Isitatimende soMhlangano weKhabhinethi obubanjwe ngobuchwepheshe be-inthanethi, mhla we-17 kuNcwaba 2022

A. Ezisematheni
1. Ezamandla 

1.1. IKhabhinethi lamukele izingenelelo ezethulwe nguhulumeni ukubhekana nenkinga kagesi ebhekene nezwe. Lezi zinyathelo ezizohamba ibanga elide ekuhlahleni indlela yokunciphisa ukuncishwa kogesi ngenhloso yokuwonga, ukuletha uguquko emkhakheni kagesi kanye nokuqinisekisa ukutholakala kogesi isikhathi eside.

1.2. Ukuze seseke isizinda sikagesi futhi sisize izwe lethu ngokuthunyelwa kogesi olinganiselwe, sidinga ukunciphisa ukusetshenziswa kogesi njengezwe ngama-600 megawatts ezinyangeni ezintathu ezizayo. 

1.3. Amakhaya angadlala indima yawo ekongeni ugesi ngokucisha zonke izibani ezingabalulekile kanye nezinto ezisebenzisa ugesi omningi ngezikhathi lapho ugesi usetshenziswa kakhulu khona. Amabhizinisi ayagqugquzelwa ukuthi aqale ukusebenzisa ubuchwepheshe obonga ugesi emkhiqizweni yawo futhi azibandakanye emizamweni yokunciphisa ukudingeka kogesi.
 
2. Umkhankaso we-Operation Vulindlela 

2.1. IKhabhinethi lamukele inqubekelaphambili eyenziwe emkhankasweni we-Operation Vulindlela wokususa zonke izihibe emikhakheni yezamandla, owezokuxhumana, nowamanzi kanye nezokuvakasha ngenhloso yokuvuselela umnotho.

2.2. Izinguquko kwizakhiwo eziyisishiyagalolunye kwezingama-26 sezikhona, neziyi-11 nazo ziqhubekela phambili kahle kakhulu. Ukuphumelela kwalokhu kubandakanya ukwenyusa isilinganiso sokukhishwa kwemvume yokuphehlwa kogesi ovuselelekayo, ukuguqulwa kwe-Transnet National Ports Authority ibe yinkampani, ukukhishwa kohlu olubuyekeziwe lwamakhono abucayi kanye nokuqaliswa kohlelokusebenza lwe-e-Visa kumazwe ayi-14, kubandakanya nezimakethe zabavakashi ezinkulukazi ezintsha okuyi-China, i-India, i-Kenya ne-Nigeria.
 
3. Udlame Olubhekiswe Kwabobulili Obuthile Nokubulawa Kwabesifazane (i-GBVF)
3.1. IKhabhinethi lizwakalise intukuthelo ngokudlwengulwa okunesihluku kwakamuva kwabesifazane abayisishiyagalombili e-Krugersdorp e-Gauteng. Lezi zenzo ezimbi nokuhlukunyezwa kwabesifazane kudicilela phansi isithunzi sethu emphakathini. IKhabhinethi liphinde lancoma uPhiko Lwamaphoyisa eNingizimu Afrika ngokusheshe abophe abasolwa abaningana abasolwa ngalo bugebengu obunyantisayo. 

3.2. IKhabhinethi linxuse imiphakathi ukuthi isebenzisane nabomthetho ngokunikezela ngolwazi noma ngokubika izenzo ezisolisayo. Ngokusebenza ngokubambisana, singenza imiphakathi yethi iphephe kubantu besifazane nasezinganeni. 

3.3. Wonke umuntu waseNingizimu Afrika unomsebenzi wokulwa nababhebhezeli bodlame ngokulandela umthetho. Bika zonke izigameko ezihlobene ne-GBVF esiteshini samaphoyisa esiseduze nawe noma ushayele inombolo yokunqanda ubugebengu ye-Crime Stop ku: 0860 01 0111, isikhungo i-National GBVF Command Centre ku: 0800 428 428 noma iNombolo Yosizo Yokunqandwa Kodlame Olubhekiswe Kubulili Obuthile ku: 0800 150 150. 

4. INyanga Yabesifazane
4.1. INyanga Yabesifazane yaminyaka yonke ngoNcwaba ibungaza abesifazane ababa negalelo emzabalazweni wenkululeko nabobonke abesifazane emphakathini wakithi. 

4.2. Kulo nyaka iNyanga Yabesifazane ibungazwa ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Amalungelo Enhlalo-mnotho Nokuthuthukiswa Kwabesifazane: Sakha Kabusha Ukuthuthukisa Amandla Abesifazane”. 

4.3. Abesifazane abangaphezu kwezi-20 000 abamashela eZindlini Zombuso ePitoli mhla we-9 kuNcwaba 1956 baba negalelo ekuqinisekiseni ukuthi ukulingana ngokobulili nokunithuthukiswa kuhlala kuseqhulwini eNingizimu Afrika yentando yeningi labantu.

4.4. Isibindi sabo sagqugquzela abanye besifazane jikelele ukuthi nabo bathathe indawo yabo ePhalamende, kuhulumeni nasemphakathini, futhi siyaqhubeka nokwakhela phezu kwale ntuthuko kusukela sazuza inkululeko ngowe-1994.

5. Isikhumbuzo sase-Marikana 
5.1. NgoLwesibili, mhla we-16 kuNcwaba 2022, uhulumeni uhlanganyele nezwe lonkana ekukhumbuleni isibhicongo esenzeka e-Marikana eNyakatho Ntshonalanga ngowezi-2012. Ubuhlungu obazwiwa ngabasebenzi, imindeni yabo kanye nesizwe sonke buzohlale buqoshiwe emlandweni wethu. 

5.2. UHlelo Lokwakha Kabusha i-Marikana seluqaliwe ukuze kuzokwakhiwa kabusha futhi kwenziwe isimondawo esivumela ukuthuthukisa izimpilo zomphakathi wase-Marikana. Ngonyaka owedlule uhulumeni wakhokha izigidi eziyi-R176 njengesinxephezelo emindenini yabagilwa futhi amacala asasele asaqulwa kulindeleke ukuthi aphothulwe uma kuphela uNcwaba ngowezi-2022. 

5.3. Izindlu eziningi ezilungisiwe noma ezintsha zidluliselwe kubafelokazi base-Marikana kanti ezinye zizoqedelwa kulo nyaka. Umklamo wokwakhiwa kwezindlu wezigidi ezingama-R700 uzoholela ekuboneni abasebenzi basezimayini bethola izindlu ezisezingeni elihle. Ingqalasizinda ebucayi kwezenhlalo iyahlinzekwa ukwenza ngcono izimo zokuhlala emiphakathini yasezimayini. 

6. Imbizo kaMongameli yoHlelo Lokuthuthukiswa Kwezifunda (i-DDM) e-Gauteng 
6.1. Kulandela impumelelo yeZimbizo zikaMongameli ezintathu ze-DDM ebezibanjwe eNyakatho Ntshonalanga, eFreyistata naseMpumalanga, uMasipala Wesifunda i-Sedibeng e-Gauteng usingathe imbizo yesine ngoLwesihlanu, mhla we-12 kuNcwaba 2022.

6.2. Ngaphansi kwesiqibulo eithi: “Masingashiyi muntu ngemuva”, uMongameli u-Cyril Ramaphosa uhole ithimba lezikhulu eziphezulu kuzwelonke, kwisifundazwe kanye nakohulumeni basekhaya. Abantu baseNingizimu Afrika ngokwehlukahlukana kwabo banxenxwa ukuba basebenze ngokubambisana ukulwa namazinga akhulayo obubha kanye nobuphofu okudalwa izinselele zezimo zomnotho. 

6.3. ISifunda i-Sedibeng senze inqubekelaphambili ekuqalisweni kohlelo lwe-Vaal River Special Economic Zone (i-SEZ), oluthembisa kakhulu ekuthuthukisweni kwezimboni zesifunda, zesifundazwe kanye nasezweni lonkana. I-Vaal River SEZ ihlele ukubandakanya le mikhakha ebucayi elandelayo: iDolobha Elisha Lobuchwepheshe Besimanje e-Vaal River; Isiphehlimandla Esiphehla Ugesi Ngamanzi Nangomoya; isizinda esikhiqiza insangu; ukuthuthwa kwemikhiqizo yezolimo; idolobha elizungeze isikhumulo sezindiza; isikhumulo sezindiza esincane; ukuthuthwa kwempahla ngezindiza kanye nokuvuselelwa komkhakha okhiqiza insimbi.  

7. INgqungquthela kaMongameli Yomkhakha Wezenhlalo
7.1. INgqungquthela kaMongameli Yomkhakha Wezenhlalo ebibanjwe Ekurhuleni, e-Gauteng kusuka mhla we-4 kuya mhla we-5 kuNcwaba 2022 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Sikhuthaza Ukubumbana Kwezenhlalo Ukuvumela Ukubamba Iqhaza kwiNhlalo-mnotho Emiphakathini”, iqoqele ndawonye ababambiqhaza ababuya kwizifunda ezehlukene ukuthi basebenze nohulumeni ukubhekana nezinselele zenhlalo-mnotho kanye nokunxenxa izinsiza zomphakathi, phakathi kwezinye izinjongo. 

7.2. Ingqungquthela ibheke imibiko yezinkulumo-ngxoxo yezifundazwe eziyisishiyagalolunye kwizinselele lezi zifundazwe ezibhekene nazo, okufaka phakathi ukufinyelela kuxhaso-mali, izinkinga zokulawula, ukuguqulwa komkhakha wezenhlalo ngokombono wokuqinisa ubudlelwano phakathi kukahulumeni nemiphakathi ukuze kuzobhekanwa nezinselele ezihlobene nobubha, ukungalingani kanye nokuntuleka kwemisebenzi. 

7.3. IKhabhinethi linxuse izinhlangano zomphakathi nezakhamuzi ukuthi badlale indima yabo ebonakalayo ekuqinisekiseni ukuthi sakha ikusasa elingcono, njengoba kucatshangiwe kuHlelo Lwentuthuko Lukazwelonke: NgokoMbono wezi-2030.
 
B. Izinqumo zeKhabhinethi
1. UHlelo-kusebenza Lwezimboni Zamasiko Nobuciko

1.1. IKhabhinethi ligunyaze uHlelo-kusebenza Lwezimboni Zamasiko Nobuciko ukuthi luqaliswe ukusebenza. Lolu hlelo-kusebenza lugxile kubuciko obubonakalayo; imisebenzi yezandla nemiklamo; ubuciko obulalelwayo nobubukwayo kanye nobuciko obenziwa ngekhompyutha; izinsizakalo zokuklama nobuciko; ukudlala nokubungaza, kufaka phakathi umculo, ukuxhumana ngokubhaliwe nokushicilelwe phansi.
 
1.2. Uhlelo-kusebenza luzongenelela kule mikhakha ekwakheni umkhakha omusha oguqukile ozokwaziwa emhlabeni jikelele futhi uncintisane ezingeni. Luzosebenzela imboni yobuciko eNingizimu Afrika ukuthi ikwazi ukufinyelela ezimakethe zakuleli nasemhlabeni jikelele.
 
2. UHlaka Lwenqubomgomo Olubuyekeziwe Lokuboleka KoMasipala Nezimo Eziphuthumayo Zemali
2.1. IKhabhinethi libuyekeze ukuchitshiyelwa koHlaka lwenqubomgomo yamanje Yokuboleka Komasipala Nezimo eziphuthumayo Zemali. Izichibiyelo lezi zibhekele kwisahluko sokuboleka salolu hlaka. Phakathi kwezichibiyelo eziphakanyisiwe ngokwethula isikhathi eside sokuboleka ukuze sizohambisana nesikhathi sokusebenza kwempahla esuke ibolekwa futhi ikhokhelwa nemali. Izichibiyelo zibuye zicacise umsebenzi wezikhungo zokuthuthukiswa kwezimali endimeni yokweboleka yomasipala.

2.2. ISahluko sama-230 soMthethosisekelo waseRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika we-1996 unika amandla omasipala ukuthi baboleke imali ukuze bathole imali yokuqalisa ukusebenza noma ukukhokhela izindleko ezikhona. Uhlaka lokuqala lwagunyazwa yiKhabhinethi ngowezi-2000 ukuhlahlela indlela iSahluko se-6 nese-13 soMthetho Wezezimali Komasipala, wezi-2003 (Umthetho wama-56 wezi-2003). Izichibiyelo ezigunyaziwe zihlose ukukhuthaza ababolekisi abaningi ezimakethe zomasipala kodwa zibe ziqhubeka nokugcina izimiso ezingumongo eziyisisekelo sokuboleka komasipala.
 
3. Ukukhishwa ngaphambi kwesikhathi kwekhalenda ukuze lizoshicilelwa lezibalo zobugebengu zekota zangonyaka wezimali wezi-2022/23
3.1. IKhabhinethi ligunyaze ukukhishwa ngaphambi kwesikhathi kwekhalenda okuphakanyisiwe ukuze lizoshicilelwa lezibalo zobugebengu zekota zangonyaka wezimali wezi-2022/23. IKhabhinethi ligunyaze ukukhishwa kwezibalo zobugebengu zekota. Lokhu kwenziwe ukuze kuzoshintshwa izikhathi zokukhishwa kwezibalo zobugebengu zonyaka ezedlule zezwe.

3.2. Ikhalenda eliphakanyisiwe lezibalo zobugebengu nguNcwaba 2022 ukuthi kukhishwe elekota yokuqala bese kuthi ngoLwezi 2022 kukhishwe elekota yesibili. Izibalo zobugebengu zekota yesithathu nekota yesine zizokhishwa ngoNhlolanja nangoNhlaba ngowezi-2023 ngokulandelana.
 
4. Ukuphela kweSimo Senhlekelele Kuzwelonke (i-NSoD)
4.1. IKhabhinethi ligunyaze ukuphela kweSimo Senhlekelele Kuzwelonke (i-NSoD) esamenyezelwa emva kwezikhukhula ezadala umonakalo eMpumalanga Kapa naKwaZulu Natali. 

4.2. I-NSoD iphele mhla we-18 kuNcwaba 2022 kulandela ukwelulwa mhla we-18 kuNtulikazi 2022. Ukwelulwa kwakungenxa yesidingo sokuqhubeka ngokwengeza izinyathelo eziphuthumayo ezikhona ezazithathwe yizinhlaka zikahulumeni ukuqeda nokubhekana nomphumela odalwe isimo esibi sezulu ezifundazweni ezithintekayo. 

4.3. IKhabhinethi livumile ukuthi izimo zamanje azisafanele izinyathelo ezinqala njengezinhlaka zikahulumeni, umkhakha ozimele kanye nomphakathi sizoqhubeka siqinisekise usizo, ukuvuselela kanye nokwakha kabusha okuqhubekayo. 
 
C. Imithethosivivinywa
1. UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ukubhaliswa Komhlaba wezi-2022
1.1. IKhabhinethi ligunyaze ukulethwa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ukubhaliswa Komhlaba wezi-2020 ePhalamende ukuze ucutshungulwe. IKhabhinethi lagunyaza lo Mthethosivivinywa ngoNhlangulana wezi-2020 ukuthi kuxoxisanwe nomphakathi ngawo.

1.2. Izichibiyelo ezethuliwe zizobonisa ubunikazi bomhlaba obufakwe ngokomthetho kwiSahluko sama-25(6) soMthethosisekelo waseNingizimu Afrika we-1996. UMthethosivivinywa uhlinzeka ngokuqoqwa kwemininingwane ngokobuhlanga, ubulili, ubuzwe kanye nokuba isakhamuzi kwalabo abanamalungelo omhlaba eNingizimu Afrika. Lokhu kuzoholela ekubeni nemibiko yokuhlolwa kwamabhuku eqondile kanye nocwaningo esikhathini esizayo olumayelana nokuguqulwa kobunikazi bomhlaba.
 
2. UMthethosivivinywa We-ejensi Kazwelonke Yengqalasizinda Yomthombo Wamanzi (i-NWRIA) wezi-2022
2.1. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa we-NWRIA wezi-2022 ukuze umphakathi uphawule ngawo isikhathi esiyizinsuku ezingamashumi ayisishiyagalolunye (90). UMthethosivivinywa uhlongoza ukubekwa kwe-NWRIA ukuthi umsebenzi wayo kube ngukuhlela, ukuxhasa ngezimali kanye nokuthuthukisa ingqalasizinda yamanzi kuleli lizwe. Izophinde ibhekele ukunakekelwa kwengqalasizinda yamanzi ekhona njengamanje.

2.2. I-ejensi izoqinisekisa ukuthunyelwa kwamanzi okusimeme, okulingene nokuthembakele okuzohambisana nezimiso zomthethosisekelo zokuba nelungelo lokufinyelela emanzini nokuhlala endaweni ephephile enempilo. I-ejensi izokwakheka njengeNkampani Kahulumeni ngaphansi kweSahluko sesi-2 soMthetho Wokwenganyelwa Kwezimali Zikahulumeni, we-1999 (Umthetho woku-1 we-1999). I-ejensi izokwenza imisebenzi okwamanje eyenziwa i-Trans-Caledon Tunnel Authority.
 
3. UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ezamandla Ezimali Nemisebenzi Yomasipala wezi-2022
3.1. IKhabhinethi ligunyaze ukulethwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ezamandla Ezimali nemisebenzi Yomasipala wezi-2022. UMthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wamandla Ezimali Nemisebenzi Yomasipala, wangowezi-2007 (Umthetho we-12 wezi-2007).

3.2. Izichibiyelo zilawula amandla omasipala ekufakeni intela ezindlekweni zentuthuko ngokwezicelo zokuthuthukiswa komhlaba ezilethwe komasipala. Lezi zichibiyelo zizoqinisekisa ukuthi omasipala basebenzisa lezi zindleko ngeqiniso, obala futhi ngendlela eqondile. IKhabhinethi lagunyaza lo Mthethosivivinywa ngowezi-2020 ukuze umphakathi uphawule ngawo.
 
4. UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Izindaba Zezimali wezi-2022
4.1. IKhabhinethi ligunyaze ukulethwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Izindaba Zezimali, wezi-2022. UMthethosivivinywa uhlongoza ukuchibiyela iMithetho eyisikhombisa, okuyilena (1) uMthetho Wempesheni Yezikhungo Ezisebenzisanayo, we-1963 (Umthetho wama-41 we-1963); (2) uMthetho Wempesheni Womkhosi Wezempi, we-1976 (Umthetho wama-84 we-1976); (3) uMthetho Wempesheni Yabasebenzi Bakahulumeni we-1996; (4) uMthetho Wekhomishini Yezezimali, we-1997 (Umthetho wama-99 we-1997); (5) uMthetho weBhange Lokuthuthukiswa Komhlaba Nezolimo, wezi-2002 (Umthetho we-15 wezi-2002); (6) uMthetho Wabacwaningi-mabhuku wezi-2005 (Umthetho wama-26 wezi-2005) kanye (7) noMthetho Ochitshiyelwe Wabacwaningi-mabhuku wezi-2021 (Umthetho wesi-5 wezi-2021).

4.2. Izichibiyelo ezihlongozwayo zibandakanya, ngaphansi koMthetho Wempesheni Yomkhosi Wezempi we-1996, ukubandakanywa kwabalingani kwizinzuzo kubuyelwa emuva kusuka ngama-27 kuMbasa 1994. Izichibiyelo zemithetho yempesheni zizovumela amakhosikazi nabayeni ukuthi bathole inzuzo yempesheni yabo masinya nje emva kokuhlakazwa komshado.

4.3. Ngaphezu kokucacisa umsebenzi kaNgqongqoshe Wezezimali nasekucwaningeni amabhuku, izichibiyelo ziphinde zilinganise amandla ekomidi eliqinisa umthetho lapho umcwaningi-mabhuku ethole khona kunecala. UMthethosivivinywa washicilelwa ngoNhlolanja wezi-2022 ukuthi umphakathi uphawule.
 
5. UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Imithetho Engujikelele (Ukulwa Nokushushumbiswa Kwemali noKulwa Nokuxhasa Ngezimali Izenzo Zobudlova) wezi-2022
5.1. IKhabhinethi ligunyaze ukulethwa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Imithetho Engujikelele (Ukulwa Nokushushumbiswa Kwemali Nokulwa Nokuxhasa Ngezimali Izenzo Zobudlova) wangowezi-2022 ePhalamende ukuthi uzocutshungulwa.

5.2. Lo Mthethosivivinywa unguMthethosivivinywa oyingxubevange ochibiyela iMithetho ekhona njengamanje okuyi (i) uMthetho Wesikhungo Sobunhloli Bezezimali, wezi-2001 (Umthetho wama-38 wezi-2001); (ii) uMthetho Wezinhlangano Ezingenzi Nzuzo, we-1997 (Umthetho wama-71 we-1997); (iii) uMthetho Wokulawulwa Kwempahla eku-Trust, we-1988 (Umthetho wama-57 we-1988); (iv) uMthetho Wezinkampani, wezi-2008 (Umthetho wama-71 we-2008) kanye (v) noMthetho Wokulawulwa Komkhakha Wezimali, wezi-2017 (Umthetho we-9 wezi-2017).

5.3. Izichibiyelo ziphendula ukuntula okubonakele ngesikhathi sokubuyekezana kwamazwe okwenziwa yithimba le-Financial Action Task Force (i-FATF). Umbiko wokuhlolwa ofanayo waqhamuka nezincomo ezingama-40 ezingasiza ekubekeni iNingizimu Afrika ukuthi ihambisane nezinyathelo zomhlaba zokulwa nokushushumbiswa kwemali kanye nokuxhasa ngezimali izenzo zobudlova. 

5.4. INingizimu Afrika yatholakala ukuthi isemuva ezindaweni ezingama-20. Lo Mthethosivivinywa ubhekene nezindawo eziyi-14 zalezi zindawo ezibonakele. INingizimu Afrika selokhu yaba yilungu le-FAFT kusukela ngowezi-2003.
 
6. UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ezezidakamizwa Nokushushumbiswa kwazo wezi-2022
6.1. IKhabhinethi ligunyaze ukulethwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ezezidakamizwa Nokushushumbiswa Kwazo wezi-2022 ukuthi ucutshungulwe. UMthetho Wezidakamizwa Nokushushumbiswa Kwazo, we-1992 (Umthetho we-140 we-1992) ukwenza kube licala ukukhiqizwa nokusatshalaliswa kwanoma isiphi isidakamizwa kwezibalulwe ngaphansi kweSahluko soku-1 neSahluko sesi-2 soMthetho. 

6.2. Izichibiyelo zibhekana nokungasebenzi kweSahluko sama-63, okwatholakala ukuthi akuhambisani nomthethosisekelo uma uNgqongqoshe ezonikwa amalungelo okuchibiyela izahluko ngaphandle kokubandakanya inqubo yomthetho.

6.3. Ngowezi-2020, iNkantolo Yomthethosisekelo yamemezela ukuthi iSahluko sama-63 esimayelana neZidakamizwa Nokushushumbiswa Kwazo we-1992 asihambisani nomthethosisekelo futhi yamisa ukungasebenzi kwaso ukuya mhla ziyi-17 kuZibandlela 2022 ukunikeza iPhalamende isikhathi sokulungisa leli phutha.
 
D. Umcimbi ozayo
1. Indebe yomhlaba i-Rugby World Cup Sevens 2022
1.1. INingizimu Afrika izosingatha imidlalo yendebe yomhlaba i-World Cup Sevens 2022 eKapa phakathi komhla we-9 nomhla we-11 kuMandulo 2022. Lo mcimbi wombukiso uzosingathwa okokuqala ezwenikazi i-Afrika futhi kuzobonakala amaqembu amadoda angama-24 nawesifazane ayi-16 aphuma emhlabeni jikelele encintisana.
 
E. Imiyalezo
1. Ukuhalalisa

IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle kodwa laba: 

  • I-Banyana, ngokuqopha umlando benqoba indebe yokuqala ngqa yaseNingizimu Afrika ye-Women's Africa Cup of Nations (i-WAFCON), emdlalweni wamanqamu we-2022 WAFCON obudlalwa e-Rabat, e-Morocco ngoMgqibelo, mhla wama-23 kuNtulikazi 2022. Ngokuphumelela kwabo, bazodlulela emincintiswaneni yeNdebe Yomhlaba Yabesifazane ye-FIFA ngonyaka ozayo ezobe isingathwe ngokuhlanganyela i-Australia ne-New Zealand kusuka mhla wama-20 kuNtulikazi kuya mhla wama-20 kuNcwaba 2023.
  • IQembu laseNingizimu Afrika, ngokuhlabana ngezindondo ezingama-27 emidlalweni enhlobonhlobo ye-2022 Commonwealth Games ebidlalwa e- Birmingham, e-England kusuka mhla wama-28 kuNtulikazi kuya mhla wesi-8 kuNcwaba 2022. Bathathe indawo yesishiyagalolunye ngezindondo eziyisikhombisa zegolide, eziyisishiyagalolunye zesiliva kanye nezili-11 zethusi.
  • Iqembu Labesifazane lama-Springbok, ngokunqoba i-Spain emdlalweni wabo wokuqala kwemibili yokuzwana amandla ye-Women’s Winter Series e-Emirates Airline Park e-Johannesburg.
  • Nks Ndavi Nokeri (23), ngokwethweswa isicoco sikaZime waseNingizimu Afrika wezi-2022.
  • Nks Ashleigh Buhai, ngokuhlabana ku-2022 AIG Women’s Open waba ngowesifazane wesithathu waseNingizimu Afrika ukuhlabana ngendondo yegolide.

2.   Amazwi enduduzo 
        IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo emndenini nakubangani baka: 
● Tokollo “Magesh” Tshabalala (46), umculi kanye nombhali wamaculo owadlondlobala waduma ngesikhathi yena nabangani bakhe ababili beqala iqembu lomculo we-kwaito ngowe-1996 elalibizwa nge-TKZee.  
 
3. Abaqashiwe
1. Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.
1.1. Nks Zenkosi Dumile Mhlongo njengePhini loMqondisi-Jikelele (i-DDG): Kwezocwaningo Lenqubomgomo Nomthethonqubo kuMnyango wezemisebenzi Kahulumeni Nengqalasizinda (i-DPWI).  
1.2. Dkt Bongani Elias Sithole njenge-DDG: kwiSikhungo Sokulawulwa Kwesimo Senhlekelele kuMnyango Wezokubusa Ngokubambisana. 
1.3. Mnu Adam Mthombeni njenge-DDG: KweZobudlelwano Phakathi Kukahulumeni e-DPWI. 
 
2. IKhabhinethi livumelana nokuqashwa kwalaba abalandelayo:
2.1. Dkt Zwanani Titus Mathe njengeSikhulu Esiphezulu Esiphethe eSikhungweni Sokuthuthukiswa Kwezamandla eNingizimu Afrika.
2.2. Amalungu angasebenzi ngokuphelele kuBalawuli Bezamandla Kuzwelonke eNingizimu Afrika:
a. Mnu Thembani Bukula (uSihlalo);
b. Mnu Zandile Mpungose (iPhini likaSihlalo); 
c. Nks Precious Sibiya;
d. Nks Thembeka Semane; no-
e. Mnu Fungai Sibanda (ophinde wabekwa).
2.3. USihlalo kanye nelungu loMkhandlu WeBhodi Lezobuchwepheshe Bezezimbiwa:
a. Dkt Thibedi Ramontja (uSihlalo); no-
b. Slz Lwazi Ngubevana.
 
2.4. Nks Cladie Thamo Hloniphile Mzobe njengoMphathi Omkhulu Wesifunda kwiNhlangano Yezimpesheni Nezibonelelo Zikahulumeni eNingizimu Afrika KwaZulu Natali.

Imibuzo: Nks Phumla Williams – uSomlomo weKhabhinethi 
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore