Isitatimende soMhlangano weKhabhinethi obubanjwe ngohlelo-xhumano lwe-inthanethi ngoLwesine, mhla ziyisi-7 kuNtulikazi 2022

A.    Izindaba ezisematheni
1.    Ezakamuva ngeSifo Segciwane le-Corona (i-COVID-19)


1.1.    IKhabhinethi lincome bonke abantu baseNingizimu Afrika abaqoke ukuphuma bayogonywa futhi abayithobelayo yonke imigomo ye-COVID-19, osekuholele ekutheni izwe likwazi ukugwema ukukhula kwezigameko ezintsha zokutheleleka kwabantu ngegciwane ehlandleni lesihlanu lobhubhane. 
1.2.    Kepha-ke, akumele neze sidembesele njengoba i-COVID-19 iselokhu ikhona phakathi kwethu. Nakuba kamuva nje izwe likuqedile ukugqokwa kwezifonyo okuphoqelelekile emphakathini, abantu abanezifo ezingamahlalakhona kanye nalabo abagulayo bayakhuthazwa ukuba baqhubeke nokugqoka isifonyo. Kumele futhi siqhubeke nokugeza izandla noma sizihlanze ngesibulalimagciwane futhi siqinisekise ukuqhelelana ngendlela efanele phakathi kwethu nabanye abantu, futhi siqinisekise ukuthi endaweni okuhleli kuyona abantu kungena umoya ohlanzekile owanele.  
1.3.    Ukugonywa kusalokhu kuyiyona ndlela yokuzivikela ku-COVID-19 eqinisekisiwe ukuthi iyasebenza efakazelwa yisayensi futhi iKhabhinethi liyabakhuthaza bonke abantu abangakagonywa ukuba baphume ngokushesha bayogonywa, kanti ngokunjalo futhi abantu esebegonyiwe nabo kumele baphume bayothola umjovo oweseka futhi ulekele umgomo egazini mahhala esikhungweni sokugoma esiseduze nabo. 

2.    Isifo i-Monkeypox

2.1.    IKhabhinethi lithulelwe umbiko wakamuva mayelana nokusabalala kwesifo i-Monkeypox ezweni kulandela ukuqinisekiswa kamuva nje kwesigameko sesibili sokutheleleka komuntu kuleli. Labo bantu abathelelekile bagonqile emakhaya futhi kulandelwa umkhondo wabo bonke abanye abantu abake basondelana nabo ukuze kuhlonzwe futhi kutholwe labo okungenzeka ukuthi nabo bathelelekile. 
2.2.    UMnyango Wezempilo kanye NeSikhungo Sikazwelonke Sezifo Ezithathelwanayo basebenzisana neNhlangano Yezempilo Emhlabeni ukubheka nokuhlola ubungozi bokusabalala nokutheleleka kwabantu ngalesi sifo ezweni ngokuhambisana neMithethonqubo Yezempilo Yamazwe Ngamazwe. 
2.3.    Igciwane le-monkeypox alisabalali kalula futhi lidluliseka kuphela emuva kokusondelana kakhulu kwabantu njengokuqabulana, ukwangana noma ukuthintana namalunga omzimba onezilonda ze-monkeypox. Abantu abangenazo izimpawu ze-monkeypox abalidluliseli igciwane kwabanye abantu. 
2.4.    IKhabhinethi liluleke abantu abanezimpawu ezinjengemfiva, kanye nezimpawu ezijwayelekile zomkhuhlane ezilandelwa wukuqubuka okunamabhamuza ukuba baphuthume esikhungweni sezempilo esiseduzane ukuze baxilongwe futhi bathole ukwelashwa kusenesikhathi.

3.    Isibhicongo esenzeke endaweni yokucima ukoma eMonti

3.1.    Isibhicongo esesabekayo esenzeke endaweni yokucima ukoma Enyobeni eMonti eMpumalanga Kapa ngeSonto, mhla zingama-26 kuNhlangulana 2022 esidlule nemiphefumulo yamabhungu namatshitshi angama-21, sishiye izwe lethu lonkana likhungathekile futhi lisosizini. Kunzima ngisho ukucabanga nokubona ngamehlo engqondo usizi nobuhlungu obesabekayo obubhekene nemindeni elahlekelwe yizingane zayo ngendlela ebuhlungu kangaka. 
3.2.    IKhabhinethi lizwakalise ukudabuka kwalo futhi ladlulisa namazwi enduduzo emindenini elahlekelwe yizingane zayo ezithandayo futhi lizwakalise amazwi okubonga kubo bonke labo abafake isandla ngokulekelela nokuhlinzeka ngosizo emindenini esemanzini kulesi sikhathi esinzima kangaka ebhekene naso. 
3.3.    Kuyinto ekhathazayo ukuthi izingane ezisencane kangaka, ngisho nalezo ezineminyaka yobudala eyi-13 imbala, zivunyeliwe ukuba zingene kule ndawo yokucima ukoma futhi zavunyelwa nokuphuza utshwala. Sinxusa imiphakathi ukuba idlale indima yayo ukugcina izingane zethu ziphephile ngaso sonke isikhathi. 
3.4.    Izingane ezineminyaka yobudala engaphansi kweyi-18 azivumelekile ukungena emathaveni, emashibhini, ezinkantini kanye nasemabhodlela-sitolo. Abathengisi botshwala abayotholakala bephula noma yimiphi kule mithetho bayobekwa amacala futhi kuhoxiswe nezimvume zabo zokuthengisa utshwala. 

4.    Imiphumela Yengqungquthela Yabaholi Beqembu Lamazwe Ayisikhombisa (i-G7)

4.1.    UMongameli u-Cyril Ramaphosa ubebambe iqhaza eNgqungqutheleni Yabaholi Bamazwe e-G7 ebibanjelwe e-Bavaria, kwelaseJalimane ngoMsombuluko mhla zingama-27 kuNhlangulana 2022. UMongameli – obambe iqhaza ezigcawini zokusebenza lapho kubhungwe khona ngezindaba eziphathelene nesimo sezulu, amandla kagesi, ezempilo, ukutholakala kokudla okwanele kanye nokulingana ngokobulili – ubemenywe ngumsingathi wengqungquthela uShansela Olaf Scholz. 
4.2.    I-G7 wumbimbi lwezepolitiki olubandakanya ohulumeni bamazwe ahlukahlukene olubandakanya i-Canada, France, Germany, Italy, Japan, United Kingdom kanye ne-United States.

B.    Izinqumo zeKhabhinethi
1.    Uhlaka Lwemithethomgomo Yomkhakha Wezomthetho (uHlaka lwe-LSC)


1.1.    IKhabhinethi likugunyazile ukushicilelwa koHlaka lwe-LSC ukuze umphakathi uphawule ngalo. Izinjongo zale mithethomgomo wukuletha uguquko emkhakheni wezomthetho ukuze kube nokumeleka ngendlela efanele kwabantu bonke bakuleli. Imithethomgomo izoqinisekisa futhi nokusungulwa kwenhlangano ezokhiqiza abahlinzeki bezinsizakalo zomthetho abaqeqeshwe kahle futhi abawenza ngobunyoninco umsebenzi wabo.
1.2.    Umsebenzi wokwakhiwa koHlaka lwe-LSC bewenganyelwe nguMkhandlu Womsebenzi Wezomthetho, okuyinhlangano esemthethweni esungulwe ngokweSigaba sesi-4 soMthetho Womsebenzi Wezomthetho, wonyaka wezi-2014 (uMthetho wama-28 wonyaka wezi-2014) futhi ngokuholwa nokuqondiswa nguMthetho Wezokufukulwa Nokuhlonyiswa Kwabantu Abamnyama Kwezomnotho (i-B-BBEE), wonyaka wezi-2013 (uMthetho wama-46 wonyaka wezi-2013).
1.3.    UMthetho we-B-BBEE wonyaka wezi-2013 uhlinzekela ukuthi uNgqongqoshe Wezohwebo, Izimboni Nokuncintisana akhiphe imithethomgomo yenkambiso enhle okumele ilandelwe ekufukulweni nokuhlonyiswa kwabantu abamnyama kwezomnotho emikhakheni ethile ehlosiwe. Amalungu omsebenzi wezomthetho njengamanje awanayo imithethomgomo eqondene nalo mkhakha ezowahola futhi iwaqondise ekubhekaneni ngqo nokungalingani okukhona emsebenzini wezomthetho.
1.4.    UHlaka lwe-LSC lwashicilelwa kuSomqulu Kahulumeni isikhathi esiyizinsuku ezingama-60 ukuze umphakathi ukwazi ukuphawula ngalo. 

2.    Imibiko Yenqubekelaphambili Yokusebenza Ekhishwa Kabili Ngonyaka 

2.1.    IKhabhinethi liyigunyazile imibiko yenqubekelaphambili yokusebenza ekhishwa kabili ngonyaka yesikhathi esifaka phakathi uMfumfu 2021 kuya kuNdasa 2022. Le mibiko iyingxenye yoHlaka Lwamaqhinga Esikhathi Esimaphakathi (i-MTSF) 2019-2024. I-MTSF 2019-2024 iwuhlelo lokuqalisa umsebenzi kanye nokusebenza kohlaka lokuqapha okuhloswe ngalo ukufezekisa izinto ezibekwe eqhulwini nguhulumeni wehlandla lokuphatha lesithupha ngaphansi kweNhlosombono yowezi-2030 yoHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe.
2.2.    Imibiko ibigxile ezintweni eziyisikhombisa ezibekwe eqhulwini nguhulumeni, okuyilezi (1) Uguquko kwezomnotho nokuvulwa kwamathuba omsebenzi; (2) Ezemfundo, amakhono kanye nezempilo; (3) Ukuqiniswa kwezibonelelo zikahulumeni nokubhekelelwa komphakathi kangcono ngokuthi kuhlinzekwe izidingongqangi ezithembakele ezitholakala ngendlela efanele ngaso sonke isikhathi futhi ezisezingeni elifanele; (4) Ukudidiyelwa ngendlela efanele kwezindawo okutholakala kuzona ingqalasizinda nezikhungo eziwusizo, izindawo zokuhlaliswa kwabantu kanye nohulumeni basekhaya; (5) Ubumbano lomphakathi kanye nemiphakathi ephephile; (6) Umbuso onekhono lokusebenza ngendlela efanele, olandela inkambiso elungileyo emsebenzini owenzayo futhi othuthukisayo; kanye (7) ne-Afrika nomhlaba ongcono, kanye nezinhlelo zokungenelela zikahulumeni wehlandla lokuphatha lesithupha ezihlobene nalokho. 
2.3.    IKhabhinethi liyamukele ngezandla ezimhlophe imikhakha okwenzeke kuyona inqubekelaphambili emigomweni obekuhloswe ukufinyelela kuyona kulesi sikhathi sokubika esibuyekezwayo. IKhabhinethi liyiphawulile futhi naleyo mikhakha edinga ukuthi kube nezinhlelo zokungenelela ukuze kulungiswe inkinga yokubambezeleka okwenzekile ngenxa yokukhahlamezeka okudalwe wubhubhane lwe-COVID-19. 
2.4.    ONgqongqoshe bazobamba izithangami nabezindaba kula maviki ezayo ukuze bakwazi ukwenaba kabanzi ngemibiko yabo ngokwehlukana kwabo futhi bachaze kabanzi nangalezo zindawo lapho kudingeka khona ukuba kuqiniswe isandla kusetshenzwe ngokuzikhandla.

C.    Umcimbi ozayo
1.    INgqungquthela Yosozimboni Abamnyama Abathumela Impahla Nemikhiqizo Emazweni Angaphandle (i-BIEC)


1.1.    I-BIEC yokuqala ngqa izobanjelwa e-Sandton International Convention Centre eGoli ngoLwesithathu mhla zingama-20 kuNtulikazi 2022. 
1.2.    Ingqungquthela ilandela ukwethulwa kweNethiwekhi Yosozimboni Abamnyama Yokuthunyelwa Kwempahla Nemikhiqizo Emazweni Angaphandle, phecelezi, i-Black Industrialists Export Network, ethulwe nguhulumeni ngasekuqaleni konyaka, esekela osozimboni abamnyama ukuze bakwazi ukungena ezimakethe ezintsha futhi bakwazi ukufinyelela kuxhasomali lokuthumela impahla nemikhiqizo emazweni angaphandle kanye namathuba nezindlela zokukhangisa nokwazisa ngempahla nemikhiqizo yabo. 

D.    Imiyalezo
1.    Amazwi okuhalalisa


IKhabhinethi lidlulise amazwi okuhalalisa kanye nezilokotho ezinhle kulaba: 

  • amaBhokobhoko, ngokunqoba kwawo ngomzuzu wokugcina emdlalweni wawo ne-Wales olethe injabulo enkulu kubalandeli, obekungumdlalo wokuzwana amandla wokuqala kwemithathu obubanjelwe enkundleni i-Loftus Versveld Stadium ePitoli ngoMgqibelo mhla zi-2 kuNtulikazi 2022. 
  • iBanyana Banyana, ngokunqoba kwayo ngamagoli amabili kwelilodwa emdlalweni wayo wokuvula obuphakathi kwayo ne-Nigeria weNdebe Yabesifazane Yamazwe ase-Afrika, esingethwe yi-Morocco, ngoMsombuluko mhla zizi-4 kuNtulikazi 2022.

E.    Abaqashiwe
    Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.
1.    UDkt Nyameko Barney Pityana oqokwe njengoSihlalo we-National Lotteries Commission. 
2.    U-Adv Rory Voller oqokwe njengoKhomishana we-Companies and Intellectual Property Commission. 

Imibuzo: Nks Phumla Williams – uMkhulumeli weKhabhinethi 
Iselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore