ISitatimende Somhlangano weKhabhinethi Obubanjwe ngoLwesithathu, mhla we-15 kuNdasa 2023

Emhlanganweni walo obungoLwesithathu, mhla we-15 kuNdasa 2023, iKhabhinethi lamukele amalungu aqokiwe amasha futhi lawafisela okuhle emsebenzini wawo omusha, laphinde lagcizelela isidingo seKhabhinethi lilonkana ukuthi liqalise ukusebenza ngalokho okuseqhulwini kuhulumeni ngokungapholisi maseko.

A. Ezisematheni

1. Ugesi

1.1. IKhabhinethi lamukele ukwethulwa kweSikhwama Esizoqinisekisa Ukutholakala Kwezinsiza (i-RMF) nguNgqongqoshe Wezikagesi eHhovisi LikaMongameli, uDkt Kgosientsho Ramokgopa. Loku kusebenzisana phakathi kukahulumeni nenhlangano emele amabhizinisi eNingizimu Afrika i-Business Unity South Africa kuhlose ukuhlinzeka ngezinsiza kanye namakhono azovumela uhulumeni ukuthi aqalise ngempumelelo uHlelo Lokusebenza Lukagesi olwamenyezelwa nguMongameli u-Cyril Ramaphosa ngoNtulikazi wezi-2022 nakwiNkulumo Echaza Ngesimo Sezwe yangowezi-2023 (i-SoNA) njengesibonelo sokuhlangana komphakathi nokuzithemba okuqhubekayo eNingizimu Afrika. 

1.2. I-RMF izonika amandla umsebenzi weKomidi Elibhekene Nenkinga Kagesi Kuzwelonke ukuthi lifeze umsebenzi walo wokuqeda ukucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga eNingizimu Afrika. IKhabhinethi linxusa bonke ababambiqhaza ukuthi baqhubeke nokufaka igalelo ekuqalisweni koHlelo Lokusebenza Lukagesi ukuze kuzobhekanwa nomthwalo wokucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga emnothweni.

1.3. IKhabhinethi likuphawulile ukukhathazeka okuvezwe kamuva yi-S&P Global Ratings kokuthi ukukhula komnotho waseNingizimu Afrika kunengcindezi edalwa izinkinga zengqalasizinda, ikakhulukazi ukushoda okukhulu kukagesi. Ukubhekana nale nselele, uhulumeni useqalise uchungechunge lwezinyathelo ezingujuqu, ezibandakanya ukuhlanganiswa kwezimali, izinguquko ezisheshayo kwezomnotho kanye nezinyathelo eziphuthumayo ezihlose ukunciphisa ukucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga esikhathini esifushane kanye nokuguqula umkhakha ngokulandela izinguquko zezimakethe ukuze kuzozuzwa ukutholakala kukagesi kwesikhathi eside.

1.4. IKhabhinethi liphinde lamukela ukuvulwa kokufakwa kwezicelo zokunikezela ngogesi ogcinwa kumabhethri ongama-513 megawatts (MW) njengengxenye yokuqinisa indlela esibhekana ngayo nale nselele kagesi. Usuku lokuvala ukufakwa kwezicelo ngumhla wesi-5 kuNtulikazi 2023 ngehora leSihlanu ntambama futhi bonke abanesifiso bangagcwalisa ifomu lokubhalisa ngobuchwepheshe be-inthanethi ku: www.ipp-storage.co.za.

1.5. IKhabhinethi liphinde lamukela isinqumo sikaNgqongqoshe Wezamahlathi, Ezokudoba Nezemvelo, uNks Barbara Creecy, ukukhulula i-Eskom kwinqubo ende edingekayo ukuchibiyela iMvume Yokukhiphela Igesi Emkhathini. Ngokusho kwe-Eskom, lokhu kukhululwa kuzobavumela ukuthi baqalise ukusebenzisa isixazululo sesikhashana emonakalweni owenzeke kwiSiphehlimandla i-Kusile ngoLwezi wezi-2023 futhi kuzovumela isiphehlimandla ukuthi siphinde siqalise ukuphehla umthamo kagesi oyizi-2 100 megawatts (MW) ozonciphisa ngamazinga amabili ukucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga eNingizimu Afrika.  

2. Isiteleka soMbutho Kazwelonke Wabasebenzi Bezemfundo Nabezempilo (i-NEHAWU)

2.1. Mayelana nesiteleka se-NEHAWU, iKhabhinethi lamukele ukusayinwa kweSivumelwano kuMkhandlu Oxoxisana Ngamaholo Wabasebenzi Bakahulumeni (i-PSCBC) esiphothule izingxoxo zamaholo zangowezi-2022/23 futhi saqeda isiteleka saphinde sabuyisa wonke amaqembu kuMkhandlu Wezingxoxo Zamaholo ukuze kuzoxoxisanwa ngamaholo angowezi-2023/24.

2.2. IKhabhinethi liphinde ladlulisa ukubonga kwalo kulezo zinyonyana ezisale ku-PSCBC zaqhubeka nezingxoxo. Ligcizelele ukuzinikela kukahulumeni kwinqubo yezingxoxo, kanye nokusebenzisana nababambiqhaza abafanele ukuqinisekisa ukuthi ukubaluleka kwezingxoxo kuyavikeleka futhi kuyahlonishwa. 

2.3. Sidinga ukubonisa ukuthi umthetho WOKUNGAHOLI, UMA UNGASEBENZANGA uzosebenza njengamanje futhi ukudonswa kwemali kuzokwenzeka ezinyangeni ezine ezizayo, njengengxenye yeSivumelwano. UMnyango Wezemisebenzi Kahulumeni Nokuphathwa Kwayo uzoqapha ukuqaliswa ngokuphelele kwalezi zinqumo.

2.4. Ukwengeza kulokhu, abomthetho bazolandelela izenzo zobugebengu ezenzeka ngesikhathi sesiteleka, ngesikhathi abaphathi bona bebhekene nezenzo ezephula uMthetho Wokuziphatha Kwabasebenzi Bakahulumeni.  

3. Ukuvalwa Thanqa Kwezwe

3.1. IKhabhinethi lidlulise ukukhathazeka ngezimemezelo zesiteleka esihlelelwe uMsombuluko, mhla wama-20 kuNdasa 2023 futhi likubona lokho kungukungacabangi futhi kunobudedengu. 

3.2. IKlasta Yezobulungiswa, Ukugwema Ubugebengu Nokuvikeleka (i-JCPS) imatasa nomsebenzi wokuqinisekisa ukuthi ukwephulwa komthetho akubekezelelwa.

3.3. Izimfuno ezisolwayo mayelana nokuqedwa kokucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga, izindleko eziphezulu zokuphila kanye nokuswelakala kwemisebenzi okusezingeni eliphezulu zachazwa nguMongameli u-Ramaphosa ngesikhathi se-SoNA mhla wesi-9 kuNhlolanja 2023.  Ngokubhekisa ngqo ekuqedeni ukucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga, uMongameli uqoke uNgqongqoshe Wezikagesi, uDkt Ramokgopa, ogxile ngokuphelele ekuqedeni ukucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga. Ukuqaliswa kokusebenza koHlelo Lokusebenza Olumaphuzu Mahlanu kuyaqhubeka ngendlela enobuqotho futhi uNgqongqoshe Wezikagesi emavikini azayo uzomemezela izinhloso zomsebenzi ka-Eskom ezizoholela ekuqedeni ukucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga.  

3.4. Ngokulinganayo, uMongameli kwi-SoNA yakhe yangowezi-2023 wakhuluma ngezinyathelo ezibekiwe zokubhekana namazinga aphezulu entsha eswele imisebenzi kanye nezindleko zokuphila. Ngakho-ke, izimfuno eziyisisekelo salo mbhikisho iqhinga lokususa uMongameli u-Ramaphosa esikhundleni ngezindlela ezingalandeli umthethosisekelo. Sifuna ukwazisa wonke umuntu ukuthi IZINGUQUKO ZOMBUSO EZENZIWA NGEZINDLELA EZINGALANDELI UMTHETHOSISEKELO ANGEKE ZENZEKE ENINGIZIMU AFRIKA. Noma ngabe ngubani olangazelela ukubusa leli lizwe kufanele alinde ukungenela ukhetho lukawonkewonke langowezi-2024. Imizamo yokudala umonakalo nokuphazamiseka ezweni izohlangabezana nengalo yomthetho. Kufanele sikucacise futhi ukuthi noma ngabe unesibindi esingakanani kwezepolitiki lokho makunganyakazisi abantu baseNingizimu Afrika. 

3.5. IKhabhinethi liphinde lawaphawula amampunge abantu abathile abathi banikeze iKhabhinethi izinsuku eziyisikhombisa ukuthi livale izikole. Ikhalenda lezikole zaseNingizimu Afrika zonke ezikahulumeni nezizimele, elashicilelwa kusomqulu ngoNdasa wezi-2023, livele lihlinzeke umhla wama-20 kuNdasa 2023 njengeholidi elikhethekile lezikole. Bekuhlezi kucace bha ukuthi kunemizamo yokufuna ukunqoba okungatheni. Okuyinto efanayo ngeholidi lezikole eliba phakathi kwamaholide kahulumeni.  

4. UHlelo Lukamongameli Lobuholi Bentsha

4.1. IKhabhinethi lamukele ukwethulwa koHlelo LukaMongameli Lobuholi Bentsha olwethulwe nguMongameli u-Ramaphosa mhla we-10 kuNdasa 2023, eNyuvesi i-Walter Sisulu, eMthatha, oluholele ekusungulweni kohlelo lobudlelwano lwabantu base-Afrika. 

4.2. Lokhu kube yingxenye yeseshini yokuqala ngqa yeNkulumo-mpendulwano Yentsha ka-Nelson Mandela ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Ubuholi Obuqotho Bezizukulwane Ngezizukulwane be-Afrika Engcono”. Le nkundla yobuholi obuhlanganisa zonke izizukulwane iqinisa izinhlelo ezikhona zezwekazi ngobubanzi kanye nezivumelwano ezifana noHlelo Lwenhlangano Yezizwe Ezibumbene zase-Afrika lwangowezi-2063, uMqulu Wentsha yase-Afrika kanye neSivumelwano Sokuhwebelana Kwamazwe Ase-Afrika.

5. Isivumelwano sohlaka lokwakhiwa kwezimoto eNingizimu Afrika 

5.1. IKhabhinethi lamukele izindaba zokuthi inkampani yezimoto i-Stellantis South Africa isayine isivumelwano neNhlangano Yokuthuthukiswa Kwezimboni kanye noMnyango Wezohwebo, Izimboni Nokuncintisana sokuthi yakhe isikhungo esisha sokukhiqiza izimoto eNingizimu Afrika. Inkampani i-Stellantis idayisa izimoto zohlobo lwe-Jeep, i-Alfa Romeo, i-Fiat, i-Citroën, i-Opel kanye ne-Peugeot eNingizimu Afrika.

6. Ubudlelwano beNingizimu Afrika ne-Tanzania

6.1. IKhabhinethi lamukele Ukuvakashelwa kweNingizimu Afrika ngoLwesine, mhla we-16 kuNdasa 2023 nguMengameli u-Samia Suluhu Hassan wase-United Republic of Tanzania, ngokumenywa nguzakwabo, uMongameli u-Ramaphosa. Lokhu kuvakasha kulandela uMhlangano Wongqongqoshe Bamazwe Amabili (i-BNC) obubanjwe ePitoli ngoLwesithathu, mhla we-15 kuNdasa 2023. Kuzophinde kuqhakambise iseshini yesibili ye-BNC phakathi kweNingizimu Afrika ne-Tanzania, equkethe amakomiti amane: Ezepolitiki Nobunxusa; Ezokuvikela Nokuvikeleka; Izindaba Zomnotho, kanye Nezindaba Zenhlalo Namasiko. 

6.2. Ngaphezu kobumbano lwalo nomzabalazo wenkululeko weNingizimu Afrika, izwe lase-Tanzania lingelinye lamazwe esihwebelana nawo ahamba phambili, ngokuba nesamba sohwebo phakathi kwala mazwe womabili esikhuphukayo sisuka kwizigidigidi ezi-R6.89 ngowezi-2021 saya kwizigidigidi ezi-R8.71 ngowezi-2022. Zingaphezu kwama-250 izinkampani zaseNingizimu Afrika ezisemkhakheni owehlukahlukene e-Tanzania.

7. Ukuhlangana kwe-Heineken ne-Distell

7.1. IKhabhinethi lamukele ukugunyazwa yiNkantolo Yezokuncintisana kokuhlanganiswa okusezingeni lomhlaba kwenkampani ephisa utshwala yase-Europe i-Heineken kanye nenkampani yabaphisi botshwala yaseNingizimu Afrika i-Distell Group Holdings.

7.2. Lokhu kuhlangana, okuzosungula isikhungo sabakhiqizi esikhulukazi be-cider kuleli lizwe, kume phezu kwezidingo zomphakathi, ezibandakanya ukuthuthukiswa kwabahlinzeki, ukunakekelwa kwemikhiqizo yalapha ekhaya, ukuthuthukiswa kotshalomali emakhonweni ocwaningo kanye nokuthuthukiswa kokukhiqizwa kwemikhiqizo lapha ekhaya. 

7.3. Le nkampani ezokwakheka lapha izophinde igqugquzele ukuthi abasebenzi babe ngabanikazi ngokusungula uhlelo lokuthi abasebenzi babe nezabelo nokuthi abasebenzi bamelwe kwibhodi.

8. Ukulandelelwa Kwenqubekelaphambili Ngosizo Lwezikhukhula zangowezi-2022

8.1. IKhabhinethi yamukele umsebenzi owenziwe nguNgqongqoshe Wezokuhlaliswa Kwabantu, uNks Mmamoloko Kubayi kanye naMalungu Ekomidi Likangqongqoshe Lokuhlaliswa Kwabantu ngokulandelela inqubekelaphambili ngomsebenzi wokwakhela imindeni eyathinteka ngenxa yezikhukhula zangowezi-2022 KwaZulu-Natali izindlu nendawo yokuhlala  njengoba izwe libheke ekuqedeni unyaka wokuqala selokhu izikhukhula zangowezi-2022 zakhahlameza izwe lethu.

9. Ukuhlanekezelwa kweqiniso ngeZinzuzo Zongqongqoshe Namaphini oNgqongqoshe

9.1. IKhabhinethi lizwakalise ukukhathazeka ngenxa yokuhlanekezelwa kweqiniso okuqhubekayo mayelana Nezinzuzo Zongqongqoshe Namaphini Ongqongqoshe njengoba kubekiwe kuMhlahlandlela Wamalungu Esigungu Esiphezulu, ocacisa izinzuzo, izinsizakusebenza kanye nezibonelelo zaMalungu Esigungu Esiphezulu ukuthi akwazi ukwenza umsebenzi wawo ngempumelelo.

9.2. Izinhlelo zokuHlala Kongqongqoshe zingumphumela weSivumelwano sangowe-1910 ngesikhathi kubunjwa iNyunyana yase-Ningizimu Afrika okuyiyona eyaqoka izinhlokodolobha ezintathu zeNingizimu Afrika nokwaba iPitoli njengeSihlalo Sikahulumeni, i-Bloemfontein njengeSihlalo Sobulungiswa, kanye neKapa njengeSihlalo Sephalamende. Lezi zindlu okuthiwa ziyizithabathaba zaba khona ngaphambi kowe-1994 futhi uhulumeni oholwa yi-African Nation Congress ngokulandelana ubulokhu uqinisekisa ukunakekelwa kwalezi zindlu ukugcina ubugugu bazo kanye nokuzuza ekwenyukeni kwamanani ezindlu. 

9.3. ONgqongqoshe namaPhini Ongqongqoshe abasebenzisa izindlu ezihlinzekwe nguMbuso bakhokha irenti ngendlela efanayo namalungu ephalamende. Kungaba alikho iqiniso uma kungalindeleka ukuthi oNgqongqoshe namaPhini Ongqongqoshe abasebenza umsebenzi ongaqinisekisiwe ezikhundleni abakuzo njengamanje bazihlinzeke bona ngendawo yokuhlala ngesikhathi besebenzela isizwe. 

9.4. Izimoto ezisetshenziswa ngoNgqongqoshe namaPhini abo zihambisana neNcwanjana Yongqongqoshe i-Ministerial Handbook kanti ukubiza kwazo kunqunywa nguNgqongqoshe Wezezimali ngokubonisana noNgqongqoshe Wezamaphoyisa mayelana nezokuvikeleka. Ukuvikeleka kuyingxenye ebalulekile ekunqumeni inani futhi izigameko ezingezinhle zakamuva zoNgqongqoshe abalahlekelwa izimpilo zabo noma ababandakanyeka ezingozini ezimbi zemoto kugcizelela ukubaluleka kwalolu daba futhi akumele lolu daba kube udaba losomathuba kwezepolitiki.

9.5. Wonke amalunga ePhalamende anelungelo lokuba nabasebenzi abasiza ekwenzeni umsebenzi wawo. Ukwehluka kwenani labasebenzi emahhovisi oNgqongqoshe kuya ngesikhathi loyo Ngqongqoshe abekwa ngaso, njengoba bonke abasebenzi beqashwa ngokwesikhathi saloyo Ngqongqoshe loyo. Lokhu kungenxa yeqiniso elithi iNcwanjana Yongqongqoshe ingumqulu osebenzayo obuyekezwa njalo-nje.

9.6. UMongameli usethumele iNcwajana Yongqongqoshe yamanje kwiKhomishana Ezimele Ebhekele Amaholo Ezikhulu Zikahulumeni, evele ibhekene nokubuyekezwa kwamaholo ezikhulu zikahulumeni. 

B. Izinqumo zeKhabhinethi

1. UHlaka Lwenqubomgomo Lwabesifazane Abakwezemidlalo

1.1. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa kusomqulu kohlaka lwenqubomgomo olumayelana Nabesifazane Abakwezemidlalo ukuze umphakathi uzophawula ngalo. Le nqubomgomo icacisa izinyathelo ezizogqugquzela futhi zeseke abesifazane abakwezemidlalo kanye nokuqinisekisa ukuthi izinhlelo zime ngomumo zokubhekana nokwehlukana kwizinhlobonhlobo zemidlalo kanye nokwakheka kwazo. 

1.2. Iphinde ibhekane nemigoqo evimbela abesifazane ukuthi bangene kwezemidlalo efana nokuntuleka koxhasomali, uxhaso kanye nomholo onganele. Inqubomgomo ehlongoziwe ihlose ukugqugquzela ukubandakanywa kwabesifazane abaningi kwezemidlalo nakubuholi obufana nokuba ngabaqeqeshi kanye nabaphathi. 

1.3. Inqubomgomo ivumela ukuthi ukubandakanywa kwabesifazane abaningi kwezemidlalo nasezikhundleni zobuholi kuzonciphisa kakhulu futhi kuqede ukungalingani ngokobulili nganye nezinhlobo ezehlukahlukene zokucwaswa kwabesimame. Iphinde futhi igqugquzele ukulingana nokuqinisekisa ukuthi abesifazane bathola inhlonipho noba ukubonakala kwezemidlalo, kubandakanya amaholo alinganayo nozakwabo besilisa. 

2. Ukusingathwa kweNgqungquthela Yomhlaba Yempilo Kamama Nosana yezi-2023

2.1. IKhabhinethi ligunyaze ukuthi iNingizimu Afrika isingathe iNgqungquthela Yomhlaba Yempilo Kamama Nosana eKapa kusuka mhla we-8 kuya mhla ziyi-11 kuNhlaba 2023, lapho ababambiqhaza abangaphezu kwe-1 000 abasuka kuwowonke umhlaba bezohlanganyela ukudingida izixazululo zokwenza ngcono ukusinda komama nosana, kanye nokugwema ukubelethwa kwabantwana sebeshonile. 

2.2. INingizimu Afrika isiyenze inqubekelaphambili enkulu ekufezeni lokho okuhloswe Izinjongo Zentuthuko Ezisimeme Zenhlangano Yezizwe Ezibumbene (i-UN) okuphatha impilo kamama nosana, kanye nokugwema kokuzalwa kwabantwana sebeshonile. Leli lizwe lizophinde lihlomule kakhulu njengoba izihambeli zengqungquthela zizokwabelana nathi, phakathi kokunye, ngezindlela ezisebenzayo kanye nezindlela ezintsha zokubhekana nezinkinga zempilo kamama nosana.

3. Umklamo Womzila Wamagugu Omzabalazo Nenkululeko (i-RLHR)

3.1. IKhabhinethi lithole umbiko ocacisa ngenqubekelaphambili yokuqaliswa komklamo we-RLHR. IKhabhinethi liphinde lagunyaza ukuthi oNgqongqoshe Bezobudlelwano bamazwe Omhlaba Nokusebenzisana kanye Nokuhlunyeleliswa Kwezimilo babe yingxenye yeKomidi Longqongqoshe (i-IMC) le-RLHR. 

3.2. I-RLHR ingumklamo wesikhumbuzo sesizwe okuhloswe ngawo ukukhumbula nokubungaza indlela eya enkululekweni yeNingizimu Afrika. IKhabhinethi isungule i-IMC ukuze izokwengamela lo mklamo kanye nokuwuhola ngokwepolitiki.

3.3. Lo mklamo ubheke ukubandakanya izinhlobo ezehlukahlukene zokukhumbula ukuzidela okwenziwa yilabo ababelwela inkululeko eNingizimu Afrika ukuthi ibe izwe elikhululekile futhi elinentando yeningi labantu. Uphinde uvumele ukwakhiwa kwezigcinamagugu, amatshe ezikhumbuzo, imitapo yolwazi kanye nezinqolobane, futhi uhlose ukubonga umoya wobumbano nokusebenzisana phakathi kwabantu base-Afrika. Usuvunyiwe yi-UN futhi unamandla okuqinisa ukusebenzisana kwabantu ngokusebenzisa amasiko kanye namagugu kulolonke izwekazi.  

3.4. Imisebenzi eyenzekile ngowezi-2022 ifaka phakathi ukuvakashela kukaNgqongqoshe e-Botswana nase-Zimbabwe kanjalo nokuhlela imihlangano ne-Angola kanye ne-Tanzania.

3.5. Imisebenzi engaphansi kwalo mklamo kuhloswe ngayo ukuhlanganisa wonke amazwe aseNingizimu ye-Afrika kanye nokufundisa  abantu abasakhula ngomzabalazo wokulwa nobuqonela kanye nokucwaswa ngokwebala. Inqubomgomo iphinde ivumele ukubuyiswa kwamathambo amaqhawe enkululeko aseNingizimu Afrika angcwatshwa kwamanye amazwe. Abalelwa kwi-11 amathuna okwaziwa ukuthi ngawabantu baseNingizimu Afrika akhonjwe e-Zambia, kubandakanya neqhawe loMzabalazo uMnu Duma Nokwe. 

4. INqubomgomo Kazwelonke Yokufaka Kwidijitali Ezobuciko, Amasiko Namagugu

4.1. IKhabhinethi ligunyaze iNqubomgomo Kazwelonke Yokufaka Kwidijithali Ezobuciko, Amasiko Namagugu ukuthi iqaliswe ukusebenza. Le nqubomgomo igcizelela ukusebenza kweNqubomgomo Kazwelonke Yokufaka Kudijithali Kwezinsiza Zamagugu eyasungulwa nguMnyango Wezobuciko Namasiko wangowezi-2011. Inqubomgomo igxile ekufakweni kudijithali kwezinsiza zamagugu ngesizathu sokulondoloza, ukufinyelela kuzona kanye nokulawulwa kobunikazi.

4.2. Yize ukufakwa kwidijithali kungumsebenzi wokuguqula i-analogi iye kudijithali, kubandakanya ulwazi olusemaphepheni, ku-microfiche kanye nolwazi oluqoshiwe olungeyona idijithali, le nqubomgomo isivele yachaza lemi thombo yedijithali njengolwazi olukhiqizwe ngokwedijithali, olungeke luguqulelwe esimweni esibonakalayo. 

4.3. Ukufakwa kwidijithali kuzohlomulisa kakhulu izwe njengoba kuzohlinzeka ngokufinyelela kalula kwimithombo yolwazi, ikakhulukazi lolo lwazi olusezinqolobaneni, imitapo yolwazi nakwizigcinamagugu. Inqubomgomo izoqaliswa ukusebenza kuwona wonke uhulumeni nasemphakathini. 

C. UMthethosivivinywa

1. UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Izindaba Zobulungiswa wangowezi-2023

1.1. IKhabhinethi ligunyaze ukulethwa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Izindaba Zobulungiswa wangowezi-2023 ePhalamende. Lo Mthethosivivinywa kuhloswe ngawo ukuchibiyela iMithetho eminingi ekhishwe nguMnyango Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo ngokubhekana nezinkinga nezindaba ezithinta ukusetshenziswa ngendlela kweMithetho. 

1.2. UMthethosivivinywa uqukethe izigatshana ezingama-37 eziphakamisa izichibiyelo zokulungisa amaphutha omthethosisekelo eMithetho eyehlukahlukene. 

D. Imicimbi Ezayo

1. USuku Lwamalungelo Abantu

1.1. UMongameli u-Ramaphosa uzokwethula inkulumo yakhe emcimbini kazwelonke woSuku Lwamalungelo Abantu wangowezi-2023 ngoLwesibili, mhla wama-21 kuNdasa 2023 ezinkundleni e-De Aar West Stadium, eNyakatho Kapa.

1.2. Isiqubulo salo nyaka sithi: “Sihlanganisa futhi Sesekela Isiko Lamalungelo Abantu Siya Kwingomuso”, njengoba sikhumbula izibhicongo zase-Sharpville nakwaLanga, kanye namanye amamashi enzeka mhla wama-21 kuNdada 1960 ezweni lonkana.

1.3. Njengohulumeni, sisalokhu sizinikele emsebenzini womthethosisekelo wokuvikela amalungelo abantu abobonke abantu bakuleli lizwe. Masisebenze ngokubambisana ukuqinisekisa ukuthi akekho oshiyeka ngemuva ekulandeleni ngokweqiniso uMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika wangowe-1996 kanye noMqulu Wamalungelo. 

2. USuku Lomhlaba Lwamanzi

2.1. INingizimu Afrika izobungaza iViki Lamanzi Kuzwelonke kusuka mhla zingama-20 kuya mhla zingama-26 kuNdasa 2023 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Sisheshisa Uguquko”. 

2.2. Iviki leli liqondane noSuku Lomhlaba Lwamanzi mhla wama-22 kuNdasa 2023, olugqamisa ukubaluleka kwamanzi ahlanzekile. Nangaphezu kwezimvula ezinkulu zakamuva ezingxenyeni zezwe, iNingizimu Afrika isalokhu iyizwe eliswele amanzi futhi libalwa njengelinye lamazwe angama-30 anesomiso emhlabeni.

2.3. IKhabhinethi licela zonke izakhamuzi ukuthi zivikele imithombo eyigugu yethu yamanzi efana namaxhaphozi, njengoba ibalulekile kakhulu ekutheni sithole amanzi esikhathini eside. Sonke sinendima okufanele siyidlale ekugcineni amanzi nokuqinisekisa ukuthi ukuthunyelwa kwawo akupheli. 

3. Usuku Lomhlaba Lwesifo Sofuba (i-TB)

3.1. IPhini likaMongameli u-Paul Mashatile uzokwethula inkulumo ngesikhathi sokukhunjulwa ngokusemthethweni koSuku Lomhlaba lwe-TB mhla wama-24 kuNdasa 2023 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Yebo! Mina Nawe Singayinqoba i-TB”. 

3.2. Lo mcimbi ozobe use-Thlabane Stadium eNyakatho Ntshonalanga kuzobonakala kuwona uMkhandlu Kazwelonke we-AIDS eNingizimu Afrika kanye noMnyango Wezempilo bethula uHlelo lweQhingasu Lukazwelonke lwe-TB, i-HIV kanye neZifo Ezisulelana Ngokocansi lwezi-2023 kuya kwizi-2028. Lokhu kwakhela phezu kwenqubekelaphambili ebonakalayo ngenxa yokugxila ekugwemeni, ekulapheni, ekuthatheni, ekusabalaliseni nasekuthobeleni, kanye nokuqeda ukubandlulula nokucwasa. 

D. Imiyalezo

1. Ukuhalalisa

IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba:

  • Iqembu lama-Proteas okuyimanje lisingathe i-West Indies ohambeni lwe-multi-format tour. IKhabhinethi licela bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi beseke ama-Proteas njengoba beqhubeka nokundizisa ifulegi lethu phezulu.

2. Amazwi Enduduzo

IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo kumndeni nakubangani baka:

  • U-MEC Wezemfundo eFreyistata u-Tate Makgoe (60), obe negalelo elikhulu emkhakheni wezemfundo futhi wahola ngempumelelo iFreyistata ukuthi izuze amazinga aphezulu kwimiphumela kamatikuletsheni iminyaka emine ilandelana.
  • Nks Maurencia Gillion, obemele iNtshonalanga Kapa kuMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe, futhi wasebenza kwiKomidi Lesikhashana Elibhekene Nezinsizakalo Zezempilo Nezenhlalo. Ubaziwa kakhulu njengesishoshovu futhi esebenzela abantu baseNtshonalanga Kapa, ikakhulukazi ezingxenyeni zesifundazwe ezisemakhaya, iminyaka eminingi.
  • Mnu John Wills (66), ummeli owaziwayo wamalungelo abantu kanye nesishoshovu ebesimela abaholi bezepolitiki abaningi, kubandakanya noMongameli waphambilini u-Nelson Mandela. 
  • Mnu Mark Pilgrim (54), usaziwayo kwabezindaba owagqugquzela futhi wakhuthaza abantu abaningi embonini yabezindaba. 
  • Nks Gloria Bosman (50), umculi nomqambi wamaculo e-jazz waseNingizimu Afrika osehlabane ngezindondo eziningi.

E. Abaqashiwe

Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo fuhi bahlolwe ngokufanele.

1. Amalungu e-Sectional Title Schemes Management Advisory Council:

(a) Ummeli Boyce Mkhize (uSihlalo);
(b) Hosi Pheni Cypraim Ngove (iPhini likaSihlalo);
(c) Nks Kagisho Mmaseleke Choenyana;
(d) Mnu Pieter Jacobus De Beer;
(e) Ummeli Nomonde Nokuthula January;
(f) Mnu Iqbal Mohamed Motala; kanye no
(g) Dkt Vuyisani Moss.

2. Amalungu eKhomishana kaMantshi: 

(i) Nks Nomzamo Zondo;
(ii) Mnu Hanif Vally;
(iii) Dkt Cornelia September;
(iv) Mnu Makgabhana Mokoena (ophinde wabekwa); kanye no
(v) Slz Estelle Hurter (ophinde wabekwa).

Imibuzo:
Mnu Michael Currin – iBamba likaSomlomo kaHulumeni
Umakhalekhukhwini: 082 462 7896

Share this page

Similar categories to explore