eqhulwini ezeseka inhlalo-mnotho yalabo bantu baseNingizimu Afrika abasengcupheni abadinga ukubhekelelwa kakhudlwana. 
1.4.    Izinhlelo zokungenelela ezibanzi ezimenyezelwe eNkulumweni Yesabelomali Sikazwelonke yowezi-2022 zibhekiswe ekwakheni isimo esikahle esivumela ukukhula okubandakanyayo kanye nentuthuko esimeme. 

2.    Izithangami zokuhlinzekwa kwabezindaba ngolwazi ezenziwa ngamaqoqwana eminyango kahulumeni emva kokwethulwa kwe-SoNA 
2.1.    ONgqongqoshe Bamaqoqwana Eminyango Kahulumeni babamba izithangami zokuhlinzeka abezindaba ngolwazi oluthe xaxa, kulandela ukwethulwa kwe-SoNA, lapho bezokwenaba khona kabanzi ngoHlelo Lokusebenza lukahulumeni lwalo nyaka esiwuphethe kanye neminyaka elandelayo, njengoba uMongameli u-Ramaphosa echazile kafushane ngalokhu ku-SoNA yowezi-2022 ayethule kamuva nje. 
2.2.    Lezi zithangami zabezindaba zigcizelela futhi zibonise ngokucacileyo ukuzibophezela kukahulumeni ekwenzeni izinto ezibekwe eqhulwini okuhloswe ngazo ukwenza ngcono izimpilo zabantu ngokuthi, phakathi kwezinye izinto, kwakhiwe izimo ezikahle ezivumela ukwakhiwa nokuvulwa kwamathuba omsebenzi adingeka kakhulu.

3.    Ezakamuva mayelana neSifo segciwane le-Corona (i-COVID-19) 
3.1.    IKhabhinethi libashayele ihlombe abantu baseNingizimu Afrika ngokuthi belokhu beqhubeke njalo ukulwisana ne-COVID-19 ngokuzinikela nokuzimisela okukhulu, futhi libaxwayisile abantu ukuthi amazinga aphansi okutheleleka nokufa kwabantu abonakalayo njengamanje akumele neze abakhohlise abenze badembesele bagcine sebenza izinto ngobudedengu.  INingizimu Afrika seyinikeze abantu imithamo yomgomo engaphezu kwezigidi ezingama-31, osekuholele ekutheni kube nabantu abadala ababalelwa ezigidini eziyi-17 asebegonywe ngokuphelele.
3.2.    IKhabhinethi ligcizelelile ukuthi i-COVID-19 ayikanqobeki futhi njengoba kungasensuku zatshwala bufike ubusika abantu kumele bahlale beqaphile ngaso sonke isikhathi futhi baqhubeke nokusebenzisa izindlela zokuzivikela ezingaphathelene nokusetshenziswa kwemithi namakhambi okwelapha, okuyizindlela ezinjengokugeza izandla njalo noma ukuhlanza izandla ngesibulali-magciwane, ukugqoka isifonyo esimboza kokubili ikhala nomlomo uma besemphakathini, baqikelele ukuthi bayaqhela ngebanga eliphephile kwabanye abantu futhi bavule amafasitela ukuze kungene umoya ohlanzekile.
3.3.    Ngaphandle nje kwakho konke okunye, ukugonywa kusalokhu kuyiyona ndlela engcono kakhulu kunezinye yokuzivikela ku-COVID-19 nakweminye imixhantela yegciwane yesikhathi esizayo, njengoba phela lokhu kubunciphisa kakhulu ubungozi bokuhlaselwa yizifo ezibucayi, ukulaliswa esibhedlela, ngisho nokufa imbala.  
3.4.    IKhabhinethi lisamukelile futhi nesimemezelo sezinguquko ezengeziwe ohlelweni olukhona njengamanje lokugonywa kwabantu, okuyizinguquko okuhloswe ngazo futhi ukuqinisekisa ukufinyeleleka kwemigomo. Kusukela ngoLwesithathu mhla zingama-23 kuNhlolanja 2022, isikhathi esilindwayo phakathi komthamo womgomo wokuqala nowesibili sesincishisiwe sisuka ezinsukwini ezingama-42 sehlela ezinsukwini ezingama-21. 
3.5.    Futhi abantu manje sebezokwazi nokusebenzisa umjovo wokwelekelela nokuvuselela amandla omgomo ohlukile emjovweni abajovwe ngawo ekuqaleni futhi bakwazi ngisho nokusebenzisa umgomo ofanayo kusuka kumgomo wokuqala kuze kuyofinyelela kumthamo womgomo wokwelekelela nokuvuselela lowo mgomo abawuthole ekuqaleni. 
3.6.    Ukubuyela empilweni ejwayelekile kanye nokubamba iqhaza ngokuphelele emisebenzini yenhlalo-mnotho yansuku zonke kuncike ikakhulukazi kwinani labantu asebegonyiwe. Umkhankaso owethulwe kamuva nje othi sengimi ngomumo, phecelezi #KeReady noma “I am ready” uhlose ukukhuthaza abantu abasha abathe xaxa abaneminyaka yobudala ephakathi kwe-18 nama-34 ukuba baphume bayogonywa.

4.    Ubumbano lomphakathi kanye nokwakhiwa kwesizwe
4.1.    IKhabhinethi lizigxekile izigameko zakamuva ezidumazayo kakhulu zokucwasana ngokobuhlanga ezenzeke ezikoleni ezithile ezweni, okuyizigameko eziphambene kakhulu namagugu avikelwe nguMthethosisekelo wethu oshayelwa ihlombe ngumhlaba wonke, okunguMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika wonyaka we-1996. 
4.2.    IKhabhinethi likuzwakalise ngokucacileyo ukuthi ukucwasana ngokobuhlanga ngeke kubekezelelwe nakancane emphakathini wethu wentando yeningi labantu osazikhotha amanxeba obandlululo. Lizinxusile zonke izikole ukuba zibhekane ngqo nokucwasana ngokobuhlanga ngokuthi kuvezwe obala izenzo zokucwasana noma kuphi lapho ziqubuka khona ukuze zinqandwe ngokushesha okukhulu.
4.3.    IKhabhinethi linxuse abazali nothisha ukuba babeke phambili izimfuno nezidingo zabafundi futhi basebenzisane ekwakheni umphakathi ongenakho ukucwasana ngokobuhlanga nangokobulili.

5.    Ubhuntshile umzamo wokubamba inkunzi imoto ethwala imali e-Gauteng
5.1.    IKhabhinethi lincome ithimba elibandakanya izinhlaka ezihlukahlukene zabomthetho ebeliholwa nguMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika kanye noPhiko Lobunhloli Bobugebengu elikwazile ukunqanda iqembu lezigelekeqe ebelihlome lizingovolo e-Rosettenville, eGoli ngoMsombuluko mhla zingama-21 kuNhlolanja 2022. Leli qembu lezigelekeqe kusolwa ukuthi belihlela ukuyobamba inkunzi imoto ethwala imali.
5.2    Bayishumi abasolwa ababoshiwe, kanti futhi abayisishiyagalombili basale enkundleni ngenkathi bedudulana ngezulu lezandla namaphoyisa. Abasolwa babhadanywe nezibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni, neziqhumane kanye nezimoto eziduniwe. Luyaqhubeka uphenyo okuhloswe ngalo ukuthola ukuthi bazithathephi lezi zikhali.  
5.3    IKhabhinethi lifisele iphoyisa elithole ukulimala ngenkathi kudutshulwana ukwelulama okusheshayo. Liligcizelelile ikhwelo elibhekiswe emphakathini lokuthi uqhubeke nokusebenzisana kakhulu nabomthetho ekuqinisekiseni ukuphepha kwemiphakathi yethu.

6.    Ukufuduka kwabantu
6.1.    IKhabhinethi likhumbuze bonke abantu ukuthi abomthetho kanye nezimpiko ezifanelekile yibona abagunyaziwe ukubhekana nezindaba eziphathelene nokufuduka kwabantu kanye nabantu bokufika kuleli abangenawo amaphepha asemthethweni okuba kuleli. 
6.2.    Ayikho nencane indawo yanoma yiziphi izenzo zokwephulwa komthetho ezinjengokwesatshiswa, ukucekelwa phansi kwempahla kanye nodlame. Siyabanxusa labo abanezinto ezibakhathazayo nezikhalo ezizwakalayo futhi ezifanelekile ukuba bazwakalise izikhalo zabo kwiziphathimandla ezifanele ukuze zixazululwe ngendlela eyakhayo.  
6.3.    Ukuqinisekisa ukuthi izinkinga eziphathelene nokufuduka kwabantu zixazululwa ngendlela ehlelekile, kamuva nje uhulumeni ukhiphe uhlaka Lwenqubomgomo Kazwelonke Yokufuduka Kwabantu Ngenhloso Yokuyozitholela Amatohwana ukuze umphakathi uphawule ngayo, okuyinqubomgomo ehlinzeka ngohlaka nesisekelo somthetho esizosetshenziswa ukubheka nokulawula ukuthi abaqashi babaqasha kangakanani futhi kanjani abantu bokufika kuleli ezikhungweni zabo futhi kusenjalo kuvikelwe namalungelo abafuduki.

7.    INgqungquthela yeNhlangano Yobumbano Lwamazwe ase-Afrika (i-AU) neNhlangano Yobumbano Lwamazwe aseYurophu (i-EU) 
7.1.    UMongameli ubethamele iNgqungquthela yesithupha ye-AU ne-EU ebibanjelwe e-Brussels, kwelase-Belgium mhla ziyi-17 nomhla ziyi-18 kuNhlolanja 2022, emuva kokuthola isimemo esivela kuSihlalo weKhomishana ye-AU, uMhlonishwa u-Moussa Faki Mahamat.
7.2.    UMongameli ubambe iqhaza ezingxoxweni obekubhungwa kuzona kabanzi ngokuguquguquka kwesimo sezulu, uguquko kwezamandla, ubuchwepheshe bokuxhumana ngobuxhakaxhaka besimanjemanje kanye nezokuthutha. Futhi ubengusihlalo wezingxoxo obekubhungwa kuzona ngezinhlelo zezempilo nokukhiqizwa kwemigomo.
7.3.    IKhabhinethi liyamukelile imiphumela yale ngqungquthela, ebeke isisekelo sobambiswano oluvuselelwe kabusha futhi olujulile phakathi kwe AU ne-EU.

B.    Izinqumo zeKhabhinethi
1.    Uhlaka Lweqhingasu Likazwelonke Lwemithombo Yamanzi-Ushicilelo-mbhalo Lwesithathu (i-NWRS-3) 

1.1.    IKhabinethi likugunyazile ukushicilelwa kwe-NWRS-3 ukuze umphakathi uphawule ngayo. Uhlaka lweqhingasu lwandulelwa yinqubo yokubuyekeza yeminyaka emithathu ye-NWRS-2 eyagunyazwa yiKhabhinethi ngowezi-2013. Inqubo yokubuyekeza yahlonza izindawo lapho kuzuzwe khona impumelelo kanye nalezo zindawo ezisalokhu ziyinselele. 
1.2.    Leli qhingasu liphakamisa ukuba kuqiniswe ukuphathwa kwekhwalithi yamanzi okudidiyelwe. Lihlinzekela ukusetshenziswa kwezindlela ezintsha kanye nobuchwepheshe obufanelekile kwezamanzi nokuthuthwa kwendle. Lwethula isidingo esiqine kakhulu okumele sithotshelwe uma kuhlanzwa amanzi angcolile. Iqhingasu liyasabela futhi kulokho okudingwa yiQhingasu Likazwelonke Lezinyathelo Zokubhekana Nokuguquguquka Kwesimo Sezulu.
1.3.    Amanzi asalokhu engenye yezinto ezisemqoka kakhulu ezikhuthaza ukuthuthukiswa kwenhlalo-mnotho yezwe futhi adlala indima esemqoka kakhulu ohlelweni lukahulumeni lokusimama nokuvuselelwa kabushakomnotho. 

2.    Isivumelwano sowezi-2005 Sokuvikela Nokugqugquzela Ukugcina Nokuthokozela Kwabantu Amasiko Abo Ngokwehlukahlukana (i-CPPDCE)
2.1.    IKhabhinethi likugunyazile ukuthunyelwa koMbiko weNingizimu Afrika wesibili oKhishwa Njalo Emuva Kwesikhathi Esiyiminyaka Emine oPhikweni lweNhlangano Yezizwe Olwengamele Ezemfundo, Ezesayensi kanye Namasiko (i-UNESCO). Lolu phiko yilona olwengamele ukuqaliswa kwe-CPPDCE yowezi-2005. 
2.2.    Amazwe angamalungu kulindeleke ukuba athumele imibiko yawo njalo emva kweminyaka emine. Imibiko kumele ihlinzeke ngolwazi lwakamuva maqondana nezinqubomgomo zawo kanye nezinyathelo ezithathiwe ukuvikela nokugqugquzela ukugcina nokuthokozela kwabantu amasiko abo ngokwehlukahlukana, ngaphakathi kulawo mazwe angamalungu. 
2.3.    Umbiko uzoba yingxenye yoMbiko we-UNESCO Womhlaba Wonke oshicilelwa njalo emva kweminyaka emine. INingizimu Afrika yaba yingxenye yamazwe asayinde i-CPPDCE kusukela ngowezi-2006. 

3.    Umbiko Wocwaningo lokubheka ukuthi ungenzeka ngempumelelo yini uMklamo Wefulegi Eliyisikhumbuzo Likazwelonke 
3.1.    IKhabhinethi liwugunyazile umbiko wokucwaninga obelwenzelwe ukucubungula ukuthi kungalunga yini futhi kungenzeka ngempumelelo yini ukwakhiwa koMklamo Wefulegi Eliyisikhumbuzo Likazwelonke.
3.2.    Amafulegi amakhulukazi akhiwa ngamazwe ngenhloso yokubonisa ukuziqhayisa nokuziqhenya kwawo ngalokho ayikona okwenza ahluke kwamanye amazwe. Uma selakhiwe lizoba wuphawu nesizinda esigqamile sezwe futhi lizoba yisizinda esiheha abavakashi esizoveza futhi sibonakalise nokugqamile umfanekiso waleli lizwe njengelizwe elihlukile kwamanye.
3.3.    Lo mklamo uzoholwa nguMnyango Wezemidlalo, Ezobuciko Namasiko njengengxenye yegunya nomsebenzi owethweswe wona wokugqugquzela ukwakhiwa kwesizwe nobumbano lomphakathi.

4.    Inkampani Yezindiza yaseNingizimu Afrika (i-SAA) 
4.1.    IKhabhinethi lazisiwe ngenqubekela-phambili engeziwe esiyenziwe maqondana nokuthengiswa kwamasheya angama-51% enkampani i-SAA ethengiselwa umbimbi lwezinkampani i-Takatso Consortium, okuyinkampani eqokwe njengeNkampani Ezobambisana ne-SAA emsebenzini wayo wezindiza. Lolu mbimbi lwezinkampani lubandakanya nenkampani yakwa-Harieth General Partners, engumtshalimali ohamba phambili emkhakheni wezingqalasizinda kanye nezikhumulo zezindiza ezwekazini lase-Afrika, futhi lubandakanya nenkampani eyenza umsebenzi wokuphathwa kwezinkampani zezindiza i-Global Airways. 
4.2.    Manje seyiphothuliwe inqubo yokuThengisa Nokuthenga futhi seyisayindiwe nguMnyango Wezamabhizinisi Kahulumeni kanye ne-Takatso Consortium. Isinyathelo esilandelayo sibandakanya ukugunyazwa kwale nqubo yokuthengiselana yizikhungo ezihlukahlukene ezilawulayo. Umphakathi uzokwaziswa futhi uhlinzekwe ngolwazi lwakamuva uma kukhona okunye osekwenzekile maqondana nalokhu. 

C.    Imicimbi Ezayo

1.    INyanga Yamalungelo Esintu


1.1.    INingizimu Afrika izobungaza uSuku Lwamalungelo Esintu ngoMsombuluko mhla zingama-21 kuNdasa 2022 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “uNyaka wobumbano lwesizwe nokuvuselela kabusha: sigqugquzela futhi sivikele amalungelo ethu esintu”. 
1.2.    IKhabhinethi linxuse bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba basebenzise iNyanga Yamalungelo Esintu ukugqugquzela ukubumbana kakhudlwana komphakathi, nokwakhiwa kwesizwe kanye nokuzigqaja nokuziqhayisa kwabantu bonke ngobuzwe babo njengabantu bakuleli.  
1.3.    Kuyisibopho sethu njengesizwe ukuqinisekisa ukuthi siyalwisana nokucwasana ngokobuhlanga, ukucwasana ngokwebala, ukucwaswa kwabokufika kuleli kanye nezinye izenzo zokungabekezelelani ezihlobene nalokho. Ngokusebenzisa ukwahlukahlukana kwethu njengabantu, singaluqinisa ubumbano lwethu futhi sakhe umphakathi obumbene.

2.    Imbizo kaMongameli   
2.1.    UMongameli u-Ramaphosa uzobamba Imbizo kaMongameli esifundazweni saseNyakatho Ntshonalanga ngoMgqibelo mhla ziyi-12 kuNdasa 2022. Lo mcimbi uzohlinzeka uMongameli ngethuba lokuthi axhumane futhi afakane imilomo nemiphakathi, futhi ahlole nohlelo lokuthunyelwa kwezidingongqangi kubantu emazingeni ohulumeni basekhaya.

D.    Imiyalezo

1.    Amazwi enduduzo
IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo emindenini nabangani balaba abalandelayo:

  • UNks Nomakula “Kuli” Roberts (49), ubengusaziwayo emkhakheni wabezindaba nezikaqedisizungu futhi eyingqalabutho yosikompilo lobukhazikhazi besimanjemanje oluthandwa kakhulu ngabantu kuleli lizwe, osebenze njengomethuli wezinhlelo kumabonakude nasemsakazweni. Futhi ubengumbhali wezindatshana ezijulile ezigxile ezihlokweni ezithile ezishicilelwe kumaphephabhuku namaphephandaba.
  • UMnu Ebrahim Patel (70), owabe engumongameli wokuqala weNhlangano Yezebhola Lombhoxo yaseNingizimu Afrika. Njengesishoshovu esashabashekela umdlalo webhola lombhoxo ongenakho ukucwasana ngokobuhlanga, waba yilungu leNhlangano Yebhola Lombhoxo Yamazwe Ngamazwe (manje esibizwa ngeNhlangano Yebhola Lombhoxo Yomhlaba Wonke, phecelezi i-World Rugby). 
  • INkosi uNgangomhlaba Matanzima (79), obeyilungu elingumsunguli weNdlu Yabaholi Bendabuko yaseMpumalanga Kapa futhi owaqhoqhobala isikhundla sokuba ngusihlalo wayo iminyaka ngeminyaka.
  • UMnu Rikhado Muziwendlovu Makhado, obedume kakhulu ngelika-Riky Rick (34), obengumrepha, umbhali wamaculo, umqambi wezingoma, umlingisi kanye nomsiki wengqephu. Izingoma zakhe ezashisa izikhotha kwezomculo we-hip-hop zibandakanya amanoni ezingoma ezinjengalezi Amantombazane, Boss Zonke, Sidlukotini kanye naleyo esihloko sithi Ungazincishi.

    
Imibuzo:
Nks Phumla Williams – uMkhulumeli weKhabhinethi
Iselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore