ISitatimende Somhlangano weKhabhinethi obubanjwe ngoLwesithathu, mhla lu-1 kuLwezi 2023

A.    Ezisematheni
1.    OShampeni Bomhlaba Bebhola Lombhoxo ngowezi-2023 

1.1.    IKhabhinethi lihalalisele iqembu lama-Springboks ekunqobeni kwalo iNdebe Yomhlaba Yebhola Lombhoxo ngowezi-2023 nokwenze ukuthi iNingizimu Afrika ibe ilona kuphela lizwe elinqobe iNdebe Yomhlaba yebhola Lombhoxo izikhawu ezine (4) kanye nelesibili ukunqoba izikhawu zilandelana.
1.2.    Emlandweni webhola lombhoxo eNingizimu Afrika, leli qembu lama-Springboks liyiqembu elahlukehlukene kakhulu uma ubheka ukwahlukana kwemvelaphi yabantu eNingizimu Afrika. Ukudidiyelwa kwaleli qembu elahlukahlukene kanje akuzenzekelanga, kodwa kube ngumsebenzi wabaphathi nabaqeqeshi bama-Springboks wokukhetha iqembu elingacwasi muntu. Isinqumo esiphusile esathathwa ngumqeqeshi wangaleso sikhathi u-Rassie Erasmus nethimba lakhe siyaqhubeka ukubonisa abantu baseNingizimu Afrika nomhlaba wonke, ukuthi wonke umuntu onekhono, uma enikezwa ithuba nokwesekwa, angenza ezibukwayo – okuyisiqinisekiso sokuthi Sinamandla uma Sibambisene. 
1.3.    Okubaluleke kakhulu, ukuphikelela nokuzimisela kwama-Springboks enkundleni yezemidlalo kubonise ukufana nse nokuba ngumuntu waseNingizimu Afrika, lokho okwenza lesi sizwe esikhulukazi sibhekane nazo zonke izingqinamba kanye nobunzima ukuze sizonqoba. Abanye babadlali abaphuma phambili eqenjini lama-Springboks bebebhekene nobunzima ezimpilweni zabo endleleni yabo eya ekunqobeni. 
1.4.    IKhabhinethi lihalalisele uSiyamtanda “Siya” Kolisi, ongukaputeni wama-Springboks onqobe kabili iNdebe Yomhlaba ngokuhola iqembu lafinyelela ezingeni esilibiza nge-Greatest of All Time (GOAT) kanti imigubho kufanele iqhubeke. 

2.    IForamu ye-AGOA 
2.1.    IKhabhinethi lamukele isiqinisekiso esenziwe ubuholi baseMelika kanye nenhlangano ngezinhloso zokwelula i-AGOA, nokuqinisekisa abatshalizimali emazweni afanelekile e-AGOA.  
2.2.    IKhabhinethi liphinde lamukela ukusingathwa kweForamu ye-AGOA yezi-2023 eGoli kusuka mhla wesi-2 kuya mhla wesi-4 kuLwezi 2023 ebe nezethameli ezisuka emazweni ase-Afrika angama-32, umkhakha wezamabhizinisi, umphakathi kanye nomkhakha wezabasebenzi okokuqala ngqa kanye nabamele uhulumeni waseMelika.  
2.3.    IKhabhinethi belihlezi njalo liqinisekisa ukuthi i-AGOA ihlinzeka ngethuba lokuthi iMelika iqinise ubudlelwano bayo bezomnotho ne-Afrika ngakho-ke kufanele yelulwe isikhathi esibonakalayo, iphinde yenziwe ngcono ibe negalelo futhi ihehe.  

3.    UMhlangano woNgqongqoshe Bezokuvakasha be-BRICS
3.1.    IKhabhinethi lamukele ukuphothulwa ngempumelelo koMhlangano woNgqongqoshe be-BRICS wangowezi-2023 obubanjwe eKapa, nalapho amazwe angamalungu ezinikele ekusebenzeni ngokubambisana kanye nokugqugquzela ezokuvakasha ngaphakathi kumazwe angamalungu e-BRICS, ukusungula imigudu ezohambeka kalula kwezokuvakasha kanye nokuxhumana phakathi kwamazwe angamalungu. 
3.2.    Lokhu kuzoqhubeka kuqinise umkhakha wezokuvakasha eNingizimu Afrika nosuvele ubonisa izimpawu zokuvuka. Ezinyangeni eziyisishiyagalombili zokuqala kowezi-2023, izwe lamukela izivakashi ezingenayo eziyizigidi eziyisi-5.5 nokuchaza ukuthi izinga lezivakashi lenyuke ngama-63.4% kusuka esikhathini esifanayo ngowezi-2022. 

4.    Ukubhalisela Ukuvota 
4.1.    I-IEC imemezele ukuthi umhla we-18 nomhla we-19 kuLwezi 2023 kuzoba impelasonto yokuqala yokubhalisela ukuvota kuKhetho Lukazwelonke ngowezi-2024. 
4.2.    IKhabhinethi licela bonke abantu abafaneleke ukuvota ukuthi babhalisele ukuvota kuKhetho Lukazwelonke ngowezi-2024 eziteshini zokuvota eziseduzane nabo.   
4.3.    Ukubhalisela ukuvota ngokusebenzisa ubuchwepheshe be-inthanethi selokhu kwavulwa kusukela ngoNhlolanja wezi-2023 kanti izakhamuzi ziyanxuswa ukuba zisebenzise le ndlela ukubhalisa noma ukushintsha imininingwane yabo.  
4.4.    Abantu baseNingizimu Afrika abafaka izicelo zomazisi babo bayagqugquzelwa ukuthi bavakashele ihhovisi loMnyango Wezasekhaya beyobalanda. Kunamakhadi omazisi abangaphezu kwezi-50 000 abangalandiwe emahhovisi oMnyango Wezasekhaya kulolonke izwe. 

5.    Ugesi 
5.1.    UNgqongqoshe Kagesi eHhovisi likaMengameli usekhiphe umbiko ngesimo sikagesi kuleli lizwe. 
5.2.    IKhabhinethi lishayele ihlombe imizamo kaHulumeni Wesifundazwe sase-Gauteng osebenzisana no-Eskom ukubuyisa ugesi ezindaweni zase-Gauteng ebezilokhu zacinyelwa ugesi ngenxa yokwebiwa kanye nokucekelwa phansi kwama-transformer.  
5.3.    Izolo ebusuku, ama-transformer amasha ayisithupha aqale ukusebenza eKagiso, e-West Rand emva kokuthi umphakathi ubuhleli ngomnyama isikhathi esingaphezu kweminyaka emithathu. 
5.4.    IKhabhinethi licela le miphakathi ukuthi ivikele ingqalasizinda ebalulekile ukuthi ingebiwa, ingacekelwa phansi futhi ingalinyazwa ngenxa yokuxhuma ugesi ngokungemthetho. 

6.    Ukudla Okunobuthi
6.1.    IKhabhinethi likhathazekile ngezehlakalo zokutholakala kwezingane ezidle ukudla okunobuthi osekudlulelwe yisikhathi nokunamagciwane ezikuthenga ezitolo eziyiziphaza nakulaba abadayisa emgwaqeni.  
6.2.    IKhabhinethi liyagqugquzeleka ngemizamo yabomthetho yokuqinisekisa ukuthi imithetho yokuphepha kokudla iyalandelwa.   

7.    UMhlangano Wezokufudukela Kwamanye Amazwe noSodolobha kanye Nabaholi Bendabuko
7.1.    IKhabhinethi litshelwe kafushane ngomhlangano omayelana nokufudukela kwamanye amazwe obusingathwe nguMnyango Wezasekhaya ngokubambisana ne-DSBD, i-COGTA, uMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu kanye nabaholi bendabuko nosodolobha bamadolobha nomasipala besifunda nobugxile ekunqandeni imiphumela emibi yokufudukela kuleli lizwe ngokungemthetho, kubandakanya nokusebenza kwezitolo eziyiziphaza. 
7.2.    Imiphumela ebalulekile ibandakanya ukwethulwa kwemithetho kamasipala ezobhekana nezinselele ezihlobene nokuthi umasipala neziphathimandla zendabuko ziqinisekisa kanjani ukuthotshelwa kwemithetho kamasipala yebhizinisi. Kuzoba nokuhlolisiswa okudidiyelwe kwamabhizinisi, ikakhulukazi iziphaza okuzokwenziwa uMnyango Wezabasebenzi, Owezempilo, Owokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane kanye namathimba abahloli boMnyango Wezasekhaya, ukuqinisekisa ukuthotshelwa kwemithetho efanele.  
7.3.    Ukucwaningwa kweziphaza emakhaya nasemalokishini, kanye nezindlela zokuthi zibhaliswe ngaphansi kwabaholi bendabuko kanye nomasipala zizoqaliswa. Kuneminye imizamo yokweseka iziphathimandla zendabuko ukuthi zikwazi ukugcina amabhuku anohlu lwabantu bokufika emiphakathini yabo. 
7.4.    Umthetho wezimvume zamabhizinisi uyachitshiyelwa ukuze uzokweseka bonke labo abafisa ukuhweba emkhakheni ongahlelekile.   

8.    Indlela Edidiyelwe Yokulwa Nobugebengu 
8.1.    IKhabhinethi lincome i-SAPS ngokuhlakaza amaqembu ashushumbisa izidakamizwa kwamanye amazwe kulandela ukuvunjululwa kwezidakamizwa zohlobo lwe-cocaine zenani lezigidi ezingama-R80 ezishaqwe mhla wama-20 kuMfumfu 2023 endaweni yokugcina impahla e-Dube Trade Port ngaphakathi e-King Shaka International Airport. Ezinsukwini ezimbili ngaphambi kokushaqwa kwezidakamizwa, enye i-cocaine yenani lezigidi ezingama-R70 yashaqwa kwisiqukathi esiseChwebeni laseThekwini.  
8.2.    IKhabhinethi lishayela ihlombe i-SAPS ngomsebenzi wabo wokuphazamisa nokuhlakaza ubugebengu obuhleliwe obubeka imiphakathi nesizwe sakithi engozini. 
8.3.    Umkhankaso i-Operation Safer Festive Season usuvele uyaqala ukuthela izithelo emva kokuthi amaphoyisa ebophe abasolwa abayi-140, kubandakanya nosolwa ngokuba ngungqondongqondo ekumbiweni kwezimayini ngokungemthetho, kanye nokushaqwa kwezibhamu ezingekho emthethweni. 

9.    Uhambo lukaMongameli Lokuyohlola Ukuqhubeka Komsebenzi
9.1.    IKhabhinethi lamukele uHambo lukaMongameli Lokuyohlola Ukuqhubeka Komsebenzi oluya kuMasipala wase-Emfuleni, obelulandelela ezingxoxweni ezaba khona nomphakathi ngesikhathi kuqhutshwa uHlelo lokuThuthukiswa Kwezifunda ngowezi-2022.   
9.2.    Uhambo lwangowezi-2022 lokuvakashela e-Emfuleni lwatholana nezinkinga zokuthi umasipala akazinakekeli kahle izingqalasizinda.
9.3.    Ngokungenelela koMnyango Wamanzi Nokuthuthwa Kwendle; sekube nenqubekelaphambili ebonakalayo ekubhekaneni nezinselele zengqalasizinda yamanzi nokuthuthwa kwendle eziholele ekuweni kwe-Vaal Waste Water.
9.4.    Umsebenzi usuwenziwe ukwenza ngcono ukuthunyelwa kwamanzi, ukusebenza kahle kwengqalasizinda yamanzi angcolile lokho okuzoqeda inkinga yezitamukoko ezichithekela emigwaqeni nasemagcekeni abantu. 
9.5.    Inqubekelaphambili ebonakele ngesikhathi sokuyohlola umsebenzi ibandakanya inqwaba yamapayipi kanye neziteshi ezimpompa amanzi, ukulungiswa nokugcwaliswa kwemigwaqo, kanye nokufakwa kwezibani zasemgwaqeni ukuze kuzokhanya kangcono futhi kuphephe. 

10.    INkombandlela yoHlelo Lokuthuthwa Kwempahla eNingizimu Afrika
10.1.    UMnyango Wezokuthutha usuziqalile izingxoxo zeNkombandlela yoHlelo Lokuthuthwa Kwempahla eNingizimu Afrika, njengenye yemizamo yokubhekana nezinselele ezibhekene nomkhakha wezokuthuthwa kwempahla kanye nokuqinisa imizamo yokuvuselela umnotho waseNingizimu Afrika. 

11.    Ukuthuthukiswa Nokunakekelwa Kwengqalasizinda 
11.1.    IKhabhinethi lamukele inqubekelaphambili esiyenziwe ngokuthuthukiswa nokunakekelwa kwezingqalasizinda ngokuphothulwa kwamabhuloho asemakhaya angama-36 ngaphansi kohlelo i-Welisizwe Rural Bridges, kanye nokwakhiwa okuqhubekayo kwemiklamo engama-20 ekuhlalisweni kwabantu, imigwaqo, namanzi. 

12.    Ukwethulwa futhi kwemizila yamazwe ngamazwe ye-South African Airways (i-SAA)
12.1.    IKhabhinethi lamukele ukwethulwa futhi kwemizila yamazwe ngamazwe ye-SAA ngokuthi kuphinde kwethulwe izindiza eziya e-São Paulo, e-Brazil, okuphinde kwabuyisa ukusebenza kwezindiza osekudonse isikhathi eside eKapa naseGoli.  
12.2.    Ibuya le-SAA emizileni yamazwe ngamazwe kuzofaka ngqo igalelo ekukhuleni kwezokuvakasha kwamazwe ngamazwe kuleli lizwe, kanye nokukhula komkhakha wezokungcebeleka emva kokukhahlamezeka okwadalwa wubhubhane lwe-COVID-19. 

13.    INingizimu Afrika yethule i-drone enkulukazi e-Afrika
13.1.    IKhabhinethi lihalalisele inkampani yezokuVikela Nobuchwepheshe Bezindiza i-Milkor ngokwethula ngempumelelo i-Milkor 380 okuyisithuthi sasemoyeni esizindizelayo (i-UAV), lokho okubeka iNingizimu Afrika phakathi kwamazwe aqhubeka nokwenza ezibukwayo kubuchwepheshe bemishini ezindizelayo ama-drone. 
13.2.    I-Milkor 380 iyona-drone enkulukazi eyakhiwe e-Afrika futhi izosetshenziswa ngumkhakha wezokuvikela empini, ekulawulweni kwemingcele, nasemizamweni yokongiwa kwemvelo kubandakanya ukulwa nokuzingela ngokungemthetho.  

14.    Izivivinyo zikaMatikuletsheni neZokuphela Konyaka
14.1.    IKhabhinethi lamukele ukuqala kahle kwezivivinyo zangowezi-2023 zikaMatikuletsheni, eziqale mhla wama-30 kuMfumfu 2023. Abazali nababheki babafundi bayagqugquzelwa ukuthi baqhubeke nokweseka abafundi ngalesi sikhathi esibalulekile.  
14.2.    IKhabhinethi lifisela okuhle bonke abafundi abazobe bebhala izivivinyo zabo zokuphela konyaka. 

B. Izinqumo zeKhabhinethi 
1.    ISimo sase-Palestine

1.1.    IKhabhinethi lidangele ngokunqaba kukahulumeni wakwa-Israel ukuthi uhloniphe umthetho wamazwe ngamazwe nokuthi iqhubeke nokuthathela phansi izisombululo zeNhlangano Yezizwe Ezibumbene zokumiswa kwempi ngaphandle kwezijeziso. 
1.2.    Imigudu yokusiza ukuphuma abantu base-Palestine isalokhu ivaliwe nokunomphumela omubi ebantwaneni, abesifazane kanye nezakhamuzi ezimsulwa. 
1.3.    Ukuhlasela ngezindiza kukahulumeni wakwa-Israel ehlasela abantu base-Palestine, kuyaqhubeka nokwenyusa izibalo zabantu abashonayo kubandakanya abasifazane nabantwana.  Ezinsukwini ezimbili ezedlule, umhlaba wonke ungenakwenza lutho ubuke ukuhlaselwa ngezindiza e-Gaza nase-West Bank okucekele phansi izikole, izikhungo zezempilo, izimoto ezithwala iziguli kanye nengqalasizinda yomphakathi kanye nemigwaqo ephephile ephumela eNingizimu ye-Gaza. 
1.4.    Ngalokhu-ke, iKhabhinethi linqume ukubuyisa wonke amanxusa aseNingizimu Afrika ase-Tel Aviv ukuze kuzoxoxiswana.   
1.5.    IKhabhinethi liphinde labonisa intukuthelo ngokuqhubeka kwezinkulumo ezinendelelo ezikhulunywe yinxusa lakwa-Israel ngeNingizimu Afrika, uMnu. Eliav Belotsercovsky, elwisana nabantu baseNingizimu Afrika, ubuholi baseNingizimu Afrika ngaphakathi nangaphandle kuhulumeni kubandakanya umphakathi ozwakalisa ukuphikisana nokubulawa kwabantu base-Palestine bebulawa uhulumeni wakwa-Israel.  
1.6.    Lezi zinkulumo ezinendelelo zeNxusa u-Belotsercovsky ziphikiswa yizitatimende zamanxusa amabili aphambilini akwa-Israeli eNingizimu Afrika (u-Illan Baruch noDkt. Alon Liel) abalokhu bemile ekutheni lezi zenzo zikahulumeni wabo kubantu base-Palestine zifana nezoBandlululo.  
1.7.    Lezi zinkulumo ezinendelelo ezibhekiswe kulabo abazwakalisa ukungahambisani nonya kanye nabaholi bezwe zenza isikhundla senxusa u-Belotsercovsky singavikeleki. Ngalokhu-ke iKhabhinethi seliyalele uMnyango Wezobudlelwano Bamazwe Nokubambisana ukuthi lidlulise ngokusemthethweni ukunganami kukahulumeni waseNingizimu Afrika ngenxusa ngokulandela imigudu efanele yobunxusa. 

2.    ISitatimende Senqubomgomo Yesabelomali Saphakathi Nonyaka 
2.1.    IKhabhinethi lamukele ISitatimende Senqubomgomo Yesabelomali Lwesikhathi Esiphakathi (i-MTBPS), esinikeze ngohlolo olucacile ngesimo samanje somnotho futhi sabonisa ukuzimelela kukahulumeni ezimalini zesizwe yize kubhekenwe nezinselele zemali engenayo. 
2.2.    Izinqumo eziku-MTBPS zenza ngcono uhlaka lwethu lwezezimali; zivuselela ukukhula komnotho ngesikhathi zihambelanisa ukuzibophezela kwethu emiphakathini nokuzokweseka labo ababuthakathaka esizweni sakithi. 
2.3.    UHlelo Lokwakha Kabusha Nokuvuselela Umnotho lube negalelo emizamweni eminingi yokongiwa kwemvelo emnothweni wethu.  

3.    Ukusungulwa Kwesitimela Esihamba Ngesivinini 
3.1.    IKhabhinethi ligunyaze uHlaka Lokwakhiwa Kwesitimela Esihamba Ngesivinini kanti imiphumela yezezimali ukuthi siqaliswe izodingidwa nguNgqongqoshe Wezokuthutha kanye Nowezezimali. 
3.2.    IKhabhinethi ligunyaze ukubekwa phambili komgudu osuka eGoli uya eThekwini ukuthi kwenziwe ucwaningo kuwona, bese kuthi umgudu osuka eGoli uya e-Polokwane udlulele eMusina, kanye nomgudu osuka eGoli uya eMbombela izofakwa emakethe. 

4.    UMthetho Odingidwayo Osahlongozwa omayelana noBuzwe, Ukufudukela Kwamanye Amazwe kanye Nokuvikelwa Kwabakhoseli
4.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthetho Osadingidwa omayelana noBuzwe, Ukufudukela Kwamanye Amazwe kanye Nokuvikelwa Kwabakhoseli ukuze umphakathi uzophawula ngawo.  
4.2.    Le Nqubomgomo esahlongozwa kuhloswe ngayo ukuhlinzeka uhlaka lokukhomba indlela ukunikezwa kwabokufika ilungelo lokuhlala kanye nobuzwe, kanjalo nokuvikela abakhoseli eNingizimu Afrika, ngokuvumelana nezokuvikeleka kuzwelonke kanye nokuthobela izivumelwano zamazwe ngamazwe kanye nezindlela ezilandelwayo zokufudukela kwamanye amazwe iNingizimu Afrika eyingxenye yazo.   

5.    UMbiko Wenqubekelaphambili Waminyaka Yonke wesi-6 omayelana nokuqaliswa koMthetho Osadingidwa ngaMalungelo Abantu Abaphila Nokukhubazeka
5.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa kusomqulu kahulumeni koMbiko Wenqubekelaphambili Waminyaka Yonke ngokuqaliswa koMthetho Osadingidwa ngaMalungelo Abantu Abaphila Nokukhubazeka.  
5.2.    Ukushicilelwa kombiko wenqubekelaphambili kuzohambisana nesikhumbuzo samazwe ngamazwe seNyanga Yokuqwashisa Ngamalungelo Abantu Abaphila Nokukhubazeka kusuka ngomhla wesi-3 kuLwezi kuya mhla wesi-3 kuZibandlela. 
5.3.    Umbiko wenqubekelaphambili uphinde ubonise ukunyuka kwenani elibekiwe labantu abaphila nokukhubazeka abasebenzayo lisuka ku-2% liya ku-3% kusuka ngonyakamali wezi-2024/2025, liqhubeke liye ku-7% kubantu abaphila nokukhubazeka uma kufika unyaka wezi-2030. 

C. IMithethosivivinywa
1. UMthethosivivinywa Osahlongozwa Wokuvuselelwa kwe-Afrika kanye neSikhwama Sokusebenzisana Kwamazwe Ngamazwe (i-ARF) 

1.1    IKhabhinethi ligunyaze ukulethwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokuchibiyela we-ARF.  
1.2    Lo Mthethosivivinywa kuhloswe ngawo ukuchibiyela uMthetho we-ARF (uMthetho wama-51 wezi-2000) kanye nokusungula i-Ejensi Ebhekele Ukuthuthukiswa kweNingizimu Afrika, ezosebenza njengendlela yokweseka ukuthuthukiswa kweNingizimu Afrika kanye nokusebenzisana namazwe angozakwethu ngokugqugquzela intando yeningi labantu, ukuhola ngendlela efanele, ukugwema kanye nokuxazulula ukungaboni ngasolinye, ukuthuthukiswa nokuhlanganiswa kwenhlalo-mnotho.  

D. Abaqashiwe 
Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanelekile.
1.    Ukubekwa esikhundleni kuka-Mnu. Ebrahim Rasool njengoSihlalo we-Development Bank of Southern Africa. 
2.    Ukubekwa esikhundleni kuka-Nks. Margaret Mosibudi Phiri njengelungu le-National Nuclear Regulator Board.

E. Imicimbi Ezayo

1    INkulumo-mpendulwano emayelana Nokulwisana Nenkohlakalo
1.1    INkulumo-mpendulwano emayelana Nokulwisana Nenkohlakalo izobanjwa  mhla wesi-8 kuya mhla wesi-9 kuLwezi 2023 e-Birchwood Hotel e-Ekurhuleni ukuze kuzonxenxwa umphakathi ezinhlelweni zokulwisana nenkohlakalo ezihambisana neQhingasu likaZwelonke Lokulwisana Nenkohlakalo. 
1.2    NgoLwezi wezi-2020, iKhabhinethi lagunyaza IQhingasu likaZwelonke Lokulwisana Nenkohlakalo (i-NACS 2020-2030).  Leli yiqhingasu lezwe okuhloswe ngalo ukwakha umphakathi ongenankohlakalo ngesikhathi kuphinde kugqugquzelwa izakhamuzi ukuthi zingayibekezeleli inkohlakalo futhi zithobele umthetho. 

2    UMkhankaso Wezinsuku eziyi-16 Wokulwisana Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nezingane wangowezi-2023
2.1    Lo nyaka usho ukuphela kweminyaka engama-25 yokuzibandakanya kweNingizimu Afrika Emkhankasweni Wezinsuku eziyi-16 Wokulwisana Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nezingane ozokhunjulwa ngaphansi kwengqikithi ethi: “Sisheshisa izinyathelo zokuqeda uDlame Olubhekiswe Kwabobulili Obuthile kanye Nokubulawa Kwabesifazane (i-GBVF): Asishiyi muntu ngemuva”.
2.2    Lo mkhankaso womhlaba uqhubeka kusuka mhla wama-25 kuLwezi, okunguSuku Lwamazwe Ngamazwe Lokuqeda Udlame Olubhekiswe Kwabesifazane kuze kube ngumhla we-10 kuZibandlela, okunguSuku Lwamazwe Ngamazwe Lwamalungelo Abantu. Lo mkhankaso kuhloswe ngawo ukuqeda udlame olubhekiswe kwabesifazane ngesikhathi kwesekwa amalungelo abantu.  

3    IForamu ye-14 Yenkulumo-mpendulwano yeNqubomgomo
3.1    INingizimu Afrika izosingatha ngokubambisana iForamu ye-14 yeNkulumo-mpendulwano yeNqubomgomo neThimba Lamazwe Ngamazwe Labasebenzi Abangothisha Kwezemfundo (i-TTF) le-UNESCO ngoMasingana wezi-2024 ngaphansi kwengqikithi ethi: “Sibhekana nokuntuleka kothisha futhi senza umsebenzi wothisha uheheke”. 
3.2    IForamu izohlanganisa izikhulu zikahulumeni, ama-NGO, othisha kanye nongoti bezemfundo ukuze kuzoxoxiswana ngezindaba ezibalulekile ezimayelana nezimo zokusebenza zothisha, ukuzimela nokuziphendulela kothisha kanjalo nokuthi ungenziwa kanjani umsebenzi wothisha kube ngumkhakha ohehayo. 

 F.  Imiyalezo

1.    Ukuhalalisa
IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba abalandelayo: 

  • Iqembu lama-Proteas ngokudlulela emidlalweni eyandulela eyamanqamu emidlalweni yeNdebe Yomhlaba ye-ICC yowezi-2023 e-India.  Ngale kwezinkinga ezibekhona emdlalweni wabo bebhekene ne-India izolo, izwe lisamile ekwesekeni iqembu futhi linethemba elikhulu ukuthi lizoqhubeka nokusenza ukuthi sizigqaje.  
  • Isihlabani somjaho wezimoto i-Moto GP u-Brad Binder osalokhu eqhwakele phezulu futhi ngokwephula irekhodi eNingizimu Afrika emva kokuba ngomunye wabathathu abaphume phambili emjahweni we-Thailand Grand Prix.
  • Umpetha wokuqala ongusozinyama waseNingizimu Afrika ohamba ngesitulo samasondo uMacethandile Kulati ngokulwela isicoco sakhe emqhudelwaneni wezi-2023 we-International Federation of Body Builders and Fitness World Championship e-Slovenia.
  • I-South African Chartered Accountants ngokubekwa phezulu kucwaningo lomhlaba ngokuthembeka kwemisebenzi olwenziwe yi-Edelman.
  • UDkt. Claude Mashego ngokuhlabana ngesicoco sikaZime Womhlaba waseNingizimu Afrika kanti uzomela iNingizimu Afrika kuZime Womhlaba e-New Delhi, e-India ngoZibandlela kulo nyaka. 
  • UMmeli uKholeka Gcaleka ngesikhundla sakhe sokuba nguMvikeli Womphakathi omusha isikhathi esiyiminyaka eyisikhombisa kusuka mhla lu-1 kuLwezi 2023. 
     

2.    Amazwi Enduduzo 
IKhabhinethi lizwakalisa amazwi enduduzo emndenini nakubangani balaba abalandelayo: 

  • Umdlali wama-paralympic onendondo yegolide uZanele Situ owaba ngowokuqala wesifazane omnyama waseNingizimu Afrika ukuhlabana ngendondo yegolide eMidlalweni yama-Paralympics e-Sydney ngowezi-2000.  
  • Umsizi woqeqeshi waphambilini we-Bafana Bafana kanye neqhawe lebhola likaNobhutshuzwayo u-Phil “Mr Jones” Setshedi.  
  • U-Warrant Officer Sthembiso Mazibuko woPhiko Lwezokungenelela Kwezobugebengu Kuzwelonke owabulawa ngesikhathi kudutshulwana nezigebengu eNtuzuma, KwaZulu-Natali. 
     

Imibuzo:
Nks. Nomonde Mnukwa – iBamba likaSomlomo kaHulumeni
Umakhalekhukhwini: 083 653 7485
 

Share this page

Similar categories to explore