Isitatimende Somhlangano weKhabhinethi Obubanjwe nge-inthanethi ngoLwesithathu, mhla zingama-21 Mfumfu 2020

A. Ezisematheni

1. Umnotho

1.1. UHlelo Lokwakha Kabusha Nokuvuselela Umnotho olwethulwa nguMongameli u-Cyril Ramaphosa emhlanganweni wokuhlala ngokuhlanganyela kwezindlu zombili zePhalamende ngoLwesine, mhla ziyi-15 Mfumfu 2020, ludinga yonke imikhakha ukuthi ikhweze imikhono isebenze ngokubambisana ukuzinzisa umnotho wethu.
1.2. Uhlelo lwakhelwe embonweni ofanayo owasungulwa kubanjiswene nabo emphakathini - uhulumeni, ezabasebenzi, amabhizinisi kanye nezinhlangano zomphakathi - ngokubonisana kanzulu ngemininingwane ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.
1.3. Kunezinhlaka ezine eziseqhulwini ezesekela lolu hlelo lokuvuselela umnotho, olokuqala kungukukhishwa kwengqalasizinda. Uhlaka lwesibili oluseqhulwini ukunweba umthamo wokuphehlwa kogesi ngokuthi uhulumeni asheshise ukuqaliswa kokusebenza koHlelo Oludidiyelwe Lwezinsiza. Uhlaka olusemqoka lwesithathu ilolo lwemizamo yokusungula imisebenzi nokusekela izindlela zokuziphilisa kwabantu. Uhlaka lwesine lugxile ekukhuleni kwezimboni lapho uhulumeni ezosekela ukukhula emikhiqizweni yalapha kuleli lizwe kanye nokwenza ukuthi ukuthunyelwa kwemikhiqizo yaseNingizimu Afrika kwamanye amazwe ibe sezingeni lokuncintisana.
1.4. Lezi zinhlaka eziseqhulwini ezikhonjiwe zizofaka isandla ekwakheni ukuzithemba nokubeka iNingizimu Afrika ezingeni lotshalomali nokukhula komnotho kulandela ukukhungatheka okudalwe ubhubhane lwesifo segciwane le-Corona (i-COVID-19).
1.5. Ukuqinisekisa ukuqashwa njalo kokuqaliswa kokusebenza kohlelo, iKhabhinethi ikuvumile ukusungulwa koMkhandlu Obhekene Nokuvuselelwa Komnotho Kuzwelonke. USihlalo womkhandlu kuzoba uMongameli futhi amanye amalungu kuzoba yiPhini likaMongameli, uNgqongqoshe eHhovisi likaMongameli kanye nabo bonke oNgqongqoshe Beqoqo Lezomnotho. Umkhandlu uzohlangana njalo ngenyanga ukubheka ukuqaliswa kokusebenza kohlelo lokwakha kabusha nokuvuselelwa komnotho kanye nokuhlangana nokubanjiswene nabo emphakathini kuMkhandlu Wokuthuthukiswa Komnotho Nezabasebenzi Kuzwelonke.

2. Isimo Senhlekelele Kuzwelonke

2.1. Ukunwetshwa kweSimo Senhlekelele Kuzwelonke siye kumhla ziyi-15 Lwezi 2020, ngokoMthetho Wokulawulwa kweZimo Zenhlekelele, wangowezi-2002 (Umthetho wama-57 wangowezi-2002), kuzovumela uhulumeni ukuthi aqhubeke nokunciphisa ukubhebhetheka kwegciwane.
2.2. Ngesikhathi iNingizimu Afrika isesimeni lapho kunokwehla okukhulu ekusulelekeni nasekubhebhethekeni kwe-COVID-19 ezinyangeni ezedlule, igciwane lisalokhu linathi.
2.3. Njengoba izwe lijwayela 'indlela entsha' yokuphilisana ne-COVID-19 kanye nokuqubuka kabusha kwegciwane okungenzeka, iKhabhinethi liyaphinda futhi linxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baqhubeke nokulandela imithetho yezempilo yokugqokwa kwezifonyo, ukuqhelelana kanye nokuhlale njalo uhlanza izandla ngamanzi nensipho noma ukusebenzisa isibulali-magciwane esine-alcohol. Lezi izona ndlela zokuzivikela ezikhona ukuze sizivikele thina, imindeni yethu kanye nabathandiweyo bethu ekusulelekeni nge-COVID-19. 
2.4. IKhabhinethi lifisela bonke abasuleleke ngegciwane kubandakanya uNgqongqoshe wethu Wezempilo, uDkt uZweli Mkhize kanye nonkosikazi wakhe, uDkt u-May Mkhize, ukululama okusheshayo.
2.5. IKhabhinethi liphinde futhi lifisa ukubonga bonke abasebenzi bezempilo abahamba phambili ngokuzibophezela nokuzinikela okuholele ekukhuleni kwezinga lokululama ku-COVID-19 kuleli zwe kwaba ngaphezu kwama-90% nokugcine izinga labashonayo kuma-2.6%.

3. Ukugxila ekugcineni Ukuphepha ezindaweni zasemakhaya

3.1. IKhabhinethi leseka ngokugcwele umsebenzi wamaphoyisa aseNingizimu Afrika wokubopha labo abenza ubugebengu obesabekayo ezweni lethu obubandakanya ukubulawa nokulinyazwa kwabalimi kanye nabasebenzi basemapulazini ezweni lonkana. Umphakathi wabalimi uyingxenye ebalulekile emnothweni wethu, ukugetshengwa kwamapulazi akusabisi kuphela ukuphepha kwabalimi nabasebenzi basemapulazini kodwa nokuvikeleka kokudla kwezwe.
3.2. Uhulumeni usheshisa ukuqaliswa kokusebenza kweSu Lokuphepha Kwezindawo Zasemakhaya ukuze abhekane nezidingo zokuvikelwa kwemiphakathi yasezindaweni ezisemakhaya kanye nokweseka ukuthuthukiswa kwezenhlalo nezomnotho.
3.3. IKhabhinethi linxusa isizwe ukuthi sisize Uphiko Lwezamaphoyisa eNingizimu Afrika (i-SAPS) ekulweni nobugebengu ngokuba yingxenye yezinkundla zomphakathi zamaphoyisa nokubika ubugebengu esiteshini samaphoyisa esiseduzane, ngokushayela inombolo yamahhala Yokuqeda Ubugebengu i-Crime Stop ethi- 08600 10111, ngokuthumela i-SMS engavezi ukuthi ithunyelwe ngubani eyaku- Crime Line kunombolo ethi- 32211 noma usebenzise i-App ebizwa nge-MySAPS - yamahhala, esetshenziselwa ukubika ubugebengu efakwa komakhalekhukhwini besimanje - ukuze ulume indlebe amaphoyisa ngobugebengu kodwa ungazivezanga ukuthi ungubani.
3.4. Kumele sisebenze ngokubambisana ukuqeda ubugebengu emiphakathini yakithi futhi senze izwe lethu liphephe kuwowonke umuntu.

4. Ukulwa nenkohlakalo

4.1. IKhabhinethi iyakwamukela ukuboshwa kwabantu abasolwa ngokubandakanyeka emacaleni ahlukene enkohlakalo, ukukhwabanisa, ukushushumbisa imali kanye nokweba. La macala abandakanya, phakathi kwamanye, lawo ahlobene nokuxhashazwa kwezimali ze-COVID-19 zokusiza umphakathi, ukuthengwa okungahambanga ngendlela kwezinsizakusebenza zokuzivikela ze-COVID-19, ihlazo elihlobene nomsebenzi wezindlu zetsheboya kanye nokuhluleka ukubika noma ukuhambisa umbiko kuMnyango Wokuqoqwa Kwentela eNingizimu Afrika. IKhabhinethi libonga futhi liyayeseka yonke imizamo yokubuyisa izimali zikahulumeni kubo bonke abenze lokukhwabanisa. 
4.2. Ukuboshwa kwakamuva kuqinisekisa ukuthi akekho ongaphezu komthetho futhi kubonisa ukuzinikela kukahulumeni ukujezisa labo abaqhubeka nokuphula umthetho ngokuphanga abantu baseNingizimu Afrika abahluphekayo usizo abaludingayo nokusizwa nguhulumeni.
4.3. IKhabhinethi licela umphakathi ukuthi ubambe iqhaza ngokubika labo abenza lobu bugebengu kwabophiko lokugcinwa komthetho noma ngokushayela ucingo inombolo yamahhala Yokulwisana Nenkohlakalo ku-0800 701 701.

5. Udlame Olubhekiswe Kwabobulili Obuthile nokubulawa Kwabesifazane (i-GBVF)

5.1. Isihlava se-GBVF kanye nokuhlukunyezwa kwabantwana, uMongameli u-Ramaphosa akusole njengobhubhane lwesibili olulandela i-COVID-19, sisalokhu sibhubhisa emiphakathini yakithi futhi kumele senze konke okusemandleni ukusiqeda. USomqulu Wamalungelo ofakwe kuMthethosisekelo waseNingizimu Afrika wangowe-1996 ubeka ngokuqonde ngqo ukuthi wonke umntwana unelungelo lokuvikelwa ekuphathweni kabi, ukunganakwa, ukuhlukunyezwa noma ukululazwa.
5.2. IKhabhinethi icela bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basebenze ngokubambisana nabophiko lwezokugcinwa komthetho ekuqinisekiseni ukuthi bonke abantu ababuthakathaka - ikakhulukazi abantu abadala, abesifazane nezingane - bavikelekile odlameni nasekuhlukunyezweni.
5.3. Isigameko sakamuva samantombazane amabili aneminyaka eyisishiyagalombili ubudala (angamawele) aseMpumalanga, okusolwa ukuthi ebehlukunyezwa ngubaba wabo, siyaphazamisa kakhulu futhi siyakhathaza.  Enye yamantombazane ibike ngalesi sehlakalo kuthisha wayo esikoleni futhi kumele sincome indlela isikole esisukume ngayo okuholele ekuboshweni komsolwa. Njengesizwe esihlonipha umthetho futhi esithanda ukuthula, kumele sonke sibambane ekukhuzeni lobu bugebengu obusabekayo ngendlela engenazwelo ebafanele.

6. Inkululeko yabezindaba

6.1. Iminyaka engama-43 yenkululeko yabezindaba, eyaziwa ngelokuthi yi-Black Wednesday eNingizimu Afrika, yakhunjulwa ngoMsombuluko, mhla we-19 Mfumfu 2020. Lolu suku lusikhumbuza ukubaluleka kwenkululeko yokukhuluma ngokukhululeka ekusomqulu wamalungelo, okubandakanya, inkululeko yabezindaba njengengxenye ebalulekile, kuntando yeningi yomthethosisekelo. 
6.2. Usuku Lwenkululeko Yabezindaba iluphawu lokuvinjelwa kwamaphephandaba amaningi nokuboshwa kwabahleli bawo mhla ziyi-19 Mfumfu 1977 ngamaphoyisa esikhathi sobandlululo, ngenxa yokuthi adalula unya olwalwenziwa umbuso wengcindezelo. Abezindaba basaqhubeka nokubamba iqhaza elibalulekile ekujabuliseni, ekufundiseni kanye nokulethela umphakathi ulwazi, kanye nokuchaza ngezici zempilo zenhlalo nomnotho kanye nepolitiki.
6.2. Abezindaba basalokhu bebaluleke kakhulu ekubambisaneni nabo ukuqinisa ukubusa ngentando yeningi nokugqugquzela amalungelo omthethosisekelo ezakhamuzi zakithi. Inkululeko yokwenza umsebenzi wabo uza nesibophezelo sokuqinisekisa ukuthi babika ngokulunga nangendlela efanele zikhathi zonke.
6.3. IKhabhinethi ihlonipha zonke izintatheli ezalahlekelwa izimpilo zazo ngezikhathi ezinzima ze-COVID-19, futhi iyazinikela ukuhlonipha nokuphakamisa inkululeko yokukhuluma, okubandakanya inkululeko yabezindaba ezweni lethu.

7. Izivivinyo zokuphela konyaka

7.1. IKhabhinethi lifisela isigidi esi-1 058 699 (isigidi esisodwa nezinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nesishiyagalombili namakhulu ayisithupha namashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye) sabafundi beBanga le-12 inhlanhla njengoba beqala ukulungiselela izivivinyo zokugcina okulindeleke ukuthi ziqale mhla wesi-5 Lwezi 2020 zize ziphele mhla we-15 Zibandlela 2020.  Kulo nyaka uMnyango Wemfundo Eyisisekelo ubhalise inani eliphezulu kakhulu labafundi beBanga le-12 abazobhala izivivinyo zabo zokugcina.
7.2. Kulandela ukuphazamiseka konyaka kwezemfundo ngenxa ye-COVID-19, iKhabhinethi inxusa bonke abazali nabanakekeli ukuthi beseke izingane zabo ngalesi sikhathi esibalulekile. Ikilasi likamatikuletsheni langowezi-2020 liyanxuswa ukuthi lisebenzise izinsizakufunda ezihlinzekwe nguhulumeni ngokusebenzisa umkhankaso obizwa nge-Woza matrics 2020 Catch-Up Campaign (ezitholakala ku- wozamatrics.co.za kanye naku- #Wozamatrics) ukuzilungiselela izivivinyo zalo zokuthola Isitifikethi seBanga le-12 Kuzwelonke.

B. Izinqumo zeKhabhinethi

1. Ukwesekwa kwemboni yalapha ekhaya yetshensimbi (i-ferrochrome)

1.1. IKhabhinethi ikuvumile ukungenelela okuningi ukuze kusekelwe ukukhiqizwa kwe-ferrochrome lapha ekhaya kanye nomkhakha wamanani ayo entengo. Izindlela zokungenelela zibandakanya ukwethulwa okuhlongoziwe kwentela yemikhiqizo ethunyelwa kwamanye amazwe yetshe lensimbi i-chrome, ukusetshenziswa kwamandla obuchwepheshe obufanele uma kwenziwa insimbi, kanye nokwamukela ubuchwepheshe bokusebenzisa ukushisa ukuphehla ugesi kanye nokuziphehlela ugesi.
1.2. Umkhakha walapha ekhaya we-ferrochrome ungumkhiqizi omkhulu kakhulu emhlabeni we-ferrochrome futhi iwona kuphela umkhiqizi wensimbi. Iwona umphakeli omkhulu wensimbi embonini yezimoto. Izingenelelo ezihlongoziwe zaqoqwa ndawonye ithimba lomsebenzi elihlanganisa iminyango Yezimbiwaphansi Nezamandla, Wezohwebo, ezeziMboni Nokuncintisana, Wezamabhizinisi kaHulumeni kanye noMnyango Wezezimali Kuzwelonke.

2. Inqubomgomo Yentsha Kuzwelonke (i-NYP): 2020-2030

2.1. IKhabhinethi iyivumile i-NYP 2020-2030 yesithathu ebuyekeziwe, okuyinqubomgomo yemikhakha ehlukene eyasungulwa ngabamele iminyango kahulumeni, izinhlangano zomphakathi, izikhungo zemfundo ephakeme kanye nezinhlangano zamabhizinisi. Ingena esikhundleni se-NYP 2015-2020, ezophelelwa isikhathi ekupheleni kukaZibandlela 2020.
2.2. Inqubomgomo ihlongoza okuseqhulwini okuhlanu: (1) imfundo yohlobo oluphambili, amakhono kanye namathuba esibili; (2) inguquko kwezomnotho, ukusungulwa kwamabhizinisi nemisebenzi; (3) ukugqugquzela impilo ngokomzimba nangokwengqondo, kubandakanya ne-COVID-19; (4) ubumbano lomphakathi nokwakhiwa kwesizwe, kanye (5) nezindlela ezisebenzayo zokuthuthukisa intsha.

3. Uhlelo Lukazwelonke Lwabantwana (i-NPAC): 2019 kuya ku-2024

3.1. IKhabhinethi iyivumile i-NPAC yesine, eyenza ukuthi kusebenze isibopho sezwe kuMbuthano waMazwe Abumbene (i-UN) Ngamalungelo Engane kanye noSomqulu wase-Afrika ophathelene namaLungelo kanye Nenhlalakahle.
3.2. Uhlelo lweminyaka emihlanu luchaza iqhingasu lokuseqhulwini kanye nokuqalisa ukusebenza kwezindlela zokuvikela nokuqondisa ngqo amalungelo ezingane. Uhlelo luqondaniswe noHlaka lwamaQhinga Lwesikhathi Esimaphakathi oluchaza izinyathelo uhulumeni azozithatha futhi ahlose ukuzizuza ngesikhathi sokhetho. Luzoqaliswa ukusebenza lusebenzisana nezinhlangano zomphakathi.
3.3. I-NPAC nayo izosebenza njengohlaka ukuhlinzeka ngemibiko yenqubekelaphambili yezwe Ekomidini lase-Afrika Lezingcweti Zamalungelo neNhlalakahle Yengane kanye Nekomidi le-UN Lamalungelo Engane.

4. Ukuqaliswa kokuhlolwa koMthetho Wabantu Abadala wangowezi-2006

4.1. IKhabhinethi iwuvumile umbiko wokuhlola owawugunyazwe ekuqaliseni kokusebenza koMthetho Wabantu Abadala, wangowezi-2006 (Umthetho we-13 wezi-2006).  Izincomo ezihlongoziwe ekuthuthukiseni ukulandela iziqondiso zoMthetho Wabantu Abadala wangowezi-2006 sezithunyelwe emnyangweni ofanele.
4.2. Umbiko ungatholakala kuwebhusayithi yoMnyango Wezokuhlela, Ukuqapha nokuHlolwa (www.dpme.gov.za).

5. UMqondisi-Jikelele (u-DG) weNhlangano Yezohwebo Emhlabeni (i-WTO)

5.1. IKhabhinethi iyakweseka ukuqokwa kuka-Dkt Ngozi Okonjo-lweala njengo-DG weNhlangano Yezohwebo Emhlabeni (i-WTO). Ngaphambilini usesebenze njengoNgqongqoshe Wezezimali wase-Nigeria futhi wasebenza njengoMqondisi Ophethe weBhange Lomhlaba. Oqokiwe uphinde wesekwa ngoNgqongqoshe base-Afrika Bohwebo abaholwa ngusihlalo uNgqongqoshe u-Ebrahim Patel.

IKhabhinethi lifisela u-Dkt Okonjo-lweala okuhle futhi lilangazelele i-WTO ebeka intuthuko njengephuzu elibaluleke kakhulu ohlwini lwayo futhi efaka isandla ekuvuseleleni umnotho emva kwe-COVID-19. Uma ephumelela kumzuliswano olandelayo wokuhlunga owenziwa i-WTO, uzoba ngowokuqala wase-Afrika futhi nowesifazane wokuqala ukuthi akhethwe kulesi sikhundla se-WTO DG.

C. Imiyalezo

1. Ukuhalalisa

1.1. IKhabhinethi ihalalisela uNgqongqoshe woMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi uLindiwe Zulu ekuqashweni kwakhe njengoSihlalo we-Partners in Population and Development (i-PPD), kusuka ngowezi-2021 kuya kowezi-2023. I-PPD ilumbimbi lwamazwe asathuthuka angama-27 asebenzisana ukuthuthukisa ukusebenzisana kwamazwe asathuthuka aseNingizimu yomhlaba ngenani labantu ezweni kanye nentuthuko, impilo ephelele yabantu kanye nokulingana ngokobulili.  INingizimu Afrika ithathe izintambo kosihlalo abedlule, i-China kanye ne-India.

2. Amazwi enduduzo

Ikhabhinethi idlulisa amazwi enduduzo kulaba:

2.1. umndeni nabangani baka-Dkt Vuyokazi Mahlati, owayenguSihlalo we Phaneli Eleluleka uMongameli Ngezinguquko Kwezomhlaba Nezolimo. Wayesebenza isikhathi sakhe sesibili kuKhomishana yoKuklama yeZwelonke.
2.2. umndeni nabangani bakaKhomishana Wezicelo Zomhlaba eNtshonalanga Kapa, uNks Beverly Jansen, owayephethe isibani emzabalazweni wethu nobandlululo futhi wabamba iqhaza elibalulekile empumelelweni yezicelo zomhlaba zomphakathi ezweni lonkana.
2.3. umndeni, abangani nabebesebenza nePhini likaSihlalo weKhomishana Yamalungelo Abantu eNingizimu Afrika, iNxusa u-Devikarani Priscilla Jana, owayengummeli ovelele nonesibindi wamalungelo abantu owayezinikele ngomsebenzi wakhe ukulwa nombuso wengcindezelo. UMongameli u-Ramaphosa umunike Umngcwabo Okhethekile Wesifundazwe: Esigabeni sesiBili.
2.4. umndeni, abangani kanye nozakwabo kwabezindaba abebesebenza noMnu Dumisane Lubisi, obengumhleli omkhulu wephephandaba i-City Press. Wayezinikele ekuqinisekiseni ukuthi ubuningi bamazwi buyasekwa ezweni lethu.
2.5. umndeni, abangani nabebesebenza neLungu lePhalamende (i-MP), uNks Dorah Dunana Dlamini, owaba ilungu lePhalamende lesithupha emva kokhetho lwangowezi-2019. Usebe ilungu leSishayamthetho Lesifundazwe saKwaZulu-Natali phakathi kowezi-2014 kanye nowezi-2019 ngaphambi kokuthi asebenze Endlini Yesishayamthetho Sikazwelonke.
2.6. umndeni, abangani nabebesebenza noMnu Zamuxolo Joseph Peter, owaba ilungu lePhalamende lesithupha emva kokusebenza imisebenzi eminingi, kubandakanya njengokuba uSodolobha Omkhulu kuMasipala wendawo waseMakana eMpumalanga Kapa.
2.7. umndeni, abangani nabebesebenza neLungu lePhalamende, u-Adv Hishaam Mohamed, owaba ilungu lePhalamende lesithupha emva kokhetho lwangowezi-2019, emva kokusebenza isikhathi eside njengomphathi wesifundazwe kuMnyango Wezobulungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo eNtshonalanga Kapa.
2.8. umndeni, abangani nabebesebenza neLungu lePhalamende, uNks Thandi Gloria Mpambo-Sibhukwana, owaba ilungu lePhalamende lesithupha endlini Yesishayamthetho Sikazwelonke, emva kokusebenza njengenxusa laseNtshonalanga Kapa kuMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe ngesikhathi sePhalamende lesihlanu. Wasebenza iminyaka eminingi njengothisha ngaphambi kokuba iLungu lePhalamende.

3. Abaqashiwe

Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.

1. IBhodi yaBathengisi Bedayimane Lombuso:
a. Nks Monica M Ledingwane (uSihlalo);
b. Nks Faith T Mokwena;
c. Mnu Levy G Rapoo; kanye no
d. Nks Mpho Mosing.

2. IBhodi laseNingizimu Afrika Labalawuli beDayimane Nezinsimbi Eziyigugu:

a. Mnu Morake Abiel Mngomezulu (uSihlalo);
b. Mnu Yershen Pillay;
c. Nks Kanyisa Macingwane;
d. Nks Mpho Mosing;
e. Nkz Phydelis Zikalala-Mvelase;
f. Mnu Warren Wayne Adams; kanye no
g. Mnu Ernest Blom.

3. Amalungu angewona abaphathi eBhodi elilawula Ezezitimela eNingizimu Afrika:

a. Mnu Leonard Ramatlakane (uSihlalo);
b. Adv Smanga Sethene;
c. Mnu Matodzi Mukhuba;
d. Nks Boitumelo Mokgoko;
e. Mnu Dinkwanyane K Mohuba;
f. Dkt Alison E Lewis;
g. Nks Nosizwe Nokwe-Macamo;
h. Nks Thinavhuyo N Mpye;
i. Abamele uMnyango Wezokuthutha
j. Abamele uMnyango Wezezimali; kanye
k. Nabamele iNhlangano Yohulumeni Basekhaya eNingizimu Afrika.

4. Ibhodi labaQondisi le-Onderstepoort Biological Products (i-SOC) Limited:

a. Nks Rene A Kenosi (uSihlalo);
b. Slwz Khathutshelo A Nephawe;
c. Nks Nona N Sonjani;
d. Mnu Lufuno Nematswerani;
e. Nks Kribashni Naidoo; kanye no
f. Mnu Luvuyo Mabombo.

5. Mnu Pieter Uys Pretorius njengePhini lika-DG (u-DDG): ku-Corporate Services kuMnyango Wokwengamela Ngokubambisana Nezendabuko.

6. Nks Nonhlanhla Patience Mkhize njengo-DDG: Ezinhlelweni Zezemvelo kuMnyango Wezemvelo, Amahlathi Nokudoba.

7. Ummeli u-Martin Mothusi Mafojane njengoMabimafa Omkhulu kuMnyango Wezobulungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo.

8. Mnu Nakampe Joseph Mogale njengo-DDG: Ekuphathweni kwezomsebenzi eHhovisi leJaji Elikhulu.

9. Mnu Livhuwani Tommy Makhode njengo-DG woMnyango Wezasekhaya.

Imibuzo:
Nks Phumla Williams – uMkhulumeli weKhabhinethi
Iselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore